ubani olalelayo - jw.orgdownload.jw.org/files/media_magazines/38/wp_zu_20120701.pdfkha izinto zonke...

Download UBANI OLALELAYO - JW.ORGdownload.jw.org/files/media_magazines/38/wp_ZU_20120701.pdfkha izinto zonke uNkulunkulu.” (Hebheru 3:4) Ingabe uyavumelana nala mazwi? Mhlawumbe umaucabangangendlelaindawoyonkeehleleke

If you can't read please download the document

Upload: vonhan

Post on 12-Mar-2018

1.200 views

Category:

Documents


176 download

TRANSCRIPT

  • 34567JULY 1, 2012

    UBANIOLALELAYOLapho Uthandaza?

  • INJONGO YALO MAGAZINI, INqabayokulinda, iwukudumisa uJehova uNkulunkulu, uMbusi Ophakeme wendawo yonke.Njengoba nje izinqaba zokulinda zezikhathi zasendulo zazisiza umuntu ukuba akwazi ukubona izinto ezenzekayoekude, ngokufanayo lo magazini usibonisa lokho okushiwo izenzakalo zezwe ngokuvumelana neziprofetho zeBhayibheli.Ududuza abantu ngezindaba ezinhle zokuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu, owuhulumeni wangempela osezulwini,uzoqeda bonke ububi futhi uguqule umhlaba ube yipharadesi. Ukhuthaza ukuba nokholo kuJesu Kristu, owafa ukuzesithole ukuphila okuphakade futhi osebusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Lo magazini ubulokhu unyatheliswaoFakazi BakaJehova kusukela ngo-1879 futhi awuthathi hlangothi kwezombangazwe. Unamathela eBhayibhelininjengegunya lawo.Lo magazini awuthengiswa. Uyingxenye yomsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke osekelwa ngeminikelo yokuzithandela. Ngaphandlekwalapho kuboniswe ngenye indlela, izingcaphuno zemiBhalo zithathwe kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yolimi lwanamuhla.

    34567Isilinganiso Esinyatheliswa Isikhathi Ngasinye:42 182 000 NGEZILIMI EZINGU-195

    JULY 1, 2012

    IZIHLOKO EZISEKELWE ESEMBOZWENI

    3 Ingabe Ukhona Olalela Imithandazo?

    4 Ubani UMuzwi Womthandazo?

    6 Kungani UMuzwi Womthandazo EvumelaUkuhlupheka?

    8 Sondela KuMuzwi Womthandazo

    EZIPHUMA NJALO11 Ingabe Bewazi?

    12 IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

    16 Fundiswa YiZwi LikaNkulunkuluZisithinta Kanjani Izidalwa Zomoya?

    18 Sondela KuNkulunkuluUma UNkulunkulu Ethethelela, Ingabe Uyakhohlwa?

    23 Lingisa Ukholo LwaboLapho Uya Khona Ngizoya Khona Nami

    29 Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini. . .Kungani UNkulunkulu Ayefuna Abakhulekeli BakheBashade Kuphela Namakholwa Abakanye Nawo?

    30 EzentshaUNkulunkulu Ozonda Ukungabi Nabulungisa

    EZINYE EZIKULO MAGAZINI19 Noma Nini Lapho Nithandaza, Anothi, Baba

  • Ngangivame ukungabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona. No-kho, ngezinye izikhathi ngangithandaza. Ngangingaqinisekiukuthi ukhona yini olalele, kodwa uma ngikhuluma iqinisonganginethemba lokuthi ukhona. Ngangingajabule futhingingenayo injongo ekuphileni. Ngangesaba ukukholelwakuNkulunkulu ngoba ngicabanga ukuthi kungokwabantuabangakwazi ukuzimela.UPATRICIA, E-IRELAND.

    KWAKE kwenzeka yini nawe wazizwa njengoPatricia?Ingabe uyathandaza nakuba ungaqiniseki ukuthi uNku-lunkulu ukhona? Uma kunjalo, awuwedwa. Nazi izibonelo.

    Ucwaningo olwenziwa kubantu abangu-2 200 baseBri-thani luye lwembula ukuthi amaphesenti angu-22 kuphelaakholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu owadala umhlabanolalela imithandazo. Nokho, kulabo bantu, abangama-phesenti angu-55 bayathandaza okungenani ngezikhathiezithile.

    Ucwaningo olwenziwa kubantu abangu-10 000 ema-zwekazini amane lwabonisa ukuthi kulabo abathi bakhole-lwa ukuthi akekho uNkulunkulu, cishe abangamaphesentiangu-30 bayathandaza.

    Kungani Bengabaza?Indoda yaseNgilandi, u-Allan, ithi: Ngangivame uku-

    thi angikholelwa kuNkulunkulu ngoba ngicabanga ukuthiinkolo yasungulelwa ukulawula abantu nokwenza imali.Futhi ngangithi noma ngabe kuthiwa ukhona uNkulunku-lu, bekungeke kube khona ukungabi nabulungisa okunga-ka. Nokho, ngezinye izikhathi ngangihlala buthule besengikhuluma nokuthile engingakwazi. Ngangibuye ngizi-buze Ngadalwa ubani?

    Wonke umuntu ozizwa ngale ndlela unezakhe iziza-thu zokungabaza ukuthi iyaphendulwa yini imithandazo.Ezimweni eziningi, ukungabaza kungabangelwa imibuzoengaphenduliwe, njengalena:

    Ingabe ukhona uMdali? Kungani inkolo ivame ukuba yimbangela yobubi? Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?Uma ungathola izimpendulo zale mibuzo, ingabe ubuyo-

    thembela kakhudlwana emthandazweni?

    Amanye amagama kulolu chungechunge lwezihloko ashintshiwe.

    Ingabe Ukhona Olalela Imithandazo?

    INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012 3

  • 4

    UMA EKHONA uMuzwi womthandazo, kune-ngqondo ukuphetha ngokuthi unguMdali.Ukhona yini ongafunda imicabango yakho nga-phandle kwaLowo owadala ingqondo? Ubaniongalalela imithandazo yabantu futhi abasizengalokho abakudingayo? Kodwa ungase uzi-buze, Kunengqondo yini ukukholelwa kuMda-li?

    Abantu abaningi bacabanga ukuthi umaukholelwa kuMdali kufanele uphike ubufakazibesayensi yanamuhla. Kodwa umbono wokuthiukukholelwa kuNkulunkulu kuyangqubuzananesayensi awulona iqiniso. Hlola nazi izibonelo.

    Ucwaningo lwamuva loprofesa besayensiabangu-1 646 emanyuvesi aphambili angu-21e-United States, luthole ukuthi oyedwa kwaba-thathu ukhetha amazwi athi Angikholelwa ku-Nkulunkulu ukuze achaze umbono wakhe.

    Iqiniso liwukuthi ososayensi abaningi baya-kholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.

    Ubufakazi Bokuthi UMdali UkhonaIngabe kufanele sikwamukele ngaphandle ko-

    bufakazi ukuthi ukhona uMuzwi womthanda-zo? Lutho neze. Umbono wokuthi ukholo lu-sho ukukholelwa entweni ethile ngaphandlekobufakazi awulona iqiniso. IBhayibheli licha-za ukholo ngokuthi ukuboniswa okusobalakwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonaka-li. (Hebheru 11:1) Enye inguqulo ithi ukhololusiqinisekisa ngezinto ezingokoqobo esingazi-boni. (The New English Bible) Ngokwesibonelo,ngeke wawabona amaza omsakazo, kodwa uma-khalekhukhwini wakho ubonisa ngokucacileukuthi akhona la maza angabonakali adluliselaamazwi; yingakho ukwamukela ukuthi akhona.Ngokufanayo, nakuba singenakumbona uMu-zwi womthandazo, singahlola ubufakazi obu-tholakalayo obungasiqinisekisa ukuthi ukhona.

    Singabutholaphi ubufakazi bokuthi uNkulu-nkulu ukhona? Kudingeka nje sibheke indawo

    Ubani UMuzwi Womthandazo?

    34567Ungathanda yini ukuthola ukwaziswa okwenge-ziwe noma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibhe-li sasekhaya samahhala? Sicela uthumele isicelosakho koFakazi BakaJehova, usebenzisa la makhe-li angezansi. For a complete list of addresses, seewww.watchtower.org/address.

    America, United States of: 25 Columbia Heights, Brook-lyn, NY 11201-2483. Australia: PO Box 280, Ingleburn,NSW 1890. Britain: The Ridgeway, London NW7 1RN.Canada: PO Box 4100, Georgetown, ON L7G 4Y4. Germa-ny: 65617 Selters. Japan: 4-7-1 Nakashinden, Ebina City,Kanagawa-Pref. 243-0496. Kenya: PO Box 21290, Nairobi00505. Malawi: PO Box 30749, Lilongwe 3. Mozambique:PO Box 2600,1100 Maputo. Nigeria: PMB 1090, Benin City300001, Edo State. South Africa: Private Bag X2067, Kru-gersdorp,1740. Zambia: PO Box 33459,10101 Lusaka. Zim-babwe: Private Bag WG-5001, Westgate.

    The Watchtower (ISSN 0043-1087) is published semi-monthly by Watchtower Bible and Tract Society of NewYork, Inc.; L. Weaver, Jr., President; G. F. Simonis, Secretary-Treasurer; 25 Columbia Heights, Brooklyn, NY 11201-2483.Printed in South Africa by Watch Tower Bible and Tract So-ciety, 1 Robert Broom Drive East, Rangeview, Krugersdorp,1739. 2012 Watch Tower Bible and Tract Society of Penn-sylvania. All rights reserved.

    Vol. 133, No. 13 Semimonthly (ISSN 0019-0241) ZULU

  • esizungezile. IBhayibheli lithi: Yebo, yileyo na-leyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owa-kha izinto zonke uNkulunkulu. (Hebheru 3:4)Ingabe uyavumelana nala mazwi? Mhlawumbeumaucabanga ngendlela indawoyonke ehlelekengayo, umsuka wokuphila noma ukwakhekakwento eyinkimbinkimbiukuzedlula zonke em-hlabeni, ingqondo yomuntu, ungaphetha ngo-kuthi kumelwe ukuba kukhona okuthile oku-phakeme kunomuntu.

    Indalo ayisifundisi konke ngoNkulunkulu.Ukubona ubufakazi bokuthi uNkulunkuluukhona ngokubuka indalo kufana nokuzwa izi-gi zomuntu osondela ngasemnyango ovaliwe.Uyazi ukuthi kukhona omuntu ozayo, kodwaubani? Ukuze uthole, kumelwe uvule umnya-ngo. Nathi kufanele senze okufanayo ukuze si-thole ukuthi ubani owadala zonke izinto.

    IBhayibheli lifana nomnyango oholela olwa-ziningoNkulunkulu.Uma uwuvula lo mnyangofuthi uhlola iziprofetho nokugcwaliseka kwa-zo,uyobutholaubufakazibokuthiuNkulunkuluukhona.Ngaphezu kwalokho, umlando woku-sebenzelana kukaNkulunkulu nabantu uvezaubuntu boMuzwi womthandazo.

    Unjani UMuzwi Womthandazo?IBhayibheli lembula ukuthi uMuzwi wom-

    thandazo ungumuntuongase umazi. Ngoku-qinisekile umuntu kuphela ongakulalela futhiakuqonde. Kuyaqinisekisa ukufunda la mazwi:O Muzwi womthandazo, impela abantu bayoyonke inyama bayokuza kuwe. (IHubo 65:2)

    Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngobufakazi boku-thi uNkulunkulu ukhona, bheka incwajana ethi The Originof LifeFive Questions Worth Asking nencwadi ethi Is There aCreator Who Cares About You? ezinyatheliswa oFakazi Baka-Jehova. Incwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu nencwadi

    ethi IBhayibheliIzwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? zi-nyatheliswa oFakazi BakaJehova ukuze zikusize ubone ubu-fakazi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu.

    MANJE IKHISHWA NGEZILIMI EZINGU-195: Ach-oli, Afrikaans, Albanian, Amharic, Arabic, Armenian,Armenian (West), Aymara, Azerbaijani, Azerbaijani (Cy-rillic), Baoule, Bengali, Bicol, Bislama, Bulgarian, Cambo-dian, Catalan, Cebuano, Chichewa, Chinese (Simplified),Chinese (Traditional) (audio Mandarin only), Chitonga,Chitumbuka, Chuukese, Cibemba, Croatian, Czech, Dan-ish, Dutch, Efik, English, Estonian, Ewe, Fijian, Finn-ish, French,Ga, Garifuna, Georgian, German,Greek,Greenlandic, Guarani, Gujarati, Gun, Haitian Creole,Hausa, Hebrew, Hiligaynon, Hindi, Hiri Motu, Hungari-an, Icelandic, Igbo, Iloko, Indonesian, Isoko, Italian,Japanese, Kannada, Kazakh, Kikaonde, Kikongo, Kikuyu,

    Kiluba, Kimbundu, Kinyarwanda, Kirghiz, Kiribati, Kirun-di, Kongo, Korean, Kwangali, Kwanyama, Latvian, Linga-la, Lithuanian, Luganda, Lunda, Luo, Luvale, Macedonian,Macua, Malagasy, Malayalam, Maltese, Marathi, Mar-shallese, Mauritian Creole, Maya, Mixe, Mizo, Mongolian,Moore, Myanmar, Nahuatl (Northern Puebla), Ndebele,Ndonga, Nepali, Ngabere, Niuean, Norwegian,Nyaneka,Nzema, Oromo, Otetela, Palauan, Pangasinan, Papiamenti(Aruba), Papiamento (Curacao), Persian, Polish, Pona-pean, Portuguese, Punjabi, Quechua (Ancash),Quechua (Ayacucho), Quechua (Bolivia),Quechua (Cuz-co), Quichua, Rarotongan, Romanian, Russian, Samoan,Sango, Sepedi, Serbian, Serbian (Roman), Sesotho, Sey-

    chelles Creole, Shona, Silozi, Sinhala, Slovak, Slovenian,Solomon Islands Pidgin, Spanish, Sranantongo, Swahili,Swati, Swedish, Tagalog, Tahitian, Tamil, Tatar, Telugu, Te-tum, Thai, Tigrinya, Tiv, Tok Pisin, Tongan, Totonac, Tshilu-ba, Tshwa, Tsonga, Tswana, Turkish, Tuvaluan, Twi, Tzotzil,Ukrainian, Umbundu, Urdu, Uruund, Venda, Vietnamese,Wallisian, Waray-Waray, Wolaita, Xhosa, Yapese, Yoruba,Zande, Zapotec (Isthmus), Zulu

    Iyatholakala nange-Braille. Iyatholakala nange-CD. Iyatholakala nange-CD (MP3 CD-ROM). Omagazini abaqoshiwe nabo bayatholakala engosini

    ethi www.jw.org.

