end august 2019 injabulo kubazali bethola izihlalo · izithakazelo izithombe: bontlebride...
TRANSCRIPT
UDABAInjabulo kubazali bethola izihlalozezingane ezikhubazekile
031 777 4003 / 0734276113
END AUGUST 2019
Kunikelwe ngama-computer esikoleni samabanga aphansi
IKHASI 5
Kunikelwe ngama-computer esikoleni samabanga aphansi
IKHASI 9 IKHASI 2IKHASI 8
UDABA KUKHASI 3
INJABULO ibibhalwe emehlweni kubazali ngesikhathi bethola izihlalo ezinamasondo zezingane ezikhubazekile ebebezinikwa inhlangano yabesifane engenzi nzuzo iWIZO, kumcimbi obubanjelwe eValley Trust KwaNyuswa. ISITHOMBE: NONDUMISO HLAMBISA
Kugqugquzelwe ubumbano kowe-Women In Business Seminar
Kusingathwa umncintiswanowesiCathamiya ePlayhouse
MBUSO LANGA
IHHASH’ Elimhlophe lijoyine i-Universal Music okuyisitebele esihamba phambili emhlabeni, likhiphe i-albhamu entsha ethi Amawazawaza. Lelicwecwe elisha ligabe ngezingoma eziwu-16.
Hhash’ Elimhlophe elaqala ukucula ngonyaka ka-1985, lithe ukujoyina i-Universal Music kube ngesinye sezinqumo elibona ukuthi bese kuyisikhathi sokuthi asithathe ukuqinisekisa
MBUSO LANGA
IFILIMU eyake yenziwa i-Has Fallen, kuyamangaza uma belokhu bezama ukuyibuyisa, kulokhu ke kubengconywana njengoba isibuye no-Angel.
kujwayelekile nokho ukuthi ifilimu esibuye kaningana ibe mnandi njengoba kwenzekile kulena yesithathu esiyenziwe u-Roman Waugh i-Angel Has Fallen. Lena enstha idlula kude awokuqala okwaba i-Olympus Has Fallen, eyalandelwa i-London Has Fallen. Kwi-Angel Has Fallen kudlala phambili u-Mike Banning ongu-mvikeli kamengameli. U-Banning uyinkakha ekulingiseni njengoba eseke wadlala kumanye amafilimu aduma kakhulu njenge Jack Bauer
NONDUMISO HLAMBISA
USEKHIPHE incwadi yakhe yokuqala ngqa esihloko sithi ‘A Star Can Never Shine With-out Darkness’, owesifazane onguthishela esikhungweni semfundo ephakeme, isikhulumi esishukumisayo, usomabhizinisi ophinde abe ngumbhali, uThembi Tamarah Shange,wase Pietermaritzburg eSigingqini. encwadi ibhekiswe kubantu abampofu, abancane kanye nabadala. Ilapha imiphefumulo ekhathaze-kile iphinde inikeze abantu ithemba lokuthi ngisho kungathiwa zingakanani izivungu-vungu ohlangabezana nazo empi-lweni kuzogcina ngokukhanya zonke izinto zilunge. Imayelana nempilo yakhe nokuthi ukukhula kwakhe ngezikhathi ezinzima engenaye ubaba akuzange kumenze ukuthi adikibale empilweni kodwa
IL
A
End August 201910Siyahlaziya
Isiyatholakala ezitolo i-A Star Can Never Shine Without Darkness
Libonga umndeniiHhashi nge-album
I
U-SHILEX (ongakwesokudla) ebonisa ngencwadi yakhe ngesikhathi yethulwa ngokusemthethweni
kunalokho kwamenza wane-ntshisekelo yokuthi aqhubeke aye phambili aze awafeze wonke amaphupho akhe njengoba nama-nje esaqhubeka nokuya phambili empilweni. Yincwadi enhle yokufunda, enamakhasi awu-76, nesahluko esikhuluma ngeNhloko Yeza-maPaki Ezokungcebeleka Nama-siko uMnuz Ngcobo, u-Bishop Vusi Dube, u-Advocate Fatima Kaula, kanye nomufi uSfiso Nkabinde owadutshulwa ngemu-mva kwamasonto amathathu ebuya kokhokha i-lobola. Nokuthi wahlangana kanjani noWinnie Mandela. Lencwadi isiyatholakala esitolo sezincwadi i-Adams ibiza u-R240, kanti nakwi internet kwi-Amazon iyatholakla.
Isithombe: Sithunyelwe
ayedlala kuyo eceleni kuka Kiefer Sutherland, wadlala kwi-John McClane eceleni kuka Bruce Willis, nakwi-In The Line of Fire
ka-Clint Eastwood. Yingakho umqondisi we-Angel emqokile. Umsebenzi wakhe ukuvikela umengameli u-Allan Trumbull
odlawa enye inkakha kwezoku-lingisa u-Morgan Freeman. Kukhona abazama ukubulala umengameli bese kusolwa yena u-Banning kulokhu, bese kuba ukuqala kokushuba kwezinto. Ohamba phambili kulokhu ku-shubisa isimo kudlalwa uJada Pinkett Smith okunguye omsolayo futhi obhebhezela lamahlebezi okubulawa kukamengameli.
Imnandi kakhulu lefilimu enga-ngoba ngiyinika amaphuzu awu-4 kwangu-5.
ukuthi umculo wakhe utholakala emhlabeni wonke. Liveze ukuthi leli-cwecwe belilokhu lizihlangan-isela lona ekhaya ngokubambisana nomndeni walo kusukela ngonyaka odlule (2018). UHhashi uthe ukusebenza ngokubambisana nomndeni walo yikho okulenza lakwazi ukuphu-ma nolozolo lwecwecwe.
Lithe maduze lizo-theleka KwaZulu-Natal lihambele izindawo ezahlukene nemisakazo lizokwethula yona le i-albhamu kubantu. Amawazawaza aseqalile ukutholakala ezitolo kanjalo nakuma-downloads.
Ibuye isishisa izikhotha i-Angel Has Fallen
EzamaSiko
11End August 2019
ITHUBA LOKUKHANGISA - EzaKwaZulu zikunika ithuba eliyingqayizivele lokukhangisa. Amanani ethu okukhangisa aphansi. Ukuthola imininingwane shayela uMasindi Mkhize kule nombolo - 073 427 6113
UMABOK
Isithombe: Indoni
IZITHAKAZELO ZAKWA-BUTHELEZIShenge,Sokwalisa,Mnyamana kaNgqengelele,Phungashe,Sondiya,Mnandingamondi,Wena owadliwa zindlovukazi zamlobolela,Nina zinyawo ezimahhele,Enaganisa izintombi nanganye nangambili!
IZITHAKAZELO ZAKWA-CALUZAMnguni,Ndlela,Wena owawela uThukela neMpofana!
IZITHAKAZELO ZAKWA-CHAMANEWosiyane,Nzama,Mashiza,Dingila,Chube,MaChube amahle,Nombhoco, Chube,Gcugcwa,Zukula kaNombhoco,Zukula, nina baseS'Chamaneni,Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu,Kodwa ushaywa ngombho-mbolo wesidwaba,Mkhandi wensimbi,Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,Gcugcwa ka-Ncameni,Ncameni ka-Nozaca!
IZITHAKAZELO ZAKWA-CHONCOGambushe,Shay'imamba,Nyongande ziy'emhlubulweni,Mabhala ngozipho abanye bebhala ngamapensela,Wen'ohlab'inkomo wathi iyagxuga kant'uthand'inyama,Mfomubi!
IZITHAKAZELO ZAKWA-CAMBIMathaba,Mbuyazi!
IZITHAKAZELO ZAKWA-CHIBITibane,Mlambo,Mful'omkhulu ongawelwa muntu,Uwelwa zinkonjane kuphela,zona ezinamaphiko!
ziyigugu nendlela lokuzigqaja kulowo osuke ebizwa ngolibo lwamaqhawe akubo. Siyaqhubeka...
MBUSO LANGA
UMABO ngingawuchaza ngo-kuthi umshado wesiZulu, owe-nziwa emuva komshado omhlo-phe.
uyenzeka ukuthi abantu benze umshado omhlo- phe bese benza umabo emuva kweminyaka eminingi beshadile kodwa kunenkolelo yokuthi, umuntu akashadile ngokuphelele, ngokwesiko lesiZulu uma engazange awenze umabo. Abanye abantu babhekana nezinkinga emishadweni (bahlu-leke ukuthola abantwana, kube nokungazwani nabasemzini) bese kutholakala ukuthi amadlozi awathokozile njengoba umabo ungenziwanga futhi abamboni umakoti wabo engu makoti ngoku-phelele. Umabo uwusiko oluba-lulekile, olunomthelela nasebantwaneni, yingakho abanye benza umabo ngisho umkhenyana esadlula emhlabeni. Kuyenzeka nokuthi abantwana kudingeke benzelele abazali babo umabo ngaphambi kokuba bazenzele bona umabo, ingane ayikwazi ukwaba abazali bayo bengazange babe.
