ukuqonda - home | national prosecuting authority of … yini ukuqhubeka nophenyo) i-npa inquma...
TRANSCRIPT
Ukuqondaukusebenza koHlelo loMthetho
Olwa Nobugebengu
00
04
82
ZU
L
isiZulu
Ibhalwe yi-National Prosecuting Authority (NPA), Ucingo. 27 12 845 6000
Ishicilelwe yi-Jacana Media, PO Box 291784 Melville 2109, Ucingo. 27 11 628 3200
© National Prosecuting Authority, 2008I-edishini 1, ka 2008
ISBN 978-1-77009-549-6Ihunyushwe ngu-Phindiwe Sangweni, Multilingua Translation/Interpretation Services
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 1-2 6/11/08 2:08:48 PM
c 1
1
Indlela yokuyisebenzisa
Lencwadi ibhalwe uMnyango weZobushushisi (National Prosecuting Authority - NPA) ukusiza abantu abahlaselwe noma aba-ngofakazi kumacala obugebengu. I-NPA ifuna ukugwema ukuthi abahlaselwe ubugebengu baphinde bathole amanye amachaphazela ngalokho. I-NPA ifuna ukuthi ababekwe amacala babhekane namacala abo ngokweqiniso enkantolo futhi baphendule ngobelelesi babo.
Uma udinga ukuya enkantolo, sizokusiza ukuthi ukuqonde kangcono okuzobe kwenzeka ngesikhathi kuqulwa icala.
Ungibheke bo!Igama lami nginguMpho. Uze ungibheke bo encwadini ngoba ngizobe ngikukhombisa izinto okufanele uzikhumbule.
Izincazelo zamagamaManingi amagama asetshenziswayo enka-ntolo ongase ungawaqondi. La magama abhalwe ngokugqamile encwadini futhi achaziwe ezansi nekhasi ukuthi asho uku-thini. Kunamanye futhi amagama ema-khasini 29–31. Qala ngokulufunda loluhla lwala magama ngaphambi kokuya enkan-tolo, ukuze ukuqonde kangcono okwenze-kayo. Nemibuzo ebhekiswe kuwe uyobe uyilungele kangcono.
Okuqukethwe
Isingeniso . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 2
I-Batho Pele . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 4
Kungabe lusebenza kanjani uhlelo lobulungiswa obulwa nobugebengu? . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 5
Amalungelo abantu abathole isihluku nofakazi . . . . . . . . . . . . . . 8
Umsebenzi osemahlombe kamshushisi . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 10
Kwenzekani kuwe? . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 12
Okwenzeka enkantolo . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 14
Ukuziphatha kahle . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 18
Indluzula nokuhlukumezeka . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 20
Ezesondlo. . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 22
Uhlelo lokuVikelwa koFakazi . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 24
Amasu okuvimba ubugebengu . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 27
Izinhlobonhlobo zezinkantolo . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 28
Amagama asetshenziswa enkantolo . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 29
Izinombolo eziwusizo . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . . 32
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 3-1 6/11/08 2:08:53 PM
� �
INHLOSOMBONO KA-NPA Ubulungiswa emphakathini ukuze abantu baphile ngokukhululeka
nokuvikeleka.
Isingeniso
Ngicela ukukwazisa ngeHhovisi leZobushushisi (NPA) nangomsebenzi wethu njengabammeli babantu.
Sihlanganise uhlelo olubizwa ngeLisu-Mgomo 2020 lika-NPA (NPA Strategy 2020), elimayelana nendlela yokubhekana nobugebengu nokuhlinzeka ubulungiswa ukuze abantu baphile ngenkululeko nokuvikeleka. Inhloso yethu ukwakha iNingizimu Afrika ephephile nevikeleke kangcono:
Sidinga ukuthi uze enkantolo uzokwethula ubufakazi. Ngiyabonga kakhulu ngokunikela ngesikhathi sakho ukuzokwenza lokhu. Lokhu kwenza umphakathi wakho ube yindawo ephephile kuwe, kumndeni nabangane bakho, nabo bonke abantu abaphila kulowo mphakathi.
I-NPA iyingxenye yohlelo lobulungiswa lokulwa nobugebengu eNingizimu Afrika. Senza isiqiniseko sokuthi kunobulungiswa kubantu abahlaselwe ubugebengu. Njengabammeli babantu, umsebenzi wethu ukubhekela abantu abahlaselwe ubugebengu nokukhusela umphakathi. Sisebenzisana nozakwethu – amaphoyisa, iziphathimandla zamajele, uMnyango weZobulungiswa nabanye – ukugwema nokuxazulula ubugebengu. I-NPA lokhu ikwenza ngokushushisa ukuqulwa kwamacala ezaphula mthetho futhi lokhu ikwenza ngaphandle kokwesaba, ukwenzelela nezinsolo ngokubi.
Ngithatha lelithuba ukukuqinisekisa ngokuzinikela kwethu kumsebenzi wokunisebenzela, nokubamba iqhaza ekwakheni impilo engcono kubo bonke.
Advocate Joseph Mokotedi MpsheUmbambeli KaMqondisi Wezokushushisa kuZwelonke
Ngesikhathi uyifunda le ncwadi, uzofunda kabanzi:
Ngohlelo lwezobulungiswa eNingizimu Afrika
Ngamalungelo akho njengohlaselwe ubugebengu nanjengofakazi
Ngokwenzekayo ezinkantolo
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 2-3 6/11/08 2:08:58 PM
� �
I-Batho Pele Igama elithi “Batho Pele” liyigama lesiSuthu elisho ukuthi “abantu ku-qala”. I-Batho Pele, iwuhlelo lukaHulumeni lokuqinisekisa ukuthi umphakathi wonkana, uthola ukusizakala okuseqophelweni eliphezulu. Lokhu kubandakanya abantu abasebenzisa nabasetshenzelwa i-NPA engummeli wabantu.
Uma senza umsebenzi ogculisayo, kusho ukuwenelisa amakhasimende ethu. Bonke abasebenzi bakahulumeni kufanele bawulandele futhi bazigcine izimiso mgomo zeBatho Pele (bona ngezansi).
I-Batho Pele ithi umshushisi kufanele:
ahlale njalo ebonisana namakhasimende amise amazinga okufanele kusetshenzwe ngawo andise amathuba okutholakala kosizo aqinisekise ukuthi kunesizotha ahlinzeke ulwazi oluningi nolungcono ngezinsizakalo azicacise izinsizakalo (ukuphumela obala) akhulume nawe futhi axolise ngamaphutha umsebenzi wakhe ube sezingeni eliphezulu
Umthombo: DPSA, 1996
umshushisiumuntu obeka icala kumsolwa (ubuye abizwe ngomshushisi wombuso noma umshushisi kahulumeni)
amaphoyisainhlangano ezama ukubamba izigebengu neqikelela ukuthi abantu bayawulalela umthetho
ukuphenyaukuthola indaba neqiniso ngento ethize
ukushushisaukumbeka nokumqulisa icala enkantolo kumuntu owephule umthetho
umahluleli wecala umuntu oyimantshi noma oyijaji olalela icala
Kungabe lusebenza kanjani uhlelo lobu-lungiswa obulwa nobugebengu?
Uhlelo lobulungiswa obulwa nobugebengu eNingizimu Afrika
lunezingxenye eziyisithupha:
2. Abezokushushisa – bayanquma ukuthi icala
maliqulwe noma cha. Baziwa ngokusemthethweni njenge-NPA.
