zul64-0410 izibonakaliso zangokombhalo zesikhathi …download.branham.org/pdf/zul/zul64-0410...

43
IZIBONAKALISO Z A NGOKOM BHALO ZESI KHATHI Siyakubonga ngalokhu. Asikhothamise amakhanda ethu umzuzwana, senzele umkhuleko. Baba waseZulwini onomusa kakhulu, sisondela esihlalweni saKho sobukhosi nobukhosi, kulobubusuku, eGameni likaJesu Kristu. Sazi lokhu, ukuthi sinesiqiniseko ukuthi Uzosizwa. Asinalo elinye igama esingaqinisekiswa ukuthi Uzosizwa kulo, kepha Wathi, “Uma niyocela eGameni laMi…” Ngakho, sikhulekela ukuthi Uzosemukela singene eMbusweni waKho, kulobubusuku. Futhi kwangathi singahamba lapha, sithi, njengalabo ababevela e-Emawuse, “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini phakathi kwethu, lapho Ekhulumisana nathi endleleni na?” Baba, sicabanga ngalabo kulolo olukahle, olokuqala, ukusa kovuko okuhle; uJesu ephila futhi ephakathi kwabantu; futhi nokho bona (abanye, ababeMthanda), abakuqondanga. Kukanjalo nanamhlanje ebusuku, Nkosi, emva kweminyaka engamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye: Usaphila futhi uphakathi kwethu, nabantu abaningi abakuqondi. (Nakuba lawomadoda ebefanele akuqonde, bayazi umBhalo wathi Ubeyovuka.) Kodwa, Baba, ngiqagele izidalwa ezingabantu nje. Sixolele, Nkosi. Futhi siyakhuleka, manje, ukuthi umusa waKho uzosenela, kulobubusuku. Futhi yipha izibusiso zaKho phezu kwabobonke abalindile nalabo abangaphansi kokulindela ngokuphiliswa kwabo kwenyama. Yipha, Nkosi, kuzoba khona, kulobubusuku, ukuthi bangafinyelela ngokukholwa futhi baKukholwe. Sikucela eGameni likaJesu Kristu. Amen. Ningahlala phansi. Mfu. Jack Moore, ngabe usesakhiweni na? Mfu. Jack Moore? Uyafunwa esitendeni sezincwadi khona manje, Mfowethu Jack Moore. Siyajabula ukuba lapha kulobubusuku, futhi, enkonzweni yeNkosi. Futhi ngokulindela okukhulu sikholwa ukuthi uNkulunkulu uzohlangana nathi phezu komhlabathi ukuthi si…Asethembise ukuhlangana nathi kuwo. Manje, asizisho ukuba nanayimaphi amandla. A— angikholwa ukuthi sinamandla okuphilisa abagulayo. Asinawo amandla, kodwa sinegunya. Niyabo? Akusiwo amandla.

Upload: trinhbao

Post on 15-Apr-2018

530 views

Category:

Documents


10 download

TRANSCRIPT

IZIBONAKALISO

ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI

Siyakubonga ngalokhu. Asikhothamise amakhanda ethuumzuzwana, senzele umkhuleko.

Baba waseZulwini onomusa kakhulu, sisondela esihlalwenisaKho sobukhosi nobukhosi, kulobubusuku, eGameni likaJesuKristu. Sazi lokhu, ukuthi sinesiqiniseko ukuthi Uzosizwa.Asinalo elinye igama esingaqinisekiswa ukuthi Uzosizwa kulo,kepha Wathi, “Uma niyocela eGameni laMi…” Ngakho,sikhulekela ukuthi Uzosemukela singene eMbusweni waKho,kulobubusuku.

Futhi kwangathi singahamba lapha, sithi, njengalaboababevela e-Emawuse, “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yiniphakathi kwethu, lapho Ekhulumisana nathi endleleni na?”Baba, sicabanga ngalabo kulolo olukahle, olokuqala, ukusakovuko okuhle; uJesu ephila futhi ephakathi kwabantu; futhinokho bona (abanye, ababeMthanda), abakuqondanga.

Kukanjalo nanamhlanje ebusuku, Nkosi, emva kweminyakaengamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye: Usaphila futhiuphakathi kwethu, nabantu abaningi abakuqondi. (Nakubalawomadoda ebefanele akuqonde, bayazi umBhalo wathiUbeyovuka.) Kodwa, Baba, ngiqagele izidalwa ezingabantunje. Sixolele, Nkosi. Futhi siyakhuleka, manje, ukuthi umusawaKho uzosenela, kulobubusuku.

Futhi yipha izibusiso zaKho phezu kwabobonke abalindilenalabo abangaphansi kokulindela ngokuphiliswa kwabokwenyama. Yipha, Nkosi, kuzoba khona, kulobubusuku, ukuthibangafinyelela ngokukholwa futhi baKukholwe. SikucelaeGameni likaJesu Kristu. Amen.

Ningahlala phansi.

Mfu. Jack Moore, ngabe usesakhiweni na? Mfu. Jack Moore?Uyafunwa esitendeni sezincwadi khona manje, Mfowethu JackMoore.

Siyajabula ukuba lapha kulobubusuku, futhi, enkonzweniyeNkosi. Futhi ngokulindela okukhulu sikholwa ukuthiuNkulunkulu uzohlangana nathi phezu komhlabathi ukuthisi…Asethembise ukuhlangana nathi kuwo.

Manje, asizisho ukuba nanayimaphi amandla. A—angikholwa ukuthi sinamandla okuphilisa abagulayo. Asinawoamandla, kodwa sinegunya. Niyabo? Akusiwo amandla.

2 IZWI ELIKHULUNYIWE

Asithi, isibonelo nje, yi—yiphosa limi phandle emgwaqeni.Lisinda amaphawundi ayikhulu neshumi. Futhi nakhukuza lonke uhhide lwesiminyaminya sezimoto nga—ngamamayela angamashumi ayisishiyagalombili ngehora,izinjini ezinamandla ehhashi angamakhulu amathathu kuzona,futhi zibhuza zehla ngomgwaqo, izinjini ezinamandla ehhashiangamakhulu amathathu. Ngani, lowomfo omncane akanawoamandla ukumisa eyodwa yazo, kodwa yekela lelobhejilicwebezele futhi aphakamise isandla sakhe: lalela amabhukelieklwiklwiza, zibuke zishelela emaceleni. Akusiwo amandla akheazimisayo, yigunya lakhe.

Nebandla linegunya elivela kuJesu Kristu. “Bayakukhiphaodeveli ngeGama laMi; bakhulume ngezilimi ezintsha;uma bephatha izinyoka; noma baphuze okubulalayo,akuyikubalimaza; uma bebeka izandla kwabagulayo,bayakusinda.” Leli igunya laKhe elinikeziwe.