Ngokwesiko lesiZulu, kukhona amasiko ekudingeka enziwe ngaphambi kokuba umuntu ashade ngokuphelele, umabo uyisigaba sokugcina. Isigaba sokuqala ukulobola, kuthatha isikhathi, umuntu akaqedwa ngosuku olulodwa, bese kulandela izibizo (umkhwenyana uletha izibizo zikamama), bese kulandela umbo-ndo (umakoti ulethela abasemzini ukudla) bese kuza umshado / umabo. Ngaphambi kokuba kushadwe, noma kuthiwa kuzo-kwenziwa umshado omhlophe kuphela, umakoti fanele akhishwe ngembuzi kubo bamshisele ne-mphepho ukwazisa amadlozi ukuthi indodakazi yabo isiyoba ilunga lomunye umndeni bese emuva komshado umndeni aba-kwa khwenyana kumele bama-mukele ngembuzi. Kumabo, umndeni ngamunye uhlaba inkomo bese beshintshisana ngohlangothi oluthile lenyama.
Umabo wenzelwa ekhaya lika mkhwenyana, umakoti uletha impahla yasendlini yakhe bese elethela abasemzini izipho. Uma-koti ufaka imvunulo; isidwaba, isicholo bese embhoza amahlombe. Umakoti uhlala
ocansini, akabuki futhi akakhulu-misi muntu, ukhombisa inhloni-pho. Ubabezala uyamamukela kokuba umcimbi uqale nobaba wakhe abeke amazwi amubalwa ukukhombisa ukuthi ubanikile imvumo yakhe. Umakoti uhlala ocansini, izimpelesi zakhe nodade wakhe balethe izimphahla, kube ibona abazilungisayo. Uletha ikhisti , umbhede ohamba nezinto zokuwumbathisa nemicamelo, bese elethela abasemzini ama-cansi, imicamelo nezingubo zokulala (abasemzini basuke bemunikile amagama abantu abazombhathiswa ngaphambi kokuba kufike lolusuku). Umuntu ngamunye uthola ucansi, umca-melo nengubo bese abesilisa benezelwe ngokhamba oluhamba nembengo. Uletha nemishanelo.Abantu abambathiswayo babizwa ngamunye, kuqalwa ngabesifazane (omama abadala bese kuba odade-wabo bamkhenyana). Bese kubi-zwe abesilisa, banikwe izingubo zokulala, imicimela, umacansi
nokhamba. Umuntu mebizwa, ulala ocansini, ilunga lomndeni langaka makoti limumbathise bese eyasukuma aculo, akikize noma asine akhombise ukujabulela izipho zakhe. Emuva kokuba bonke abantu bambathiswe, bese kugcine umkhwenyana. Umakoti uyasukuma athathe umbhede awendlale bese eyahamba afune umkhenyana. Bese emutholile amundlalele amacansi azohamba kuwona amuholela kumbhede alungiselelwe wona. Uqale ahlale embhedeni elengise izinyawo, umakoti athathe indishi enethawula nensipho alingise ukumugeza izinyawo. Bese emu-vulela okundlaliwe embhedeni, umkhenyana alale, izimpelesi zika makoti noma odadebakhe (amantombazane amubalwa angakamakoti) amushaye ngoswazi oluncane bese eyavuka abaleke. Ayitholakali kahle inca-zelo yokuthi kwenziwelani lokhu.
Umabo uyisiko elibalulekile,
uhlanganisa imindeni, umakoti alulekwe ngokuthi kumele azipha-the kanjani, ululekwa kubo nasemzini futhi. Lolusiko indlela yokuthi amadlozi ambone ngayo umakoti kunenkoleko yokuthi baletha izinhlanhla bejabuliswa umabo. Luyisiko oluhle lapho abantu bekhombisana ngemvunulo yabo, bacula baphinde basine. Luhlanganisa izinto ezahlukene zosiko lesiZulu.
IZITHAKAZELO
Izithombe: bontlebride
IIZITHAKAZELO ZAKWA-CELE
Ndosi,Nombedu,Khumbuza,Nkomo kayivuswa,Nkom’isengwa ilele,Wayisenga imile iyakhahlela,Squnga esihle esingahlalwa nyoni,Siqunga esizalela amasakabulaMkhokheleli owakhokhela isizwe ekugqilazweni,Dubandlela,Vico akagezanga,Obuye nensil'emfuleni,Ngob'ethembe ukugeza ngobisi,Magaye, ongangolwadle!
IZITHAKAZELO ZAKWA-CHILIZA
Mdunge,Chiliza,Shabalala,Zisuka zibekwa,Bhoyiya,Mdzakudza,Hlule hlophe,Wena owadunga amanzi baphuza abafokazana,Dunge elihle, dunge elimhlophe!Mkhathini,Ngubonduna!
IZITHAKAZELO ZAKWA-CHIYA
Galweni,Wohlanga,Magangath'indlela kuvele udonga!
IZITHAKAZELO ZAKWA-COKA
Mzimkhulu,Qandela,Manatha,Khathazo!
njengoba eke waphendulana nentatheli ngodaba lokulimala kukaLeonardo Castro esithanga-mini nabezindaba lapho iqembu lalizodlala iSoweto Derby neKaizer Chiefs. EzikaMagebhula zihluleke ukuwina imidlalo emithathu selokhu uMokoena wabanjiswa isikhundla sokuqeqesha iqembu emva kokusula kukaMicho Sredo-jevic. Lezi zingqungqulu zase-Soweto zikhishwe yiHighlands Park kwiMTN 8, badlala ngoku-lingana naMazulu FC kwiligi njengoba sebephinde behluleka ukushaya iGreen Eagles emdla-lweni weCAF Champions League.
MBUSO LANGA
U-AGGREY Chiyangi ongu-mqeqeshi weGreen Eagles ekhiphe i-Orlando Pirates kwiCAF Champions League, uthi iqembu i-Orlando Pirates likhuluma kakhulu emaphe-phandabeni bese liyahluleka ukuthola imiphumela enkundleni.
-Eagles idlale ngokulingana (1-1) ne-Pirates kulomdlalo, okwenze ukuthi amabhakaniya aphume kwiChampions League ngenxa yokuhlulwa ngo 1-0 kumdlalo wokuqala ekuhambeni. Igoli lePirates lingqofelwe enethini ngukapteni uHappy Jele ngomzuzu ka-61 kwathi eleziham-beli lashaywa u-Amit Shamenda kusaphele imizuzwana. URhulani Mokoena ongumqe-qeshi wamaBhakabhaka uyaziwa ngokunganqeni ukukhuluma osekumdalele amazinyo abushele-lezi kwabanye abalandeli bebhola,
MBUSO LANGA
KUDLULE emhlabeni obengu-mhlaziyi webhola obethandwa kakhulu ngabaningi kwiSABC Sport uDavid Kekana.
Kekana, ubeneminyaka ewu-47, udlule emhlabeni ngemuva kokuxinwa ukugula isikhathi eside. Kubikwa ukuthi bese kunesikhathi ephuma engena esibhedlela. U-Bra Deza (obekuyigama abebe-mteketisa ngalo) ushonele esi-bhedlela iMilpark, eGoli ngeSonto mhlaka 25 kwephezulu ebusuku kanti ugqame ngokuhlaziya ibhola kwiSABC iminyaka ebalelwa kwengu-20. Ungeniswe kulesi sibhedlela ngo-Agasti 13 emuva kokuxinwa yisifo sikashukela. Uqale njenge-ntatheli yephephandaba lesiNgisi iSunday Times ngo-1999. Wase-benza nakwiPrime Media nase-siteshini sikamabonakude esi-khokhelwayo iMnet. Uqale ukuse-benza eSABC ngo-2001. Uke waba nguMqondisi weqembu
eligijima kwi-Absa Premiership, iBaroka FC. Ngaphambi kwakho konke ube nguthisha weMaths nesiNgisi eJS Mpanza eDiepkloof. Emasontweni amabili edlule umngani wakhe omkhulu uWalter Mokoena naye oke waba ngumethuli wezemidlalo kwaSABC wamcelela imikhuleko ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo kwiSA FM. Ukekana ushiye emhlabeni unina, uyise, udadewabo nezi-ngane zakhe zamantombazane ezimbili. EzaKwaZulu zishicilele ngesi-khathi izinhlelo zomngcwabo bezingakamenyezelwa. Sithi alwehlanga lungehlanga emnde-nini nakubangani baleliqhawe.
