inkulumo yesabelomali yomnyango ......social cohesion report yezi-2015 kanye ne- migration report...

27
1 INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO WEZOBUCIKO NAMASIKO (VOTE 15) YOWEZI- 2017/18 EYETHULWA NGUNGQONGQOSHE WEZOBUCIKO, AMASIKO, EZEMIDLALO KANYE NOKUNGCEBELEKA, UMHLONISHWA BN SITHOLE-MOLOI ESISHAYAMTHETHO SAKWAZULU-NATALI MHLA ZI-2 KUNHLABA WEZI-2017 Sihlalo Somlomo Sekela likaSomlomo Malungu Ahloniphekile ESishayamthetho Amakhosi akhona Zihambeli zethu ezivela Embonini Yezamasiko, Amagugu Nezobuciko Zicukuthwane ezikhethekileyo Bafowethu nodadewethu Sanibonani! A Salaam Wailikum! Nemaste! Molweni! Good Day! Isendlalelo Ngikubona kufanele ukuba ngiqale le Nkulumo Yesabelomali soMnyango Wezobuciko Namasiko waKwaZulu-Ntali ngokubalula ukuthi lo nyaka uhambisana nemigubho yeKhulunyaka ka-OR Tambo. UMengameli weRiphabhlikhi yaseNingizimu Afrika, uMhlonishwa J.G Zuma, wasikhumbuza ngesikhathi ethula iNkulumo Echaza Ngesimo Sesizwe ukuthi u-O.R Tambo ubezoba ehlanganisa iminyaka yobudala eyi-100 kulo nyaka. Siyambonga uMengameli u-O.R Tambo ngokuba yisibani esakhanyisela iNingizimu Afrika, i-ANC kanye nemibutho yenkululeko jikelele ngesikhathi somzabalazo.

Upload: others

Post on 28-Sep-2020

2 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

1

INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO WEZOBUCIKO NAMASIKO (VOTE 15) YOWEZI- 2017/18 EYETHULWA NGUNGQONGQOSHE WEZOBUCIKO, AMASIKO, EZEMIDLALO KANYE NOKUNGCEBELEKA, UMHLONISHWA BN SITHOLE-MOLOI ESISHAYAMTHETHO SAKWAZULU-NATALI MHLA ZI-2 KUNHLABA WEZI-2017

Sihlalo

Somlomo

Sekela likaSomlomo

Malungu Ahloniphekile ESishayamthetho

Amakhosi akhona

Zihambeli zethu ezivela Embonini Yezamasiko, Amagugu Nezobuciko

Zicukuthwane ezikhethekileyo

Bafowethu nodadewethu

Sanibonani! A Salaam Wailikum! Nemaste! Molweni! Good Day!

Isendlalelo

Ngikubona kufanele ukuba ngiqale le Nkulumo Yesabelomali soMnyango Wezobuciko

Namasiko waKwaZulu-Ntali ngokubalula ukuthi lo nyaka uhambisana nemigubho

yeKhulunyaka ka-OR Tambo. UMengameli weRiphabhlikhi yaseNingizimu Afrika,

uMhlonishwa J.G Zuma, wasikhumbuza ngesikhathi ethula iNkulumo Echaza Ngesimo

Sesizwe ukuthi u-O.R Tambo ubezoba ehlanganisa iminyaka yobudala eyi-100 kulo

nyaka. Siyambonga uMengameli u-O.R Tambo ngokuba yisibani esakhanyisela

iNingizimu Afrika, i-ANC kanye nemibutho yenkululeko jikelele ngesikhathi somzabalazo.

Page 2: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

2

Umlando wakhe uzoqhubeka ube neqhaza elikhulu eminyakeni eminingi ezayo yize esalandulela leli, ngenxa yobuqotho nemigomo ayeyimele.

UMhlonishwa uNdunankulu, ngesikhathi ethula iNkulumo Echaza Ngesimo

Sesifundazwe, naye wakhipha umyalelo wokuthi singasebenza kanjani ngokubambisana

siyizikhungo ezahlukene ekuqhubeni le mibungazo yeKhulunyaka lika- OR Tambo.

UMnyango Wezobuciko Namasiko uye wasabela kuleli khwelo wangabe usapholisa

maseko. Njengamanje sekuhlonzwe imikhakha eyahlukene yezobuciko eye yafakwa

ethimbeni Lezamasiko lwesiFundazwe saKwaZulu-Natali oluhlongozwayo,

olubandakanya: umkhakha womculo wamakhwaya kanye nomkhakha wemidlalo

yeshashalazi. Maqondana nomkhakha womculo wamakhwaya, sibone kunesidingo

sokuba kube namaculo aqondene no-OR Tambo ngesikhathi soMncintiswano Womculo

Wamakhwaya woMnyango Wezamasiko Nobuciko ngenyanga kaNtulikazi. Emkhakheni

wemidlalo yeshashalazi, sizoqhuba umkhankaso wokuvundulula amakhono

esifundazweni sonkana, sizogxila kakhulu entsheni esiqede isikole, ngenhloso

yokuyifaka ibe yingxenye yethimba labadlali beshashalazi elizonandisa ngemidlalo

emaqondana nokugubha umlando weqhaza lika-O.R. Tambo, okuzoba ngumcimbi

omkhulukazi wesifundazwe.

Amagugu Esizwe

Maqondana nokubungaza amaqhawe namaqhawekazi akithi, uMnyango usuqalise

uhlelo oluzoba minyaka yonke lokubungaza izingwazi nezihlabani ezisaphila olubizwa

ngokuthi Amagugu Esizwe. Sifuna ukugqugquzela ukuhlonishwa kwezihlabani zakithi

zezamaciko namasiko ngesikhathi zisaphila. Kulo nyaka sibungaze isihlabani uSolwazi

uJoseph Shabalala, umsunguli weQembu leSicathamiya elihlonishwa umhlaba wonke, i-

Ladysmith Black Mambazo. Lokhu sakwenza ngokuthi sisingathe isidlo sokumhlonipha

(gala dinner) mhla zingama-31 kuNdasa wezi-2017, esalandelwa yidili lomculo

ngakusasa, lu-1 kuMbasa. Le mibungazo izolandela uhlelo olubekiwe kunokuba ibe

yimicimbi eyenzeka ngesiqubu esisodwa nje. Ngifisa ukubonga umlingani wami,

uNgqongqoshe uDlungwane kanye nomnyango wakhe ngokubambisana nathi

Page 3: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

3

ekugubheni impilo yalesi sihlabani ngokuqamba kabusha igama lesikole eMnambithi sabizwa ngegama lalesi sihlabani.

Ukuhlelwa kabusha Kwezamasiko Namagugu.

Ukugubha amagugu ethu kungumongo wamasu ethu okusebenza. Ukufezekisa lokhu,

siwubuyekeze, sabe sesiwubeka kanje umbono woMnyango: Impumelelo Nokuhlalisana

okuhle Kwemiphakathi Ngezobuciko, Ezamasiko Namagugu. Ezamasiko Namagugu

ziyahambisana, ukuzama ukukwehlukanisa lokhu nanoma ngabe ingayiphi indlela

kungaba ukudlala ucabhayiyane nje. Lo mbono omusha obuyekeziwe uhambisana

nanoMthetho Ohlongozwayo omaqondana Nezobuciko, Ezamasiko Namagugu, obuyisela Amagugu endaweni yawo efanele Yezobuciko Namasiko.

Ukuqhakanjiswa Kwamasiko njalo NgoLwesine (Cultural Thursdays)

Kuyintokozo enkulu kimina ukwethula kule Ndlu Ehloniphekileyo uhlelo Lokuqhakanjiswa

Kwamasiko njalo NgoLwesine, okuluhlelo oselugunyazwe yiSigungu Esiphezulu,

okuhloswe ngalo ukuqhakambisa amasiko anhlobonhlobo, ubunjalo bomuntu, ukubunjwa

kwesizwe kanye nokuhlalisana okuhle kwemiphakathi ngezindlela ezahlukene.

Sezibekiwe iziqubuluo zanyanga zonke kanti-ke zibandakanya izithangami

zokuxoxisana, ukudla kanye nemvunulo yesintu, imibukiso, izinkulumo nezethulo

zezikhumbuzo, imincintiswano, ngokunjalo namafilimu nezinhlelo zemisakazo ezimaqondana namasiko anhlobonhlobo.