Manje, kungathiwani uma leliphoyisa elincane elifanayoliyasaba ukuphakamisa isandla salo bese lime lithi qekelelekulesisiminyaminya sezimoto na? Kungcono akhumuleumfaniswano, abuyisele ibheji, ngoba akasoze aba yiphoyisa.

Nathi asisoze saba amakholwa, inqobo nje uma sisasabaukusebenzisa igunya lethu esiliphiwe nguJesu Kristu.Sinokunqoba. Asidingeki ukuba nayikuphi…asidingeki ukubasilwele ukunqoba, sesivele sinokunqoba. Wasinqobela, hhayithina; Wasinqobela. Asisiye uMnqobi onaMandla, UnguMnqobionaMandla.

Manje khumbulani, kusasa ebusuku, uma iNkosi ithanda,lobubusuku obuthi abube bubili…

Kuyadabukisa nje ukugijimela edolobheni elinjengaleli,futhi nje waziwe, uxhawule, uhambe. Futhi lokho a—lokhoakukahle kubantu. Akukahle enkonzweni, ngempela akukahle,ngoba inkonzo ikancane ngasohlangothini olungavamile, futhinje unobusuku noma obubili, uku, cishe ubusuku obubili,ukukwethula, bese-ke ngiqala ukukhulekela abagulayo.Nabantu bagijimela enhla emgqeni womkhuleko, bengaziimpela ngisho ukuthi bazela ini, ngokuphuphutheka njebegxumela kukho. Kumele kunekwe obala futhi kukhonjiswengokomBhalo, iZwi ngeZwi, lowo ngu ISHO KANJE INKOSI.Futhi lokho kuqinisile. UMlayezo wehora eNzalweni yoBukhosiethembekile kaAbrahama ngoJesu Kristu.

Ngokuba siyizindlalifa noAbrahama, ngokwesethembiso.Njengoba singezikaKristu, siyiNzalo ka-Abrahama, futhisiyizindlalifa kanye naye esithembisweni, iNzalo yoBukhosi;kungesiyo inzalo ngoIsaka, owayengowemvelo, ngocansi.UJesu wayeyi—wayeyiNzalo ngale kocansi. Wayeyi…WayenguNkulunkulu qobo lwaKhe. Asisindiswa ngegazilabaJuda, futhi asisindiswa ngegazi loweZizwe. Wayengesikho

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 3

kokubili umJuda noma oweZizwe. WayenguNkulunkulu.Wayengelutho, engasilele ngalutho kuNkulunkulu. Niyabo?Waye…

Siyazi ukuthi Wakhulelwa esibelethweni, ivir-…sentombi, uMariya. Wayeyisifukamelisi. Akazange…iqandakwakungesilona elakhe, nokukodwa, lelo kwakungesiloiqanda lakhe, futhi kwakungesiyo imbewu yendoda, nomaimbewu yowesilisa; okuyihemoglobin, okuyingqamuzana legazi,isebulilini besilisa; siyakwazi lokho. Isikhukhukazi singazalelaiqanda, kodwa uma besikade singenanyoni yesilisa, alisozelachamusela. Sifanele sibe nenyoni yesilisa, kuqala. Owesilisauphethe i—ingqamuzana legazi, nokuphila kusegazini.

Futhi Lona kwakunguNkulunkulu, qobo lwaKhe,Yena, so-…Manje, iProtestane likholwa ukuthi iqandalalingelikaMariya. Iqanda ngeke lakhiqizwa ngale kokuvukakwemizwa. Ngakho ubungenza uNkulunkulu enzeni, khona-ke na? Niyabo? UNkulunkulu wenza kokubili iqandanengqamuzana leGazi.

WayenguNkulunkulu, inyama kaNkulunkulu. SiboneuNkulunkulu, saphatha uNkulunkulu ngezandla zethu. “Ngalekokuphikisana inkulu imfihlakalo yobunkulunkulu: ngokubauNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, wabonwa izingelosi,waphathwa lapha emhlabeni, wamukelwa phezulu wangenaeNkazimulweni.” Ngakho, siyathola kulokhu, manje, ukuthiWayenguNkulunkulu enziwe inyama. Watabernakela phakathikwethu. Wa—Washintsha isikhundla saKhe esikhulu esukaekubeni omkhulu OPhakade, njengoba sikhulumile izoloebusuku, Wayeyingxenye engehlukaniseki yomcabango waKheuQobo. Wabaphansi lapha, futhi waba uMuntu ukuhlengaumuntu.

Ngani, yindaba ethandeka kakhulu. Angiboni ukuthiabantu bake bahlale kanjani beyisoni futhi—futhi—futhi baziukuthi: Ukuthi uNkulunkulu waba kanjani ngomunye wethu.Kuchazwe ngesifanekiso kahle kakhulu lapho, bengingathandakanjani ukukushumayela kini, kuRuthi noNawomi: UkuthiWaba kanjani u—uMhlengi oyiSihlobo, wayefanele abenguMhlengi, futhi kwakufanele kube izihlobo. Nokuthi kanjaniuNkulunkulu, eseMoyeni, wayengeke abe umndeni kithina, futhiWaba umndeni kithina. Ngenkathi uNkulunkulu enze umuntungomfanekiso waKhe uQobo, wayengumuntu ongumoya,futhi kwakungekho muntu ukulima umhlabathi. Manje-ke,Umbeka emhlabeni emva…emizweni emihlanu. Wamenzaisilwane esinoMoya kaNkulunkulu kuye. Manje, singukuphilakwesilwane. Siyakwazi lokho. Siyisilwane esincelisayo. Isilwaneesincelisayo, isilwane esinegazi elishisayo. Bese kuthi-ke,uNkulunkulu wehla esimweni somuntu, njengoba umuntuathatha isimo sikaNkulunkulu, kwase kuthi-ke uNkulunkuluwathatha isimo somuntu, ukuhlenga umuntu abuyele emuva,

4 IZWI ELIKHULUNYIWE

ohlengiwe. O he, isithombe esihle kanje—kanje pho, kanjani…Into emangalisa kanje pho esinayo.

Manje, kulobubusuku, inkonzo emfushane nje. Nginibambeisikhathi eside izolo ebusuku. Emva kwelesishiyagalolunye nqo,ngiqaphele abantu beqala, oyedwa esukuma, ehamba lapha,ephuma. Ngani, niyabo, lokho kuyaphazamisa. Kuyathikazisaemhlanganweni. Futhi uma kwenza, akusilo iphutha lakho,mhlawumbe ubufanele ubambe ibhasi noma okuthile, futhiufanele ube lapho. Ngiyazi ukuthi lokho kuchaza ukuthini.Ngizozama ukuphuthuma.

Manje, kusasa ebusuku, uma uNkulunkulu ethanda, ngifunaukuthatha indikimba yobuvangeli futhi ngishumayele kinikusasa ebusuku, iNkosi ithanda.

