autodealer pages

2
Contact us: Colleen: 031 - 716 4419 [email protected] Lisinda: 031-716 4451 [email protected] 24 January 2014 Ababhali bezezimoto motors I mikhiqizo yakwaVolvo iya ngokubangcono njengoba neminyaka iqhubeka nje. Umangabe uzimisele ngokuthatha uhambo uzungeza kwelaseNingizimu-Afri- ka, kunezinhlobo ezingama-30 ongakhetha kuzo. Kulezi zinhlobo kubalwa kuzo i-T5 yona engingasho ukuthi yinhle ngokwed- lulele uma iqhathaniswa nezinye izimoto ezike zakhiqizwa yinkampani yakwaVolvo. Ingehamba phambili, yinhle futhi yakhiwe ngoba kunesidingo. I-T5 inamasondo awuhlobo lwe-18 inch adle ngokuba mahle. Iphinde futhi ibe nesiteringi esihle nesisebenza kahle. Lomkhiqizo wakhiwe ngokuhlanganyela nomshayeli wezimoto zomjaho u-Robert Dahlgren. Yehliswe ubude ngo-10mm uma iqhathaniswa nezinye, yaphinde futhi yakhi- wa kokwehlukile ukunika umshayeli ithuba lokuthokozelela ukuba phakathi kuyo. Inamandla ka-187kW, ibe netorque ka-350Nm. Ikwazi ukuhamba iqale ku 0-100km/h emasekhondini angu-6,7 nje ku- phela. Engikuthanda ngemikhiqizo emisha yakwaVolvo okubalwa kuyo nayo i-V40 T5 ukuthi kuhlelwe kahle ngaphambi kokuba yakhiwe, mihle futhi akuzanywanga kakhulu ukuba iphume phambili. Okunye futhi ngayo ukuthi iyavikela. Engikuthandayo futhi ngayo ukuthi inezinhlelo zamabhuleki nezisebenza ngokulindelekile, inomshini wokugwema izingozi nokwazi ukusebenza naku- 50km/h. Lemoto iyasiza ukuthi umshay- eli agxile emzileni owodwa. Kuphinde kubekhona umshini okwazisayo uma imoto isisondele kakhulu emgqeni ohlukanisa imizila nomangabe isizowushintsha. Lomshini usebenza uma umshayeli ehamba ngesivinini sika-65km/h kuya ku-200km/h. Ingeyokuqala kwezakwaVolvo ukuba ibe nomshini okusiza uku- bonise nasemaceleni lapho ku- hamba khona imoto, iphinde futhi ibe nomunye umshini otshengisa izimoto eziyilandelayo ngamamitha angama-70. Kuningi okuthola kuyo nokuwusizo. Iphinde futhi yazise umshayeli uma kukhona izimoto ezidlulayo neziqhamukayo, nomangabe ephuma endaweni yokupaka. Lokhu kuyasiza, ikakhulukazi ezindaweni eziminyene. Iqukethe okuningi impela. Ukuthola konke lokhu ngenani lika- R406,000. Volvo V40 T5 R-Design Inamandla I-Volvo V40 T5 R-Design

Upload: marc-russell-abbott

Post on 08-Apr-2016

218 views

Category:

Documents


5 download

DESCRIPTION

Weekly Autodealer Pages

TRANSCRIPT

Page 1: Autodealer Pages

Contact us: Colleen: 031 - 716 4419 [email protected] Lisinda: 031-716 4451 [email protected]

24 January 2014

Ababhali bezezimoto

motors

Imikhiqizo yakwaVolvo iya ngokubangcono njengoba neminyaka iqhubeka nje.

Umangabe uzimisele ngokuthatha uhambo uzungeza kwelaseNingizimu-Afri-ka, kunezinhlobo ezingama-30 ongakhetha kuzo. Kulezi zinhlobo kubalwa kuzo i-T5 yona engingasho ukuthi yinhle ngokwed-lulele uma iqhathaniswa nezinye izimoto ezike zakhiqizwa yinkampani yakwaVolvo. Ingehamba phambili, yinhle futhi yakhiwe

ngoba kunesidingo.I-T5 inamasondo awuhlobo lwe-18

inch adle ngokuba mahle. Iphinde futhi ibe nesiteringi esihle nesisebenza kahle. Lomkhiqizo wakhiwe ngokuhlanganyela nomshayeli wezimoto zomjaho u-Robert Dahlgren. Yehliswe ubude ngo-10mm uma iqhathaniswa nezinye, yaphinde futhi yakhi-wa kokwehlukile ukunika umshayeli ithuba lokuthokozelela ukuba phakathi kuyo.

Inamandla ka-187kW, ibe netorque ka-350Nm. Ikwazi ukuhamba iqale ku 0-100km/h emasekhondini angu-6,7 nje ku-

phela. Engikuthanda ngemikhiqizo emisha yakwaVolvo okubalwa kuyo nayo i-V40 T5 ukuthi kuhlelwe kahle ngaphambi kokuba yakhiwe, mihle futhi akuzanywanga kakhulu ukuba iphume phambili. Okunye futhi ngayo ukuthi iyavikela.

