yinyanga yokuqwashisa ngomdlavuza wamabele · izindlela zokuyeka utshwala ngesikhathi ukhulelwe...

11
ISIQEPHU 10 FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA MAHALA Shesha Uzazise Kungasinidisa Izimpilo Ukukhulelwa Notshwala Akuhlangani! Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele

Upload: others

Post on 28-Oct-2020

2 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

ISIQEPHU 10FUNDISA || NIKEZA ULWAZI || NIKEZA AMANDLA

MAHALA

Shesha Uzazise Kungasinidisa Izimpilo

Ukukhulelwa Notshwala

Akuhlangani!

Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza

Wamabele

Page 2: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

Umyelezo ovela…Ku-Dkt. Victoria Mubaiwa, iMenenja Ehlelayo: Impilo Yomama Abakhulelwe, Izingane Nabesifazane: eMnyangweni Wezempilo KwaZulu NatalUkuzalwa kwengane kufanele kube yisipho sokuphila kumama obethwele kanzima

izinyanga ezingu-9. Kubantu besifazane abaningi lesi sikhathi okufanele ngabe

yisikhathi sokujabulela ukuphila ngokuvamile sigcina ngokuba usizi, kumama

nasenganeni ngoba abesifazane abaningi kakhulu esifundazweni sethu bayashona lapho bebeletha noma bashone

ngemva kokubeletha. Lokhu kungagwenywa, futhi kudingeka sisebenze ngokubambisana ukuze abantu bazi ukuthi

ukusheshe uye emtholampilo onakekela omama abakhulelwe kubalulekile ukuze kuqinisekiswe ukuthi impilo kamama

nengane iyaqashelwa futhi kunqandwe izinkinga.

Ukuyobhalisa ngokushesha kungasindisa ukuphila, ikakhulukazi ngoba omama abakhulelwe abanegciwane

lesandulela-ngculazi bangaba semathubeni angcono okubeletha ingane engenalo igciwane. Omama abakhulelwe

kumelwe babikele imitholampilo yabo ngaphambi kwamasonto angu-13 okukhulelwa ukuze baqale ukuthola

ukwelashwa okunamandla okubizwa ngokuthi yi-Highly Active Ante-Retroviral Therapy (HAART) uma benegciwane

lesandulela-ngculazi. Kudingeka sisebenze ngokubambisana ukuze sikhuthaze futhi sisekele omama abakhulelwe

ukuba baye njalo emitholampilo, futhi uma senza kanjalo siyobe siphonsa esivivaneni futhi siyosiza ekusindiseni

izimpilo.

Njengoba sikhumbula ukuthi le nyanga yinyanga yokuqwashisa ngomdlavuza wamabele, abezeMpilo kwaZulu Natal

bangathanda ukuqwashisa abesifazane ukuze bazi ngezinye izinhlobo zomdlavuza ezihlasela abesifazane. Izinkinga

zempilo ezihlasela abesifazane singazinqoba kuphela uma sizazi. Umdlavuza wesibeletho usewusongo olukhulu

kubesifazane abaningi, futhi umnyango ungathanda ukucela bonke abesifazane, ikakhulu labo abaseminyakeni

yokuthola abantwana ukuba bayohlolwa izibeletho, benze lokho okubizwa phecelezi ngokuthi i-pap smear kuzo

zonke izikhungo zempilo esifundazweni. Lokhu ukuhlola okulula, okusheshayo okusiza ukuba kubonakale amaseli

angavamile angase ajike abe umdlavuza. Umuntu wesifazane unelungelo lokuthola ama-pap smear amathathu

mahhala ekuphileni kwakhe, eyodwa njalo ngemva kweminyaka eyishumi – noma eyodwa njalo ngonyaka uma

enegciwane lesandulela-ngculazi. Siyanicela ukuba nisebenzise leli thuba ukuze ninakekele izimpilo zenu,

kuwumsebenzi wenu lowo.

Abantu besifazane bangomama besizwe, futhi bavamise ukungayinaki impilo yabo ngenxa yabanye abantu. Kumelwe

sikushintshe lokho manje. Amadoda kudingeka akhuthaze futhi asekele abesifazane ekhaya ukuba bahambe njalo

bayohlolwa impilo. Impilo yomuntu wesifazane wumthwalo nomsebenzi womphakathi, womndeni nowakhe. Uma

bengekho omama abanempilo, imvamisa imiphakathi iyaphazamiseka, ngoba abaningi kudingeka bazinakekele, futhi

lokho kuvamise ukuholela ekutheni kube khona abasala dengwane. Sonke kumelwe siyikhathalele impilo yethu uma

sifuna ukwakha imiphakathi enempilo. Omama ikakhulu, njengoba kuyibo abangabanakekeli abakhulu emindenini,

kudingeka baqinisekise ukuthi bathola ulwazi maqondana nempilo enhle nendlela yokuyithola. Ukugwema izifo

kufanele kube wumgomo wethu ngoba uma senza kanjalo singaphumelela endabeni yokunqanda izifo.

Singakwazi ukwakha imiphakathi enempilo; SINGAKWAZI ukusindisa izimpilo, futhi sinqande ukushona

kwabesifazane abakhulelwe. Kodwa konke lokho singakufinyelela uma sisebenza ngokubambisana – njengomndeni,

njengomphakathi, njengabasebenzi bezempilo, njengabanakekeli, nanjengohulumeni. Indaba yokunakekelwa

kwempilo yomphakathi iqala ngomuntu ngamunye kithi, futhi isho ukunakekela wonke umuntu emphakathini wethu.

Kungaleyo ndlela kuphela esingaphonsa ngayo esivivaneni futhi sisindize izimpilo zabaningi.

© U

NIC

EF

So

uth

Afr

ica/

Sch

erm

bru

cker

Ukusheshe uyobhalisa kusindisa ukuphilaUma ucabanga ukuthi mhlawumbe ukhulelwe, kubaluleke kakhulu ukuba uye emtholampilo wendawo uyohlolwa ngokushesha.

Emtholampilo bazokuhlola impilo futhi bathole ukuthi uyithole yonke yini imigomo edingekayo.

Uma ungazi ukuthi unalo yini igciwane lesand-ulela-ngculazi noma cha bazokukhuthaza ukuba uhlolwe, futhi bazokuchazela ukuthi ungagwema kanjani ukudlulisela enganeni yakho igciwane lesandulela-ngculazi uma unalo.

Bazokhuluma nangezindlela zokuncelisa eziphephe kakhulu enganeni yakho. Komama abaningi nezingane zabo, ukuncelisa ibele kuphela kuyisinqumo esingcono kakhulu.

Ukuya emtholampilo njalo ngesikhathi ukhulelwe kuzosiza ukuba wena nengane yakho nihlale ninempilo enhle.

www.unicef.org/southafricawww.facebook.com/unicefsouthafrica

Page 3: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

OKUPHAKATHI• ISONTO LOKULAWULWA KOKUSAKAZEKA

KWAMAGCIWANE NEZIFO

• YINYANGA YOKUQWASHISA NGOMDLAVUZA

WAMABELE

• USUKU LOMHLABA WONKE LOKUQWASHISA

NGESIMO SOTSHWALA OSANENI

• IZANDLA EZIHLANZEKILE ZISINDISA UKUPHILA

• WUSUKU LOMHLABA WONKE LWE-ARTHRITIS

• USUKU LUKAZWELONKE LWESIFO SOKUNTULEKA

KWE-IODINE

• OKTHOBA: IZINSUKU ZOKUQWASHISWA KWABANTU

• ISIQONDISO SANYANGA ZONKE

• AKE SITHI NHLA

OKT 21-25Isonto Lokulawulwa

Kokusakazeka Kwamagciwane Nezifo

Enye indlela elula kunazo zonke yokulawula ukusakazeka kwezifo iwukugeza izandla ngensipho namanzi – lokhu kunganciphisa ukusakazeka kwamagciwane ngamaphesenti angaba ngu-75!