6. Umgcini-hhovisi wovivinyo-similo/
umsebenzi wezenhlalakahle – uhlinzeka izinsizakalo zezenhlalakahle kubantu
abampofu nabanobuthaka. Baziwa ngokusemthethweni
njengoMnyango wezeNhlakakahle (DSD).
4. UMnyango weZobulungiswa – uhlinzeka ubulungiswa
obutholakala kalula nobunohlonze kuwonke wonke.
Waziwa ngokusemthethweni njengoMnyango weZobulungiswa nokwakhiwa koMthethosisekelo
(DOJ&CD).
1. Amaphoyisa – avimba ubugebengu, aphenye
ubugebengu, futhi abambe abasolwa bobugebengu. Igama
elisemthethweni abaziwa ngalo abeZamaphoyisa eNingizimu
Afrika (SAPS).
3. Umahluleli/abezokwahlulela – banquma ukuthi obekwe icala umsulwa noma unecala. Babuye
banqume nangesigwebo esifanele onecala.
5. Ezamajele – ziqinisekisa ukuthi izigwebo
ziyagcinwa. Amajele azama ukuhlumelelisa izimilo zezigebengu ezigwetshiwe
ezingaphansi kwawo. Zaziwa ngokusemthethweni njengoMnyango weZamajele
(DCS).
izigweboinhlawulo efanelekile ekhishwa umahluleli
ukuhlumelelisa isimiloukwelekelela isigebengu sibuyele ekubeni nobuqotho sisebenze ngokunosizo
umgcini-hhovisi wovivinyo-similoumuntu onomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi umvivinywa-similo uziphethe kahle
obuthakaosethubeni elilula lokuhlumezeka
abezokwahlulelakumaqondana nezinkantolo
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 4-5 6/11/08 2:09:01 PM
� �
Izinyathelo zokuqinisekisa ukusebenza koHlelo loBulungiswa Bokulwa Nobugebengu:
Ukubikwa kobugebengu esiteshini samaphoyisa
Amaphoyisa avula idokodo aphenye icala
Idokodo lithunyelwa enkantolo (umshushisi anqume ukuthi kusadingeka yini ukuqhubeka nophenyo)
I-NPA inquma ukuthi icala maliqulwe noma cha
Uma inquma ukungashushisi, yingoba kuyicala elintengantengayo
(ubufakazi bungenele)
Uma benquma ukushushisa, icala liya
enkantontolo ukuze umuntu abekwe icala
Umshushisi anganquma ukuthi
icala lakho lixazululwe ngenye indlela
Enkantolo, ummangalelwa angasifaka isicelo sokudelelwa ngebheyili
(ngesikhathi esalinde ukuphela kwecala); kuba nesicelo sebheyili emva kwalokhu
Umshushisi uyena oqalayo ukubiza ofakazi abazokwethula ubufakazi bokuthi ummangalelwa unecala
Ummangalelwa/ummeli wakhe naye angase abize abakhe ofakazi noma ethule obakhe ubufakazi
Emveni kokuzwakala kwawo womabili amacala, umahluleli uyanquma ukuthi ummangalelwa unecala noma akanacala
Uma enecala, ummangalelwa ube esegwetshwa umahluleli
Icala lingase lihlehliswe kaningana ukuze kuqoqwe obunye ubufakazi, noma
lihlehliselwe ukuthi umsolwa/afune ummeli
Inkantolo ingase ikhiphe ezinye izigwebo ngaphandle
kokubhadla ejele noma ukukhokha inhlawulo
Uma egwetshwe ukukhokha inhlawulo noma isinxephezelo,
imali ikhokhelwa ehhovisi likamabhalane wenkantolo
Uma egwetshwe ukudonsa ejele, otholwe enecala angase
adedelwe ngepharoli (eyisinqumo sebhodi
yepharoli) emva kokuhlala isikhathi esithize ejele
Sidinga ubulungiswa emphakathini wethu ukuze abantu bonke baphile
ngokukhululeka nokuphepha
idokodoumqulu onemininingwane ebalulekile mayelana necala; bona idokodo lecala
ubufakaziukulandisa ngomlomo ngezigigaba nemiqulu okusetshenziswa ukweseka icala eliphambi kwenkantolo
lixazululwe ngenye indlelauhlelo lokunikeza ummangalelwa oqalayo ukubekwa icala futhi kube kuyicala elingelibi ithuba lenhlawulo ewukusebenzela umphakathi, alungise umonakalo awenze ngecala, athole ukwelashwa ngezinkinga zotshwala noma zezidakamizwa, futhi/noma athole izeluleko zokumqwashisa ngesimilo esibi kumbe ngokungasebenzi kahle komqondo. Uma ummangalelwa elalela futhi ukuliphambukisa icala kuba nomphumela omuhle, icala alibekiwe ummangalelwa lingase lihoxiswe. Aliphambukiswa icala lesibili.
ibheyiliisibambiso, esivama ukuba yisamba semali, esikhokhwa ukuze ummangalelwa atokele ngaphandle, ngomqondo wokuthi umsolwa uzobuya azobhekana necala noma alahlekelwe imali yebheyili uma engayilandeli imibandela yebheyili. Imvama iyabuyiselwa imali yebheyili ekupheleni kwecala, noma ngabe limlahlile noma uphume phambili kwicala aliboshelwe umsolwa.
ummangalelwaumuntu obekwe icala
ipharoliukudedelwa ejele singakapheli isigwebo sakho inqobo nje uma uziphethe kahle
isinxephezeloukukhokhelwa imali ngokuphatheka kabi oye wahlangabezana nako
umabhalane wenkantoloumgcini-hhovisi eNkantolo yeMantshi owamukela futhi akhiphe amaphepha okuqhuba icala legal papers
ufakaziumuntu owabona, owezwa noma owazi okuthize ngecala; angethula ubufakazi kwicala enkantolo
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 6-7 6/11/08 2:09:06 PM
8 9
Amalungelo abantu abathole isihluku nofakazi
Amalungelo akho I-NPA isebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu abahlukumezekile kanye nofakazi abavela enkantolo baphathwa ngenhlonipho nesizotha. Abashushisi bazokwenza konke okuse-mandleni abo ukukuvikela nokuqinisekisa ukuthi awuphonswa imibuzo ngokungenabulungiswa.
Isikhathi sakho usenkantolo singase sibe nzima. Bona ikhasi 12 ukuthi yini eyenziwa umshushisi.
Uma uke wagetshengwa, unalamalungelo alandelayo. Umshushisi:
uzokuphatha ngendlela eneqiniso nangesizotha futhi ahloniphe isidima nemfi hlo eqondene necala lakho
uzokunikeza imininingwane
uzokwemukela imininingwane
uzokuvikela
uzokwelekelela
umhlukunyeziweumuntu ohlukunyezwe yisenzo esingekho emthethweni, ubugebengu obubheke kuye ngqo noma kwimpahla; umuntu okhombekayo ohlukunyezwe ngqo ummangalelwa ngokwakhe, hhayi ngoba elinyazwe umphakathi wonkana
ukuphekwa ngemibuzoithuba lokuthi olunye uhlangothi lukuphonse imibuzo ngobufakazi bakho obethulile
Unelungelo lokumbuza umshushisi ukuthi kungani ethathe izinqumo azithathile. Ungakhalaza futhi uma ubona ukuthi amalungelo akho awahlonishiwe. Bona ikhasi 33 maqondana nenqubo.
