national senior certificate ibanga le-12...lowo okhulekayo uliqhamukisaphi, ulibangisephi futhi...

12
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi AMAMAKI: 70 ISIKHATHI: amahora ama-2 Leli phepha linamakhasi ayi-12. ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL) IPHEPHA LOKUQALA (P1) EXEMPLAR 2014 NATIONAL SENIOR CERTIFICATE IBANGA LE-12

Upload: others

Post on 02-Feb-2021

2 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

  • Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    AMAMAKI: 70 ISIKHATHI: amahora ama-2

    Leli phepha linamakhasi ayi-12.

    ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

    IPHEPHA LOKUQALA (P1)

    EXEMPLAR 2014

    NATIONAL SENIOR CERTIFICATE

    IBANGA LE-12

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 2 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    IMIYALELO KANYE NOLWAZI KWABAHLOLWAYO 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: ISIQEPHU A:

    ISIQEPHU B: ISIQEPHU C:

    Isivivinyo sokuqondisisa (30) Ukufingqa (10) Izakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi (30) (

    2. Phendula YONKE imibuzo ekuleli phepha. 3. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA. 4. Dweba umugqa ekupheleni kwesiqephu ngasinye. 5. Bhala izinombolo zezimpendulo njengoba zibhalwe emibuzweni. 6. Shiya umugqa emva kombuzo ngamunye. 7. Qaphela upelomagama kanye nokwakheka kwemisho. 8. Ungasebenzisa isikhathi sokubhala ngale ndlela elandelayo:

    ISIQEPHU A: Imizuzu engama-50 ISIQEPHU B: Imizuzu engama-30 ISIQEPHU C: Imizuzu engama-40

    9. Bhala ngobunono nangesandla esifundekayo.

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 3 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA UMBUZO 1: UKUFUNDELA UKUQONDISISA

    1.1 Fundisisa UMBHALO A ubuye ubukisise NOMBHALO B ongezansi bese

    uphendula imibuzo elandelayo.

    UMBHALO A (OFUNDWAYO)

    1 2 3 4

    UKUBALULEKA KOKWAMUKELWA KWEZIHAMBI

    'Sikhulekile ekhaya, isisu somhambi asingakanani singangenso yenyoni.' Ake siqale ngaso lesi sihambi esesikhulekile sizwe ukuthi obabamkhulu babesemukela kanjani. AmaZulu abe engabantu abasazisayo isidalwa esingumuntu. Isihambi sasemukelwa siphathwe kahle kuthi nalapho sesihamba sivaleliswe kahle siphiwe nomphako. Lo musa ozigaxa kangaka wawubangelwa yini? Okokuqala kwabe kuhlonishwa idlozi. Uma izihambi zifike zabusa ngamanzi amponjwana kwaba nokuhhomuzela ekhaya, abaphansi nabo babejabula basondele ekhaya bezobungaza umuzi baphuze kanye nezihambi. Uma kungekho msindo wentokozo ekhaya abaphansi babewuzila lowo muzi, kube ukuphuthelwa kwawo izilokotho nezibusiso. Isizathu sesibili kwakungukwesaba izwe. Umnumzane ophatha kabi izihambi wayehlambalazeka phakathi kwendawo. Wayeduma ngegama elibi ebantwini, agcine ethukeke ngokuthi uhamba ebusuku, uphakela omantindane, asinise nemikhovu. Emizini yezikhulu isihambi sasikhuleka esangweni bese semukelwa imvali. La kungenamvali khona sasizingenela sihambe ngasohlangothini lokuphonsa lo muzi size siyoma ngasendlunkulu. Uma imvali ingekho kwakuphuma umntwana osekhullile noma omunye komakoti ezwe ukuthi lowo okhulekayo uliqhamukisaphi, ulibangisephi futhi abuzwe nokuthi ungubani wakobani. Kwakwenziwa lokhu ngoba ezinye izihambi azethembekile, kwakungenzeka kube izihambi mbumbulu ezisophe impilo yensika yomuzi, umnumzane phela. Yingakho yena wayengaveli kuze kuzwakale ngempela ukuthi okulethe isihambi ngaphakathi kwamasango ngabe yini, nokuthi singesakobani. Sesizongeniswa-ke isihambi uma umnumzane ethi asingeniswe. Singeniswa endlunkulu njalo. Inkosikazi yasendlunkulu yiyona eyayithwala umsebenzi wokwemukela izihambi nokuziphatha kahle. Lokhu emzini womnumzane kuhlalwa kubuswa ngamanzi amponjwana, sekuzongeniswa ukhamba umuntu wokuhamba acime ukoma kuncokolwe kamnandi ukuze isihambi sizizwele semukelekile. Uma iyisehluleki indlunkulu yayingahle ilahlekelwe isikhundla sayo. Ekuxoxeni nesihambi kungahle kuvele ukuthi singumuntu omkhulu endaweni yakubo noma-ke sizalwa isikhulu. Kungahle kuvele futhi ukuthi siyisihlobo sakulo muzi noma singumuntu ohlwempu oswele nendawo yokufihla ikhanda.