Engikuthandayo futhi ngayo ukuthi inezinhlelo zamabhuleki nezisebenza ngokulindelekile, inomshini wokugwema izingozi nokwazi ukusebenza naku-50km/h. Lemoto iyasiza ukuthi umshay-eli agxile emzileni owodwa. Kuphinde kubekhona umshini okwazisayo uma imoto isisondele kakhulu emgqeni ohlukanisa imizila nomangabe isizowushintsha. Lomshini usebenza uma umshayeli ehamba ngesivinini sika-65km/h kuya ku-200km/h.

Ingeyokuqala kwezakwaVolvo ukuba ibe nomshini okusiza uku-bonise nasemaceleni lapho ku-hamba khona imoto, iphinde futhi ibe nomunye umshini otshengisa izimoto eziyilandelayo ngamamitha angama-70. Kuningi okuthola kuyo nokuwusizo.

Iphinde futhi yazise umshayeli uma kukhona izimoto ezidlulayo neziqhamukayo, nomangabe ephuma endaweni yokupaka. Lokhu kuyasiza, ikakhulukazi ezindaweni eziminyene.

Iqukethe okuningi impela. Ukuthola konke lokhu ngenani lika- R406,000.

Volvo V40 T5 R-Design

Inamandla I-Volvo V40 T5 R-Design

Page 2: Autodealer Pages

Road Report EdEndalE EyEthu 24 January 20142

INitro Circus yathokozelelwa kakhu-lu kwagcina ngokuba kuthengwe wonke amathikithi ayo ngesikhathi

iseLas Vegas. Kwenzeka okufanayo e-Europe, Australia, nangonyaka ka-2011 eNew Zealand, lomcimbi uthengisa am-athikithi ukwedlula owe-AC/DC ne-U2.

NgoFebhruwari kuzokube kungo-kokuqala lomcimbi ubanjelwe eNin-gizimu-Afrika. Kuzokube kukhona abazonandisa nasebenesipiliyoni esanele, besebenzisa okuningi ukutshengisa nga-

makhono abo.Loluhlelo lwasungulwa uTravis Pas-

trana, yena osanqoba igolide amahlandla ayishumi kwi-Freestyle Motocross. Lapha eNingizimu-Afrika lomcimbi uzobonakala ezindaweni ezintathu okubalwa kuzo iKapa mhlaka 15 Febhruwari, enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida eThekwini mhlaka 19 Febhruwari kanye naseGoli e-FNB Stadium mhlaka 22 Febhruwari. Inani lamathikithi uR180.

Amathikithi ayatholakala eBig Concerts, e-Computicket, ungaphinde uwathole futhi ngokungena ku: www.nitrocircuslive.co. UMgqugquzeli weNitro Circus uMike Porra uthi, “Lomcimbi awufani neminye abantu abayihambe-layo. Engikwaziyo nje ukuthi bazobhema bakholwe uma sebezibonela ithalente labazotshengisa ngamakhono abo,” kusho uPorra.

Kuzobonakala imidlalo emisha nezo-kushiya umangele.

Ngesikhathi kunomcimbi weDe-troit wakulonyaka wokwethulwa kwezimoto, kwathulwa entsha

i-STi Subaru yona eyimoto enezicabha ezine, enamandla ka-225kW futhi enamandla ongeke uwakholwe.

Ngidumele njengoba abakwaSubaru bengazange baveze ulwazi olwanele ngayo nekuqukethe. Engingakusho ngayo ukuthi ingaphakathi layo alifani nelezinye izimoto zona ezibukeka sengathi ngezeminyaka yo-1990. Sesaphela isikhathi sokuba kufakwe izinto eziqine nokwedlulele ezimotweni.

Ozokubona kulemoto ukuthi inga-phakathi layo lintofontofo, okubalwa nendawo yokubeka izingalo nodeshi-

bhoksi. Okunye futhi ngayo ukuthi iquke-the umshini okutshela kabanzi ngohambo. Inekhamera, nomshini okutshengisa konke njengoba kunjalo. Uphinde futhi uthole um-sakazo odlala ngokwehlukile. Ngaphakathi lemoto ihamba phambili.

Okumele ukwazi ngayo futhi i-STi ukuthi isiteringi sayo siyashesha futhi inezinhlelo ezintathu zokushayela ne-ABS. Nenjini yayo futhi isebenza kahle, kanye nogiyabhoksi. Lomkhiqizo ubaliwe lapha eNingizimu-Afrika, ukwethulwa kwawo kusazoqinisekiswa, kanjalo namanani awo.

Nomangabe kungenzekani, engikwaziyo nje ukuthi i-STi izokunika umuzwa wo-kuthakaselela ukushayela.

I-Detroit yakulonyaka

Isifikile iNitro Circus