Sifuna abasebenzi bakahulumeni, izishabasheki zezamasiko kanye nomphakathi ngothi

lwawo babe sekhaleni lalo mkhankaso. Lolu hlelo luzoqhutshwa ngokubambisana

nabanye okusetshenziswana nabo ababandakanya yonke iminyango kahulumeni, i-KZN

Tourism (umkhakha wezokwamukelwa kwezivakashi), iNhlangano Yezabamabhizinisi,

Ubuholi Bomdabu, Izinhlangano Zezamasiko kanye nezikhungo zemfundo ephakeme.

Page 4: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

4

Lolu hlelo luzobhekela nokubandakanya isiko eliyintandokazi entsheni kanye

nokwehlukahlukana kwamasiko. Eqinisweni yilona galelo lomkhakha wezamasiko

nobuciko leli ohlelweni lukahulumeni olubizwa ngokuthi Azibuye Emasisweni. Nginxusa

aMalungu ale Ndlu ukuba ahambe phambili ekuvuseleleni amasiko ethu,

ekuqhakambiseni amagugu ethu kanye nezinto ezisibumbayo sibe yisizwe yize sehlukahlukene.

Ukwengamela Okuhle

Okungenhla esengikwethulele le Ndlu bekuseyingeniso nje. Ngifisa ukuthinta izinto eziphathelene nokwengamela ngaphambi kokuba ngingene ezinhlelweni zomnyango.

Ngesikhathi ngifika kulo Mnyango, ngakhipha umyalelo wokuthi labo okusetshenziswana

nabo babambe iqhaza ezinhlelweni zomnyango. Ngakho-ke, uHlelo Lwamasu

Okusebenza olubuyekeziwe kanye noHlelo Lonyaka Lokwenziwa Komsebenzi

engikwethule kule Ndlu emasontweni amabili edlule kungumphumela wokubonisana esakwenza ezifundeni nalabo esisebenzisana nabo.

Njengalokhu ngiyinhloko ngokwepolitiki eMnyangweni, sengiqalise uhlelo lokuhlela

kabusha umkhakha wezamasiko, ezobuciko namagugu oluhambisana nokuhlelenjwa kabusha kwezinhelo zomsebenzi womnyango. Sibuyekeza umumo womnyango

ngokwezikhundla ukuqinisekisa ukuthi uyahambisana nohlelo lwethu lokuletha

izinguquko ukuze kwenziwa ngcono ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. Lolu hlelo

lubandakanya ukuhlelwa kabusha kwezinhlelwana ezingaphansi kwezinkulu ukuze

kuqedwe ukuphindaphindeka kwezinhlelo kanye nokwenza ngcono ukuqhutshwa

komsebenzi ngempumelelo.

Ukuhola Ngobuqotho - Izinsika zamasu okusebenza ezinhlanu

Ukufezekiswa kwezinjongo zikahulumeni maqondana noguquko olusheshayo

kwezenhlalo-mnotho kuncike ekwengameleni okuhle, okubonakala, phakathi kokunye,

Page 5: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

5

ngobuholi obuqotho, okukhonjiswa ngumbono kanye nezinhloso ezicacile. Maqondana

nalokhu-ke, ngibeke lezi zinsika zamasu okusebenza ezinhlanu, okuyilezi, (1) inguquko

kwezenhlalo, (2) ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kubandakanya

nengqalasizinda, (3) ukuqiniswa kokuxhumana nalabo okusetshenziswana nabo, (4)

ukuthuthukiswa kwentsha nabesifazane; kanye (5) nokuhlonyiswa ngolwazi namakhono

kwalabo abangakwazi ukuzimela. Zonke izinhlelo zethu zizogxila kakhulu kulezi zinsika.

Ukuqinisekisa ukuzibophezela kwethu ekufezekisa lokhu, sengiqashe uMsebenzi

obhekele Ezentsha, osehhovisi lami kanti-ke umsebenzi wakhe omkhulu kulo nyaka ngukusingatha iNgqungquthela Yentsha eseMkhakheni Wezobuciko Namasiko.

Ukulwa nokukhwabanisa kanye nenkohlakalo

UMnyango unamasu okusebenza acacile maqondana nokulwa nokukhwabanisa kanye

nenkohlakalo ngoba lezi zenzo ezinyanyekayo ziyaqhubeka nokucekela phansi

umsebenzi omuhle owenziwa nguhulumeni. Ngibonga uMhlonishwa uNdunankulu

ngokusungula uMkhankaso obizwa ngokuthi ‘I do Right’ okungukuthi ‘Ngenza Kahle’.

UMnyango uyaqhubeka nokusebenzisa izinjongo ezinhle zalo mkhankaso ngale

kokwesaba noma ukuchema njengalokhu senza okusemandleni ukubuyisela ubuqotho

kanye nezindlela ezinqala zokulawula ezinhlelweni zethu. Ngenxa yalokhu, uMnyango

uzosebenza ngokuzikhandla ukuthola umbiko wokucwaningwa kwamabhuku

ongenagcobho nomncane onyakeni wezimali wezi-2017/2018. Ngikholwa ukuthi impela

siyibambe ngakho ngokusuka embikweni wokucwaningwa kwamabhuku onogcobho sathola umbiko wokucwaningwa kwamabhuku ongenagcobho.

Ukuhlomisa ngamakhono abahlinzekimsebenzi abasafufusa

Ngaphezu kwalokho, selokhu ngiqalile kulo Mnyango, sengenze isiqiniseko sokuthi

bayakhokhelwa bonke abahlinzekimsebenzi obesekwadlula izinsuku ezingaphezulu

kwezingama-30 bengakhokhelwe. Kusasele kuphela labo bahlinzekimsebenzi

Page 6: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

6

esingakwazi ukubathola ukuthi balethe imininingwane ababengayihlinzekanga ze sikwazi ukubakhokhela.

UMnyango futhi usuqalise izinhlelo zokukhipha izinkampani ezenza imisebenzi

yokuhlanza izakhiwo, okusho ukuthi abasebenzi abasenzela umsebenzi wokuhlanza

sebezongena ngaphansi koMnyango. Izinhlangano eziqashayo angeke siyikhulume

indaba yazo noma ngabe kwenzenjani. Ukuzibophezela kwethu okugxile kwi-Preferential

Procurement Policy Framework Act (PPPFA) okunguMthetho Wohlaka lweNqubomgomo

Yokuthenga Ngokuchema, kanti izinhlelo zethu zibandakanya ukuyekwa kwezinkontileka

ezinkulu ngenhloso yokuhlomisa osonkontika abancane be-BBEE ukuze nabo benyukele

eqophelweni elidingekile. Asithandabuzi ukuthi zonke lezi zinhlelo zokungenelela zizosisiza ekuletheni izingququko zezomnotho ezibonakalayo.

Ukuqasha ngokulingana

Kulokhu kuseqhulwini ezinhlelweni zethu ukufinyelela ezibalweni ezifanele maqondana

nokuqasha ngokulingana kanjalo nokumeleleka kwabesifazane ezingeni laBaphathi

Abaphezulu. Njengamanje, abesifazane abakuleli zinga bangama-46% bese kuthi

abakhubazekile bona bami kuma-1.99%. Sizosiguqula lesi simo ukuze sifinyelele

ezibalweni ezibekiwe. Sizothatha izinyathelo zokulawula ezifanele maqondana

nokwehluleka ukufezekisa lokho okulindelekile kanye nokwehluleka ukuhambisana nemithetho kahulumeni.

Sengingena ezinhlelweni ezingumongo zoMnyango kanti ngizophinda futhi ngikhombise

ukuthi sizobhekana kanjani nezinselelo zokungalingani, ububha kanye nokungabibikho

kwemisebenzi okubhekene nemiphakathi yethu.