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 4 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    5

    6 7

    Uma siyisikhulu noma siyisihlobo, kungahle kuqoqwe izimbuzi khona manje sihlatshiswe. Uma siyimpabanga ekhulekela ukutholwa, sasizonikwa indlu ngasesangweni sithi gozololo khona bese kubikelwa inkosana yozalo. Ukusuka lapho sekuzobikelwa izikhulu zenkosi, usetholiwe njalo umuntu. Uzohlala kulo muzi abe ngowakhona aze athathe inkosikazi abe nomuzi. Zavela kanjalo izihlobo okwakuthiwa izinkulelwane. Laba abantu abatholwa emzini lowo bese bekhulela khona. Zazande kakhulu ngezikhathi zezimpi. Ngelanga lokuqala isihambi sasiba umuntu womnumzane nje zwi. Abanye bomuzi babesibona ngokungena belethe okuthile njengokudla. Kuzothi ngakusasa isithembu somnumzane siphume nezitsha zamanzi siyohlamba emfuleni. Sizobuya sivunule sithe shi, sesilungisele ukuyobingelela isihambi. Singaqeda ukuvunula isithembu sekuzongeniswa ukhamba endlunkulu. Umnumzane nezivakashi zakhe sebekhona phela. Kuyaphuzwa ngapha kuyaxoxwa ngapha. Wo! Suka singene isithembu somnumzane sesivunule siconsa kuhola iNdlunkulu phambili. Bazongena bathi shaye ngokwelamana kwabo. Bangena ngendlela abasina ngayo kulo muzi, okungukuthi umakoti oluhlaza wamagcino ngci uhlala ngasemnyango. Sebezoqala-ke ukubingelela. Kuqala yona futhi iNdlunkulu kuze uzakwabo oyelamayo kuze kugcine owamagcino. Sebezophuziswa ngayo indlela abalandelana ngayo. Kuzothi ukuxoxwa amaxoxo angatheni baphindwe futhi omame besithembu baphuziswe. Emveni kokubusa okungaka, isihambi sasingakhululeka sihambe. Isihambi sasingahambi silambatha. Kwakuye kubanjwe ixogwana bese sifakelwa iyambazi esigujini ukuze sithibe umashayandawonye endleleni. Lokhu kwakwenziwa ngoba kwesinye isikhathi sasisazohamba ibanga elide ngezinyawo ngenxa yokuthi izinto zokuhamba zaziyivela kancane. Lokhu kwakwenziwa ukutshengisa ubuntu ukuze nesihambi sifike siphethe ekhaya bese landa igama elihle lalowo muzi. Lobu buntu babenziwa abadala ngoba babazi ukuthi unyawo alunampumulo.

    1.1.1 Kwakubangelwa yini ukuthi isihambi sisebenzise amagama

    atholakala emgqeni wokuqala adwetshelwe?

    (2)

    1.1.2 Yisho ukuthi kwakuhlobana kanjani ukuphathwa kahle kwesihambi kanye nokuhlonishwa kwedlozi.

    (2)

    1.1.3 Chaza kafushane indlela isithembu somnumzane esasibingelela

    ngayo isihambi? Bheka isigaba sesi-6.

    (4)

    1.1.4 Iyini inhloso yombhali ngalesi siqephu? (2)

    1.1.5 Ucabanga ukuthi kungani umsebenzi wokwemukela isihambi wawunikwa indlunkulu?

    (3)

    1.1.6 Isimo sokukhuluma esidwetshelwe sibe namthelela muni ekuqondeni

    kwakho lesi siqephu? Sekela impendulo yakho.