Kubalulekile ukukhumbula okulandelayo ukuze kungabi nokudluliselana ngezifo, ikakhulu uma unakekela abantu abagulayo:

Ukupheka Nokulungisa Ukudla• Inyama ebomvu, inkukhu nenhlanzi kufanele kuphekwe njalo. Gwema imikhiqizo equkethe inyama engaphekiwe noma engaphekiwe ngokwanele noma imikhiqizo yobisi. Ungalokothi udle ukudla osekudlulelwe yisikhathi.• Ukudla kufanele kugcinwe futhi kuphekelwe endaweni ehlanzekile futhi akufanele nanini uxubanise ukudla okuluhlaza nokudla okuphekiwe – ngoba lokho kungasakaza amagciwane ngokukhulu ukushesha! Yihlanze kahle indawo oyisebenzisayo lapho ulungisa futhi upheka ukudla usebenzise isibulala-magciwane esifanele futhi uvale ukudla ukuze kungahlalwa yizimpukane.• Gezisisa izandla zakho ngamanzi ahlanzekile nangensipho ngaphambi nangemva kokuphatha ukudla, ikakhulu inyama eluhlaza ukuze uvimbele ukuxubana kwamagciwane. Zama ukungasebenzisi ugwembe lwepulanga ukuze uqobe ukudla futhi ungasebenzisi ummese owodwa obuqoba ngawo inyama eluhlaza bese uqoba inyama evuthiwe ungazange uwugeze ngamanzi ahlanzekile afudumele nensipho kuqala.• Gwema inhlanzi eluhlaza uma unakekela umuntu onengculazi ngoba ingenwa kalula amagciwane futhi ingase imgulise.

• Zigeze njalo izithelo nemifino ngaphambi kokuyidla ngoba ingase ibe nemithi ebulala izinambuzane.

• Gwema ukudla okugayisisiwe ngoba amavithamini ako amaningi abalulekile ayafa ngesikhathi kwenziwa.• Qiniseka ukuthi amagundwane awangeni lapho kubekwe khona ukudla.

Umuntu onengculazi kufanele agweme abanye abantu abanezifo ezithelelwanayo ezinjengomkhuhlane noma izifo zezingane ngoba imizimba yabo ibuthaka (ayikwazi ukulwa ngamandla nezifo) futhi lokho kubangelwa yigciwane lengculazi, okwenza kube lula ngabo ukungenwa ezinye izifo.

Abantu abanengculazi bangaguliswa kakhulu amagciwane nje avamile nezifo ezivamile, kodwa khumbulani bandla ukuthi bayakudinga ukwangiwa, ukubanjwa izandla, ukubhucungwa umzimba kanye nezinye izinhlobo eziningi zokuthintwa, futhi lokho kuphephile.

Bhandisha izilonda zakhoUma usikekile noma unezilonda, ikakhulu ezandleni zakho, kumelwe uqaphe kakhulu ukuba ungagulisi umuntu onengculazi noma uzigulise wena. Uma unezilonda zomkhuhlane, noma ngabe yikuphi ukugula kwesikhumba, ungamthinti noma uthinte izinto zakhe. Ungase udlulise isifo sakho kuye. Uma kudingeka unakekele umuntu, bhandisa izilonda zakho futhi ugeze izandla zakho ngaphambi kokumthinta. Uma uqubukile ezandleni noma unezilonda ezandleni, gqoka amagilavu alahlwayo. Ungawasebenzisi amagilavu alahlwayo ngaphezu kwesikhathi esisodwa; walahle bese usebenzisa amasha.

KHUMBULA UKUGEZA IZANDLA ZAKHO NGAMANZI ASHISAYO NENSIPHO IKAKHULU NGAPHAMBI NANGEMVA KOKUDLA, NGEMVA KOKUYA ENDLINI YANGASESE NANGEMVA KOKUTHINTA IMFUYO YASEKHAYA!

Kuleli sonto sigubha isonto lokulawulwa Kokusakazeka

Kwamagciwane Nezifo. Njengomphakathi akufanele

sigcine nje ngokufundisa imindeni nabangane bethu mayelana nokuthi

ibucayi indaba yokusakazeka kwamagciwane nezifo, kodwa

kufanele sifundise nomphakathi wonkana, ngoba ukusakazeka

kwezifo kusho ukunciphisa ukusakazeka kwamagciwane

yonke indawo nanoma kuphi lapho kunokuxhumana kwabantu.

6. Gezisisa izandla bese uzisula4. Geza intende yezandla usebenzisa izinzipho 5. Geza ingemuva lezandla usebenzisa izinzipho

1. Gcobisa izandla ngensipho 2. Khuhlanisa izandla 3. Geza iminwe naphakathi kwayo

Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:

EZempilo E-KZNUphiko LweZempilo KuMasipala WaseThekwini

U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)COLIWE ZULUTHANDI ZULUDERICK MATSENGARWODZITHEMBA MNGOMEZULUKATHY WADDINGTONDUDLEY VIALL

Imibono novo lwakho lwamukelekile, futhi uma kunesisebenzi sezempilo esikuhlabe umxhwele esikusize ngendlela enhle kakhulu sicela usazise futhi sizosiveza! Sithinte kule nombolo ethi 031 562 9803, noma [email protected] noma usibhalele kuleli kheli, P O Box 25439 Gateway 4321.

ILUNGELO LOBUNIKAZI & NOKUKHANGISAKonke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-Ezempilo, Health Matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela, uma kutholakale imvume. EZempilo E-KZN, uMasipala WaseThekwini nEzempilo Health Matters abahlangene nganoma iyiphi indlela nabakhangisi abakulo magazini.

Page 4: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

Umdlavuza wamabele uyimbangela

ehamba phambili yomdlavuza kubantu besifazane, futhi uhlasela abesifazane abangaphezu kuka-

3800 unyaka ngamunye. Abesifazane abaningi basacabanga ukuthi uma

unomdlavuza wamabele kusho ukuthi uzokufa nakanjani, kodwa eqinisweni,

uma usheshe watholakala, owesifazane angathola ukwelashwa

okusebenzayo futhi imiphumela ibe mihle.

Ngangineminyaka engu-11 kuphela ngesikhathi kutholakala ukuth

i umama unomdlavuza wamabele. Kungakhathliseki

ukuthi uneminyaka emingaki, umdlavuza uyethusa, ingasaphathwa-ke uma uphethe umama wakho. Ubaba

wayengekho ngaleso sikhathi. Wahamba ngingakayihlanganisi ne

minyaka emibili, ngakho ngakhuliswa umama

kuphela. Sasibambisene kukho konke, futhi manje kwadingeka

sibambane. Nganginaye ngimsekela ngesikhathi

elashwa ngemisebe, phecelezi i-chemo. Ngangimbambela ibhak

ede ngesikhathi egula. Ngangimkama izinwele

futhi zaziqothuka. Ngangimanga ngimqabule. Kwakuyithi sobabil

i nje.

Kuningi enginganitsheli kona, ngoba abaningi bayabazi ubuhlungu

imindeni nabangane ababuzwayo. Kodwa kithina,

kwakunenhlansi yethemba elokozayo, futhi ngibonga uNkulunk

ulu ngokusibamba ngesandla nangokusiqinisa idolo

nokusinika amandla okubhekana naleso simo. Umama walulama. N

gambheka njengowesifazane onamandla kakhulu

emhlabeni. Njengoba ngangikhula, ngahlangana nabanye abantu be

sifazane abanamandla futhi ngibonga uNkulunkulu

ngabo bonke labo besifazane ngoba bangifaka ugqozi. Ngiyazi uku

thi ngizokwenza konke okudingeka ngikwenze

ukuze ngiqinisekise ukuthi izingane zami azihlupheki. Ngiyazi f

uthi ukuthi umdlavuza wamabele awusho ukuthi

kudingeka umuntu afe. – Lena yindaba yomuntu owadlula ebunzimeni.