Kulobubusuku, ngifuna ukufunda omunye umBhalofuthi nje nginikeze izicaphuno ezimbalwa, ukusekela njekancanyanyana. Ngoba, aniqondi uMlayezo, futhi nonkeninjalo, ngokuzenzekelayo wonk’umuntu, niyizihambi kimi,futhi ningazi lutho mayelana noMlayezo, bese kuthi-ke ningaziukuthi konke lokhu kumayelana nani, nivele nifinyelele kukhongokuhlofuhlofuza nje.

Ngifuna niqonde: Isithembiso sikaNkulunkulu ngalolusuku!I—izinsuku zikaWesley bezingayikusebenza namuhla. IzinsukuzikaLuther…Kwakuyini indaba nga—ngamaLuthela na?IWeseli lathola ukuthi babephila ekubenyezeleni kokukhanyakweLuthela futhi uNkulunkulu wavusa uWesley. Futhiyini indaba—kwakuyini indaba ngeWeseli na? Babephilaekubenyezeleni kukaWesley ngenkathi iPhentekoste ivuka.Manje, yini indaba ngePhentekoste na? Liphila ekubenyezelenikwePentecostal.

Ukubenyezela ukubonisa kokukhanya, njengokukhohlisakotalagu emgwaqeni. Yilapho okukade kukhona ukukhanyafuthi kwabonisa ukukhanya kwakho. Lokho kwakuyintoefanayo, ukuthi banqaba uJesu. Babephila ekubenyezelenikokunye ukukhanya, bokukhanya komthetho. Futhi banqabile,noma, bahlulekile ukubona uMesiya, ngenkathi abaprofethibabo uqobo batshelwa khona impela Ayokwenza, ukuthiUyokhonjwa kanjani. FuthiWayelapho, ngayo impela nje indlelaabathi Uyoba ngayo. Futhi nokho bahluleka ukuMbona ngobababephila ekubenyezeleni kolunye usuku.

Ngiyazibuza namhlanje, bangane, “Isimo sakhosamanje siyokukhomba kanjani nabanye balabobalingiswaeBhayibhelini na?” Manje, cabanga ngakho. Bonke labobaFarisi nabaSadusi namaqembu amakhulu ezenkolo, nokuthibabeyisitashi kanjani futhi bebakhulu kanjani. Manje, cabanganje. Ubuyothatha luphi uhlangothi ukuba uJesu ubesemhlabenina? Hhayi ngisho, alikho ibandla ebelingaMngenisa kulo,akukho muntu, kodwa abangani abambalwa nje. Manje, niyazi

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 5

ukuthi lokho kuyaprofethwa futhi ngezinsuku zokugcina na?Kunjalo.

Futhi benazi, futhi, ukuthi ngalolosuku Wayefanele abengongafundile, umuntu ozalwe ngaphandle komshado na?Benikwazi lokho na? Benazi ukuthi Wayefanele abe indodaephambanayo emqondweni waYo na? Ngolunye usuku, Washokubafundi (waqalaza, kwakunabaningi ababenaYe), Wathi,“Uma ningadli inyama yeNdodana yomuntu, futhi niphuze iGazilaYo, aninakuPhila kinina.”

Manje, nicabanga ukuthi udokotela noma usosayensenoma—noma othize ohlakaniphile, isihlakaniphibesingacabanga ukuthini na? “Lowomuntu uyizimuzimu futhiuzama ukusithola sonke singamazimuzimu. Aphuze igazilomuntu na? Adle…?”

Akazange akuchaze. Wayengadingeki ukuba akuchaze.Eyangempela, eyangoqobo, iMbewu emiselwe ngaphambiliiyokubamba. (Wakukhombisa kulowo wesifazane omncaneesikhulume ngaye izolo ebusuku; nakuba esimweni sakhe,wayesanda kuthola ukuthi kwakuyini, masinyane.) FuthiWasho (Manje-ke wayenamadoda angamashumi ayisikhombisaAyewabizile, ngokuba, “abafundi.”), Wathi, “Niyakuthini umanibona iNdodana yomuntu yenyukela laphoEyavela khona na?”

“Yenyuka na? Siwubonile umbhede wengane ozwibekayoAyeyendezela kuwo. Siyamazi umama waKhe. Siyawaziumkhombe Azalelwa kuwo. Singabasemzini. Udoba kanyenathi, nokunye nokunye.Ungubani lomfo na?Ngani, si…”Awu,lokhu kwakulukhuni kubona ukuba bakholwe, futhi bamuka.

Manje-ke Wathi kwabayishumi nambili, “Ngikhetheabayishumi nambili benu, futhi omunye wenu ungudeveli.”Wayesethi kubona, “Niyafuna ukuhamba, nani na?” Manje,Akazange aKuchaze. Akazange abatshele ukuthi yayiyiniinyama yaKhe nokuthi laliyini iGazi laKhe. Akazange abatsheleukuthi Wehla kanjani nokuthi Wayezonyuka abuyele emuvakanjani. Kodwa bhekisisani, ngasosonke isikhathi, labobafundibebengeke baKuchaza nabo, kodwa baKukholwa. BabengekebaKuchaze. Babegcotshelwe kulokho kuPhila. BabengekebaKuchaze.

UPetru wathi, “Nkosi, siyakuya kubani na?” BabewaziuMlayezo wehora; babazi ukuthi kwakufanele kubeyini. Bathi,“‘Siyazi ukuthi Wena, futhi Wena kuphela, uneZwi lokuPhila,’ayikho enye indawo esingaya kuyo.”

Bengingayaphi, kuyiphi indawo namhlanje, ngaphandleuma ngiye kuKristu, iBhayibheli na? Ungu—Ungu—UnguMthombo ongenakuqedwa kaNkulunkulu; uma ukhakuWo kakhulu, uba freshi futhi Ubangcono.

Manje, uma nithanda, ngifuna ukufunda indikimba encanekulobubusuku, noma, usifundele omunye umBhalo. Bese kuthi-

6 IZWI ELIKHULUNYIWE

ke sizoqonda ngqo emlayezweni (futhi sizame ukuphumalapha ngelesishiyagalolunye, noma emva kancane, uma konkekungenzeka), nalokho nje kuzoba cishe yimizuzu engamashumiamathathu noma, amathathu-nanhlanu.

Ake sime, sisaphenya kuMathewu oNgcwele 12. Isahluko12 sikaMathewu oNgcwele, siqale ngevesi 38, sisakhothamisaizinhliziyo zethu ngenhlonipho yokuzithoba.

Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi,bathi, Mfundisi, sithanda ukubona isibonakalisoesenziwa nguwe.Kepha waphendula wathi kubo, Isizukulwane

esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha…asiyikunikwa-sibonakaliso, kuphela isibonakalisosikaJona umprofethi:Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini

somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu;kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba- senhliziyweniyomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.…ndoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni

kanye nalesisizukulwane,…asilahle: ngokubaaphenduka ngokushumayela kukaJona; futhi, bhekani,lapha kukhona omkhulu kunoJona.Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma

ekwahlulelweni kanye nalesisizukulwane, isilahle:ngokuba yavela emkhawulweni yomhlaba izakuzwaukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi, bhekani, laphakukhona omkhulu kunoSolomoni.…bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.

