st apollinaris hospital patient newseltter : january ... · ukuthi umuntu uma enza umsebenzi othile...

8
DEPARTMENT OF HEALTH KZN JANUARY– MARCH SINGABENU NEWSLETTER PATIENTS NEWSLETTER Ngithanda ukwamukela wonke umphakathi waseNgweni nabobonke abantu abasebenzisa isibhedlela namakilinikhi ethu kulonyaka omusha u 2012. Siyambonga ujehova obe nathi kwaze kwa- ba lapha sithi “Ebeneza”. Ngithanda ukuthinta izihloko ezimbalwa ezisihluphayo njengomnyango wezempilo. Siyacela umphakathi wakithi ukhuthalele ukuya ekilinikhi ikakhulukazi omama abazithwele kusukela ema- vikini ayishumi nane. Lokhu kunciphisa amathuba okusuleleka komntwana ngegciwane lesandulela ngculazi futhi uma enalo igciwane afundiswe ukuthi kufanela aphile kanjani ngesikhathi ezithwele. Sesizame isikhathi eside njengomnyan- go wezempilo ukugqugquzela ukuthi omama beze emtholampilo ukuze kuphephe abantwana. Uma sifuna ukuthi ngelinye ilanga sibe nesizukulwane esingenalo igciwane lesandulela gcula- zi.Sikhuthaza futhi ukusebenzisana phakathi kwa- balaphi basentshonalanga nabalaphi bendabuko. Sekwabonakala ukuthi iningi labantu ngaphambi kokuba beze esibhedlela baqala kubalaphi benda- buko bese beza esibhedlela noma emtholampilo. Kunezinto njengomnyango esifisa sisebenzisane nabo kuzo lapho sifaka ngisho ababelethisi nonomehlo ukuvikela ukuthathelana kwanagci- wane (infection control) kanye nokunye . Sinensele- lo enkulu ikakhulukazi kwimtholampilo yethu yoku- lethwa kwezingane ezinesifo sokungondleki (kwashiorkor). Siyacela kubazali baphe izingane ukudla okunezakhamzimba (protein). Lokhu kusiza ukuvikela izingane ukuthi zingabi nesifo sendlala noma sokungondleki. Ziningi izingane ezilaliswa egumbini labagulayo ngenxa yalenkinga. Siyacela ukuthi uma kukhona ongazi ukuthi kufanele ayini- ke kudla kuni ingane yakhe akaye emtholampilo ayocela isaluleko ngoba kukhona abantu abaqashi- we okuthiwa abeluleki ngokwezokundla (Nutritional Advisor).Sisaqhubeka nohlelo lokufundisa omama mayelana nokuhlola izinhlobo ngezinhlobo zomdlavuzo (Phila Ma campaign). Kuhlolwa umdlavuzo womlomo wesibeletho nowebele. Futhi omama bayafundiswa ukuzihlola bona umdlavuzo webele.Kuyiyifiso sami ukuthi kungabi bikho umuntu wesifazane ongakwazi ukuzihlolela yena umdlavuzo webele. Ngibala njena okusihluphayo njengomnyango kodwa kuningi okwenziwa kulom- khankaso.Siyacela futhi ukuthi abazali babantwana balethe izingane zizogoma emtholampilo. Ngokwezinamba zethu zincane kakhulu izingane lapha eNgweni ezingomile uma siqhathanisa nezin- gane ezikhona. Ukugoma abantwana kusiza ukuvikela abantwana ezifeni. Ngiyathanda ukusho futhi ukusho ukuthi lusaqhubeka uhlelo lokusoka abafana. Sithanda ukubonga bonke abeze ngaphambili bezosoka futhi sikhuthaza nalabo abangakasiboni isidingo ukuba beze, sikhuthaza ukuthi kungabi bikho umfana noma owesilisa on- gasokile eNgweni. Ngithanda ukubonga amalunga ebhodi le- sibhedlela esisebenze nawo isikhathi eside, ngithi iqhaza abalibambile liyabonakala. Ms. L.V Khumalo– uMphathi Sibhedlela