    Ngokudabukisayo, inkolo ibangela abaningibangabaze ukuthi kunoMuzwi womthandazookhathalelayo. Ukuhileleka kwenkolo empini,ebuphekuleni nasekubekezeleleni kwayo uku-hlukunyezwa kwezingane kuye kwaholela ngi-sho nabantu abathandazayo ekubeni bathi,Angikholelwa kuNkulunkulu.

    Kungani inkolo ivame ukuba yimbangela yo-bubi? Kalula nje: Abantu ababi baye benza izi-nto ezimbi base becasha ngenkolo. IBhayibhe-li labikezela ukuthi ubuKristu babuyosetshe-

    nziselwa izinhloso ezi-mbi. Umphostoli uPa-wulu watshela ababonisiabangamaKristu: Na-phakathi kwenu ngo-kwenu kuzovela amado-da, akhulume izinto ezi-sontekile ukuze amonyu-le abafundi ukuba bawa-

    landele.IzEnzo 20:29, 30.Inkolo yamanga iyamnenga uNkulunkulu.

    Eqinisweni, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli,liyibeka icala inkolo yamanga ngenxa yegazilabo bonke abaye babulawa emhlabeni. (IsA-mbulo 18:24) Ngenxa yokuthi inkolo yamangaiye yehluleka ukufundisa abantu ngoNkulu-nkulu weqiniso, obuntu bakhe buwuthando,inecala legazi emehlweni akhe.1 Johane 4:8.

    UMuzwi womthandazo uyabazwela abantuabacindezelwe inkolo. Maduze, uthando luka-Nkulunkulu ngabantu luzomshukumisa ukubaasebenzise uJesu ukuba ahlulele bonke abaze-nzisi benkolo. UJesu wathi: Abaningi bayoku-thi kimi ngalolo suku, Nkosi, Nkosi, asiprofe-thanga yini egameni lakho? . . . Nokho ngiyo-vuma kubo ngaleso sikhathi ngithi: Angikazenginazi! Sukani kimi, nina abenza okungem-thetho.Mathewu 7:22, 23.

    IngabeInkolo

    IkwenzaUngabaze?

  • 6 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    NAKUBA kungenzeka bayathandaza, aba-nye abantu bayangabaza ukuthi uNkulu-nkulu ukhona. Kungani bengabaza? Mhlawu-mbe kungenxa yokuthi babona ukuhluphekaokugcwele kulo mhlaba. Wake wazibuza ukuthikungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?

    Ingabe ngempela uNkulunkulu wadala aba-ntu beyilokhu abayikho manjebengaphelelefuthi behlupheka? Bekuyoba nzima ukuhloni-pha unkulunkulu ofuna ukuba abantu bahlu-pheke. Kodwa cabanga ngalokhu: Ake sithi ubu-ka imoto entsha oyithandayo bese ubona inda-wo elimele ohlangothini lwayo, ingabe ubuyo-phetha ngokuthi umakhi wayo wayenza injalo?Lutho neze! Ungabona ukuthi umenzi wayouyenze iphelele kodwa othile noma okuthilekwayilimaza.

    Ngokufanayo, lapho sibuka ukuhleleka oku-mangalisayo endalweni bese sibuka isiphithiphi-

    thi nokonakala okuhlasele abantu, kufanele si-phethengokuthini? IBhayibheli lifundisaukuthiuNkulunkulu wadala abantu bokuqala bephelelefuthi kamuva bazonakalisa bona. (Duteronomi32:4, 5) Izindaba ezinhle ziwukuthi uNkulunku-lu uthembisa ukulungisa lo monakalo futhi enzeabantu abalalelayo baphinde baphelele. Kodwakungani elinde isikhathi eside kangaka?

    Kungani ElindeIsikhathi Eside Kangaka?

    Isizathu sihilela indaba yokuthi ubani okufa-nele abuse abantu. UJehova akakaze ahlose uku-ba abantu bazibuse. Uyena owayezoba uMbusiwabo. IBhayibheli lithi: Akukona okomuntuohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sa-khe. (Jeremiya 10:23) Ngokudabukisayo, aba-ntu bokuqala bakhetha ukuvukela igunya lika-Nkulunkulu lokubusa. Ukweqa kwabo umthe-tho kwabenza izoni. (1 Johane 3:4) Ngenxa ya-

    Kungani UMuzwi Womthandazo EvumelaUkuhlupheka?

    Uyabezwa labo abathandaza benokholo kuye.Futhi unegama. IBhayibheli lithi: UJehova uku-de nababi, kodwa umthandazo wabalungileyouyawuzwa.IzAga 15:29.

    UJehova unemizwa. UnguNkulunkulu wo-thando futhi ubizwa ngokuthi uNkulunkuluojabulayo. (2 Korinte 13:11; 1 Thimothewu 1:11) Uma likhuluma ngendlela asabela ngayo esi-khathini lapho ububi budlangile, iBhayibheli li-thi: Wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.(Genesise 6:5, 6) Umbono wokuthi uNkulunku-lu ubangela ukuhlupheka ukuze avivinye aba-ntu awulona iqiniso. IBhayibheli lithi: Makubekude noNkulunkulu weqiniso ukwenza nge-ndlela yokukhohlakala. (Jobe 34:10) Nakuba

    kunjalo, ungase uzibuze, Uma uNkulunkuluenguMdali onamandla, kungani evumela uku-hlupheka kuqhubeke?

    UJehova unike abantu ikhono lokuzikhethe-la, kwakhona nje lokho kusitshela okuthile ngo-hlobo lomuntu uNkulunkulu ayilo. Asijabu-li yini ngokuthi sinenkululeko yokuzikhethe-la ukuthi siyophila kanjani? Ngokudabukisayo,abantu abaningi bayisebenzisa kabi inkululekoyabo bese bezihluphekisa futhi bahluphekisenabanye abantu. Manje, nawu umbuzo okudi-ngeka sicabangisise ngawo: UNkulunkulu anga-kwazi kanjani ukuqeda ukuhlupheka ngapha-ndle kokuphuca abantu inkululeko yabo? Sizo-hlola lo mbuzo esihlokweni esilandelayo.

  • INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012 7

    lokho, ababange besaphelela futhi bazonakalisabona kanye nenzalo yabo.

    Sekuyizinkulungwane zeminyaka uJehovaevumela abantu ukuba bazibuse, futhi umlandoubonisa ukuthi abantu abanalo lelo khono. Lo-khu kubonisa ukuthi bonke ohulumeni baba-ntu babangela ukuhlupheka. Akukho noyedwaowake waqeda impi, ubugebengu, ukungabi na-bulungisa noma izifo.

    UNkulunkulu UzowulungisaKanjani Umonakalo?

    IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze uNku-lunkulu uzoletha umhlaba omusha onokulu-nga. (2 Petru 3:13) Kulo mhlaba kuzohlala ku-phela labo abakhetha ngokuzithandela ukubo-nisa uthando kwabanye nakuNkulunkulu.Du-teronomi 30:15,16,19, 20.

    IBhayibheli libuye lithi usuku lokwahlu-lela lusondela ngokushesha, uNkulunku-

    lu uzoqeda ukuhlupheka kanye nalabo abaku-bangelayo. (2 Petru 3:7) Ngemva kwalokho,uMbusi omiswe uNkulunkulu, uJesu Kristu,uyobusa phezu kwabantu abalalelayo. (Daniyeli7:13, 14) Kuzofezani ukubusa kukaJesu? IBhayi-bheli lithi: Abamnene bayodla ifa lomhlaba,futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngo-kuchichima kokuthula.IHubo 37:11.

    NjengeNkosi yasezulwini, uJesu uyolungisawonke umonakaloohlanganisa ukugula, uku-guga nokufaowaba khona lapho abantu bevu-kela uJehova, umthombo wokuphila. (IHubo36:9) UJesu uyokwelapha bonke labo abamuke-la ukubusa kwakhe kothando. Ngaphansi koku-busa kwakhe, lezi zithembiso zeBhayibheli ziyo-gcwaliseka:

    Akekho ohlala khona oyothi: Ngiyagula.Abantu abahlala ezweni kuyoba yilabo abaxole-lwe isiphambeko sabo.Isaya 33:24.

  • 8 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    ABANINGI abathi bakholelwa kuNkulunkuluabakwazi ukunikeza izizathu ezizwakalayozokholo lwabo. Futhi abakwazi ukuchaza uku-thi kungani inkolo ivame ukuba imbangela yo-bubi noma ukuthi kungani uNkulunkulu evu-mela ukuhlupheka. Abakwenzayo nje ukutha-ndaza kuNkulunkulu abangamqondi.

    Nokho, wena ungasondela kangcono kuNku-lunkulu. Ungakhela ukholo lwakho ekumqo-ndeni okwenza ukuba umthande futhi umazi-se. Ukholo lwangempela lusekelwe ebufakazi-ni. (Hebheru 11:1) Uma ufunda iqiniso ngo-Nkulunkulu ungamazi futhi ukhulume nayenjengomngane. Cabanga ngalokhu kulandisakwabantu ababethandaza kuNkulunkulu naku-ba bengabaza ukuthi ukhona.

    UPatricia, okukhulunywe ngaye esihlokwenisokuqala. Langa limbe, mina nabangane bamiabangaba yishumi saqala ukuxoxa ngenkolo.Ngase ngike ngabatshela ukuthi into eyangixo-sha ekhaya kwaba yingxoxo eyayiphakathi ku-kababa, owayengakholelwa ukuthi uNkulunku-lu ukhona, nomunye woFakazi BakaJehova owa-yefike ekhaya. Omunye umngane wami wathiMhlawumbe oFakazi BakaJehova bakhulumaiqiniso.

    Omunye wathi Asiyi ngani emihlanganweniyabo ukuze sizitholele? Sabe sesenza lokho

    kanye. Nakuba sasingabaza, thina abanye sa-qhubeka nokuya ngoba nje oFakazi babenobu-ngane.

    Nokho, ngelinye iSonto ngezwa okuthileokwashintsha ukucabanga kwami. Isikhulumisachaza ukuthi kungani abantu behlupheka.Ngangikweshwama ukuthi umuntu ekuqaleniwenziwa ephelele nokuthi isono nokufa kwa-ngena ngomuntu oyedwa kwase kusakazekelakubo bonke abantu. Isikhulumi sachaza no-kuthi kungani ukufa kukaJesu kwakudingekileukuze kubuyiselwe lokho okwalahlekela umu-ntu wokuqala. (Roma 5:12, 18, 19) Kwasukainkungu emehlweni ami. Ngacabanga ukhonangempela uNkulunkulu osikhathalelayo. Nga-qhubeka nokufunda iBhayibheli futhi ngoku-shesha, okokuqala ngqa empilweni yami, nga-thola ukuthi ngingathandaza kumuntu ongo-koqobo.

    U-Allan naye okuxoxwe ngaye esahlukwenisokuqala. Ngelinye ilanga kwafika oFakazi Ba-kaJehova kwami, umkami wabangenisa ngobawayehlabeke umxhwele ngalokho ababekushilongokuphila phakade emhlabeni. Mina ngave-

    Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nena-ni lokufa kukaJesu okusihlengayo, bheka isahluko 5 se-ncwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheli-swa oFakazi BakaJehova.

    Sondela KuMuzwiWomthandazo

    [UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembe-zi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona,noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlu-ngu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambilizidlulile.IsAmbulo 21:4.

    Akududuzi yini ukwazi ukuthi maduze uNku-lunkulu uzogcwalisa isithembiso sakhe sokuqe-da konke ukuhlupheka? Okwamanje, kudinge-

    ka siqiniseke ukuthi uyayizwa imithandazo ye-thu nakuba esakuvumele isikhashana ukuhlu-pheka.

    Ukhona uNkulunkulu. Uyakuzwa ngishonoma ukhuluma naye usezinhlungwini na-sosizini. Futhi ulangazelela ukukubona uphi-la, ujabulela isikhathi lapho konke ukunga-baza kwakho nobuhlungu kuyobe kungasekho.

  • le ngacikeka nje. Ngaphuma ngabe sengibizelaumkami ekhishini ngathi kuye, Musa ukuba isi-lima. Ayikho yonke le nto!

    Wathi: Uma kunjalo, woza uzobabonisaiphutha labo.

    Yiqiniso, ngehluleka ukwenza lokho. Kodwababengeve benomusa futhi bangishiyela incwa-di ekhuluma ngokuthi ingabe ukuphila kwa-dalwa noma kwaba khona ngokuziphenduke-la kwemvelo. Engakufunda kwakunengqondofuthi kusekelwe ebufakazini bangempela ka-ngangokuba nganquma ukufunda okwengezi-we ngoNkulunkulu. Ngaqala ukutadisha iBha-yibheli noFakazi, futhi ngokushesha ngabonaukuthi elikushoyo kuhluke kakhulu kukho ko-nke engake ngakucabanga ngenkolo. Njengobangangifunda ngoJehova, ngaqala ukuthandazakuye ngokuqondile. Indlela engangenza ngayoizinto yayingeyinhle neze, ngakho ngathanda-zela usizo. Ngiyaqiniseka kuthi uJehova wayi-phendula imithandazo yami.