    (3)

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 5 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    1.1.7 Ngabe uyavumelana nokuthi indlela osekuphathwa ngayo izihambi manje ayisafani neyakuqala? Sekela impendulo yakho.

    (2)

    1.1.8 Phawula ngolimi olusetshenziswe umbhali esitatimendeni esibhalwe

    ngokugqamile. Bhekisa impendulo yakho kuMthethosisekelo wakuleli.

    (2)

    KANYE NO

    1.2 Bukisisa lesi sithombe esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO B (OBUKWAYO)

    1.2.1 Nikeza OKUBILI okukulesi kulesi sithombe okugqamisa ukuthi le indawo yasemakhaya.

    (2)

    1.2.2 Chaza kafushane ukuthi ukuvuleka komlomo kanye nokuphakamisa

    izinhlonze kukamame kule khathuni, kuveza muphi umuzwa.

    (2)

    1.2.3 Amagama adwetshelwe enkulumeni kamama akulesi sithombe, aveza siphi isimo phakathi kukamame nendoda?

    (1)

    Yebo muntu wokuhamba!

    Sikhulekile ekhaya!

    Isisu somhambi singangenso yenyoni.

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 6 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    1.2.4 Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile enkulumeni yowesilisa osesithombeni sichaza ukuthi … Qedela ngokukhetha impendulo kulezi ezilandelayo: A Isihambi siphuma ezweni elikude. B Isihambi sinesisu esincane kakhulu. C Isihambi saneliswa yilokho esikuphiwayo. D Isihambi asihleli sizodlula masinyane.

    (1)

    1.2.5 Ngokufunda kwakho isiqephu kanye nokubuka kwakho isithombe ucabanga ukuthi yikuphi okumele kwenziwe yilo mama?

    (2)

    1.2.6 Phawula ngokuhlolisisa indlela umame amukela ngayo lona

    owesilisa, ubhekise impendulo yakho esiqeshini sesi-2 embhalweni ofundwayo.

    (2)

    AMAMAKI ESIQEPHU A: 30

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 7 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    ISIQEPHU B: UKUFINGQA UMBUZO 2: UKUFINGQA ISIQESHANA NGAMAGAMA AKHO Lesi siqeshana esilandelayo (UMBHALO C) simayelana neqhaza elibanjwa umndeni ukukhulisa ingane ekhubazekile.

    IMIYALELO: 1. Fingqa lesi siqeshana esikhuluma ngeqhaza elibanjwa umndeni ukukhulisa ingane

    ekhubazekile usebenzise amagama akho angeqile kwangama-80. 2. Fingqa ngesigaba/ngezigaba. 3. Ungabe usasibhala isihloko uma usufingqa lesi siqeshana. 4. Bhala inani lamagama owasebenzisile ekugcineni kwesiqeshana osifingqile.

    UMBHALO C

    IQHAZA ELIBANJWA UMNDENI UKUKHULISA INGANE EKHUBAZEKILE

    Kuyenzeka emndenini kube khona ingane ekhubazekile. Ingane ingakhubazeka ngokomzimba, ngokukhula noma ngokwengqondo. Ukuba khona kwale ngane emndenini kuletha izingqinamba eziningi okumele lo mndeni ubhekane nazo. Lesi simo akusona esingathi sibhekene nohlobo oluthile lwabantu kodwa kusuke kuyisipho sikaMvelingqangi noma uNkulunkulu. Kusukela emandulo, izizwe zonke zomhlaba bezihlezi zibhekene nalezi zingqinamba. Lezi zingane kuye kubukeke sengathi ziwuhlupho, zidla isikhathi sabanye abantu ekhaya futhi azinakekeliwe. Kuyaye kumangaze nokho uma usubona eminye imindeni izilahla lezi zingane, baphikisane ngokumele azinakekele noma baphisane ngazo. Omunye umzali akanqeni ukuyishiya esibhedlela bese iba ngumtshingo ubethwa ubani. Yena ashaye achithe angaphinde abonwe nangokhalo. Amalunga omndeni kubalulekile ukuba abe nesineke, uthando kanye nokubekezela. Enye indlela ekhombisa uthando nokunakekela, ukukhokhela izinsiza zobuchwepheshe ezimba eqolo ezihambelana nokwelashwa kwale ngane. Imindeni edla imbuya ngothi igcina ngakho ukukhombisa uthando nesineke kodwa ihluleke ukuthola nokukhokhela lezi zinsiza ezimba eqolo. Ayikho into ebuhlungu njengokuthi uma ugibele ibhasi noma uhambisa ingane ekhubazekile emtholampilo, uthole ukuthi wonke amehlo abantu asethe njo kuwe. Lokhu kukhombisa ukungafundiseki kahle komphakathi. Umndeni kumele ukulindele ukukhishwa inyumbazane kanye nokuphoxeka. Umphakathi mawukuqonde ukuthi lo mndeni udinga ukusekwa kunokuba kuhlekiswe ngalesi simo. Makukhunjulwe ukuthi ingane ngayinye inendawo yayo ekhethekile kumzali wayo. Ukuchitha isikhathi nale ngane kuyenza izizwe ibalulekile futhi ikhululekile. Ukuphatheka kahle kungayenza ikwazi ukuxoxa ngesimo sayo ingabi namahloni. Kubalulekile nokho ukuthi umndeni uyiqondisise kahle imizwa yale ngane. Kuyomele nalezi ezinye izingane zakwabo zifundiswe ukuze zingabi nesikhwele zibone sengathi sekukhethwa iphela emasini.

