ezempilo health matters - zulu - february 2013 · njengomphakathi kumele sibambe iqhaza...
TRANSCRIPT
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving HopeUkulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
NhlolaNja • 2013
mahhala
UkUqwashisa
Ngama
HLANGANANI ukuze kubuyIswe IzImILo
EZEMPILO E-KZNAMANYE AMA-AMBULENSI
ISONTO LOKUQWASHISA
NGOKUKHULELWA
uthi bewazi
Zivikele weNa kUNgaZe kUbe semUva kweNdaba!
iZiFO eZiNiNgi eZiThaThelwaNa NgOkOCaNsi aZikhOmbisi ZimPawU
Uma siyekwa singelashwa singaholela ezinkingeni ezinkulu zempilo
ungaba nesifo socansi kepha ungazi ukuthi unaso
...PhoUlINDENI?
hamba
uyohlola khona
namuhla bese
uyelashwa
BAMBA IQHAZA NGEMPILO YAKHO YEZOCANSI, GWEMA AMA-STI’S✓ Yiba nomlingani oyedwa ✓ Sebenzisa ikhondomu – yehlisa izinga lokubhebhetheka kwama-STI’s ✓ Hamba uyohlola bese ugqugquzela umlingani wakho ukuba naye aye kohlola ✓ Khululeka nje usho ukuthi CHA ocansini olungenakhondomu.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Umyalezo ovela kudkt. sibongile Zungu, iNhloko yomnyango wezempilo e-kZN
Inyanga kaNhlolanja iyinyanga ehehayo ngoba sigxila empilweni yokuzala, izifo ezithathelana ngokocansi kanti futhi iyinyanga yothando. Njengomsebenzi wezempilo, umama kanye
neNhloko yoMnyango WezeMpilo zonke lezi zinto zikhomba into eyodwa: ukwenza ngendlela efanele kwezocansi. Kwephula umoya ukufunda izindaba ezikhuluma ngamantombazane amancane kanye nabantu abadala abadlwengulwa mihla namalanga manje. Sebushonephi ubuntu kithina ngoba siyafunda ngalezi zindaba kepha bese siqhubeka nempilo kube sengathi akwenzekanga lutho?
Nakuba njengoMnyango simelwe ukuba sihlinzeke ngezidingo zezempilo kepha sonke njengomphakathi kumele sibambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi sigqugquzela ukuvikela izifo emindenini kanye nasemiphakathini yethu. Ukukhuthaza ukuvikela kunokwelapha – futhi kuqala ekhaya.
Ngokwenzenjalo kuzoba nohlelo lwezempilo olukwazi ukuhlinzeka wonke umuntu ngoba sisebenza ngokubambisana ekwakheni imiphakathi ephilile. Njengamanje enye yezinselelo ezinkulu esibhekene nazo eyokucaza izinsiza.
Nakuba kungaba yibhaxa lokungadlulisi izidingo kwezinye izindawo kepha kubalulekile ukuqonda ukuthi izidingo zezempilo ziningi zedlula izinsiza ezikhona. Labo abamemeza kakhulu bafuna okukhulu – bese kuthi labo ababekezelela imikhawulo ekhona bayakwazi ukuxolela.
Akumele kube njalo. Akumele sivumele umkhakha wezempilo ube yithuluzi lokuhlukanisa imiphakathi lapho abanye bephathwa kangcono kunabanye ngoba nakhu bekwazi ukukhuluma isiNgisi. UMnyango wezeMpilo uzibophezele ekudluliseni uhlelo olungabandlululi muntu ngalokho esinakho. Kungukwabelana ngezingcezu zekhekhe kepha siqinisekise ukuthi wonke umuntu uthola okuthile kunokungatholi lutho.
Yincazelo elula nje kepha iveza isimo sethu. Akukhona ukufisa koMnyango ukugodla izinsiza, abahlengikazi nodokotela sibe sazi ukuthi sikhulu isidingo sabo. Iqiniso ukuthi sidinga ukwaba ngokulinganayo. Ukuthi labo abadinga kakhulu abamemezi kuzwakale akusho ukuthi kumele banganakwa kepha kunakwe laba abamemeza kakhulu.
Ziningi izinselelo esibhekene nazo ngakho-ke ngicela sibambisane kule ndlela esiyihambayo.
Siyophumelela futhi sinqobe zonke izingqinamba uma sibambisene. Uma sehlukene siyolahlekelwa yikho konke
esakulwela futhi ngeke sikuvumele lokho. Hhayi uma sisaphila.