SiyabongaUkuba ngufakazi kukhombisa isibindi futhi kuzokwelekelela amaphoyisa nabashushisi ukuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka. Siyabonga ngosizo lwakho. Lubaluleke kakhulu kithina, nakumphakathi wonkana.
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 8-9 6/11/08 2:09:10 PM
10 11
Umsebenzi osemahlombe kamshushisi
Uyini umshushisi? Umshushisi ukhomba indlela yamaphoyisa ukuze aqoqe
ubufakazi obuyibo, abethule enkantolo, ethule amaphuzu enkulumonqophiswano ngamacala.
Umshushisi uyanquma ukuthi aliyise yini icala enkantolo noma cha.
Ubuye aqinisekise ukuthi abahlukunyeziwe kanye nofakazi baphathwa ngobulungiswa.
Ngaphandle uma umshushisi ekhombisa ukuba necala kukamsolwa “ngokungangabazeki”, ummangalelwa uzophuma phambili.
Umshushisi angawaphambukisa amacala ukuze kuhlunyeleliswe izimilo, ikakhulukazi zentsha eqalayo ukwephula umthetho.
Umshushisi welekelela inkantolo ukuthi ikhiphe isinqumo esinobulungiswa ikhiphe nesigwebo esinobuqiniso.
ngokungangabazekiuhlobo lobufakazi obudingekayo ukuze umuntu atholakale enecala enkantolo – kufanele kube ubufakazi obungananazi
ukuphuma phambiliukutholakala ungenacala
intshaumuntu oneminyaka engaphansi kweyi-18
izephulamthethoabenze icala; imvama yilapho kungamacala aphathelene nokuthintana phakathi kukamhlukunyezwa nesaphulamthetho
Ezinkantolo ezincane abantu bambona ngejazi
aligqokile umshushisi.
Bona ikhasi 7 ukuze ubone ukuthi liyini iqhaza likamshushisi ohlelweni lweZobulungiswa olulwa nobugebengu.
Ihhovisi likamshushisi libhalwe ngokucacile. Nalapho kubuzwa khona bayokuyalela ukuthi utholakala kuphi.
isinqumoukwahlulela okunqumayo ukuthi umuntu unecala noma cha
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 10-11 6/11/08 2:09:12 PM
1� 1�
Kwenzekani kuwe?
Abahlukunyezwa, ofakazi nabanye abantu abanikeza imininingwane ngobugebengu, basiza amaphoyisa ukuxazulula noma ukugwema ubugebengu. Bangasiza futhi nangokwethula ubufakazi enkantolo.
Ukwenza isitatimende Uma unolwazi ngobugebengu obenziwe, uzocelwa ukuthi
wenze isitatimende esifungelwe noma ngokuqinisa, ephoyiseni. Lesi sitatimende sizosetshenziswa uma usuya enkantolo.
Uma ukwazi ukulufunda uluqonde ulimi, sicubungule isitatimende ngaphambi kokusisayina. Uma ungakwazi, cela umuntu ozokufundela noma akuchazele ngaso. Uma kukhona iphutha, cela ukuthi lilungiswe ngaphambi kokusisayina
Ukuya enkantolo Amaphoyisa azokunikeza ngokusemthethweni incwadi
yokuvela enkantolo. Kufanele ulinde enkantolo kuze kube yithuba lokuthi wethule ubufakazi. Ungaboshwa nokuboshwa uma ungayilaleli incwadi yenkantolo isupina.
Uma unemibuzo noma ulwazi oluthize, lunikeze umshushisi ngaphambi kokungena enkantolo. Singase singabibikho isikhathi ngosuku lwecala.
Mazise umshushisi ukuthi usufikile enkantolo. Khumbula, noma nini ngaphambi kokuya enkantolo ungacela ukuphinda usifunde isitatimende sakho.
Kufanele uhlale kuze kube uqedile ukwethula ubufakazi. Ungalinge uphumele ngaphandle kwebhilidi lasenkantolo ngaphandle kwemvume kamehluleli. Umshushisi uzokwe-lekelela ukuyithola le mvume.
istatimendeinkulumo ebhaliwe noma eshiwo ngomlomo elandisa ngokwenzeka, engasetshenziswa njengobufakazi enkantolo
isifungoukufunga ukuthi into iyiqiniso
ukuqinisaisitatimende esikhomba ubukhona noma ubuqiniso bokuthize
ukufakazaukwethula ubufakazi enkantolo
isupinaisaziso esisemthethweni sokubizela ofakazi enkantolo ukuba bazokwethula ubufakazi
Ufakazi akufanele ahlale ngaphakathi enkantolo engakabizwa ukuzokwethula ubufakazi.
Uma kukhona umuntu ozama ukukhuluma nawe ngecala, tshela umphenyi wecala, noma umshushisi. Ungalikhulumi namuntu icala ngaphandle kukamshushisi noma udokotela/usongqondo osizayo ecaleni.
Ukusongela nokwesabisa Ukwephula umthetho ukukusongela noma ukukwesabisa.
Uma kunomuntu okwesabisayo, tshela umphenyi wecala noma umshushisi.
Akukho semthethweni ukuthi noma ubani, ngisho abomndeni imbala, akuphoqe kumbe akufake umoya wokuthi ungabethuli ubufakazi.
Bona amakhasi 24–26.
Uma usebenza Tshela umqashi wakho ukuthi uthole isupina. Umqashi
wakho kufanele akudedele uye enkantolo.
Uma ungesiyena uMsebenzi kaHulumeni, umqashi wakho akadingi ukukukhokhela ngesikhathi ungekho emsebenzini. Ungafuna ukuthi inkantolo ikukhokhele umholo wakho okulahlekele. Buza umshushisi ngalokhu. Uzokwazi futhi ukufuna imali ekhokhelwa ofakazi.
Izindleko Ezinye zezindleko zingakhokhwa, njengezokuhamba. Cela
umshushisi agcwalise ifomu uma sewubethulile ubufakazi.
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 12-13 6/11/08 2:09:14 PM
1� 1�
Okwenzeka enkantolo
UtolikaIcala lizoqulwa ngesiNgisi noma ngesiBhunu. Uma unesidingo, uzosizwa utolika (umhumushi).
Ubani ozobe esenkantolo?
Ibheyili Uma oboshiwe evela enkantolo okokuqala, umahluleli kufanele anqume ukuthi amdedele yini ngebheyili.
Uma ohlukumezekile emesaba ummangalelwa ukuthi adedelwe ngebheyili, kufanele izizathu anazo azinike umshushisi noma umphenyi wecala.
Uma ummangalelwa esededeliwe ngebheyili bese ethintana nomhlukunyezwa nganoma iyiphi indlela, kufanele umhlukunyezwa azise umshushisi.
Ngesikhathi sesisicelo sebheyili, imantshi ingafuna uku-lalela ubufakazi. Inkantolo kufanele inqume ngebheyili.
Ukulivuma noma ukuliphika icala Ukuqulwa kwecala kuqala ngokuthi umshushisi atshele um-mangalelwa icala alibekwayo. Ummangalelwa ube esephendula ngalokhu kubekwa icala. Lokhu kusho ukuthi uyasho ukuthi “uyalivuma” noma “uyaliphika” yini. Uma ethi “uyaliphika” liqhubekela ekuqulweni icala.