    U-Andrew, ohlala eNgilandi. Nakuba nga-nginemibono eqinile futhi ngigxile kakhu-lu kuyisayensi, ngicabanga ukuthi umbo-no wokuziphendukela kwemvelo ngaba nawongenxa nje yokuthi abantu babethi uyiqiniso.

    Ukholo lwangempelalusekelwe ebufakazininasesifisweni sokwaziiqiniso ngoNkulunkulu

  • 10 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    Ngangingafuni ukukholelwa kuNkulunkulungenxa yazo zonke izinto ezimbi ezenzekayo.

    Nokho, ngezinye izikhathi ngangicabanga:Uma uNkulunkulu ekhona le phezulu, ngifunaukwazi ukuthi kusho ukuthini konke lokhu. Ku-ngani kukhona ubugebengu nezimpi ezingaka?Lapho ngisebunzimeni, ngezinye izikhathi nga-ngithandazelausizo, kodwangingaziukuthi ngi-khuluma nobani.

    Othile wabe esenika umkami ipheshana eli-nyatheliswa oFakazi BakaJehova elithi: Inga-be Leli Zwe Liyosinda? Lona kwakuyiwo ka-nye umbuzo engangihlale ngizibuza wona. Lelipheshana langenza ngacabanga ngeBhayibheli,Ingabe izimpendulo zalo kumelwe zicatshange-lwe? Kamuva lapho ngiseholidini, othile wa-

    nginikeza incwadi ethi IBhayibheliIzwi lika-Nkulunkulu Noma Elomuntu? Lapho ngitholaukuthi iBhayibheli lihambisana kahle nesayensiyeqiniso, ngaba nomuzwa wokuthi kudingekangazi okwengeziwe ngeBhayibheli. Ngakho la-pho omunye woFakazi BakaJehova ecela uku-ngifundela, ngavuma. Njengoba ngangiqondainjongo kaJehova, ngabona ukuthi sengima-zi njengomuntu wangempela, engingakhulumanaye ngomthandazo ngokukhululekile.

    UJan, owakhuliswa engumProthestani eLon-don. Ubuzenzisi obusenkolweni nokudlondlo-bala kokuhlupheka kwenza ngakhohlwa yinko-lo. Ngabuye ngayeka nasekolishi ngabe sengiqa-la ukucula nokudlala isiginci ukuze ngitholeimali. Kungaleso sikhathi lapho ngahlanganakhona noPat. Wayekhuliswe njengomKatolikakodwa naye wayengasakholelwa kuNkulunkulunjengami.

    Sasihlala endlini eyayingasahlali muntu na-banye ababeyeke ekolishi ababenesithakazeloezinkolweni zaseMpumalanga. Sasihlala kuzekube phakathi kwamabili sixoxa kabanzi nge-

    Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    njongo yokuphila. Nakuba mina noPat sasinga-kholelwa kuNkulunkulu sasinomuzwa wokuthikumelwe ukuba kukhona owadala ukuphila.

    Ngemva kokuthuthela enyakatho yeNgila-ndi siyofuna umsebenzi wokucula, kwazalwaindodana yethu. Ngolunye usuku yahlatshwaukugula futhi ngazithola sengithandaza kuNku-lunkulu engangingakholelwa kuye. Kungakabi-phi, mina noPat saxabana futhi ngabe sengitha-tha ingane yethu ngahamba nayo. Ngaphindengathandaza ngicela usizo, ngenzela nje ukuthiumakukhona olalele angisize.Ngangingazi uku-thi noPat uyathandaza.

    Kamuva ngalolo suku, oFakazi BakaJehovaababili bavakashela uPat futhi bambonisa esinyeseseluleko seBhayibheli esisebenzayo. UPat wa-ngithinta futhi ebuza ukuthi ngingethande yiniukuba sifunde iBhayibheli noFakazi. Sabe sesi-funda ukuthi ukuze sijabulise uNkulunkulu,kumelwe sishade ngokomthetho. Kwabonakalakuwumqansa kwazise nobuhlobo bethu babu-ngebuhle kahle.

    Sasifuna ukwazi okwengeziwe ngokugcwali-seka kweziprofetho zeBhayibheli, ukuthi kunga-ni sihlupheka nokuthi usho ukuthini uMbu-so kaNkulunkulu. Kancane kancane saqaphelaukuthi uNkulunkulu uyakhathalela futhi na-thi sasifuna ukumlalela. Sashada ngokomthe-tho. Ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunku-lu kuye kwasisiza ukuba sikhulise izingane zethuezintathu. Asingabazi nakancane ukuthi uJeho-va wayilalela imithandazo yethu.

    Zihlolele UbufakaziNjengoba kuye kwenza izigidi zabanye, labo

    esikhulume ngabo kulesi sihloko abazange ba-vume ukukhohliswa inkolo yamanga, baye bazi-tholela ukuthi kungani uNkulunkulu evumelaukuhlupheka. Uphawulile yini ukuthi ngamu-nye wabo wasizwa ukuthola ulwazi olunembilelweBhayibheli ukuze aqiniseke ukuthi uJehovangempela uyayilalela imithandazo?

    Ungathanda yini ukuhlola ubufakazi bokuthiuNkulunkulu ukhona? OFakazi BakaJehova ba-yokujabulela ukukusiza ufunde iqiniso ngoJe-hova nokuthi ungasondela kanjani kuMuzwiwomthandazo.IHubo 65:2.

    Njengoba ngangiqonda injongo kaJehova,ngabona ukuthi sengimazi njengomuntuwangempela, engingakhuluma nayengomthandazo ngokukhululekile

  • INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012 11

    Uma likhuluma ngabakhi bombho-shongo waseBhabhele, iBhayibheli lithiisitini saba itshe labo, kodwa ibitumelaba udaka lwabo.Genesise 11:3.

    Ibitume iyazenzakalela ngokwemve-lo. Ivela kuwoyela, futhi itholakalaezindaweni eziningi eMesophothami-ya, lapho iphethuka khona emhlaba-thini bese iyajiya. Ukuba kwayo ingci-na ephumelelayo kwaphawuleka ngezi-khathi zeBhayibheli. Enye incwadi umaikhuluma ngebitume ithi yayisebenzaezakhiweni ezakhiwe ngezitini ezifolo-nyiwe.

    Isihloko esikumagazini i-Archaeologysichaza ukuhambela kwamuva nje ema-nxiweni ombhoshongo emzini wase-

    ndulo i-Uri, laseMesophothamiya. Um-bhali walo magazini uthi: Udaka lwebi-tumeokungolunye kwelokuqala olwa-setshenziswa luphuma kodedangendla-le bezindawo zikawoyela eningizimuye-Iraqlusabonakala phakathi kweziti-ni ezishisiwe. Namuhla lolu ketshezi olu-jiyile olumnyama luyimbangela yoku-ngazinzi nobudlova kulesi sifunda, na-kuba kwake kwaba nesikhathi lapholo mphakathi wawubumbene ngenxayalo. Ukusebenzisa ibitume njengodakanasekwenzeni imigwaqo kuye kwasizaekwakhiweni kwezitini zaseSumer ezivi-mbela amanzi, kwaqinisekisa ukuthi iza-khiwo zihlala izinkulungwane zeminya-ka zingabhidliki.

    INGABE BEWAZI?

    Kungani abantu ngezikhathi zeBhayibheli babesebenzisaibitume njengodaka?

    Spectrumphotofile/photographersdirect.com

    Lo mbuzo uphakanyiswa ukufundaukulandisa kombhali weBhayibheli uJo-hane: Nakuba nginezinto eziningi zo-kunilobela zona, angifisi ukwenza ka-njalo ngephepha nangoyinki.2 Joha-ne 12.

    Igama lesiGreki elithi khartes, laphaelihunyushwe ngokuthi iphepha, li-bhekisela ephepheni elenziwe ngesi-tshalo sebungu, esimila emanzini. Enyeincwadi ichaza inqubo yokwenza ama-phepha okubhala ngeziqu zalesi sihla-hla ngale ndlela: Iziqu, ngezinye izi-khathi ezingamamitha amathathu ubu-de, zazihlutshwa bese zisikwa zibe imi-cu emincane eyayibe isihlanganiswa,ibekwe iphanjaniswe; ngemva kwalo-kho, le micu yayibe isigxotshwa ngesa-

    ndo sokhuni ekugcineni ikhuhlwe izeibe bushelelezi.

    Abavubukuli baye bathola imiqulueminingi yakudala yebungu eGibhi-the nasezindaweni ezizungeze uLwa-ndle Olufile. Eminye imiBhalo yebunguetholakala kule ndawo ibonisa ukuthieyangezikhathi zikaJesu noma ngishonangaphambi kwalokho. Kungenzekaukuthi yileli phepha okwalotshwa kuloizincwadi zeBhayibheli, ezinjengalezoezabhalwa abaphostoli.

    Hlobo luni lwephepha olwalukhona ngezikhathi zeBhayibheli?

    FLPA/David Hosking/agefotostock

  • 12 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    UKUPHILA KWAMI: NgazalelwaeSan Fernando, idolobha elisesifunda-zweni saseCamarines Sur. Nokho, la-pho sengikhulile ngachitha iminya-ka eminingi ngihlala e-Antipolo, eSifundazwenisaseRizal. I-Antipolo isendaweni enezintaba no-tshani nezihlahla eziningi, yayiyidolobha elinca-ne elithule ngesikhathi ngithuthela khona. Kwa-kwethukela ngibona umuntu ehamba uma seku-hwalele. Nokho, manje i-Antipolo isithuthukile,isiyidolobha elikhulu elinabantu abaningi.

    Ngemva kwesikhathi esithile ngithuthe-le e-Antipolo, ngahlangana nendoda okuthi-wa uBenjamin futhi ngokuhamba kwesikhathisashada. Ngathola ukuthi umshado unezinse-lele ezinzima kunalezo engangizilindele. Uku-ze ngibalekele izinkinga zami, ngaqala ukuphu-za ngokweqile. Ngokuhamba kwesikhathi nga-ba umuntu olukhuni, okwabonakala endleleniengiphathangayoumyeniwaminezinganezami.

    Ngangihlulekaukuzibamba futhingingenasineke kubo. Ngangi-ngamhloniphi nakancane umye-ni. Ngokusobala, ukuphila kom-khaya wami kwakumuncu.INDLELA IBHAYIBHELI ELA-KUSHINTSHA NGAYO UKU-PHILA KWAMI: Udadewabowomyeni wami, u-Editha, ongo-munye woFakazi BakaJehova, wa-sikhuthaza ukuba mina noBenja-min sifunde iBhayibheli noFaka-zi. Savuma, sinethemba lokuthikuyosisiza ekulungiseni isimo so-kuphila komndeni wethu.

    Njengoba sasiqhubeka sifundaiBhayibheli, safunda amaqinisoamaningi amahle. Amazwi atho-lakala kusAmbulo 21:4 ayithinta

    ngokukhethekile inhliziyo yami. Uma likhulu-ma ngalabo abayophila emhlabeni oyipharadesiesikhathini esizayo ngaphansi koMbuso kaNku-lunkulu, leli vesi lithi uNkulunkulu uyosula zo-nke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke ku-saba khona, noma ukulila noma ukukhala nomaubuhlungu ngeke kusaba khona. Ngangifunaukuba phakathi kwalabo bantu abayothola lezozibusiso.

    Kwahlaluka ukuthi kwakudingeka ngenze izi-nguquko ezinkulu endleleni engangicabangangayo nasemikhubeni yami. Angivukanga se-ngishintshile, kodwa ekugcineni ngaphumelelaukuyeka ukuphuza ngokweqile. Ngafunda noku-ba nomusa nesineke emndenini wami. Ngaphe-zu kwalokho, ngafunda ukuhlonipha umyeni

    IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

    YINI eyasiza owesifazane wasePhilippines ukuba ayeke ukudakwa futhiathuthukise ukuphila komkhaya wakhe? Yini eyabangela indoda yase-Australiaeyayithanda kakhulu i-karate ukuba ibe umshumayeli wezindaba ezinhle?Funda ukulandisa kwabo.

    Angivukangasengishintshile.UCARMEN ALEGRE

    UNYAKA AZALWA NGAWO: 1949

    IZWE AZALELWA KULO: IPHILIPPINESUMLANDO: WAYEYISIDAKWA

  • INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012 13

    wami nokubambisana naye njengoba ehola um-ndeni wethu.

    Lapho mina noBenjamin siqala ukuya emihla-nganweni yoFakazi BakaJehova, kwasihlaba um-xhweleesakubona.OFakazi abagembuli, abaphu-zi ngokweqile futhi abakhethi bala lamuntu. Ba-nikeza wonke umuntu isithunzi nenhlonipho.Savele sabona ukuthi siyitholile inkolo yeqiniso.Johane 13:34, 35.

    INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ukuphi-la komndeni wethu kuye kwaba ngcono kakhu-lu. Mina noBhenjamin sinomshado ojabulisayofuthi siyakujabulela ukufundisa abanye iBhayi-bheli. Amadodana ethu amabili kanye nomka-wo aseqalile ukufunda iBhayibheli. Sethembaukuthi ngokuhamba kwesikhathi ayohlanganye-la nathi ekukhonzeni uJehova. Ngempela lenaindlela engcono kakhulu yokuphila.

    UKUPHILA KWAMI: Ngakhule-la e-Albury, idolobha elihle eli-chumayo laseNew South Wales.Njengasemadolobheni amaningi,nakhona bukhona ubugebengu. Nokho, ngo-kuvamile i-Albury yaziwa njengendawo ephe-phile.