NHLo
LANj
A 20
13 ngaphakathi
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
DERICK MATSENGARWODZI
THEMBA MNGOMEZULU
SARA AULD
DR GUGU MAZIBUKO
Sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! P O Box 25439, Gateway, 4321, UCINGO-031 825 6790. I-EMAIL: [email protected] ILUNGELO LOBUNIKAZI
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo… Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
Zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni uMnyango Wezempilo Wase-KZN, uMasipala WasEthekwini noma Ezempilo Health Matters
PregNaNCy sTis kZN healTh healTh bOOsT
IsoNTo LokukHuLeLwAUkuhlelela wena kanye nengane yakho
IzINsuku zIkANHLoLANjA zokuQwAsHIsA NGezemPILo
AmAkHoNDomu kANye NAmA-sTIUngabheki inhlanhla empilweni yakho!
ezemPILo e-kzNAma-ambulensi amaningi emgwaqeni, ezakamuva
ubuHLuNGu beNDLebeOkumele ukwenze uma ingane yakho inabo
INHLALo eNemPILoIzindlela ezilula ezi-5 zokulekelela impilo yakho
umFANekIsoUkubhukha kusenesikhathi kuphephisa impilo, funda konke ngakho!
NGembobo kAkHIyeIsiBhedlela saseNorthdale situswa ngempatho yaso esezingeni eliphezulu!
isiqONdisO sakhO sO
UkUvikela
Fundisa izingane ukusula kepha zingafinyi uma
zinomkhuhlane.
Musa ukuncelisa ingane ibhodlela – uma kumele
uyincelise ibhodlela, musa ukuyincelisa ilele
ibheke phezulu ngoba ubisi lunganyuka luye ekhaleni bese
kuqala ubuhlungu bendlebe.
Yiba nesiqiniseko sokuthi ingane
yakho igonyiwe.
Gqugquzela umndeni wakho ukuba uhlanze izandla ngokuvamile –
lokhu kusiza ekwehliseni ukugula ngamaphesenti
angama-75%
Ubani othintekile? Ubuhlungu bendlebe buyinto ejwayelekile ezinganeni ezincane futhi buqala ngomkhuhlane noma ukucinana emakhaleni. Ingane ingaba nemfiva futhi ihlikihle noma idonse indlebe. Ezinganeni ubuhlungu bendlebe bungaholela ekukhishweni yisisu, ngakho-ke qiniseka ukuthi uyazibheka izindlebe zengane ekhishwa yisisu. Kujwayeleke ukuba kube sezinganeni ezincela ibhodlela, ezinezinyanga ezingaphansi kweziyisithupha. Yingakho kubalulekile ukuba ingane uyincelise ubisi lwebele ezinyangeni zokuqala eziyisithupha ngaphandle uma uyalelwe abezempilo ukuba ungayincelisi ingane ibele ngenxa yezizathu zempilo.
Ukuthola kusenesikhathi kuphephisa impilo Igciwane lidala ubuhlungu bendlebe okulula ukubelapha. Izindlebe ezibuhlungu ezingalashiwe zingaholela kwezinye izinkinga zempilo, ngakho-ke kubalulekile ukuvakashela umtholampilo oseduzane uma ubuhlungu bendlebe bedlulela.
IzImpawu zobuhlungu bendlebe enganenI✓ Ukudonsa indlebe noma izindlebe
✓ Ukungabi nasineke kanye nokukhala
✓ Ukuba nenkinga yokulala
✓ imfiva
✓ Uketshezi oluphuma endlebeni
✓ Ukungazinaki noma ukungabhalansi kahle
✓ inkinga yokuzwa noma ukuphendula imisindo ephansi
kwelaPha UmkhUhlaNe kaNye NOkUvikela UkUPhaThwa yiNdlebe eZiNgaNeNi Isifundo sengunaphakade Ugogo uNtombi uyazi ukuthi umkhuhlane nokukhwehlela akumele kunganakwa. Kuyizimpawu zokuqala okumele zithathelwe izinyathelo, lokhu ukubone ngomzukulu wakhe. “Uma unengane enezinyanga ezingaphansi kweziyisithupha njengomzukulu wami, ukuphathwa umkhuhlane kumele kuyelwe emtholampilo.
Vakashela umtholampilo ngazo zonke izikhathi omiselwe zona ungaphuthi. Kubalulekele wena kanye nengane yakho.
isONTO lOkUkhUlelwa
uNhlolanja 10 -16
10uNHLoLANjA
Konke okumele ukwazi!
Ukhulelwe. Noma ngabe wawuhlelile noma
wawungahlelanga kepha kumele ubambe iqhaza empilweni yakho kanye
neyengane yakho. qiniseka ukuthi uyakwazi okumele
ukwenze.
✓ikhanda elikuphathayo libuye likuyeke
✓izinhlungu okungathi yisilumo.
✓Ukuzwa isisindo sokuphusha kwekhanda lengane emanyongeni.
✓izindlela [kungabonakala uketshezi olumhloshana oluphuma enkomeni, kwesinye isikhathi luba negazi).