Uhlelo 2

Ukuhlalisana Okuhle Kwemiphakathi kanye noKuhlunyeleliswa Kwezimilo

Page 7: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

7

Ngale kokusebenzisa ngokuqonde ngqo amagama athi “ukuhlalisana okuhle

kwemiphakathi”, uMthethosisekelo we-1996, uqinisa imigomo yokunganaki ubuhlanga

kanye nokungacwasi uphinde futhi uqinisekise ukuphokophelela ukubuyisana kanye

nokubunjwa kwesizwe. Imibiko emaqondana nokuhlalisana okuhle kwemiphakathi, i-

Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela zezenzo

zodlame olubhekiswe kwabofika kuleli ngokunjalo namazwi acwasa ngokobuhlanga

ayesesabalalele emphakathini ikhombisa ukuthi kunokungalingani okukhulu, okungase

kuphazamise le mpokophelo, uma kunganqandwa. Le mibiko yathola ukuthi

ukungalingani kwezenhlalo–mnotho yikhona okungumnyombo wobungozi obubhekene

nokuhlalisana okuhle kwemiphakathi. Yomibili le mibiko yathola ukuthi isimo sezenhlalo,

ingcebo kanye namathuba okwakuhlelwe ngokwenqubo yobukoloni kanye

nangokwenqubo yobandlululo yizona zinto ezabangela ukuba iNingizimu Afrika ibe nomlando wokungabibikho kwemisebenzi kanye nokungalingani.

Le mibiko ihlonza ukuthi ukwakheka kwemiphakathi ebumbene kuncike kakhulu ekutheni

iKwaZulu-Natali ilusingethe kanjani uhlelo lokulingana kwezenhlalo-mnotho kanye

nanokuthi ikukhuthaza kanjani ukwamukelana okusezingeni eliphezulu kwemiphakathi

eyahlukene. Ukufezekisa lokhu, kuzosingathwa ingqungquthela yesifundazwe

eminxaminingi emaqondana nokuhlalisana okuhle kwemiphakathi kanjalo

nokuhlunyeleliswa kwezimilo mhla lu-1 kuya kumhla zi- 3 kuNhlangulana wezi-2017

ngenhloso yokwakha isu lokusebenza maqondana nokuhlalisana okuhle kwemiphakathi

kanjalo nohlelo lokusebenza oluzokwenza sikwazi ukubhekana nalezi zinkinga

ngokubambisana nabo bonke abantu baKwaZulu-Natali ngale kokubheka ubuhlanga, inkolo, ubulili, kumbe ukukhubazeka.

Ukulungiselela iNgqungquthela

Sekukuningi osekwenziwe maqondana nokulungiselela le ngqungquthela. Kusukela

ngowezi-2014, cishe zingama-48 izingxoxo zokubonisana kwemiphakathi

esezisingathiwe esifundazweni ezaphetha ngokuthi kube nesidingo sokuthi kusingathwe

Page 8: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

8

le ngqungquthela yesifundazwe yokuhlalisana okuhle kwemiphakathi kanye

nezingqungquthela ezimbili zikazwelonke. UMnyango uzoqhubeka nokusingatha

izingxoxo zokubonisana kwemiphakathi kuzo zonke izifunda kulo nyaka omusha

wezimali. Lezi zingxoxo zivulela izakhamuzi zalesi siFundazwe zayo yonke imikhakha

inkundla yokuzwakalisa imibono yazo futhi zinikeze uMnyango amathuba okuqalisa

izinhlelo zokufezekisa izidingo kanye nezinjongo zemiphakathi ewusebenzelayo. Le

ngqungquthela ehlelwayo emaqondana nokuhlalisana okuhle kwemiphakathi izonikeza

izifundiswa, izishabasheki zezamasiko, abomkhakha wezamabhizinisi, iZinhlangano

Ezingekho Ngaphansi kukaHulumeni kanye nabanye ithuba lokwakha isu lokusebenza elimaqondana nokuhlalisana okuhle kwemiphakathi kanye nokubunjwa kwesizwe.

Umkhankaso Wokufunda Olunye Ulimi

Lolu hlelo lwaqalwa wuMnyango eminyakeni emibalwa eyedlule, nokho-ke belugxile

kakhulu ezilimini ezikhulunywayo. UMnyango usuzolunweba-ke manje lolu hlelo ukuze lubandakanye noLimi Lwezandla.

Yize uLimi Lwezandla lungakamenyezelwa ngokuthi ulimi olusemthethweni, kodwa-ke

uMthethosisekelo ulunikeza isithunzi esilinganayo njengezinye eziyi-11 ezisemthethweni kuleli zwe.

Ngaleyo ndlela-ke kusobala ukuthi uMthethosisekelo kanye neminye imithetho eshayiwe

kanjalo nezinqubomgomo esingabala kukho uMthetho Wokusetshenziswa Kwezilimi

Ezisemthethweni, uMthetho we-PanSALB kanye neNqubomgomo Yezilimi yeSifundazwe

saKwaZulu-Natali iyalwazisa futhi ilwela ukuvikela nokukhuphula isithunzi soLimi

Lwezandla.

Abantu abangezwa bakuthola kunzima ukufinyelela emisebenzini ehlinzekwa uhulumeni

ngenxa yokuthi abasebenzi abaningi bakahulumeni abaluqondi uLimi Lwezandla.

Kuyinhloso yalo Mnyango ukukhuthaza ukusetshenziswa kanye nokufundwa koLimi

Lwezandla ukuze abantu abangezwa baqondwe uma bekhuluma bese bekwazi

ukufinyelela ngokulinganayo ezinsizeni ezihlinzekwa uhulumeni.

Page 9: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

9

Kulo nyaka sizothatha izinyathelo ezinqala ngenhloso yokukhuthaza ukusetshenziswa

koLimi Lwezandla kanti futhi sizogxila kubasebenzi bakahulumeni kanye nabaholi

bezepolitiki esifundazweni kubandakanya isigungu esiphezulu, amalungu

esishayamthetho kanye namakhansela.

Ingqungquthela Yabakhubazekile

Ngibona kufanele kulesi sikhathi ukuba ngibike ukuthi uMnyango wasingatha

ngempumelelo iNgqungquthela Yabakhubazekile obengekuyokuqala ngqa yalolu hlobo.

Le Ngqungquthela kwakuhloswe ngayo ukudidiyela izinhlelo zabakhubazekile

ezinhlelweni zethu zokuhlinzeka ngezinsiza emphakathini. Sizosebenzisana neminye

iminyango eqondene, ikakhulu uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, phakathi

kweminye, kanye nomasipala ukuqinisekisa ukuthi izinqumo ezathathwayo ziyaqaliswa

ukusebenza. Esinye sezinqumo ezisemqoka esathathwa ngukusingathwa kweDili

Lezobuciko Nezemidlalo labantu abakhubazekile okokuqala ngqa, elihlelelwe inyanga kaLwezi.

INqubomgomo kanye noMthethosivivinywa Wezilimi Wesifundazwe

Maqondana noMthethosivivinywa Wezilimi waKwaZulu-Natali kanye neNqubomgomo

okususelwe kuyo uMthethosivivinywa, ngikhiphe umyalelo wokuthi kubuyekezwe

iNqubomgomo Yezilimi yeSifundazwe saKwaZulu-Natali. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi

inqubomgomo, kanjalo nomthetho wesifundazwe ozolandela, kuhambisana

nokusetshenziswa kwezilimi esifundazweni ngokwezibalo zemiphumela yokubalwa

kwabantu kowezi-2011. Inqubomgomo ebuyekeziwe iyona ezohlahla indlela maqondana

nomthethosivivinywa iphinde futhi igqugquzele ukubandakanywa kwawo wonke umuntu

kanye nokufinyelela kwabantu abakhubazekile ezinsizeni nasolwazini oluhlinzekwa nguhulumeni.

Izinhlaka ezibhekele izilimi esingabala kuzo i-KWANILAFO, Amathimba Okufunda

Nokubhala, USIBA kanye ne-Centre for Creative Arts zizoqhubeka nokuthola ukwesekwa

Page 10: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

10

eMnyangweni ngokwezimali kanye nangemisebenzi yobubhalane ngenxa yeqhaza

ezilibambayo ekuthuthukiseni izilimi. Ukuthuthukiswa kwezokubhalwa kwezincwadi

zobucikomazwi kuzogxila ezilimini zomdabu kulo nyaka kanye nasekuphendlweni

kwendawo yezincwadi zomdabu emitapweni yolwazi. Yonke imizamo yethu sizobe sihlose ngayo ukugqugquzela ukubhala ngezilimi zomdabu.

Yize kunezinhlelo zokubuyekezwa kwenqubomgomo yezilimi engikhulume ngakho

phambilini, kuyintokozo ukusho ukuthi omasipala bezindawo i-Danhauser, uBuhlebezwe,

eZinqoleni, uMngeni, The Big Five, uMvoti kanye neMbabazane bazokwelekelelwa

ekwakheni izinqubomgomo zabo zezilimi kulo nyaka, nakuba luzobe luqhubeka uhlelo lokubuyekezwa kwenqubomgomo yezilimi.