    Nakuba abazali bami bahlukana ngineminya-ka engu-7 kodwa ngakhula kahle. Benza konkeukuze mina nomfowethu nodadewethu ababi-li singasweli lutho. Ngathola imfundo enhle,ngifunda ezikoleni eziphambili ezingezona ezi-kahulumeni. Ubaba wayefuna ukuba nginge-ne emkhakheni wezamabhizinisi lapho sengi-qede isikole. Nokho, mina ngangithanda ka-khulu ezemidlalo, futhi ngangihamba phambi-

    li emdlalweni wamabhayisikiline-karate. Ngagcina sengitho-le umsebenzi endaweni yoku-lungisa izimoto, owawungini-ka isikhathi esanele sokugxilakwezemidlalo.

    Ngangikulwela ukugcinaumzimba wami ubukeka ka-hle futhi wakhekile. Ngezi-nye izikhathi nganginomu-zwa wokuthi ayikho into enga-ngehlula. Ngenxa yokuthinganginamandla nganginga-sizakala kalula ngabanye aba-ntu. Kodwa umqeqeshi wamiwe-karate wabona ukuthi aku-lula ngami ukuzibamba, nga-kho wagxilisa kimi ukuzithibanokuziphatha kahle. Wayehlaleegcizelela ukubaluleka kokula-

    lela nokuba qotho.INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHANGAYO UKUPHILA KWAMI: Lapho ngiqalaukufunda iBhayibheli, ngafunda ukuthi uJeho-va uyabuzonda ubudlova. (IHubo 11:5) Eku-qaleni, ngangicabanga ukuthi i-karate ayibonaubudlova kodwa iwumdlalo ophephile. Ngangi-nomuzwa wokuthi imithetho yayo ephakemeivumelana nalokho okufundiswa iBhayibheli.Abashadikazi abangoFakazi ababefunda namiiBhayibheli babenesineke. Abakaze bangitshe-le ukuthi kufanele ngiyeke i-karate; bamane

    Nganginomuzwawokuthi ayikhointo engangehlula.UMICHAEL BLUNSDEN

    UNYAKA AZALWA NGAWO: 1967

    IZWE AZALELWA KULO: I-AUSTRALIAUMLANDO: WAYETHANDA I-KARATE

  • 14 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    baqhubeka nje nokungifundisa iqiniso leBhayi-bheli.

    Njengoba ulwazi lwami ngeBhayibheli lukhu-la nobuhlobo bami noJehova buqina, ngaqalaukubona izinto ngelinye iso. Ngahlabeka um-xhwele lapho ngifunda ngesibonelo esabekwaiNdodana kaJehova, uJesu. Nakuba uJesu aye-namandla amakhulu, akakaze abe nobudlova.Amazwi akhe alotshwe kuMathewu 26:52 angi-thinta ngokujulile: Bonke abaphatha inkembabayobhubha ngenkemba.

    Njengoba ngiqhubeka ngifunda okwenge-ziwe ngoJehova, lwajula nakakhulu uthandolwami nenhlonipho enginayo ngaye. Ukuca-banga ukuthi uMdali wethu ohlakaniphe ka-ngaka nonamandla amakhulu unendaba nami,kwangithinta ngokujulile. Kwangithinta ukufu-

    nda ukuthi ngisho ngimdumaza uJehova nomalapho ngibona sengathi kunzima kakhuluukumkhonza noma sekuthi angiphonse itha-wula, akasoze angidela uma nje ngiqhubeka ngi-zama. Ngathola induduzo enkulu esithembi-sweni sakhe: Mina, Jehova uNkulunkulu wa-kho, ngibambe isandla sakho sokunene, minaengithi kuwe, Ungesabi. Ngizokusiza mina ma-thupha. (Isaya 41:13) Lapho ngiqaphela uku-thi ngiye ngaboniswa lolo thando, ngazimiselanakakhulu.

    Ngangazi ukuthi ukuyeka i-karate kuzoba intoenzima kakhulu kunazo zonke kwengake ngaze-nza. Kodwa futhi ngangazi ukuthi kuzojabulisauJehova, futhi ngangiqiniseka ukuthi ukum-khonza kuwufanele wonke umzamo. Ngicaba-nga ukuthi into yokugcina eyangenza nganqu-ma ukuyiyeka kwaba ukufunda amazwi kaJesukuMathewu 6:24: Akekho ongakhonza ama-khosi amabili. Ngabona ukuthi ngeke kwenze-

    ke ukuba ngikhonze uJehova ngokugcwele ngi-buye ngiqhubeke ne-karate, ngoba i-karate iyo-na ezoza kuqala. Kwase kuyisikhathi sokuba ngi-khethe inkosi eyodwa.

    Kwakungelula ukuyeka i-karate. Ngazitholasengididekile. Ngangijabula kakhulu ngokwaziukuthi ngijabulisa uJehova, kodwa futhi ngizi-zwa sengathi angithembekile kumqeqeshi wamiwe-karate. Abantu abadlala i-karate bavame uku-bheka ukungathembeki kothile njengesono esi-ngenakuthethelelwa. Abanye bancamela ukuzi-bulala kunokubhekana nalelo hlazo.

    Angazanga nokuthi ngizomchazela ngithi ku-ngani ngiyeka i-karate umqeqeshi wami. Nga-vele nje ngashiya konke, ngayeka ukuxhu-mana naye nalabo engangidlala nabo i-karate.Ngangazi ukuthi ngenze kahle ngokuyiyeka.Nokho, ngazizwa nginecala ngokungabachaze-li izinkolelo zami ezintsha. Ngazizwa senga-thi ngidumaze uJehova ngingakaqali nakuqalaukumkhonza. Konke lokho kwangiphatha kabikakhulu. Kunezikhathi eziningi lapho ngangiza-ma ukuthandaza kuJehova kodwa ngigcine se-ngikhala ngenxa yobuhlungu.

    Kumelwe ukuba uJehovawabona okuhle kimingoba washukumisa abazalwane nodade eba-ndleni ukuba bangisize. Uthando, induduzo no-bungane babo kwakumangalisa kakhulu. Nga-buye ngathola induduzo endabeni yeBhayibhelikaDavide noBhati-sheba. Nakuba uDavide enzaizono ezinkulu, uJehovawamthethelela ngemvakokuba ephenduke ngobuqotho. Ukucabangangaleyo ndaba kwangisiza ngabheka amaphu-tha ami ngendlela efanele.INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Nga-phambi kokuba ngifunde iBhayibheli, ngangi-ngenandaba namuntungizikhathalela minanje. Kodwa ngosizo lukaJehova nomkami omu-hle esengishade naye iminyaka eyisikhombi-sa, senginozwela ngokwengeziwe. Siye sabusi-swa ngelungelo lokufundisa abantu abaninganaiBhayibheli, kuhlanganise nabanye ababebhe-kene nezimo ezidabukisayo. Ukubona uthandolukaJehova luthinta ukuphila kwabanye kuyekwangilethela injabulo enkulu edlula eyokubaumpetha we-karate.

    Ukucabanga ukuthi uMdali wethuohlakaniphe kangaka nonamandlaamakhulu unendaba nami,kwangithinta ngokujulile

  • Ingabe ukujabulele ukufunda izintoezenzeka kwabanye abantu esihlokweni esandu-lele? Zimane nje ziyizindaba ezimbili kwezinga-phezu kuka-50, eziye zanyatheliswa kumagaziniwethu INqabayokulinda kusukela ngo-August2008. Uchungechunge lwezihloko ezithi IBhayi-bheli Lishintsha Ukuphila luthandwa kakhuluabafundi balo magazini. Kungani abaningi ziba-thakazelisa?

    Abantu okukhulunywa ngabo kulezi zihlokobakhule ngezindlela ezihlukahlukene. Ngapha-mbi kokuba bafunde ngoNkulunkulu, abanye ba-becebile kodwa bengayitholi injongo yangempe-la yokuphila. Abanye babebhekene nezinseleleezinkulu, njengokuba yisififane noma bedla izi-dakamizwa noma bedakwa. Abambalwa bakhulabemazi uJehova kodwa bayeka ukumkhulekelaokwesikhathi esithile. Zonke lezi zibonelo ziboni-sa ukuthi umuntu angakwazi ukwenza ushintshoukuze ajabulise uNkulunkulu. Futhi ukwenza ka-njalo kuhlale kuletha izibusiso. Lezi zindaba ziba-thinte kanjani abafundi bethu?

    Omunye umfundi uchaza indlela isihloko sika-February 1, 2009, esibasize ngayo abanye besifa-zane abasejele. Abantu abaningi abasejele bazizwa ngendlelaefanayo nalaba okukhulunywa ngabo kulesi si-hloko. Izithombe zabo zakudala nezamanjekanye nomlando wokuphila komuntu ngamunyekwabathinta ngokukhethekile. Iziboshwa ezini-ngi zakhula ngendlela efanayo. Ngemva kokufu-nda lezi zindaba, iziboshwa ezimbili ziqale uku-funda iBhayibheli.C. W.

    Izindaba ezikulolu chungechunge ziye zaba-thinta ngokukhethekile abanye abafundi. Ngo-kwesibonelo, isihloko esikumagazini ka-April 1,2011, sinendaba kaGuadalupe Villarreal, owayekaukuba ungqingili ukuze akhonze uJehova. Pha-wula ukuthi zithini izincwadi ezimbili kweziningiezivela kubafundi balo magazini ngendaba ya-khe. Isibonelo sikaGuadalupe sangithinta ekujule-ni kwenhliziyo. Kuyamangalisa ukubona ukuthi

    uthando ngoJehova neZwi lakhe kungamshi-ntsha kanjani umuntu!L. F. Esikhathini esidlule, ngangizama ukushuma-yela kubo bonke, kuhlanganise nongqingili. No-kho, muva nje ngiphawule ukuthi ngiyabashala-zelela noma ngibagweme. Lesi sihloko sifike nge-sikhathi. Singisize ukuba ngibabheke ngendlelauJehova ababheka ngayonjengabantu abanga-se babe abakhulekeli bakhe.M. K.

    Enye indaba eyathinta abafundi abaningi eka-Victoria Tong, ekumagazini ka-August 1, 2011.UVictoria uchaza indlela ebuhlungu akhula nga-yo. Uyavuma ukuthi kwakunzima ngaye ukuzi-zwa ethandwa uJehova, ngisho nangemva ko-kumkhonza iminyaka. Futhi ulandisa ukuthi yinieyamsiza wamukela uthando lukaJehova kancanekancane. Phawula ukuthi bathini abanye abafu-ndi ngendaba yakhe. Indaba kaVictoria yangithinta inhliziyo nge-mpela. Ngiye ngabhekana nobunzima obukhuluekuphileni kwami. Ngihlale ngilwa nemicabangoengakhingisho noma sengineminyaka ngiwu-Fakazi obhapathiziwe. Kodwa indaba kaVictoriaingenza ngifune ukuzikhandla kakhulu ukuzengibone lokho uJehova akubona kimi.M. M. Lapho ngisemncane, nganginenkinga yoku-buka izithombe zobulili ezingcolile. Muva njeuphinde wanginqoba lo mkhuba. Ngiye kubada-la abangamaKristu ngayofuna usizo futhi ngiya-thuthuka ekunqobeni inkinga yami. Abadalabaye bangiqinisekisa ngothando nesihe sikaNku-lunkulu. Yiqiniso, ngezinye izikhathi ngizizwangingento yalutho, njengokungathi akunakwe-nzeka ukuba uJehova angithande. Ukufundaindaba kaVictoria kungisize kakhulu. Manje ngi-yabona ukuthi uma ngicabanga ukuthi uNkulu-nkulu ngeke angithethelele, eqinisweni ngisukengithi umnikelo weNdodana yakhe awanele uku-ba uthethelele izono zami. Lesi sihloko ngisisikileukuze ngikwazi ukusifunda futhi ngizindle ngasonoma nini lapho ngifikelwa imizwa yokungabinto yalutho. Siyabonga ngalezi zihloko ezinhlekangaka!L. K.

    Siyabonga NgaleziZihloko EzinhleKangaka!

  • 1. Zingobani izingelosi?Izingelosi ziyizidalwa zomoya ezihlala ezulwini. Zi-

    wuhlobo lokuphila oluphakeme kunathi. UNkulu-nkulu weqiniso ongumoya wadala izingelosi nga-phambi kokuba adale umhlaba. (Jobe 38:4, 7; Ma-thewu 18:10) UJehova uzungezwe izigidigidi zezi-ngelosi eziqotho.Funda iHubo 103:20, 21; Daniyeli7:9,10.

    2. Ingabe izingelosi ziyabasiza abantu?Izingelosi zasiza indoda elungile uLoti. Yayi-

    hlala emzini uNkulunkulu ayenqume ukuwu-bhubhisa ngenxa yobubi babantu bakhona.Izingelosi ezimbili zaxwayisa uLoti nomndeniwakhe ukuba babaleke. Abaningi babecaba-nga ukuthi lesi sixwayiso siwukuntela nje fu-thi abasinakanga. Kodwa uLoti namadodaka-

    zi akhe basinda ngoba basilalela isixwayisouNkulunkulu asithumela ngezingelosi.FundauGenesise 19:1,13-17, 26.

    IBhayibheli lithi izingelosi zisiza abantu na-muhla ngokuqondisa umsebenzi walabo aba-shumayela izindaba ezinhle zoMbuso ka-Nkulunkulu ngokwethembeka. (Mathewu 24:14) Izindaba ezinhle zihlanganisa nesixwayiso.Njengoba kwakunjalo ngesixwayiso esanike-zwa uLoti, nalesi asikona ukuntela. Silethwa izi-ngelosi sivela kuNkulunkulu.Funda isAmbulo1:1; 14:6, 7.

    UNkulunkulu angasebenzisa izingelosi uku-ze asiqinise lapho sibhekene nezilingo. Wase-benzisa ingelosi ukuba iqinise uJesu.FundauLuka 22:41-43.

    Ngokushesha uNkulunkulu uzosebenzisa izi-ngelosi nangenye indlelaukuze aqede aba-ntu ababi ababangela ukuhlupheka. Lokho ku-zoletha impumuzo ejabulisayo kubantu.Fu-nda eyesi-2 Thesalonika 1:6-8.

    FUNDISWA YIZWI LIKANKULUNKULU

    Zisithinta KanjaniIzidalwa Zomoya?

    Lesi sihloko sizodingida imibuzookungenzeka ukuthi uke wazibuza yonafuthi sikubonise ukuthi ungazitholaphiizimpendulo eBhayibhelini lakho.OFakazi BakaJehova bazokujabulelaukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

  • 3. Asithinta kanjani amademoni?Njengoba kunabantu abaningi emhlabeni aba-

    ngamlaleli uNkulunkulu, kunezingelosi eziningi ezi-vela ezulwini ezahlubuka kuNkulunkulu. (2 Petru2:4) Izingelosi ezingalaleli zibizwa ngokuthi amade-moni. Evelele uSathane, uDeveli. USathane namade-moni akhe badukisa abantu.Funda isAmbulo 12:9.

    USathane uye wasebenzisa amabhizinisi onakele,ohulumeni babantu nenkolo yamanga ukuze atho-nye abantu ukuba basuke kuNkulunkulu. Ngakho,uSathane obangela ukungabi nabulungisa, ubu-dlova nokuhlupheka okukhungethe abantu.Fundaeyoku-1 Johane 5:19.

    4. Amademoni abadukisa kanjani abantu?USathane uye wadukisa abantu abaningi ngokufu-

    ndisa ukuthi abafileyo baphenduka imimoya ekwaziukukhuluma nabo. Nokho, iBhayibheli lithi abafileabakwazi kwenza lutho. (UmShumayeli 9:5) Kodwaamademoni avame ukukhohlisa abantu ngokulingisaizwi lomuntu esimthandayo ofile. (Isaya 8:19) Amade-moni adukisa abanye ngezangoma, ababikezeli be-nhlanhla nababhula ngezinkanyezi. IZwi likaNkulu-nkulu lisixwayisa ukuba sigweme yonke imikhubaenjalo. Ngakho kufanele silahle noma yini esinayoehlangene namademoni noma imilingo.Funda uDu-teronomi 18:10,11; izEnzo 19:19.

    Uma simthanda uJehova, akudingeki siwesabeamademoni. Uma sitadisha iZwi likaNkulunkulu futhisenze lokho elikushoyo, sisuke simelana noDeveli futhisisondela kuNkulunkulu. UJehova unamandla kuna-mademoni. Izingelosi zakhe ezithembekile zingasiqi-nisa uma sidinga usizoFunda iHubo 34:7; Jakobe 4:7, 8.

    Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 10sale ncwadi enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    LIFUNDISANINgempela

    IBHAYIBHELI?

    17

  • 18 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    NGAMAFUPHI nje, yebo. Uma ekhuluma ngala-bo abathandayo uJehova uyathembisa: Ngi-zosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo nge-ke ngisasikhumbula. (Jeremiya 31:34) Ngakho, uJe-hova usiqinisekisa ngokuthi uma ethethelela izonieziphendukayo, akabe esazikhumbula izono zazo.Ingabe lokho kusho ukuthi ngempela uMdali we-zulu nomhlaba akabe esazikhumbula izono ayewazithethelela? Amazwi kaHezekeli acacisa indle-la uNkulunkulu athethelela futhi akhohlwe ngayo.Funda uHezekeli 18:19-22.

    Esebenzisa umprofethi uHezekeli njengomkhulu-meli wakhe, uJehova wamemezela isahlulelo sa-khe ngokumelene noJuda ongathembekile neJeru-salema. Sonke isizwe sase sikulahlile ukukhulekelauJehova futhi sagcwalisa izwe ngobudlova. UJeho-

    va wabikezela ukubhujiswa kweJe-rusalema libhujiswa abaseBhabhi-loni. Kodwa kuso leso sahlulelouJehova wanikeza nomyalezo we-nduduzo. Umuntu ngamunye wa-yenethuba lokuzikhethela; ngamu-nye wayezozithwalela owakhe um-thwalo ngezenzo zakhe.Amavesi19, 20.

    Kwakuyokwenzekani ngomuntuoyeka ukwenza okubi bese enzaokuhle? UJehova wathi: Ngoku-qondene nomubi, uma kwenzekaebuya kuzo zonke izono zakhe aze-nzile futhi ezigcina zonke izimisozami, enza ubulungisa nokulunga,

    nakanjani uyoqhubeka ephila. Ngeke afe. (Ivesi 21)Yebo, uJehova wayekulungele ukuthethelela isoniesiyilahlayo inkambo yaso embi, sibonise ukuphe-nduka kwangempela.IHubo 86:5.

    Kuthiwani ngezono ezaziyobe zenziwe yilesosoni? Zonke izeqo zakhe azenzilengeke zikhunju-lwe ngokumelene naye. (Ivesi 22) Phawula ukuthi

    izono zophendukayo zazingeke zikhunjulwe ngoku-melene naye. Kungani lokhu kuphawuleka?

    EBhayibhelini, igama lesiHebheru elihunyushwangokuthi khumbula lingase lisho okungaphezunje kokukhumbula okwenzeka. Ngokuphathelenenaleli gama, enye incwadi ithi: Eqinisweni, izikha-thi eziningi libhekisela esenzweni noma livela liha-mbisana nesenzo nokuthatha isinyathelo. Ngakho,ukukhumbula kungase kusho ukuthatha isinya-thelo. Ngakho lapho uJehova ethi izono zesoniesiphendukayo ngeke zikhunjulwe ngokumelene[naso], usho ukuthi ngeke kamuva amelane nalowomuntu ngenxa yalezo zono, njengokuba ambekeicala noma amjezise.

    Amazwi kaHezekeli 18:21, 22 abonisa izinga uJe-hova athethelela ngalo ngendlela ethinta inhliziyo.Lapho uJehova ethethelela izono zethu, akasoze asi-jezisela zona ngesikhathi esizayo. Kunalokho, uya-khohlwa izono zophendukayo. (Isaya 38:17) Kunje-ngokungathi wesula umbhalo walezo zono.IzEnzo3:19.

    Njengabantu abangaphelele sidinga isihe sika-Nkulunkulu. Ngaphandle nje kwalokho sona izikha-thi eziningi. (Roma 3:23) Kodwa uJehova ufuna saziukuthi uma siphenduka ngobuqotho, uzimisele uku-sithethelela. Futhi lapho ethethelela, uyakhohlwaokuwukuthi, ngeke esazibuyisa izono zethu ukuzeasibeke icala noma aphinde asijezisele zona. Yekaukuthi kuyisikhuthazo kanjani lokhu! Ingabe isihe si-kaNkulunkulu sikushukumisela ukuba ufune ukuso-ndela kakhudlwana kuye?

    Ngokufanayo, ukukhumbula izono kungase kushoukuzithathela isinyathelo izoni.Jeremiya 14:10.

    SONDELA KUNKULUNKULU

    Uma UNkulunkulu Ethethelela,Ingabe Uyakhohlwa?

    IZAHLUKO ZEBHAYIBHELI ONGAZIFUNDANGO-JULY:

    Hezekeli 620

  • INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012 19

    IGAMA elithi Baba lalivame ukusetshenziswa uJesu laphoekhuluma noNkulunkulu nalapho ekhuluma ngaye. Laphoefundisa abalandeli bakhe ukuthandaza, uJesu wathi: Nomanini lapho nithandaza, anothi, Baba. (Luka 11:2) Kodwa uJeho-va uluhlobo luni lukababa? Impendulo yalo mbuzo ibalulekekakhulu. Kungani? Lapho sesazi kangcono ukuthi uJehova ulu-hlobo luni lukababa, siyosondela nakakhulu kuye futhi simtha-nde ngokwengeziwe.

    Akekho okufanelekela kangcono ukusitshela ngoBaba wethuosezulwini kunoJesu uqobo lwakhe. Wayesondelene kakhulunoYise. UJesu wathi: Akekho oyazi ngokugcwele iNdodana

    ImiBhalo ivame ukukhuluma ngokuthi uJehova ungubaba. Ngokwesibo-nelo, sifunda ngoJesu esebenzisa igama elithi Baba izikhathi ezingaba ngu-65emaVangelini amathathu okuqala nezikhathi ezingaphezu kwekhulu eVangeli-ni likaJohane. NoPawulu ubiza uNkulunkulu ngokuthi Baba izikhathi ezinga-phezu kuka-40 ezincwadini zakhe. UJehova unguBaba wethu ngomqondo wo-kuthi uyena onguMthombo wokuphila.

    Noma Nini LaphoNithandaza, Anothi,BABABaba. Kufikani engqondweni yakho uma uzwa leli gama?Indoda enothando eyikhathalela ngokujulile inhlalakahleyomndeni wayo? Noma indoda engenandaba, mhlawumbengisho ehlukumezayo? Okuningi kuxhomeke ekutheni ubabawakho wayengumuntu onjani.

    Lapho sesazikangcono ukuthiuJehova uluhloboluni lukababa,siyosondelanakakhulu kuyefuthi simthandengokwengeziwe

  • 20 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    ngaphandle kukaYise, futhi akukho muntuomazi ngokugcwele uYise ngaphandle kwe-Ndodana kanye nanoma ubani iNdodana etha-nda ukumambula kuye. (Mathewu 11:27) No-kho, indlela engcono kunazo zonke yokwaziuBaba iwukufunda ngeNdodana.

    Yini esingayifunda kuJesu ngoBaba wethuosezulwini? Cabanga ngala mazwi ashiwo uJe-su: UNkulunkulu walithanda izwe kangango-kuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelweyodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholokuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila oku-phakade. (Johane 3:16) Amazwi kaJesu la-pha aqokomisa imfanelo evelele kaBaba wethuosezulwiniuthando. (1 Johane 4:8) UJehovaubonakalisa uthando lwakhe ngezindlela ezi-ningi, ngokusamukela, ngokusibonisa ubube-le, ngokusivikela, ngokusiyala nangokunake-kela izidingo zethu.

    Isiqiniseko Sokwamukelwa UBaba WethuIzingane zithola amandla nesibindi lapho zi-

    bona ukuthi abazali bazo bayazamukela. Caba-nga nje ukuthi wazizwa ekhuthazeke kanjaniuJesu ngesikhathi ezwa uYise ethi: Lo yiNdo-dana yami ethandekayo, engiyamukele. (Ma-thewu 3:17) UJesu naye usiqinisekisa ngotha-ndo lukaBaba nokuthi uyasamukela. Wathi:Lowo ongithandayo uyothandwa nguBaba.(Johane 14:21) Yeka amazwi aduduzayo! No-kho, kunomuntu ofuna ukukuphuca leyo ndu-duzo.

    USathane uzama ukutshala ukungabaza ezi-ngqondweni zethu mayelana nokwamuke-lwa uBaba wethu osezulwini. Ufuna ukuse-nza sikholelwe ukuthi asikufanelekeli ukwa-mukelwa. Uvame ukwenza lokhu lapho si-ngenamandlasihlaselwe ukugula, ubuthakanoma ukuguga nalapho sinomuzwa wokubaizehluleki noma sidumazekile. Cabanga nge-ndaba yensizwa ogama layo uLucas, eyayizizwaingakufanelekeli ukwamukelwa uNkulunkulu.ULucas uthi abazali bakhe bashintsha kakhulungesikhathi esakhula, balahla izimiso zokuzi-phatha eziningi ababemfundise zona. Mhla-wumbe yikhona lokho okwenza kwaba nzima

    ngaye ukuba abe nobuhlobo noBaba wakheosezulwini. Ngaphezu kwalokho, uLucas ungu-muntu onamawala ngokwemvelo, ngakho wa-yevame ukungena ezinkingeni ikakhulukazilapho esebenzelana nabanye. Nokho, kanca-ne kancane, isineke somkakheuLucas ambizangokuthi isibusiso esikhethekile, isipho esi-vela kuNkulunkulunesikhuthazo kwamsizaukuba alawule ubuntu bakhe. Waqaphela uku-thi uKristu Jesu weza ezweni ezosindisa izo-ni. (1 Thimothewu 1:15) Uthi ukuzindla ngo-thando lukaNkulunkulu nokwamukelwa ngu-ye kumnikeze injabulo nokwaneliseka.

    Uma ngezinye izikhathi uzithola ungaba-za ukuthi uJehova uyakuthanda noma uya-kwamukela, kungase kukukhuthaze ukufundanokuzindla ngamaRoma 8:31-39. Kulo mBha-lo, umphostoli uPawulu usiqinisekisa ngo-kuthi akukho okungasihlukanisa nothandolukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi ye-thu.

    UNkulunkulu WobubeleUBaba wethu osezulwini uyakubona uku-

    hlupheka kwethu. UnguNkulunkulu wobube-le. (Luka 1:78) UJesu wabonisa ububele buka-Yise ngabantu abangaphelele. (Marku 1:40-42;6:30-34) AmaKristu eqiniso nawo alwela ukuli-ngisa ububele bukaBaba wawo osezulwini. Ala-lela iseluleko seBhayibheli sokuba nomusakomunye nomunye, enobubele besisa.Efesu4:32.

    Cabanga ngendaba yendoda okuthiwa uFeli-pe. Langa limbe isendleleni eya emsebenzini,yahlatshwa ubuhlungu obumangalisayo, kwa-ba njengokungathi kukhona oyigwaza emhla-ne. UFelipe waphuthunyiswa esibhedlela. Nge-mva kokuxilongwa amahora angu-8, odokote-la bagcina bethole ukuthi ulwelwesi lwanga-phakathi lomthambo i-aorta ludabukile. Bathiusalelwe imizuzu engu-25 kuphela ephila futhingeke kusasiza ngalutho ukumhlinza.