✓amanzi angaqhuma – lokho kusho ukuthi ingane isikulungele ukuphuma.
✓Uma ususikwa ngempela izinhlungu ziza ngamandla futhi zisondelane.
qaPhela! kubalulekile ukuthi uvakashele umtholampilo oseduzane ngaleso sikhathi ukuze baqinisekise ukuthi usuyasikwa ngempela yini noma cha.
Ekupheleni kokukhulelwa, ngokujwayelekile ezinyangeni eziyisi-9 uzosikwa – lokho kusho ukuthi ingane isiyeza. Nazi izimpawu okumele uziqaphele:
Ubungozi ekUkHUlelweNI
lokhu akumele kwenzeke uma ukhulelwe,
uma kwenzeka kumele uphuthume
emtholampilo noma esibhedlela
esiseduzane:-
✗Ukopha ngesikhathi ukhulelwe ✗akumele
ingane yakho iyeke ukukhahlela ✗Ukuqhuma
kwamanzi ungakabi nezinyanga eziyisi-9
ukhulelwe ✗ikhanda elingapheli
elihambisana nokungaboni kahle
✗isiyezi.
imithi ngesikhathi ukhulelwe Qaphela ungasebenzisi imithi ongayalelwanga odokotela ngayo ngoba ingabeka ingane yakho engozini, okubandakanya izihlambezo.
UkUkhUlelwa OkUNemPilO Ingane yakho kumele iqale ukukhahlela ezinyangeni eziyisihlanu, kaningana ngosuku. Zama ukuqaphela ukukhahlela kwayo ukuze ukwazi ukuzwa uma kuba noshintsho. Njengoba ingane ikhula iba nkulu, futhi yehla esiswini ikhanda lengane liphusha amathambo bese uqala uzizwa ungakhululekile, lokhu kwejwayelekile.
Ukudla okunempilo kwakho nengane yakho• Noma ngabe yini oyidlayo iba nomthelela enganeni
yakho, ngakho-ke kubalulekile ukudla ukudla okunempilo ukuze ube nengane ephilile.
• imifino nezithelo kubalulekile ukuze kukuvikele ezifweni. inyama/ ubhontshisi/inhlanzi, nokunye kubalulekile ekwakheni imisipha kanti nengane izokuthola kuwe lokhu.
• Ukuphuza amanzi amaningi.
Uwuqala nini umtholampilo wabakhulelwe?Uma weqiwa yisikhathi izinyanga ezimbili kumele uye
emtholampilo. Bayoqinisekisa ukuthi ngabe ukhulelwe yini,
uma kunjalo bayobe sebekubhukhela. Kuphephile ukuqala
kungakabi yizinyanga ezintathu.
kubaluleke ngani ukuthi uqale umtholampilo kusenesikhathi?Ukuqinisekisa ukuthi wena kanye nengane yakho niphilile
futhi niphephile ngokubheka umlando wempilo yakho.
Uma kukhona umlando wezinkinga ekukhulelweni –
kwenziwa imingenelelo ngokukhulu ukushesha ukuze
ngesikhathi usubeletha uphephe kanye nengane yakho. Uma
unegciwane lesandulela ngculaza likhona ithemba lokuthi
ungabeletha ingane engathelelekile, okwenza kubaluleke
ukuba ubike kusenesikhathi emtholampilo.
Yini ongayilindela emtholampilo?Bayohlola umfutho wegazi; umchamo, isisindo, - konke
kubhekwa ukuthi azikho yini izifo ezingakhubaza wena noma
ingane yakho. Amagazi athathelwa ukubheka
izifo ezinjengogcunsula noma igciwane lesandulela
ngculaza.
iZimPawU ZOkUsikwa
FebRuARy
10
FebRuARy
4NhlolaNja
Inhloso yalo mkhankaso ukugqamisa
ukubaluleka kokuzala okunempilo kanye
nokumele kwenziwe. Lenyuke kakhulu
izinga lokukhulelwa kwabantu abasha kanti
ukufundisa abantu abasha ngokuqikelela
kwezocansi kuqala ekhaya. Ukufa kwemidlezane
kungehliswa ngokuthi omama basheshe
baye emtholampilo ezinyangeni ezintathu
zokuqala bekhulelwe bese beqinisekisa
ukuthi baya njalo emitholampilo. Ukuphepha
kwezocansi kuyokwenza omkhulu umehluko
esizukulwaneni esizayo kepha kuqala manje.
