i · web viewukuvezwa kwabalingiswa umsebenzi womlandi imiyalezo kanye nendikimba ulwazi...

70
IBHUKU LOKUQEQESHA UKUFUNDA NOKUFUNDISA IMIBHALO YOBUCIKO Incwadi yothisha nabafundi IBANGA-12 ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA 2017 1

Upload: others

Post on 24-Jun-2020

91 views

Category:

Documents


7 download

TRANSCRIPT

Page 1: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

IBHUKU LOKUQEQESHA

UKUFUNDA NOKUFUNDISA IMIBHALO YOBUCIKO

Incwadi yothisha nabafundi

IBANGA-12

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA

2017

1

Page 2: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

INHLOSO: Ukwelekelela ekwandiseni ulwazi lwemibhalo yobuciko emisha, emiselwe ukufundwa ebangeni le-12. Ukwelekelela ekwandiseni ulwazi lwendlela okungafundiswa futhi kuhlolwe ngayo imibhalo yobuciko emisha kusetshenziswa

ulimi olumiselwe. Ukusiza ngezinsizakufunda ezengeziwe zemibhalo yobuciko emisha. Ukwabelana ngezindlela ezinhle zokufundiswa kwemibhalo yobuciko emisha.

Lo mqulu unamakhasi angama-55Izindlela ezingcono zokufundisa imibhalo yobuciko

Isizathu esisemqoka sokufunda imibhalo yobuciko emakilasini ukuthuthukisa abafundi bakwazi ukubona indlelaulimi olusetshenziswe ngayo; okungaba yizifengqo/yizifenqo, izimpawu, ubuciko, inkulumo esobala, nokudepha kwalokhoabakufundayo. Nanxa amatheksthi obuciko amaningi egcwele amahlaya, izibonakaliso, ababhali abazimiselengokubhala, babhala amanoveli, imidlalo nezinkondlo ngoba benemicabango nemibono nezinkolelo abafunaukwabelana ngazo, noma abafuna ukuzibonakalisa kwabafundayo. Ukusebenzisa kwabo ulimi ngendlela elethaizithombe engqondweni, kuyindlela eyengeziwe yokwembula, ukuqinisa nokugqamisa imibono yabo.

Ukufundisa imibhalo yobuciko akulula neze, kodwa angeke kwenzeka ngaphandle kokuphawula nokuhumushangokwethembeka okwenziwa ngabafundi. Ngaphandle uma bengakwazanga ukuthi baqonde ithekisthi yobuciko bonangokwabo, bazobe bengafundanga lutho olutheni. Othisha kumele bakugweme ukuhluzela abafundi amathekisthiobuciko, abanikeze ithuba eliningi abafundi ukuba bazihluzele ngokwabo. Ukuhumusha akubheki ukuthi ubaniokhuluma iqiniso nalowo osho okungeyikho. Kuphela kubhekwa lokho okwakha umqondo ophusile kofundayo.

Zingafaka lokhu okulandelayo:

Abafundi abazame ukufunda kabanzi ngethekisthi ekilasini bangaphazanyiswa ngokunikezwa omunye umsebenzi. Umsebenzi akube yikho ukufunda umbhalo ekilasini. Akungeqi amasonto amabili. Kubalulekile ukuba abafundi baqonde kahle ukuthi kwenzekani kusaqalwa nje ukufundwa kwencwadi. Ukufunda incwadi isikhathi eside kubambezela abafundi ekutheni baqonde nesakhiwo sayo. Amanye amakilasi angakwazi ukufunda ithekisthi ngaphandle kokusizwa. Empeleni yikho lokho okumele kukhuthazwe. Ukuhluzwa kwenkondlo kumele kufundwe hhayi ukuthi kugcine ngokuhaya izinkondlo. Akwenziwe izinkondlo eziningi ukuze abafundi nabo bagcine sebezibhala.

2

Page 3: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Ukuhumusha imibhalo yobuciko empeleni kuyisifundo esifanele abafundi basemaNyuvesi, akudingekile ukuthi abafundi benze lo msebenzi kuleli zinga. Noma kunjalo, inhloso yokufundisa amathekisthi ombhalo ukukhombisa abafundi ukuthi ulimi lwabo lungasetshenziswa kanjani ngobuhlakani, ngobuchule, ngokufanekisa, nangamandla okulandela umkhondo. Lokhu kudinga kubhekwe ukuthi ithekisthi yakhiwe kanjani, ukukhohlisa okukuyo, ukuhleleka kabusha nokugcizelela okushiwoyo. Lo msebenzi ungaze udinge ukuhlola ukuthi hlobo luni lwemifanekisomqondo ekhethwe umbhali kanye nesizathu sokukhethwa kwayo; izakhiwo zemisho nezigaba noma ukubumbeka kwenkondlo; ukukhethwa kwamagama; umqondo oqhubekayo ethekisthini; ukusetshenziswa kwezimpawu; imisindo nemibala lapho kudingeke khona. Iningi lalo msebenzi kumele lisuselwe embhalweni kodwa ukuhumusha umugqa nomugqa ngokwehlukana kuyawubulala umbhalo.

Imibhalo eqanjiwe kumele ifundiswe kanye nanoma iyiphi ithekisthi yobuciko. Imisebenzi ebhalwayo echaza kabanzi ngombhalo ofundiwe ingaba wusizo ekufinyeleleni emazingeni aphezulu okuncoma kubafundi. Izingxoxo emakilasini zingaba nomphumela omuhle uma bonke abafundi bezimbandakanya. Kodwa-ke izingxoxo ezigcina ngomsebenzi obhaliwe ziba nomphumela ongcono kanye nokusizakala nxazombili.

Imibhalo yobuciko ayiphathelene nokunikeza izimpendulo eziyizo. Ithekisthi yonke isho okuthile hhayi izicucu zayo. Ukuyifunda ithekisthi ngokuyikho kumbandakanya ukuyifunda yonke ngendlela nenqubo yokuhumusha, yokuqamba ngokombono wakho nangokwenza imisebenzi ethile ukuze ukwazi ukuhlolisisa kahle.

Izincwadi zemibhalo yobuciko efundwa kuleli banga:

1. Izinkondlo

2. Umdlalo

3. Inoveli/ ubuciko bomlomo

QAPHELA: Kuleli bhukwana sizogxila kuphela ezincwadini ezintsha ezifundwa ebangeni le-12.

Izinkondlo- Uju Lwezinkondlo : N.A. Mahaye, Z.E. Sithole Umdlalo- Ubhuku Lwamanqe : E.J. Mhlanga Inoveli- Impi Yabomdabu Isethunjini : J.C. Buthelezi

IZINKONDLO: UJU LWEZINKONDLO : N. A. MAHAYE, Z. E. SITHOLE

Nazi izinkondlo ezimiselwe:

3

Page 4: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

ISIHLOKO SENKONDLO IGAMA LOMBHALI1 KwaNdongaziyaduma 1. E.J. Mhlanga2 Ngizw’ uthando 2. J.M. Sikakane3 Imfihlo 3. M.H. Mazibuko4 UNoxolo 4. K.N.N. Gcumisa5 Ngibonga Ngiyanconcoza 5. Imbongi ayaziwa6 Izibongo ZikaKufakezwe 6. M.S.S. Gcumisa7 Ugqozi 7. B.W. Vilakazi8 Akasekho 8. L.T.L. Mabuya9 Uthando 9. K.N.N. Gcumisa10 Nyuvesi YaKwaZulu 10. L.F. Mathenjwa11 Thumela uzamcolo Nkosi! 11.B.T. Msimang12 Nkosi Sikelela i-Afrika 12. C.T. Msimang

Mibili imibuzo okumele umfundi azibuze yona ngokwenkondlo.

Kuthiwani kule nkondlo? Ngizokwazi kanjani?

Umbuzo wesibili wengeza embuzweni wokuqala. Owokuqala uholela kokuzovezwa umbuzo wesibili. Bonke ababhali babhala ngoba kukhona abafuna ukukwedlulisa- babhala ngezinto ezithokozisayo ikakhulukazi okubalulekile emphakathini abawubhalelayo. Sifunda amathekisthi ukwelekelela, ukufakazela, ukucacisa kanye nokuveza okushiwo ababhali kithina. Lo msebenzi ubheka ukusetshenziswa kolimi olunothile, ukusetshenziswa kwemigqa, amabinza kanye nenkondlo iyonke, ukukhethwa kwemifanekisomqondo, isigqi, umoya olethwa yimifanekisomqondo. Konke lokhu kuyimizamo yokuthola isiphetho sesikhashana okuzoya sigcine sithole umqondo oqukethwe wumbhalo. Akuvamisile ukuba khona komkhawulo ekufundweni kwenkondlo enhle.

Lezi zingxenye ezibhalwe ngezansi zizokwelekelela ekuqondeni:

Umqondo osobala Umqondo ocashile Umoya wenkondlo Indikimba kanye nomyalezo Imifanekisomqondo Izifenqo Ukukhethwa kwamagama

4

Page 5: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Ithoni Amasu obuciko Umoya wembongi Imigqa; amagama; amabinza Isigqi Ukuxhumana Izimpawu zokuloba Impindwa Ukuphindaphinda Amasu okusebenzisa umsindo-ifanamsindo, isigqi, impindwa, imvumelwano nefuzamsindo I-enjambamenti

IYINI INKONDLO?

Inkondlo iyindaba ezoxwayo kusetshenziswa ulimi lobunkondlo.

Okubalulekile ukuba uma abafundi kanye nabafundisi befunda izinkondlo kumele bazi ukuthi inkondlo ingaba yinde noma ibe mfishane kuye ngogqozi lwembongi. Imbongi ikwenza lokhu ukuveza ubuciko bobunkondlo.

Abafundi abaningi banenkinga yokuphendula imibuzo ephepheni lesibili. Nakuba abafundi bezifundile izinkondlo esikoleni kepha into ebalulekile indlela yokuphendula imibuzo esephepheni.

Kumele umfundi awufunde umbuzo aze afike enanini lamamaki ukuze azi ukuthi kudingeka ukuba aphendule kangakanani.

Mithathu imibuzo okumele umfundi azibuze yona uma efunda inkondlo:

1. Umbhali wale nkondlo ubhala ngani? [indikimba]

2. Ngabe lo mbhali wale nkondlo uthini ngendikimba aqoke ukubhala ngayo? [umqondo wenkondlo- osobala noma ocashile]

3. Ngabe ngenkathi ebhala le nkondlo wayekusiphi isimo? [ umoya wenkondlo]

Iyini imifanekiso-mqondo?

5

Page 6: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Imifanekisomqondo kuba yilawo magama asetshenziswe imbongi enkondlweni ukwakha isithombe noma umfanekiso emqondweni njengokusebenza kwawo enkondlweni. La magama abanye bawabiza ngezithombemagama. Imifanekisomqondo ingahlukaniswa kathathu:

Imifanekiso-mqondo/izithombemagama kungaba izinzwa (inzwa yokubona, yokuthinta, yokunambitha, yokulalela kanye neyokuhogela)

Izifenqo ezithile, isibonelo:ukwenzasamuntu, ukwenzasasilwane, isingathekiso, isifaniso, indida, i-okzimoroni,njll

Izimo zokukhuluma okungaba: izaga nezisho ezithile kanye

Nolimi olunothile- amagama acebile/anothile.

1. Kwandongaziyaduma- E.J.Mhlanga

a. Uhlobo lwenkondlo: Ilirikhi ngoba imbongi ithula imizwa yayo ngemfundo.

b. Indikimba yenkondlo: Imfundo

c. Umqondo wenkondlo: Igcizelela ukuthi isikhathi sezimpi sesiphelile manje sekuyisikhathi sokuba abantu basebenzise imfundo ukuze baphumelele.

d. Umoya wenkondlo:Umoya wale nkondlo uxubile. Umoya wokubalisa Isib. ‘Ezalal’emaqeleli kwaNgcedomhlophe’ - imbongi ibalisa ngezinsizwa ezadlula emhlabeni zilwa ngezikhali azangithola imfundo. Abazange bakubone ukukhanya okwalethwa imfundo.Umoya wokuncomaIsib. ‘Wazibuthela kwesakho’ - Imbongi incoma imfundo ngokuthatha izintombi nezinsizwa izise ezikhungweni zemfundo ephakeme

e. Isigqi senkondlo: Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba lapha imbongi incoma imfundo okumele abantu kube yiyo manje abayisebenzisayo.

6

Page 7: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Imigqa yale nkondlo ivalekile.

f. Imifanekisomqondo/izithombemagama: Umfanekisomqondo ozwakalayo

Umugqa woku-1 sithola umfanekisomqondo ozwakalayo.

Isibonelo: Zijiyile ezixoxwa namuhla.

Into ejiyile eshubile. Ukushuba kwento kungazwakala ngokukulalela. Ngakho-ke imbongi ibhekise ezifundweni ezitholakala kwaNgqondonkulu ukuthi akuzona izindaba ezilula.

Imbongi isebenzise isu lokweqa amagama. Isib,emgqeni woku-1 kweqiwe igama elithi; ‘ izindaba.’

Umfanekisomqondo wokulalelekayo/wokuzwakalayo

Umugqa wesi-3: ‘Zizwakala samthomb’ ugobhoza’Kulo mugqa kunomfanekisomqondo wokuzwakalayo. Ukugobhoza komthombo kuba nomsindo othile. Okubaluleke kakhulu ukuthi umsindo owenziwa umthombo uvamise ukuba uzwakala umtoti. Kanjalo –ke nalo msindo ozwakala kulesi sikhungo ufana nomsindo omtoti ngenxa yolwazi olutholakala khona.

Umfanekisomqondo wokunambithekayoUmugqa wama-42 nowama-43 imbongi ifanisa ulwazi olutholakala kulesi sikhungo nobisi olutholakala ezinkomazini. Ubisi olutholakala kulesi sikhungo alufani nolutholakala kwezinye izindawo. Ulwazi olunzulu ongeke waluthola ndawo.

2 Ngizw’ Uthando – J. M. Sikakane

2.1 Uhlobo lwenkondlo: Ilirikhi

2.2 Umqondo wenkondlo: Imbongi ikhuluma ngothando enalo okuwuthando olungajwayelekile; olujulile futhi oluyenza ingaboni lutho. Lolu thando

lugcina seluyilawula imbongi, ize ingakwazi nokucabanga lutho. Inomzwangendwa. Luyayisanganisa lolu thando ize ibonakale seyenza izinto ngokulawulwa yilona luyiphosa nhlangothi zonke.

2.3 Umoya wenkondlo:Wokujabula. Imbongi ijabulela uthando eluzwa ngaphakathi.

7

Page 8: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

2.4 Indikimba yenkondlo:Uthando: Imbongi ikhuluma ngezinhlobo ezimbili zothando: uthando lokuthanda omunye umuntu oluyenza ijabule. Uthando lukaNkulunkulu oluziwa umuntu oke wawa kodwa manje useyazinikela futhi kuNkulunkulu uthi Kuwe ngiyazinikela.

2.5 Umyalezo:Ngeke uluzibe / uluvimbe uthando uma selukungene ngoba lunamandla.

2.6 Imifanekisomqondo: Umfanekisomqondo wokubonakalayoo Emgqeni wesi-4 :‘Ngimfom’ izithuthuku ezipholileyo’

Lo mfanekisomqondo wokubonakalayo ugqamisa umuzwa wothando imbongi enalo. Izithukuthuku zivamise ukuhambisana nomsebenzi onzima. Kepha lezi zembongi zipholile ngoba lokhu ekuzwa ngaphakathi okuwuthando kuyayijabulisa.

o Ebinzeni lesi-2 umugqa wesi-5 nowesi-6o Umugqa 5 – ‘Ngizw’ uthand’ olunzonzobele’ (inzwa yokubona) igqamisa uthando olujulile.

Umugqa 6 – ‘Lungidoba lungiqhwebaqhweba’ (inzwa yokubona / yokuthinta) ugqamisa amandla othando oluyengamela ngokuyiheha kamnandi ngesineke (ukwenzasamuntu).

Umfanekisomqondo wokuthintekayoo Ebinzeni lesi-3 umugqa we-10

‘Lungintofoza lunginwayanwaya’ umfanekisomqondo wokuthintekayo. Lapha imbongi igqamisa ubumnandi bokuthintwa wuthando.

Umfanekisomqondo wokuzwakalayoo Ebinzeni lesi-5 umugqa we-17

‘Ngizwa uthando solokhu lungibelesele’ umfanekisomqondo wokuzwakalayo ngoba uthando lolu oluzwiwa yimbongi luyenza ukube sengathi ayisaphilile kahle okugcina sengathi iyasangana.

2.7Izifenqo: Indida.

o Ebinzeni lesi-8 umugqa wama-31

8

Page 9: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

‘Lungihlome phezulu lungihlome phansi’ kulo mugqa kunesifenqo esiyindida. Lesi sifenqo sisho ukuthi imbongi uthando luyenza iye noma kuphi ngenxa yokudidwa yilona.

Isingathekiso.o Ebinzeni lesi-9 emgqeni wama-35 kuya kowama-36

‘Ngiyazinikela Kuwe ngiyathela’ lapha imbongi isebenzise umbizi ngokukhuluma ngqo nothando kube sengathi luyezwa.

Umbuzombumbulu.

o Ebinzeni le-10 emgqeni wama-38

‘Maye! Maye! Kant’ unje luthando?’ (Umugqa wama-38)

Lo mugqa uqukethe umbuzombumbulu lapho imbongi izibuza yona ingakholwa ukuthi ngabe ngempela kanti uthando lunjani kodwa ibe yazi ukuthi uthando luyinto enjani.

2.8Isigqi:- Isigqi sale nkondlo siyashesha ngenxa yomoya wokujabula kanye nomqondo wothando oluyengamele imbongi. Imbongi

ibuye isebenzise amagama amnandi atomota imizwa.

2.9 Ithoni:

- Iveza ukujabula ngothando oluyengamele ize isebenzise amagama amnandi.

2.10 Imvumelwano:

Imvumelwano kuvamise ukuba amalunga afanayo emgqeni elandelanayo. La malunga angaba ngasekuqaleni komugqa, maphakathi noma ngasekugcineni.

Okunye okubalulekile ngemvumelwano ukuthi onkamisa bangaba amalunga ngasekuqaleni komugqa lokho okungenza ukuba umugqa ube nemvumelwano-siqalo noma maphakathi engunkamisa. Ayikho imvumelwano sigcino engunkamisa.

Izinhlobo zemvumelwano:

Imvumelwano-siqalo: Ibinza lesi-3 umugqa we-11 nowe-12

Ngizwe ngiswakama wonk’ umzimba,Ngijuluk’ ungiyojuluka.

9

Page 10: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Imvumelwano maphakathi: Ibinza lesi-4 umugqa we-14 nowe-15

Ngibe ngiyathe ngiyalala ngingalali,Ngibe ngiyathe ngiyazumeka ngingazumeki,

Imvumelwano-sigcino: Ibinza sesi-9 umugqa wama-35 nowama-36

Ngiyazinikela Kuwe, ngiyathela,Phinde ngithi ngiyaKubalekela;

2.11 Isikhawu/ isizura:

Isikhawu umugqa onophawu lokuloba phakathi nawo umugqa.Isibonelo: ‘Ngiyazinikela Kuwe, ngiyathela’ (Ibinza lesi-9 umugqa wama-35)

2.12 Ukuxhumana:

Ukuxhumana kuvamise ukuba kube amagama aphelele, iziqu zamagama noma umsuka wamagama emgqeni elandelanayo. Kuyenzenzeka kwezinye izinkondlo kusetshenziswe ingxenye yegama. Bese bethi lezo zingxenye uma zifana emgqeni elandelanayo kubizwe ngokuxhumana.

- Imvamisa ukuxhumana kwenza umsebenzi wokugcizelela umqondo webinza noma wenkondlo yonke.- Kuyenzeka ukuba ukuxhumana kukhande umgqumo osasigqi okungaba esisheshayo ikakhulukazi ezinkondlweni

ezingamalirikhi.

Ukuxhumana-siqalo: Ibinza lesi-4 umugqa we-14 nowe-15

Ngibe ngiyathe ngiyalala ngingalali,Ngibe ngiyathe ngiyazumeka ngingazumeki,

Ukuxhumana-maphakathi: Ibiza lesi-4 umugqa we-14 nowe-15

10

Page 11: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Ngibe ngiyathe ngiyalala ngingalali,Ngibe ngiyathe ngiyazumeka ngingazumeki,

2.13 Impindamqondo Impindamqondo kuwukuphindeka komqondo emigqeni elandelanayo. Lapha imbongi ingasebenzisa amagama angafani ukuphinda umqondo othile efuna abafundi benkondlo bawuzwisise kahle.

- Kungaba ukuphindeka komqondo ovumelanayo ngoba amagama aphinda umqondo owodwa kepha imbongi iwubeke ngamagama angafani.

- Kungaba ukuphindeka komqondo ophikisananayo ngoba imbongi isebenzise amagama aphikisanayo emgqeni elandelanayo.

Isibonelo: kulo mugqa ongezansi kunokuphindeka komqondo ovumelanayo. Lapha imbongi igcizelela ukuhluleka ukulala ngenxa yokugajwa uthando.

Ngibe ngiyathe ngiyalala ngingalali,

Ngibe ngiyathe ngiyazumeka ngingazumeki,

2.14 Impindwa

Kuwuphindeka kwamagama noma komugqa noma ingxenye yomugqa ezingxenyeni ezahlukene zenkondlo. Lokhu kuphindeka akulandelani njengempindamqondo.

Kule nkondlo kunempindwa: Ngizw’ uthando….

Le ngxenye yomugqa iqalisa ngayo emabinzeni amaningi ale nkondlo

3 Uthando – K.N.N Gcumisa

3.1 Umqondo wenkondlo:

Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngokuthandana kwentsha ize yenze izinto eziba nomphumela omubi njengokukhulelwa. Ibuye ibuke indlela intsha yakudala eyayiziphatha ngayo uma eqhathanisa neyamanje

11

Page 12: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

njengokuthi uthando lwakudala lwalihambisana nenhlonipho.

3.2 Umoya:

Umoya owokudinwa/ ukucasuka. Imbongi idinwa indlela intsha eziphethe ngayo ayisahloniphi futhi ayisazifihli izenzo zayo. Yenza izinto kungakhathalekile ukuthi kunabantu abadala.

3.3 Indikimba:

Uthando - imbongi ikhuluma ngokuthandana kwentsha esikhathini samanje ibe iqhathanisa nesakudala.

3.4 Umyalezo:

Akufanele intsha izimbandakanye nothando singakafiki isikhathi salokho. Kufanele ilinde kuze kufike isikhathi salokho.

3.5 Isigqi:

Isigqi siyanensa ngenxa yomoya wokudinwa, umqondo wokuthandana kwentsha ize yenze izinto eziba nomphumela omubi kanye nobuningi bemigqa evalekile.

3.6 Ithoni

Ukudumala ngezinto ezenziwa intsha yanamuhla.

3.7 Umfanekiso-mqondo

Umugqa wesi-8 – ‘Bahlulwa yini ukuzihlonipha?’ (Umbuzombumbulu) ugqamisa ukuntuleka kwenhlonipho entsheni.

Umugqa we-12 – ‘Izimbali zanamuhla zilahlekelwa ubumbali bazo……. ‘ (Isingathekiso / inzwa yokubona) igqamisa ukuphela kwesimilo entsheni.

12

Page 13: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

4. Imfihlo: M.H. Mazibuko

4.1 Uhlobo lwenkondlo:

I-eleji ngoba le nkondlo ikhuluma ngokufa.

4.2 Umqondo:

Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngemfihlo yokuthi kwenzekani ngemuva kokufa. Le mfihlo akekho okhuluma ngayo ngisho asebalala, ngisho bebuya ngamaphupho abathi vu ngakho. Ibeka ngokuthi lokhu kuyinqaba kayitshelwana.

4.3 Umoya wenkondlo:Owokukhathazeka/ ukubalisa. Imbongi ikhathazwa ukuthi kungani kufihliwe okwenzeka ngale kwethuna.

4.4 Indikimba:Indikimba yale nkondlo ukufa, imbongi ibalisa ngokwenzeka ngemuva kokufa

4.5 Umyalezo: Akekho owazi okwenzeka ngale kwethuna.

4.6 Isigqi: Siyanensa ngenxa yokuthi imbongi ibalisa ngokungazi okwenzeka ngale kwethuna.

4.7 Ithoni: Eyokukhathazeka ngokungazi okwenzeka ngemuva kokufa.

4.8 Imifanekisomqondo: Umugqa wesi-3 – ‘Ziwachitha ziwaqoqa’ (inzwa yokubona kanye neyokuthinta) ugqamisa ukufuna ulwazi ngezindaba ezimayelana nokufa kodwa do izimpendulo. Umugqa we-18 – ‘Liba izindaba zakho ziyaxaka azixoxeki’ isifenqo umbizi esigqamisa ukungazi lutho ngokwenzeka ekufeni.

13

Page 14: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

4.9 Imvumelwano-siqalo: Umugqa we-19 nowama-20Akukho namunye onyonyobayo,Azosihlebela ngenhlalo yangale,

4.10 I-enjambamenti: uwugqa wesi- 7 nowesi-8Othuke wakwelamela okufihlile uyihlab’inhlaliNabantabakhe uthi bayozibonela kuhle kwabenyoka.

4.11 I-Okzimoroni:Isifenqo esinamagama aphikisanayo emgqeni owodwa. La magama kumele alandelane.Isibonelo: izinyanga nezanusi ziwachitha ziwaqoqe, okugqamisa imfihlo yokufa engale kwethuna ngisho abahlolayo abasiniki mpendulo.

4.12 Umfanekisomqondo wokubonakalayo:‘Noma kunjalo sebeze baqumbelana,’ Ukuqumbelana kugqamisa ulwazi abangasekho abalugodlile oluyimfihlo yempilo engale kwethuna.

4.13 Umbuzombumbulu:Emgqeni wesi-4: ‘Kanti kufihlweni?’ Lo umbuzombumbulu imbongi ezibuza wona ngalokhu okufihlwe yilabo asebadlula emhlabeni ngokufa.

4.14 Isisho: Emgqeni wesi- 7: ‘Othuke wakwelamela okufihliwe uyihlab’ inhlali’ – lowo osuke esenolwazi lwangale uthula du angatsheli muntu.

4.15 Izifengqo: Isifaniso

Emgqeni wesi-8: ‘Nabantabakhe uthi bayozibonela kuhle kwabenyoka’. Inyoka inede ingabeka amaqanda bese iyawayeka azichamiselele wona unina engasekho. Kanjalo nakule nkondlo imbongi iveza ukuthi wonke umuntu uzibonela yena ukuthi kunjani uma esefike ngale kwethuna.

Isenzukuthi: Emgqeni we-12: ‘Bengayithi vu ngenhlalo yabo’ lesi senzukuthi sigcizelela ukuthi bangatsheli muntu.

14

Page 15: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Umbizi:Emgqeni we-18: ‘Liba izindaba zakho ziyaxaka azixoxeki’ Imbongi ikhuluma neliba elingabe nalo liyasitshela ngokufa kodwa nalo lithule.

5 UNoluxolo- K.N.N. Gcumisa

5.1 Uhlobo lwenkondlo: Ilirikhi ngoba imbongi iveza imizwa yayo ngoxolo abantu okufanele babe nalo uma kungenzeka kube khona ukuphambana ngokwemibono. Imbongi ithi uxolo yilo oluletha injabulo kanye nentokozo kubantu ababekade bexabene.

5.2 Umqondo wenkondlo: Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngoxolo elunike izimpawu zomuntu ophilayo okunguNoluxolo. Imbongi iqala ngokubabaza amandla nodumo loxolo isho izinto lapho uxolo lufike lusize khona, izibonelo: lapho kunezimpi, kukhalwa, kuthukwana, kuxatshenwe njll. Kusiza lona uxolo.

5.3 Indikimba: Uxolo - imbongi ibona izinto ezinhle ezenziwa ukuba khona koxolo/ umphumela woxolo.

5.4 Umyalezo: Ayikho into ebaluleke ukwedlula uxolo ukusiza abantu uma kunezinxushunxushu.

5.5 Isigqi: Siyashesha ngoba imbongi itusa uxolo ngoba ilona lodwa oluwusizo lapho kuxabene khona ubendle. Lokhu kugqama kahle uma le nkondlo ihaywa.

5.6 Ithoni: Iveza ukutusa okugqanyiswa amagama adumisa uxolo.

5.7 Umoya wenkondlo: Umoya wokutusa. Imbongi itusa izinto ezinhle ezenziwa uxolo lapho kunezinxushunxushu phakathi kwabantu. Ilona lodwa olungumlamuli.

5.8 Imifanekisomqondo/izithombemagama:

15

Page 16: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Umugqa wesi-2 - Ufana namanzi apholile (isifaniso) ugqamisa ukuhlanzeka komoya ngenxa yokuba khona koxolo. Umugqa wesi- 6 - Ukuheleza komoya obandayo (inzwa yokuthinta) Igqamisa isimo lapho ingekho inhlalakahle kodwa uma kufika uxolo konke kuba kuhle. Umugqa we-10 - Imilomo ikhafula okumuncu kodwa (inzwa yokunambitha) Igqamisa isimo sengxabano noma ukuthukana uma sekufika uxolo kuyaphela konke lokho.

5.9 I-enjambamenti: Ibinza loku-1 umugqa wesi-4 kuya kowesi-5 Ubaph’ ukujabul’ imzimba yethakase Bekufumene wena Mduduzi wabadumele.Le enjambamenti igqamisa isenzasamuntu. Umqondo usuka emgqeni wesi-4 uze uyophelela emgqeni wesi-5. Imbongi kube sengathi ikhuluma ngomuntu embiza ngomduduzi wabadumele.

5.10 Isizura: Munye kuphel’ ongaba umsizi, UNoluxolo. (umugqa we-13) Onhliziyo zabo zibamtoti, ngothando (umugqa we-15) Kugqamisa ukuthi uxolo ilona lodwa olusizayo kubantu abasuke bexabene.

5.11 Isigqi: Isigqi sale nkondlo siyashesha ngoba imbongi itusa uxolo ngoba yilona lodwa eliwusizo lapho kuxabene ubendle.

5.12 Ithoni: Ukutusa uxolo

5.13 Ukuxhumana okutshekile Umugqa we-10 kuya emgqeni we-11Isibonelo: Imilomo ikhafula okumuncu kodwa Kungazeki okumuncu kodwa Amagama abhalwe ngokugqamile akhomba ukuxhumana okutshekile.

6 Nkosi Sikelela i-Afrika- C. T. Msimanga

6.1 Uhlobo lwenkondlo:

16

Page 17: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Inkondlo elandayo ngoba imbongi ibhala ngokubalisa kwayo ngenxa yokucindezeleka kwabantu. Inxusa uMdali ukuba asize abantu abahluphekayo/abacindezelekile base- afrika.

6.2 Umqondo wenkondlo:Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngeculo lesizwe elingumthandazo oletha ithemba ezweni lase-Afrika.

6.3 Umoya wenkondlo:Umoya wokunxusa. Lapha imbongi inxusa kuMdali ukuthi abe nozwelo kanye nomusa kuleli lizwekazi i-Afrika.

6.4 Indikimba: Inkolo. Imbongi inxusa uMdali ukuba abusise i-Afrika.

6.5 Umyalezo: Ukholo nethemba kuyaphilisa uma uthemba kuMdali.

6.6 Isigqi: Isigqi sale nkondlo siyanensa ngoba imbongi iyakhuleka / iyathandaza kuMdali. Iyamnxusa ukuba abusise i-Afrika. Akuvamisile ukuthi uma umuntu ethandaza asheshise ngoba usuke ekhuluma noMvelingqangi efisa ukuthi nalokhu akukhulumayo kwamukeleke.

6.7 Ithoni: Ithemba kuMdali ukuthi uzokwazi ukubusisa izwekazi lase-Afrika.

6.8 Imifanekisomqondo: Umugqa woku-1 – ‘Bathwele basisitheka’ (inzwa yokubona) ugqamisa usizi lobunzima olubhekene nabantu base-Afrika. Umugqa wesi-3 – ‘Ezimbukwini bayabisha’ (inzwa yokuthinta) ugqamisa ukungaphumeleli kwabantu base-Afrika

6.9 Isifenqo: Uphawu: umugqa wama-27 ‘Balindel’ indonsa nekhwezi.’Kulo mugqa imbongi isebenzise izinkanyezi ezimbili ezihambisana nokukhanya. Kule nkondlo lezi zinkanyezi ziwuphawu lokukhanya olulindwe yilaba bantu abacindezelwe ukuthi noma kungaba mnyama kanjani kepha ukukhanya kuyeza.

17

Page 18: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

‘Balindel’ uMfumfu noLwezi;’-UMfumfu inyanga ka-Okthoba lapho abantu abebelimile sebebona kuqala ukufufusa kwezitshalo zabo emasimini. Kuvamise ukuba le nyanga ilethe ithemba lokuthi lokhu okusemasimini okutshaliwe kuzoletha ikusasa elihle abantu badle basuthe.ULwezi / uNovemba lena inyanga lapho zonke izinto sezihamba kahle emasimini. Ngakho-ke nabantu baye babuke lesi sikhathi sonyaka njengesiza nokuhle kodwa.

6.10 Umqondo oqukethwe amabinzaIbinza lokuqala: likhuluma ngobunzima nokugqilazeka okwakukhona kodwa bahlalela ethembeni.

Ibinza lesibili: likhuluma ngendlela ababekezela ngayo; bebekezelela izinhlupheko noma kunzima abapheli amandla bakhuleka bengaphezi ngenxa yethemba ababenalo.

Ibinza lesithathu: likhuluma ngokuthi babebaningi laba bantu futhi babe- yizinhlanga ezahlukene bekhuluma nezilimi ezahlukene kodwa bakhuluma ngento eyodwa (umkhuleko wabo munye).

Ibinza lesine: likhuluma ngokuthi lo mkhuleko wabo uzwakala/ ufinyelela kuyo yonke indawo. Bonke abantu bayawuzwa lo mkhuleko.

Ibinza lesihlanu: likhuluma ngokuba sebehlalile ebunzimeni kodwa basenalo ithemba lokuthi izinto zisazolunga.

Ibinza lesithupha: likhuluma ngokuthi kuhlale kuba khona ukungaboni ngaso linye kulaba bantu kodwa bonke bayakhuleka kuMdali ukuthi baqhubeke babe munye.

Ibinza lesikhombisa: likhuluma ngokukhala kwabo kuMdali kuyophenduka injabulo nempilo entsha ngoba uMdali uyobe eseyizwile imikhuleko yabo.

6.11 Impindwa: ‘Nkosi sikelel’ i-Afrika’ La magama ayimpindwa ngoba aphindeka kaningana enkondlweni okugqamisa isicelo sembongi ngesikhathi ikhuleka ukuba uMdali aze angalenzi iphutha kepha abusise i-Afrika. Ngamanye amazwi imbongi icelela abantu

18

Page 19: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

base-Afrika izibusiso.

7. Thumela Uzamcolo Nkosi - B.T. Msimang

7.1 Uhlobo lwenkondlo: Eyenkolo / ilirikhi

7.2 Umqondo wenkondlo:Osobala- Kule nkondlo imbongi icela uNkulunkulu athumele imvula enkulu (uzamcolo) ngoba nguYena onamandla okwenza lokho. Isike yana ngaphambili kodwa yangenela yingakho-ke icela uzamcolo. Ojulile- imbongi icela uNkulunkulu athinte inhliziyo yayo elukhuni satshe yamukele izwi lakhe. Ibuye icelele nabanye abasesimweni esifana nesayo abasaphila kulo mhlaba ukuze baphile bambonge uNkulunkulu.

7.3 Umoya wenkondlo:Umoya owokunxusa. Imbongi inxusa uNkulunkulu ukuba ashintshe inhliziyo yayo elukhuni njengedwala kanye nezabanye izinhliziyo ezifana neyayo.

7.4 Indikimba: Inkolo - imbongi inxusa uSomandla ukuba ashintshe inhliziyo yayo kanye nezinhliziyo zabanye eziselukhuni.

7.5 Umyalezo:UNkulunkulu uyena yedwa onamandla okuguqula izinhliziyo zabantu.

7.6 Isigqi:Isigqi sale nkondlo siyanensa. Lokhu kwenziwa ukuthi imbongi iyanxusa kuMdali. Umuntu akakwazi ukuba ethi ekhuluma noMdali akhulume asheshe. Kumele akhombise ukuzotha nokuhlonipha ukuze nalokho okudluliswayo kuzwakale kahle.

7.7 Ithoni: Ukuhlonipha amandla kaNkulunkulu okunguyena yedwa ongaguqula inhliziyo elukhuni yembongi kanye nezabanye abantu.

7.8 Imifanekisomqondo: Umugqa wesi-2 – ‘Asifaze ngemikhemezelo’ (inzwa yokubona, yokuthinta). Igqamisa ukungeneliswa ngoba inhliziyo yakhe ayikathambi.

19

Page 20: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Umugqa 7- ‘Kulo mhlaba olugwadule’ (inzwa yokubona) Igqamisa ukuthi abantu abaningi abakaphenduki ukuba bakholwe. Umugqa 18 - ‘Lidumile langqangqazela’ (inzwa yokuzwa / yokuzwakalayo) Igqamisa imizamo emikhundlwana yokuphendula imbongi kanye nabanye abangaphenduki.

7.9 Impindwa: Kunamagama alokhu ephindeka kaningana enkondlweni, ‘Wena wedwa…’ La magama agcizelela ukuthi akekho omunye umuntu ongakwazi ukwenza lokhu okunxuswa ukuba uMdali akwenze ngaphandle kwaKhe. UYena kuphela ongaguqula laba bantu ukuba benze intando Yakhe.

7.10 Isikhawu/ isizura: Umugqa wesi-9: ‘Yesishingishane, kuke kusuke.’ Umugqa wama-30: ‘Thumela uzamcolo, Baba.’

8. Akasekho – L.T.L Mabuya

8.1 Umqondo wenkondlo:Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngesithandwa sayo eyisishiye ngokukhulu ukuzuma.

8.2 Umoya:Umoya wosizi /ukukhathazeka/ ukubalisa. Imbongi ikhathazwa ukushonelwa isithandwa sayo ngokushesha.

8.3 Indikimba:Ukufa. Imbongi ibalisa ngesithandwa sayo.

8.4 Umyalezo:

Kubuhlungu ukushiywa umuntu omthandayo.

8.5 Isigqi:Isigqi siyanensa ngenxa yokuthi imbongi ikhuluma ngokufa futhi iyabalisa ngenxa yokushonelwa isithandwa sayo ngokuzuma.

8.6 Ithoni:

20

Page 21: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Ukukhathazeka ngokushonelwa isithandwa.

8.7 Umfanekisomqondo:

Umugqa wesi-2 – ‘Ngokuphazima kwehl’ akasekho’ (inzwa yokubona) igqamisa ubuhlungu bokushonelwa ngokuzuma ngumuntu omthandayo.Umugqa wesi-9 – ‘Kazi ngizomtholaphi?’ Isifenqo umbuzombumbulu sigqamisa ubuhlungu bokushonelwa umuntu omthandayo engasenakuvuka.

9. Izibongo ZikaKufakwezwe: M.M.S Gcumisa

9.2 Umqondo wenkondlo:Kule nkondlo imbongi ibongela inkosi yakwaGcumisa engasekho. Iyayitusa ngokuqeda ukuchitheka kwegazi esizweni sayo.

Umqondo oqukethwe amabinza:

Ibinza loku-1:Imbongi isebenzise isifenqo isingathekiso ukugqamisa ubuqhawe nokuhlabana kwenkosi uKufakwezwe. Isibonelo: umugqa woku-1: ‘Ingqungqulu eyabhula amaphiko’Umugqa wesi-6: ‘Ingulule egijime yeqa izintaba’Imbongi igqamisa ukuthi uKufakwezwe ubeyinkosi edla umhlanganiso ngobuqhawe bayo. Amanye amakhosi ayemhlonipha.Imbongi imbiza ngengulule ngoba enamandla okusobozela bonke abayizitha zakhe. Ikakhulukazi umphakathi kanye namalunga omndeni wakhe.

Ibinza lesi-3:Leli binza ligqamisa ukungezwani phakathi kwenkosi uKufakwezwe kanye nabomndeni wakhe. Abaphehli bodweshu kungabafokazane nezinduna. Imbongi isebenzise igama elithi, ‘isiyaphimbiliza’ ukuchaza ukuthi inkosi yaphaphalaza ngokuthi ixabene nomndeni.

9.3 Umoya:

21

Page 22: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Umoya wale nkondlo uxubile; kukhona umoya wokutusa wokutusa/ nowokuncoma. Imbongi itusa imisebenzi emihle kanye nobuqhawe benkosi yakwaGcumisa. Kube nomoya wokugxeka imbongi iyakubalula ukuthi nanxa inkosi iyiqhawe kodwa ike yaphaphalaza ngokulalela abantu abangayelulekanga kahle, lokho kuze kwayidalela izitha nasemndenini. Iphinde ibalise imbongi ngamathuna agcwele endaweni ngenxa yezimpi ezabakhona ngesikhathi sokubusa kwenkosi ize ithi ngempela inkosi ililandele igama layo okunguKufakwezwe.

9.4 Indikimba:Ukuhlabana. Imbongi ihasha inkosi ngemisebenzi yayo esizweni sayo. Imbongi iphinde ibalule ukuthi inkosi yize yayingumuntu oyiqhawe kodwa yabuye yaphaphalaza ngenxa yokuhlonyekiswa ngabantu.

9.5 Umyalezo:

Ziyokufa izinsizwa kusale Izibongo.

9.6 Isigqi:Isigqi siyashesha ngenxa yokuthi imbongi ibongela inkosi uKufakwezwe.

9.7 Ithoni:Ukujabulela ukuhlabana kwenkosi yakwaGcumisa.

9.10 Umfanekisomqondo:

Umugqa woku-1 – ‘Ingqungqulu eyabhulámaphiko.’ Isingathekiso esigqamisa ukuvelela ngamadla okubusa Umugqa we-13 – ‘ElikaMahlomehlathini njengohlanya.’ Isifaniso esigqamisa ubuhlobo begazi.

10. Ngibonga Ngiyanconcoza – Imbongi ayaziwa

10.1 Umqondo wenkondlo:Kule nkondlo imbongi ibonga abayifundisa ukuze ibe kuleli zinga ekulo futhi namanje isaqhubeka nokufunda emazingeni aphezulu.

10.2 Umoya:Umoya wokujabula / ukutusa. Imbongi itusa abayisizile ngokuyifundisa.

22

Page 23: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

10.3 Indikimba:Imfundo. Imbongi ibonga imfundo eyitholile.

10.4 Umyalezo:

Ukungabalibali abantu abakufundisile.

10.5 Isigqi:Isigqi siyashesha ngenxa yokuthi imbongi ijabule ibonga abantu abayifundisile.

10.6 Ithoni:Ukujabula ngempumelelo yayo kwezemfundo.

10.7 Umfanekisomqondo:

Umugqa woku-1 – ‘Okweguqa lithath’ ubunkunzi’ Isifenqo: isifaniso esigqamisa ukuthuthuka kwezemfundo. Umugqa wesi-7 – ‘Bengithwesa isicoco’ (inzwa yokuthinta) igqamisa ukuphumelela kwezemfundo.

11. Ugqozi – B.W Vilakazi

11.1 Umqondo wenkondlo:

Umqondo osobala:Imbongi ikhuluma ngokufika kwayo esigodlweni seLembe kwaDukuza. Indlela eyamukelwa ngayo. Indlela eyaphatheka ngayo isingaphakathi, iphupho elayifikela linomyalezo owadluliswa kuyo nguMkabayi kaJama.

Umqondo ojulile:Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngokuzigqaja ngokuba umZulu. Ize iyofuna imvelaphi yayo kwaDukuza okwakuyilahlankosi leLembe. Lokhu ikwenza ngokujubalala ngengqondo ibone isizwe samaZulu singasenamandla. Lokhu kuchukuluza imizwa yembongi izizwe isinkondloza ngosiba kanti yona ibifisa ukuhaya njengezimbongi zasemandulo. Imbongi iyasemukela isipho sokunkondloza ngosiba ngoba izizwa igunyazwe izinyanya zasebokhosini bakwaZulu ezimelwe ubabekazi weLembe uMkabayi kaJama kule nkondlo.

23

Page 24: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

11.2 Umoya:Umoya wokuzigqaja. Imbongi izigqaja ngokuba imbongi ebhala izinkondlo ngolimi lwesiZulu.

11.3 Indikimba:Ubuzwe. Imbongi iziqhayisa ngokuba ingqalabutho yokuhaya izinkondlo zesiZulu ngosiba.

11.4 Umyalezo:

Yamukela isiphiwo/ikhono lakho.

11.5 Isigqi:Isigqi siyashesha ngenxa yokuthi imbongi ekuqaleni kwenkondlo inesifiso sokuhaya, kodwa akuyikhathazanga ukugqanyelwa ukuthi yona ayinaso isiphiwo sokuhaya kepha inesiphiwo sokunkondloza ngosiba.

11.6 Ithoni:Ukujabulela ukubhala izinkondlo yize yake yazama ukuzihaya akuyidumazanga ukungakwazi.

11.7 Umfanekisomqondo:

Umugqa woku-1 – ‘Emasangweni kwaDukuza’ isifenqo uphawu sigqamisa isifiso sokuhaya njengezimbongi ezindala zakwaZulu ngesiZulu. Umugqa wesi-7 – ‘Kwangen’ emakhalen’ am’ iphunga’ (inzwa yokuhogela) igqamisa ukukhula kwesifiso sokuhaya izinkondlo ngesiZulu.

12.Nyuvesi yaKwaZulu – L.F Mathenjwa

12.1 Umqondo wenkondlo:Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngenyuvesi yaKwaZulu. Iveza udumo lwayo kanye nemisebenzi emihle eyenzile. Imbongi ibuye iveze ukuthi baningi abantu abafunde kule nyuvesi beqhamuka ezindaweni ezehlukahlukene futhi beyizinhlanga ezehlukene. Baningi abanye abafunda kule nyuvesi abangaphumelelanga ngenxa yokunaka injabulo kunokufunda. Imbongi ibuye ifisele lesi sikhungo unwele olude.

12.2 Umoya:

24

Page 25: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Umoya wokuncoma/ukutusa. Imbongi itusa inyuvesi yaKwaZulu.

12.3 Indikimba:Imfundo. Imbongi ihaya ngenyuvesi yaKwaZulu okufunda abantu abaningi kuyo.

12.4 Umyalezo:

Inyuvesi yaKwaZulu inemisebenzi encomekayo ngokufundisa imfundo esezingeni eliphezulu nokungabandlululi ngokobuhlanga.

12.5 Isigqi:Isigqi siyashesha ngenxa yokuthi imbongi ibongela inyuvesi yakwaZulu.

12.6 Ithoni:Ukujabulela inyuvesi yakwaZulu ngemisebenzi yayo emihle.

12.7 Umfanekisomqondo:

Umugqa woku-1 – ‘Ingqungqul’ eshay’ amaphiko…………..’ isifenqo isingathekiso sigqamisa ukuthi inyuvesi yaKwaZulu iwedlula wonke amanyuvesi. Umugqa wesi-8 – ‘Umzond’ abawunyathel’ KwaZulu ukunuka kwezwakala eXhoseni’ (inzwa yokuhogela) igqamisa ukuduma kabi koNgoye KwaZulu kanye nakwelakwaXhosa.

------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------

UMDLALO:

25

Page 26: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

UBHUKU LWAMANQE: E. J. MHLANGA

Emdlalweni akusetshenziswa kuphela amagama kanye nolimi: kungafakwa ukunyakaza, izwi, ukukhanya kanyenobumnyama, okwenzeka phakathi kwabadlali kanye nokudlala eshashalazini. Okubalulekile indlela umdlalo ohambangayo; indlela abadlali abadlala ngayo; yikuphi abakwenza buthule; ukushintshashintsha kobuso kungashintshaumqondo odluliswayo – konke lokhu kungalahleka uma bedlala sengathi kufundwa inoveli.

Akukuhle ukuthi kudlalwe ividiyo yomdlalo ngaphambi kokuba umdlalo ufundwe abafundi. Ngaphandle kwalokhoividiyo iba umdlalo uqobo, akukho okungachezula ukuhunyushwa kwalowo mkhiqizo.

Ukuzakhela isithombe engqondweni, indlela abadlali ababukeka ngayo kanye nokuhlola ukuthi umugqa nomainkulumo kungashiwo kanjani, izinto ezibalulekile ekufundweni komdlalo ekilasini: Isakhiwo nesakhiwana, indlelaabadlali abevezwe ngayo, ukuthi bakhula kanjani nomdlalo; isizinda, ulwazi lwaphambilini (uma kunesidingoesibalulekile ukwelekelela ukuqonda kabanzi umdlalo), isivinini, ukusetshenziswa kwemifanekisomqondo; amasu omdlalo:

1. Inkulumo kayedwana, 2. Okwenzeka enkundleni yokudlalela,3. Isigameko esifihlelwe umlingiswa othile,4. Udweshu,5. Isenamisi, 6. Imbangalusizi.

(Konke kubalulekile uma kufundwa umdlalo)

Lokhu okulandelayo kungelekelela abafundi ekuqondeni kabanzi amathekisthi: Isakhiwo kanye nesakhiwana (Isethulo, isixakaxaka, ukubhebhetheka kodweshu, uvuthondaba, upholavuthondaba,

isiphetho, ukujeqeza emuva, ukubikezela ukuvezwa kwabalingiswa). Umsebenzi womlandi / umlingiswa/umbono womlandi. Indikimba kanye nomyalezo. Ulwazi lwaphambilini kanye nesizinda – ubudlelwano babadlali nendikimba. Umumo womdlalo: isakhiwo, isakhiwana (isethulo, ukubhebhetheka kodweshu novuthondaba). Umoya nethoni. Ingwijikhwebu / isiphetho. Imiyalezo yokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela. Ukuxhumana phakathi kwenkulumo-mpendulwano / inkulumo kayedwana nesenzeko. Isigameko esifihlelwe umlingiswa othile. Ukulandelana kwezigameko.

26

Page 27: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

UBHUKU LWAMANQE

Ubhuku – udaka olusosebeni lomfula ongangena kulo ubishe ungabe usaphuma.

Amanqe – izinyoni ezidla izinto ezifile.

UHLOBO LOMDLALO

Lo mdlalo ohlelelwe ukufundwa kuphela. Wamukelekile ngokwenani labalingiswa

ISAKHIWOIsakhiwo somdlalo siwukubumbeka kwendaba kusuka ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni. Kubhekwa ukuthi umdlalo uqala kuphi uze uphele kuphi.

AMABANGA ESAKHIWO ISETHULO

Ukwethulwa kommeleli Indawo umdlalo wenzeka khona Isisusa sodweshu

UMZIMBA Ukubhebhetheka kodweshu Isixakaxaka Uvuthondaba

ISIPHETHO Kungaba khona ingwijikhwebu Kungaba khona upholavuthonda

ISETHULOLapha sethulelwa ummeleli, isisusa sodweshu kanye nendawo lapho umdlalo udlalelwa khona kanye nakho konke okwenzeka emdlalweni. Umfundi uvezelwa nabalingiswa abasemqoka njll. Inkinga yomlingiswa iyethuleka nayo kuleli banga.

27

Page 28: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Isibonelo: Emdlalweni othi, Ubhuku Lwamanqe’ sethulelwa abalingiswa abasemqoka uPhindisiwe (ongummeleli / iqhawekazi) kanye noNkululeko (imbangi).

Isisusa sodweshu lusuka ngenkulumo-mpendulwano phakathi kukaPhindisiwe noNkululeko bebanga izimfihlo eziphakathi kukaNkululeko noPhindisiwe. UNkululeko usabisa ngazo uPhindisiwe ukuthi uzozidalula uma engamniki lokhu akufunayo. Uze ambalisele ngecala angalenzanga alithwala. Le nkulumo mpendulwano isebhange iForum

UMZIMBA: UKUBHEBHETHEKA KODWESHU

Kuleli banga udweshu olusuke esethulweni luqhubeka njalo umlingiswa ezama ukuxazulula izinkinga zakhe kuze kuyofika kuvuthondaba. Ngaleyo ndlela kudaleka izigameko ezehlukene zixhumane njalo indaba ize iyophetha.Isibonelo: udweshu olusuke esethulweni somdlalo phakathi kommeleli uPhindisiwe nembangi uNkululeko luyabhebhetheka, lukhule luze kufike ezingeni lokuba uPhindisiwe axabane noThamsanqa kubangwa ucingo uPhindisiwe alubeke phansi ngenkathi uThamsanqa eqhamuka. UThamsanqa wayefuna ukwazi ukuthi ubani lo omfonela ebusuku kangaka. Kuba muncu endlini ngoba uPhindisiwe akafuni ukukhuluma iqiniso uvesane akhale.

Isixakaxaka: ngokuqhubeka kwezigameko ezidalwa ngenkulumo-mpendulwano phakathi kwabalingiswa, okubandakanya abazali bakaThamsanqa uMaMhlongo noMathonsi kwenza indaba ikhule kube nesixakaxaka. Indlela uPhindisiwe aphendula ngayo uMaMhlongo ngenkathi emshayele ucingo ethi ufuna ukumchithela umuzi kwahlala obala ukuthi usenkingeni enkulu. Abazali bakhe bakhathazekile ngale ndaba baze bambizele ekhaya ukuzoxoxa naye. UNkululeko naye akazibekile phansi wenza wonke amacebo okuthola uPhindisiwe uze aye kwaMathonsi. Lapha-ke izinto azisaqondakali ukuthi zizothatha yiphi indllela. Kuxabene ubendle, umfundi usedidekile ngempela, nemibuzwana esuke isisekhanda lakhe mayelana nokuzolandela endabeni isimningi kakhulu. Ilukuluku lokufunda nalo futhi lisuke selikhule ngokunye amaphaphu esephezulu, kungasavumi ukuthi ayibeke phansi incwadi. Indaba isuke isiphezulu iphikelele kuvuthondaba lapho kugqabuka khona igoda.

Isibonelo: Inkinga ebhekene noPhindisiwe akusacaci ukuthi izoxazululeka kanjani. Ngabe umendo kaPhindisiwe uzochitheka noma cha ngoba uNkululeko akamile kumaqhinga akhe awasebenzisayo. Indaba iphikelele kuvuthondaba manje.

28

Page 29: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Isu lokujeqeza:

Isibonelo: Ubaba kaThamsanqa uMathonsi uxoxa nonkosikazi wakhe uMaMhlongo umbuza ukuthi usakhumbula yini ebuza

uThamsanqa ngale ntombazana yakwaMakhunga ukuthi uyayazi yini? (Ikhasi lama-24) UNkumbulo ukhumbuza uThamsanqa indlela ahlina ngayo uPhindisiwe ngenkathi ebafica bemi esitolo bebobabili.

(Ikhasi lama-73) UThamsanqa ukhumbula ngosuku abashada ngalo noPhindisiwe. (Ikhasi le-101)

Isu lokubikezela:

Isibonelo: Iphupho elaphushwa uMaMhlongo laze labuya kabili lapho ayephupha khona uhlanya luqukula uZiphozonke luthi ingane

yalo layoziphonsa kwelikhulu ihlozi elengame isiziba sikamaminzela. Leli phupho lalichaza okwakuzokwenzeka phakathi kukaPhindisiwe noThamsanqa. (Ikhasi lama-57)

Uvuthondaba: Lesi isicongo sendaba. Yonke imibuzwana esuke idide umfundi iyaphenduleka. Ngabe uyaphumelela noma akaphumeleli umlingiswa ongummeleli / oyiqhawe emizamweni yakhe? Inkinga yomlingiswa oyiqhawekazi / iyaxazululeka. Isibonelo: Uvuthondaba ukuboshwa kukaPhindisiwe, uNkululeko, uSikela Sigodlo kanye noMaqoma emva kokuba betholakale bebamba inkunzi.

ISIPHETHO: Lapha indaba isuke isiphethwa. Lo mdlalo uphethwe ngebohlololo uPhindisiwe, uNkululeko, uSikela Sigodlo, uMaqoma bagcina ngokugwetshwa.

ISAKHIWANA

Siyindaba ephelele etholakala ngaphakathi endabeni enkulu. Abanye bangasifanisa nendaba emfishane etholakala kwinoveli ephelele. Le ndatshana kumele ibe nomlingiswa osemqoka. Idingida isigameko esisodwa. Okuye kuqapheleke ukuthi le ndatshana etholakala emdlalweni ayilandelani njalo ize iyofika ekugcineni. Kungenzeka-nje uthole indatshana ephelele isuka ekuqaleni ize

29

Page 30: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

iyofika ekugcineni. Okubalulekile kakhulu ukuthi isakhiwana lesi sinokuxhumana okukhulu nomlingiswa osemqoka. Angevele yena siqu sakhe kulesi sakhiwana kodwa kusuke kukhona ukuthinteka kwakhe ngandlela thile.

Isibonelo: Ukufika kukaNkululeko kwaMathonsi ezoxoxa ngodaba lukaPhindisiwe.

ULWAZI LWANGAPHAMBILI

Ulwazi lwangaphambili lungachazwa ngezindlela eziningana:

1. Indatshana etholakala ngaphambi kokuba indaba iqale:Kungaba indatshana engaqala ngasekuqaleni kwendaba. Le ndatshana abanye bayibiza ngesakhiwana ngoba kuba indatshana ecishe iphelele impela. Yiyo Kanye le ndatshana okumele umfundi ayiqondisise kahle ngaphambi kokuba afunde indaba yonke.

2. Umlando wombhali ongaba nomthelela embhalweni wakhe:Olunye uhlobo lolwazi lwangaphambili yilapho ubheka umlando wombhali. Umlando wombhali ungaba nomthelelo kwakubhalayo. Indawo akhulele kuyo, indlela azalwe ngayo kanye nomsebenzi awenzayo noma abewenza.

3. Izimo esezike zenzeka phambilini ezingalekelela ekukwazini ukuchaza isenzo somlingiswa asenzile.

4. Ingemuva / umlando womlingiswa: Isibonelo: UPhindisiwe uyisigebengu esidala lokhu sikuthola ngezinto eziningi aseke wazenza ngaphambilini kodwa wafihlela umyeni wakhe, njengokubulala ingane ngemoto, ukuba nezingane azizalela ekhaya njll.

5. Izinto esingazibona noma sizizwe ezingemuva kokunye:

ISIZINDA

Uma kuhlolisiswa isizinda kusuke kubhekwa izinto ezintathu. Okubaluleke kakhulu ngezingxenye zesizinda ukuthi zigqamisa izimpawu ezitholakala endabeni.

INDAWO: Uma sikhuluma ngendawo sibheka lapho umdlalo owenzeka khona. Kungaba indawo yasemakhaya, emadolobheni njll. Umdlalo wethu wenzeka endaweni yasedolobheni eGoli. Kukhona ibhange iForum lapho uPhindisiweathola ucingo esebenza khona. Umdlalo wethu ubuye wenzeke eMandleni Section, okuyilokishi. Kuleli lokishi kunendlela yakhona yokuphila. Umkhuba wobugebengu yinto eyenzeka kakhulu emadolobheni. Asithuki uma sithola uNkululeko

30

Page 31: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

enza ubugebengu ngoba efuna ukuphila. Kukhona nehhovisi lapho kwakusebenza khona uThamsanqa. Sibuye sithole indawo yaseZibuseni lapho kwakunenkantolo yemantshi. Yilapho kwagwetshwa khona oPhindisiwe, uNkululeko, noMaqoma njll.

INKATHI: Lapha sisuke sibheka ukuthi ngabe indaba yenzeka esikhathini sakudala noma sanamuhla. Lokhu kuthinta izinto ezisetshenziswayo. Indaba yenzeka esikhathini sanamuhla lapho abantu benza khona ubugebengu obuhleliwe baqole abanye abantu.

Isibonelo: UNkululeko wenza isitifiketi somshado kanye nesithombe somshado kokubili okuwumgunyathi ukuze aqole uThamsanqa, uPhindisiwe ngenxa yokugajwa izinkinga zezimali uncamela ukuntshontsha imali ebhange, kunenkantolo lapho kwakuthethwa khona amacala, kunabammeli abantu abaya kubo uma bengaboni kahle ezintweni ezithile njengoba kwenza uThamsanqa.

ISIMO SENHLALO: Lapha sibheka indlela okuhlaliswane ngayo okungaba imindeni, omakhelwane njll. Kulo mdlalo isimo asisihle kusukela ekuqaleni kuze kuyophetha indaba. Ekuqaleni kwendaba uNkululeko ushayela uPhindisiwe ucingo, uze amesabise amkhumbuze ngezivumelwano abazenza bebobabili. Lokhu kukapakela nasemzini wakhe uPhindisiwe ngenxa yale nkinga akusekuhle nasemshadweni wakhe ugcina usubhidlikile. Emndenini wakwaMathonsi kuhlale kuxoxwa ngale ndaba kaThamsanqa. Abazali bakaThamsanqa ibakhathaza kakhulu le ndaba. UThamsanqa uze axabane noNKululeko kubangwa ingane yakhe ayifunayo. Ngasekupheleni komdlalo sithola uPhindisiwe exolisa kuThamsanqa, uze athi abheke kahle izingane zakhe.

INDIKIMBA

Lapha kubhekwa umongo wendaba jikelele. Kusuke kufuneka ukuba umfundi akwazi ukubheka ukuthi indaba yonke ikhuluma ngani. Indikimba igaguleka ngegama elilodwa noma kube isigejana samagama, inqobo nje uma kuzovela umongo wonke wendaba ukusuka ekuqaleni kuze kube sekugcineni. Okunye okubalulekile ngendikimba ukuthi ingatholakala nasezakhiwaneni, ezitholakala ngaphakathi kwendaba ephelele, ngamanye amazwi izakhiwana ezitholakala endabeni nazo zinezindikimbana zazo. Ngakho-ke kungakuhle ukuthi abafundi bakwazi ukugagula izindikimba ezahlukahlukene bese beziyamanisa nezakhiwana.

o Indikimba yalo mdlalo ubugebengu / ukungathembeki. Isib, ubugebengu obenziwa uPhindisiwe ngoba efuna imali.

UMYALEZO

Umfundi kumele akwazi ukuhumusha umyalezo awubhekise ezingxenyeni ezikhethiweyo zethekisthi.

31

Page 32: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Isibonelo: Ubugebengu abubuyiseli. (UPhindisiwe kanye noNkululeko) Ikhiwane elihle ligcwala izibungu. (UPhindisiwe). Inde ingalo yomthetho (Ukuboshwa kukaNkululeko noPhindisiwe nabanye ababenza ubugebengu nabo)

UDWESHU

Luyini udweshu?

Ngodweshu kuqondwe ukungqubuzana phakathi kwabalingiswa ababili noma ngaphezulu kumbe kuyena yedwa. Udweshu silwehlukanisa kabili kanje olwangaphakathi nolwangaphandle.

Udweshu lwangaphakathi

Lapha kusuke kungqubuzana imicabango yomlingiswa edliwa umzwangedwa ngento ethile.

Udweshu lwangaphakathi siluthola kumlingiswa uMaMhlongo ngenkathi eshayela ucingo uThamsanqa kepha kutholakale ukuthi ucingo alubanjwa muntu. Lokhu kwamphatha kabi kakhulu. (Ikhasi lama-25)

Luyatholakala udweshu lwangaphakathi lapho uPhindisiwe ekhuluma yedwa ngenkathi ethi uzama ukubamba ucingo, uNkululeko wamane waluvala ngesankahlu. (Ikhasi lama-26)

UPhindisiwe uyacabanga ukuthi amtshele yini uThamsanqa ngenkinga abhekene nayo noma angamtsheli. Uphetha ngokuba abone kungcono ukuba angamtsheli. (Ikhasi lama-30)

Luyatholakala udweshu lwangaphakathi kumlingiswa onguThamsanqa ngesikhathi ecabanga indlela uPhindisiwe aseyiyona. Umbona esejikile okumenza acabange ukuthi ikhona into enkulu amfihlela yona. (Ikhasi lama-32)

QAPHELA:Lezi ezingenhla izibonelo nje ezimbalwa zodweshu lwangaphakathi. Lukhona nolunye udweshu lwangaphakathi kulo mdlalo. Ingcabha isisele kuthisha nabafundi-ke ukuba azikhiphele olunye udweshu lwangaphakathi.

Udweshu lwangaphandle

Udweshu lwangaphandle lutholakala phakathi kwabalingiswa uma bengaboni ngaso linye. Udweshu lwangaphandle lungaba phakathi kwabalingiswa ababili noma ngaphezulu.

32

Page 33: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Lo mdlalo uvula ngodweshu phakathi kukaNkululeko kanye noPhindisiswe. UNkululeko ufuna babuyelane umkhumbuza nangezivumelwano zabo. (Ikhasi lesi-9)

UNkululeko uxabana noMathonsi kanye noMaMhlongo ngenkathi ezobatshela ngezingane zakhe ezisiswe kuThamsanqa. (Ikhasi le-14)

UMathonsi (UThamsanqa) uxabana noPhindisiwe ngocingo olungena ebusuku angafuni ukulubamba. (Ikhasi lama-27) UNkululeko uxabana noMathonsi kanye noMaMhlongo ngenkathi ebuya okwesibili ezokhuluma indaba kaPhindisiwe.

(Ikhasi lama-40) UNkululeko uxabana noThamsanqa ngenkathi emfonela emtshela ngonkosikazi wakhe amthathile. Umtshela ukuthi

izinkomo amlobola ngazo ziyokhokhwa uyena. (Ikhasi 52) UThamsanqa uxabana noMakhangela ngenkathi eye kwakhe eyofuna izingane zakhe. UThamsanqa uze abatshele ukuthi

ufuna imali yakhe yelobolo. (Ikhasi lama-78)

QAPHELA:Lukhona nolunye udweshu lwangaphandle okuzodingeka ukuba umfundi azitholele lona. Okubalulekile ukuba lolu dweshu kumele luhambisane nokwenzeka encwadini.

ABALINGISWA

Abalingiswa yilabo bantu abasetshenziswa umbhali ukudlulisa imicabango yakhe endabeni. Abalingiswa abantu ababamba iqhaza elibalulekile endabeni. Kumele benze izinto ezikholekayo okungaba ukukhala, ukudinwa, ukuhleka njll.

Umbhali usebenzisa umlingiswa othile ukuba kube nguye othwala imicabango eminingi endabeni. Le micabango uyethula ngezenzo, ukucabanga kanye nokuxhumana nabanye. Lo mlingiswa uye abizwe ngeqhawe / ummeleli. Zonke izigigaba/izigameko/izehlakalo zehlela yena. Lo mlingiswa kumele asheshe avele endabeni. Uyaye ebe esezama ukwenza imizamo yokuxazulula leyo nkinga asuke abhekene nayo.

Umlingiswa ongummeleli / oyiqhawe: UPhindisiweKulo mdlalo umlingiswa oyiqhawe nguPhindisiwe. Nguyena esimthola enenkinga enkulu kulo mdlalo. Lokhu kuqala ngokungena kocingo olushaywa nguNkululeko.

UNkululeko utshela uPhindisiwe ukuba kumele babuyelane njengoba bake bathanda phambilini ngaphambi kokuba uNkululeko aboshwe. Uma uPhindisiwe engavumelani nalokho, uNkululeko umkhumbuza ukuba uphuma ejele nje kungenxa

33

Page 34: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

yakhe uPhindisiwe (Imfihlo yoku-1: uPhindisiwe washayisa ingane yashona kepha icala lathwalwa nguNkululeko). Uphinde amyalele ukuba kuzomele abuyise ingane yakhe eyasiselwa uThamsanqa, naye uThamsanqa akazi ukuthi le ngane (uZiphozonke) akusiyo eyakhe (imfihlo yesi-2)Zombili lezi zimfihlo yizona eziqukethe isisusa sodweshu.

UPhindisiwe ulwa nendlela yokuthi lezi zimfihlo zinganekelwa izwe. Konke lokhu kuhamba kuvele ngoba uNkululeko uya kuyisezala kaPhindisiwe uMathonsi ukuyofuna okungokwakhe okudukileyo. Indaba iphetha ngokuba uPhindisiwe angene esilingweni sokwenza ubugebengu. Bakhalelwa amasongo kaSigonyela bonke.

Umlingiswa oyimbangi: UNkululekoLona umlingiswa ophikisana nokuphumelela kommeleli / iqhawe. Umlingiswa oyimbangi kulo mdlalo uNkululeko. Uyena olwa nokuphumelela kommeleli. Lokhu kuchaphazela enhlalweni enhle phakathi kukaThamsanqa noPhindisiwe. Lo mlingiswa wenza ngazo zonke izindlela ukudunga ukuthula kulo mndeni.

UKULANDELANA KWEZIGAMEKO

Ukuxabana kukaNkululeko noPhindisiwe bebanga ukubuyelana. Umbango wezimfihlo phakathi kukaNkululeko noPhindisiwe okuyingane eyabulawa ngemoto kanye nengane ayisulela

kuThamsanqa okunguZiphozonke. UNkululeko ufuna okungokwakhe ngoshova kwaMathonsi baze bafune ukumshaya ngoba bethi uyadelela. UNkululeko ubuyela okwesibili kwaMathonsi nobufakazi-mbumbulu bokuthi ushadwe uPhindisiwe. UMathonsi uxabana noMaMhlongo babanga ukuthi akamshayeli ngani ucingo uThamsaqa ngokushesha ukuthi kukhona abantu

abakade bezomfuna. UThamsanqa ubanga noPhindisiwe ucingo olungaphendulwa uma elubamba yena. Ukuphendula kukaPhindisiwe ucingo maqede alubeke phansi uma kuqhamuka uThamsanqa. UPhindisiwe ukhwela uyadilika kumamezala wakhe uMaMhlongo ukhipha izimfihlo yena ebe ethi ukhuluma noNkululeko. UMathonsi uxabana noNkululeko uze ambuze ukuthi uzochwensa yini nanamuhla. UNkululeko uxabana noThamsanqa ocingweni babanga uPhindisiwe lona athi uNkululeko naye ungunkosikazi wakhe. Iphupho likaMaMhlongo elingoZiphozonke nohlanya. UThamsanqa ekwaMakhangela ethi ufuna izingane zakhe. Itulo lokuqola ibhangi likaNkululeko nayebambisene nabo.

QAPHELA: Zisengatholakala ezinye izigameko uthisha nabafundi bangazengeza.

34

Page 35: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

IZIGAMEKO EZIFIHLELWE UMLINGISWA OMKHULU

UThamsanqa ufihlelwe ukuthi uZiphozonke akuyona ingane yakhe. UMathonsi nomkakhe uMaMhlongo bafihlelwe ukuthi uPhindisiwe akakaze ashade noNkululeko.

QAPHELA: Uthisha nomfundi sebeyozitholela ezinye izigameko ezifihlelwe abalingiswa abathile.

IMILAYELO YOKWENZEKA ENKUNDLENI YOKUDLALELA

Ilapho umbhali enika iziqondiso ngendawo, isimo sabalingiswa kanye nesikhathi

IsiboneloInkundla yokuqala, isigcawu sokuqala umbhali usethulela indawo okuyibhange laseForum lapho sithola uPhindisiwe ngocingo alutholayo.

UMOYA NETHONIUmoya isimo sengqondo noma semizwa yomlingiswa. Kuphinde kusho isimo esivezwa amathekisthi abonwayo, azwakalayo, kanye nalawo asebenzisa izinhlobo eziningi zokuxhumana. Kuyavela kumagama nasemishweni noma enkulumeni yabalingiswa.

Ngokubanzi kulo mdlalo umoya awumuhle ngoba kunabalingiswa abanamanga, banezimfihlo zabo, banobugebengu ababuhlelayo ukuze baqole abanye. Kuba nosizi uPhindisiwe esexolisa kumyeni wakhe uThamsanqa ngenkathi esegwetshiwe.

Ithoni indlela inkulumo ebekeka ngayo. Kubhekwa amagama asetshenzisiwe, isimo asetshenziswe kuso kanye nendlela asetshenziswe ngayo.

Inkundla yokuqala. Isigcawu sokuqala uPhindisiwe uphendula ucingo ngesizotha ngoba ekhombisa inhlonipho yamakhasimende asebhange. (Ithoni yokuzithoba)UNkululeko uthi ikhanda likaPhindisiwe liqine liwusimende lizothamba. Lokhu kutshengisa ukucasuka, inkani nokwedelela. (Ithoni yokudinwa).

35

Page 36: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

QAPHELA: Ezinye izibonelo zomoya nethoni uthisha nabafundi bangazitholela bengeze.

-----------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------------

INOVELI:

IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI- : J.C.BUTHELEZI

IYINI INOVELI?

Amanoveli imibhalo yephrozi ebhalelwe ukufundwa futhi kukhulunywe ngawo kanye nokuzithokozisa. Ukuxoxa sakucabangela ngenoveli kungenza kube nelukuluku lokulangazelela ukufunda kabanzi, ukuthola abalingiswa ababalulekile, ukusetshenziswa kwamagama kanye nemifanekisomqondo ukugcizelela indikimba yenoveli.

Emva kokufunda inoveli kubalulekile ukuba kubhekwe ukuthi umbhali ulusebenzise kanjani ulimi ukuveza abalingiswa (ukuchaza abalingiswa) indlela abalingiswa abalingisa ngayo, isizinda (ulimi oluchazayo kanye nezigameko ezitholakala enovelini yonke.) Uxazulule imibono ethile lapho kudungeka khona, nokuveza izinkomba lapho inoveli iya khona.

Okungalekelela abafundi ukuqonda kabanzi ngenoveli: Isakhiwo (isethulo, udweshu, ukubhebhetheka kodweshu, uvuthondaba, ipholavuthondaba, isiphetho, ukujeqeza

emuva nokubikezela) kanye nesakhiwana. Ukuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda kanye neqhaza labalingiswa ekuthuthukiseni indikimba Umoya nengwijikhwebu Ukulandelana kwezigameko

36

Page 37: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

INDABA KAFUSHANE

Abafundi kubalulekile ukuba namaphuzu abazozenzela wona kuleyo noveli abayifundayo. Lawo maphuzu yiwona azobenza bakwazi ukukhumbula incwadi yonke ngesikhathi bephendula imibuzo yenoveli noma umdlalo.

Kungakuhle ukuba abafundi bawabhale phansi lawo maphuzu ephepheni lemibuzo ukwenzela ukuzikhumbuza.

ISAKHIWO

Isakhiwo senoveli siwukubumbeka kwendaba ukusuka ekuqaleni kuze kuyofika ekugcineni. Kubhekwa izingxenye ezintathu ezikhipha umbhalo ophelele. Lezi zingxenye kuba isethulo, umzimba kanye nesiphetho. Kufanele sizibuze ukuthi indaba yethu iqala kanjani (isingeniso) iqhubeka kanjani (umzimba) bese iphetha kanjani (isiphetho).

Amabanga esakhiwo:

o Isethulo Sethula umlingiswa osemqoka Sethula isisusa sodweshu Sethula isizinda ikakhulukazi indawo lapho indaba izogxila khona.

o Umzimba Ukubhebhetheka kodweshu Isixakaxaka Uvuthondaba.

o Isiphetho Kungaba khona ingwijikhwebu Kungaba khona upholavuthondaba

ISETHULO

Kwethulwa umlingiswa osemqoka noma omkhulu, isisusa sodweshu kanye nendawo lapho indaba kungenzeka igxile khona. Lolu dweshu olutholakala esethulweni yilo oludala uheho okwenza ofundayo anamathele encwadini njengenomfi ngoba efisa ukuthola ukuthi kuyogcinaphi futhi kanjani.

37

Page 38: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Isethulo sale noveli ethi, ‘Impi Yabomdabu IseThunjini’ umbhali usethulela umlingiswa omkhulu okunguBafana Ngubane esendaweni yaseMlazi. Inkinga yakhe yokucelwa umalume wakhe ngokuthi kumele athathe izingane zikadadewabo uLinono. Uzibona ephila impilo ehlukile kunaleyo ephilwa emakhaya eMpaphala. Lokhu kudalwa ukuthi yena uzibona efundile futhi ephila impilo yesimanje nephucuzekile. (Lokhu kungumphumela wemfundo eyayibizwa ngokuthi iBantu Education neColonisation)

Le mfundo ‘yeBantu Education” yayenzelwe khona ukuthi umuntu omnyama uma eseyizuzile azibone esengcono kunabanye abantu abangafundile. Iqhaza okufanele alibambe esizweni sakubo uBafana kanye nasemphakathini akasalazi.

Isisusa sodweshu sidalwa uCele osuka eMpaphala uzocela umshana wakhe uBafana Ngubane athathe izingane zikadadewabo uLinono okunguHlanganisani kanye no-Uzithelile okugcina kubaxabanisa. UBafana ushaya phansi ngonyawo, akasemukeli isicelo sikaCele. Lesi senzo sidala uheho kumfundi wenoveli. Ugcina esefuna ukwazi ukuthi yini ezolandela. Kuba khona nelukuluku lokufuna ukwazi ukuthi lezi zingane ezinqatshwayo zizogcina zenzenjani njengoba zinqatshwa umalume wazo okumele azikhulise nje. Kuso isethulo sibuye sethulelwe abalingiswa okungo-Uzithelile kanye noHlanganisani.

UMZIMBA

Emva kokunqaba kukaBafana ukuthatha izingane zikaLinono, uCele ubuyela emuva eMpaphala ngenduku yombangandlala.

UPoppie uxabana noBafana ngoba engafuni ukumtshela ukuthi umalume wakhe uCele ubezothini. UBafana uzithethelela ngokuthi ubengafuni ukuba umalume wakhe abone uPoppie egqoke izingubo ezithe ne emzimbeni zokuzivocovoca. UPoppie naye ushaya phansi ngonyawo ngokuthi akazifuni izingane zasemakhaya la emzini wakhe.

UPoppie baxabana nomyeni wakhe uBafana ngokuthi ubani okumele ayolekelela izingane ngomsebenzi wesikole. Okukhalisa uPoppie kakhulu ukuthi umyeni wakhe akaso isikhathi asichitha nezingane zakhe. Ayisaphathwa eyomndeni wakhe.

UPoppie akaboni ngaso linye noMathiloni Mngadi ngoba yena ebona isenzo sikaPoppie sokungamukeli izingane zikaLinono singafanelekile.

UBafana kuvela ubuze bakhe ngesikhathi exoxa noBen Martin owayefuna ukuyolekelela amasonto abantu abamnyama emalokishini afana njengoMlazi, KwaMashu, Lamontville kanye naseChesterville.

UBafana akathandi ukubizwa ngegama lesiZulu likaMbhabhadisi. Uqhoshela uBen ukuthi yena usonta esilungwini. Izingane zakhe zifunda ezikoleni zabelungu.

UMaXakushe owabe elekelela ekuhlanzeni indlu yakwaNgubane eMlazi usegcina eselekelela ekwenzeni umsebenzi wesikole elekelela izingane zikaBafana benoPoppie.

38

Page 39: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Uma isimo siya ngokushuba emzini kaBafana, uya kuDokotela uThathezakhe Mdlalose. UDokotela uyamtshela uBafana ukuthi baziphakamisa kakhulu.

UBafana uthola ucingo oluvela esikoleni lokuthi u-Euthenasia usentshontshe imoto kaMiss Hawkins. Imoto wayithatha waya eLindelani, Reserviour Hills kanye naseLa Lucia.

Kuphinde kuvele ukuthi u-Euthenasia ubenza ubuqili uma eposa imali kaMaXakushe. Wabe eposa imali engaphelele enye eseyikhwabanisile.

UPoppie uxabana noBafana ngemuva kokuba ethathe isinqumo sokuxosha uMaXakushe. U-Euthenasia uyeqa ulibhekisa eMpaphala. Bayamamukela bamhlabela imbuzi bamfaka isiphandla. Uthola negama elisha

elithi uVikizitha. UPoppie uxabana noHlanganisani ngenkathi emshayela ucingo efuna ukumtshela ukuthi umntwana wabo ukuphi.

Wagcina esemnikeza ithuba lokumlalela. Uthola lezi zindaba ezimthusayo. Ekubuyeleni ekhaya kukaVikizitha, bayaqala manje nabo oPoppie baba nothando lwabantwana babo. Izinkinga ziqala phansi uma uPoppie efuna ukuyokwenza iziqu zePhd (zobudokotela) UHlanganisani kanye no-UZithelile badla umhlanganiso kwezokugijima. Bashiya izingane zasemadolobheni okukhona

kuzo no-Euthenasia Izingane zikaLinono zifikela kwaPoppie ukuzomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni wokugijima. UPoppie ufikelwa

usathane wokubulala lezi zingane. Uyehluleka. Badlulela eGoli nakhona futhi bayanqoba U-UZithelile uthola umfundaze wokuyofunda eNyuvesi yaseMelika. Ukuxabana kuqala phansi emva kokuba uPoppie kanye noBafana bengasayi kwaDokotela uMdlalose. UBafana uyaphuma emzini wabo oseLa Lucia uyohlala emzini wabo oseMlazi. Lo ababehlala kuwo phambilini ngoba

ungakadayiseki. UPoppie uzama ukudala uxolo ngokuthi avakashele uBafana emsebenzi ukuba azomncenga abuyele ekhaya kepha lutho

olubaziwe akwenzekanga lokho. UBafana unikezwa izincwadi okuzomele azifunde ukuze ezothuthukisa ulwazi lwakhe. Uyehluleka ukuzifunda, kufika

uPoppie uyazithatha uhamba nazo ehlose ukuba amlandele kepha kunalokho uqoma ukuyeka umsebenzi. Ulibhekisa eNyukhasela. Lapha eNyukhasela wayaziwa ngoJohnny ozishaya inkinsela. Uthenga imoto kanokusho iLexus.

Ngenxa yokucwila kakhulu ezinkambeni zikaFaro udamane ehlaselwa ukugula. Lapha eNyukhasela uhlala nomasihlalisane wakhe ongumhlengikazi uMaMthunzi. UNkebelele isoka likaPrisca okuyingane kaMaMthunzi bathatha imoto kaBafana baya ngayo ebhayisikobho. Imoto

iyaginqika, iyaphela indaba yayo. UMgwazeni okungumfowabo kaPrisca owabe ehlala eGoli uyalela uJohhny ozishaya inkinsela ukuba asule icala uma

engafuni ukubona okuthile. UJohnny ubalekela kumngane wakhe kwaMashu ababefunda naye eManzimtoti okunguGetro Masuku.

39

Page 40: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

UPoppie uxabana no-Euthenasia ngoba wabe engafuni ukuba ayofunda eNyuvesi okufunda kuyo abantu abamnyama eNyuvesi yaKwaZulu. UPoppie akalifuni leli gama likaVikizitha. Uhlangana noHlanganisani, bayahamba bayafunda phesheya.

Babuyela eMpaphala oHlanganisani beno-Uzithelile, bayaqhubeka nokungalahli ikhehla elinguCele kanye noMaKhumalo. Imoto yethwasa uMaMsibi ayeyigeza ihlehlela emotweni yakwaSibeko umakhelwane yalimala. UMaMsibi uyamxosha uBafana uthi akabuyele ekhaya ayolungisa izindaba zakhe. UBafana ubuyela ekhaya eMpaphala, umndeni wakwaCele umemukela ngezandla ezimhlophe waze wamhlabisa. UPoppie uya eMpaphala elandwe uVikizitha benoHlanganisani ufica uBafana, umndeni wakwaCele wamamukela kahle

kakhulu.

Isu Lokujeqeza Emuvao Sithola uCele ecabanga ngenkathi lapho ethatha izingane zikadadewabo uQophitshe eyoshadela kwenye indawo.

Zazingondlekile kahle yikho azidabukela. Ukukhumbula konke lokhu kangangoba kumvusela izilonda.

Isu Lokubikezelao Sithola uCele ephimisa amazwi athi, “Lukhulu luyeza luyanyelela ngenkathi ecabanga ngendlela axoshwe ngayo uBafana

ngenkathi ethi akathathe izingane zikadadewabo uLinono”. Lokhu kwakubikezela ukuthi impilo kaBafana inobungozi yayingaphephile. Ngempela kwenzeka njengokusho kukaCele.

o Ngesikhathi esendleleni ebheke ekhaya esuka eMlazi ubona u-UZithelile elwa noKhanjana. U-Uzithelile uyintombaze kanti uKhanjana ungumfana. Konke lokhu kwenzeka lapha ekwaluseni. Lokhu kwakubikezela ukuthi u-Uzithelile ekukhuleni kwakhe uzolwela amalungelo abesifazane.

o UCele uthandazela u-Euthanasia exinwe iphika uze athi; “Vumelani abantwana beze kimi.” maqede alulame.

o U-Euthenasia ufisa ukuhlala naye uCele.Ekugcineni ubuyela eMphaphala uhlala naye uCele.

ISIPHETHO UMaMthimkhulu benoMbhabhadisi bahlala eMfangidelile base bethengisa umuzi oseLa Lucia. UBafana wenza izifundo zokuphathwa kwamapulazi wase esiza u-Uzithelile. UMaMthimkhulu naye uthola umsebenzi wokufundisa enyuvesi yakwaZulu.

40

Page 41: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

UMaMthimkhulu noMbhabhadisi benza iminikelo ebalulekile emikhankasweni ka-Uzithelile owayesephumelele ekufakeni abesifazane emafemini ebakhipha emakhishini.

QAPHELA: Uthisha nomfundi bangazitholela amanye amaphuzu esakhiwo ashaya emhlolweni kodwa asekelwe ngokusencwadini. Ngesikhathi sokuhlolwa bayakhunjuzwa abahlolwayo ukubhala ngezigaba HHAYI ngamaphuzu.

ISAKHIWANA

Siyindaba ephelele etholakala ngaphakathi endabeni enkulu. Abanye bangayifanisa nendaba emfushane etholakala kwinoveli ephelele. Le ndatshana kumele ibe nomlingiswa osemqoka. Idingida isigameko esisodwa. Okuye kuqapheleke ukuthi le ndatshana etholakala enovelini ayilandelani njalo ize iyofika ekugcineni.

Isibonelo:

Ukuya kukaPrisca ekolishi wabuya emuva kwezinyanga ezi-3 esekhulelwe (ikhasi le-201-203)

ULWAZI LWAPHAMBILINI

Ulwazi lwaphambilini lungachazwa ngezindlela eziningana.

Indatshana etholakala ngaphambi kokuthi indaba iqale.

Umlando wombhali ongaba nomthelela embhalweni wakhe.Isibonelo: Umbhali wale noveli ubenguthishanhloko futhi wagcina esefundisa eMelika. Lokhu sikuthola emlandweni wakhe, lapho sifunda ngezwe laseMelika afunde kulo. Yikho uma ebhala encwadini yakhe aveze ukuthi u-Uzithelile uthando lokusebenzela imiphakathi waluthola efunda phesheya.

Izimo esezike zenzeka phambilini ezingalekelela ekukwazini ukuchaza isenzo somlingiswa asenzile.Isibonelo:Ukungakhathaleli umndeni wakhe nokwesaba izinselelo zempilo kumnamathele uBafana utholakala ehlala ebaleka njalo uma ehlangana nezinkinga akalokothi azixazulule.

41

Page 42: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Ingemuva / umlando womlingiswa.Isibonelo:*Ukusebenza kukaMbhabhadisi enkampanini kwenza kwaba lula ukufundela ukuphathwa kwezamapulazi ukuzithuthukisa kwezemfundo kukaMaMthimkhulu kwenza kwaba lula ukuba ayofundisa enyuvesi.*UBafana uzalelwe emakhaya, wazalelwa ekhaya, wakhuliswa umalume wakhe uCele kodwa yena uyenqaba ukwamukela izingane zikadadewabo uLinono azitholele ekhaya.

Izinto esingazibona noma sizizwe ezingemuva kokunye.Isibonelo:Ukubalekelwa kwezinkinga uBafana osekufuzise indodana yakhe u-Euthenasia.

ISIZINDA

Okubalulekile kakhulu ngezingxenye zesizinda ukuthi zigqamisa izimpawu ezitholakala endabeni. Sithinta izinto ezintathu, okuyindawo, inkathi nesimo senhlalo.

IndawoUma sikhuluma ngendawo sibheka lapho inoveli yenzeka khona. Kungaba yindawo yasemakhaya noma edolobheni. Le noveli yenzeka endaweni yasemakhaya neyasemadolobheni. Iqala eThekwini eMlazi emzini kaNgubane okuyisedolobheni. Babuye bayohlala eLa Lucia okuyindawo yasedolobheni. UBafana ubuye ayohlala eMadadeni kwaMaMthunzi kanye naKwaMashu kwaMaMsibi okuyizindawo ezingamalokishi. Umbhali ubuye athinte indawo yasemakhaya eMpaphala eShowe. Abantu balapha baselusa, badiphe futhi balime njll. Sibuye sithole abanye abalingiswa u-Uzithelile noHlanganisani befunda eMelika endaweni eyidolobhakazi.

Isimo senhlaloLapha sibheka indlela abahlalisene ngayo abalingiswa.

Kule noveli isimo siqala singesihle emzini kaBafanao UBafana umxoshisa okwenja umalume wakhe emzini wakhe. o UBafana uhlala ngokuxabana benomkakhe uMaMthimkhulu.o Izingane zakhe azinayo inhlonipho. U-Euthenasia uze antshontshe imali kaMaXakushe.

Isimo asisihle emzini kaMaMthunzi

42

Page 43: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

o UMaMthunzi uxabana noBafana bebanga imoto eyayintshontshwe uPrisca kanye nesoka lakhe uNkebelele. o Indodana kaMaMthunzi uMgwazeni ize imsabise ngokuthi akahambe asule icala.

Isimo asisihle emzini kaMaMsibio UMaMsibi nomakhelwane uSibeko abahlalisene kahle emva kokuba uBafana eshayise imoto yakhona engumesedisi.

Isimo sihle emzini kaCeleo Yize babehlupheka babebambiseneo Izangane zikaLinono o-Uzithelile noHlanganisani bafunda kahle esikoleni, benza nemisebenzi yasekhaya ngokukhulu

ukukhuthala.

Isimo senhlalo sibuye sibuyele kwesejwayelekile o Ngenkathi uBafana benoMaMthimkhulu bebuyela eMpaphala. o Umndeni uyabuyisana bese kuba nedili eliphezulu.o UBafana noMaMthimkhulu bayaxolisa. o Bayaxolelwa ngezenzo zabo ezimbi.

InkathiLapha sisuke sibheka ukuthi ngabe indaba yenzeka esikhathini sakudala noma esanamuhla / samanje. Lokhu kuthinta izinto ezisetshenziswayo njengezimoto, izikole ezixube izinhlanga njll. Le ndaba yenzeka ngesikhathi lapho kunezinguquko eziningi kwezombusazwe kanye nendlela abantu abaphila ngayo. UNgubane uphila impilo ephucuzekile uhamba ngezimoto ezibizayo. Izingane zikaBafana zifunda ezikoleni zabeLungu kanti nabo basonta nabelungu.

QAPHELA: Maningi amaphuzu esingawathola ngaphansi kwesizinda. Uthisha nabafundi bangazitholela basekele ngokusencwadini

INDIKIMBA

Ingumongo wendaba jikelele. Indikimba yale noveli kungaba imfundo nemfundiso / ubuntu/ ukuqeda indlala noma ububha/ Ubuqhawekazi namandla abesifazane emiphakathini/ ukulahlwa kwamasiko abomdabu/ impilo yobuqhingi.

43

Page 44: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

IMIYALEZO

Abafundi kumele baqonde ukuthi umyalezo ungahlukana kabili.

Ohambisana nencwadi yonke. Oyamaniswa nabalingiswa abathize.

Isibonelo somyalezo Uma usufundile ungakhohlwa imvelaphi yakho. (UBafana) Ukubekezela kuzala impumelelo. (U-Uzithelile, Hlanganisani) Umuntu ngumuntu ngabantu. Iinoveli yonke)

QAPHELA: Kungezeka kube neminye imiyalezo ayisekelwe ngokwencwadi

UDWESHU

Ukungqubuzana phakathi kwabalingiswa ababili noma ngaphezulu kumbe kuyena umlingiswa oyedwa. Udweshu luhlukaniseke kabili, olwangaphandle nolwangaphakathi.

Udweshu lwangaphakathi:

Lapha kusuke kungqubuzana imicabango umlingiswa edliwa umzwangedwa ngento ethile Sithola uCele ezibuza eziphendula ukuthi umfana kadadewabo lona osengamxoshisa okwenja? Simthola uNgubane ecabanga ngenkathi kuthiwa u-Euthenasia untshontshe imoto kathisha wakhe.

Wacabanga ukuthinta abameli bakhe kodwa wazikhuza. (Ikhasi 115). Sithola uNgubane enodweshu lwangaphakathi ngenkathi ekwaMsibi akazi ukuthi kumele enzenjani ukuze

akwazi ukukhokhela i-Mercedez yakwamakhelwane, ukukhokhela iLexus kanye nezinye izikweletu. (Ikhasi 276).

QAPHELA: Lukhona nolunye udweshu lwangaphakathi kule noveli, uthisha nomfundi mabazibhekele ezinye izibonelo.

Udweshu Lwangaphandle:

Lapha kusuke kungqubuzana abalingiswa ababili noma ngaphezulu. Bangaqophisana ngamazwi kwesinye isikhathi

44

Page 45: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

balimazane kumbe kugcine ngokuthi omunye ashone. Izibonelo:

Le noveli ivula ngodweshu phakathi kukaCele noBafana (Ikhasi loku-1) U-Uzithelile ushaya uKhanjana ngenkathi belusile. (Ikhasi lama-31) UPoppie uxabana noBafana babanga ukuthi uBafana akafuni ukumtshela obekuzelwe umalume wakhe uCele. (Ikhasi lama-

48) UPoppie uxabana noBafana babanga ukuthi ubani ozosiza izingane ngomsebenzi wesikole. (Ikhasi lama-54) UPoppie uxabana noMethiloni Mngadi babanga ukuthi uPoppie kufanele athathe izingane zikaLinono. (Ikhasi lama-64) UBafana uxabana noBen Martin owayefuna ukusiza abantu abamnyama emabandleni aseMlazi, KwaMashu, Chesterville

naseLamontville. (Ikhasi lama- 72) UBafana uxabana noPoppie ngenkathi embikela ngesenzo sika-Euthenasia sokuntshontsha imali kaMaXakushe. (Ikhasi

125) UPoppie uxabana noMaXakushe uthatha isinqumo sokumxosha. (Ikhasi lama-127)

QAPHELA: Lukhona nolunye udweshu lwangaphandle kule noveli, uthisha nomfundi mabazibhekele ezinye izibonelo

UKULANDELANA KWEZIGAMEKO

Ukufika kukaNjini Cele emzini kaBafana eMlazi esuka eMpaphala. Ukungemukeleki kukaCele emzini kaBafana ngoba engalishayanga iphoyinti. UBafana uyawuchitha umbono kaNjini unqaba uyaphetha ukwamukela izingane zikaLinono. U-Uzithelile uyazivikela ekugcwanekweni uKhanjana ongumfana elusa naye ngokumthela induku amehlule. UPoppie wenqaba ukuthatha izingane zikaLinono noma uMathiloni Mngadi emyala. Ukufika kukaBen Martin kwaJeffrey, Wilson & Sons efisa ukusiza abantu abamnyama ethembe ukuxhunyaniswa nabo

nguBafana uyadumala lapho emtshela emehlweni ukuthi yena akahlanganise lutho nabantu baselokishihi yena usonta nabelungu.

UBafana uthethisa u-Euthenisia ngokuntshontsha imali kaMaXakushe nemoto kaMiss Hawkins. UBafana ukhuluma noPoppie ngodaba lokwebiwa kwemali kaMaXakushe u-Euthenisia. UPoppie uxabana noMaXakushe ngokumeqa axoxele uBafana udaba lokwebiwa kwemali yakhe u-Euthanisia aphethe

ngokumxosha. U-Euthenisia uyeqa eMlazi alibangise eMpaphala kwamkhulu wakhe uCele afike amukelwe ngezandla ezimhlophe aze

ahlatshiswe imbuzi, athelwe ngenyongo afakwe nesiphandla. Iqala phansi ingxabano phakathi kukaPoppie noBafana eLa Lucia uma esefuna ukwenza iziqu zePhd engafuni uBafana. UBafana uxabana noPoppie ngodaba lwemoto ayithengele izingane ngaphandle kokuvumelana.

45

Page 46: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

UBafana uxabana noMaMthunzi ngokwebiwa nokulinyazwa kwemoto yakhe uPrisca noNkebelele. UMgwazeni ukhwela uyadilika kuNgubane ngokulimala kukadadewabo uPrisca umdonsa ngendlebe ukuba esule icala

lokuthathwa kwemoto yakhe ngaphandle kwemvume uma engakwenzi lokho uzombulala. UBafana ubalekela kuGetro Masuku kwaMashu ababefunda naye eManzimtoti. UBafana uxabana noMaMsibi ngenxa yobudedengu bukaBafana obuholele ekulimaleni kwemoto kaSibeko.

ABALINGISWA:

Abalingiswa abantu ababamba iqhaza elibalulekile endabeni ngoba badlulisa imibono noma imicabango yombhali. Kuba khona umlingiswa indaba eyakhelwa phezu kwakhe. Zonke izigigaba / izigameko zehlela yena. Uyena obhekana nezinkinga. Lo mlingiswa kufanele sisheshe simthole noma sethulelwe yena. Uma singamkhipha endabeni, indaba ngeke ikwazi ukuqhubeka. Lo mlingiswa simbiza ngokuthi umlingiswa ngqangi / omkhulu.

Umlingiswa omkhulu/ngqangi:

Kule noveli umlingiswa omkhulu/ngqangi uJohn Mbhabhadisi Ngubane. Nguyena esimthola ebhekene nezinkinga ezinkulu kule ndaba. Simthola elahlekelwa imvelaphi yakhe. Uchithekelwa umndeni wakhe uhamba ehlala emzini yabantu.

QAPHELA: Umfundi angaveza nokunye okuqinisekisa ukuthi kungani uMbhabhadisi engumlingiswa osemqoka.

ABALINGISWA ABABALULEKILELaba abalingiswa esingathi uma sibakhipha inoveli ingakwazi ukuqhubeka.Isibonelo: UNjini Cele, uMaMthimkhulu, uHlanganisani, u-Uzithelile, u-Euthenasia, uMelody njll.

ABALINGISWA ABANCANELaba ngabalingiswa esingathi sibakhipha enovelini ikwazi ukuqhubekaIsibonelo: UMathiloni Mkhize, UMaMsibi njll.

UMLINGISWA OYINDILINGA:

Lona umlingiswa oshintshashintshayo endabeni.

46

Page 47: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Kule noveli sithola uBafana engumlingiswa oyindilinga ngoba ekuqaleni wanqaba ukuthatha izingane zikaLinono kodwa ekugcineni wabuyela ekhaya eMpaphala lapho afika wazehlisa khona wacela uxolo.

UKUVEZWA KWABALINGISWA:

Abalingiswa bangavezwa abanye abalingiswa. Isibonelo: Sithola uCele ekhuluma nomkakhe uMaKhumalo ngoBafana umveza njengomuntu oyinkubela ongakwazi ukuyibamba impi yobubi futhi akasona isibani kanye nesifundiswa.

Bangaziveza bona ngezenzo zabo. Isibonelo:

i. UBafana Ngubane: *Ungumlingiswa ongenanhlonipho. Lokhu sikuthola ngenkathi exosha umalume wakhe uCele ngenkathi ezocelela izingane zikaLinono.*Ungumlingiswa ozithwalayo – ethi kuBen yena usonta kobelungu nezingane zakhe zifunda kobelungu.*Akakwazi ukubhekana nezinkinga zomndeni – Simthola ebaleka kwakhe emva kokuxabana nomkakhe uPoppie.

ii. UPoppie / UMaMthimkhulu:*Ungumlingiswa ongenanhlonipho - ngenkathi ekhuluma noHlanganisani ocingweni ethi makasheshe asho akufonelayo.

- UPoppie indlela aphendula ngayo umyeni wakhe uBafana.*Ungumlingiswa ozithwele – ukuveza ngenkathi ekhuluma noBafana emtshela ukuthi ubufamu ngeke abukhipha kuye emva kweminyaka bashada.

iii. UNjini Cele:*Ungumlingiswa oyikholwa – ngenkathi ebuya eMlazi waqala ngokuthandaza ngaphambi kokuba abikele uMaKhumalo ngohambo lwakhe.*Ungumlingiswa onobubele – Simthola ethatha izingane zomshana wakhe zizohlala naye kwakhe. Simthola emukela uBafana eMpaphala kodwa yena wayemxoshile eMlazi.

Iv. U-Uzithelile:*Ungumlingiswa onolaka - Simthola eshaya uKhanjana ekwaluseni.*Ungumlingiswa onentshisekelo yokuletha intuthuko emphakathini - Simthola ehamba esiza abantu bomphakathi.*Ungumlingiswa ohlakaniphile - Simbona ethola umfundaze wokuyofunda eMelika.

47

Page 48: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

Bangaqanjwa amagama ahambisana nezenzo zabo. Isibonelo: UBafana simthola enzisa okomfana omncane. Simthola ehamba ehlala ekipita nabantu besifazane.

Indlela abagqoka ngayo. Isibonelo: UBafana ngendlela ayegqoke ngayo ngenkathi eyobonana nomnumzane Ben Martin, kwakutshengisa ukuthi ungumuntu ozithandayo nangendlela ayecole ngayo izinzipho namasokisi ayewagqokile.

QAPHELA: Umfundi angaveza okunye okuqinisekisa ukuthi umlingiswa uvezwe kanjani asekele ngokutholakala encwadini

ISIBONELO SOKUSETHWA KOMBUZO OMFUSHANE: UBHUKU LWAMANQE

(Kusebhange iForum. UPhindisiwe uqeda kungena ehhovisi lakhe ebuya ekudleni kwasemini. Kukhale ucingo.)

PHINDISIWE: Ngingakusiza? Kubuza uPhindisiwe ngezwi eliphansi.

NKULULEKO: (Izwi elihoshozayo) Bengisacela ukhuluma noPhindisiwe.

PHINDISILE: Uyena okhulumayo. Ngingakusiza?

NKULULEKO: (Engapholisi maseko) Kuseyimina futhi sthandwa sami.

PHINDISIWE: (Ebabaza) Waze wayiphela endlebeni Nkululeko. Ngakutshela ukuthi okwakusihlanganisile sekwashabalala njengamazolo ebona ilanga. Ufunani manje?

NKULULEKO: (Umoya uthi ukuphakama.) Wakusho kalula lokho. Usukhohliwe yizimfihlo engizaziyo ngawe? Uyabona-ke Phindisiwe njengoba ikhanda lakho liqine liwusimende lizothamba.

PHINDISIWE: Lithanjiswe yini? Angithi kawufuni ukuzwa uma ngikutshela? Sengikhathele yile ndlela.

NKULULEKO: Imali ebengikondla ngayo, isikhathi engisichithile ngawe, ikusasa lami-ke, konke lokhu uthini ngakho?

48

Page 49: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

PHINDISIWE: Mamo! Yishwa lami phela leli, uyayazi imihlola kaMakhangela yilena ongitshela yona manje. Insumansumane uqobo lwayo. Uyajabula ngokukhala ngesikhathi, esami sona?

NKULULEKO: Ukukhwela phezu kwendlu njengenja angeke kukusize, ukwazi kahle engikhuluma ngakho.

PHINDISIWE: Kwamina ungichithele isikhathi ngeze leze. Sengikhathele, kade ngikhuluma nawe kepha kubonakala ukuthi ngithela amanzi emhlane wedada nje. Uzongipiklela ngesikhathi, siphi sona?

NKULULEKO: Kuhle uma kunjalo. Ulibambe lingashoni. Usukhohliwe yiminyaka emithathu engiyichithe ejele ngibhecwe ngobende ngingaludlanga. Ngilahlekelwe yikhona konke ngenxa yakho. Manje usuyangipiklela?

IMIBUZO

1. Shono isizathu esibangele ukuthi uNkululeko ashayele uPhindisiwe ucingo. (Osobala- Literal) (1)

2. Chaza kafushane umehluko womuzwa ovezwa uNkululeko Kanye nalowo ovezwa uPhindisiwe enkulumeni yabo ekulesi siqeshana. (Ukulungisa kabusha - Re-ogarnising) (3)

………………………………………………………………………………………………….

3. Umlingiswa onguPhindisiwe uma ethi umlingiswa onguNkululeko umtshela insumansumane uchaza ukuthi umtshela……. (Ukucabangela – Inference) (1)

Khetha impendulo enembayo kulezi ezilandelayo.

A into ebuhlungu

B into engakholeki

C into ekholekayo

49

Page 50: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

D into ehlukumezayo

4. Ukusetshenziswa kwesimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile kukulekelele kanjani ekuqondeni kwakho lesi siqeshana? (Ukucabangela – Inference) (3)

…………………………………………………………………………………………………..

5. Phawula ngomlayezo owutholile emva kokufuna lesi siqeshana (Ukuncoma – Appreciation) (2)

[10]

IZIMPENDULO

1. Yingoba ufuna ukuthi babuyelane benoPhindisiwe.√ (1)2. Umehluko owemizwa engafani evezwa yizinkulumo zabo.√ uNkululeko uveza umuzwa wothando uncenga uPhindisiwe

ukuthi babuyelane uze umbiza ngesthandwa sakhe, √ kanti uPhindisiwe uveza umuzwa wokucasuka nokungamthandi uNkululeko uze uthi uyiphela endlebeni. √ (3)

3. B.√ (1)4. Singilekelele ukuthi ngiqonde ukuthi uNkululeko waboshelwa icala angalenzanga iminyaka emithathu√ngoba evikela

uPhindisile.√yingakho emsongela ethi alibambe lingashoni ngoba ucasulwa ukuthi useyampiklela. √ (3) 5. Umyalezo engiwutholile owokuthi ungabomthemba umuntu.√ uNkululeko wathwala icala engenzanga lutho ngoba ethanda

uPhindisiwe kodwa uPhindisiwe ekugcineni useyamjikela. √ (2) [10]

Umbuzo Omude Womdlalo

Hlaziya/Phawula/Xoxa ngesakhiwo salo mdlalo othi, ‘Ubhuku Lwamanqe’ Impendulo yakho mayibe ubude obuphakathi kwamagama angama-340 kuya kwangama-390.

- Makuchazwe isethulo somdlalo.- Makuchazwe umzimba.- Makuchazwe isiphetho.

50

Page 51: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

- Makusekelwe ibanga nebanga ngokwenzeka endabeni.

ISIBONELO SOKUSETHWA KOMBUZO OMFUSHANE: IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI

Mbhabhadisi John Bafana Ngubane, mshana wami engimthandayo nengimkhonzile, ngivulele ngingene ngoba ngihamba ngodaba olukhulu oluthinta udadewenu uLinono kanye nezingane zabo u-Uzithelile kanye noHlanganisani. Mbovu, Somahashi, Ngogo zabantu owakwenu uLinono wona ngokuzalela izingane ekhaya. Kodwa umuntu akalahlwa. Nathi masingamlahli.”“Cha malume Ndosi angimlahli owakwethu uLinono. Nguyena owazilahla mhla evuma ukudonselwa esikhotheni ngosikhotheni babafana ukuze bamnukubeze bese bemshiya nezingane ezimbili ezingenababa nendawo yokuhlala. Manje izingane ziyahlupheka zingondingasithebeni uqobo ababonakala nasebusweni ngokuboqoka ukuthi abanamuva abanaphambili. Phela siyazona izingane ngokuzifunela indawo yokuhlala kanti ngesikhathi zona zizitika kwanjabulo-ngise sisuke singekho.” Washo uBafana wabheka iwashi lakhe ngokucasuka.”

1. Nikeza OKUKODWA okudalulwe esiqeshini okutshengisa ukuthi izingane zika Linono zazingondlekile kahle. (Osobala- Literal) (1)

2. Chaza kafushane imbangela yokuthi uBafana enqabe ukwamukela abashana bakhe emzini wakhe ngokwalesi siqeshana. (Ukulungisa kabusha - Re-ogarnising) (3)…………………………………………………………………………………….......

3. Yamanisa inkulumo kabafana ekulesi siqeshana kanye namagama abhalwe ngokugqamile esiqeshini. (Ukulungisa kabusha - Re-ogarnising) (2)

4. Ucabanga ukuthi isenzo sikaCele sokuthopha uBafana ngezithakazelo simveza njengomlingiswa onjani? Sekela impendulo yakho. (Ukulungisa kabusha - Re-ogarnising) (2)………………………………………………………………………………………….

5. Kungabe isenzo sikaBafana sokunqaba ukwamukela isicelo sikamalume wakhe samukelekile yini kuwena? Sekela impendulo yakho. (Ukuhlolisisa – Evaluation) (2)

IZIMPENDULO

51

Page 52: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

1. Zibonakala ebusweni ngokuboqoka. √ (1)2. Yingoba ukholelwa ukuthi uLinono wazenza yena ukuzalela izingane

ekhaya. √ ngokuvumela oskhotheni bamnukubezele esikhotheni, bese bemshiya nezingane ezimbili. √√ (3) 3. UBafana uyenqaba ukwamukela izingane zikadadewabo√ lokho kuyamana nesenzo esibhalwe ngamagama agqamile

sokubuka iwashi lakhe ngokucasuka esikhombisa ukuthi iyamdina le nkulumo futhi imchithela isikhathi. √ (2) 4. Simveza njengomlingiswa ozehlisayo futhi ozithobayo ngoba utshengisa ukumncenga umshana wakhe yize emdala

kunaye. √√ (2)5. Asamukelekile ngoba utshengisa ukungabi nobuntu kanye nozwelo uthatha icala likaLinono ulibeka ezinganeni

ezingenacala/ wonke umuntu uyawenza amaphutha. √√

Noma

Samukelekile ngoba kungumthwalo womzali ukuba ondle izingane zakhe kwakungebona ubulungiswa ukuthi uBafana athweswe umthwalo okungewona owakhe. √√ (2) [10]

52

Page 53: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

53

Page 54: I · Web viewUkuvezwa kwabalingiswa Umsebenzi womlandi Imiyalezo kanye nendikimba Ulwazi lwangaphambili kanye nesizinda- ubudlelwane nabalingiswa nendikimba. Okwenzeka endabeni, isizinda

54