    Abanye abakhulekeli abakanye noFelipe ba-

    Bheka isahluko 24, esithi Akukho Lutho Olungasi-hlukanisa Nothando LukaNkulunkulu, encwadini ethiSondela KuJehova enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

  • INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012 21

    bekhona futhi ububele babo babashukumiselaukuba benze okuthile. Bahlela ngokusheshaukuba aphuthunyiswe kwesinye isibhedlela,lapho afike wahlinzwa khona ngokushesha fu-thi bahlala eduze kwakhe kwaze kwaphela.Ngokujabulisayo, uFelipe wasinda kuleso siga-meko. Uma ebheka emuva, uyabonga ngobu-bele abuboniswa abakhulekeli akanye nabo.Kodwa uyaqiniseka ngokuthi uYise osezulwi-ni owabashukumisa ukuba babonise ububele.UFelipe uthi: Kwakunjengokungathi uNku-lunkulu, njengobaba onothando, umi eduzekwami ukuze angiqinise. Ngempela, uJehovauvame ukubonisa ububele bakhe ngokushu-kumisa izinceku zakhe emhlabeni ukuba zibo-nise le mfanelo.

    UBaba Wethu UyasivikelaLapho ingane yethukile ibalekela kuyise

    ukuze ithole isivikelo. Izizwa iphephile la-pho uyise eyanga ngothando. UJesu wayeme-themba ngokuphelele uJehova njengomvike-li. (Mathewu 26:53; Johane 17:15) Nathi si-ngathola isivikelo kuBaba wethu osezulwini.Isivikelo esikhulu uJehova asinikezayo namu-hla esingokomoya. Ngamanye amazwi, usivi-kela ekonakalisweni ngokomoya ngokusihlo-misa ngesikudingayo ukuze sigweme izingozifuthi silondoloze ubuhlobo naye. Enye indlelaanikeza ngayo isivikelo iwukusinikeza iselule-ko esivela eBhayibhelini. Lapho sithola iselu-leko esinjalo, kuba njengokungathi uJehova

    uhamba emva kwethu, ethi: Nansi indlela.Hambani ngayoIsaya 30:21.

    Cabanga ngesibonelo sikaTiago nomfowabouFernando noRafael, ababengamalungu eqe-mbu le-rock-and-roll. Bajabula kakhulu ngesi-khathi bekhethelwa ukuyodlala umculo ehho-lo elidumile laseSao Paulo, eBrazil. Kwakubo-nakala sengathi impumelelo iyabalandela. No-kho, omunye umkhulekeli okanye nabo waba-xwayisa ngezingozi zokuzihlanganisa nalaboabaphila ngendlela engabonisi inhloniphongezindlela zikaNkulunkulu. (IzAga 13:20) Wa-khuluma ngeseluleko esisekelwe eBhayibhe-lini ngokubalandisa okwenzeka kuye uqo-bo. Umfowabo wayehileleke ezenzweni ezi-mbi ngenxa yokuzihlanganisa nabangani aba-bi. UTiago nabafowabo banquma ukuwuyekaumculo. Njengamanje bobathathu basenko-nzweni yamaKristu yesikhathi esigcwele. Ba-kholelwa ukuthi ukulalela isiluleko esitholaka-la eZwini likaNkulunkulu kwabavikela ekuli-maleni ngokomoya.

    UBaba Wethu Osezulwini UyasiyalaUbaba onothando uyaziyala izingane zakhe,

    ngoba unendaba nokuthi ziyokhula zibe aba-ntu abanjani. (Efesu 6:4) Ubaba onjalo angaqi-na, kodwa akalokothi abe nokhahlo lapho eya-la izingane zakhe. Ngokufanayo, uBaba we-thu osezulwini ngezinye izikhathi angakutho-la kufaneleka ukuba asiyale. Kodwa isiyalosikaNkulunkulu sihlale sinikezwa ngothando

    UJEHOVA UBONISA UTHANDO LWAKHEOLUNJENGOLUKABABA NGEZINDLELA EZININGI

    NGOKUSAMUKELA NGOKUSIBONISAUBUBELE

    NGOKUSIVIKELA NGOKUSIYALA NGOKUSISEKELANGOKWENYAMA

  • 22 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    futhi asinalo unya. NjengoYise, uJesu wayenge-nalo ukhahlo, ngisho nalapho abafundi be-ngasheshi ukusabela esiqondisweni.Mathe-wu 20:20-28; Luka 22:24-30.

    Phawula indlela indoda okuthiwa uRicar-do eyakwazisa ngayo ukuyalwa uJehovangothando. URicardo walahlwa ubaba wakheenezinyanga ezingu-7 kuphela. Lapho esevi-le eminyakeni eyishumi nambili wasizwa isi-khala sikayise. Waba nemikhuba emibi fu-thi unembeza wakhe waqala ukumhlupha.Eqaphela ukuthi ukuphila kwakhe akuhambi-sani nemithetho yobuKristu yokuziphatha,wanquma ukukhuluma nabadala ebandleni la-

    ngakubo. Abadala bamni-keza isiyalo esiqinile ko-dwa esinothando esiseke-lwe eBhayibhelini. URicar-do wasijabulela isiyalo ko-dwa waqhubeka ehlushwaunembeza ngalokho aye-kwenzilewayeqwasha,ekhala izinyembezi futhiecindezelekile. Ekugcine-ni, waqaphela ukuthi uku-yalwa kusho ukuthi uJeho-va usamthanda. URicardowakhumbula amazwi aku-

    maHebheru 12:6, athi: UJehova uyamyalalowo amthandayo.

    Kufanele sikhumbule ukuthi isiyalo sihile-la okungaphezu kwesijeziso noma ukusolwa.IBhayibheli liphinde lihlobanise isiyalo noku-qeqeshwa. UBaba wethu onothando angasiyalangokuvumela ukuba sibhekane nemiphumelaebuhlungu yamaphutha ethu okwesikhasha-na. Nokho, iBhayibheli lithi isiyalo sakhe siya-siqeqesha, sisisize ukuba siphishekele inkamboenhle. (Hebheru 12:7, 11) Yebo, uBaba wethuukhathazeke ngempela ngenhlalakahle yethufuthi usiyala ngokwenzuzo yethu.

    UBaba Wethu Unakekela IzidingoZethu Ezingokwenyama

    Ubaba onothando uyaqikelela ukuba anake-kele izidingo ezingokwenyama zomkhaya wa-

    khe. UJehova wenza okufanayo. UJesu wathi:UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidingazonke lezi zinto. (Mathewu 6:25-34) UJeho-va uyathembisa: Angisoze ngakushiya nomangikulahle nganoma iyiphi indlela.Hebhe-ru 13:5.

    Owesifazane okuthiwa uNice wafunda ubu-qiniso balawo mazwi lapho umyeni wakheephelelwa umsebenzi. Wayesanda kushiyaumsebenzi oholela kahle ukuze abe nesikhathiesengeziwe namadodakazi akhe amabili nese-nkonzo kaNkulunkulu. Kodwa manje base be-zophila ngani? Wathandaza kuJehova. Ngosu-ku olulandelayo, umyeni wakhe waphindelalapho ayesebenza khona eyolanda izinto za-khe. Wamangala lapho umphathi wakhe em-tshela ukuthi kunesikhala somsebenzi! Nga-kho umyeni kaNice walahlekelwa umsebenzinamuhla wawuthola ngakusasa. UNice nomye-ni wakhe babonga uBaba wabo osezulwini nga-lokho. Okuhlangenwe nakho kwabo kusikhu-mbuza ukuthi uMnakekeli wethu onothando,uJehova, akazikhohlwa izinceku zakhe ezithe-mbekile.

    Ukwazisa Uthando LukaBaba WethuYiqiniso, awekho amagama angachaza utha-

    ndo olumangalisayo lukaBaba wethu ose-zulwini! Uma sicabanga ngezindlela ezihlu-kahlukene abonakalisa ngazo uthando lwa-khengokusamukela, ngokusibonisa ububele,ngokusivikela, ngokusiyala nangokunakekelaizidingo zethusingaphetha ngokuthi ungu-baba ongcono kunabo bonke ongase ubacaba-nge!

    Singabonisa kanjani ukuthi siyalwazisauthando uBaba wethu osezulwini asiboniselona? Singenza umzamo wokufunda okwe-ngeziwe ngaye nangezinjongo zakhe. (Johane17:3) Singavumelanisa ukuphila kwethu ne-ntando nezindlela zakhe. (1 Johane 5:3) Singa-bonakalisa uthando lwakhe ngendlela esisebe-nzelana ngayo nabanye. (1 Johane 4:11). Nga-zo zonke izindlela, singabonisa ukuthi sibhekakuJehova njengoBaba wethu futhi sikubhekanjengelungelo ukuba izingane zakhe.

    Singabonisaukuthi sibheka

    kuJehovanjengoBabawethu futhi

    sikubhekanjengelungelo

    ukuba izinganezakhe

  • INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012 23

    Bobabili laba besifazane bakhungethwe usizi.Kwase kuyiminyaka eminingi uNawomi engu-mfelokazi, kodwa kulokhu ulilela okunye uku-felwaukushonelwa amadodana akhe amabi-li uKiliyoni noMahaloni. URuthe naye usosizi-ni. UMahaloni bekungumyeni wakhe. Yena no-Nawomi balibangise endaweni eyodwa, emziniwaseBhetlehema kwa-Israyeli. Nokho, izizathuzohambo lwabo azifani. UNawomi uphindelakubo. URuthe uya lapho engazi khona, ushi-ya umndeni wakubo, izwe lakubo nawo wonkeamasiko akhonakuhlanganise nonkulunkulubakhona.Ruthe 1:3-6.

    Yini eyayingenza owesifazane osemusha enzeushintsho olungaka? URuthe wayezokwazi ka-njani ukuqala ukuphila okusha aphinde anake-kele noNawomi? Izimpendulo zale mibuzo zi-zosisiza sibone ukuthi kuningi esingakulingisaokholweni lukaRuthe uMmowabikazi. Okokuqa-la, ake sibone ukuthi kwenzeka kanjani ukubalabo besifazane bazithole sebehamba kulowomgwaqo omude obheke eBhetlehema.

    Umndeni Uhlukaniswa UsiziURuthe wakhulela kwaMowabi, izwe elinca-

    ne elisempumalanga yoLwandle Olufile. Lesi si-funda sasinezihlahla ezinde ezithe gqwa gqwaemathafeni aphakeme ahlukaniswe imihoshaejulile. Indawo yakwaMowabi yayivame ukubaindawo enhle yokulima, ngisho nangesikhathiindlala idla lubi kwa-Israyeli. Eqinisweni, kula-

    pho lapho uRuthe abonana okokuqala noMaha-loni nomndeni wakubo.Ruthe 1:1.

    Indlala kwa-Israyeli yaphoqa umyeni kaNawo-mi, u-Elimeleki, ukuba athuthe umkakhe nama-dodana akhe amabili ezweni lakubo futhi ba-yohlala kwaMowabi njengabafokazi. Kumelweukuba ukuthutha kwabeka inselele okholwenilwelungu ngalinye lomkhaya, ngoba ama-Isra-yeli kwakudingeka akhulekele njalo endaweniengcwele eyayikhethwe uJehova. (Duteronomi16:16, 17) UNawomi wakwazi ukugcina ukhololwakhe luphila. Nakuba kunjalo, wezwa ubuhlu-ngu obukhulu lapho umyeni wakhe efa.Ruthe1:2, 3.

    Kungenzeka futhi ukuthi waphinde wezwaubuhlungu lapho amadodana akhe eshada nabe-sifazane bakwaMowabi. (Ruthe 1:4) UNawomiwayazi ukuthi ukhokho wesizwe sakubo, u-Abra-hama, wazikhandla kangakanani ukuze atholeleindodana yakhe, u-Isaka, umfazi phakathi kwa-bantu bakubo abakhulekela uJehova. (Genesise24:3, 4) Kamuva, uMthetho KaMose waxwayisaama-Israyeli ukuba angaganiselani ngamadoda-na nangamadodakazi awo kubantu bezizwe, ngo-ba lokho kwakuyoholela abantu bakaNkulunku-lu ekukhulekeleni izithombe.Duteronomi 7:3, 4.

    Bheka isihloko esithi Imibuzo Evela Kubafundi BaloMagaziniKungani UNkulunkulu Ayefuna Ukuba Aba-khulekeli Bakhe Bashade Kuphela Namakholwa AbakanyeNawo? ekhasini 29.

    LINGISA UKHOLO LWABO

    Lapho Uya Khona NgizoyaKhona NamiURUTHE uhamba noNawomi endleleni ende enqamula emathafeniaphakeme navunguza umoya akwaMidiyani. Babukeka beyizithunza-

    na njengoba bebodwa kula mathafa angodedangendlale. Mbone ngeso lengqondo uRu-the ebuka ilanga eseliyozilahla kunina, abese ebuka uninazala ezibuza ukuthi akungconoyini bathole indawo abazogoba kuyo amadlangala ngalobo busuku. Umthanda kakhuluuNawomi futhi angenza noma yini ukuze amnakekele.

  • Nakuba kunjalo, uMahaloni noKiliyoni basha-da nabesifazane bakwaMowabi. Kungakhathali-seki ukuthi uNawomi wayekhathazekile nomaedumazekile, kusobala ukuthi waqikelela ukuthiubonisa omalokazana bakhe, uRuthe no-Orpa,umusa wangempela nothando. Mhlawumbe wa-yethemba ukuthi ngelinye ilanga bayokhulekelauJehova njengaye. Kunoma yikuphi, uNawomiwayebathanda oRuthe no-Orpa. Ubuhlobo obu-hle ababenabo babasiza lapho kuhlasela usizi.Bobabili laba besifazane bashonelwa abayeni be-ngakabi nezingane.Ruthe 1:5.