Ubuliminingi

Imicimbi yokugqugquzela ubuliminingi esingabala kuyo umgubho woSuku Lokuhumusha

Lomhlaba Wonke, umgubho woSuku Lwebele Lomhlaba Wonke kanye nomqhudelwano

obizwa nge-Anton Lembede Speech Contest kuzoqhubeka kube ngumgogodla wohlelo lokuguqulwa kwesimo sezenhlalo.

Kuyangithokozisa ukusho ukuthi nakuba sibhekene nesimo somnotho esingesihle,

uMnyango uyaqhubeka nokuhlinzeka iminyango kahulumeni kanye nomasipala

ngemisebenzi yokuhumusha nokutolika mahhala. Le misebenzi isemqoka kakhulu ekwenzeni abantu bakwazi ukufinyelela olwazini.

Ukuqanjwa Kwamagama Ezindawo

Ngokwakhela empumelelweni yeminyaka eyedlule, uMnyango uzocwaninga uphinde

uhlelembe amagama abalelwa kwayi-100 kulo nyaka wezimali. Sizosebenzisana

nomasipala, abaholi bomdabu kanye nabanye esisebenzisana nabo ohlelweni

lokuqanjwa kwamagama ezindawo. UMnyango usuyiguqulile indlela oqhuba ngayo,

awusezokugxila kuphela ekubhalekeni kwamagama, obekuyinto elula kakhulu ukuyenza.

Page 11: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

11

Manje usuzoqala uhlelo lokufundisa imiphakathi ngokuthi ubambe imihlangano

yokulalelwa kwemibono yomphakathi, ngalokho usize imiphakathi ikwazi ukuziqalela

izinhlelo zokuguqula amagama ngokomlando wendawo; isibonelo nje- ukuguqula igama

lendawo i-Melmoth libe uMthonjaneni, osekuvele kuqalile. Sizosayina Isivumelwano

Sokusebenzisana noMnyango Wezokuthutha ukuze siqinisekise ukuthi amagama aselungisiwe ayabhalwa emigwaqeni.

Izinsuku Ezisemqoka

Ziyanda minyaka yonke izinsuku ezisemqoka kwezamasiko nokuyizindaba ezimnandi

emnothweni wesifundazwe kwazise phela le micimbi iheha abavakashi abavela ezweni

lonkana. Imikhosi okunguMkhosi WoMhlanga, Umkhosi WeLembe, Umkhosi Woselwa,

Umkhosi Wesivivane, Umkhosi kaNomkhubulwane kanye Nomkhosi Wamaganu,

ingamagugu isizwe esizigqaja ngawo. Imikhosi i-Eastern Rendezvous kanye ne-

Afrikaners Ventersfees sesiyifake ohlwini lwezinsuku ezisemqoka ngenhloso

yokubungaza ukwehlukahlukana kwethu. Kulo nyaka sibeke eceleni u-R23 million

maqondana nokusingathwa kwale micimbi yezamasiko kubandakanya nokwesekwa kwemigubho yoSuku Lwenkululeko kanye noSuku Lwentsha.

Umkhosi WeLembe owawusingathwe enkundleni i-Moses Mabhida nyakenye

wawusezingeni eliphezulu futhi waqhakambisa ubuhle baMasiko kaZulu. Lo mgubho

kwabe kungowokubungaza iminyaka engama-200 emva kokuba iLembe eleqa amanye

amalembe ngokukhalipha, iNkosi Shaka yahlanganisa izizwe ezehlukene zaba yisizwe

samaZulu, nowaheha izithameli eziyi-35000 ngosuku olulodwa nje. Lo mcimbi futhi

wawubungaza iminyaka engama-45 iSilo Samabandla esibusayo njengamanje sathatha

ubukhosi bukaZulu. Umviliyelo wesintu wandulelwa yinkonzo eyayiholwa yibandla

lamaNazaretha lakwaShembe. Amakholwa abuthana ukuzohalalisela nokuzohlonipha

iSilo Samabandla ngempumelelo yaso ekubumbeni isizwe nasekulondolozeni amasiko kaZulu.

Umkhosi Woselwa usuhlelwe kabusha wabandakanya uhlelo lwezemidlalo olubizwa nge-

Uselwa Challenge. Siyohlala sithokoza koNgangezwe Lakhe ngoholo nokuseseka

Page 12: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

12

asinika kona ekuqinisekeni ukuthi isiko lethu liyavuselelwa futhi libekwe ebalazweni lomhlaba.

Liyakhula nesasasa lale mikhosi yethu ngisho nasemazweni angomakhelwane. Uhlelo

lomnyango lokuhlomulisa imiphakathi luzoholela ekuhlomuleni kwemiphakathi yendawo

ngqo ngokuthi kutholakale kuyo ingqalasizinda kanye neminye imisebenzi ephathelene

nemicimbi, esingabala kuyo ezokuphepha kanye nokuhlinzeka ngokudla. Ngale

kwemihlomulo yezomnotho kuzofakwa nezinhlelo zezemfundo ezigxile

ekuhlunyelelisweni kwezimilo kanye nokusiza abafundi maqondana nokukhetha

imikhakha yemisebenzi abangayifundela.

Idili Lengoma elibizwa ngokuthi Zidlana Imilala Ingoma Festival

Kulo nyaka wezimali uMnyango uzokwandisa amadili eNgoma esuka kuma-67 kuya

kuma-73. Sihlose ukuwandisa impela kule minyaka emithathu yezimali ezayo. Ingoma

ibamba iqhaza elisemqoka ekuhlalisaneni okuhle kwemiphakathi kanye nasekubunjweni

kwesizwe. Ekuqhubeni lolu hlelo, sizokwenza okusemandleni ukubhekelela zonke

izinhlobo zamasiko. Kuyintokozo ukubika ukuthi kokuqalayo ukubakhona kulolu hlelo

singabala i- Andra Maha Sabha Eisteddfod, Ilembe Fashion Show, i-Durban Diwali

Festival, umcimbi wabantu abadala, ukuveza okumbalwa nje. Kulo nyaka futhi sizokwethula i-Kingdom Sport, Arts and Culture Festival.

Kuyintokozo ukusho ukuthi kuyandlondlobala ukusebenza ngokubambisana phakathi

koMnyango Wezobuciko Namasiko kanye nowezeMidlalo Nokungcebeleka. Kusemqoka

ukuthi le minyango emibili, ehlobene kakhulu futhi ehlinzeka imisebenzi yayo, engaphansi

kukaNgqongqoshe oyedwa, isebenzise amathuba akhona okuthi isebenze

ngokubambisana ekuqhubeni izinhlelo zawo. Seziyabonakala izithelo zokusebenza ngokubambisana kwale minyango emibili.

Izimboni Zezobuciko ziyimikhiqizo

Page 13: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

13

Izinhlelo zethu zihlelwe ngendlela yokuthi zidale amathuba ezomnotho kanye

nawokungenisa imali. Ukufezeka kwale njongo kuncike ohlotsheni lwamaciko ethu.

Ngaleyo ndlela-ke, nonyaka sizoba nezinhlelo zokuqeqesha amaciko ayizi-2040 kuso

sonke isifundazwe emikhakheni eyehlukene yezobuciko, sigxile kakhulu emakhonweni

ezamabhizinisi, ukuqinisekisa iqophelo elifanele, ukunquma amanani emikhiqizo,

ukuzimaketha, nokunye. Inhloso yethu ukuba sibacije futhi sibalekelele bakwazi ukukhiqiza imikhiqizo ethengisekayo neseqophelweni eliphezulu.

I-Grahamstown National Arts Festival kanye ne-Durban International Film Festival

kuyaqhubeka nokuhlinzeka ngesigcawu sezinhlelo zokwabelana ngamasiko. Kulo nyaka,

uMnyango usebenza ngokubambisana noMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezomnotho,

Ezokuvakasha kanye Nezemvelo kanjalo nezikhungo zawo okuyi-Tourism KZN,

uzothatha amaciko ethu abe yingxenye yezohwebo kanye nemihlangano yezamabhizinisi

yomhlaba jikelele. Amaciko ethu asemikhakheni eyahlukahlukene azothola ithuba

lokukhangisa amakhono awo kanye nokuthengisa imikhiqizo yawo kulabo abahambele le mihlangano.