Upload: hoangcong

Post on 08-Jul-2019

224 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

DE

PA

RT

ME

NT

OF

H

EA

LT

H

KZ

N

J A N U A R Y – M A R C H

S I N G A B E N U

N E W S L E T T E R

P A T I E N T S N E W S L E T T E R

Ngithanda ukwamukela wonke umphakathi

waseNgweni nabobonke abantu abasebenzisa

isibhedlela namakilinikhi ethu kulonyaka omusha u

2012. Siyambonga ujehova obe nathi kwaze kwa-

ba lapha sithi “Ebeneza”.

Ngithanda ukuthinta izihloko ezimbalwa

ezisihluphayo njengomnyango wezempilo. Siyacela

umphakathi wakithi ukhuthalele ukuya ekilinikhi

ikakhulukazi omama abazithwele kusukela ema-

vikini ayishumi nane. Lokhu kunciphisa amathuba

okusuleleka komntwana ngegciwane lesandulela

ngculazi futhi uma enalo igciwane afundiswe

ukuthi kufanela aphile kanjani ngesikhathi

ezithwele. Sesizame isikhathi eside njengomnyan-

go wezempilo ukugqugquzela ukuthi omama beze

emtholampilo ukuze kuphephe abantwana. Uma

sifuna ukuthi ngelinye ilanga sibe nesizukulwane

esingenalo igciwane lesandulela gcula-

zi.Sikhuthaza futhi ukusebenzisana phakathi kwa-

balaphi basentshonalanga nabalaphi bendabuko.

Sekwabonakala ukuthi iningi labantu ngaphambi

kokuba beze esibhedlela baqala kubalaphi benda-

buko bese beza esibhedlela noma emtholampilo.

Kunezinto njengomnyango esifisa sisebenzisane

nabo kuzo lapho sifaka ngisho ababelethisi

nonomehlo ukuvikela ukuthathelana kwanagci-

wane (infection control) kanye nokunye . Sinensele-

lo enkulu ikakhulukazi kwimtholampilo yethu yoku-

lethwa kwezingane ezinesifo sokungondleki

(kwashiorkor). Siyacela kubazali baphe izingane

ukudla okunezakhamzimba (protein). Lokhu kusiza

ukuvikela izingane ukuthi zingabi nesifo sendlala

noma sokungondleki. Ziningi izingane ezilaliswa

egumbini labagulayo ngenxa yalenkinga. Siyacela

ukuthi uma kukhona ongazi ukuthi kufanele ayini-

ke kudla kuni ingane yakhe akaye emtholampilo

ayocela isaluleko ngoba kukhona abantu abaqashi-

we okuthiwa abeluleki ngokwezokundla (Nutritional

Advisor).Sisaqhubeka nohlelo lokufundisa omama

mayelana nokuhlola izinhlobo ngezinhlobo

zomdlavuzo (Phila Ma campaign). Kuhlolwa

umdlavuzo womlomo wesibeletho nowebele. Futhi

omama bayafundiswa ukuzihlola bona umdlavuzo

webele.Kuyiyifiso sami ukuthi kungabi bikho

umuntu wesifazane ongakwazi ukuzihlolela yena

umdlavuzo webele. Ngibala njena okusihluphayo

njengomnyango kodwa kuningi okwenziwa kulom-

khankaso.Siyacela futhi ukuthi abazali babantwana

balethe izingane zizogoma emtholampilo.

Ngokwezinamba zethu zincane kakhulu izingane

lapha eNgweni ezingomile uma siqhathanisa nezin-

gane ezikhona. Ukugoma abantwana kusiza

ukuvikela abantwana ezifeni. Ngiyathanda ukusho

futhi ukusho ukuthi lusaqhubeka uhlelo lokusoka

abafana. Sithanda ukubonga bonke abeze

ngaphambili bezosoka futhi sikhuthaza nalabo

abangakasiboni isidingo ukuba beze, sikhuthaza

ukuthi kungabi bikho umfana noma owesilisa on-

gasokile eNgweni.