Asikhuleke.2 Nkosi, bhekani kusho ukuthi “bhekani phezulu ku,nakani.” Asikhumbule kulobubusuku, lamaZwi, ukuthi,“Omkhulu kunabo bonke ulapha,” iNkosi uJesu Kristu,iNdodana kaNkulunkulu. Sicela lesisibusiso, ukuthi UzothathalamaZwi futhi aWagcobe ezinhliziyweni zabantu, ukuze babenokukholwa, bese ezibonisa Yena uqobo ephila njengobaEthembisa ukuba njalo, “Bhekani, Mina nginani njalo, kuzekube ngisho nasekupheleni kwezwe, noma ukupheleliswa.”Sikucela eGameni likaJesu. Amen.3 Sizokhuluma nje imizuzwana embalwa ngokuthi:Izibonakaliso ZangokomBhalo ZesiKhathi.4 Manje, uJesu lapha wayesola lesosizukulwane ngobababengasikholwanga isibonakaliso saKhe somBhalo.Bhekisisani lababaFarisi. Beza kuYe base bethi, “Mfundisi,sithanda ukubona isibonakaliso esivela kuWe.” Bhekisisaniubumpumputhe babo. Isibonakaliso sase sivele senziwe futhiabasiqondanga.

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 7

5 Niyazi, ngikholwa ukuthi ngoluny’usuku uHlwitholuyokwenzeka nabantu abayikwazi lutho ngalo!6 UJesu wathi, kuMathewu oNgcwele isahluko 11, ngenkathiuJohane wayeze…Noma, abafundi bakhe babeze ukuzoMbona,futhi babuyela emuva. Wayesethi, “Naphuma ukuyobonanina? Umhlanga untengantengiswa ngumoya, noma umuntuombethe ingubo ecolekileyo na? Noma naya ukuyobonaumprofethi na?” Wathi, “Ngithi umprofethi ngempela! Manjeuma ningakwemukela, ngani, nguye lo okwakhulunywa ngayengom—mprofethi, ethi, ‘Ngiyathuma isithunywa sami phambikobuso baMi.’”7 Ngoluny’usuku, abafundi baMbuza, bathi, ngenkathiEkhuluma ngaYe eyiNdodana yomuntu; wathi, “Yini phoababhali bathi uEliyase umele ukufika kuqala na?”8 Manje bukani, kuMalaki isahluko 3, washo ukuthi,“Ngiyakuthuma isithunywa saMi phambi kobuso baMi,” uJesuwabhekisa kulowomBhalo. Hhayi uMalaki 4, manje; lesongesinye isikhathi. Niyabo, uMalaki 3 wayengesinye isikhathi,“Ngiyathuma isithunywa saMi phambi kobuso baMi.”9 UMalaki 4, uma efika, khona-ke umhlaba uzoshiswa,nabalungileyo baphume bahambe phezu kwemilotha,ngesikhathi seminyaka eyiNkulungwane, futhi asizangesikwenze lokho emva kokufika kukaJohane. Kodwa kuyobasemva kokufika kwesithunywa sosuku lokugcina esiyobuyiselaizinhliziyo zabantu zibuyele eVangelini lasekuqaleni,ukuKholwa kobaba bangasekuqaleni, uhlobo ababenaloe—eBandleni elisha eJerusalema. Nalokho kuyobuyiselwangezinsuku zokugcina, e…Liyoba seqenjini eliyingcosanangesibalo, kodwa nje liyoba wuhlobo olufanayo lwesimilonjengoElija noJohane, bobabili abathandi behlane, “abazondaabesifazane,” nakanjalo, nabaqhumisi behlelo. Futhi njekuyoba wuhlobo olufanayo lomuntu, kodwa abe neQiniso,eliqinisekisiwe, iQiniso elikhonjiwe. Lithenjisiwe.10 Manje, siyazi ukuthi uJesu waphenduka wayesethi kuye,“UEliyase usefikile vele, futhi anikwazanga.”11 Manje bekungedabukise yini impela, ngolunyelwalezizinsuku, uma sithola ibandla ngale esikhathinisokuhlupheka na? Manje angikho lapha ukuba ngishumayeleimfundiso. Angikwenzi lokho. Ngiyabahlonipha abafowethu.Kodwa uma nizongithethelela, mangijovele lokhu umzuzwananje. Mina, ngesingami qobo lwami, impela, ngikholwaukuthi ibandla ledlula kuso isikhathi sokuhlupheka, kodwahhayi uMlobokazi. E-hhe. UMlobokazi uya eKhaya. Niyabo,uNkulunkulu ukhipha uMlobokazi ebandleni, njengobaAkhipha isizwe esizweni, eGibhithe. Niyabo? UMlobokazi,leyo yinsali yenzalo yowesifazane, abaKhethiweyo. Lowongumsebenzi waKhe lapho Ebeka khona iphethini, kodwa