U-Okthoba...yinyanga yokuqwashisa ngomdlavuza wamabele

‘Ukutholakala masinyane komdlavuza wamabele kuyisivikelo esingcono kakhulu.’

Obani abasemathubeni amaningi okuthola umdlavuza wamabele?

• Umuntu wesifazane onomama, udadewabo, noma indodakazi eyake yaba nomdlavuza usemathubeni aphindwe kabili kunowesifazane ovela emndenini ongakaze ube nomdlavuza wamabele.

• Owesifazane oseke waba nomdlavuza

kwelinye ibele usemathubeni amaningi okuba nawo nakwelinye.

• Omama asebekhulile noma labo abaqala ukuya esikhathini besebancane kakhulu, nalabo abayeka ukuya esikhathini sebebadala kakhulu.

• Abesifazane abathola ingane yokuqala ngemva kweminyaka yobudala engu-30.

• Abesifazane abangenazingane nabo basemathubeni amaningana.

Ziyini Izimpawu?

* Isigaxa ebeleni noma eceleni kwalo noma ngasekhwapheni – yize izigaxa

eziningi zingenabungozi, uma zizwakala zingajwayelekile kufanele zihlolwe!

* Ukushintsha kobukhulu nokuma kwebele

* Isikhumba sebele siba nezifaca

* Ingono ishone phakathi

* Kuphuma okuthile ebeleni okungajwayelekile

* Isikhumba sebele, ingono noma indawo emnyama ezungeze ingono iyaxebuka, ibomvu noma ivuvukele

* Isikhumba sebele sibukeka

njengesikhumba sewolintshi futhi sizwakala kanjalo uma usithinta

Zihlole amabele kanye ngenyanga ngesikhathi usesikhathini futhi uzihlole ngesikhathi esifanayo sosuku nyanga zonke.

Indlela yokuhlola amabele akho

• Lala phansi ubeke ingalo yesokudla ngaphansi kwekhanda. Ukulala phansi kwenza kube lula kakhudlwana ukuzwa izigaxa ebeleni.

• Sebenzisa iminwe yakho emithathu ephakathi yesandla sokunxele ukuze ufune izigaxa ebeleni elingakwesokudla, ulithinte lonke.

• Qala ngokuzwa izigaxana eziseduze kwesikhumba; bese uthi ukucindezela ukuze uthi ukujula; bese ucindezela kakhulu ukuze uzwe izigaxana eziseduze nesifuba. Ayikho inkinga uma uzwa okusanqenqema oluqinile engxenyeni engezansi kuwo womabili amabele, kodwa kufanele utshele udokotela uma kukhona okuzwa kungajwayelekile.

• Phinda wenze okufanayo nasebeleni elingakwesobunxele, ubeke ingalo yakho yesokunxele ngaphansi kwekhanda futhi usebenzise iminwe yakho yesandla sokudla ukuze uzihlole.

• Yima phambi kwesibuko izandla zakho zibambelele okhalweni, bheka amabele akho ukuthi akukho yini okushintshile ebukhulwini bawo, endleleni ame ngayo,

okubukeka ngendlela engafanele, noma izifaca, noma ububomvu noma ukuxebuka kwengono noma kwesikhumba sebele.

• Hlola ikhwapha ngalinye usahlezi phansi noma umile futhi uyiphakamise kancane ingalo ukuze ukwazi ukuzwa leyo ngxenye. Ukuphakamisa ingalo iqonde kuqinisa isikhumba esikule ngxenye bese kwenza kube nzima ukuzihlola.

Izindlela Zokwelapha

• Uma kunezimila okubonakala sengathi azikasabalali, leso simila singakhishwa kodwa kushiywe ingxenye enkulu yebele. Le ndlela ibizwa ngokuyi yi-lumpectomy.

• Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuba kususwe lonke ibele (le ndlela ibizwa ngokuthi yi-Mastectomy)

• Ngokuvamile indlela yokwelapha ihlanganisa ukususwa kwebele noma kwesigaxa, bese kulandela ukwelashwa nge-chemotherapy nangemisebe.

Iziguli ezinomdlavuza kudingeka zenze izinguquko eziningana ekuphileni kwazo.

• Ukwelashelwa umdlavuza kungase kukuphathe kabi emzimbeni.

• Imiphumela engemihle ye-chemotherapy ingase yenze owesifazane osemusha angakwazi ukuthola ingane.

• Abaningi baqothukelwa yizinwele isikhashana.

• Uma umdlavuza ususakazekile, kuyabaluleka ukwazi ukuthi kunamathuba okufa nokuba uhlele futhi ubhekane naleso simo.

• Amabele ayingxenye yomzimba abesifazane abaningi abayibheka njengebalulekile futhi labo bantu besifazane bawabona ehambisana nezinto eziningi eziyigugu kubo, kuhlanganise nothando nezingane.

• Uma umndeni unothando nokuqonda lokho kungenza isimo esinzima kakhulu sibekezeleleke.

• Okubaluleke kakhulu ukufunda indlela yokunciphisa ukucindezeleka ekuphileni kwakho nokuthola indlela yokubhekana nakho kanye nokushintsha indlela odla ngayo. Likhona ithemba futhi bakhona abantu abangakusekela. Qina idolo – khumbula ukuthi sekunezindlela eziphucuzekile zokwelapha umdlavuza – akusho ukuthi uzokufa nakanjani.

Khumbula ukuthi iziguli ezingaba amaphesenti angu-90 ziphila iminyaka eminingi ngemva kokuba zithole ukuthi zinomdlavuza uma ubonakale ngokushesha.

Xhumana nomtholampilo oseduze ukuze uthole usizo oluthe xaxa,

noma uthinte i-CANSA kule nombolo yocingo yamahhala:

0800 226622

Page 5: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

Okthoba 17: Usuku Lomhlaba Wonke Lokuqwashisa NgeSimo Sotshwala Osaneni

UMnyango wezempilo e-KZN ukhuthaza abesifazane abazama ukukhululelwa ukuba

bayeke ukuphuza utshwala ngokuphelele. Khumbula ukuthi noma yini umama ayiphuzayo

ngesikhathi ekhulelwe, nosana luyayiphuza nalo – ngakho cabanga ngaphambi kokuba uphuze!

Ubisi lwethu lune-Calcium, uVithamini B12 no-D. Luzokusiza ube ungqa phambili.I-Phosphorus ephakathi yenza lube nempilo ngempela.Lunane-Protein eyenza lungabi mnandi nje kuphela.Masingakhohlwa nangoVithamini A.Sinilethela okungcono kakhulu kwa-Clover milky way.

5031

Impilo yomntanakho isengozini uma uphuza utshwala ukhulelwe – iqiniso elimsulwa lelo.

ISimo Sotshwalo Osaneni (Foetal Alcohol Syndrome [FAS]) ngenye yezinkinga zempilo ingane eba nazo ngenxa yokuthi umama ubephuza utshwala ngesikhathi ekhulelwe. Utshwala buthwalwa busuka egazini likamama buye kumtwana – buthikameza ukukhula komntwana. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe anezehlakalo eziphezulu ze-FAS

emhlabeni! Kuyethusa lokhu, ikakhulukazi ngoba kuyinto

esingayishintsha, ngoba phela kusezandleni

zethu.