Inyanga yokuzALA NGokuNemPILo
Inyanga kAzweLoNke
yokuQwAsHIsA NGemPILo eNHLeuNhlolanja umenyezelwe njengenyanga
yokuqwashisa ngokuphila impilo enhle,
okuyindlela kahulumeni yokuqinisekisa
ukuthi bonke abantu baseNingizimu afrika
bayayinakekela impilo kanye nenhlalo. iningi
labantu baseNingizimu afrika likhuluphele
ngokweqile, ngakho-ke le nyanga igqugquzela
wonke umuntu ukuba abambe iqhaza kule
miyalelo emihlanu yokuphila ngendlela okuyiyo:
✓Ukugqugquzela ukudla ngendlela efanele
nokuzivocavoca
✓Ukulawula ukubhema
✓imingenelelo ekulweni nophuzo oludakayo
kanye nezidakamizwa
✓Ukugqugquzela ukuphepha kwezocansi
Nhlolanja 10 -16
Nhlolanja 10 –16
Isonto LokuQwAsHIsA NGokukHuLeLwA
Isonto LAmAkHoNDomum/IzIFo zocANsI
uMnyango WezeMpilo usebenzisa iSonto
Lokuqwashisa Ngokukhulelwa ukuqinisa ukufundisa
ngokukhulelwa kanye nalezo zinto ezigqugquzela
ukukhulelwa okunempilo kanye nokuba ngumama
ophilile ikakhulukazi ngokusheshe uye emtholampilo.
Abantu besifazane abakhulelwe kumele basheshe
baye emtholampilo uma nje sebesola ukuthi
bakhulelwe noma ezinyangeni ezintathu zokuqala
bekhulelwe. Kuvikela wena kanye nengane ezinkingeni
ezingaba khona esikhathini esizayo.
NHLoLANjA
10izifo ezithathelana ngokocansi ziyingozi kakhulu nakuba eziningi zelapheka. Ukwesabela ukucwaswa kungesinye sezizathu ezenza ukuba abantu bangayi emitholampilo ukuyothola ukwelashwa ngakho-ke leli sonto akuhlosiwe kuphela ngalo ukwehlisa ukubhebhetheka kwezifo ezithathelana ngokocansi kepha nokwehlisa izinga lokubhebhetheka kwegciwane lesandulela ngculaza kanye nengculaza uqobo.
Usuku lomhlaba jikelele lesifo
somdlavuza lusetshenziselwa
ukuqwashisa ngesifo somdlavuza
kanye nokwenyusa izinga lokuqonda
ukusivikela, ukusihlonza ,
ukuselapha kanye nokunakekela
onaso. Yiqiniso elingenakuphikiswa
ukuthi isifo somdlavuza yisona
esihamba phambili ngokubulala
emhlabeni wonke jikelele. Izindaba
ezimnandi ezithi sekukuningi
osekwenziwe mayelana nemithi
ephathelene nesifo somdlavuza,
asisesona isifo esingumashayabhuqe
kepha lokho kulele ekushesheni
kokutholakala kwaso, ngakho-ke
kumele uhlale njalo uyohlolelwa sona.
usuku Lomhlaba jikelele lesifo somdlavuza
Zivikele ezifweni Zocansi
Ungathembi inhlanhla ngempilo yakho!
Isonto lezifo zocansi
(STI)/amakhondomu
10 - 16 kuNhlolanja
10NHLoLANjA
Indaba kaNeliUNeli wayeneminyaka eyi-17 futhi
esesesikoleni ngesikhathi ehlangana
noJabu. Wayesebenza futhi ehlala njalo
enemali eningi yokumthengela izinto
ezimnandi, abangani bakhe babecabanga
ukuthi unenhlanhla ngokuba nomuntu
wesilisa onjalo. Wayeneqiniso lokuthi
uJabu wethembekile kangangokuthi
wathi uma emcela ukuba benze ucansi
ngaphandle kwekhondomu wavumela
phezulu. “Ngacabanga ukuthi akukho
lutho olungenzeka ngoba wayelala nami
kuphela. Ngabona ukuthi kuhle ngimjabulise
ngokulala naye ngaphandle kwekhondomu
angaze aye kwenye intombazane uma
ngenqaba mina,” kuchaza uNeli.
Ungahlali nakho kuze kube semuva kwendaba! Emva
kwezinyanga ezimbili uNeli wathola ukuthi
usekhulelwe futhi uJabu usemthelele
ngesifo socansi. Wayengazi ukuthi uJabu
wayelala namanye amantombazane amabili
akwelinye idolobha. Emva kokuba esezwe
ukuthi uNeli usekhulelwe, uJabu wamshiya
wangabe esafuna kuzwa lutho ngaye.
UNeli kwasekumele ashiye isikole kanti
futhi ephatheke kabi. Wayezoyondla ngani
ingane yakhe? Akafundanga nakangako,
akanamakhono kanti futhi wayengumama
osemncane ongayedwana.
Ungenzi iphutha elifana nse nelikaNeli. Yenza okuthile
kusenesikhathi – unelungelo lokuthi
cha ocansini olungenakhondomu.