8 IZWI ELIKHULUNYIWE

insali yileyo esikwa ephethinini. Inzalo yowesifazaneyayisebumnyameni obungaphandle, kunjalo, kodwa hhayi—hhayi iBandla elikhethiwe. Li, seLivele lehlulelwe futhilahlanzwa, ngoba LikuKristu. Alidingi ukuba ledlule kunomayini enye. Amanye lizofanele ledlule kukho ukwehlulelwa ngobaayengekho phakathi.12 Manje, ngolunye lwalezizinsuku, leyongcosana encanengesibalo, “Njengoba kwenzeka emihleni kaNowa, laphoimiphefumulo eyisishiyagalombili wasindiswa ngamanzi,kuyakuba njalo ekufikeni kweNdodana yomuntu. EmihlenikaLoti, lapho imiphefumulo emithathu yasindiswa khonaemlilweni, kuyakuba njalo ekufikeni kweNdodana yomuntu.”13 Babheke into ethize yomhlaba wonke enkulukazi,ibe ingekho ngisho nasemBhalweni. Niyabo? Ngolunyelwalezizinsuku, bazothi, “Awu, bengicabanga ukuthiiBhayibheli lathi ibandla liyophunyuka kukho konke lokhu?”UMlobokazi uyaphunyuka kulokhu.14 Futhi cabangani nje, emva kokuba uNowa…“Njengobakwenzeka emihleni kaNowa.” UNowa wangena emkhunjininomnyango wavalwa. Wangena ngoMeyi ziyishuminesikhombisa, nomnyango wavalwa, futhi alizange line izinsukueziyisikhombisa emva kokuba wayesengene emkhunjini. “Futhiabakwazanga.” UNkulunkulu wavala umnyango.15 Futhi ngoluny’usuku umnyango wesihawu uzovalwa.Nabantu bayoqhubeka ngqo becabanga ukuthi bayasindiswa,futhi beshumayela, kanjalonjalo, futhi isihawu sesivelesideleliwe isikhathi saso sokugcina, futhi bengasazi sizesilahleke.16 Khumbulani, kunamakhulu abantu alahlekayo, nsukuzonke, esingenakubathola noma sizilande ngabo, umhlabajikelele. “Kuyoba noyedwa ensimini, Ngiyothatha oyedwa,oyedwa e…Bebabili embhedeni, futhi Ngiyothatha oyedwa.”Umhlaba wonke, ngakho akuyikuthatha abaningi kakhuluukwenza lokho kuphunyuka, uMlobokazi ohlwithiwe.Khumbulani izibonakaliso.17 UIsrayeli wayethembele njalo ezibonakalisweni zaboesikhundleni sezinkulumo zobuhlakani. Babefanele.UNkulunkulu wabathumela abaprofethi. Abaprofethi banikezaizibonakaliso.18 Futhi izibonakaliso, njalo uma kunesibonakaliso,isibonakaliso sangokomBhalo, kuzofanele kube nephimbolangokomBhalo elilandela lesosibonakaliso sangokomBhalo.Futhi kufanele konke kube ngokomBhalo, othenjisiwe.19 Ngakho, niyabo, ningena enkambisweni. NjengoLutherekulungisisweni, yilokho ayekwazi; yilokho kuphela, benelisa,futhi behlela ngqo emfundisweni yabo. Nakhu kufika uWesleynokungcweliswa, waqhubeka ngqo wayedlula; wayesehlela-

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 9

ke. Sekufika iPhentekoste nokubuyiselwa kweziphiwo; futhibahlela. NoNkulunkulu uqhubekela phambili ngqo, uqhubekaaqonde ngqo, ngaso sonke isikhathi, niyabo, okosuku nosuku,uNyaka weBandla ngamunye.20 Ninesithombe esimangalisayo lapho, kulobubusuku, esiyakuleyoncwadi, seminyaka emithathu, ukuthi iNkosi ingivumelekanjani ngikudwebe kugqame ebhlekbhodi, futhi ngikhombisanje ukuthi imiNyaka yeBandla yayizohluleka kanjani, nokuthinini nokuthi yayizokwehla-yenyuke kanjani. Futhi kwathinje lokho kungaphela, leyoNgelosi enkulu yeNkosi, lokhokuKhanya, ngaphambi ngempela njengabantu abaningiabahlezi lapha, kuza ngqo ohlangothini lodonga, kumi lapho.Nabantu bequleka. Futhi kwakudweba kwagqama ngqo, qobolwaKho, odongeni. Iminyaka emithathu kamuva, inyanga yaba-mnyama yase iphuma ngqo, impela nje, osukwini…ngaphambinje kokuba uphapha, uphaphawokuqala, aye eRoma.21 Futhi uma ibandla nomkhandlu wenkolo yobukristusekulungele…O, mfowethu, dadewethu, ningangiqalisikulokho. Sikhona lapha ekupheleni, zonke izibonakaliso, yonkeinto ibekwe nje kahle.22 UNkulunkulu unikeza izibonakaliso, izibonakalisozangokomBhalo, izibonakaliso zangokomBhalo zephimbo.Khumbulani ngenkathi uMose…Sinikelwa ini isibonakalisona? Singukuheha ukunaka. Isibonakaliso singukuheha ukunaka.Manje-ke uma isibonakaliso singenaphimbo, khona-keisibonakaliso asilungile. Futhi uma isibonakaliso sinikezaiphimbo lobufundisi elidala elifanayo, lesosibonakalisoasiveli kuNkulunkulu, uma lelophimbo lingenalo ushintsho.Naloloshintsho lufanele lube yisibonakaliso sangokomBhalo,lufanele lube yiphimbo langokomBhalo.23 Asithi, isibonelo nje, iphimbo lakhe lehlelo lalandelaisibonakaliso esithize; uNkulunkulu akazange akuthumelelokho. Besinehlelo yonke leminyaka. Kufanele kube nentoethize ehlukile. Kufanele kube ngu ISHO KANJE INKOSIemBhalweni. UNkulunkulu uzokuthembisa ngeZwi, bese kuthi-ke isibonakaliso sizoheha ukunaka kwabantu kuso. Besekuthi-ke iphimbo lilandela isibonakaliso, leyo yimfundisoehambisana nakho.24 UJesu wayenguMuntu ocatshangwa kangcono. Wayengurabiosemusha, umprofethi waseGalile. Yena, ngenkathi Wayephilisaabagulayo, kanjalonjalo, WayenguMuntu omkhulu. Kodwangoluny’usuku, Uhlala phansi, Uqala ukuxoxa futhiuyabatshela, “Mina noBaba simunye.” Lelo kwakuyiphimboelasilandelayo. O, qhabo, babengakufuni lokho. Babelungeleisibonakaliso, kodwa iphimbo babengalifuni. “Nxa nibonaiNdodana yomuntu yenyukela phezulu lapho Evelakhona,” abakwazanga ukukubona lokho nhlobo. Niyabo?