Ukuphuza utshwala ngesikhathi ukhulelwe kuyingozi kakhulu osaneni olungakazalwa ngoba kungabangela izingozi ezinkulu kuhlanganise nokuzalwa komntwana ngaphambi kwesikhathi, ukuzalwa kosana selushonile kanye nezinkinga ekuzalweni (okusho ukuthi umntanakho angazalwa enokukhubazeka okuthile). Ukuphuza utshwala ngesikhathi ukhulelwe kungaphumela ekutheni ingane yakho ibe nezinkinga ezilandelayo:

• I-IQ ephansi

• Ingakhuli kahle

• Ibe nezinkinga zokufunda

• Izinkinga zokuziphatha

• Izinkinga zempilo yengqondo njengokucindezeleka

• I-ADHD

• Ibe sengcupheni enkulu yokudla izidakamizwa

HLENGA IMPILO YOMNTANAKHO, YEKA UKUPHUZA KUNGAKEPHUZI!

IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE

Abantu abaningi b a p h e n d u k e l a

ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa

kwabesifazane abakhulelwe lesi simo sibi kakhulu ngoba sithinta nomntwana ongakazalwa. Nakuba kungase kubonakale kunzima, kungenzeka uyeke; kuyinto eyenzekayo. Zama okulandelayo:

• Vuma ukuthi unenkinga futhi awukwazi ukuyeka ukuphuza utshwala – ukuvuma ukuthi unenkinga isinyathelo sokuqala ekwenzeni okuthile ngayo.

• Khuluma nomsebenzi wezempilo noma umeluleki wangakini ukuze akusize uyeke utshwala nangezinye izindlela zokuxazulula izinkinga zakho.

• Zama ukuxazulula inkinga eyodwa ngesikhathi – ngaleyo ndlela ngeke zibonakele zinkulu kakhulu ukuthi ungabhekana nazo.

• Hlangana nabanye abesifazane abakhulelwe emphakathini wangakini ukuze nixoxe ngezindlela zokubhekana nemizwa yakho neseluleko mayelana nokuxazulula izinkinga.

• Thatha isinyathelo sokuqala futhi wenze ushintsho oluncane – kuzokwenza uzizwe kangcono futhi kukukhuthaze ukuba wenze ushintsho olwengeziwe ukuze kube ngcono.

INDLELA YOKUSIZA NJENGOMPHAKATHI

Uma wazi othile ophuza utshwala ngesikhathi ekhulelwe, zama ukukhuluma naye kunokuba umahlulele – angase azizwe sengathi kungaphezu kwamandla akhe futhi akakwazi ukubhekana nesimo. Hlela indlela yokuxhumana emphakathini ukuze abesifazane basizane – kulula ukuxazulula izinkinga uma unabantu abakusekelayo. Fundisanani!

Page 6: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane
Page 7: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

Ihlasela kakhulu abesilisa nabesifazane

abaneminyaka yobudala engaphezu kwengu-65. Ngisho noma ungakeqi ngale kweminyaka yobudala engu-65, kufanele wazi ngalesi sifo,

ukuze usize abanaso emphakathini wakini ukuba bakwazi ukubhekana naso – kungaba umakhelwane, umngane, ugogo noma othile

emndenini. I-Arthritis, ewukuvuvukala noma ‘ukulimala’ kwamathambo, yisifo

esihamba phambili ezweni esenza abantu babe nokukhubazeka, futhi

sihlasela umuntu oyedwa kwabayisikhombisa.

ISIXWAYISO! Ukuntuleka kwe-iodine, ikakhulu kubantu besifazane abakhulelwe nabancelisayo, kungabangela ukulimala kobuchopho osaneni olusakhula!

Imvamisa omama baba matasa kakhulu benakekela izingane zabo baze bakhohlwe ukuzinakekela bona. Lolu suku lukhumbuza bonke abesifazane, ikakhulu abakhulelwe, ukuba badle ukudla okunempilo futhi baqinisekise ukuthi bathola i-iodine eyanele emizimbeni yabo.

Kungani kubalulekile?

I-iodine yikhemikhali esetshenziswa yindlala yegilo (thyroid gland) esiza ekulawuleni ukushaya kwenhliziyo, i-cholesterol, ubukhulu bomzimba futhi ilinganise kahle amahomoni ethu. Indlala yegilo isezansi entanyeni ngaphambili futhi isiza nasekugayeni ukudla. Ngokwemvelo, abantu besifazane bayayintula i-iodine ngoba indlala yabo yegilo inkulu ngokuphindwe kabili kweyabesilisa. Uma ukhathazeke kakhulu emoyeni, uyidinga nakakhulu.

Ithonya layo enganeni

Uma owesifazane okhulelwe entula

i-iodine lokho kungabangela lokhu okulandelayo:

Ingane ingase ishone noma ayibelethe isishonile

Angase atete kungakabi yisikhathi

Ingane ingase izalwe inokukhubazeka okuthile, kuhlanganise nokulimala kobuchopho, izinkinga zokukhula, ukuzwa nokukhuluma.

Ngisho nokuntuleka okuncane kwe-iodine ngesikhathi umuntu wesifazane ekhulelwe, kungase kwenze ingane ingahlakaniphi kangako.

Indlela ongaqinisekisa ngayo ukuthi uthola i-iodine eyanele

Imvamisa umuntu udinga ithispuni ye-iodine ukuphila kwakhe konke, kodwa ngenxa yokuthi i-iodine ayigcineki emizimbeni yethu isikhathi eside, kudingeka sithole izilinganiso zayo ezincane izikhathi eziningi. Indlela engcono kakhulu yokwandisa isilinganiso se-iodine wukudla inhlanzi kakhulu. Okunye ukudla okune-iodine amaqanda, imikhiqizo yobisi, njengobisi, ushizi, neyogathi, u-anyanisi kanye neredishi.

Yikuphi ukudla okufanele umuntu wesifazane okhulelwe akugweme?

Gwema ukudla okunjengekhabishi, amantongomane, ufulawa wesoya, iklume (brussel sprouts) ukholifulawa nobrokholi, ngoba lokhu kudla kwenza i-iodine ingamunceki ngokushesha.

Izimpawu ezingakutshela ukuthi awutholi i-iodine eyanele

Yiya emtholampilo wangakini uma ukhulelwe futhi unenye yezinkinga kulezi ezibalwe ngezansi, ezingase zibe yizimpawu zokuthi umzimba wakho awutholi i-iodine eyanele:

• Ukukhathala – ngendlela engavamile

• Izandla nezinyawo ezibandayo

• Ukungakwazi ukugxilisa ingqondo nokukhohlwa

• Indlala yegilo evuvukele

Ungadli usawoti omningi ngokungavamile, kodwa zama ukuthenga usawoti one-iodine kunokuthenga usawoti wolwandle ovamile.

23 Okthoba: Usuku Lukazwelonke Lwesifo Sokuntuleka Kwe-Iodine

U-Okthoba 12 Wusuku Lomhlaba Wonke Lwe-Arthritis

Ngokwesibonelo, ugogo uGrace oneminyaka engu-68 waqala ukuhlushwa yizinhlungu ezinkulu emathanjeni asezandleni, kodwa abantu abaseduze naye babecabanga ukuthi uphethwe wukuguga nje – futhi naye wayecabanga kanjalo. Wayesebenza kanzima usuku lonke, ewasha, ehlanza indlu, epheka – naphezu kwezinhlungu lezo, ezamqinisa kakhulu ekuhambeni kwesikhathi. Lapho engasakwazi ukubekezelela izinhlungu waya emtholampilo osendaweni wakhuluma nesisebenzi sezempilo esamtshela ukuthi une-Arthritis. Yize lingekho ikhambi layo, ugogo uGrace useyakwazi manje ukunakekela amathambo akhe ukuze izinhlungu zibekezeleleke – ngokudla ukudla okunempilo nokugwema imisebenzi edinga amanzi kakhulu ngoba manje useyazi ukuthi yenza izinhlungu zibe nzima kakhulu. Uma sizifundisa okuthile nge-Arthritis futhi sifundise abanye, lokho kuyosho ukuthi umuntu onalesi sifo angaphila ukuphila okungenazo izinhlungu kakhulu, ngakho masiphonseni esivivaneni!