    Ingabe onkulunkulu ayekhuliswe ngabo uRu-the bamhlomisela usizi olufana nalolu? Akubo-nakali kunjalo. AbakwaMowabi babekhulekelaonkulunkulu abaningi, owayevelele kubo kwa-kunguKemoshi. (Numeri 21:29) Kubonakala se-ngathi inkolo yakwaMowabi yayingene sh eze-nzweni zonya nezesabekayo ezazivamile ngalezozinsuku, kuhlanganise nokwenza umhlatshelongezingane. Noma yini uRuthe ayizwa ngoMa-haloni noma ngoNawomi mayelana noNkulu-nkulu ka-Israyeli, uJehova, onothando nesihe,yamenza wawubona umehluko. UJehova ubusangothando, hhayi ngendlakadla! (Duteronomi6:5) Ngemva kokulahlekelwa okubuhlungu, ku-ngenzeka ukuthi uRuthe wasondelana kakhulunoNawomi futhi wamlalela ngokuzimisela lowesifazane osekhulile njengoba ekhuluma naye

    Ngokuhlakanipha uRuthe wasondelakuNawomi ngesikhathi sosizi nokulahlekelwa

  • ngoNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova,imisebenzi yakhe emangalisayo, uthando lwa-khe nendlela asebenzelana ngayo ngesihe naba-ntu bakhe.

    Ngakolunye uhlangothi, uNawomi wayelanga-zelela ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani ezwenilenkaba yakhe. Mhlawumbe langa limbe umthe-ngisi ohambahambayo wamtshela ukuthi indla-la isiphelile kwa-Israyeli. UJehova useqalile uku-basiza abantu bakhe. IBetlehema lase liphinde la-lilandela igama lalo, elisho ukuthi Indlu Yesi-nkwa. UNawomi wanquma ukuphindela ekha-ya.Ruthe 1:6.

    Babezomisa kanjani oRuthe no-Orpa? (Ruthe1:7) Usizi lwabo lwase lubenze baba amathe noli-mi noNawomi. Ikakhulukazi uRuthe, kubonaka-la sengathi wayethathwe umusa kaNawomi ka-nye nokholo lwakhe olugxilile kuJehova. Baha-mba bobathathu laba bafelokazi uma beya kwa-Juda.

    Ukulandisa kukaRuthe kusikhumbuza ukuthiusizi nokufelwa kwehlela bonke abantu, abalu-ngile nababi. (UmShumayeli 9:2, 11) Kusiboni-sa nokuthi lapho sibhekene nosizi olungaphe-zu kwamandla, siyobe senza kahle uma sifunainduduzo nosizo kwabanyeikakhulukazi kula-bo abaphephela kuJehova, uNkulunkulu owaye-khulekelwa uNawomi.IzAga 17:17.

    Uthando Oluqotho LukaRutheNjengoba laba bafelokazi base behambe ama-

    khilomitha amaningi, uNawomi waqala ukukha-thazwa okuthile. Wayecabanga ngalaba besifaza-ne abasebasha ayehamba nabo nangothandoabambonise lona namadodana akhe. Wayenga-funi ukwenezela omunye umthwalo ekucindeze-lekeni kwabo. Uma behamba naye beshiya izwelakubo, babeyoba umtshingo ubethwa ubanieBetlehema?

    Ekugcineni, uNawomi wakhuluma nabo: Ha-mbani, buyelani emuva, yilowo nalowo endlinikanina. Kwangathi uJehova anganibonisa umusawothando, njengoba nje niwubonisile kimi na-semadodeni asefile. Wabuye wabaduduza ngo-kuthi uJehova uyobabusisa ngamanye amadodanokuphila okusha. Wayesebanga, ukulandisakuthi, baphakamisa amazwi abo bakhala. Ku-lula ukubona ukuthi kungani uRuthe no-Orpabazizwa besondelene kangaka nalo wesifazaneonenhliziyo enhle nongazicabangeli yena ku-phela. Bobabili babelokhu bethi kuye: Cha, si-zobuyela nawe kubantu bakini.Ruthe 1:8-10.

    Nokho, uNawomi akavumanga kalula. Waba-chazela ukuthi kuncane kabi ayezokwazi ukube-nzela kona kwa-Israyeli, kwazise wayesengumfe-lokazi ongenabani, engenawo namadodana azo-bashada futhi lingekho nethemba lokuthi ku-yoke kulunge. Wabatshela ukuthi ukwehluleka

    Abantu bakini bazobangabantu bakithi,noNkulunkulu wakho abenguNkulunkulu wami

    25

  • kwakhe ukubanakekela kwakuyisizathu sange-mpela sokuba abe nomunyu.Ruthe 1:11-13.

    U-Orpa wabona ukuthi uNawomi ukhulumaiqiniso. Wayenomndeni lapha kwaMowabi, eno-nina futhi enekhaya elizomamukela. Kwabo-nakala ukuthi ngempela kunengqondo ukusalakwaMowabi. Ngakho ezwa ubuhlungu bokwe-hlukana, wanga uNawomi wabe esevalelisa, wa-phindela emuva.Ruthe 1:14.

    Wayezokwenzenjani uRuthe? Phela okushiwouNawomi kwakusebenza nakuye. Nokho, siyafu-nda: Kepha uRuthe, wanamathela kuye. Ku-ngenzeka ukuthi uNawomi wayesephinde wa-qhubeka nohambo lapho ethi jeqe emuva ebo-na uRuthe emlandela. Waphinde wabonisananaye: Bheka! Umnakwenu ongumfelokazi ubu-yele kubantu bakubo nakonkulunkulu bakhe.Buyela emuva nomnakwenu ongumfelokazi.(Ruthe 1:15) Amazwi kaNawomi amembulelaiqiniso elibalulekile umfundi. U-Orpa wayenga-phindeli nje kuphela kubantu bakubo kodwanakonkulunkulu bakhe. Kwakumenelisa uku-qhubeka ekhulekela uKemoshi nabanye onkulu-nkulu bamanga. Ingabe noRuthe wayezizwa nga-leyo ndlela?

    Njengoba base bebodwa kulowo mgwaqoothule, uRuthe wayeqiniseka ngendlela azi-zwa ngayo. Wayemthanda uNawominoNkulu-nkulu owayekhonzwa uNawomi. Ngakho wathi:Ungangincengi ukuba ngikushiye, ukuba ngi-buyele emuva ngingahambi nawe; ngoba laphouya khona ngizoya khona nami, nalapho ulalakhona nami ngizolala khona. Abantu bakini ba-zoba ngabantu bakithi, noNkulunkulu wakhoabe nguNkulunkulu wami. Lapho ufela kho-na nami ngiyofela khona, futhi yilapho ngiyo-ngcwatshwa khona. Sengathi uJehova angenzakanjalo kimi futhi anezele kukho uma minanawe siyohlukaniswa enye into ngaphandle ko-kufa.Ruthe 1:16,17.

    Amazwi kaRuthe ayaphawulekakangango-kuba abantu basawakhumbula nakuba sekwa-dlula amakhulu angu-30 eminyaka awasho. Aye-mbula ngendlela ecacile imfanelo eyigugu, utha-ndo oluqotho. Uthando lwakhe lwaluqinilefuthi luqotho kangangokuba wayeyonamathe-la kuNawomi kungakhathaliseki ukuthi uyaphi.Ukufa kuphela okwakungabahlukanisa. Aba-ntu bakubo kaNawomi babezoba abakhe, ngobauRuthe wayezimisele ukushiya konke ayekwazikwaMowabingisho nonkulunkulu bakwaMo-wabi. Ngokungafani no-Orpa, uRuthe wayenga-sho ngenhliziyo ephelele ukuthi ufuna uNkulu-nkulu kaNawomi, uJehova, ukuba abe uNkulu-nkulu wakhe.

    Ngakho baqhubeka nohambo lwabo bebabilinje emgwaqeni omude obheke eBhetlehema.Ukusikisela okuthile kuthi kungenzeka lolu ha-mbo lwathatha isonto lonke. Nokho, esiqinisekangakho ukuthi baduduzana kulolu sizi ababe-bhekene nalo.

    Abantu abaningi kuleli zwe babhekene nosizi.Ezinsukwini zethu, iBhayibheli elizibiza ngoku-thi izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekananazo, sihlangabezana nazo zonke izinhlobo zo-kulahlekelwa kanye nosizi. (2 Thimothewu 3:1)

    Kuyaphawuleka ukuthi uRuthe akazange nje agcinengokusebenzisa isiqu esithi Nkulunkulu njengoba kwa-kungenza abantu bezizwe abaningi; kodwa wasebenzisanegama likaNkulunkulu uqobo elithi Jehova. I-InterpretersBible iyaphawula: Ngakho umbhali ugcizelela ukuthi lomuntu wezizwe wayengumlandeli kaNkulunkulu weqini-so.

    Incwadi kaRuthe iye yachazwa njengetshe eli-ncane eliyigugu, incwadi encane yobungcwe-ti. Kuyavunywa, incwadi kaRuthe ayikufakiukwaziswa okuhlukahlukene okusisiza sitholeizikhathi okwenzeka ngazo lezi zenzakalo nje-ngencwadi yabaHluleli eyandulelayo. (Ruthe1:1) Zombili lezi zincwadi zalotshwa umprofe-thi uSamuweli. Nokho, njengoba ufunda iBha-yibheli, uzovuma ukuthi incwadi kaRuthe ifa-kwe endaweni efanele ohlwini lwezincwadizeBhayibheli. Ngemva kokufunda ngezimpinokuhlasela okulotshwe kubaHluleli, ufikaencwadini encane esikhumbuza ukuthi uJeho-va akakhohlwa abantu abanokuthula ababhe-kene nezinkathazo zansuku zonke. Le ndabaelula ekhuluma ngokuphila komndeni isinike-za isifundo esibalulekile ngothando, ukulahle-kelwa, ukholo nokuba qotho okungasizuzisasonke.

    Incwadi Encane Yobungcweti

  • Khona-ke, imfanelo esiyibona kuRuthe ibalulekekakhulu kunanini ngaphambili. Uthando oluqo-thouhlobo lothando olunamathela entwenifuthi lungafuni ukuyidedelaluyikhambi elina-mandla kuleli zwe elimbozwe ifu elimnyama. Si-yaludinga emshadweni, ekuphileni komndeni,ebunganini nasebandleni lobuKristu. Njengobasihlakulela lolu hlobo lothando, siyobe silingisaisibonelo esivelele sikaRuthe.

    URuthe NoNawomi EBhetlehemaUkusho ngomlomo ukuthi unothando oluqo-

    tho akufani nokwenza izinto ezibonisa ukuthiunayo ngempela le mfanelo. URuthe walitholaithuba lokubonisa uthando lwakhe oluqotho,hhayi nje kuphela kuNawomi kodwa nakuNku-lunkulu azikhethela yena, uJehova.

    Laba besifazane ababili bagcina befikile eBe-tlehema, umuzi oqhele cishe ngamakhilomi-tha ayishumi eningizimu yeJerusalema. Ku-bonakala sengathi uNawomi nomndeni wa-khe bake bavelela kulo muzi omncane, ngobaizindaba zokubuya kukaNawomi zabhebhethe-ka ngokushesha. Abesifazane babembuka bese

    bethi, Akuyena yini uNawomi lo? Kusobalaukuthi ukuhlala kwakhe kwaMowabi kwase ku-mshintshe kakhulu; ubuso bakhe nokubukekakomzimba kwakusho ukuthi miningi iminya-ka yokukhandleka nosizi adlule kuyo.Ruthe1:19.

    UNawomi wachazela izihlobo zakhe zabesifa-zane nomakhelwane ukuthi ibe muncu kanjaniiminyaka edlule ekuphileni kwakhe. Waze wabanomuzwa wokuthi igama lakhe elithi Nawomi,elisho Injabulo, kufanele lishintshe libe ngu-Mara, okusho Umunyu. Yeka isimo esidabuki-sayo! Cishe njengoba kwenza uJobe ngaphambi-li, naye wayekholelwa ukuthi ubunzima bakhebuvela kuJehova uNkulunkulu.Ruthe 1:20, 21;Jobe 2:10; 13:24-26.

    Njengoba base bezinza eBetlehema, uRuthewaqala ukucabanga ukuthi iyiphi indlela aye-ngazinakekela ngayo enoNawomi. Wezwa uku-thi uMthetho uJehova ayewunike abantu bakhekwa-Israyeli wawuhlanganisa nelungiselelo lo-thando ngabampofu. Babevunyelwe ukungenaemasimini ngenkathi yokuvuma balandele aba-vuni, bacoshe izinsalela futhi bavune nalokho

    URuthe wayezimisele ukwenza umsebenzi onzima nophansi ukuze anakekele yena noNawomi

    27

  • 28 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    okumila emaphethelweni ensimu.Levitikusi19:9,10; Duteronomi 24:19-21.

    Kwakuyisikhathi sokuvunwa kwebhali, cishengo-Aprilngokwekhalendalanamuhla, futhiuRu-thewayaemasiminieyohlolaukuthiubaniowaye-zovuma angene ensimini yakhe ngokuvumelananelungiselelo lokukhothoza. Wazithela emasimi-ni endoda ogama layo linguBhowazi, umnika-zi wezwe ocebile nesihlobo somyeni kaNawomi,u-Elimeleki. Nakuba uMthetho wawumnika igu-nya lokukhothoza, akazange amane azingeneleensimini; wacela imvume ensizweni eyayibekwephezu kwabavuni. Yamvumela, uRuthe wabe ese-ngena emsebenzini.Ruthe 1:222:3, 7.