10 IZWI ELIKHULUNYIWE

Kodwa ngenkathi iphimbo liqala ukulandela isibonakaliso,babengafuni ukuzihlanganisa ngalutho nakho. Njaloisibonakaliso nephimbo!25 Isizathu sokuba uMose akhumula izicathulo zakhe,isibonakaliso saheha ukunaka kwakhe. Wabuka laphayawayesekubona lokho, lowomuthi uvutha.26 Manje, wayengusokhemese. Wayengusosayense omkhulu.Wayefundiswe kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibhithe.Futhi benze izinto esingeke sazenza namhlanje, kwisayense;bakha isivivane, amakhanda amabhubesi aqoshwe ngamatshe,benoketshezi lokugqumisa esingenalo thina, ukwenza umbalaesingenakho thina. Kwakuyimpucuko enkulu kakhulungaleyonkathi, nabafundiswe kakhulu, kunoma sinjalo thinanamhlanje. NoMose wayengungqondongqondo phezu kwabo.Futhi ngenkathi ebona lowomuthi uvutha, ungashi ulothe,akungabazeki kodwa ukuthi washo, he, enhliziyweni yakhengahle ukuba wathi, “Ngizoya ngale besengicosha ambalwaalawomaqabunga bese ngiwehlisela endlini yokusebenzelaisayensi, futhi ngibone ukuthi sithako-sini afuthwe ngaso.”Ukubawayenze lokho, iphimbo lalingeke neze likhulume kuye.27 Ungeke wamfanekisa uNkulunkulu. Ufanele uhlale phansieceleni kwaKhe bese nikuxoxisana. Khumula izicathulozakho, njengoba kwakunjalo, uyibeke phansi imfundo yakho.Buka ngqo eZwini laKhe, bese uthi, “Angikhathali ukuthiomunye uthini. Wena ukwethembise lapha okwalolusuku, futhikuyiQiniso.” UMose wakhumula izicathulo zakhe.28 Bhekisisani iphimbo elivela kukho. Ukuba kwakukadekungesilo iphimbo langokomBhalo, uMose wayengekealikholwe. Isibonakaliso saheha ukunaka, nesibonakalisosasizoheha ukunaka komprofethi.29 Umprofethi, qobo lakhe, uyisibonakaliso. UmauNkulunkulu ethuma umprofethi, xwaya, ukwahlulelakuyasilandela; bekuhlala kunjalo, kuyohlala kunjalo. Ayikhoindlela yokukugegela. Futhi kwe—kweqa ngqo phezu kwabantu,futhi abakwazi neze kuze kube kude kakhulu. AkumangalisiuJesu athi, “Nakha amathuna abaprofethi, nase niwacaka,kodwa, futhi yini enabafaka lapho. Futhi njengoba kwenzaoyihlo, nani niyokwenza.” Futhi bakwenza.30 Manje siyakubona kuza enkundleni manje, sibonauMose esukuma lapha. Futhi usibonile lesosihlahla, futhiwasondela eduze kwaso. Nephimbo livela kuso, lathi,“Khumula izicathulo zakho, ngokuba lendawo omi kuyoingcwele.” Wakhumula izicathulo zakhe wayeseguqa phansi.Wayesethi, “NginguNkulunkulu kaAbrahama, uIsaka,noJakobe.” Nakho kufika iphimbo langokomBhalo. “FuthiNgiyasikhumbula isithembiso saMi, futhi Ngiyazibonaizinhlupheko zabantu baMi. Ngiyasikhumbula isithembiso

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 11

saMi, futhi Ngiyakuthumela ezansi lapho ukuba ukwenze. FuthiNgenza wena ube njengephimbo laMi.31 “Futhi Ngizokunika izibonakaliso ezimbili. Nesinye sazosiyoba sesandleni sakho, futhi uyothatha futhi uphenduleinyoka ibe yi…noma isigxobo enyokeni.” Ne—nento elandelayo,ngukuba afake isandla sakhe esifubeni sakhe, nokuphilisakukaNkulunkulu. Wathi, “Uma bengayikulikukholwaiphimbo lesibonakaliso sokuqala, khona-ke bayolikholwaiphimbo lesibonakaliso sesibili. Futhi uma bengayikukholwa,uthathe amanzi emfuleni, uwathululele emhlabathini, futhiayophenduka igazi. Lokho kungukuthi, igazi labo seliveleliphuziwe kuhle komuthi kuwo-ke. IGibhithe seliphelile.”32 Sibe naso esokuqala, futhi sathola esesibili. Angazinoma esilandelayo asisiso yini esokuphuzwa kwegazi. Angaziukuthi ngabe simi kuphi, kulobubusuku na? Amaphimbonezibonakaliso, uNkulunkulu ebanika izibonakaliso. Qhabo,nje—nje cabangani ngokuthi zinjani izinto esizibone zenziwa,amaPhimbo angokomBhalo, ukuhunyushwa.33 Manje lokhu ukubenyezela okukhulu abantu abalelephansi kwakho, amehlo abo axhophekile, “Ngingowaleli.Ngingowalelo.” Lokho akuhlangene ngalutho noNkulunkulukunalutho olunye, lutho nhlobo.34 UNkulunkulu, kuzo zonke izizukulwane uthumeleizibonakaliso zaKhe. UJesu washo, ngaphambi kokuFikakwaKhe ukuthi Uyobonisa izibonakaliso, ngaphambikokuFika kwaKhe. Abantu njalo, bayakhumbula, ukukholwayizibonakaliso zangokomBhalo. Zifanele zibe yizibonakalisozangokomBhalo ezikhonjiweyo. UNkulunkulu njalo…35 Njengoba ngishilo izolo ebusuku, ibandla litholaizinto zixovekile futhi zaphuma, bese-ke Egcoba umuntuoyedwa. Wonke umuntu uyehluka komunye. Ugcoba oyedwa.UNkulunkulu munye, futhi ngakho Ugcoba umuntu. Akazangeasebenzise iqembu. Njalo Usebenzisa oyedwa; ubehlalaenzenjalo. Akawuguquli neze umzila waKhe. Usebenzisaoyedwa. Futhi Uthumela lokho ngaphambili, ashumayeleuMlayezo. Uyenqatshwa, ngokusobala; kodwa wonke lowooyoza, uyoza, kusukela kulesosizukulwane. Umlindo wokuqala,wesibili, wesithathu, wesine, wesihlanu, wesithupha, bese-ke kuba owesikhombisa, bese kuthi-ke uMyeni afike. Futhisikowesikhombisa.36 Futhi sithola lamabandla amahlelo egijima…Futhinganginamahloni ngalawa, nina Christian Business Men,ngobunye ubusuku, kufakwa kulelobhuku, lelobhuku loBusinessMen, “Baba oNgcwele uS’bani-bani.” Anazi yini nina bantubePentecostal ukuthi a “sifanele sibize-muntu ngo, ‘Baba,’kulomhlaba”? Lokho kukhombisa ukuthi uhlobo oluthizelokubenyezela luphuphuthekise amehlu enu. Yebo. Futhi

12 IZWI ELIKHULUNYIWE

aniqondi yini, labobantu, iBhayibheli lasho, ngenkathi i—ngenkathi lensali “lentombi elele yenyuka ukuyothengaamaFutha,” ukuthi aziwatholanga na? Zingahle ukuba zasinaeMoyeni, zakhuluma ngezilimi. Kodwa ngibabonile odevelibenza lokho; lokho akuhlangene ngalutho nakho. NgikhulumangoMoya oNgcwele, uMoya oNgcwele weBhayibheli.37 Ngibabonile beqhubeka emasimini abahedeni.Sengiwujikeleze kasikhombisa umhlaba, kuzo zonke—kuzozonke izinhlobo zabahedeni, nangokujikeleza amakhuluenkulungwane, nabantu abaningi ngangezinkulungwaneeziyikhulu namashumi amahlanu na, ya, noma abantuabayizinkulungwane ezingamashumi amahlanu bebuthanangesikhathi esisodwa. Nokuthola ukuthi zikuphosela inseleloenjani izinyanga-bathakathi nayo yonke into kukho. Ufanelewazi ukuthi ukhuluma ngani. Awufanele nje ukuba nenkulumoengukuhlakanipha. Ufanele ukwazi, ngoNkulunkulu,ukwesekela okhuluma ngakho, kungenjalo ungafinyelelikuleyonsimu lapho. Bayokwenza uphoxeke.38 Kodwa, khumbulani, uNkulunkulu wethu uselokhuenguNkulunkulu kaElija. Usalokhu enguNkulunkulu Ayelokhuenguye njalonjalo. Usalokhu enguNkulunkulu ofanayo.Uhamba ngesiyingi esifanayo. Wenza into efanayo. Nguyenaizolo, namuhla, naphakade. Ngibabonile bemi beshayekangokuba yizimungulu, bakhubazeke, futhi basuswe ensimini.UNkulunkulu usalokhu ehlala enguNkulunkulu. Qaphelani,manje, uJesu wasitshela ukuthi lezizinto zaziyokwenzekangezinsuku zokugcina, futhi sizithola nje ziyizo impelaizibonakaliso zokuFika kwaKhe. Yonk’into!39 Sonke sizovumelana ukuthi sisekupheleni kwezwe.Kodwa uma Eqala ukwehlela eBandleni, nezinto AzozenzelaiBandla, uMzimba, uMlobokazi ngezinsuku zokugcina, bese-ke siphenduka siphakamise ikhala lethu bese sisuka sihambe.Niyabo, kunje kufanele kube ngaleyondlela. Izwe liphendukabaphakamise ikhala labo kuLokho. Bazama ukungaKunaki.40 Bukani lokhu lapha izinhlelo zetelevishini, laphoabantu abaningi kakhulu bePentecostal behlala ekhayangoLwesithathu ebusuku ukuba babukele u SiyamThandauSucy, isenzo esinye sokungabi nasimilo somunye wesifazaneoseshade kane noma kahlanu, noma omunye wesilisa, futhinithande lokho kangcono kunoma nithanda elenu iBan-…uKristu wenu. Akumangalisi singenakuba nemvuselelo,akumangalisi sinento enjengaleyo, lapho uthando lwezwelulukhulu kunothando lukaNkulunkulu olusenhliziyweni yenu.41 O, singenyuka bese senza isinqumo, sifake igama lethuencwadini, bese siphuma bese siphila nezwe. Yilokho izweelikufunayo. Yilokho ibandla elikufunayo. Lifuna ukugcinaukuvuma kwalo, futhi likholwe ukuthi lingumKristu, futhi

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 13

liphile noma ngayiphi indlela elifuna ukuphila ngayo.Ningakhathazeki, nizothola ukukwenza emkhandlwini wenkoloyobukristu. Bayonivumela nenze noma yini enifuna ukuyenza.42 Kodwa, khumbulani, uMlobokazi uyobizelwa ngaphandle,ahlukaniswe futhi ehluke, agcwaliswe, azalwe nguMoyaoNgcwele, agezwe eGazini leWundlu. Uyozithiba kuyo yonkeinto engamanyala, ngakuMyeni wakhe. Uyintombi emhlophe,emsulwa, ngeZwi. IZwi naye bayafana. Njengendoda nomfaziwayo uba munye, ekuhlanganisweni, lenzenjalo neBandlalikaNkulunkulu langempela ngokoqobo. Uma eba kuKristu,iBhayibheli ligcizelelwa ngo “amen,” zonke izithembiso.Akwenzi mehluko ukuthi ihlelo lithini. Umphefumuloosekholweni, uyaligcizelela, ngoba yiZwi kuye likhulumakuzwakale.43 “IZwi libukhali kunenkemba esika-nhlangothi zombili,lahlukanisa imicabango nezizindlo zenhliziyo.” IBhayibhelilasho njalo. Liqinisekiswa futhi laziwe kanjalo-ke.44 Qaphela, mfowethu, qaphela. Kubi kakhulu ukuthi asizibonilezizinto. UJesu wakhuluma ngazo.45 Wayeyisibonakaliso sabo sangokomBhalo, futhiabaMqondanga.Wayeyiso impela isibonakaliso sangokomBhalo.Wabatshela ukuthi Wayeyiso. Wathi, “Hlolani imiBhalo. KuYonithi ninokuPhila okuPhakade, futhi Yiyo efakaza ngaMi. UmaNgingenzi imisebenzi kaBabawaMi, ningakukholwa.”46 Wonke umuntu unokuhunyushwa okungokwakhekwangasese. Lonke ihlelo linalamakholiji, lichamsela isigejanesabashumayeli abachamselwe ngomshini. Bengihlala njalongilidabukela ichwane elichamselwe ngomshini, lalingena-mama; akunandaba ukuthi lalitshiyoza kangakanani,lalinganakwa-mama. Ibakhiqiza kanjalo-ke abefundisi benkololemishini, ngezinye izikhathi akazi lutho ngoNkulunkulukunoma iLawu lazi ngobusuku baseGibhithe, noma unogwajaazi ukuthi zifakwa kanjani izicathulo zaseqhweni.47 Esikudingayo ngumshumayeli osenolwazi obekwingemuvalogwadule, waze wahlala kuleyondawo phansi kukaNkulunkulukuze kwehle iNsika yoMlilo phambi kwakhe njengobaYenza uMose, futhi akukho-muntu ongakususa lokho kuye.Wayelapho ngenkathi kwenzeka.Manje lelo yiqiniso. KubuyelwekuNkulunkulu, nokubuyela eBhayibhelini laKhe!48 UJesu wathi, “Ukuba beningazi Mina, beniyakulwazi usukulwaMi.”49 Wonke umuntu banokuhumusha okungokwabo. IMethodistiinokwabo. IBaptisti, iPresbyterian, amaPentecostal, onkeanokuhumusha kwawo. Kodwa iBhayibheli liyasho, ukuthi,“IZwi likaNkulunkulu alihunyushwa ngasese.”