1.Udaba lombuso Ngesikhathi kuqulwa icala, umshushisi ubiza ufakazi azokwe-thulwa ubufakazi. Umshushisi ubuza ufakazi imibuzo ukumhlenga ukuze angashiyi lutho olubalulekile. Ufakazi kungaba:
Umhlukunyezwa
Yinoma ubani owaziyo ngokwenzeka noma owazi okuthize ngobugebengu lobo
Iphoyisa, umhlaziyi bufakazi onguchwepheshe weforensiki noma abanye ongoti
uyaphendulaukuthi “ngiyalivuma” noma “ngiyaliphika” icala lobugebengu; nokusho ukuphika kuzinyathelo zomthetho othathelwe zona
iforensikiukuhlaziya ubufakazi ngobuchwepheshe
Umahluleli wecala Umelekeleli Ufakazi Umabhalane
wenkantolo Iphoyisa eligcina
inqubo enkantolo
Umshushisi Ummeli Utolika Ummangalelwa Umphakathi
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 14-15 6/11/08 2:09:18 PM
1� 1�
3.Udaba lukammangalelwa Kulandela udaba lombuso, ummangalelwa noma ummeli wakhe
angayicela inkantolo ukuthi imdedele ummangalelwa. Loku kwenzeka uma bebona sengathi umshushisi wehlulekile ukukhipha ubufakazi obugcwele ngommangalelwa.
Umahluleli ube esenquma ukuthi amdedele yini ummangalelwa, noma aqhubeke necala.
Ummeli ube esethula ubufakazi abize nofakazi, okungabala no-mmangalelwa. Ummeli kammangalelwa uzozama ukukhombisa ukungabi nacala kweklayenti yakhe ngokwakha “izikhala” kwicala likahulumeni (likamshushisi). Bafuna ukufakazisa ukuthi icala abekwe lona ummangalelwa alisilo iqiniso noma ubufakazi abanele ukuthi inkantolo ikwazi ukumgweba ummangalelwa.
Umshushisi naye uyakwazi ukuphonsa imibuzo kunoma ubani ongufakazi kammangalelwa. Lokhu kubala nommangalelwa. Siza ubone umbhalo osizayo othi “ukungena ebhokisini” kwi-khasi 18.
2.Ukupheka ngemibuzo Emveni kokuthi lowo nalowo fakazi esethule ubufakazi, umma-ngalelwa noma ummeli wakhe angamfaka imibuzo ufakazi. Lokhu kwenzelwa ukuhlola ubuqiniso bobufakazi obethuliwe. Lokhu kunikeza ummangalelwa noma ummeli wakhe ithuba lokubeka olwakhe uhlangothi ngezigigaba.
Ummeli kammangalelwa angase akuphonse imibuzo. Lokhu ukwenzela ukuvikela ummangalelwa.
Ummeli angase abonakale enonya kuwe futhi akubuze imibuzo enzima. Zama ukwehlisa umoya ukhulume iqiniso, noma lokho kungasho ukuthi uphindaphinda into eyodwa (funda amakhasi 18–19).
ukuphuma phambili ecalenienye indlela yokuthi umuntu utholakale engenacala
ukugwebaukutholakala unecala enkantolo
inkulumo-nqophiswanoukubekela inkantolo udaba lwecala ukuze ithathe isinqumo esinobulungiswa
ukuzivikelaisizathu esisemthethweni noma incazelo ngowakwenza
ummangaliumuntu omangalela omunye esiteshini samaphoyisa
4.Inkulumo-nqophiswano yokuvala Kwinkulumo-nqophiswano yokuvala, umshushisi ubeka kafushane bese ethula amaphuzu ngecala. Unikeza izizathu zokuthi kungani ummangalelwa efanele ukutholakala enecala. Ummangalelwa noma ummeli wakhe naye unikezwa ithuba lokubonisa inkantolo ukuthi kungani ummangalelwa engafanele ukutholwa enecala.
5.Isahlulelo Inkantolo inquma ngokuthi ummangalelwa unalo yini icala.
Uma ummangalelwa etholakala enecala, umshushisi ukukhombisile ukuba necala “ngokungangabazeki”.
Uma ummangalelwa etholakale engenacala, yingoba umahluleli enokungabaza. Uma kunokungabaza, inkantolo kufanele imkhiphe phambili ummangalelwa. Lokho kusho ukumkhulula ahambe.
6.Isigaba sokukhipha isigwebo Uma ummangalelwa etholakale enecala, umahluleli uthatha
isinqumo ngesijeziso. Bobabili umshushisi nommeli kammangalelwa bangabiza
ofakazi kulesi gaba. Umshushisi angabeka ukuthi icala libi kangakanani; ukuthi
liwuhlukumeze kangakanani umphakathi nomhlukunyezwa qobo; futhi angababiza nofakazi kulokhu.
Umshushisi angacela futhi ukuthi ummangali makathole isinxephezelo uma ebe nokulahlekelwa ngenxa yobugebengu.
Ummangali angamcela umshushisi ukuthi afake isicelo sesinqumo esiyisinxephezelo ngaphambi kokuthi ummangalelwa agwetshwe.
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 16-17 6/11/08 2:09:21 PM
18 19
Ukuziphatha kahle
Ukubukeka nokuziphatha Yiba senkantolo efanele engakadluli u-8:30 ekuseni
(noma ngesikhathi esibhalwe kwisupina).
Gqoka ngobunono uziphathe kahle.
Zama ukubashiya ekhaya abantwana ngoba abekho abazobanakekela noma indawo ephephile yokugcina enkantolo.
Ungazigqoki izibuko zelanga noma isigqoko enkantolo.
Ungayihlafuni intshungamu.
Uyivale iselula yakho ngesikhathi usenkantolo.
Ungangeni nokudla noma neziphuzo enkantolo.
Azivumelekile izikhali noma kungezahlobo luni.
Ungendlaleli ukuya enkantolo ngotshwala noma izidakamizwa.
Inkantolo iqala ngo-9:00 ekuseni enkantolo yemantshi, iqale ngo-10:00 enkantolo ephakeme. Amacala aqhutshwa aze aphele noma kuze kushaye u-4:00 wantambama.
Ebhokisini likafakazi Ngesikhathi ufunga, bheka umahluleli bese ukhuluma ngezwi
elicacile uthi, “iNkosi ingisize”. Esikhundleni salokhu ungasho futhi ukuthi “ngizokhuluma iqiniso, iqiniso lonke, neqiniso lodwa.” Lokhu kubizwa ngokuqinisa.
Kulindeleke ukuthi ume lapho wethula ubufakazi, kodwa ungacela ukuhlala phansi. Khuluma kakhulu kucace.
ukuphikisaukungavumelani nokuthize noma ukubeka ngamagama ukuthi awuvumelani
Imibuzo yilalele ngokucophelela. Qinisekisa ukuthi uyawuqonda umbuzo noma ucele ukuchazelwa. Mbheke emehlweni umuntu ngesikhathi uphendula, futhi uphendule umbuzo owubuziwe kuphela.
Ungalinqekuzisi ikhanda ukukhombisa impendulo ethi “yebo” noma “cha”. Phendula ngamagama yonke imibuzo.
Uma umshushisi noma ummeli bephikisa, ima ukukhuluma. Linda umahluleli aze anqume ngokuphikisa, uqhubeke uma sewutsheliwe ukuthi ungaqhubeka.
Uma ungafuni ukuwuphendula umbuzo, ungambuzi umahluleli ukuthi ungawuphendula yini. Uma kungumbuzo ongafanele, umshushisi uzowuphikisa. Uma engaphikisani nawo, uwuphendule umbuzo noma inkantolo izommisa ummeli.