    Mbone ngeso lengqondo uRuthe elandela aba-vuni ngemuva. Njengoba besika ngamasikela abo,uyagoba ukuze acoshe okuwayo noma okusalayo,uhlanganisa izikhwebuazenze izithungo,bese ezi-tshatha ayozibeka lapho azobhula khona okusa-nhlamvu. Lo msebenzi wawudinga isineke, ukha-ndla futhi uya uba nzima njengoba kuphakamailanga. Noma kunjalo uRuthe waqhubeka, ephu-mula kuphela ukuze asule izithukuthuku futhiathibe nephango endliniokungenzeka iqhu-gwana elalakhelwe ukunikeza izisebenzi ithunzi.

    Cishe uRuthe wayengalindele ukuthi kunga-ba khona omnakayo noma omqaphelayoko-dwa ukhona owayemnakile. UBhowazi wambonawabe esebuza insizwa eyinduna ukuthi ungubani.Indoda enokholo oluphawulekayo, uBhowazi, ya-bingelela izisebenzi zayookungenzeka phakathikwazo kwakukhona izisebenzi zosuku noma ezi-vela kwezinye izizwengala mazwi: UJehova abenani. Nazo zaphendula ngendlela efanayo. Lendoda endala ethanda uNkulunkulu yaba nesi-thakazelo esinjengesikababa kuRuthe.Ruthe 2:4-7.

    Yabiza uRuthe ngokuthi ndodakazi, futhiyamyala ukuba aqhubeke ekhothoza emasiminiakhe, ahambeeduzekwamantombazane asemziniwakhe ukuze kungabikho ndoda eyisisebenzi em-

    Kwakuwumthetho ocabangelayo, ongekho onjenga-wo ezweni lakubo kaRuthe. Ngalezo zinsuku eMpumala-nga Eseduze, abafelokazi babephathwa kabi. Enye incwadiithi: Ngemva kokufa komyeni wakhe, umfelokazi wayeva-me ukuthembela emadodaneni akhe ukuba amnakekele;uma engenawo, wayengase azithengisele ebugqilini, nomaaphendukele ekuthengiseni ngomzimba noma afe.

    khathazayo. UBhowazi waqiniseka ukuthi uRutheuyakutholaokuyangasethunjini.Nokho,ngaphe-zu kwakho konke wamncoma futhi wamkhutha-za. Wakwenza kanjani lokho?Ruthe 2:8, 9,14.

    Ngesikhathi uRuthe ebuza uBhowazi ukuthiyini ayenzile emenza afanelekele lo musa ebe eyi-sihambi,waphendulangokuthiwayekuzwekonkeakwenzele uninazala uNawomi. Kumelwe ukubauNawomi wayemncoma lapho ephakathi kwa-besifazane baseBhetlehema, futhi lokho kwazekwafika nasezindlebeni zikaBhowazi. Wayazi fu-thiukuthiuRuthewayephendukeleekukhulekele-ni uJehova, ngoba wathi: Kwangathi uJehovaangayivuza indlela owenza ngayo, futhi kwanga-thi ungaba nenkokhelo ephelele evela kuJeho-va uNkulunkulu ka-Israyeli, oze ukuzofuna isi-phephelo ngaphansi kwamaphiko akhe.Ruthe2:12.

    Yeka ukuthi lawo mazwi amkhuthaza kanjaniuRuthe! Impela ilokho kanye ayenqume ukukwe-nza,ukufuna isiphephelongaphansikwamaphikokaJehova uNkulunkulu, kuhle kwephuphu elica-shengaphansikwamaphiko kaninaavikelayo.Wa-mbonga uBhowazi ngokukhuluma amazwi akhu-thazakangaka.Futhiwaqhubekaesebenzaensimi-ni kwaze kwahlwa.Ruthe 2:13,17.

    Ukholo lukaRuthe olunemisebenzi luyisibone-lo esivelele kithi namuhla esibhekene nalezi zi-khathi ezinzima zomnotho. Akazange acabangeukuthi abanye bamkweleta okuthile, ngakho wa-yazisa nomayini ayenikwayona.Akazange abe na-mahloni okusebenza kanzima amahora amaningiukuze anakekele umuntu amthandayo, nakuba lomsebenzi wawuphansi. Wasamukela ngokubongaiseluleko sokuthi asebenze kanjani ngokuphephafuthi azihlanganise nabantu abahle. Okubalulekenakakhulu, akazange alahlekelwe umbono woku-thi sikuphi ngempela isiphephelo sakhe seqini-sokuBaba wakhe ovikelayo, uJehova uNkulu-nkulu.

    Uma sibonisa uthando oluqotho njengoRuthefuthi silandele isibonelo sakhe sokuthobeka, uku-khuthala nokwazisa, ukholo lwethu luyoba yisi-boneloesivelelekwabanye.Nokho,uJehovawaba-nakekela kanjani oRuthe noNawomi? Sizoxoxangale ndaba ezihlokweni ezilandelayo zalolu chu-ngechunge.

  • UMthetho kaNkulunkulu esizweni sakwa-Israyeliwawuhlanganisa nalo mthetho ngabantu bezizweezazibazungezile: Akumelwewakhe ubuhlobo bom-shado nazo. Indodakazi yakho akumelwe uyinikeindodana yakhe, nendodakazi yakhe akumelwe uyi-thathele indodana yakho. (Duteronomi 7:3, 4) Ku-ngani kwamiswa lo mthetho?

    Uma siyibheka ngeso elibanzi le ndaba, uJehovawayazi ukuthi uSathane ufuna ukonakalisa abantu ba-Khe ngokubenza bakhulekele onkulunkulu bamanga.NgakhouNkulunkulu waqhubekaebaxwayisa ngoku-thi abangakholwa bayophendula amadodana aboangabe esamlandela, ngokuqinisekile akhonze aba-nye onkulunkulu. Kuningi okwakuhilelekile. Umaisizwe sakwa-Israyeli siwela ekukhulekeleni abanyeonkulunkulu, sasiyolahlekelwa umusa wakhe nesivi-kelo sakhe, kanjalo sibe isisulu esilula sezitha zaso.Uma sekwenzeke lokho, ingabe isizwe sasisayokwaziukuveza uMesiya? Ngokusobala, uSathane wayenesi-zathu sokuyenga ama-Israyeli ukuba ashade naba-ngakholwa.

    Uma siyibuka ngelinye iso, khumbula ukuthi uNku-lunkulu wayebakhathalela abantu bakhe ngabanye.Wayazi ukuthi injabulo nenhlalakahle yomuntu nga-munye kubo ixhomeke ekubeni nobuhlobo obuhlenaye njengoNkulunkulu wabo. Ingabe sasikhona isi-zathu sokuba uJehova akhathazeke ngezingozi zoku-shada nomuntu ongakholwa? Cabanga ngesiboneloseNkosi uSolomoni. Yayisazi isixwayiso sikaJehovangamakhosikazi angakholwa: Ayochezukisa inhliziyoyenu ukuba ilandele onkulunkulu bawo. Ngenxa yo-kuthi wayeyindoda ehlakaniphe ngokumangalisayo,mhlawumbe waba nomuzwa wokuthi akasidingi ise-luleko sikaNkulunkulu nokuthi asisebenzi kuye. Wasi-shaya indiva lesi siyalo. Waba yini umphumela? Ka-ncane kancane abafazi bakhe bayichezukisa inhliziyoyakhe . . . ukuba ilandele abanye onkulunkulu. Yekainhlekelele! USolomoni walahlekelwa umusa kaJeho-va futhi abantu bakhe bahlukana ngenxa yokunga-thembeki kwakhe.1 AmaKhosi 11:2-4, 9-13.

    Abanye bangase bathi lokhu akwenzeki kuwo wo-nke umuntu. Ingani uMahaloni ongumIsrayeli wa-

    shada noRuthe onguMmowabikazi, futhi waba um-khulekeli kaNkulunkulu omuhle kakhulu. Kodwaukushada nabesifazane bakwaMowabi kwakuyingo-zi. UMahaloni akazange anconywe ngokushada no-Mmowabikazi; wafa esemncane, cishe ngaphambikokuba uRuthe abize uJehova ngokuthi uNkulunkuluwakhe. Umfowabo kaMahaloni, uKiliyoni, washadano-Orpa uMmowabikazi, owaqhubeka enamathelekonkulunkulu bakhe. Ngakolunye uhlangothi, uBho-wazi washada noRuthe ngemva kwesikhathi esithileebe ikholwa. Empeleni, kamuva amaJuda ambhekanjengomproselithe ophelele. Umshado kaRuthe no-Bhowazi wawuyisibusiso kubo bobabili.Ruthe 1:4,5,15-17; 4:13-17.

    Ngakho, kuwukuhlakanipha yini ukuphetha ngo-kuthi isibonelo sikaMahaloni noRuthe siyaphikisa-na neseluleko sikaJehova sokushada kuphela nama-nye amakholwa? Ukucabanga kanjalo bekungeke yinikwafana nokukhomba umgembuli owine isizumbulusemali, bese ugomela ngokuthi kumelwe ukuba uku-gembula iyona ndlela eyamukelekayo yokuziphilisa?

    IBhayibheli likhuthaza amaKristu namuhla ukubaashade kuphela eNkosini. Lisikhuthaza ukuba si-ngaboshelwa ejokeni nabangakholwa. Iseluleko esi-njalo siqondiswe kumaKristu eqinisoafuna ukushada.Kulabo asebeshade nabangakholwa kakade, iBhayi-bheli linikeza iseluleko esiwusizo endleleni abange-nza ngayo leso simo esinzima sibe ngcono. (1 Korinte7:12-16, 39; 2 Korinte 6:14) Zonke lezi zeluleko ziboni-sa ukuthi uJehova uNkulunkulu, uMsunguli womsha-do, ufuna ukuba sijabule njengabakhulekeli bakhekungakhathaliseki ukuthi sishadile noma cha.

    IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI BALO MAGAZINI . . .

    Kungani uNkulunkulu ayefuna abakhulekeli bakhebashade kuphela namakholwa abakanye nawo?

  • 30 INQABAYOKULINDA JULY 1, 2012

    HLAZIYA IZIGCAWU.FUNDA EYOKU-1 AMAKHOSI 21:1-26.

    Ucabanga ukuthi babebukeka kanjani abalingiswa abane okukhulunywa ngabo kulendaba?

    U-Ahabi UJezebeli UNabhoti U-Eliya

    Yimuphi umuzwa owutholayo emazwini kaJezebeli no-Ahabi emavesini 5-7?

    Njengoba ubuka ngeso lengqondo, ungasichaza kanjani isiphithiphithi okukhulunywangaso evesini 13?

    Yimuphi umuzwa owuthola emazwini ka-Eliya no-Ahabi lapho bekhuluma emavesini20-26?

    CWANINGISISA.

    Iyiphi imfanelo noma izimfanelo ezibonakaliswa uJezebeli emavesini 7 no-25?

    Iyiphi imfanelo noma izimfanelo ezibonakaliswa u-Ahabi evesini 4?

    Ukuze athole isivini sikaNabhoti obani abanye okwakufanele u-Ahabi ababulale? (Fu-nda eyisi-2 AmaKhosi 9:24-26.)

    EZENTSHA

    UNkulunkulu OzondaUkungabi NabulungisaIziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo,zibone umile ubukela njengoba kwenzeka lezi zenzakalo. Sibone ngesolengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo.Yenza le ndaba iphile.Abalingiswa abasemqoka: U-Ahabi, uJezebeli, uNabhoti no-EliyaIndaba efinqiwe: UJezebeli ubangela iNkosi u-Ahabi ukuba ibulale ukuzeithole isivini.

  • UJehova wayembheka kanjani u-Ahabi? (Phindaufunde amavesi 25 no-26. Bheka futhi eyoku-1 Ama-Khosi 16:30-33.)

    SEBENZISA LOKHO OKUFUNDILE. BHALALOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .

    Nokunaka kukaJehova izenzo zokungabi nabulu-ngisa.

    Nendlela uJehova azizwa ngayo ngalabo abayebaphathwa ngokungenabulungisa.

    Nendlela uJehova abonisa ngayo ukuthi ungu-Nkulunkulu wobulungisa. (Funda uDuteronomi32:4.)

    INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.

    Abanye namuhla bangawubonisa kanjani umoyaofana nokaJezebeli? (Funda IsAmbulo 2:18-21.)

    Kukuziphi izimo lapho kungase kudingeke uboniseisibindi esifana nesika-Eliya?

    Yini ongaqiniseka ngayo lapho ubona ukungabi na-bulungisa noma uphathwa ngokungenabulungisa?

    YINI EKUHLABE UMXHWELE NGALOKHUKULANDISA, FUTHI NGANI?

    Zama lokhu: Yenza lokhu kulandisa kube umbikowezindaba. Bika lesi senzakalo futhi wenze sengathiuxoxa nabalingiswa abasemqoka nalabo abazibone-le ngawabo.

    NGENA KU-www.jw.org

    FUNDA IBHAYIBHELIKUYI-INTERNET

    KOPISHA NOMAUPRINTE LESI SIHLOKO

  • Ngisho nakuleli zwe elinezinkathazo, ungathola injabulo ngokuba nolwazi lweBhayibheli olunembile ngo-Nkulunkulu, uMbuso wakhe nenjongo yakhe emangalisayo ngesintu. Uma ungakujabulela ukuthola ukwazi-swa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile akuvakashele ekhaya azokuqhubela isifundo seBhayibhe-li samahhala, siza ubhalele OFakazi BakaJehova ekhelini elifanele ekhasini 4.

    www.jw.org wp12 07/01-ZU

    Ungakujabulela ukuvakashelwa?

    Uma uNkulunkulu eyilalela imithandazo yethu, kunganievumela ukuhlupheka? BHEKA AMAKHASI 6-8.

    Yini eyasiza owesifazane ePhilippines ukuba ayeke ukudakwafuthi athuthukise ukuphila komkhaya wakhe?BHEKA AMAKHASI 12-13.

    Uma uJehova ethethelela, ingabe uyakhohlwa?BHEKA IKHASI 18.

    Sifundani othandweni nasekuthembekeni kowesifazaneolungile uRuthe? BHEKA AMAKHASI 23-28.