Kulokhu sikhuthazwe nayimpumelelo yeqembu lomculo wamacilingo i-Durban Youth

Wind Band elisanda kubuya nendondo yegolide ngenkathi libambe iqhaza

emqhudelwaneni i-New York Wind Band Festival ebeyisingethwe yi-World Projects.

Lokhu kuhlabana kwabo kukhombisa ngokusobala ukuthi ithalente kanye nekhono

esinalo kulesi sifundazwe lisezingeni elilinganayo nelabahamba phambili emhlabeni

jikelele, yingakho kunesidingo sokuba kufakwe izinsizakusebenza ezithe thuthu ukuze lithuthukiswe.

Ezingeni lendawo, uMnyango uzosayina isivumelwano sokusebenzisana

nezinxanxathela zezitolo ukuze amaciko anikezwe izinkundla zokukhangisa futhi akwazi

ukuba athengise imikhiqizo yawo.

Kuyintokozo kimina ukubika ukuthi imibukiso sesiyibeke kwelinye izinga. Impokophelo

yethu ukuthi abantu bakwazi ukuziphilisa ngezobuciko. Kuze kube manje sesisingathe

imibukiso emikhulukazi yemisebenzi yezandla kulezi zindawo: oThukela

Page 14: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

14

wawuhambisana nomgubho woSuku Lokuhumusha Lomhlaba Wonke, eDumbe

wawuhambisana nombukiso wengqephu, e-Bulwer wawuhambisana nomgubho woSuku

Lolimi Lwebele; ngesikhathi kunezethulo maqondana nolwazi lomdabu, oPhongolo;

ngesikhathi kuneLekgotla yeKhabhinethi, e-Mayville ngoNhlolanja; kanjalo nangesikhathi

kuvulwa iSishayamthetho ngokusemthethweni. Sizokhuthaza ukuthi kukhangiswe

ngemisebenzi yamaciko kuyo imicimbi kahulumeni lapho kunokwenzeka khona; futhi

sigqugquzele nabahambele leyo micimbi ukuba bathenge imikhiqizo, ngaleyo ndlela

baseke, basimamise amaciko endawo.

Idili lemisebenzi yobuhlalu elihlelwe nguMnyango Wokubusa Ngokubambisana kanye

Nezindaba Zomdabu lizodidiyelwa kanye nezinhlelo zoMnyango ezihleliwe.

Kuzosingathwa ingqungquthela yamaciko enza umsebenzi wezandla ukuze amaciko akwazi ukuhlonza indlela azosebenza ngayo kanjalo nendawo azosebenzela kuyo.

Izinhlelo ezibhekele intsha

Ngaphezu kohlelo lwamaThwasa olubhekelela imikhakha ehlukene yemisebenzi futhi

esizoqasha kulo asebeneziqu abangama-85 onyakeni wezimali wezi-2017/18

ngesabelomali sika-R4.9million , uMnyango ubeke eceleni isamba sika-R1 million

obhekele imifundaze yalabo abangasebenzi emnyangweni, abafundela imikhakha

yezobuciko namasiko esingabala nje ukwenziwa kobucwebe (jewellery design and

manufacture), i-fine art, i-drama, ezeshashalazi (theatre) kanye ne-performing art.

Inhloso yethu ukuheha intsha ukuba ingene kulezi zinhlobo zobuciko ezikhona.

Sizokwamukela intsha edinga ukwenza izifundo zokuqeqeshelwa emsebenzini (in-

service training) okuyingxenye yokuzibophezela kwethu ekuthuthukiseni amakhono kanye nokucijela intsha ukuze ikwazi ukuthola umsebenzi.

Uhlelo i-The Young Patriots

UMnyango uzibophezele ekwesekeni uhlelo olubizwa nge-“The Young Patriots”,

okungolunye lwezinhlelo ezinohlonze loMnyango Wezobuciko Namasiko kuZwelonke.

Page 15: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

15

Lolu hlelo oluhlabahlosile kuhloswe ngalo ukwelekelela intsha ukuba ithole amava

omsebenzi kanye nokugqugquzela ukuthanda izwe. Kulesi Sifundazwe sekuqokwe

intsha engama-35 eyizishisekeli zezwe (young patriots) ukuze ishabasheke, ikhuthaze

ukuhlalisana okuhle kwemiphakathi kanye nokubunjwa kwesizwe ngokunjalo

nokufundisa enye intsha ngomlando, amagugu kanye nangeqhaza elabanjwa yintsha

emzabalazweni wenkululeko yesizwe kanye nokuyifundisa ukuba iyazise intando yabantu yakuleli.

Ukudalwa kwamathuba emisebenzi

Kulo nyaka wezimali ngikhiphe umyalelo wokuthi izinhlelo kumele zihlelwe zingagcini nje

esibonelelweni se-EPWP kepha zingene ngisho kulesi sabelomali esinaso. Ukudalwa

kwamathuba emisebenzi kubiza ukuthi sibe nobuchule futhi sikwazi ukuzisungulela izinto

ezintsha. Ingqalasizinda, kubandakanya izingadi kanye nokunakekela, ukuqoqwa

kwamathoyizi okudlala abantwana, abalekelela emitapweni yolwazi, amaciko ezikoleni,

ubuciko obenziwayo kanye nobuciko bemisebenzi yezandla kusalokhu kuyikona

okuyindlela emqoka uMnyango odala ngayo amathuba emisebenzi.

Izikhungo ezixhaswa ngumnyango ngezimali

Izikhungo ezixhaswa ngumnyango ngezimali zinamathuba amaningi okudala amathuba

emisebenzi kodwa esikhathini esiningi imisebenzi eziyenzayo ayicaci kahle, ngaphandle

kokudluliselwa kwezimali zokuzixhasa. Kulo nyaka siqalise izinyathelo ezinqala zokubika

ngemisebenzi eyenziwa yilezi zikhungo. Okokuqala nje, sizoqinisekisa ukuthi amasu azo

okusebenza kanjalo nezindlela zazo zokubika ngemisebenzi eziyenzayo lezi zikhungo

kuhlelwa kuhambisane nombono nezinhlelo zoMnyango. Okwesibili, kusukela manje

kuya phambili, sezizohlinzeka ngezibalo zamathuba emisebenzi eziwadalile maqondana,

phakathi kokunye, nentsha, abesifazane kanye nabakhubazekile abahlomulayo

ezinhlelweni zabo, okungenani njalo ngekwata. Ucwaningo lwethu lokwandulela

esilwenze ngoNhlolanja kulo nyaka luveza ukuthi lezi zikhungo zidale amathuba

omsebenzi wesikhashana angaphezulu kwezi-7500. Ngikholwa ukuthi u-R36 million

ofakwe ezinhlanganweni zobuciko namasiko zizodwa nje kuphela kubandakanya ne-The

Page 16: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

16

Playhouse Company kanye ne- KZN Philharmonic Orchestra kulo nyaka wezimali

uzodala amathuba emisebenzi abonakalayo uma uzophathwa ngendlela efanele.

UMnyango uzoxoxisana nalezi zikhungo ezimbili ngenhloso yokusingatha izinhlelo

ngokubambisana ukuze usebenzise ulwazi ezinalo.

Ukubuyekezwa kwezimali ezidluliselwa ezinhlanganweni

UMnyango usubuyekeze uxhasomali olunikezwa ngokudluliselwa kwezimali

ezinhlanganweni zobuciko namasiko. Izinto esizibhekile zibandakanya ukuthi

lungakanani uxhasomali obelutholwa yizinhlangano ezizodwa phambilini, isikhathi

soxhaso olukhona njengamanje uma luqhathaniswa nesabelomali somnyango

esingengakanani kanye nesidingo sokubhekelela izinhlangano ezintsha. Ngenxa yalesi

simo, ukuhlelwa kwezimali ezidluliselwa ezinhlanganweni kwehlisiwe kusuka ku- R48

million kuya ku-R36 million kanti-ke lesi samba sizosebenza kuyo yonke iminyaka emithathu elandelayo.

Ukuvuselelwa Kwezikhungo Zobuciko

Kuyasikhathaza ukungasebenzi ngendlela efanele kwezikhungo zobuciko. Ukubhekana

nale nselelo, uMnyango sewakhe isu lokusebenza elizoguqula lesi simo. Sesiqalile ukuqasha abadidiyeli bezinhlelo kanye nabanye abasebenzi kulezi zikhungo.

