u izibonelelo - black sash · ekutheni uhola malini nokuthi unani. ziyisishagalombili izinhlobo...

2

Upload: others

Post on 16-Oct-2020

0 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: U iZibonelelo - Black Sash · ekutheni uhola malini nokuthi unani. Ziyisishagalombili izinhlobo zeZibonelelo ezikhona: 1. Isibonelelo sokuSaphotha ingane: • Isibonelelo sokuSaphotha

iZibonelelo Zomphakathi

Ukufaka isicelo sokuthola lezi ziboneleo kufanele:

• Ubheke kwa-SASSA ukuthi yimaphi amaphepha

okumele uwalethe.

• Bese ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo phambi

komsebenzi wakwa-SASSA

• Uyoni• Uyonikezwa irisidi njengobufakazi bokuthi ufake

isicelo.

• Le nqubo ithatha izinsuku ezingama-90.

• Uma uphumelele, ukukhokhwa kwakho kokuqala,

kungabandakanya ukukhokha emuva ngesikhathi

imvume yakho ivunyiwe.

• Uyothola isaziso esibhalwe phansi uma isicelo sakho • Uyothola isaziso esibhalwe phansi uma isicelo sakho

singabanga yimpumelelo.

Ungathumela nemibuzo ku [email protected].

#knowyourrights

Uma uba nenkinga yokuthola usizo kwa-SASSA,

ungaxhumana ne-Black Sash ukuze uthole usizo

lomthetho mahhala kanye nokuboniswa ku

072-663-3739.

Uma unemibuzo mayelana nesibonelelo sakho,

xhumana ne-SASSA kulayini wabo wamahhala ku

08600-601-011.

Page 2: U iZibonelelo - Black Sash · ekutheni uhola malini nokuthi unani. Ziyisishagalombili izinhlobo zeZibonelelo ezikhona: 1. Isibonelelo sokuSaphotha ingane: • Isibonelelo sokuSaphotha

Uhulumeni waseNingizimu Afrika wenze i-South African

Social Security Agency, phecelezi (SASSA), ukuba yethule

izibonelelo.

II-SASSA isebenzisa indlela ethile yokuhlolwa ukuthi

ufanelekile yini ukuthola isibonelelo. Lokhu kusiza i-SASSA

ukuba ikwazi ukuqinisekisa ukuthi kube yilabo abadinga

usizo kuphela abakwazi ukuyithola. Lesi sinqumo silele

ekutheni uhola malini nokuthi unani.

Ziyisishagalombili izinhlobo zeZibonelelo ezikhona:

1. Isibonelelo sokuSaphotha ingane:

• Isibonelelo sokuSaphotha ingane sibhekelela izidingo

zengane lezi abanakekeli bayo abangakwazi ukuzenza

ngokwanele.

• Izibonelelo zokunakekela izingane zingabantwana

abaneminyaka eyi 0 - 18.

•• Kuyofanele uhlolwe futhi utholakale ufanelekile uma

uhlolwa.

2. IsiBonelelo seNgane engaKhuliswa abaZali abayiZalayo

kodwa eBhalwe ngaphansi kwaKho:

• Wena nengane oyinakekelayo kufanele nihlale eNingizimu

Afrika.

• Ingane ibe ngaphansi kweminyaka eyi-18.

• Kufanele ube nencwadi yasenkantolo ewubufakazi bokuthi

uwena obekiwe ukuba ube umzali onakekela ingane.

3. IsiBonelelo sezingane eziKhubazekile:

• Ukufaneleka ukuthola IsiBonelelo sezingane

eziKhubazekile kufanele ube umnakekeli wengane

ekhubazekile.

•• Ingane ibe ngaphansi kweminyaka eyi-18 futhi kube

ukuthi udokotela uthi ikhubazeke unomphelo noma

ngokweqile.

•Nezinsizakalo zokunakekelwa kokunakekela izingane

ezivela eminyakeni eyodwa kuya kweyi-18 (lokhu kungenxa

yokuthi kunzima ukohlola ukukhubazeka kwabantwana

abangaphansi kweminyaka eyodwa ngobudala).

• • Kuyofanele uhlolwe futhi utholakale ufanelekile uma

uhlolwa

4. IsiBonelelo SabaGugile:

• Ungafaka isicelo sesiBonelelo sabaGugile uma

uneminyaka eyi-60 ubudala.

• Kuyofanele uhlolwe futhi utholakale ufanelekile uma

uhlolwa.

5. Isibonelelo SabaKhubazekile:

• IsiBonelelo sabaKhubazekile esanoma ubani otholwe ngudokotela

engafanelekile ukusebenza ngenxa yokukhubazeka emzimbeni noma

emqondweni.

• Lesi sibonelelo sivuleleke kwabakhubazeke isikhashana

nabakhubazeke unomphelo. Udokotela wakho ozoveza lokho.

• Uma uyithola ngo• Uma uyithola ngokukhubazeka kwesikhashana, iyolokhu ibukezwa

ukuqinisekisa ukuthi usayidinga noma cha.

• Kuyofanele uhlolwe futhi utholakale ufanelekile uma uhlolwa.

6. IsiBonelelo sokuQasha umuntu ozokuSiza:

• IsiBonelelo sokuqasha umuntu ozokusiza esomuntu onakekela umuntu

osemdala noma okhubazekile.

• Udokotela wakho noma usonhlalakahle wakho ozosho ukuthi

uyamdinga yini umuntu ozokunakekela.

7. IsiBonelelo sabaBelwa eMpini:

• U• Ukufaneleka ukuthola isiBonelelo sabaBelwa eMpini kumele ube

umuntu owalwa empini i-World War I, II noma i-Korean War.

• Ungabi umuntu onakekelwa esikhungweni sikahumeni.

8. IsiBonelelo sokuKhulula abathile okwesikhashana

• Sinikezelwa ezimweni zenhlekelele noma uma usalinde umphumela

wesicelo sesibonelelo.

• Sikhokhwa izinyanga ezintathu.

• Ungasithola siyimali, ama-voucher noma amaphasela okudla.