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 8 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    Enye indlela yokubhekana nalesi simo ukuthi abantu besifazane bajwayele ukuvakashela imitholampilo ukuyoxilonga impilo yabo. Kuyenzeka unina wengane akuqonde esazithwele ukuthi uzothola lolu hlobo lwengane. Lolu lwazi angalutshelwa ngudokotela esebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Kungamsiza ozithwele ukuba azilungiselele yena nomndeni wonkana, aqaphele izinto aziphuzayo, azidlayo kanye nokuvocavoca umzimba. Kubalulekile ukuthola izinhlangano lapho uzoxhumana nabazali abanezingane ezinezinselelo ezifanayo nezomntwana wakho. Abeluleki bezengqondo nabangane bawusizo olukhulu ekwesekeni umndeni ukuze iqambe iyafika le ngane sebekulungele ukubhekana nezinselelo zokukhulisa lolu hlobo le ngane. Imfundo yale ngane ekhubazekile kufanele ibhekisiswe ezikoleni. Lokhu kungenziwa kusukela ezikoleni ezinobuciko kanye nochwepheshe. Izikole kufanele zibe nabafundisi abanamakhono anhlobonhlobo. Imisebenzi yezandla ingeminye eyenziwa yilezi zingane ukuze zizithuthukise ngolwazi futhi zizibone nazo zibalulekile. Ukuklomelisa lolu hlobo lwengane, uyigqugquzele, uyincome, kuyenza ijabule futhi ibubone ubuhle bempilo.

    AMAMAKI ESIQEPHU B: 10

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 9 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    ISIQEPHU C: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI UMBUZO 3: UKUHUMUSHA ISIKHANGISI Fundisisa lesi sikhangisi (UMBHALO D OFUNDWAYO NOBUKWAYO) bese uphendula imibuzo ezolandela.

    UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

    ESEZINSIZWA EZIZITHANDAYO KUPHELA

    YENZA UKUBA UMZIMBA WAKHO UBE BUSHELELEZI NGOKUPHAZIMA

    KWESO.

    Ikunika isikhumba esibushelelezi ngokushesha!

    Yiba muhle, uthandeke.

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 10 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    3.1 Yimuphi umkhiqizo okhangiswayo kulesi sikhangisi? (2) 3.2 Yisho ukuthi lesi sikhangisi sibhekiswe kobani. Sekela impendulo yakho. (2) 3.3 Ucabanga ukuthi ukusetshenziswa kwefonti enkulu esihlokweni kanye

    nensizwa okukhangiswe ngayo kulesi sikhangisi kunamthelela muni kumfundi wesikhangisi.

    (2) 3.4 Yimuphi umqondo onikezwa igama elidwetshewe kulesi sikhangisi? (2) 3.5 Ucabanga ukuthi umbhalo obhalwe ngosonhlamvukazi kulesi sikhangisi

    uyakholeka? Sekela impendulo yakho.

    (2) [10]

    UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO E (IKHATHUNI)

    Abazali baka Tom, u-Anna noBen 1 2 3

    4 5

    Hhayi-ke! Tshela lo swenka ukuthi wenzeni.