Ukubuyekezwa koxhasomali lwezinhlangano zobuciko namasiko i – KZNACC

Ukwehliswa kwesibalo sezinhlangano zobuciko namasiko ezixhaswa ngezimali

nguMkhandlu Wezobuciko Namasiko KwaZulu-Natali sisuka kwezingama- 42 siya

kweziyi-18 kwaba ngumphumela wokubuyekezwa koxhasomali olutholwa yizinhlangano

olwaluphakathi kuka-R30 000 no- R60 000 inhlangano ngayinye. Sifuna ukuthi ukuxhasa

kwethu ngezimali izinhlangano kwenze umsebenzi obonakalayo kuphinde kwelekelele ekufezekiseni izinhlosongqangi zenhlangano.

Page 17: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

17

Amaciko Ezikoleni

UMnyango usubuyekeze iSivumelwano Sokusebenzisana (i-MOA) noMnyango

Wezemfundo futhi uye wafaka noMnyango Wezemidlalo Nokungcebeleka waba

yingxenye yalesi Sivumelwano. Lesi Sivumelwano sihlose ukugqugquzela ezobuciko,

amasiko kanye namagugu ukuze kukhuthazwe ukuhlalisana okuhle kwemiphakathi

kanye nokubunjwa kwesizwe, ukuhlonza kanye nokunakekela amathalente ngezinhlelo

ezahlukene kanye nokusiza izikole jikelele ukuze zikwazi ukufezekisa izinjongo

zokufunda nokufundisa. Lesi sivumelwano sokusebenzisana sasayinwa ekuqaleni

kukaMbasa kanti futhi sizokuqapha ukusebenza kwaso. Uhlelo lwamaciko ezikoleni

olubizwa ngokuthi i- Artists in schools – lapho izinkakha zobuciko zisebenzisana nothisha

- seluqalile ukuthela izithelo ezinhle. Ziyi-180 izinkakha ezitzoshalwa ezikoleni ngokwalolu hlelo, kulo nyaka wezimali.

Uhlu lwemininingwane kanye nokuhlelwa kwamaciko ngokwamaqophelo akuwona

Sesakhe uhlu lwemininingwane yamaciko oluqokelelwe kukhompyutha (database) kanti

sethemba ukuthi sizobe sesikwazi ukulusebenzisa kahle ngoMandulo wezi- 2017. Lokhu

kuzoqinisekisa ukuba sobala kokusebenzisana kwamaciko neminyango kyesifundazwe.

Amaciko, kubandakanya nalawo enza imisebenzi yezandla azohlelwa ngokwamaqophelo

akuwona ukuze kubonakale ukuthi angene kusiphi isigaba sezimakethe. Lolu hlelo

luzosiza ekuhlomiseni uMnyango ukuze ukwazi ukuqalisa ukusebenza komyalelo

weSigungu Esiphezulu oyalela uMnyango Wezobuciko Namasiko ukuba kube yiwona

osekhaleni ekudidiyelweni kwezinhlelo zokuqokwa kwamaciko azokwenza imisebenzi edingekayo emicimbini kahulumeni.

Imitapo Yolwazi

Page 18: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

18

Ukuhlaziya kwethu kuveze ukuthi ukwakhiwa kwemitapo yolwazi bekugxile kakhulu

eningizimu yesifundazwe. Ngenxa yalokhu, kusukela manje kuya phambili, uMnyango

uhlela ukugxila enyakatho yesifundazwe kanye nasezindaweni zasemakhaya ukuze kube

yizona ezihlomula kakhulu.

Imiklamo yemitapo yolwazi eqhubekayo njengamanje

Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kuyingxenye ebalulekile yalo Mnyango yokuqinisekisa

ukuthi abantu bayafinyelela ezinsizeni zemitapo yolwazi ukuze bathole ulwazi,

ukuzijabulisa kanye nokufunda impilo yonke. Nonyaka sizotshala u-R82, 889 million

maqondana nengqalasizinda yemitapo yolwazi. Njengamanje kwakhiwa umtapo wolwazi

waseNgwavuma kuMasipala waseJozini kanye nomtapo wolwazi waseBilanyoni

kuMasipala waseDumbe. UMnyango sewudlulisele isamba sokuqala sika-R10 million

kuMasipala wase-Newcastle maqondana nokwakhiwa komtapo wolwazi wase-

Charlestown. Ingxenye esele elinganiselwa ku-R15 million izodluliselwa kulo nyaka

wezimali ukuze kuphothulwe ukwakhiwa kwalo mtapo wolwazi. Ukwakhiwa komtapo

wolwazi wase-Port Shepstone onezitezi ezintathu kwaqala ngoNhlaba wezi- 2016 kanti-ke kulindeleke ukuba uphotholwe ngoNhlangulana wezi-2018.

Imiklamo yemitapo yolwazi esiphothuliwe

Ukwakhiwa komtapo wolwazi waseManyiseni kuMasipala waseJozini kwaphothulwa

ngonyaka wezimali owedlule nokuyinto ekhombisa ukuzibophezela kwethu ekuhambiseni

intuthuko ezindaweni ezisemakhaya. Umtapo wolwazi waseVulamehlo kuMasipala

waseMdoni kanye nokulungiswa kabusha komtapo wolwazi wase-Brutville nakho

kuphothulwe ngonyaka wezimali owedlule. Kuzolungiswa kabusha umtapo wolwazi waseMzimkhulu kanye nowase-Utrecht, eMadlangeni.

Page 19: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

19

Imiklamo yezakhiwo zemitapo yolwazi zokubambisa

Kuzophothulwa izakhiwo zemitapo yolwazi zokubambisa eziyisishiyagalombili ngekwata

yokuqala yowezi-2017/18, lezi zakhiwo zikulabo masipala: (Ibisi) eMzimkhulu;

(eBhamshela) eNdwedwe; (eNkwezela) Dr Nkosazana Dlamini-Zuma; (KwaSthebe)

eMandeni; (KwaMthethwa) eMfolozi; (KwaChwezi) eNkandla; (kuWadi 17) eNquthu;

(Bhekuzulu) Abaqulusi kanye (naseSthembile) eNdumeni. Kulo nyaka wezimali,

uMnyango uzokwethula umfanekiso wepulani yesakhiwo somtapo wolwazi esinganwetshwa ngokubonakala kukhula isidingo sokusebenza kwawo ukuze uzongena

endaweni yesakhiwo sokubambisa esikhona njengamanje.

Imidwebo yemitapo yolwazi emisha

Imifanekiso yamapulani okungeyokugcina ngci yemitapo yolwazi waseMzumbe; e-

Dannhauser, eNquthu, oLundi kanye nowaKwaNongoma izophothulwa ekupheleni

konyaka wezimali bese isikhishelwa amathenda. Yonke le mitapo yolwazi izoba

senyakatho yesifundazwe njengokuzibophezela kwethu, ngaphandle kowaseMzumbe, okunguwona kuphela umasipala wendawo njengamanje ongenawo umtapo wolwazi.

Ukufinyelela ku-internet nakuma-e-learning kiosk

Yonke le mitapo yolwazi, kanye naleyo evele ikhona njengamanje, izokuba ne-internet

yamahhala ukuze amalungu omphakathi ezokwazi ukusebenzisa amakhompyutha

ukubheka imisebenzi, ukwenza izinhlelo zamabhizinisi kanye nama-CV. Yonke le mitapo

yolwazi izoba nama- e-learning kiosk ukuze umphakathi ukwazi ukufinyelela olwazini

emitapweni yolwazi. Ama-e-learning kiosk aqala ukufakwa emitapweni yolwazi emithathu

kowezi-2016/17 kanti-ke kusazofakwa amanye emitapweni yolwazi eyahlukene kowezi-

2017/18. Lezi zikhungo, ama-kiosk phela, zinezinsiza ezingama-touch screen zihlinzeka

Page 20: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

20

phakathi kokunye, ngokuthi ukwazi ukudawuniloda ulwazi olulekelela abafundi kanye nolwazi oluqondene namabhizinisi amancane.