I-Arthritis yisifo esihlasela amalunga ethu omzimba okungaholela ekuvuvukaleni kwaleyo ngxenye yomzimba kubangele

nezinhlungu ezingapheli. Izimpawu ezinkulu ze-Arthritis yizinhlungu, ukuvuvukala njalo, ukuzizwa ubophene futhi ngezinye izikhathi ubuhlungu obungapheli emalungeni.

Lesi sifo singahlasela nezinye izitho zomzimba futhi lokho kungaholela kulokhu okulandelayo:

Ukungakwazi ukusebenzisa izandla noma ukuhamba kahle

a) Ukucindezeleka nokuzizwa ukhathele futhi ushisa ngokweqile

b) Ukuncipha emzimbeni

c) Ukungalali kahle

d) Ubuhlungu neminjunju emisipheni

e) Ubunzima bokunyakazisa amalunga omzimba analesi sifo

Yize lingekho ikhambi le-Arthritis, zikhona izindlela zokuqinisekisa ukuthi izinhlungu ziyancipha, futhi ezinye zalezo zindlela ziwukuvivinya umzimba, ukudla ukudla okunempilo ukuze ugweme ukukhuluphala okungabhebhethekisa lesi sifo, imithi enciphisa ukulimala kwamathambo nezinhlungu – kanye

nokuhlinzwa ufakelwe amalunga okuyindlela ebizayo.

Kubalulekile ukuya emtholampilo!

Qhubeka usebenzisana nezisebenzi zempilo ngoba zingakucebisa ngezindlela zokubhekana nokunciphisa ukulimala kwamathambo okubangelwa yi-Arthritis.

• Zitshele ngokushintsha kwezimpawu zokugula ukuze zikwazi ukukutholela imithi ekufanele.

• Yiphuze njalo imithi yakho ngendlela oyalelwe ngayo.

• Bika noma yiluphi ushintsho oluzwayo empilweni yakho noma imiphumela engemihle oyizwayo.

• Ukuphumula kubaluleke kakhulu kubantu abahlushwa yi-Arthritis, kodwa kuyadingeka ukuzivivinya ngokusesilinganisweni ukuze igazi ligijime kahle!

Uma kunomuntu omaziyo oneminyaka engaphezu kwengu-65, mfundise ngezimpawu ze-Arthritis ukuze azi ukuthi kufanele abheke ini futhi afune usizo lokunciphisa izinhlungu ezihambisana nayo.

Page 8: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

NEWSKZN HEALTH

UNgqongqoshe Wezempilo kwaZulu Natal uDkt Dhlomo usekufakazele futhi ukuthi akalona nje inxusa lezindaba zempilo. Muva nje uphonsele inselelo osomabhizinisi bendawo edolobheni elincane lase-Utrecht (manje elibizwa ngokuthi uMasipala WaseMadlangeni) ukuba banikele ngo-R20,000 ukuze kuthengwe izihlalo zabakhubazekile eziyisithupha ebezidingwa kakhulu wumphakathi wasendaweni. Bayamukela leyo nselelo, futhi ngasekuqaleni kwenyanga edlule, uDkt Dhlomo ekanye nabaxhasi,

i-Khethekile Mining wabanikeza izihlalo zabakhubazile labo ababezidinga.

“Kudingeka senze abantu abakhubazekile babe namathuba alinganayo futhi kudingeka sibasize ekuthuthukiseni izinga lokuphila kwabo nokwemindeni yabo, sibasize ngezidingo zabo eziyisisekelo futhi siqiniseke ukuthi abashiywa eceleni futhi baba neqhaza ekuphileni kwabo,” kusho yena uDhlomo, owabuye wanezela “sidinga ukufaka kubantu umoya wokuNakekelwa Kwempilo Ezweni Lonke ngakho konke okusemandleni, futhi siqale ukutshala imbewu yokubaluleka kokuthi

bonke abantu bathole izinsiza zempilo. Siyalibonga igalelo le-Khethekile Mining ekushintsheni izimpilo zalaba bantu. Manje sebengakwazi ukuzihambela bengasizwa kakhulu abanye abantu, noma bengasizwa nhlobo.”

Abathole lezi zihlalo bakhethwa ngokwesidingo sabo esikhulu kunazo zonke – bonke bahlala esifundeni saseMadlangeni, eduze kwase-Newcastle nase-Vryheid. Lena yindawo engamaphandle, futhi inabantu abangaba ngu-23000 – abaningi babo abasebenzi, okwenza kube nzima ukuzinzisa umnotho.

UNGQONGQOSHE UDKT SIBONGISENI DHLOMO UNIKEZA AMALUNGU OMPHAKATHI IZIHLALO ZABAKHUBAZEKILE

UNgqongqoshe uDhlomo enikeza amalungu

omphakathi izihlalo zabakhubazekile

Kuvulwa umtholampilo omusha!

UDKT SIBONGILE ZUNGU OPHETHE EMNYANGWENI UFUNA KWENZIWE UMZAMO OTHE XAXA UKUZE KUGWENYWE UKUSAKAZEKA KWEZIFO EZITHATHELWANAYO

Izifo ezithathelwanayo eNingizimu Afrika ziyanda kakhulu futhi zicindezela umnotho wezwe – futhi ukwelashwa kwazo kubiza kakhulu kunokuzivimbela, kusho oPhethe Emnyangweni Wezempilo kwaZulu Natal uDkt Sibongile Zungu. Ngesikhathi ekhuluma ne-Federation of Infectious Diseases Societies of Southern Africa (FIDSSA) engqungqutheleni ngenyanga edlule, uDkt Zungu wathi kudingeka amanye amasu ukuze kusingathwe indaba yokugwenywa kwezifo ezithathelwanayo njengengculazi, i-TB, umalaleveva nesifo sohudo. “INingizimu Afrika yizwe lesine emhlabeni elinabantu abaningi abane-TB (ngemva kwezwe laseNdiya, i-China ne-Indonesia) futhi inezinkinga ezingamaphesenti angu-

28 emhlabeni wonke ezimaqondana ne-TB ehlobene nesandulela-ngculazi. Kubantwana abancane, isifo sohudo kanye ne-pneumonia kusabangela ukufa ngamaphesenti angu-15. Izwe lifinyelele izinga eliphakeme lokuzinza komnotho kusukela ngo-1994 selokhu kwathatha ukubusa kwentando yeningi okusekelwe kumthetho-sisekelo, futhi linomnotho omkhulu kakhulu e-Afrika, ngoba linikela ngamaphesenti angu-40 kuyi-GDP yezwekazi futhi linegalelo elikhulu ekuhwebeni nasekutshaleni izimali kuleli zwekazi. Kodwa imali eholwayo ayikalingani kanti nobumpofu buseyinselelo enkulu, futhi abantu abampofu abawatholi kahle amathuba okuzuza kwezomnotho

kanye nokunakekelwa kwempilo. Yize kunentuthuko enkulu emnothweni waseNingizimu Afrika nakwezenhlalo, sisasongelwa yizifo ezihlukahlukene ezithathelwanayo. Izifo ezihambisana nenhlupheko yizifo ikakhulu ezidluliselwanayo futhi zihlasela kakhulu abantu bakithi.” Lapho ephetha, uDkt Zungu wacela labo abasemkhakheni wesayensi abasebenza ngezifo ezithathelwanayo ukuba bathole indlela esebenzayo ukuze kuqinisekiswe ukuthi abasebenzi bezempilo bomphakathi, umphakathi nabenzi bemithetho bayawazi amasu asetshenziswayo ukuze kuvinjelwe lezi zifo.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

NEWSKZN HEALTH

Abazali babafundi abafundela ubudokotela

e-Cuba begajwe yinjabulo njengoba

bebonga uNgqongqoshe uDhlomo

UNgqongqoshe eya e-Mid Illovo eyovalelisa abafundi abayofundela

ubudokotela e-Cuba

UNgqongqoshe evalelisa umfundi oyofundela ubudokotela e-Cuba

Page 9: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

1 : Usuku Lomhlaba Wonke Lwabantu Abadala

Lolu suku lugujwa minyaka yonke ukuze kubongwe igalelo labantu asebegugile nokubheka izinkinga abanazo. Luyisikhathi futhi sokuba sicabange ngendlela esibaphatha ngayo nokuthi singayithuthukisa kanjani.