Ungaqophisani ngamazwi noma uvumele ukucasuka. Lokhu angeke kukusize.
Uma wenze iphutha, vuma. Angeke ubanjelwe amazwi ngalokho, kodwa bazokubambela uma besola ukuthi uqamba amanga.
Uwazisise amaphuzu akho, kodwa ungakhulumi sengathi ukuqophe ekhanda. Uzodideka uma wenze njalo uma sewuphonswa imibuzo ngendlela eyingxubevange.
Uvumelekile ukuthi uthi “angisakhumbuli” uma kukhona osukukhohliwe.
Uma umbuzo uphinda ubuzwa, phendula njengoba uphendulile ekuqaleni.
Okubaluleke kakhulu, ufungile kumbe uqinisekisile ukuthi uzokhuluma iqiniso. Uma kutholakala ukuthi uqamba amanga, ungase uboshwe. Lokho kwenza nobufakazi bakho busolise, okungenza nesigebengu sidedelwe.
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 18-19 6/11/08 2:09:24 PM
�0 �1
Indluzula nokuhlukumezeka
Isihluku sasekhaya namacala ocansiKunezinhlobonhlobo zamacala ocansi nesihluku sasekhaya. Amacala ocansi abala ukudlwengula nokunukubeza (lapho ubekwa kwisimo ongasithandi kwezocansi) namanye amacala ngokusemthethweni ngokuhambisanayo nomthetho wesishayamthetho.
Isihluku sasekhaya sibala indluzula ngokomzimba, ngokocansi, ngokwemizwa, ngamazwi, ngokomqondo nangokomnotho ngoshade naye, uphathini, isoka/intombi (noma ubani onobuhlobo noma obunobuhlobo naye).
Yini oyenzayo uma uhlukumezeke ngokocansi noma ngokwasekhaya?Ngamacala ezocansi:
Libike kunoma yisiphi isiteshi samaphoyisa, esibhedlela / eklinikhi noma eThuthuzela Care Centre (TCC).
Uma ubike emaphoyiseni, azoliphenya udaba lwakho. I-NPA iyobe isinquma ukuthi iliyise yini enkantolo. Uyokwethula ubufakazi enkantolo ngokwenzeka. Uma iselelesi sitholakale sinecala, singase sibhadle ejele.
Maqondana nesihluku sasekhaya: Iya kumabhalane wenkantolo yeMantshi eseduze nawe ukuze
uthole Isinqumo Esikuvikelayo (Protection Order).
Uma isihluku sasekhaya siwubelelesi, ungalivula icala esiteshini samaphoyisa esiseduze nawe.
ukwephula umthetho wesishayamthethouma wephula umthetho obhalwe waphasiswa njengomthetho wasePhalamende
umthetho wesishayamthethoimithetho ephasiswe yiphalamende
I-Thuthuzela Care Centreisikhungo sabahlukumezeke ngokobulili; abahlukumezeke ngalamacala bangabubika lobelelesi esikhungweni bathole nosizo khona (bona futhi ikhasi 32)
ukushaqekaukwephuka okukhulu emoyeni, ukwesaba noma ukwethuka ngenxa yesehlo esibi
iselelesiabantu abephula umthetho
Ukubhekana nemiphumela emibi yobugebengu Kwesinye isikhathi abantu baba nokushaqeda ngokubehlele noma ngabakubonile. Badinga usizo lwawongoti. Kwezinye iziteshi zamaphoyisa nezinkantolo kunabantu abasiza ofakazi abashaqekile.
Thola ulwazi ukuthi lolu sizo lukhona yini nokuthi ungaluthola kanjani ukuze ubhekane nokushaqeka obe nakho. Kubalulekile ukuthola usizo. Ubhekana kangcono nokushaqeka kwakho nalapho ubizelwa ukufakaza enkantolo.
Kwikhasi 32, uzothola:
izinhlangano ezikutshela kabanzi ngesihluku sasekhaya
izinhlangano ezelula umqondo kwabahlukumezekile nabangofakazi bobulelesi
izinombolo zama-Thuthuzela Care Centres (TCCs)
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 20-21 6/11/08 2:09:27 PM
�� ��
Ezesondlo
Inkantolo ingakhipha isinqumo sokuthi umuntu makalekelele omunye ngokumondla ngemali. Lokhu kubizwa ngesondlo. Imvama kuba yimali ekhishwa njalo ngeziwombe ezinqunyiwe. Isondlo sengane siyisibopho somzali oyizalayo noma oyibhalise njengeyakhe.
Ngisithatha nini isinyathelo? Uma ubaba noma umama wengane yakho engasikhiphi isondlo
sengane izikhawu ezifanele.
Uma umuntu onesibopho ngokusemthethweni sokondla esidelela iSinqumo seNkantolo Sokondla.
Ngisifuna kanjani isondlo? Umgcini-hhovisi lesondlo wasenkantolo eseduze nawe uzokusiza ukugcwalisa ifomu yokufuna isondlo nangokuthi yini okufanele uyenze. Udinga le miqulu elandelayo:
Ipasi lakho, inombolo yepasi yomuntu ofuna ukumkhokhisa isondlo uma ikhona.
Izinombolo zakho zocingo kanye nekheli; nezinombolo nekheli lomuntu ofuna isondlo kuye uma unakho; uma kwenzeka nezinombolo nekheli likamqashi wakhe.
Izitifi keti zezingane zakho zokuzalwa.
Isatimende sakho sasebhange uma unayo i-akhawunti yase-bhange.
Uhla lwezidingo zezingane zakho.
Incwadi yesikweletu sikagesi, irisidi yegrosa, ama-akhawunti ezimpahla zokugqoka namarekhodi emithi.
Incwadi yokudivosa kanye nesivumelwano sokudivosa (uma nidivosile).
umgcini-hhovisi lesondloumuntu osingethe izindaba zesondlo enkantolo; bonke abashushisi bangabagcini-hhovisi lesondlo; bangaqokwa nabanye abantu kulokhu
OkubalulekileUngadikibali uma:
Ungenayo yonke imiqulu edingekayo – letha onako.
Ungamazi ubaba noma umama wengane yakho ukuthi ukuphi. Umphenyi wesondlo angaku-siza kulokhu.
Bakwazi nokuqoqa neminye imininingwane engase idingeke kwicala lakho. Kuyicala ukunga-sikhokhi isondlo. Umholo noma impahla yomuntu ingasetshenziswa ukukhokha isikweleti sesondlo. Cela umgcini-hhovisi wesondlo akusize kulokhu.
Yini eyenzekayo emva kwalokho? Umgcini-hhovisi lesondlo ukunikeza inombolo yecala
nosuku lwecala, uma enokutholakala ubaba/umama.
Umgcini-hhovisi ukhipha isupina ukuze ukwazi ukumbizela enkantolo umuntu ofuna akhiphe isondlo.
Ngosuku lwecala, umgcini-hhovisi lesondlo uyobonisana nani nobabili ngamanani azokhokhwa.
Uma ningafi ki kwisivumelwano, udaba luya enkantolo.
Uma selulaleliwe enkantolo udaba, kukhishwa iSinqumo Sesondlo. Siye sibeke ukuthi isondlo sizoba yimalini, sizokhokhwa kanjani, nokuthi ubani okufanele akhokhe.