Lahlekelwa yindoda kodwa hhayi
impilo yakho!
ayIkho IkhoNDomU = IzIfo zocaNsI kaNyE
NokUkhUlElwa okUNgaDINgEkI
Amakhondomu ayasebenza ekuvikeleni igciwane lesandulela
ngculaza, izifo zocansi kanye nokukhulelwa okungadingeki.
Yiqiniso elingephikiswe lelo. Uma umuntu ekucela
ukuba ulale naye ngaphandle kwekhondomu, zibuze ukuthi
ngabe lokho kubaluleke kangangokuthi ungaze ubeke
impilo yakho engozini.
Uyokwazi kanjani ukuthi une-sTi?Izimpawu ze-STI zihambisana nohlobo lwesifo. Ama-STI amaningi awanazimpawu nhlobo abonakala ngazo. Kodwa-ke zingaba khona izimpawu ezingaba uphawu lokuthi ungase ube ne-STI. Zibandakanya:
• Ubuhlungu uma uchama
• izilonda kanye/amaqhubu esithweni sakho sangasese
• Uketshezi olungajwayelekile oluphuma enkomeni noma ukopha
• Uketshezi oluphuma epipini.
yinini lapho engingaba khona sengozini yokuthola i-sTi?✗ Ukwenza ucansi ngaphandle
kwekhondomu kubeka impilo yakho engcupheni yokuthola ama-STIs.
✗ Uma ulala nomuntu ongaphezulu koyedwa usethubeni lokuthola i-STI. Ziphathe kahle ulale nomuntu oyedwa ukuze ugweme ukuba sengozini yokuthola ama-STIs!
IzInhlobo ezIjwayelekIle zama-STI
Ungayivimba i-STI – yenza ucansi oluphephile, hlola, bese uyelashwa!
abantu abangaphezukwezigidi ezine
balashelwa izifo ezitha-
thelana ngokocansi
minyaka yonke kuleli
zwe lakithi!
iChlamydia Lolu hlobo alukhombisi zimpawu kodwa ludala ubuhlungu uma uchama kanye nokukhiqiza okungajwayelekile esithweni sangasese noma ukopha enkomeni. Kulula ukuluthola lolu hlobo nokulelapha kepha uma luhlala lungelashwa lungaholela ezinkingeni ezinkulu zempilo. izinsumpa esithweni sangasese Izimpawu zezinsumpa esithweni sangasese zibonakala ngamaqhubu. Kulula ukuzelapha ngakho khuluma nomsebenzi wezempilo ngalokhu. izilonda esithweni sangasese Lolu hlobo lwesifo socansi lungolujwayeleke kakhulu eNingizimu Afrika futhi luhaqa oyedwa kwabayisihlanu. Abantu abanalolu hlobo lwesifo socansi bezwa ubuhlungu bezilonda ezisesithweni sabo sangasese. Abantu abaningi abakuqondi ubungozi balokhu. Yisona sisusa sesifo sezilonda esenyusa izinga lokwedluliseleka kwegciwane lesandulela ngculaza. Ngeshwa alikho ikhambi lokuselapha,
ngakho-ke okuyiyona ndlela yokusigwema, ukwenza ucansi oluphephile!Ugcunsula Olunye uphawu olujwayelekile olwesilonda esingebuhlungu esithweni sangasese noma emlonyeni (uma bekukhothwana ngomlomo), esihlala amasonto amabili kuya kwayisithupha. Sibanga amaqhuqhuva esikhumbeni kanye nomphimbo obuhlungu oze uphele emva kwamasonto amaningi. Kulula ukuselapha kodwa kungaba yingozi kakhulu uma singelashwa. Uma sesihlale isikhathi eside singaholela ekungabonini, ukukhubazeka, isifo sohlangothi kanye nokufa imbala. igciwane lesandulela ngculaza Igciwane lesandulela ngculaza liyisifo socansi esijwayeleke kakhulu kanti futhi esiyingozi kakhulu. Sibulala amasotsha omzimba bese kuba nzima emzimbeni ukuba ukwazi ukulwa nezifo kanye nomdlavuza. Nakuba kuyisifo esingelapheki kodwa siyalawuleka bese labo esibahaqile bakwazi ukuphila isikhathi eside.