1 : Usuku Lukazwelonke Lwezifo Ezidluliswa Ngofuzo

Injongo yalolu suku wukuqwashisa abantu nokubakhuthaza ukuba babamukele abantu abazalwa nezifo ezidluliswa ngofuzo (izifo ezidluliselwana emndenini). Sonke kudingeka sisize ekuqedeni izinkolelo-ze ezihambisana nalezo zifo ukuze labo abanazo bakwazi ukuphila ukuphila okuvamile.

4-10 : Isonto Lokushushumbiswa Kwabantu

Ukushushumbiswa kwabantu kuhlanganisa ukuheha, ukuhambisa, noma ukugcina umuntu ngokusebenzisa impoqo. Lokhu kuwukwephula umthetho! Kubike lokhu uma kunomuntu omaziyo othintekayo kuko.

8 : Isonto Le-Hospice Lomhlaba Wonke Nokunakekelwa Kwabagula Kakhulu

Lokhu kuphathelene nokunakekelwa okukhethekile kwabantu abanezifo ezimbi kakhulu. Lokhu kunakekela kusiza ekudambiseni izimpawu, ubuhlungu kanye nokucindezeleka ukuze kuthuthukiswe izinga lokuphila. Xhumana ne-Hospice Palliative Care Association ku-031 2086110 uma ungathanda ukuthola ulwazi oluthe xaxa.

9 : Usuku lokukhumbula ubudlelwano ekulweni nengculazi

Siphila nesandulela-ngculazi nengculazi, lezi yizifo ezikhona futhi ukuphela kwendlela esinganqoba ngayo kule mpi wukuba sibambane. Sonke kudingeka sibe munye ekulweni nengculazi. Lolu suku lunikelwe ekuqiniseni lokho kuzibophezela. Uma sibambene singaphumelela.

9-13 : Isonto Likazwelonke Lokudla Kahle

Ukuba nesisindo somzimba esiphansi kuphakathi kwezinkinga ezivame kakhulu eziphathelene nokudla kubantwana abangakayi esikoleni eNingizimu Afrika – Ingane eyodwa kweziyishumi eneminyaka ephakathi kwemine neyisithupha inesisindo somzimba esiphansi! Funda uthole okwengeziwe ekhasini

10 : Usuku Lomhlaba Wonke Lwempilo Yengqondo

Unyaka nonyaka izigidi zabantu kutholakaka ukuthi zinesifo esithile sengqondo, kodwa bambalwa abayiqondayo le nkinga. Lolu suku lusetshenziselwa ukufundisa umphakathi ngale ndaba kanye nokuyibeka eqhulwini impilo yengqondo emhlabeni wonke. Cishe ingxenye yezifo zengqondo ziqala ngaphambi kweminyaka yobudala engu-14 futhi lesi sifo siyaqhubeka siyimbangela yokuzibulala kwabantu kanti besingelapheka.

12 : Usuku Lomhlaba Wonke Lwe-Arthritis

I-Arthritis yisifo esibangela izinhlungu kanye nokungakwazi ukunyakazisa amalunga omzimba. Ayaziwa imbangela yaso yangempela futhi alikho ikhambi layo, kodwa kusenziwa ucwaningo

oluningi ukuze kutholakale ikhambi.

12 : Usuku Lweduku Lukazwelonke

Abantu bakhuthazwa ukuba ngalolu suku bathenge (bese begqoka!) iduku kwa-Pick & Pay ngo-R20. Leyo mali inikelwa eSikhwameni SikaBhekilanga (Sunflower Fund) esisiza izingane ezinesifo somdlavuza wegazi (leukaemia) nezinye izifo zegazi ezingabulala.

12: Usuku Lwamazwe Ngamazwe Lokuncishiswa Kwezinhlekelele Zemvelo

Injongo yalolu suku wukuthola izindlela zokunciphisa nokunqanda izinhlekele zomhlaba.

13: Usuku Lomhlaba Wonke Lokubona

Usuku Lomhlaba Wonke Lokubona lusetshenziselwa ukuqwashisa abantu ngobumpumputhe nokusekelwa nokusizwa kwalabo abangaboni kahle emehlweni. Abantu abadala yibona abahlushwa kakhulu yinkinga yamehlo futhi umyalezo uwukuthi izinkinga zamehlo eziningi ezinjengolwelwesi olukhula ehlweni (cataract) zingelashwa kalula nje.

15: Usuku Lukazwelonke Lwezinsana Ezinesifo Sokulinyazwa Utshwala

Omama abakhulelwe akufanele baphuze utshwala ngoba lokho kungalimaza umntwana esiswini. Lelo yiqiniso. Sebenzisa lolu suku ukuze ukhuthaze noma ubani omaziyo ukuba ayeke ukuphuza utshwala futhi avikele ingane yakhe!

Ngo-Epreli 2010, izwe langenela umkhankaso wokweluleka ngesandulela-ngculazi nokuyihlola (HIV counselling and testing [HTC]) ukuze kuhlolwe abantu abayizigidi ezingu-15 ukuthi abanalo yini igciwane lesandulela-ngculazi nezinye izifo ezingamahlalakhona. Ngezinyanga ezingu-15, kwelulekwa abantu abayizigidi ezingu-14. Abantu emphakathini abangaphezu kwezigidi ezingu-12 bahlolelwa isandulela-ngculazi – okuyinani elingaphezu kwelangonyaka odlule, okusho ukuthi abantu sebeyalizwa icilongo elikhalayo lokuba bayohlolwa. Kulabo abahlolwa, abayizigidi ezimbili batholakala ukuthi banaso isandulela-ngculazi futhi batshelwa ukuba bathole ukwelashwa.

UNgqongqoshe uthi ukusheshe ubhalise kubalulekile

Embikweni wakhe wokulethwa kwezinsiza ekuqaleni kwalo nyaka, uNgqongqoshe uDkt Sibongiseni Dhlomo wezempilo kwaZulu Natal wamemezela ukuthi ingculazi ibangele ukufa komama nabantwana abangamaphesenti angu-40, wabuye wathi abesifazane abakhulelwe basafihla ukuthi bakhulelwe futhi abayi

ngesikhathi emitholampilo esiza omama abakhulelwe. Usephinde wanxusa omama abakhulelwe ukuba baye ngokushesha okukhulu emitholampilo esiza omama abakhulelwe futhi bahlolelwe isandulela-ngculazi. Wanezela wathi ukusheshe ubhalise kubalulekile ukuze ukwelashwa kusheshe kuqale uma kutholakala ukuthi umama okhulelwe unegciwane. UDkt uDhlomo wagcizelela nokuthi uma omama abakhulelwe abanesandulela-ngculazi besheshe baqale ukwelashwa lokho kunganika nengane ithuba elingcono lokusinda futhi ingalitholi igciwane. “Singasindisa abantwana ababili kwababili abafayo uma omama nezinsana zabo bethola ukwelashwa okusebenzayo ngokushesha,” kusho uDkt Dhlomo.

Kunengqubekela-phambili KwaZulu Natal

• Inani lezingane ezizalwa negciwane lesandulela-ngculazi (zilithola komama bazo) lehlile lisuka kumaphesenti angu-22 ngo-2005 kuya kwangu-2.8 ngonyaka ka-2010.