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 22-23 6/11/08 2:09:31 PM
�� ��
Uhlelo lokuVikelwa koFakazi
Luyini uhlelo lokuvikelwa kofakazi? Uma ungufakazi futhi wesabela impilo yakho, ungasifaka isicelo
sokuvikelwa kofakazi. Wena nomndeni wakho, enesatshisiwe, niyosuswa ngokushesha kwisimo esiyingozi.
Noma iliphi ilungu lomndeni wakho, noma umuntu osondelene naye nangayiphi indlela, angakufakela isicelo sokuvikelwa uma wena ungekwazi ukukwenza lokho.
Ngeke waphoqwa ukuba yingxenye yohlelo. Kufanele nawe ufune ukujoyina.
Usifaka kanjani isicelo?Ungabika ngokwesaba onakho kunoma yimuphi walaba abalandelayo, abazokusiza ukufaka isicelo:
Umphenyi wecala ongufakazi kulo.
Ukhomanda wanoma yisiphi isiteshi samaphoyisa.
Umshushisi wecala owethula kulo ubufakazi, noma umshushisi omkhulu kwinkantolo.
Kwenzekani uma ufaka isicelo sokuvikelwa kofakazi?
Uyosuswa ngokushesha kangangoba kungenzeka kwindawo leyo enobucayi. Uyogcinwa isikhashana endaweni ephephile.
Ngaleso sikhathi umphenyi wezicelo zokuphepha uyophenya isicelo sakho ahlole nokwesatshiswa okukhona.
Isivumelwano sokuvikelwa Uma kuthathwa isinqumo sokufakwa kuhlelo lokuvikelwa,
kufanele usayine isivumelwano sokuvikelwa, unikeze imininingwane yakho egcwele.
Isivumelwano esokuvikela wena nabehhovisi lokuvikelwa kofakazi nawo wonke umuntu okulolu hlelo.
Kufanele ulalele imithethonkambiso yohlelo.
Uma ubekwe ngaphansi kohlelo, wena nohlobene nabo niyonikezwa izinsizakalo ezinesekayo.
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 24-25 6/11/08 2:09:35 PM
�� ����
Izinsizakalo Zokweseka Ofakazi Aba-vikelwe nezinye ezihambisana nazo
Wena nomndeni wakho, uma kunesidingo, niyogcinwa endlini ephephile.
Niyosuswa endaweni eyingozi.
Ungoti wezengqondo uzokuhlola ukushaqeka nokuhlukumezeka komqondo anisize nasekuthukeni okungahle kube ninako.
Uyongena kuhlelo lokwejwayezwa. Lokhu kuzokusiza wazi imithethonqubo nongahle ukulindele.
Uma ungasebenzi, uyonikezwa imali yokubhekela izidingo zakho zansuku zonke.
Uma usebenza, uyonikezwa imali esesikhundleni somholo.
Uma izingane zakho zinawe, kuyokwenziwa amalungiselelo okuthi ziye esikoleni.
Nezinye futhi zezindleko ezifana nezesikole, nezinto zokuhamba, okokugqoka nokwelashwa kuyobhekelelwa.
Ungalinge wephule umthetho noma uxhaphaze uhlelo lokuvikela ngoba uyokhishwa kulo.
Ungalinge utshele muntu ngokuthi ukuphi nangemininingwane yendlu yokuphepha.
Ungalinge utshele muntu ngemininingwane yohlelo lokuvikela. Loko kuyicala elibomvu.
Amasu okuvimba ubugebengu
Qala ngokuzibandakanya endaweni yangakiniGqugquzela noma ujoyine uhlelo lwendawo yangakini olufana neSi-khungo Sobuphoyisa Kumphakathi (Community Policing Forum – CPF). Yilapho-ke wena nomakhelwane bakho nihlangana khona nifunde izi-ndlela zokuzivikela nina, imindeni namakhaya enu, nempahla yenu. Lokhu kungasiza ukuxosha izigebengu endaweni yenu.
Ubuningi buletha ukuphepha namandla uma kusetshenziswana. Uyothola nokubazi kangcono omakhelwane nendawo yakho.
Ngokusebenzisana nabo ningase: Nehlise ubugebengu
Nakhe umphakathi obumbene kunakuqala
Nihlinzeke ukuxhumana phakathi kwamaphoyisa nezakhamuzi
Nisungule amasu okugwema ubugebengu endaweni yenu
Nivuselele ugqozi kwizinto zemiphakathi
Nibambe iqhaza kwinkantolo yomphakathi endaweni yenu
Qalani ngokulwa nobugebengu
endaweni yenu – joyinani i-CPF!
Ningavakashela ku-www.saps.gov.za noma nishayele
isiteshi samaphoyisa eduze nani ukuthola amanye amathiphu
okugwema ubugebengu.
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 26-27 6/11/08 2:09:38 PM
�8 �9
Izinhlobonhlobo zezinkantolo
iNkantolo yoMthethosisekelo – inkantolo enkulu ezweni. Izinqumo zayo zingujuqu zingeguqulwe enye inkantolo.
iNkantolo Ephezulu Yokudlulisela – inkantolo yokugcina yokudlulisela onke amacala ngaphandle kwawo-mthethosisekelo. Izinqumo zayo zingephikiswe yizinkantolo ezincane.
iNkantolo ePhakeme
iNkantolo yeMantshiiNkantolo yeziFunda
iNkantolo yesiFunda
iNkantolo yeZimali Ezincane – izinqumo zayo zingumnqamula juqu zingedluliselwe enkantolo ephakeme.
•
•
Imithetho yezwe kuphela. Iqinisekisa ukuthi iMithetho yePhalamende ilandela uMthethosisekelo – kubandakanya noMqulu wamaLungelo.
Onke amacala adluliswa esuka eNkantolo ePhakeme.
Amacala ombango.
Amacala amabi afana nawokubulala, ukudlwengula nokuvukela umbuso.Amacala amabi anzima okukhwabanisa.Ukudluliswa nokubuyekezwa okusuka ezinkantolo zesifunda nezasesifundeni.Amacala ombango.
Onke amacala ngaphandle kwawokuvukela umbuso.Amacala angenzima futhi angemabi.
Amacala ombango angeqile ku-R7 000.
UMqulu wamLungelouhla lwamalungelo nenkululeko yabo bonke abantu abahlala ezweni, okuyingxenye yomthetho walelozwe; iNingizimu Afrika inoMqulu wama-Lungelo kuMthethosisekelo wethu
Inkantolo Ephezulu Yokudlulisela inkantolo ephakeme kunazo zonke (ngapha-ndle kweNkantolo yoMthethosisekelo)
inkohlakaloukukhohlisa umuntu ngokumqambela amanga nokunge-thembeki, okumlima-zayo lokumonayo
Inkantolo yeziFundainkantolo elalela amacala athe ukuba mabi
Inkantolo yesiFundainamandla negunya kwisifunda senkantolo yemantshi esithize
Amagama asetshenziswa enkantolo
Maningi amagama asetshenziswayo enkantolo okungenzeka ukuthi awukaze ungawe-zwa. Nantu uhlu lwamanye awo avame ukusetshenziswa. Kunamanye abhalwe ngoku-cindezela kwingqikithi asechazwa ekupheleni kwamakhasi.