uNgqongqoshe wezempilo e-kZN udkt. sibongiseni dhlomo enikezela ngama-ambulensi
amasha
Ama-ambulensi angaphezu kwama-20 asandakunikezelwa ezifundeni eziyisikhombisa ebezidinga kakhulu. Lokhu kwedluliswa kuyingxenye yamasu aqhubekayo oMnyango WezeMpilo e-KZN okuqinisekisa ukuthi onke ama-ambulensi afakwe konke okudingekayo futhi asekulungele ukusebenza ngaphambi kokuthi edluliselwe emiphakathini ewadingayo. Yilezi zindawo ezilandelayo ezihlomule ngalolu hlelo:
IsIbAloIsIFUNDA EsINIkEzIwE
AMAJUBA 2ILEMBE 2SISONKE 3UMGUNGUNDLOVU 4UMKHANYAKUDE 3
IsIbAloIsIFUNDA EsINIkEzIwE
UMZINYATHI 2UTHUKELA 2ZULULAND 3COLLEGE OF EMERGENCY CARE 1
Ukulungiswa kwesibhedlela i-addington kuqhubeka kahle!U-MEC uDhlomo uthe ukulungiswa kwesibhedlela saseThekwini i-Addington kuqhubeka kahle kanti noPhiko Lwezingozi kanye nezimo eziPhuthumayo seluqediwe ukulungiswa. U-MEC uDhlomo kanye no-HOD uZungu bacele ukuba kube khona ukubekezela nokuqonda ngokuqhubekayo ngalesi sikhathi sokulungiswa kwesibhedlela okungokokuqala ngqa selokhu savulwa.
UMnyango wezeMpilo wenze izinhlelo zesikhashana ukuze uqinisekise ukuthi iziguli, abasebenzi kanye nezivakashi azithikamezeki kakhulu ngenxa yalokhu kulungiswa. Ubuye wacela nokubambisana nabo bonke abathintekayo ngalesi sikhathi.
“Isibhedlela ngeke sivalwe njengoba kukhona lokhu kulungiswa kanti nomphakathi uyaqinisekiswa ukuthi izimo
eziphuthumayo ziyabhekelelwa nakuba kukhona ithiyetha eyodwa esebenzayo kulesi sibhedlela. Ukulungiswa kwesibhedlela i-Addington akulona uhlelo oluzihambela lodwa kepha lolu uhlelo oluqhubekayo nakwezinye izibhedlela lapho kufakwe khona imali eningi ukwenza lokho kulungisa,” kusho umkhulumeli woMnyango WezeMpilo e-KZN uSam Mkhwanazi.
yiNi esiyeNZiwe?Yonke ingqalasizinda yesibhedlela iyalungiswa. Okunye okulungiswayo kubandakanya lokhu okulandelayo:
• Ukususwa nokufakwa kabusha kwezitini zangaphandle
• Ukususwa kwamawindi epulangwe bese kufakwa awensimbi
• Ukwenza kabusha imishini yokusebenza kanye nokufakwa kwemishini ephephetha umoya emisha
• Ukulungisa kanye nokuthuthukisa amapayipi kanye nokulungisa ukuvuza okusophahleni. Ukulungisa okwejwayelekile kanye nogesi.
AzIbuye emAsIsweNI!
UNgqongqoshe uDhlomo usandakuhlanganyela noNgqongqoshe
Wezokubusa Ngokubambisana uNomusa Dube kanye noNgqongqoshe
Wezokuthuthukiswa Komphakathi uWeziwe Thusi noNgqongqoshe
Wezobuciko, Amasiko Nezemidlalo uNtombikayise Sibhidla-Saphetha
bezokwethula umkhankaso wokuvuselela ubuqotho emphakathini. U-Azibuye Emasisweni (let’s get back to basics),
umkhankaso ohlose ukuvuselela ubuntu kanye nokulwa nezinto ezingafuneki
emphakathini (njengokuhlukunyezwa kwabantu abadala, ukusetshenziswa kakhulu kwezidakamizwa notshwala,
ukuhlukunyezwa kwabesifazane, udlame, njll.) ezihaqe isiFundazwe saKwaZulu-Natali. lo mkhankaso uhlose kakhulu abantu abasha futhi uzobandakanya
nabaholi bomdabu ukuze kube yibona abasingatha ukuziphatha kahle kwabantu
ezindaweni zabo. lo mkhankaso wethulwa endaweni yaKwaSwayimane,
maphakathi neKwaZulu-Natali lapho bekusandakudlwengulwa khona abantu
abadala abathathu. lobu bugebengu bushaqise izwe lonke njengoba
oyedwa wabadlwengulwa edlula emhlabeni. UNgqongqoshe uDhlomo ekanye neNhloko yoMnyango wakhe
uDkt. Sibongile Zungu nabo bonke abasebenzi esifundazweni abamele
ezeMpilo bazibophezele ekusebenzeni ngokuzikhandla ekubhekaneni
nokudlwengulwa kwabantu abadala kanye nezingane.
Lesi yisikhathi sokuvuselela Ubuntu
kubantu!
4
5
iZiNdlela eZilUla eZiNhlaNU ZOkUkhUPhUla
Unyaka Omusha lo, ithuba elisha lokuguqula impilo yakho – lokhu kubandakanya impilo yakho. kungani ungazibophezeli ngalo nyaka ukuba ube ngonempilo? akubizi mali etheni futhi akudli sikhathi! Zama lezi zindlela ezilula ezilandelayo ongagqugquzela ngazo wonke umuntu emndenini wakho ukuba azilandele nsuku zonke:
Ukuqaphela umfutho wegazi lakhoNgeshwa umfutho wegazi ophezulu ujwayelekile kubantu baseNingizimu Afrika. Umfutho wegazi wethu uyakhuphuka ubuye wehle ngosuku – ngokwesibonelo nje, uma ugijima uyakhuphuka bese kuthi uma uphumula wehle. Umfutho wegazi ophezulu usho ukuthi uphezulu kunezinga okumele ube kulo. Lokhu kuyingozi kakhulu ngoba kuchaza ukuthi inhliziyo yakho isebenza ngamandla ukuphampa igazi emzimbeni wakho. Umfutho wegazi ophezulu ungaholela ekumeni kwenhliziyo noma isifo sohlangothi noma udale ezinye izifo ezinjengesifo sikashukela. Ngalesi sizathu kubalulekile ukuba uhlale njalo uhlolwa umfutho wegazi.
UkuzivocavocaUkuzivocavoca kuhle kithina ngoba kwehlisa amazinga engcindezi; kwehlisa umfutho wegazi; kugcina imisipha, amathambo kanye namalunga kunempilo bese kusiza ekugcineni isisindo esinempilo. Zimisele ngokuzivocavoca imizuzu engamashumi amathathu kathathu noma kane ngesonto. Awudingi ukuba uze umose imali uye ejimini – zama ukuhamba noma ukugijima.
1Ukudla izithelo eziningi kanye nemifinoIzithelo kanye nemifino zinothe ngefayibha eningi okwenza zenze kube lula ukugayeka kokudla emzimbeni kanti kunamavithamini amaningi kanye namaminerali ukusigcina sinempilo. Izingane, abantu abadala kanye nabesifazane abakhulelwe yibona ikakhulu abadinga ukuthola imifino nezithelo okuningi, ngakho gqugquzela umndeni wakho ukuba udle okungenani okuhlanu kwakho nsuku zonke.
Ukudla amafutha nosawoti omncaneUkudla okunamafutha kuvimba
ukuhamba kwegazi uma liya enhliziyweni, kwenze kube nzima ukuba
kusabalale igazi emzimbeni okuyinto ebalulekile. Ukudla okunosawoti
kwenyusa umfutho wegazi okungadala isifo senhliziyo. Ukuze ube nesisindo esikahle kanye nenhliziyo enempilo,
yidla amafutha kanye nosawoti omncane – uyobukeka futhi
uzizwe ungcono!.
2
3 Ukubheka isisindo sakhoAbantu baseNingizimu Afrika abangamaphesenti angaphezu kwama-60% bakhuluphele ngokweqile. lokhu kusho ukuthi basengcupheni enkulu yokuba nezifo ezinjengesifo senhliziyo, umdlavuza, isifo sikashukela kanye nezinkinga zobuhlungu bemisipha namalunga. Vakashela umtholampilo wangakini bese ucela umhlengikazi ukuba akukale bese ebheka i-Body Mass Index (BMI) yakho. lokhu kuyisifanekiso samafutha asemzimbeni wakho, esisuselwa ebudeni kanye nasesisindweni sakho. Unesi uyobe esekwazi ukukutshela ukuthi kumele ibe njani I BMI yakho. Uma ukhuluphele ngokweqile, khuluma nomsebenzi wezempilo ngohlelo olufanele lokudla olungakusiza ukuze unciphe – isikhathi sisekhona.
qala iqembu lokuzivocavoca emphakathini wangakini, bese uthola abangani ozogijima nabo masontonke. Ukuze wena kanye nomphakathi nihlale
niphilile futhi ninamandla!
Ithiphu
izinga lempilo yakho
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Gcina isikhumba sengane yakho sithambile futhi somile njengoba kuyinhloso kamama wemvelo.
Themba ama Huggies mama ukugcina ingane yakho ithokomele, ijabule futhi yomile.
Uhlelo lokuvikela nokugcina ukoma enganeni luletha ukoma okuyisikhathi
esingamahora ayisi-9 bese kuthi ukwembozeka ngokusakotini
kuvumele isikhumba sengane ukuba sikwazi ukuphefumula, lokho kunikeze
nomama isikhathi sokuphefumula.
BABYCORNeR
kukhona izinto ezimbalwa ezijabulisayo
ezinjengengane ethokozile
futhi ethola ukulala
okuhle. Uma umama
kanye negane belale kahle
ebusuku lokho kuchaza
ukuqala kahle usuku
olulandelayo.
Ingane ephumulayo iyingane ethokozile!
lokho kusho ukulala kamnandi kwengane kanye
nokuphumula okwanele komama.
KwaHuggies siyakuqonda ukuthi ukuphumula kukamama nokomntwana kuphazanyiswa amanabukeni amanzi noma avuzayo aletha ukungaphumuli kahle kanye nokungajabuli okubangela wonke umuntu inkinga. Kungakho-ke uHuggies egqugquzela uhlelo olulandelwayo lwezingane kanye namanabukeni ethu omile futhi antofontofo, ikakhulukazi ebusuku. Amanabukeni eDry Comfort agcina izingane zithokomele ikakhulukazi ebusuku. Amanabukeni eHuggies Dry Comfort agcina izingane zithokomele, sibonga uhlelo lwawo lokugcina ukoma olwenzelwe ukugcina ingane yomile isikhathi eside. Ubuchwepheshe bethu esesibusebenzisile ukuhlola ukuvuza kwenabukeni buqinisekisa ukuthi ingane yakho ngeke ivuke ebusuku ivuswa yinabukeni elimanzi.
® Registered trademark/*trademark of Kimberly-Clark Worldwide Inc. © 2011 KCWW
Umbhali weZempilo uDerick Matsengarwodzi uyabika…
UMasingana waba yisiqalo esingesihle kithina. Indodana yami encane yagula isigubhukane, ikhala ngomphimbo obuhlungu yase ivele iba nemfiva. Kamuva wabe usuvuvukele, namalunga aqina. Wayesekhala kakhulu esezinhlungwini futhi kungasahambeki. Emtholampilo waku-East Boom Street wedluliselwa esibhedlela saseNorthdale ukuze ahlolwe kabanzi.
Udokotela owayesebenza ngaleso sikhathi waba nesineke esikhulu waze wachaza ukuthi indodana yami idinga ukuba ilaliswe esibhedlela ukuze ihlolwe ngokuphelele. Lokhu kwakuyindlela ephephile emva kokubona izimpawu ze rheumatic fever. Sasikhathazeke kakhulu singazi ukuthi ngabe indodana yami izosinda yini. Amaphaphu abe esehliswa intokomalo eyayisewodini lezingane. Abasebenzi basewodini babenomoya omuhle, izithombe zezinganekwane zase-Afrika zidwetshwe ezindongeni, abasebenzi bedlala nezingane ezigulayo bezifundela nezincwadi. Omama babengenakho ukukhathazeka. Nakuba usuku lokuqala kwakungoludidayo ikakhulukazi ngoba kwakuyimina ngedwa umzali ongowesilisa ewodini kepha sazithola sesingamalungu omndeni. Abasebenzi babesemukela
“Sizama sonke ukubuyisa
ukumamatheka ezinganeni”Thembi Mkhabela
Ngaphezu kokuba yindawo yokuhlalaIwodi yase-F yezingane inemibhede engama-36 ebhekelela izingane ezishile nezihlinziwe ezinamasonto amabili kuya kwezineminyaka eyi-12. Uma izingane sezilaliswa esibhedlela abazali bayafundiswa ngendlela okusetshenzwa ngayo ewodini. Ukwengeza, bayazigoma izingane, ukuhlolelwa i TB kanye ne HIV kanye nokwelulekwa kwezingane kanye nabazali. “Seluleka nangendlela yokudla, ukuphila komzimba; ukugqugquzela ukuncelisa ibele, ukubhalisela izitifiketi zokuzalwa kanye nezimali zezibonelelo. Sizama ngakho konke okusemandleni ukuzilinganisa neziguli zethu ukuze sikwazi ukuxhumana nazo,” kwengeza uMkhabela.
impilo ekugcineni Ngelanga lesibili indodana yami yabe isikhombisa izimpawu zokululama. Wayesegijima nezinye izingane endaweni yokudlala sebegijimisana nangamabhayisikili. Ngelanga lesithathu kwase kuwumzuzu obuhlungu sekumele sivalelise okokugcina.
Ngokukhulu ukuzithoba sibonga abasebenzi basesibhedlela iNorthdale kuwodi F wezingane. Umsebenzi wenu wokunakekela wasindisa indodana yami. Qhubekani nomsebenzi omuhle!
Isibhedlela sasENoRThDalEemgungundlovu
Ukusebenza okuvelele!
ngembobo kakhiye
ngokumamatheka nangendlela eletha ithemba. “Sibhekelela izinhlobo ezahlukene zezingane; ezinye ezilahliwe kanye nezigula kakhulu ezidinga unakekelo olukhethekile. Sizama ngakho konke okusemandleni ukubuyisa ukumamatheka ezinganeni ukuze zizizwe zithandwa futhi zingakhumbuli emakhaya,” kuchaza imenenja yokusebenza kwewodi, uThembi Mkhabela.