Izinsiza zemitapo yolwazi ezibhekelela abangaboni

Kulo nyaka wezi-2017/2018, kuzosetshenziswa u-R35 million emitapweni yolwazi emisha

kanye naleyo evele ikhona ukuthenga izinsiza zemitapo yolwazi ezintsha, ezibandakanya

izincwadi, amakhasethi alalelwayo nawezithombe ezibukwayo, amaphephabhuku,

amaphephandaba, amathoyizi abantwana kanye nemishini yokudlala. Lusazoqhubeka

uhlelo lokufinyelela ezincwadini ezifundeka nge-internet mahhala, olubizwa nge-e-Book

Subscription Service, nokuwuhlelo olukhombisa intshisekelo yoMnyango yokuhlala

uletha ulwazi oluhambisana nesikhathi maqondana nokufunda kanye nokuhlangabezana

nezidingo zomphakathi. Izinsiza eziyisipesheli ezimaqondana nabangaboni

ezitholakalayo njengamanje emitapweni yolwazi engama-23 sezizosatshalaliselwa

nakweminye emine kulo nyaka ngokugxile ikakhulu ezinhlelweni zokukhuthaza kanye nokukhangisa.

Izinhlelo zokukhuthaza

Kulo nyaka kuzoqaliswa izinhlelo zokukhuthaza ngenjongo yokutshala isiko lokufunda

kubantwana, ngenhloso yokuxhasa izinhlelo zikazwelonke zoMnyango Wemfundo Eyisisekelo eziqhubekayo njengamanje.

Yonke imitapo yolwazi emisha izokuba nendawo yokudlala neyokungcebeleka; isibonelo, amabhodi okudlala i-chess, imidlalo yomdabu, nokunye ngenhloso yokukhuthaza indlela yokuphila enhle. Sizoqhubeka nokuheha intsha ngalolu hlelo lwethu esilubiza ngokuthi i- “gaming @ your library”.

Kuzodaleka amathuba emisebenzi ngokuba kuxhaswe omasipala ngemali ukuze

kuqashwe abasebenzi abazosebenza emiklamweni yengqalasizinda, abazoqoqa amathoyizi abantwana, abazohlela izincwadi kanye nabazohlanza imitapo yolwazi.

Page 21: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

21

Phezu kwalokho, kuyinto esiyaziyo sonke ukuthi ukuthuthukiswa kwabantwana

besebancane kuyingxenye esemqoka yokwesekelwa kwezemfundo esikuhlinzekayo

singuMnyango. Lokhu sikwenza ngokuba sihlinzeke ngamathoyizi nezimpahla zokudlala

emitapweni yolwazi engama-38 kanjalo ngokuba sihambise amathoyizi angama-tubby toys ezinkulisa ezingama-86.

Kulo nyaka wezimali, uMnyango uzodlulisela u-R198, 923 million komasipala bezindawo

okuwuxhaso olumaqondana nezindleko zokukhokhela abasebenzi abenza imisebenzi

ephathelene nemitapo yolwazi yomphakathi. Lolu xhasomali lwenza sikwazi ukubeka

amaqophelo aphezulu okwenziwa komsebenzi emiphakathini ehlinzekelwa yile mitapo yolwazi.

Ezemisebenzi Yezinqolobane Zokugcina Imilando Ebhaliwe

Njengengxenye yokuguqulwa kwezenhlalo, eZemisebenzi Yezinqolobane Zokugcina

Imilando Ebhaliwe kanye noPhiko Olubhekele Ukuphathwa Kwamarekhodi bazoqhubeka

nemikhankaso yokuqhakambisa izimpawu nemiyalelo yesizwe. Kuzovakashelwa izikole

ngenhloso yokuchaza ukuthi zisho ukuthini izimpawu zesizwe bese kunikezelwa

ngamafulegi kanye namabhokisi okugcina imilando ukuze kugqugquzelwe ukubunjwa kwesizwe kanye nokuthanda izwe kubantwana besikole.

Ukuphathwa Kwamarekhodi

Uphiko Olubhekele Ukuphathwa Kwamarekhodi olungaphansi kweZemisebenzi

Yezinqolobane Zokugcina Imilando Ebhaliwe luyaqhubeka nokusebenzisana neHhovisi

likaMcwaningi-mabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika ngenhloso yokuqinisa izindlela

zokugcinwa kwamarekhodi kuyo yonke iminyango kahulumeni esifundazweni kanye

nakomasipala. SinguMnyango Wezobuciko Namasiko, siyakholwa ukuthi isiko eliqinile

lokugcinwa kwamarekhodi lenza kube lula ukufinyelela olwazini lukahulumeni, lwenza ngcono ukuthunyelwa kwezidingo kubantu futhi lwenyusa nokweneliseka kwezakhamuzi.

Page 22: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

22

Ukulondolozwa Kwamagugu

UPhiko olubhekele Umlando Oxoxwayo olungaphansi kweZemisebenzi Yezinqolobane

Zokugcina Imilando Ebhaliwe luyaqhubeka nokuxoxisana nezakhamuzi esezikhulile

nalabo ababecindezelekile phambilini emiphakathini yethu ngenhloso yokuthola ulwazi;

ngaleyo ndlela-ke luphonsa itshe esivivaneni emzamweni yophiko Lwezemisebenzi

Yezinqolobane Zokugcina Imilando Ebhaliwe KwaZulu-Natali yokuqinisekisa ukuthi

umlando wezenhlalo walesi sifundazwe uveza ukwehlukahlukana kwabantu baso, amasiko kanye namagugu aso.

Inqolobane Yesifundazwe Yokulondoloza Imilando Ebhaliwe

Ikhona inqubekela phambili esiyenziwe maqondana nokwakhiwa kweNqolobane

Yokulondoloza Imilando Ebhaliwe Yesifundazwe saKwaZulu-Natali. Selwenziwe

ucwaningo lokwandulela lokubheka ukuthi kungenzeka yini lokhu kwaphinde kwethulwa

nombiko walokho okuhlonziwe. Ucwaningo oluphelele luyaqhubeka njengamanje kanti

luzophothulwa ngekwata yokuqala yalo nyaka. Kubekwe eceleni u-R 20 881 356 kulo nyaka maqondana nokwakhiwa kwaleli bhilidi.

Imibuthano yokubungaza u-OR Tambo

UMnyango uzosingatha imibuthano emihlanu eyingxenye yokubungaza ikhulunyaka lika-

OR Tambo. Emine yale mibuthano izosingathwa ezifundeni ezine bese kuthi owesihlanu

ube yingxenye yeSifundo Somphakathi Sezezinqolobane Zokugcina Imilando Ebhaliwe

saminyaka yonke.

Izigcinamagugu

Ukuguqulwa Kwezigcinamagugu

Page 23: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

23

Ziyadlondlobala izinhlelo zoMnyango zokuguqulwa kwezigcinamagugu kanye namagugu

agcinwe kuzo. Ngonyaka wezi- 2016/17, kwakuhloswe ukuguqulwa kwesigcinamagugu

sase-Howick kanye nesase-East Griqualand (e-Kokstad). Kowezi- 2017/18 sizobhekana

ne-Lucas Meijer eseFilidi, i-Howick (iSigaba 2), uMdlovana, iKwaDukuza kanye ne-

Maritime Museum eseSayidi. Ukuguqulwa kwale zigcinamagugu kubandakanya

ukuqinisekisa ukuthi amagugu akulezi zigcinamagugu aveza umlando kanye namasiko

abantu bendawo. Kuzoxoxiswana nezigungu zabaqondisi bezigcinamagugu

ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bazo baveza isithombe esiphelele sezinhlanga ezikhona esifundazweni.

Imikhankaso yokuqwashisa

UPhiko Lwezemisebenzi Yezigcinamagugu ngokohlelo lwalo lokufinyelela emphakathini

luzoqinisa izinhlelo zokwazisa imiphakathi ebincishwe amathuba phambilini

ngemisebenzi engafundelwa kwezokugcinwa kwamagugu, okubandakanya izikhungo

zabakhubazekile, okungabakhuzeke ngokomzimba, abangezwa kahle kumbe

abangezwa nhlobo, abangaboni kahle, abangaboni nhlobo kanye nabantu abanenkinga yokuxhumana nabanye abantu.

Uphiko Lwezemisebenzi Yezigcinamagugu luzophinda futhi lubeke izikhangiso futhi

luxoxisane nabantu ezingqungqutheleni zabakhubazkile ngokunjalo nangesikhathi

sezinhlelo zokufundisa izitshudeni ngokukhubazeka ezikhungweni zemfundo ephakeme

(e-UNISA kanye nase-UKZN). Bazofundiswa kabanzi abengamele izigcinamagugu

kanye nabasebenzi bakhona maqondana nokufinyelela kwemiphakathi ekhubazekile

ezikhungweni zezigcinamagugu. Uphiko Lwezemisebenzi Yezigcinamagugu

lusezinhlelweni zokuhumushela ku-Braille lawo magugu agcinwe kwisigcinamagugu esingumahambanendlwana, ukuze lesi sigcinamagugu sikwazi ukusebenza

njengemtapo wolwazi ongumahambanendlwana wabantu abangaboni kahle ngokunjalo nalabo abangaboni nhlobo.