Abakhishwe inyumbazana – abantu abaluthola kanzima usizo
Abammeli bakahulumeni – abammeli abaqashwe nguhulumeni ukuze bamele abantu abangenawo amandla okukhokhela abammeli kumacala obugebengu
Abammeli bakahulumeni – usizo lukahulumeni kumuntu ongenawo amandla okukhokhela ummeli
Amasamanisi – umqulu obizela umuntu enkantolo azobhekana necala ngokwephula umthetho
Emva kokufa – ucwaningo olwenziwa kumzimba kamufi ukuthola imbangela yokufa
iAfidavithi – isitatimende esibhaliwe safungelwa kukhomishana wokufungisa ukuthi siyiqiniso – singasetshenziswa njengobufakazi enkantolo
iAlabhayi – ubufakazi bokuthi wawenza okuthize ngesikhathi kuqhubeka ubugebengu
Icala/isinyathelo ngecala lobugebengu – icala lasenkantolo elibekwe owephule umthetho
Icala elisaqhubeka – elisezithebeni zenkantolo; imvama kushiwo uma abezokusakazwa kwezindaba (amaphepha/TV) bengekhulume ngecala elingakapheli ukuqulwa
Idokodo lecala – ifayela noma umqulu ngesikhathi amaphoyisa enza uphenyo lobugebengu
Igunya lomthetho – amandla nemisebenzi yokwenziwa yinkantolo noma yisikhungo ngokwendawo
i-Legal Aid Board – ihlinzeka ngabammeli nangezeluleko kubantu abangenayo imali yokubhekana nezindleko zamacala
Ilungelo lomthetho – igunya elisemthethweni lokuthatha nokuthathelwa izinyathelo zomthetho
Imfihlo kammeli – neklayenti – noma yini eshiwo yiklayenti kummeli iyimfihlo ingetshelwe omunye umuntu ngaphandle kwemvume yeklayenti
Indlu eseceleni – igumbi lekhamera
Inkantolo Yamacala obugebengu (kwisifunda, kwizifunda nasekantolo ephakeme) – lapho kuqulwa khona icala likammangalelwa
Inkantolo yentsha – inkantolo yeMantshi eyisiphesheli lapho ummangalelwa eyintsha
Inkantolo yeSondlo – zonke izinkantolo zeziMantshi ezithathwa njengezezondlo ziyawalalela amacala ezondlo
Umshushisi wesondlo – umshushisi kahulumeni oqashelwe ukubhekana namacala esondlo
Inkantolo yezeHlukaniso – yilapho abantu bethola khona usizo olusheshayo nolushibhile ngokwehlukanisa
Inkantolo Yezingane – inkantolo yeMantshi ekhethekile ebhekene namacala ezenhlalakahle yezingane
Ipharedi yokukhomba – indawo lapho uzama khona ukukhomba umuntu owenze icala
Iphoyisa eligcina inqubo enkantolo – umlandelisi luhlelo enkantolo
Irekhodi lamacala – uhla lwawo wonke amacala aseke akulahla; abuye abizwe ngezigwebo ezedlule
Uhlobo lwenkantolo Izinto inkantolo ebhekana nazo
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 28-29 6/11/08 2:09:39 PM
�0 �1
i-Rifomethri – uhlobo oluthize lwejele lezingane
Irisidi – iphepha elifakazela ukukhokha noma ukufuna ukubuyiselwa izinto zakho ezithathiwe
Isahlulelo – isinqumo esikhishwe umahluleli (ijaji/imantshi)
Isahlulelo – isinqumo senkantolo kumbe sekhomishana ebiqula icala
Isexwayiso/ukudedelwa ngesexwayiso – ukudedelwa ngaphandle kwebheyili nokuyalwa ngokuvela enkantolo ngosuku oluthize
Isibuyekezo – inkantolo ephakeme lapho ibheka isinqumo senkantolo noma uhlaka oluncane, ukubheka ukuthi ngabe konke kwaqhutshwa ngokomthetho
Isifakaziso – ubufakazi obanele bokuwina noma ukubeka icala
Isigwebo esilengisiwe – ingxenye yesigwebo sokubhadla ejele noma senhlawulo esihoxiswayo noma sihlehliswe bese sivuka lapho umuntu ephinda ephula umthetho ofanayo esikhathini sokulengiswa kwaso
Isikhonzi senkantolo – osebenza enkantolo ohambisa amaphepha aseNkantolo yeMantshi
Isinqumo seNkantolo – isinqumo esisemthethweni – esikhishwe umahluleli etshela umuntu othize ukuthi makenze kumbe makayeke ukwenza okuthize
Isinqumo sokuvimbela – Isinqumo seNkantolo esivimba kumbe esiphoqa othize ukuthi enze okuthize
Isitatimende esifungelwe – okufungelwe, okuwubufakazi obunzulu enkantolo; sibizwa nge- afidavithi
Isitatimende sikamhlukunyezwa – isitatimende esibhaliwe noma somlomo sohlukunyezwe ubulelesi; singabhalwa yilungu lomndeni uma kunokufa, noma isazi esithize; singafundwa enkantolo
Isivivinyo sokuziphatha – isikhathi sokuqapha isimilo esinikezwa abantu ukuze bazikhombise ukuziphatha kwabo
Iwaranti – umqulu okhishwa umahluleli (noma yiphoyisa elingu-lieutenant nangaphezulu) onikeza igunya lokubopha, ukusesha nokuxosha
Ngasese – icala eliqulwa ungekho umphakathi
Ngenkolelo – ngokwethemba, ukholelwa ekutheni okwenzayo unelungelo lokukwenza
Okungekho semthethweni –kuphambana nomthetho; kwephula umthetho
Okungemthetho – ukwephula umthetho
Ongaxegiselwa ngako – izizathu zokuthi umuntu olahlwe yicala athole isigwebo esincane
Ubufakazi obuyinzwabethi – into nawe oyizwe ngomunye umuntu
Ufakazi kahulumeni – ufakazi kamshushisi osetshenziswa ukukhombisa icala likammangalelwa
Uhla lwamacala osolwa ngawo – iphepha laseNkantolo yeMantshi elibeka uhla lwamacala umuntu abekwa wona
Uhlolo lwamandla okukhokha – ukuhlolwa ukuze kuthathwe isinqumo sobuphofu ngokwanele ukuthola ummeli nesibonelelo sikahulumeni
Ukhomishana wokufungisa – umuntu okufungelwa phambi kwakhe i-afidavithi – amaphoyisa, abefundisi, abaphathi baseposini, abaphathi mabhange
Ukudlulisa – ukucela inkantolo ephakeme ukuthi mayesule isahlulelo, isigwebo noma isinqumo senkantolo encane
Ukudukisa ngenkulumo – ukukhuluma into engamanga noma engekho
Ukuhlehlisa – ukuthatha ikhefu letiye; noma ukuqeda osukwini
Ukulamula – ukusebenzisa umuntu oseceleni ukuba assize ngesixazululo sengxabano phakathi kwabantu ababili
Ukulivuma – ukusho ukuthi ulenzile icala
Ukuqamba amanga okuyicala – icala lokuqamba amanga ufungile enkantolo kumbe kwisitatimende esifungelwe
Ukuqula icala – uma kwethulwa ubufakazi becala elibekwe ummangalelwa enkantolo
Ukusolakala/ukusolwa – uma icala elibekwayo lingakaqhutshwa enkantolo
Ukuzibophisa/ilungelo lokungazibophisi – ilungelo lokuthula ungakhulumi into ezokubophisa enkantolo
Ukwedelela inkantolo – ukwephula iSinqumo seNkantolo noma ukukhombisa ukungayihloniphi inkantolo
Ukwenzelela – ukwakha umqondo wokwahlulela ngokubheka uhlangothi olulodwa lodaba
Umbhasobhi – umuntu onegunya elisemthethweni lokubhasobha ingane engenabazali
Umelekeleli wohlelo enkantolo – utholakala ezinkantolo ezithize ukweseka nokwelekelela ofakazi
Umhlaziyi – umuntu ohlala nomhlukunyezwa endlini eseceleni (ngokwekhamera) ngaphandle kwenkantolo asize abahlukunyeziwe ukuqonda imibuzo ebuzwayo enkantolo
Ummangali – umuntu ofake icala lombango
Ummeli – igama jikelele okubizwa ngalo wonke umuntu oneziqu zobummeli; ummeli
Ummeli wezivumelwano – ummeli oyisiphesheli ekubhaleni nasekufakazeleni imiqulu yomthetho
Umngane kafakazi – umuntu oseNkantolo yeMantshi ochaza amalungelo kafakazi amkhokhele nemali yokuhamba kwesinye isikhathi
Umngane wesiboshwa – umsebenzi wasenkantolo yeMantshi osiza ngezinto ezifana nokuthola imali yokukhokha ibheyili nenhlawulo
Umshado (wasenkantolo) – umshado orejistiwe owaqhutshwa kumantshi noma kumfundisi wokholo oluthize
Umshado (ukuhlalisana/ukukipita) – ukuhlala ndawonye ngaphandle kokushada ngokomthetho
Umshado Wosiko – umshado ngokosiko lwase-Afrika
Umshushisi kahulumeni – umuntu obeka icala kummangalelwa (obizwa ngomshushisi kumbe umshushisi kahulumeni)
Umshushisi Oqondene namacala athize – umuntu oqeqeshelwe ukushushisa amacala athize, njengawocansi
Umthetho weNdabuko wase-Afrika – imithetho yamasiko endabuko yase-Afrika
Umvikeli womphakathi – umgcini-hhovisi oqashwe nguhulumeni ukuze aphenye izikhalazo zenkohlakalo nezenzo ezingekho emthethweni ezenziwe abasebenzi bakahulumeni nabasezikhundleni kwahulumeni
Ungoti/ufakazi ongungoti – umuntu onolwazi oluthize ongabizwa ukuzokwethula ubufakazi ngomkhakha awungoti kuwo enkantolo
Uphenyo ngokufa – ucwaningo lomthetho ukuthola ukuthi umuntu ongafanga ngokugula akabulawanga yini
Usuku lokubuyela – usuku lokubuyela komuntu onesicelo enkantolo (noma isivimbelo) azobuyela ngalo enkantolo ukuze kukhishwe isinqumo; lubuye lubizwe nge-“rule nisi”
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 30-31 6/11/08 2:09:40 PM
�� ����
Izinombolo eziwusizo
Izinombolo zocingo zikaMqondisi wezokuShushisa
u-DPP Bophuthatswana DivisionUcingo: 018 381 9002Ifeksi: 018 381 9033
u-DPP Eastern Cape DivisionUcingo: 046 602 3000Ifeksi: 041 502 1437
u-DPP Natal Provincial Division Pietermaritzburg Ucingo: 033 845 4405Ifeksi: 033 394 6891
u-DPP Orange Free State DivisionUcingo: 051 410 6000Ifeksi: 051 448 2671
u-DPP Transkei DivisionUcingo: 047 501 2655Ifeksi: 047 501 2653
u-DPP Transvaal Provincial DivisionUcingo: 012 351 6700Ifeksi: 012 321 8176
u-DPP Western Cape Provincial Division Ucingo: 021 487 7000Ifeksi: 021 424 7825
u-DPP Witwatersrand Ucingo: 011 220 4122Ifeksi: 011 333 0402
I-Legal Aid BoardIhlinzeka abammeli nabeluleki abakhokhelwa uhulumeni abasiza abantu abangenayo kahle imali Ucingo: 086 1053 425/011 877 2000
Umvikeli WomphakathiUcwaninga izikhalazo zomphakathi ezibhekiswe kwizikhungo nabasebenzi bakahulumeniUcingo: 0800 112 040
Ukukhalima ubugebengu ngu-SAPS (SAPS Crime Stop)Babikelwa ngezigebengu nangezenzo zobugebengu Ucingo: 08600 10111
Inombolo ephuthumayo yakwa-SAPS Yokushayela amaphoyisa ngokuphuthmayoUcingo: 10111
Inombolo yakwa-SAPS yosizo lwesihluku kwabesifazaneInombolo yosizo kwabesifazane abaphatheke ngesihluku nangonya Ucingo: 0800 150 150
Ama-Th uthuzela Care CentreEastern Cape Esibhedlela i-St BarnabasLibode, Umtata Ucingo: 047 568 6274
Isibhedlela i-Cecilia Makiwane Mdantsane, East London Ucingo: 043 761 2023
GautengIsibhedlela saseMamelodi Ucingo: 012 801 2717
Isibhedlela saseNatalspruit Ucingo: 011 9091002/3/6/9
Isibhedlela i-Chris Hani Baragwanath, Soweto Ucingo: 011 933 1229/3346
KwaZulu-NatalIsibhedlela i-Prince Mshiyeni Umlazi Ucingo: 031 907 8496
i-Phoenix Crisis CentreEsibhedlela i-Mahatma Ghandi Durban Ucingo: 031 502 2338
North WestIsibhedlela saseMafi keng Ucingo: 018 383 7000
Northern Cape Isibhedlela saseKimberlyGaleshewe Ucingo: 053 830 8900
Western Cape Isibhedlela i-GF Jooste, MannenbergUcingo: 021 691 6194
Uma ungagculisekile ngendlela esiphethwe ngayo isikhalazo sakho, thintana nalaba bantu
abalandelayo...
Inhloko-Hhovisi kaMshushisi kuZwelonke: 012 845 6000
Izikhalazo ngenkantolo encane kufanele zibhalwe phansi zithunyelwe kuMshushisi woMphakathi Ophethe (Senior Public Prosecutor) kuleyo nkantolo. Uma ungenelisekile ngomphumela, noma uma isikhalazo sakho simaqondana naye uMshushisi Ophethe, udaba lwakho ungalubhekisa kuMshushisi Omkhulu Wendawo. Uma nalapho ungane-liseki, ungadlulela kumqondisi wabaShushisi kwiqoqo lezinkantolo lasendaweni. Th umela
isikhalazo esibhalwe kafushane ufake ino-mbolo yecala kanye nenombolo ebizwa CAS yamaphoyisa. Igama likammangalelwa nosuku lwakhe lokugcina ukuvela enkantolo kuzoyisiza i-NPA ukulubheka ngokushesha udaba. I-NPA izama ngawo wonke amandla ukuzixazulula ngokushesha izikhalazo.
Ukuthola eminye imininingwane, vakashela www.npa.gov.za noma ushayele kwa-NPA ku 012 845 6000 ukuze uthole izinombolo zocingo namakheli owadingayo.
Uhlelo Lokulungiselela InkantoloUhlelo lokulungiselela inkantolo luwuhlelo olweseka ofakazi (ikakhulukazi izingane) ukulungiselela ukwethula ubufakazi enkantolo. Lolu sizo alukhishwa yizo zonke izinkantolo. Ukuthola ukuthi inkantolo ozokwethula kuyo ubufakazi inalo yini lolusizo, shayela uMshushisi Ophethe endaweni.
LNPA_NPA_A5_BROCHURE.indd 32-33 6/11/08 2:09:42 PM