Ngithanda ukubonga amalunga ebhodi le-

sibhedlela esisebenze nawo isikhathi eside, ngithi

iqhaza abalibambile liyabonakala.

Ms. L.V Khumalo– uMphathi Sibhedlela

E Z A B A N T W A N A N O S I S T E R M E I .

Page 2 P A T I E N T S N E W S L E T T E R

K uyintokozo ukuba siphinde sine-

thulele uMphathi wegumbi la-

bantwana ( Paeds ward) kulengosi yethu.

Siyathola ukuthi kunezinkinga ezikhona

lapha emiphakathini yethu, njengabantu

abamnyama siyakholelwa kakhulu

ekusebenziseni amakhambi esintu uku-

zelapha. Kodwa manje kuvela izinkanga

eziningi ezidalwa amakhambi esintu

ikakhulukazi ezinganeni ezincane

( Herbal intoxication).

Sifisa ukwazisa umphakathi esiwuseben-

zelayo ukuthi kunenkinga enkulu yokugula

okuholela ekushoneni kwezingane ezin-

cane, ezingaphansi konyaka ngenxa

yamakhambi eziwaphuziswayo no-

ma ezichathwa ngawo emakhaya.

Ezinganeni

eziyisikhombisa (7) ezilaliswayo

esibhedlela ezishonayo zibantathu

(3) kulezo ezisuke zigula ngenxa

yalenkinga yemithi yesintu.

Imiphumela esingayibalula yilena

elandelayo :Ukukhukhumala

kwesisu.

ukuphalaza umphalazo omnyama,

Inyumoniya ( Pneumonia)

Ukulimala kwesibindi (hepatitis)

Ukulimala kwezinso ( Renal failure)

Usister Mei ubeke kanjena “Siyazi ukuthi

nathi sakhula ngawo amakhambi esintu

ngokusho kogogo bethu, kepha isikhathi

samanje asisafani nesasendulo sokukhula

kwethu. Izingane zamanje zidinga

ukuqashelwa okukhulu. Besingathanda

ukuthi sibambisane noMphakathi ngoku-

nakekela izingane ngendlela ezozenza

ziphile kahle”

Siyawuqguqguzela umphakathi ukuthi uva-

kashele esiBhedlela naseMitholampilo

kuqala uma kunezinsolo zokugula abazi-

bonayo ebaNtwaneni babo. Lokhu kuzosi-

za ekunqandeni kokuswelakala kwemi-

phefumulo ngendlela enganasidingo.

Thina njeMnyango Wezempilo sinomgomo

wokulwa neZifo, Ukulwa noBubha

nokunikeza iThemba.

OOI

U Sister MEI UMPHATHI WEWODI LABANTWANA

EZITHINTA ABANTU ABASHA

N genyanga ka Nhlolanja (February )kusukela kum-

hlaka 01 kuya kumhlaka 29, 2012 umnyango

wezempilo ubunomkhankaso wokufundisa imiphakathi

ngokubaluleka kokuhlelwa kwemindeni .