• Kwathi kufika uJulayi 2011, abantu abangu-2 920 433 base behlolelwe isandulela-ngculazi kwaZulu Natal; abangamaphesenti angu-19 (561 057)

kwatholakala ukuthi banaso futhi bayiswa ngokushesha ezindaweni abangathola kuzo usizo nokwelashwa.

• Iziguli ezingamaphesenti angu-90 ezinesandulela-ngculazi zahlolelwa i-TB. Iziguli ezinesandulela-ngculazi zinikezwa i-Isoniazid Preventative Therapy (IPT) ukuze kuvinjwe i-TB eyingozi.

• Antiretroviral Therapy as at 31 March 2011:

• Ingqikithi yezikhungo zokwelapha ezingu-518 (amaphesenti angu-78 ezikhungo kwaZulu Natal) zinikeza i-ART, kuhlanganise nezikhungo zempilo eziyinhloko ezingu-429 eziqalisa ngama-ARV

• Iziguli ezingu-489 801 zisohlelweni lwe-ART

• Abasebenzi abangu-2 339 sebefundisiwe ngeziqondiso ezibukeziwe ze-TB nesandulela-ngculazi nengculazi

• Abahlengikazi abangu-2 901 baqeqeshelwe izifundo ezihlukahlukene maqondana nokulawulwa kwesandulela-ngculazi nengculazi

Okthoba 9: Siqinisa Ubudlelwano Bethu Ekulweni Nengculazi Nesandulela-ngculazi

Abezempilo KwaZulu Natal Sebezimisele Kunanini Ngaphambili

NEWSKZN HEALTH OKTHOBA: IZINSUKU

ZOKUQWASHISWA

KWABANTU

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Page 10: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

Isiqondiso Sanyanga Zonke...…

Sezinkolelo nezindlela zokuzelapha ekhaya

Uma abantu becabanga ukuthi umuntu uqalekisiwe noma uthakathiwe, kuyiqiniso yini ukuthi angaba ngcono uma izihlobo zakhe zilimaza noma zibulala umthakathi?

Impendulo: Cha, lokho akulona iqiniso! Akekho umuntu osizakalayo ngokulinyazwa noma ngokubulawa komunye umuntu!

Kuyiqiniso yini ukuthi uma ‘ukhakhayi’ lwengane lushone phansi ingase ishone ngaphandle uma ithola usizo lokwelashwa ngokushesha?

Impendulo: Ngokuvamile lokhu kuyiqiniso, kuye ngokuthi kubangelwa yini. ‘Ukhakhayi’ lushona phansi ngoba ingane isuke ilahlekelwe amanzi amaningi emzimbeni futhi ingafa ngempela uma umzimba wayo uqhubeka ulahlekelwa amanzi. Uma inezimpawu ezilandelayo kanye nokhakhayi olushone phansi, yiya emtholampilo oseduze:

• Inenhliziyo emnyama

• Ihlanza, ihanjiswa yisisu futhi ishisa kakhulu

Kuyiqiniso yini ukuthi uma kunesenzakalo sokufiphala kwelanga (eclipse) owesifazane okhulelwe uzozala ingane ekhubazekile?

Impendulo: Lokho akulona neze iqiniso!!

Kuyiqiniso yini ukuthi owesifazane okhulelwe kufanele abelethele egumbini elimnyama elingakhanyisiwe?

Impendulo: Kuyiqiniso ukuthi ukukhanya okungekukhulu kakhulu akuwaphandli amehlo kamama nengane, kodwa kufanele kube nokukhanya okwanele ukuze umbelethisi akwazi ukubona lokho akwenzayo futhi akwazi ukubelethisa. Kodwa uma umama eteta ngomthungo udokotela udinga ukukhanya okwanele ukuze umntwana nomama baphephe.

Kuyiqiniso yini ukuthi usana olusanda kuzalwa akufanele lugezwe kuze kube yilapho kuwa inongwana?

Impendulo: Yebo, kuyiqiniso. Inongwana kufanele ihlale yomile kuze kube yilapho iziwela; ngoba uma iba manzi ithatha isikhathi eside ukuwa futhi ingathola amagciwane. Omama belulekwa ukuba bazisule ngendwangu izingane futhi lokho akunazingozi eziningi.

Umama kufanele ageze nini ngemva kokuba ebelethile?

Impendulo: Umama kufanele ageze ngamanzi afudumele ngakusasa ngemva kokuba ebelethile. Ukungagezi amasonto ngamasonto ngemva kokubeletha kungabangela izifo futhi akufanele, ngaphandle uma etete ngomthungo, futhi uma kunjalo kungase kudingeke alinde amasonto amaningana kuze kube

yilapho esephole ngokuphelele – kodwa kuyadingeka ukuba ageze ngokuzisula ngendwangu!

Kuyiqiniso yini ukuthi indlela endala yokuncelisa ingane ibele ingcono kunendlela ‘yesimanje’ yokuyincelisa ibhodlela?

Impendulo: Impela kuyiqiniso! Ubisi lwebele luNgcono Kakhulu enganeni yakho futhi luyivikela ezifweni. Ubisi olunombala ongathi uphuzi oluphuma kuqala emabeleni akho lubaluleke kakhulu enganeni, ngakho yincelise – leso yisiqalo esihle kakhulu ongasinika ingane yakho!

Kuyiqiniso yini ukuthi uma umuntu eshisa kakhulu kufanele ambathe ingubo ukuze ‘umoya ungamgulisi?’

Impendulo: Akunjalo neze! Lokho kungenza umuntu ashise nakakhulu futhi kuyingozi kabi. Uma umuntu eshisa ngokweqile, kuhle ukumkhumula zonke izimpahla zokugqoka nokungamembathisi izingubo ngoba ukushaywa umoya kuzosiza kwehlise ukushisa.

Ingabe umuntu ogulayo kufanele agweme ukungena emanzini ageze?

Impendulo: Cha, kuhle ukugeza umuntu ogulayo emanzini afudumele nsuku zonke.

Lokho okuyiqiniso nalokho okungelona!

15 : Usuku Lomhlaba Wonke Lokugezwa Kwezandla

Ukugeza izandla ngensipho nangamanzi kunganqanda ukufa kwabantu abangaphezu kwesigidi ngonyaka ababulawa yisifo sohudo. Kulula – khuthaza ukugezisiswa kwezandla futhi usindise izimpilo ezithe xaxa.

16: Usuku Lokudla Lomhlaba Wonke Nosuku Lwamazwe Ngamazwe lokuqeda ubumpofu (Okthoba 17)

“AMANANI OKUDLA – MAKUPHELE UBUNZIMA ISIMO SIZINZE.” Lesi yisihloko salo nyaka soSuku Lokudla Lomhlaba Wonke. Injongo yalo akukhona nje ukuchazela abantu ukuthi kungani ukudla kubiza kangaka kodwa iwukufundisa ngezindlela zokunciphisa le nkinga – ukwabelana njengomphakathi nokwenza izingadi zemifino yizindlela ezincane esingaba ngazo negalelo ekuqedeni ubumpofu – lokhu kuqala emiphakathini yethu.

16: Usuku Lomgogodla Lomhlaba Wonke

Umuntu oyedwa kwababili unenkinga yeqolo. Lokhu kwenza inkinga yobuhlungu beqolo ibe yisizathu esihamba phambili sokungayi kwabantu emsebenzini ngenxa yokugula, futhi odokotela bomgogodla basebenzisa lolu suku ukuze baqwashise abantu ngale nkinga engabadla kanzima ephaketheni.

17-23 : Isonto Lokulawulwa Kwezifo

Bewazi yini ukuthi ukugeza izandla zakho kunciphisa ukusakazeka kwamagciwane ngamaphesenti angu-75? Leli sonto lisetshenziselwa ukukhumbuza abantu ngalokhu kanye nokubaluleka kokugwema izifo. Uma sonke sikwenza lokhu, izifo zingancipha futhi singaba

nomphakathi onempilo engconywana, ngakho masikhuthaze wonke umuntu.