Page 24: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

24

Uhlelo Lokulondolozwa Kwamagugu

Kusukela ekwethulweni kwalo ngowezi-2016, uhlelo obizwa nge-KwaZulu-Natal Heritage

Preservation Initiative (KZNHPI) selukwaze ukuhlizeka ngamagugu ezigcinamagugu

nawezamasiko angaphezulu kwezi-10 000 ngobuchwepheshe bamakhompyutha,

okuzokwenza izizukulwane ezizayo zikwazi ukuqonda imvelaphi yazo futhi zifunde

nangomlando onothile walesi sifundazwe. Njengamanje, bangaphezulu kwama-750

abantu abakwazi ukufinyelela kulo mthombo ngobuchwepheshe bamakhompyutha kanti

lesi sibalo sikhula ngama-30% njalo ngenyanga. UMnyango uzogxila ekutheni

kubonakale namagugu aphathelene nomzabalazo wethu wenkululeko, intando yabantu

kanye nokuthuthukiswa kwenhlalo nomnotho ngokufaka amanye amagugu amasha angaphezulu kwama-20 000 kusizindalwazi (website) esithi kznheritage.org portal.

Imibungazo ka-OR Tambo

Nonyaka kugujwa ikhulukanyaka lika-Oliver Reginald Tambo osewadlula emhlabeni,

ingqalabutho yesizwe neqhawe lomzabalazo wenkuleko, elabumba umbono wezwe,

impokophelo kanye namagugungqangi ethu. Sizobungaza umlando wakhe

ngokusungula ingosi yokufundisa kwisizindalwazi esithi kznheritage.org, okuyinto ezoqhakambisa impilo kanye nenkolelo ka-OR Tambo.

Amagugu ezamasiko ayinto engeke wayithola ndawo futhi akukho okuvala isikhala sawo,

ngakho-ke lesi sizukulwane samanje sinomthwalo wokuwalondoloza ukuze izizukulwane ezizayo zikwazi ukuwaqonda futhi zihlomule kuwo.

Isigcinamagugu sasePort Sheptone- Umnotho Wezasolwandle

Kuyintokozo ukumemezela ukuthi ukwakhiwa kweSigcinamagugu esisha sasePort

Sheptone esidle u-R17 million, kuphothulwe ngoNdasa wezi-2017. Ngijabule impela

ngoba nonyaka sizokwakha indawo yombukiso ezokudla u-R 1.4 million ezokhombisa

umnotho wasolwandle. Lokhu sizokwenza kube yingxenye yegalelo lethu kuzakhamuzi

Page 25: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

25

zethu ukuze zazi nge-Blue Economy njengalokhu ichazwe ohlelweni olubizwa nge-

Presidential Operation Pakisa Programme. Lesi sigcinamagugu sizovulwa ngokusemthethweni makhathaleni kulo nyaka.

Izimali ezedluliselwa komasipala kanye nasezinhlanganweni ezingenzi nzuzo

UMnyango uzodlulisela u-R12.984 million komasipala bezindawo kanye

nasezikhungweni ezingenzi nzuzo maqondana nokuxhaswa kokuqashwa kwabasebenzi

kanye nezinye izindleko zokwenziwa kwemisebenzi ephathelene nokusebenza

kwezigcinamagugu. Lokhu yingxenye yokudalwa kwamathuba emisebenzi. Kanti-ke

maqondana nezikhungo ezingenzi nzuzo, lolu xhasomali lubhekele ukuqashwa kwabaphathi bezigcinamagugu.

Kulo nyaka, uMnyango uzoxhasa i-Prince Mangosuthu Buthelezi Museum kanye ne-

Documentation Centre, okuyizikhungo esezifakwe ohlwini lwezigcinamagugu

ezingaphansi koMnyango. Lokhu kukhombisa ukuzibophezela kwethu ekusebenzisaneni nemikhakha eyehlukene yemiphakathi yethu.

Lokhu kwedluliselwa kwezimali kuzohambisana nezinyathelo ezinqala zokuqapha ngeso

lokhozi ngokuthi kusayinwe izivumelwano zokusebenzisana futhi kube nezinhlelo

zokuqalisa ukusebenza ezinezikhathi ezibekwe ngokucacile kanjalo nemiphumelangqo

ebonakalayo okumele ifezekiswe.

Inhlanganisela Yezinhlelo Zokungenelela kuma-War Room

Sihlala njalo siphokophelele ukwenza ngcono izindlela zokusiza imiphakathi emazingeni

aphansi futhi sibe negalelo elibonakalayo elizoguqula impilo yabantu. Ukufezekisa lokhu,

iZinhlelo Zokungenelela kuma-War Room zilokhu ziyindlela engcono yoMnyango

yokuhambisa izidingo kubantu. Le ndlela ihambisana nohlelo lwesifundazwe olubizwa

nge-Operation Sukuma Sakhe. Imisebenzi esiyenzela imiphakathi ezingeni lama-war

room ngale nhlanganisela ibandakanya ukunikezela ngokhehlegume bezomculo

Page 26: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

26

ngenhloso yokulekelela abaculi abasafufusa ukuba bakwazi ukuzilungiselela nokwenza

umsebenzi wabo; sikhokhela amaciko asemnkantshubomvu imadlana yokuqinisa

iphakethe ngokuqeqesha kwawo amaciko asangamavukana; siqeqesha amathimba

okufunda nokubhala izincwadi; sisiza abantu abasha bakwazi ukulandelela imvelaphi

yabo ngomklamo obizwa nge-Family Tree Project; futhi siqasha abacwaningi abaqoqa umlando ngokuxoxisana nabantu.

Kuyintokozo ukwethula isabelomali sowezi-2017/18 sika-Vote 15 esimi kanje:

Uhlelo 1: u-R149 387 million

Uhlelo 2: u-R 263 350 million

Uhlelo 3: u-R 461 331 million

Isamba sesisonke: u-R 874 068 million

Ukuhlonipha amaciko aselandulele leli

Ngingakahlali nje phansi, Somlomo, ngivumele nginxuse le Ndlu Ehloniphekile ukuba sike

sithobe umzuzwana nje sihloniphe bonke asebesishiyile kulo mhlaba, nokho abayibekile

induku ebandla embonini yezobuciko namasiko – abasishiye kamuva nje okunguSifiso

Ncwane (womculo wokholo), uLundi Tyamara (naye ongowomculo wokholo), uNgane

Ziyamfisa Ntuli (okaMaskandi) kanye no-Joe Mafela (wemidlalo yeshashalazi) – lena

bekuyingwazi ebeyaziwa emhlabeni wonke jikelele ebambe elikhulu iqhaza kulo mkhakha. Sengathi imiphefumulo yabo ingalala ngokuthula.

Isiphetho

Kuyobe ngehlulekile ukwenza umsebenzi wami uma ngingabongi uMhlonishwa

uNdunankulu kanye neqembu elibusayo ngokungethemba abangikhombise khona

ngokuthi bangiphe ithuba lokuhola lo mnyango. Ngithanda nokubonga iKomidi

Lesishayamthetho elibhekele Ezobuciko Namasiko kanye nelibhekele Ezezimali ngoholo

Page 27: INKULUMO YESABELOMALI YOMNYANGO ......Social Cohesion Report yezi-2015 kanye ne- Migration Report yezi- 2015 yocwaningo olwasungulwa yisiGungu Esiphezulu ukuthi kuphenywe ngezimbangela

27

kanye nokweseka abahlala besinikeza kona; kanjalo nomndeni wami oyinsika yami

zikhathi zonke. Okokugcina, ngibonga ukwesekwa okukhulu engikuthola koyiBamba leNhloko yoMnyango, uMnu MB Mnguni, abaphathi kanye nabasebenzi jikelele.

Masisebenze singaphumuli ukuze sakhe uMphakathi Obumbene, Ohlalisene Kahle

noneNqubekela Phambili Ngezobuciko, Amasiko Namagugu.

Ngiyabonga.