Kulesikhathi ithimba lasezikoleni (school health team) lase

St Apollinaris Hospital libe selivakashela izikole zamabanga

aphezulu (High Schools) lapho belinika khona ulwazi olun-

zulu kubafundi ngalezizihloko ezilandelayo: Ukuzithiba ocan-

sini kubafundi, Ukubaluleka kokuhlela umndeni uma

umuntu esezimbandakanya nezindaba zocansi, Izindlela

ezehlukene ezisetshenziswayo ukuhlela umndeni kanye

nokubaluleka kokusoka ekwehliseni ukubhebhetheka

kwegciwane lengculazi

Isizathu esinqala esenze lelithimba lakhetha ukuvakashela

ama High Schools yingenxa yezinga eliphezulu loku-

khulelwa kwabafundi ezikoleni. Leli zinga lokukhukhulelwa

kwabafundi liyasikhathaza nathi basebenzi bomnyango

wezempilo. Ngoba akugcini nje ngokukhulelwa kodwa kwan-

da nezifo ezithathelana ngokocansi, lokhu kubeka

engcupheni impilo yomfundi. Futhi ukukhulelwa kwabafundi

kubenza bangakwazi ukuqhubekela phambili nezifundo

zabo.

Abafundi bawuthakasele kakhulu lomkhankaso wethu ngo-

ba bathola ithuba lokuxoxa nathi basebenzi bonmyango

wezempilo. Ezindaweni zasemakhaya kuyazwakala ukuthi

kusekhona umkhuba wokuthwala kwezintombi kwezinye

izinxenye zezigodi. Futhi uthola ukuthi umntwana ugana

esemncane agane umuntu omdala, omunye uthole ukuthi

usesulelekile ngaleligciwane lesandulela ngculazi (HIV)

noma ngengculazi uqobo lwayo.

Kodwa lomkhankaso ube yimpumelelo kakhulu ngoba nathi

njengomnyango wezempilo sithole ithuba lokuqwashisa

abafundi ngezinto eziningi abakade benganalwazi ngazo.

Sithanda ukudlulisela abazwi okubonga kulezikole ezilande-

layo esithole ithuba lokuzivakashela :Centocow High, Lesh-

man High, Ngwaqa High, Dumakude High, Ralph Har-

dingham High, Skofil High, Qulashe Combined School kanye

Newtonville Primary School

uSister P.P Gasa eqwashisa abafundi ngobungozi

bokuzihlanganisa nezindaba zocansi kubantwana.

uMr. K Dinangwe esika elijikayo kubafundi

Abafundi babelalelisise kahle yonke inkulumo neziyalo.

Umkhankaso wokusokwa kwabesilisa

U mkhankaso wokusokwa kwaBantu besilisa

usalokhu uqhubeka njalo, futhi kubonaka-

la likhula nesasasa lawo kubantu besilisa. Kuya-

sijabulisa lokho njengoMyango weZempilo. Sizo-

khumbula phela ukuthi lokhu kwenzeka ku-

landela ikhwelo elashaywa Isilo saMazulu uN-

gangezwe lakhe Goodwill Zwelithini ngokubambi-

sana noMphathiswa kazwelonke womnyango

wezeMpilo u Dokotela Aaron Motsoaledi.

Kusukela zingu 17 kuya ku 20 January 2012

siphinde saba nalomkhankaso endaweni yas Ma-

kholweni , lapho futhi abantu besilisa

bebephume ngezinkani ukuzosokwa.

Lapha kuqalwe kwafundiswa abahlengikazi

bethu labo abajutshelwe ukwenza lomsebenzi .

besivakashelwe ithimba eliqhamuka eMgungund-

lovu kanye noDokotela oqhamuka eGoli. Ngoba kuhle

ukuthi umuntu uma enza umsebenzi othile kube nama-

phepha amgunyazayo ukwenza lowo msebenzi. Kanjalo

nalapha, kuthe uma kubonabakala ukuthi bonke abah-

lengikazi abajutshelwe kulomsebenzi bawenza ngezinga

eligculisayo kwacaca ukuthi kufanela bazithole izitifiketi

ezibagunyaza ukukwenza lomsebenzi ngokusemthethweni.

Njengenjwayelo lapho sihamba khona siba no Mnz.

Nhlanhla Mtolo ongumxhumanisi waloluhlelo lokusokwa

kwabantu besilisa ngaphansi koMkhandlu waseNgweni.