20 : Usuku Lukazwelonke Lwe-Down Syndrome

I-Down syndrome yisifo esenza umntwana ephuze ukukhula emzimbeni nasengqondweni. Nanka amaqiniso nge-down syndrome:

• Abantu abane-Down syndrome baba nokulimala komqondo okuncane kuya kokuphakathi

• Imbangela ayihlangene neminyaka, uhlanga, inkolo noma izimo zomnotho

• Amaphesenti angu-80 ezingane ezine-Down syndrome azalwa omama abangaphansi kweminyaka yobudala engu-35, kodwa abesifazane abangaphezu kweminyaka yobudala engu-35 basemathubeni amaningi okuthola ingane ene-Down syndrome.

• Alikho ikhambi, kodwa izinkinga zokugula ezihambisana nalesi sifo zingelashwa.

• Izingane ezine-Down syndrome zingafunda ezikoleni ezivamile

Abantu abane-Down syndrome bangaphila baze babe neminyaka engu-50 kuya kwengu-55

20 : Usuku Lomhlaba Wonke Lwesifo Samathambo (Osteoporosis)

I-Osteoporosis yisifo samathambo esihlasela ingxenye engaphezu kweyodwa kwezintathu yabesifazane abaneminyaka engaphezu kwengu-50 futhi cishe ingxenye yalabo abangaphezu kuka-70. Isiyanda nasemadodeni. Ikhona imithi eyenza lesi sifo sibe ngcono, kodwa ukusinqanda yikhona okusebenza kangcono!

23 : Usuku Lukazwelonke Lwenkinga Yokuntuleka Kwe- Iodine

I-Iodine yisakhi esibalulekile esidingekayo ekukhuleni. Yize kunjalo, ukuntuleka kwe-iodine emzimbeni kuyimbangela eyande kakhulu yokulimala kobuchopho, kodwa futhi yisimo esinganqandeka kalula. Omama abakhulelwe ikakhulu kufanele bathole usawoti one-iodine, ngoba lena yindlela engambi neze eqolo yokuthola lesi sakhi. Ukuntuleka kwe-iodine kungabangela ukuchitheka kwesisu, ukuzalwa kwengane isishonile kanye nokunye ukukhubazeka.

24 : Usuku Lomhlaba Wonke Lovendle (Polio)

Goma ingane yakho ukuze ingabi novendle – lona umyalezo obalulekile walolu suku! Uvendle yisifo esibi kakhulu esihlasela isimiso sezinzwa futhi singabangela ukukhubazeka, futhi sihlasela ikakhulu izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu. Lesi sifo cishe asisekho nhlobo emazweni amaningi. Ayikho imithi yovendle, kodwa lunganqandwa ngokugoma.

29: Usuku Lomhlaba Wonke Lukanhlangothi (Stroke)

Abantu abangaba ngu-60 bayashona nsuku zonke eNingizimu Afrika bebulawa unhlangothi! Lolu suku lusetshenziselwa ukukhuthaza abantu ukuba bazi izimpawu zonhlangothi futhi bakhumbule ukuthi unhlangothi ungagwenywa. Ukungakwazi ukukhuluma, ukungabi namizwa ebusweni, ukungakwazi ukuzimelela uma uhamba – lezi ezinye nje zezimpawu ongazibheka. Khuluma nesisebenzi sezempilo futhi sizokunika amacebiso. Ukunqanda isifo kungcono kakhulu kunokuselapha!

OKTHOBA: IZINSUKU

ZOKUQWASHISWA

KWABANTU

Page 11: Yinyanga Yokuqwashisa Ngomdlavuza Wamabele · IZINDLELA ZOKUYEKA UTSHWALA NGESIKHATHI UKHULELWE Abantu abaningi baphendukela ekusebenziseni izidakamizwa uma benenkinga, kodwa kwabesifazane

Akubona bonke abantu abakwazi ukunakekela iziguli ezinokuphazamiseka engqondweni, ngabantu abakhethekile abangenza lokho. Phela lo msebenzi udinga isineke, uzwela nesibindi ngoba izinsuku azifani. Omunye walabo bantu abakhethekile u-Joan Ross, iMenenja Yokusebenza-jikelele engxenyeni yokuLungiswa Kwezinkinga Zengqondo e-Fort Napier Psychiatry Hospital eMgungundlovu.

Lo mama oneminyaka engu-51 ogcwele umndlandla ubiza iziguli zakhe ngamagama amnandi anjengokuthi ‘mntakwethu’ noma azibize ngamagama azo – okuyinto ebaluleke kakhulu ekwakheni ukwethembana nokuzwana endaweni okungelula ukusebenza kuyo asesebenze kuyo iminyaka engu-24 edlule. Phela odokotela nabahlengikazi abaningi bangakhetha ukungasebenzi ngabantu abagula ngengqondo, kanti nomphakathi awukayeki ukubabandlulula laba bantu.

“Konke engikwenzayo, ngikwenza ngenhliziyo yami yonke. Ngifuna ukukwenzisisa kahle, kungenjalo ngincamela ukungakwenzi. Ngisho netiye

lami kufanele lenziwe kahle. Ngiyathanda ukuba yingxenye yenqubo nokusiza iziguli zami. Ngizibambela mathupha futhi ngithola injabulo nokwaneliseka uma isiguli silulama futhi sibuyele ekhaya nalapho sithola imibiko emihle ngaso,” esho lawo mazwi ngobuso obubonisa ngokucacile ukuthi unethemba ngekusasa leziguli zakhe.

U-Joan umelela uhlobo olungavamile lwabanakekeli beziguli abanikela ngesikhathi sabo kulabo abasesimweni esingemnandi emiphakathini yethu. Indlela enomusa anakekela ngayo izisize kakhulu iziguli zakhe ezingu-48, eziningi zazo

ezenze ubugebengu obunhlobonhlobo, nezingathandwa umphakathi. Kodwa u-Joan wazi kahle ukuthi nazo zidinga usizo olufanayo lwezempilo futhi akufanele zincishwe uzwela nokunakekela okuhle okuhambisana nalo.

Akazitholanga nje esenza lo msebenzi. U-Joan wathola iziqu zobuhlengikazi esibhedlela i-Ferere eMonti futhi wafika e-Fort Napier ngo-1987 ezoqeqeshelwa

impilo yengqondo. Uthi lokho kuqeqeshwa kwakuwubizo lwakhe futhi akazange esabheka emuva.

“Kudingeka sikhuthaze abantu futhi sibenze baqonde ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila. Lezi ziguli zilapha ngenxa yezimo, azizikhethelanga. Umama wasifundisa ukuthanda abantu nokubamukela futhi lokho kuye kwabangela ugqozi olukhulu kimi nakudadewethu njengoba singabahlengikazi. Awunakuba umhlengikazi uma ungenandaba nabantu noma uma ungabathandi – leyo ingxenye ebaluleke kunazo zonke yalo msebenzi,” kusho lo mama onezingane ezimbili.

“Ngingumuntu ofuna izinto zenziwe futhi ngilindela okukhulu kimina. Iziguli zami zingitshela ukuthi isibhedlela akulona ikhaya lami ngoba ngihlale ngifuna izinto

zenziwe ngendlela efanele ngaso sonke isikhathi,” uyanezela esho ehleka.

Njengoba u-Joan esesebenze iminyaka engamashumi amabili, ubona sengathi kuseneminye iminyaka engu-15 angayinikeza iziguli zakhe kanye nesibhedlela. Uthi: “Angikakulungeli ukuyeka iziguli zami, kuningi okusafanele ngizinike kona.”

Ake Sithi Nhla:

“Konke engikwenzayo, ngikwenza ngenhliziyo yami yonke.”

U-Joan Ross – IMenenja Yokusebenza-jikelele Kwesibhedlela I-Fort Napier