MBUSO LANGA
UMJAHO iNelson Mandela Day Marathon wehlelwe ifu eli-mnyama ngesikhathi kudlula emhlabeni kobenguthisha ngaphambilini futhi engu-Vice Chairperson wenhlangano yabasubathi i-Save OrionAthle-tics Club, uMnuz Narend Singh ebeniminyaka engama-63.
Mnuz Singh udlule emhla beni ngemuva kokugijima aqede ibanga elingama
End August 2019EZEMIDLALO
031 777 4003 / 073 427 6113
U
I
Isithombe: Google
21km ngaphandle kwaseHowick. Ngokusho komndeni wakhe bathi ubanjwe ukugula ngesikha-thi esezama ukugqugquzela amanye amalungu enhlangano abeyiphini kuyo. Ushiye emhlabeni umkakhe uMeera, indodana uNivay kanye namadodakazi u-Elisha noNarika. Abagqugquzeli beManela Day Marathon nabo badlulise amazwi enduduzo emndenini kaNarend, babonga nasemndenini ngokuvu-mela ubaba wekhaya ukuba abe yingxenye yalomjaho.
Uzifakela isigcwagcwaumqeqeshi wePirates
U
Isithombe: Twitter
Isithombe: News24
Isithombe: News24
12
Isililo kudlula uDavid Kekana
ESITHOMBENI: Wathathwa ephetheumklomelo weGolden Boot ake wahla-bana ngawo ekuqaleni konyaka emkhakheni weMedia Champions
UMNUZ Narend Singh
IFU ELIMNYAMA KUDLULAUMSUBATHI KWI-MARATHON
U-AGGREY Chiyangi
NONDUMISO HLAMBISA
I-NCHANGA SAPS inxusa wonke umuntu ongaba nolwazi mayelana nalabantu ababili abasesithombeni abadukile ukuba avele phambili.
Hlengiwe Patience Ngubane oneminyaka engamashumi amane nanhlanu (45) wasendaweni yaseMnamatha KwaNyuswa owanyamalala ngomhlaka 8 kuJulayi 2019 ehambe eya eThekwini eyohlangana nesoka lakhe. Akakaze esabuye ekhaya uyakhanya ngokwebala. Akusiye umuntu wokuqala ukulahleka kuleyandawo seku-muntu wesibili olahlekile no-Andile Gumede oneminyaka engamashumi amabili nesi-shaga
NONDUMISO HLAMBISA
ZOSINGATHA umcimbi obizwa ngokuthi Ubumbano Lwama Afrika Amahle Inhla-ngano yabantu abasha i-Lightning Youth Development ngenhloso yokuhlanganisa zonke izizwe ezikhona eNingizimu Afrika nase-Afrika iphelele. Lomcimbi uzobanjelwa ewolo lomphakathi kuyona leyandawo
NONDUMISO HLAMBISA
UMASIPALA waseMhlathuze uhlanganyele nobuholi obuphe-zulu be Richards Bay Taxi Association ukuthola isixazululo maqondana nodlame oluholele ekutheni kuvalwe ukusebenza kwamabhizinisi kuleyandawo yaseRichards Bay.
Meya yeDolobha uCllr Mduduzi Mhlongo uhlangane neRichards Bay Taxi Associa-tion futhi waxoxa kabanzi ngezi-nto ezitholakala njengeziyi mba-ngela zokungaboni ngasolinye ezenzekayo kuleyandawo. Ukusebenza kwamabhizinisi eRichards Bay kuthinteke kakhulu kulesi sigameko njengoba uhla-ngothi lwaku N2 eNseleni belu-valiwe luvalwe ngamaloli. “Sibe nezingxoxo ezinzima nezingasho lutho nobuholi be-mboni yamatekisi eRichards Bay futhi sabelana ngezinto eziba-hluphayo emkhakheni abasebenza kuwo. Baphinde baveza nokukha-thazeka ngokusebenza kweSAPS
I
U
I
Ubuholi bakumasipala uMhlathuze bukhathazekile ngobundlavini obuhlasele leyandawo
End August 2019
VAKASHELAI-WEBSITE
YETHU ETHI
031 777 4003065 912 7617
Ilwisana nokucwasana ngobuzwe indawo yase-Richmond
EzaKwaZulu News subscribes to the Code of Ethics and Conduct for South African Print and Online Media that prescribes news that is truthful, accurate,
fair and balanced. If we don’t live up to the Code, please contact the Public Advocate at 011 484 3612,
fax: 011 4843619. You can also contact our Case Officer on [email protected] or lodge a complaint on our website: www.presscouncil.org.za
Ukuthola eminye imininingwane
ngephephandaba lakho, shayela kulenombolo:
kanye nokuboshwa kwabashayeli babo okuyinkinga njengamanje ezinkantolo. Sivumile ukuthi kungenzeka kube nesixazululo esikhona manje futhi sizibophezele ekwenzeni lula ezinye izingxoxo
ngenhloso yokuthola izisombululo ezihlala isikhathi eside, ”kusho uMhlongo. UMhlongo uphinde wase-benzisana ne-SAPS neminye imikhakha yamaqembu ezokuphe-
BEKUME nse ukuhamba kwezimoto kuN2 eNseleni kuvalwe ngamaloli
Isakhiwo sokuqala esabhidlika ngonyaka ka-2013
Isithombe: iol
Izith
ombe
: zith
unye
lwe
Isithombe: enca
mhlazingu-28 Septhemba ngehora leshumi ekuseni. Ngenhloso yokuthi kuliwe nalesi simo sokuhlaselwa kulinyazwe abokufika (Xenophobia) okuke kwahlasela kakhulu ngonyaka ka-2015 kusukela lapho akubange kusaphela kulokhu kuqhubekile njalo kuze kube inamuhla. Ngaphambi kokuba kuqale lomcimbi kuzoqalwa ngokuthi kuhlanganyelwe epaki yo-
pha ukuze basebenze ukulungisa lezi zinkinga ezidala ukuqubuka kodlame eRichards Bay.Ubuye wanikeza izikhulu zedolobha ithuba lokuthi zithathe izinyathelo ezisheshayo esakhi-weni esidume nge-CBD njengoba indawo yezidakamizwa ihlinzeka abahlali abasedolobheni. Ngemuva kokubandakanyeka phakathi kweMeya nobuholi bezimboni yamatekisi, amaloli avimbe uN2 asuswe ngokushesha futhi abashayeli bezimoto badedelwa ukuba baqhubeke ngomgwaqo uN2 Highway kanye neNseleni yokungena. Ubuholi beDolobha lase-Mhlathuze lizoqhubeka nokuqapha isimo size sibuyele kwesejwayele-kile. Umkhakha Wezithuthi Zo-mphakathi, ikakhulukazi amatekisi abuyela emsebenzini ejwayelekile.
mphakathi i-Richmond Park. Lapho kuzohlanganwa kuculwe izingoma ezahlukahlukene zawona wonke amasiko. Lapho bezobe behuba lezingoma belibangise ewolo lomphakathi i-Agricultural Hall lapho kuzobe sekuqala khona umcimbi wokufundisa abantu ngenhlonipho, ukungacwasani kanye namasiko amaningi ahlu-kahlukene.
Amaphoyisa ase-Nchanga athungatha abadukile
lolunye (29) (okwesokudla) wasenda-weni yaseMfulamahashi owalahleka mhlaka 27 kuJulayi 2019. Naye uyakhanya ngo-kwebala futhi unamadredi ekhanda. Izimpahla zakhe ezibalulekile umazisi kanye nokunye okuni-ngi
kwatholakala eKapa yabe isinikezwa esiteshini sama-phoyisa esiseduzane. Noma ngubani onolwazi ngalaba bantu abalahlekile angaxhumana no-Detective Warrant Officer Hlengwa ku-031 783 4441 noma kwiCrime Stop ku-08600 10111.
PORTIA SITHOLE
SESIYANDA isibalo sabantu besifazane abatholakala benama-cala okukhwabanisa eNingizimu Afrika.
msolwa oneminyaka engu-44 ubudala uzovela eNkantolo yeMantshi yasePinetown ebhekene namacala ayishumi nambili (12) okukhwa-banisa. Umsolwa waboshwa ngomhlaka-12 Agasti ehhovisi lakhe ePinetown ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wobunhloli
PORTIA SITHOLE
BEKUHLELWE umcimbi obumuhle kakhulu endaweni yase Valley Trust lapho khona bekunikezelwa abantwana abakhubazekile izihlalo ezina-masondo (wheelchairs) mahhala lokhu okukhombisa uthando olukhulu kulabantwana aba-ngakwazi ukuzihambela.
nhlangano yabesifazane i-Women International Zio- nist Organisation (WIZO) inikele ngalezizihlalo zabakhuba-zekile ezinganeni ezingaphansi kohlelo iKhulakahle Mntwana okuwuhlelo lwase-Valley Trust lokusiza abantwana. Lezi zihlalo zilungele izingane ngoba zinemi-bala egqamile, zanela izingane ezingasindi futhi zakhiwe ngepula-sitiki okwenza kube lula ukuzise-benzisa ukugeza izingane. Lenhlangano iholwa ngabantu besifazane,futhi ikhona umhlaba wonke jikelele bathi konke aba-kwenzayo bakwenza ngothando, nokuthi bayathanda ukusiza abantu besifazane ingakho bekwa-zile ukuthi banikelele ngezihlalo komama babantwana, baphinde basize futhi nabantwana abayi-zintandane. Lenhlangano isiza nabantu abadala abangakwazi ukuthola
End August 2019
I
U K IGUGULAMANDIMAIKHAYA LOKUDLA KWESINTU
Kutholakala:Umgxabhiso, Isitambu
Isigwaqane, Ujeqe, Isibindi,Izinyawo, Izinkukhu eziphilayo
nezicuthiwe.Ngemininingwane shayela:
Gugu 078 852 0162Bee 083 430 3763
NGEMINININGWANE MAYELANANEPHEPHANDABA LAKHO, THUMELA
UMQHAFAZO KUMBE KU-WHATSAPP KU 065 912 7617
Balibangise eGhana abasiki bengqephu baseThekwini
Injabulo kubazali bethola izihlalo zezingane ezikhubazekile
usizo emakhaya abo. Abantwana abathole lezizihlalo baqhamuka emphakathini ehluhlukahlukene okubalwa kuyo u-Nyuswa, Ngco-losi, Ntshongweni Kanye ne-Harmmasdale bonke abantwana abebekhona kulomcimbi bagoduke nazo izihlalo zabo. Abafundi base-Crawford high school ibona
abebakha lezizihlalo ngosizo lwe-WIZO. Labantwana baveze ukuthi nabo abebekwenza bebekwenziswa uthando nokuthi bayathanda ukusiza ingakho nabo sebezoqala inhlangano yabo. U-Mamu Mkhize ebongela abazali uthe uthanda ukubonga
ngalokhu abakwenzelwe iWIZO ukuthi ibaphe izihlalo ezinama-sondo kube usizo olukhulu ngoba abanye abantwana bayasinda kumele makuhanjwa baqale babelethwe emhlane, lezihlalo zizobasiza sebezoya noma ikuphi lapho bethanda khona.
Owesifazane Osekhulile usolwa Ngokukhwabanisa
phakathi kwePinetown Crime Intelligence nabaphenyi base-Pinetown. Uvele enkantolo kafushane ngomhlaka 13 Agasti kanti icala lakhe labuyiselwa kuze kube uLwesine ukuze ukuze ezokwazi ukufaka isicelo sebheyili. Kusolwa ukuthi phakathi konyaka ka-2018 nakulonyaka abasolwa bakhwaba-nisele izisulu izinkulungwane zamarandi bebathembisa imise-benzi phesheya. Kusolwa ukuthi ngesikhathi sekuyisikhathi sokuthi izisulu ziye phesheya kwezi-lwandle umsolwa wanyamalala.
Isithombe: freewheelintrave
Uphume ngebheyili ka-R1OOO osolwa ngokubulala
PORTIA SITHOLE
MHLA zingu-19 Agasti 2019 umsolwa oneminyaka engama-shumi amathathu nanhlanu (35) ubudala obhekene necala lokubulala uvele kafushane eNkantolo yeMantshi ePinetown futhi wanikezwa ibheyili yezinkulu-ngwane zamarandi (R1000), kanti kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngomhlaka 19 Septhemba 2019.
usolwa ukuthi ngo-9 Agasti umufi onemi- nyaka engu -19 wayehamba egoduka eyakubo ehamba nabangane bakhe ngaku-14 Avenue eClermont lapho adutshulwa ngowesilisa ongaziwa. Umufi wabe esephu-thunyiswa emtholampilo wa-KwaDabeka lapho ashonela khona.
Ngemuva kophenyo olunzulu lwabaseshi umsolwa waboshwa ngomhlaka 15 Agasti futhi watholakala nesibhamu esinge-kho emthethweni nezinhlamvu ezine. Umsolwa ubhekene necala lokutholakala nesibhamu nezi-nhlamvu okungekho emthe-thweni.
Isithombe: highwaymail
Isithombe: Nondumiso HlambisaINHLANGANO iWIZO, abazali kanye nabafundi base-Crawford ngesikathi benikela ngezidlalo kubantwana abakhubazekile
SESIHLULEKILE impela ukunikana inhlonipho singaba-ntu besifazane ngoba sekuba yithi esidicilela phansi isithunzi sethu.
Njengoba bekuyinyanga yoku-gubha usuku lwabesifazane
bengithanda ukuke ngibeke izwi noma amabili mayelana nendlela abantu besifazane abahluku-mezana ngayo bebodwa. Inhliziyo yami ibebuhlungu emuva koku-bukela i-video yowasifazane obebhaxabula omunye ngenxa yokuthi umfice nowesilisa azwana naye. Umbuzo wami uthi, engabe lonawesilisa ushayiwe yini na? Kanti ubani owenze ukungathem-beki phakathi kwentombi ne soka? Akuyena owesifazane wokuqala
lona ukushaywa ngenxa yendoda engathembekanga kunkosikazi wayo. Ake sizibuze nje nathi singabantu besifazane ukuthi silwa kanjani nokuhlukumezwa kwabantu besifazane ekubeni sikwazi ukwehlisana isithunzi sethu sisodwa. Kuyaye kubenzima nokuvulelana isifuba kithi bantu besifazane ngoba ungagcina usuba inhlekisa emphakathini. Kuka-ncane ukuthola amadoda ehlebana wodwa, lokhu thina esikwenza
mihla namalanga. Uma bethi wathinta abafazi, wathinta imbo-kodo basuke bechaza ubumbano phakathi kwabantu besifazane. Bachaza ukuthi angeke ukwazi ukungena esixukwini sabo bese uhlukumeza oyedwa kuthuleke. Okusho ukuthi asingax-atshaniswa abantu noma izimo ezithize, kunaloko kumele silwisane nazo sibambene njen-gembokodo yona engahlukaniseki phakathi.
-
End August 2019
I
031 777 4003 / 073 427 6113
AKE SIFUNDE UKUHLONIPHANA SINGABANTU BESIFAZANE
INGOSI KAMHLELI
EzaKwaZulu zikunika ithuba eliyingqayizivele lokukhangisa.
Amanani ethu okukhangisa aphansi. Ukuthola imininingwane
shayela uMasindi Mkhize kule nombolo - 073 427 6113
ITHUBA LOKUKHANGISA
MASINDI MKHIZEUMHLELI
UBE YIMPUMELELO OWAMA AWARDS ABEHLELWE YI-LADYSMITH BLACK MAMBAZO
LUGUJWE NGENDLELAEHLUKILE USUKULWE-WEDEMHLATHUZE
NONDUMISO HLAMBISA
UMASIPALA wase-Mhlathuze ulugubhe ngendlela ehlukile usuku lwe-World Environmen-tal day njengoba uhlanganyele wonko ndawonye izikole kanye nomphakathi ewolo lomphaka-thi iNgwebedlane. Lapho beku-fundiswa khona umphakathi nabafundi bezikole zakuleya-ndawo ngokubaluleka kwe-mvelo kanye nokuyigcina ihlanzekile ngasosonke isikha-thi.
nyanga ka-June inyanga egqugquzela ukubaluleka kwemvelo ngakhoke uMasi-pala wase-Mhlathuze ubone kunesidingo sokwenza uhlelo oluzofundisa abadala kanye nabancane ngokubalukeka kokuhlala emphakathini ohlanze-kile. Lengqungquthela ebiholwa ikhansela lakuleyandawo iMeya uMduduzi Mhlongo ubuhanjelwe nayezinye izinhlaka eziningi ezahlukahlukene ezithintekayo ukuzobungaza lolusuku obeku-bungazwa umhlaba wonke jike-lele njengoba kubuye kwafundi-swa abantu ngokutshala izihlahla kuleyandawo.
Bekuyinjabulo yodwa ngesikhathi uNgqongqoshe uNksz Nomusa Dube-Ncube amukelisa imeya yaseMsinga uNksz B P Ngcobo isheke
Isithombe: sithunyelwe
Ukwazisa abesimame kumele kube yinjwayelo
ZIMBILI izinto ezangihlaba umxhwele uma ngifika okokuqala ngizozinda Ethe-kwini. Okokuqala kwaba ulwandle; umbala walo oluhlaza kanye nokugubha kwamagagasi esho ngamagwebu amhlophe. Okwakungiqeda ukuthi aluchitheki ngani! Okunye okwangimangaza ukubona abesimame abaninginingi ababekhosele ngaphansi kweza-khiwana zoseyili namabhokisi emgwaqweni Umngeni kanye nakweminye imigwaqo eseduze nesiteshi sezitimela Ethekwini. Laba besimame kwathiwa bavela kulo lonke elaseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe angoma-khelwane. Bathenga kubahwebi abaseduzane izimpahla zokugqoka, izimpahla ezibaziwe nezenziwe ngobuhlalu, nezinto ezisetshenziswa ezindlini bese bezidayisa khona emigwa-qweni ukuze bathole imali aba-yithumela emakhaya. Abesimame laba balala khona lapho emigwa-qweni amasonto namasonto kwesinye isikhathi ukuze banga-yisaphazi imali ngokukhokhela izindawo ezingcono zokulala, okuyimali ebingathunyelwa emakhaya. Laba bomame babeka phambili inhlalakahle yemindeni yabo, badele izimpilo zabo bamelane nobunzima ukuze kondleke imindeni yabo. Kuyadumaza ukubona lokhu kuhlupheka nokukhandleka okungaka kwabesimame ngenxa
yokuzamela imindeni yabo. Kubuhlungu nokwazi ukuthi kukuwo lawo makhaya abawaza-mela kanzima kangaka lapho behlukumezeka khona. Ukuhluku-nyezwa ngokocansi nagokobulili kwandile futhi kwenziwa kakhulu ngamadoda okuyiwona okumele ngabe angabavikeli nabanakekeli balaba besimame. Ngaphandle kwasemizini nakhona isimo siyafana. Ukudlwengula kuyinsakavukela ezweni lakithi. Abesimame bahlukunyezwa emisebenzini, emigwaqweni, ezikhumulweni zamabhasi namatekisi, ezitolo nasezindaweni eziningi. Thina madoda sitholisa abesimame izingane bese sibashiya bodwa nazo ukuthi bazikhulise. Angingabazi ukuthi
ziningi ezinye izindlela enginga-zivezanga lapha abesimame abathwele kanzima ngazo – kaningi buthule futhi ngabodwana. Inyanga yabesimame iyasiza ngokuqwashisa amadoda ngezi-ndlela esihlukumeza ngazo abesi-mame nokuthi lokhu kumele kuphele. Nokho akumele ukuba kube yiwona mgomo Kumele silwele ukuthi kufike isikhathi lapho kungeyukuba nasidingo sokumiswa kwenyanga ethile ukuze sikhunjuzwe ngokubaluleka kwabesimame. Ukwaziswa kwa-besimame nokubaphatha ngenhlo-nipho nangesithunzi esibafanele noma ngaphansi kwasiphi isimo abakuso ngokwempilo kuyinto okumele yenzeke noma nini. Lokhu kudinga okungale kweziqu-bulo, nemibhidlango yezepolitiki noma imigidi yezomculo okuyiz-into zokujabulisa okwesikhashana bese zilibaleka futhi masinyane. Sidinga izindlela eziqhubekayo ezisekelwe umthetho ekuthuthu-kiseni izimpilo zabesimame ngendlela ebonakalayo nejezisa lonke uhlobo lokuhlukumeza. Lokhu kumele kube umgomo wethu. Ithemba alibulali. Sibonga bonke abesimame ngakho konke abakwenza emakhaya ethu nase-zweni ukuze sithuthuke.
MALIBONGWE IGAMA LAMAKHOSIKAZI!!
S’BONGISENI VILAKAZI is the Executive Director of The Valley Trust. He writes in his personal capacity.
ITHIMBA LEPHEPHANDABAEZAKWAZULU NEWS
COMMUNICATIONSOFFICER
Fika Mkhize
OHLELA UKUMA KWEPHEPHANDABA
Mbuso Langa
IZINTATHELI
Nondumiso Hlambisa
Portia Sithole
NONDUMISO HLAMBISA
NGASEKUPHELENI kwe-nyanga yabantu besifazane u-Agasti ngezithuba zehora lesithupha ntambama(18: 00), abasolwa ababili abaneminyaka eyamashumi amabili nesithupha (26) kanye nonamashumi amathathu nanye (31) abanga-bazalwane baboshelwe icala lokubulala.
Lokhu kuboshwa kulandela
NONDUMISO HLAMBISA
ISIKOLE samabangaphansi esingakhokhisi abafundi imali yesikole, esakhiwe emphaka-thini ontulayo eMalukazi sithole uxhaso lokunikelelwa ngama computer oluvela kumgcinimafa we-Operation Sukuma Sakhe esifundazweni saKwazulu Natali
kunikela ngama co- mputer esikoleni iWindy Heights Primary eMalu-kazi eMlazi eningizimu ne-Theku kuza njengoba lesisikole sama-banga aphansi senza uchungec-hunge lwezifundo ezinamakhono nezigxile kakhulu ekhompyutheni okuhloswe ngazo ukuthuthukisa ulwazi kubafundi abayi-1600 ababhalise kulesi sikole. Lezi zifundo zihlanganisa ezomnotho wasekhaya, izifundo zamakho-mpyutha, ulimi lwezandla, ubuciko, izifundo zemidlalo kanye nezifundo zepiyano. Ongumgcinimafa wakwa-Operation Sukuma Sakhe uMnuz Simiso Magagula uthe ukunikelwa ngamakhompyutha kuyingxenye ye-Operation Sukuma Sakhe (OSS) kahulumeni wesifundazwe, uhlelo okuhloswe
End August 2019
U
L
IGUGULAMANDIMAIKHAYA LOKUDLA KWESINTU
Kutholakala:Umgxabhiso, Isitambu
Isigwaqane, Ujeqe, Isibindi,Izinyawo, Izinkukhu eziphilayo
nezicuthiwe.Ngemininingwane shayela:
Gugu 078 852 0162Bee 083 430 3763
5
Kunikelwe ngama Computer eskoleni samabanga aphansi eMalukazi
ngalo ukulekelela ukusiza imiphakathi ehlwempu esifunda-zweni. Ngaphandle kweWindy Heights Primary, ezinye izikole esifundazweni nazo zizuze iminikelo efanayo. "Sizama ukwenza uhlelo loHu-lumeni mayelana noguquko lwezimboni lwesine. Awukwazi ukukhuluma ngoshintsho lwesine
lwezimboni uma ungakwazi ukuqinisa ukufunda nokubhala kumakhompyutha kwabancane. Siyethemba ukuthi isikole sizowaphatha kahle lamakho-mpyutha, ”kusho uMagagula. Uthishanhloko wesikole uThe-mbekile Makhanya uthe yize beyisikole esifundisa izifundo ezijwayelekile, isikole sifuna
ukuba wompetha emikhakheni ehlukahlukene. Njengoba isikole sigubha iminyaka engama-30. Unethemba lokuthi, ngosizo lwabaxhasi, isikole sizolifeza iphupho laso lokwakha amakilasi amane asezingeni eliphezulu ngonyaka olandelayo. “Njengesikole samabanga aphansi sifuna ukwethula ukuqeqeshwa kwamakhono. Okwamanje sikulesi sikhathi sichaba amanye amakhono esiko-leni ngoba sifuna ukwandisa ukukhethwa kwemisebenzi yezingane. Sibheke ikharikhulamu yezikole eziyisipesheli futhi sifuna ukuyenza lapha, ”kusho uMakhanya. USihlalo weWindy Heights Primary School Executive Cou-ncil (SGC), uZaba Nxumalo, uthe. “Lesi sikole sisendaweni ebinci-shwe amathuba lapho iningi labantu lithembela kwizibonelelo. Lo mnikelo uzohamba ibanga elide ekusizeni izingane zethu. Siyabonga kakhulu, ”kusho uNxumalo
KUBOSHWE ABASOLWA ABABILI NGECALA LOKUBULALA
ukushaywa kowesilisa oneminyaka eyishumi nanye (21) eWyebank mhlazingu-22 ku-Agasti. Lomlisa ubesolwa ngok-weba umakhalekhukhwini kanti kuthiwa wahlaselwa washawa ngenduku yegalofu umzimba wonke, walimala kanzi-ma wase wadluliselwa esibhedlela lapho afike washonela khona ngenxa yokulimala kwakhe kanzima. Abasolwa ababoshiwe bazoth-weswa icala lokubulala kanti bazovela enkantolo maduzane.
Isithombe: enca
UNGCININIMAFA we-OSS kwesokudla uSimiso Magagula, uthishanhloko wesikole uNksz Thembekile Makhaye kanye nabafundi
MBUSO LANGA
Okumele ukwenze• Vakashela umtholampilo oseduzane. • Gcwalisa ifomu/ikhadi uma uya okokuqala. Uma unga-qali qinisekisa ukuthi uya nekhadi lakho. • Yazisa umhlengikazi nge-minyaka yengane yakho kanye nomlando ngemigomo yayo. • Umhlengikazi uyoyikala isisindo, ubude kanye nobu-ngako bekhanda layo ebheka ukuthi ngabe ikhula ngo-kwezinga elilindelekile yini. • Izingane ziyogonywa ngok-weminyaka yazo. • Uyokwaziswa ukuthi uyo-kwenzenjani uma ukugoma kudala inkinga ethile enganeni (kwesinye isikhathi baba nemfiva emva koku-goma, kumele wazise umhle-ngikazi uma ingane yakho ingezwani namaqanda). • Uyobe sewunikwa usuku olulandelayo lomgomo.
Izingane eziningi zishona zingakahlanganisi iminyaka emihlanu ikakhulukazi ngenxa yokuthi azigonyelwanga izifo zezingane. Ngaleso sizathu, sigqugquzela bonke omama ukuba baqinisekise ukuthi izingane zabo zithola yonke imigomo ngesikhathi esifanele.
Ukugoma kuqinisa amasosha omzimba engane yakho kusize ekuvikeleni izifo ezifana novendle, isimungumungwane, ihepatitis B, isifo esivala umphimbo, ufuba kanye nemeningitis.
Ubani okumele agonywe?
Izinsana kanye nezingane ezineminyaka efika kweyisi-hlanu. Kumele uqinisekise ukuthi uhambisa ingane yakho emtholampilo oseduzane ukuze igonywe ngesikhathi esifanele. Isiqinisekiso salokhu siyadi-ngeka uma ufaka isicelo sesikole noma izibonelelo zikahulumeni. Ikhadi lokugoma ulinikwa ngesikhathi uqeda nje ukubeletha umntwana, uma sebekudedela.
End August 20196
I-TB Iyelapheka! Sukuma kusemanje ukuze welapheke
A
U
L
UKUGOMA KUPHEPHISA IMPILO
MBUSO LANGA
I-TB iyisifo esibucayi esingasa-balala ngaphakathi endlini ikakhulukazi uma sisuka ema-phashini! Abantu abanegciwane lesandulela ngculaza bayithola kalula i-TB ngoba amasotsha omzimba abo asuke engakwazi ukubavikela egciwaneni kalula. Ungaba ne-TB ungaguli. Uma ungayelaphi, ingaholela ekufeni okwenza kubaluleke ukuba uhlale uhlolelwa lesi sifo futhi uqhubeke nokwelashwa. IYINI I TB fUTHIIBANGELWA YINI?
I-TB ibangelwa yigciwane elinca-ne elisemzimbeni futhi elisatsha-laliswa umoya. Abantu abanem-pilo bayakwazi ukulwa naleli gciwane. Kulabo abagulayo, abangenama-ndla, abangondlekile, abancane kakhulu noma abadala kakhulu noma abane-HIV, imizimba yabo ihlaselwa kalula yigciwane le-TB ngoba amasotsha omzimba wabo asuke ehluleka ukulwa negciwane.
UNGAYA NINIUKUYOHLO-LELA I-TB
Hamba uyohlola mahhala emthol-ampilo kahulumeni noma esi-bhedlela uma unokunye kwalokhu: izinhlungu esifubeni, ungalambi,
OMAMA bethamele umhlangano
Isithombe: Engineeringnews
Ezempilo
ukukhathala, ukujuluka ebusuka noma imfiva, ukukhwehlela isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili noma ukukhwehlela igazi, ukuncipha okungahlelelwe. Uma unegciwane lesandulela ngculaza kubaluleke kakhulu ukuba uyo-hlola.
NGIYIDLA KANJANI IMITHI YAMI?
Thatha imithi yakho ngendlela oyiyalelwe umsebenzi wezempilo. Uma unemithi eminingi, yithathe ngesikhathi esisodwa. Uma imithi yakho isizophela ungathatha ikhadi lakho uye emtholampilo. Bayoku-nika eminye imithi.
KUYOKWENZEKANIUMA NGINGAYIKOLANDA IMITHI?
Uyosabalalisa igciwane kwabanye abantu bese beba baningi abantu abahaqwa yisifo. Uma ingelashwa i-TB iholela ekufeni.
NGABE KUMELENGIYIqEDE IMITHIYAMI?
Uma uyeka ukudla imithi ungaka-yalelwa umsebenzi wezempilo ungabuye uthole i-TB futhi. Kuthatha izinyanga eziyisithupha kuya onyakeni owodwa ukwela-pha i-TB
OKUKUSIZA UKUBA UDLE IMITHI YAKHO
Kuyisu elihle ukuba uthole umuntu ozokusiza ukuba udle imithi yakhoBuza emtholampilo ngokuthola usizo lokudla imithi yakho. Ungazikhethela ozokusiza kungaba umakhelwane noma umhlengikazi wasemtholampilo.
Kubalulekile ukuthi lowo muntu abe ngoseduzane okulula ukufi-nyelela kuye nsuku zonke. Umsizi wakho uyokugcinela imithi yakho bese ekunika nsuku zonke. Umsizi wakho uyokugqugquzela ukuba uqhubeke nemithi yakho uma uzizwa usukhathala ukuyithatha. Kubalulekile ukuphuza imithi yakho nsuku zonke - ngisho noma ngabe usuzizwa ungcono, uyoyeka uma sekusho umsebenzi weze-mpilo.
NGINGAYISEBENZISA IMITHI YESINTU EKWELA-PHENI I-TB?
Iningi labantu liya kubelaphi bendabuko abanjengezangoma ukuyothola ukwelashelwa i-TB. Kulungile lokho kepha noma ngabe uya kubelaphi bendabuko kumele uyidle imithi yakho ye-TB oyinikezwe esibhedlela noma emtholampilo. Imithi ye-TB oyinikezwe udokotela iyoqinise-kisa ukuthi uba ngcono.
Isithombe: MSF Access Campaign
NONDUMISO HLAMBISA
IQEMBU lezinkampani zaseNi-ngizimu Afrika ezingu-25 zizo-thola ithuba lokukhombisa imikhiqizo nemisebenzi yazo kwi-17th annual Africa Down Under International Convention and Trade Show ePerth, e-Australia kusukela ngomhlaka 4 kuya kumhlaka-6 Septhemba 2019.
uzobe kuhlanganiswe izinkampani ezisebenza ezimayini, izinkampani zobuchwepheshe nezinsizakalo, izimayini, okokusebenza okukhulu nezinsizakalo, indwangu yensimbi kanye nebhuloho lensimbi, ubun-jiniyela nezi-nsizakalo, kanye nemishini ye-electro-technical nemikhakha yezinsizakalo. Ukubamba iqhaza kwezinkam-pani ku-ADU kuyingxenye ye-Outward Selling Mission (OSM) eyase-Australia ehlelwe futhi yaxhaswa nguMnyango Wezo-hwebo Nezimboni, ngohlelo lwayo lokuThengisa nokuThumela Ngaphandle. Inhloso yaloluhlelo ukuthuthukisa izimakethe ezithu-nyelwa ngaphandle zemikhiqizo
End August 2019
K
K
U
IGUGULAMANDIMAIKHAYA LOKUDLA KWESINTU
Kutholakala:Umgxabhiso, Isitambu
Isigwaqane, Ujeqe, Isibindi,Izinyawo, Izinkukhu eziphilayo
nezicuthiwe.Ngemininingwane shayela:
Gugu 078 852 0162Bee 083 430 3763
7
ZILIBANGISE E-AUSTRALIA IZINKAMPANI ZAKULELI UKUYOKHANGISA NGOMKHIQIZO YAZO
kanye nezinsizakalo zaseNin-gizimu Afrika kanye noheha utshalomali oluthexaxa oluvela kwamanye amazwe angaphandle. Ngokusho kwePhini likaNgqo-ngqoshe Wezokuhweba Nezi-mboni, uMnu Fikile Majola, ukubamba iqhaza kwezinkampani zase-Ningizimu Afrika kulo msebenzi kunikeza ithuba elihle lokuthi bakhombise imikhiqizo nezinsizakalo zabo, futhi bahla-ngane nezinkampani zezimayini zase-Australia nezamazwe omhlaba, abahlinzeki bemishini
nezimayini abahlinzeka ngemise-benzi. “I-ADU ngumhlangano ohola umhlaba wonke wezinkampani nezinhlangano ekuhlolweni kwezimbiwa kanye nezinsizakalo zezimayini ezivela kuwo wonke amazwekazi. Kuthiwa sikhule saba ngumcimbi omkhulu we-Afrika ogxile ezimayini owenzelwe ngaphandle kwezwekazi uqobo. Izonikeza iplatifomu ephelele yosomabhizinisi bethu ukukho-mbisa imikhiqizo yabo, izinsiza-kalo nobuchule babo futhi baxhu-mane nabanye osomabhizinisi abavela kuwo wonke umhlaba.
I-ADU futhi ingumthombo omuhle kakhulu wolwazi ngamaphrojekthi wezimayini wesikhathi esizayo e-Afrika nakwezinye izindawo, ”kusho uMajola. Ubuye futhi wathi i-OSM iyi-ngxenye yenhloso ye-Department of trade and industry (DTI) yokwambula amabhizinisi aseNi-ngizimu Afrika ezimakethe zamazwe aphesheya ngenhloso yokubenza bancintisane ezingeni lomhlaba ngaleyo ndlela baqinise ubudlelwano namazwe abumbene nawo ngesikhathi esifanayo benza ngcono ukusebenza kwezomnotho kweNingizimu Afrika kanyekanye.
UHulumeni uzibandakanya namabhizinisi ezinkukhu
BUSISIWE DUBAZANE
UHULUMENI uzosebenzisana nosomabhizinisi bakuleli abasemkhakheni wezinkukhu ukuze bakwazi ukuzimaketha nakwamanye amazwe anga-phandle.
Hulumeni ubambe umhlangano nosoma- bhizinisi abasem-khakheni wezinkukhu kanye nezinhloli zomphakathi ukuthola ulwazi namacebo okukhulisa lomkhakha kulandela izikhalo ngokwanda kwenyama yenku-khu eqhamuke emazweni anga-phandle ukuba ithengise kakhulu kuleli. ONgqongqoshe abebehambele lomhlangano, okubalwa kubo uNgqongqoshe wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba kanye nokuThuthukiswa kwezasema-Khaya uNkk Thoko Didiza kanye noNgqongqoshe wezo-Hwebo namaBhizinisi uMnu. Ebrahim Patel nabo bebekuwona lomhlangano obubanjelwe ePitoli.
Lelicebo lokuvulwa kwezima-kethe ezizolekelela abakulo-mkhakha livunguzwe emuva kwezinsuku ezimbalwa uMnuz. Patel eqale ikomidi likazwe lonke ukubhekelela ezama-bhizinisi, ezomsebenzi Kanye nezinto ezimayelana nohulu-meni. Amabhizinisi ezinkukhu kuleli abenengcindezi kuba-ngelwa ukungena kwenyama yenkukhu yangaphandle nobekubuye kunikeze abakuleli umqhude-lwano onzima kakhulu. ” Sidinga ukuthola umhla-hlandlela ekunikezeni izimbangi zethu isikhala ngokuqala sivule amathuba emsebenzi kulo-mkhakha. Maningi amathuba okuthi inyama yenkukhu yaku-leli idayiswe emazweni anga-phandle kanti futhi singanyusa nesikalo somkhiqizo bese sehlisa inani emakhasimendeni akuleli” kubeka uNgqongqoshe uMnz. Patel. Lolohlelo lokulekelela kulomkhakha luyingxenye yamasu kaMongameli wakuleli uCyril Ramaphosa okulekelela amabhizinisi abalulekile kuleli.
Izinswelaboya Zihlasele emahhovisi akwa-SASSA zeba ama computerPORTIA SITHOLE
AMAHHOVISI akwa SASSA esifundazweni sakwaZulu Natali ahlaselwa abalisa abangaziwa bantshontsha ama Computer omsebenzi. ubikwa ukuthi sekuhlaselwe amahhovisi ayishumi (10) eSASSA KwaZulu-Natali kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule lapho kwant-shontshwa khona ama computer, isigemegeme sangamumva ukuhlaselwa kwe-Hhovisi elise-ndaweni yase-Nanda. Iningi lalawa mahhovisi lihlaselwa ekuseni kakhulu yiqembu lamadoda angaziwa. Esewonke ama computer ayi-117 namalaptop angu-13 kufaka phakathi amasethi wethelevishini ayisikhombisa osekwebiwe kuze
kube manje alinganiselwa kwi samba sika-R 347 319.18. UMnu Zanoxolo Mpeta oyi-Menenja Yesigungu esiPhethe kwa-SASSA esifundazweni saKwaZulu-Natali uthe “Lezi zenzo zobusela zinomthelela omubi ekulethweni kwezidingo zethu. Amacala avuliwe sihlala sinet-hemba lokuthi abakwaSouth Afri-can Police Services (SAPS) abazoba nezinkinga kulawa zokuxa-zulula lamacala. Sifisa nokunxusa umphakathi ukuthi noma ngubani onolwazi axhumane nabakwa-SAPS, ”Kuphetha uMpeta.
uMnu Fikile MajolaIsithombe: dti
Isithombe: google
Isithombe: google
ISITESHI sikamabonakude iMoja Love ithembisa lukhulu ngezi-nhlelo zayo ezintsha ezizo-qala maduze.
Lindiwe Mbonambi okhulumela lesisiteshi, uthe maduze bazomeme-zela izinsuku okuzoqala ngazo izinhlelo abangangabazi ukuthi zizoqhubeka nokujabulisa aba-ningi. Kulindeleke ukuthi kuqale uhlelo lwamahlaya oluthi Bheka Mina Ngedwa. Kulo kuzobonakala izinsizwa nezintokazi kwezama-hlaya ezizohlangana nabantu zibakhohlise ngezinto ezehlukene. Zizobe zibonakala ematekisini, ezinxanxatheleni zezitolo nasemalokishini ahlukene. Olunye uhlelo oluzoqala olwe-thulwa u-Andile Gaelisiwe noDi-ngaan Mokebe Khumalo oluthi Mamazala. Kuzobonakala abantu
NONDUMISO HLAMBISA
IPLAYHOUSE ijabule kakhulu ukuthi izosingatha umncinti-swano weNational isicathamiya Competition wonyaka wesi-22 ozoba ngoMgqibelo, 21 Se-pthemba 2019 ozoqala ngehora lesithupha ntambama ePlay-house Opera theatre.
ulomncintiswano kuzo qhudelana amaqembu angu-90 azinikele esicathamiyeni aqhamuka kuyo yonke impumalanga ye-Ningizimu Afrika, kusuka eTranskei, nakuyo yonke iKwaZulu-Natali, kanye namaqembu aqhamuka eGauteng, ukuzoqhudelana kumkomelo wemali engu-R200 000 isihla-nganiswe yonke, kwizigaba ezintathu okuyi-Top 20, Standard kanye ne-Open Section. Lomgubho wohlobo lomculo wendabuko, wenziwe waziwa waphinda waduma kakhulu umhlaba wonke iqembu elawina kuma-Grammy, iLadysmith Black Mambazo, leliqembu selinesikha-thi eside lithatha indawo yokuz-iqhenya ekhalendeni lobuciko
End August 20198
K
U
Ezokungcebeleka
KUZOSINGATHWA UMNCINTISWANO WESICATHAMIYA E-PLAY HOUSE
eKZN, eheha iningi lamaqembu kanye namalungu omphakathi ajabulisayo.umbukiso wemfashini okunye okuzobe kwenzeka emn-cintiswaneni wabesilisa nabesifa-zane abangu-55, ngesikhathi sokungenelela okufa-kwa phakathi nomncintiswano. Amantombazane ancintisana esigabeni esaziwa ngokuthi Onobuhle (uBeauty Queens) ngenkathi abesilisa bezemfashini bebonisa izikhala zabo esigabeni esaziwa ngokuthi Oswenka. Lomcimbi omnandi njalo ukhiqiza ubumnandi obun-ingi obuvela ezilalelini ezijabulela uhlangothi oluhle lwamasiko e-sicathamiya. Amathikithi ayatholakala kuma Webusayithi (online), noma esitolo sakwaPick n Pay) ngo-R85 kuphela kumuntu ngamunye noma ngo-R150 amathikithi amabili. Ukuthola eminye imininingwane ngocingo olukhethekile (031) 36699407 ngezikhathi zomsebenzi. Indawo yokupaka ekhethekile ehlisiwe iyatholakala kubo bonke abash-isekeli bePlayhouse yokupaka i-Albany / Royal Hotel.
ESITHOMBENI: Oswenka
abahlukene ikakhulukazi abesifa-zane abafuna ukuyoxoxa nemin-deni yabayeni babo. Bazobe bekhuluma ngezinto ezehlukene ezabaphatha kabi emindenini ngesikhathi sekudlule abayeni babo emhlabeni. Abanye bazobe bebhekene nezi-ngane zabayeni babo abakade bengabhekani nazo bese bekhipha okusesifubeni. Olunye uhlelo olusha oluthi Gugothandayo. Kuzobonakala abesifazane baseGoli, okwakuba-hambela kahle empilweni kodwa impilo yabajikela. Kulolu hlelo bazobonakala behambela izindawo ezehlukene bezikhipha nabangani babo bexoxa ngezikhathi ezimnandi. ULindiwe uthe abantu abahlale belindile ngoba bazomemezela izinsuku ezizoqala ngazo izinhlelo njengoba ukuqopha kwazo kuqhubeka.
Siyadlondlobala isiteshisikamabonakude esisha
BUSISIWE DUBAZANE
LOKHU kuvezwe Isekela likaNgqongqoshe wezoHwebo nezimboni, uMnuz. Fikile Majola, uthe uHulumeni kudingeka aphakamise amasu okuqalwa kwezimakethe zoso-mabhizinisi abancane lapho bezokwazi ukuhwebelana khona ngemikhiqizo yabo emalokishini akuleli ukuze kulwiswane nokuwa komnotho wase-Ningizimu-Afrika.
Majola ubesho lamazwi ewabhekise kosoma- bhizinisi abasafufusa ohlelweni lokuqeqeshwa obeluse-Krugersdorp. Lokukuqeqeshwa kusize osoma-bhizinisi abancane ukuba bakwazi ukuba nezingxoxo nezinkakha esezi mnkantshu-bomvu kweza-mabhizinisi kanye nezinhloli ezivela ngaphansi kwahulumeni. Bacotshelelwe ngolwazi lokub-hekana nezingqinamba kanye neziphazamiso ababhekana nazo emabhizinisini abo. Lengqungquthela ihlanganiswe osomabhizinisi abasafufusa aba-
Izindaba
9End August 2019
ITHUBA LOKUKHANGISA
EzaKwaZulu zikunika ithuba eliyingqayizivele
lokukhangisa. Amanani ethu okukhangisa
aphansi. Ukuthola imininingwane
shayela uMasindi Mkhize kule nombolo
073 427 6113
SIFIKILE, SABONA SASHADISA
U
U
Iningizimu-Afrika kuzomele isindise umnotho wasemalokishini
ngabafundi e-Tshwane University of Technology ngenhloso yokuci-jana kwezamabhizinisi entsheni yaku-leli. UMajola uchaze ukwanda kwezitolo ezinkulu emadolobheni ngokuthi yikho okubulala umnotho wasemalokishi wabe esenxusa ukuba uHulumeni angenelele ekwelekeleleni ngezidingo ezizosiza amabhizinisi asemalokishini ukuba akwazi ukuphumelela. “Kumele sisebenzise indlela okwakhiwe ngayo kuVilakazi
Street eSoweto, sisebenzise yona nakwamanye amalokishi. UHulu-meni kumele azame ukufaka isandla ekwakhiweni kwezindawo ezisemalokishini ukuze nabantu abanamasu amabhizinisi bezo-kwazi ukusebenzisa lezozindawo ukukhangisa kanye nokuthengisa ngemikhiqizo yabo nokuzosiza ngokunyusa umnotho wasemalo-kishini” kuchaza uMajola. Uphinde wathi kubalulekile ukuthi abantu abasha abasema-bhizinisini nabanothando lokuvula
amathuba emsebenzi banikwe lonke usizo abangaluthola. Kubantu abebehambele lomcibi kubalwa uMnu. Lebohang Ahutu weStandard Bank, yiNational Youth Development Agency (NYDA), uMasipala weMogale City kanye nabakwa Small Enter-prise Finance Agency (Sefa). Ezingxoxweni ezibekhona, abebethamele bavumbulule izi-nkinga ababhekana nazo ema-bhizinisini abo okubalwa kukho izindawo abasebenzela kuzona kanye nokungabi nolwazi ma-yelana nokuthola usizo ezinhle-lweni zikahulumeni. Baphinde bakhala ngezindawo ezincane ababelwa zona uMasipala nokwe-nza kubenzima ukukhulisa ibhizinisi nokuyilapho iMeya yeMogale City uKhansela Patrick Lipudi uthembise ukuzama izindlela ezahlukene zokwenza ukuthi kutholakale izindawo ezanele osomabhizinisi abanga-zisebenzisa.
Kugquguzelwe ubumbano kowe-Women in Business SeminarUMSUNGULI ophinde abe uMhleli wephephandaba i-KZN Namuhla uSheila Mhlongo unxuse ubumbano phakathi kwabantu besifazane ikakhulu-kazi labo abango somabhizinisi.
Sheila Mhlongo udalule lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini we-Women in Business Seminar obuhlelwe iphephandaba. uSheila Mhlongo uthe izinto zingenzeka ngokushesha uma abesifazane bengaba imbumba basekane ezintweni abazenzayo bese beyeka ukubukelana phansi bebodwa. “Singabantu besifazane kumele sibumbane siphinde sikhuthazane, omunye asize omunye ukuze izinto zizokwenzeka ngokushe-sha” kuchaza uSheila. Eqhubeka nenkulumo yakhe uSheila Mhlongo uveze ukuthi inhloso yalomcimbi ukubungaza abantu besifazane ababamba iqhaza ekulweni noHulumeni wobandlulo ngonyaka ka-1956 kanye nokucobelela abesifazane ngezama bhizinisi kusetshenzi-swa kwe-Technology phecezelezi i-Fourth Industral Revolution
(4IR). Umcimbi we-Women in Business Seminar obuxhaswe uphiko lwe-Area Based Mana-gement (ABM) Unit ngaphansi kukaMasipala weTheku kanye nabe-Insika Foundation ububa-njelwe e-77 Monty Naicker Road ngoMgqibelo wangomhlaka 17 August 2019. Ezinye izikhulumi ebezishi-yelana inkundla kulomcimbi
kubalwa uNksz. Nolwazi Khuz-wayo wenkampani i-Lwazi-K Botique, uGugu Mhlongo we-Rise PR, uSandra Malele wenkampani i-Diamond Rose Digital kanye no-Angela Stuart oyisikhulu esiphezulu enkampa-nini i-ATS Global Projects.kanti uNksz. Nolwazi Khuzwayo ophila nokukhubazeka futhi onenhlan-gano engenzi inzuzo i-Life
Beyond Disability ebhekelele abantu abaphila nokukhubazeka utshele izethameli abezihambele owe-Women in Business Seminar ukuthi ukuphila nokukhubazeka akusho ukuphela komhlaba kodwa kumele ubhukule bese ulandela amaphupho akho. Ethula inkulumo yokweseka abesifazane abasemabhizinisini uNksz. Gabsie Mathenjwa onguMsunguli kanye nesikhulu esiphezulu kuyo Insika Founda-tion ubakhuthaze ngokuthi kumele baphikelele uma befuna ukufeza amaphupho abo futhi bangalokothi basheshe balahle ithemba ngoba bebona iminyango evalekile.
EZINYE zezihambeli eziqavile ebezizozimazisa lomcimbiIsithombe: Sithunyelwe
Isithombe: Pinterest