Wadlulisela amazwi okuziphatha ngendlela eyemukelekile

kubantu besilisa. Washo lamazwi “kuyinjababulo ukuni-

bona niphume ngobuningi benu namhlanje nizosokwa ma-

doda. Ngithi anginitshele ukuthi ukusokwa akusho ukuthi

sekufanele nihambe nilala ,kufanele niziqhelelanise nezin-

daba zoncansi noma nisebenzise ijazi lomkhwenyana.

Nginifisela ukuthi niqhubekele phambili nezifundo zenu

ukuze nibe ngamadoda aqotho kusasa. Ziqhelelaniseni

futhi nezidakamizwa ngeke ziniyisenadwo”

Abaphathi besibhedla bathanda ukudlulisela amazwi oku-

bonga kubahlengikazi base Pholela CHC ngokubamba

iqhaza kulomkankaso wokusokwa kwabesilisa. Ngaphan-

dle kwenu lomkhankaso ubungeke ufike kulelizinga ukwan-

da kwaliwa umthakathi.

Abamile kusukela kweskunxele; Mr. Shozi, Mr.B Ngcobo, Mr. Mthi-

yane,Mr. Mdunge, Sr Mokapela, Mr.Cekwane, Mr.N.Mncwabe,Mr. N Mto-

lo, Mr.F Mbele,Mr. Ximba, Mr. Ngcobo kanye no Mr.S Mbambo.

Abahleli phansi kusukeka kwesokunxele: Mr.K Dinangwe, Sir Thanda, Sir

Zwane,Mr.Nkentsi,Ms.L.V Khumalo. Ngaphambili kwesokunxenle Dr.

Bantu kanye no Mr. Mthiyane.

uMnumzane Nhlanhla Mtolo wathathwa lapho kade enikeza iziyalo

kubafana ngaphambi kokuba basokwe

U mshikashika kasukuma Sakhe Isi-

fundazwe sakwa Zulu Natali ulokhu

uqhubeke njalo. Mhla ka 6 February

2012, sibe nalomkhankaso endaweni yaseHlane

ku Ward 4 ngaphansi kuka Cllr Mzo Makhan-

ya .inhloso yalomkhankaso bekuwusiza

umphakithi wakithi osasalele emuva mayelana

nezinsiza ezivela kuhulumeni. Nokho kusijabu-

lisile nathi njengomnyango weZempilo ukubona

uMphakathi wakithi usukumela phezulu uma

kunomkhankaso onjengalona. Umphakathi

wabonakala uwuthakasela kakhulu lomkhan-

kaso, futhi bayalujabulela kakhulu nosizo lwethu

lwezempilo abalutholayo. Kodwa kusekuningi

okufanele sikwenze njengomnyango, ukufundisa

umphakathi wakithi mayelana nokuthi kufanele

phela basazi isimo sabo sezempilo, kufanele ba-

zihlole phela ukuze bathole ukwelashwa kunga-

konakali kakhulu .Kube intokozo kakhulu ukuh-

langanyela nabanye ozakwethu baleminyango

elandelayo: uMnyango wezokuvikela, uMnyango

Wezolimo, uMnyango wezokuthuthukiswa kom-

phathi, uMnyango wakwaNdabazabantu kanye

noMasipala weseNgweni

Asisukume sakhe IsiFundazwe SakwaZulu– Natal

1 . A B A S E B E N Z I

B A S E

S T . A P O L L I N A R I S

H O S P I T A L

B A T H A T H W A B E -

S I Z A A B A L U N G U

O M P H A T H I .

2 U B A B A U Z U L U -

U S O M L O M O W O M -

K H A N D L U W A S E

N G W E N I .

3 . A B E S E N Z I

B O M N Y A N G O

W A K W A N D A B A Z A -

B A N T U B E S I Z A

U M P H A K A T H I

N G E Z I N S I Z A

E Z A H L U K E N E

4 . A M A L U N G A O M -

P H A K A T H I E L A L E -

L E I Z I N K U L U M O

E Z A K H A Y O

5 . A B A S E B E N Z I

B O M N Y A N G O

W A M A P H O Y I S A

6 . C L L R M Z O M A -

K H A N Y A

W A Y E N G U M P H A T H

I W O H L E L O

6

4

5 2

1

3

Mr. R.Z Langa

Board Chairman

Cllr. W.M Mtolo

Board Vice-Chairman

Mrs. P Shelembe

Board Member

Mr. S.P Satywa

Board Member

NGEZANSI : AMALUNGA AMASHA EBHODI LESIBHEDLELA

Mr. J Mnguni- Board Member Mr. H.S Sihlezane- Board

Member

Mrs. N. Sokhela-Board Mem-

ber

Mr. B.P Msingaphansi

Board Member

Mr. K.MB Mzimela -

Board Member

Miss .P Goba—

Board Member

Mr. N.M Ngubo

Board Member

Bonke laba abaphethe izitifiketi bangamalunga

ebhodi eliphumayo, noma amanye bebuyele.

Abamile ngemuva kusukela kwesonkunxele:

Matron N.R Njobe, Mr. S Zwane, Mr.M Dlamini,

Mr. S.S Thwala, Ms.L.V Khumalo, Mr.J Mnguni

kanye no Mr. B.P Msingaphansi.

Abahleli phansi kusukela kwesokunxele:

Mrs.K.S Ngwenya, Mr.E.R.S Sikhakhane, Ms.A.N

Dlamini, Inkosi V Zondi kanye no Mrs.C Dlungwa-

ne.

K uyiqiniso elimsulwa ukuthi

imisebenzi emihle umuntu

iyamlandela, futhi kubalulekile

ukuwuhlonipha ngaso sonke isikhathi um-

sebenzi asuke ephathiswe wona. Lokhu

kufakazelwa umcimbi esibe nawo mhlaka

29 February 2012 eSibhedlela sase St.

Apollinaris hospital wokuvalelisa ama-

lunga eBhodi lesibhedlela ebese liphe-

lelwe isikhathi. Noma besisathanda ukuba

nalo ngenxa yemisebenzi emihle abayen-

zele isiBhedlela bebambiseni nabaphathi

baso. Sekufike isikhathi sokuba sinethu-

lele ibhodi Elisha lesiBhedlela, nokho nalo

esethembayo ukuthi izobonakala

imisebenzi yalo. Futhi silifisela inhlanhla

kukho konke elizokwenza.

Dr. T.J Gumbi –Comm Service Dr. B.N Mdlophane- Comm Service

T.J Dlamini—Artisan Electrician Promo- B.G Myeza– Comm health Facilitator

G.Zuma—ENA

F.S Zuma— Supply Officer(Promotion) SI Memela – FSO (Promotion)

T.V Biyase– Lay Counsellor

N.B Dlamini– Data Capture T.B Zuma– Comm Outreach Mentor

G.N Miya –Telkom Operator –

Inserve Trainee

A.Z Nduku- Operational Mng–OPD

ABASEBENZI ABAQASHIWE / NEWLY APPOINTED EMPLOYEES

AN Mhlanga—PN S.F Mthembu- Staff Nurse L.A Mthembu- Staff Nurse

SR Mnguni– Staff Nurse C.B Mnguni– Lay Counsellor C.T Zulu– TB ASO

L. S. Njokwe– Data Capturer

K.Williamson– Occ Therapist

S.A Mosiea– FSO

S.F Lembethe - ENA

T.P Gumede- Dental Assistant

A.Z Magoso– TB assistant M.E Gambu– TB Assistant

L.N.C.Dubazane Dentist

Dr. N.B Ngubane ( Comm Serve

N.C Mtshali– Supply Officer

M.E Nhlangulela- ENA

T.M Mbele– Trademan Aid

D. Sivnanden– Physiotherapist