    Ngiphuze iwayini

    ebelizose- tshenziswa esidlweni sasemini.

    Baba, ngiyaxolisa kodwa-ke ngilishayele ekhanda ngoba

    bengifuna ukusebenzisa ibhodlela.

    Bengifuna ukuliguqula libe isipho sikamama selambu sosuku

    lokuzalwa kwakhe namhlanje.

    Myeke phansi umfana wena siphukuphuku ndini sedoda!

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 11 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi

    4.1 Shono ukuthi amazwi kamame efreyimini yokuqala aveza muphi umuzwa.

    Sekela impendulo yakho.

    (2) 4.2 Ngokubuka isimo somzimba sikaBob efreyimini yesi-3 yikuphi okukhombisa

    ukuthi kuyamcasula okwenziwe uTom?

    (2) 4.3 Shono umsebenzi wesakhi esidwetshelwe efreyimini yesi-3. (1) 4.4 Khetha impendulo lukezi ezilandelayo:

    Ngokubuka ifreyimi yesine umfana ukhombisa ukuthi ... A uyalwazisa usuku lokuzalwa lukanina. B ubabukela phansi abazali bakhe. C akaliboni iphutha kulokhu akwenzile. D ungumfanyana obukeka egangile kakhulu.

    (1) 4.5 Ngokucabanga kwakho bunjani ubudlelwano bamalunga alo mndeni? Sekela

    impendulo yakho.

    (2) 4.6 Ake uncome indlela umdwebi adlulise ngayo umyalezo kule khathuni. (2)

    [10] UMBUZO 5: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO F

    IMIDLALO YOKUBUNGAZA USUKU LOKUZALWA LUKAMANDELA Izwe laseNingizimu Afrika lime nse ngenkathi kunendumezulu yemidlalo. Le midlalo ibihlongozelwe ukuqhakambisa igalelo likaMandela lokwakha ubumbano kubantu baseNingizimu Afrika. Kuqale ngomdlalo webhola wabadlali abamnkantsha ubomvu. Kwalandela umdlalo webhola phakathi kweqembu lakuleli 'iBafana Bafana' kanye neBurkino Faso kwavala ngomdlalo webhola lombhoxo lapho amaBhokobhoko abebhekene neqembu lase-Argentina. Kuzokhumbuleka ukuthi amabhokobhoko azuza indebe yomhlaba ngonyaka ka 1995. Kwathi ngonyaka olandelayo iBafana Bafana yanqoba umqhudelwano wendebe yase-Afrika. Konke lokhu kwakunenkolelo yokuthi kwenziwa ngenxa yeMadiba Magic. 'Thina siyizwe eliphiwe kwezemidlalo. Ukuwina nathi kuyisinkwa nebhotela' kusho uNgqongqoshe wezemidlalo esithangamini sabezindaba.

    5

    10

    5.1 Phinda ubhale umusho odwetshelwe emgqeni wokuqala usukhomba inkathi

    edlule.

    (1) 5.2 Emgqeni wesihlanu, kudwetshelwe isiqu egameni 'kwavala'. Phinda ubhale lo

    musho usebenzise lesi siqu sesikhombisa umqondo owehlukile kunalo otholakala emshweni okusona.

    (2)

  • IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL)/P1 12 DBE/2014 NSC – Grade 12 Exemplar

    Akuvumelekile ukukopisha leli phepha

    5.3 Kule misho elandelayo:

    • Thina siyizwe eliphiwe kwezemidlalo. • Ukuwina nathi kuyisinkwa nebhotela.

    Yakha umusho ombaxa ususebenzise isihlanganiso esifanele.

    (2) 5.4 Emgqeni wesi-7 ukuya kowesi-8, kunomusho ongabhalekile kahle. Phinda

    ubhale lo musho usulungise amaphutha akuwona.

    (3) 5.5 Sebenzisa amagama ahambisanayo adwetshelwe emshweni ozakhele wona

    ukuze kuvele ukuthi uyawaqonda indlela asetshenziswe ngayo.

    (2) [10]

    AMAMAKI ESIQEPHU C: 30 AMAMAKI ESEWONKE: 70

    ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)IPHEPHA LOKUQALA (P1)EXEMPLAR 2014NATIONALSENIOR CERTIFICATEIBANGA LE-12Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU: