tsf a4 donor info - zulu · 2018-06-27 · minyaka yonke emhlabeni kuba naban-tu abatholwa...

2
Minyaka yonke emhlabeni kuba naban- tu abatholwa bene-leukaemia nezinye izifo zegazi ezibulalayo. Kwabaningi, into ewukuphela kwethemba labo ukufakelwa ama-stem cell egazi asindisa ukuphila. UNGABA YITHEMBA phana. nika. bhalisa 0800 12 10 82 | www.sunflowerfund.org.za BHALISELA UKUNIKELA NGAMA-STEM CELL EGAZI NAMUHLA! Siza uphawule: Ngokomthetho, ukunikela ngama-stem cell egazi kwenziwa ngokuzithandela komuntu futhi akukhokhelwa. Kodwa uyonxeshezelelwa izindleko ezizwakalayo uma kwenzeka umesha nesiguli esithile. Ingabe uneminyaka yobudala ephakathi kuka-18 no-45? Ingabe isisindo sakho singaphe- zu kuka-50kg ne-BMI <40? Ungabe uph- ila ngendlela enempilo? Uzimisele ukusiza NOMA YISI- PHI isiguli es- idinga usizo?

Upload: others

Post on 16-Apr-2020

0 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

  • Minyaka yonke emhlabeni kuba naban-tu abatholwa bene-leukaemia nezinye

    izifo zegazi ezibulalayo. Kwabaningi, into ewukuphela kwethemba labo ukufakelwa

    ama-stem cell egazi asindisa ukuphila.

    UNGABA YITHEMBA

    phana. nika. bhalisa0800 12 10 82 | www.sunfl owerfund.org.za

    BHALISELA UKUNIKELA NGAMA-STEM CELL EGAZI NAMUHLA!

    Siza uphawule: Ngokomthetho, ukunikela ngama-stem cell egazi kwenziwa ngokuzithandela komuntu futhi akukhokhelwa. Kodwa uyonxeshezelelwa izindleko ezizwakalayo uma kwenzeka umesha nesiguli esithile.

    Ingabeuneminyakayobudala ephakathikuka-18 no-45?

    Ingabe isisindo sakho singaphe-zu kuka-50kg ne-BMI

  • Ukugqiba izinganekwaneInganekwane #1 Ave kuhlungu ukunikela ngama-stem cell egazi. Buncane kakhulu ubuhlungu obuba khona lapho unikela ngama-stem cell adonswa egazini. Kuyazifanela nje nalapho unikela ngama-platelets.

    Inganekwane #2 Ukunikela kusho ukuthi uzohlinzwa. Akwenziwa kuhlinza nhlobo. Kusetshenziswa umshini ohlunga ama-cell ukudonsa ama-stem cell egazini lakho.

    Inganekwane #3 Bazobhola emathanjeni ami! Ama-stem cell omnkantsha wamathambo asindisa ukuphila atholakala egazini lakho. Kusetshenziswa umshini ohlunga ama-cell ukudonsa lawo ma-stem cell egazini lakho.

    Inganekwane #4 Ngeke ngikwazi ukukhokhela ukunikela ngama-stem cell egazi. Siye sicele labo abangase banikele ukuba baxhase ezindlekweni zamathesti, kodwa uma ungenakukwazi, i-Sunfl ower Fund izozikhokhela zonke izindleko zamathesti.

    Inganekwane #5 Awunakunikela uma une-tattoo. Eqinisweni ungakwazi ukunikela ngama-stem cell egazi uma unama-tattoo noma ugqobhozile. Ukuthi nje kumele ulinde unyaka ngemva kokwenza i-tattoo noma ngemva kokugqobhoza ngaphambi kokuba unikele.

    Inganekwane #6 Ukumesha kwama-stem cell kuncike ohlotsheni lwegazi lakho. Ukumesha kwama-stem cell egazi kuncike ohlotsheni lwezicubu, hhayi ohlotsheni lwegazi. Lokhu kuyizici zofuzo, futhi zivame ukuba sohlangeni oluthile kuphela.

    Inganekwane #7 Anginakunikela ngenxa yohlobo locansi engilwenzayo. Abantu abanikelayo abaya ocansini ngezindlela eziphephile bagqugquzelwa ukuba babhalise, kungakhathaliseki ukuthi hlobo luni loncansi abalwenzayo.

    Ukwandisa inani labantu abazibophezelayo ukunikela kwirejista enempilo,ephumelelayo, exube izinhlanga.

    ZIKHONA EZINYE IZINDLELA ZOKUSIZAGqugquzelaabanyebabhalise

    Xhasa micimbi yethuyokuqokelelaizimali

    Nikelangemali

    Khuluma nathingokunikelaokuhleliwe

    Faka inkampaniyakho

    SMS ‘Sunfl ower’ ku-40555 unikele ngo-R30

    The Sunfl ower Fund • Ibhange Lase-ABSA • Inombolo Ye-Akhawunti: 405 183 4719 • Igatsha: 632005Irefurensi: Tissue Typing • Imeyli: donors@sunfl owerfund.org.za

    Iminikelo yakho yezimali isisiza sikwazi ukuthola abanye abangabhalisa.Nikela manje ngemali.

    SnapScan Zapper

    I-Sunfl ower Fund iqwashisa futhi ifundisa umphakathi ngesidingo sokunikela ngama-stem cell egazi nangenqubo yakhona. Siye sicele izimali zesikhwama sokukhokhela izindleko zokuhlolla izicubu lapho kuhlungwa abantu abanganikela ngegazi.

    Ukufakelwa ama-stem cell egazi kuyinqubo yokufaka ama-stem cell aphilile esikhundleni salawo alimele emnkantsheni wamathambo.

    Asikwazi ukukubhalisa uma:• Uke wachayeka kwi-Hepatitis-B, Hepatitis-C noma i-HIV.• Uke wazijova (noma kube kanye) ngezidakamizwa

    zomgunyathi noma ezingakhishwanga udokotela• Uya ocansini ngezindlela ezingaphephile• Wenza njalo ama-tattoo noma ugqobhoza njalo• Ukhulelwe noma uthole umntwana ngonyaka odlule• Uke waba nomdlavuza• Wesaba izinaliti

    Ubani okhokhela amathesti? I-Sunfl ower Fund ikhokhela zonke izindleko zokuthesta izicubu futhi iyayamukela iminikelo yalabo abanikela ngama-stem cell egazi ekuhlangabezaneni nalezi zindleko. Lokhu kusisiza sikwazi ukusebenzisa izimali ekutholeni amantu abengeziwe abanganikela ngama-stem cell. Abantu abanikelayo ngama-stem cell abaneminyaka yobudala ephakathi kuka-46 no-50 bangabhalisa kodwa ngeshwa i-Sunfl ower Fund ngeke izikhokhele izindleko zamathesti.

    Kungani uhlanga lwakho lubalulekile? Ukumesha komuntu onikelayo kuncike ohlotsheni lwezicubu, hhayi ohlotsheni lwegazi kanti-ke lezi zici zofuzo zivame ohlangeni oluthile kuphela. Kungakho-ke kusemqoka ukuba abantu bazo zonke izinhlanga babhalisele ukunikela ngama-stem cell egazi, ukuze zonke izinhlanga zibe nethuba lokuthola umuntu abamesha naye asindise ukuphila kwabo.

    Ujoyinela ukunikelela umuntu othile omqokile? Kungokwemvelo ukufuna ukusiza umngane odinga ukufakelwa ama-stem cell egazi. Kodwa, kubalulekile ukuba abantu ababhalisela ukunikela ngama-stem cell bazi ukuthi kumelwe batholakelele nanoma ubani abamesha naye, ngenxa yalokho awunakubhalisela ukunikelela umuntu othile kuphela. Njengoba bebaningi kangaka abantu adinga lolu sizo, asibanikeni bonke ithuba lokuthola umuntu abangamesha naye ongasindisa ukuphila kwabo.

    1Igazi lidonswa

    kwenye ingalo bese lidluliswa emshinini

    ohlunga ama-cell

    1

    Ama-stem cell egazi adonswa egazini afakwe

    esikhwanyaneni 22

    3

    Igazi elisalayo libuyiselwa kumuntu ngenye ingalo

    OkokhlungaAma-stem cell aqoqiwe

    Isikhwanyana sama-stem cell sizoya esigulini ukuze sifakelwe ama-stem cell egazi asindisa ukuphila.

    Ukuphepha komuntu onikelayo nokwesiguli kusemqoka kithina.