14 IZWI ELIKHULUNYIWE

50 Kuyini ukuhunyushwa kwaLo, pho? Wenza ukuhumushaokungakwaKhe uQobo. Wathi, “Makube-khona ukukhanya,”futhi kwabakhona ukukhanya. Lokho akudingi kuhunyushwa.Wathi, “Intombi iyakukhulelwa,” futhi yakhulelwa. Lokhoakudingi kuhunyushwa.51 Wathi, “Ngezinsuku zokugcina, Wayezothulula uMoyawaKhe phezu kwayo yonke inyama,” futhi Wakwenza.Lokho akudingi kuhunyushwa. Sekuvele kwenziwe, khonangqo ebusweni babagxeki abathi kwakungenakwenziwa.UNkulunkulu wakwenza, empeleni, ngoba Uhumusha iZwilaKhe.52 Wakusho, “Njengoba kwenzeka emihleni yaseSodoma,kuyakuba njalo ngesikhathi sokuphela, lapho iNdodanayomuntu yembulwa.” Futhi Wakwenza. Asikho isidingosanoma yikuphi ukuhunyushwa. Lizihumusha Lona, zonkelezizithembiso Azenza.53 Wathi, “Okholwa yiMi, imisebenzi engiyenzayo Mina, izintoengizenzayo Mina, naYe uyakuyenza.” Akudingi nayikuphiukuhunyushwa, Uyakwenza nje. Yilokho kuphela. Uma…“Mina ngingumVini, nani ningamagatsha.” UkuPhila okufanayookusemVinini kusemagatsheni, igatsha elifanayo eliphumangoSuku lwePhentekoste.54 Ngama ngoluny’usuku ngase ngibona okubonakalakuyimfihlakalo. Umngane wami olungileyo, nomngane kaJackMoore. UJohn Sharrit, iNkosi yambusisa, ingxenye yokuqalayenkonzo. Wayengenabantwana. Wayesebenzela utwentifayfi sente ngehora, eqhumisa ukhonkolo emgwaqeni. Uzaemhlanganweni, iNkosi imbusise; enabantwana abahlanu,futhi manje uhhafu wePhoenix usungowakhe uqobo. Unikelacishe ngezigidi ezimbili noma ezintathu, unyaka ngamunye,eNkosini. Ngangimi eplazini lakhe, kungekudala, elinye lawo,lapho ayenabaseMexico abangamakhulu ayishumi nanhlanubesebenza ngokungaxhamazeli. Naso sonke isifunda sezwesalutho kodwa ukotini, amazambane, isifunda sezwe emvakwesifunda sezwe. Zingezakhe uqobo, qobo lwakhe, futhieminyakeni eyishumi nanhlanu edlule wayehola ikota ngehora,ngokubhidliza ukhonkolo.Wethemba uNkulunkulu.55 Ngangibuka esinye sezihlahla zakhe, futhi sasinohlobooluningi kakhulu lwesithelo kuso. Unengadi enkulu yezihlahlaezisama olintshi. Ngase ngithi, “Mfowethu Sharrit, uthiningalesosihlahla lapho na?”

Wathi, “Mfowethu Branham, leso sinalo lonke uhlobolwesithelo kuso.”56 Ngathi, “Awu, sinolamula, sino…Ngibona uhlobolwamanantshi amatanjerina, itanjelo. Ngibone amalamula,uphaphamuzi, nama olintshi.” Ngathi, “Hlobo luni lwesihlahlalolo na?”

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 15

Wathi, “Isihlahla sama olintshi.”Ngathi, “I olintshi? Nazo zonke kuso na?”Wathi, “Yebo, lowo ufakelwe. Ufuqelwe lapho.”Ngase ngithi, “O, ngiyabona. Yilokho enikubiza ngokuthi

ukufakelwa na?”57 Wathi, “Yebo, Mfowethu Branham.” Wachaza ukuthibakwenze kanjani, ngezikhathi ezithize zonyaka, ukuthibalifakela kanjani leligatsha.58 Ngathi, “Manje, ngonyaka ozayo, angeke abekhonaamatanjerine, angeke abekhona amatanjelo, angeke sibekhonaisithelo nhlobo kodwa lutho kodwa ama olintshi.”59 Wathi, “O, qhabo. Qhabo, qhabo.” Wathi, “Uphaphamuziuyoveza, umvini kaphaphamuzi uyothela umvinikaphaphamuzi, uphaphamuzi. Itanjerine iyoveza itanjerine.Ulamula uyoveza ulamula.”

“Awu,” ngathi, “hlobo luni lwesihlahla lolo na?”Wathi, “Isihlahla sama olintshi,” washo.

60 “Kodwa uma lesosihlahla sama olintshi sike saze savezaelinye igatsha,” ngathi, “siyovezani na?”

Wathi, “I olintshi.”Ngathi, “Ngiyakubona.” O, yebo. Ngani na? Zonke

ziyisithelo esisama olintshi.61 Sonke sizisho ukuthi sikuKristu. Kodwauma singenaLapho,nesivumokholo sehlelo, siphila ngaKho. Kunjalo. Kodwa umalesosiHlahla sike saze saveza elinye igatsha, kuyoba ngenyeiNcwadi yeZenzo elotshwe emva kwayo. Kuyoba njengobalalinjalo igatsha lokuqala, elivelayo. Liyoba ngeligcwaliswengoMoya oNgcwele, eliphefumulelwe nguMoya oNgcwele,uMoya oNgcwele! Akuyikubakhona isivumokholo kuso. KuyobayiZwi.62 Abaningi benu uthatha amateyipu, banoMlayezoothi IsiHlahla soMlobokazi. Isithelo siphezulu echosheningqo, seziNkanyiso zakusihlwa uku—ukuvuthwisa. Manje,neziNkanyiso zokuhlwa kuvuthwisa isithelo ngalesisikhathi.63 Manje, sithola ukuthi babefanele baMazi, kodwaabaMazanga. Kunjalo nasesikhathini sethu, abaMazi. UJesulapha wayethathisela…Masinya manje, ngakho singenaeMlayezweni. UJesu wayethathisela emuva, futhi Wayekadeenza izibonakaliso, ebabonisa ukuthi WayenguMesiya, khonaimpela uMesiya ayefanele akwenze, enza isibonakalisosikaMesiya. O, eziningi zazo, sizithathe izolo ebusuku,sakukholwa.64 Sithola ukuthi o—owesifazane emthonjeni, wayengafundile.Wayenegama elibi. Kodwa wathi nje angabona lesosibonakaliso,

16 IZWI ELIKHULUNYIWE

wathi, “Nkosi, ngiyabona ukuthi Ungumprofethi wena. Futhingiyazi ukuthi nxa uMesiya efika, futhi Uyokwenza lokhu.”

Wathi, “NginguYe okhuluma nawe.”65 Futhi ngenkathi eyongena emzini waseSikari,wayesebatshela konke Ayekwenzile, wathi, “Wozani, niboneuMuntu Ongitshele engikwenzileyo. Lona akusuye yini uMesiyaimpela na?” NeBhayibheli lathi…Akabange esakwenza, kodwabaMkholwa, nguYe, ngenxa yobufakazi bowesifazane onegamaelibi. Manje nikhuluma ngokuvuka ezinsukwini zikaJonase futhielahla lesisizukulwane na?66 Qaphelani, siyathola, ke, uNatanayeli, uPetru, nabanye,abakholwayo. Sibona uBartimewu oyimpumputhe.67 Sibona uZakewu emthini, wacasha. “UJesu,” wathi,“Akasoze angibona phezulu lapha.”68 NoJesu wama ngqo phansi komuthi, wayesebuka phezuluwayesethi, “Zakewu, yehla.” WayeyiZwi, neZwi lehlulelaumcabango osenhliziyweni.69 NabaFarisi nezifundiswa ezinkulu zangalolosuku, zaLilahla,ngoba Lalingenakho ukuphucuka nokucwebezela kobufundisibenkolo kulo. Lalingenalo iso lokubuka elalifanele libe nalo.Lalingenakho ukucwebezela ne—nezinto umfundisi wezenkoloayefanele abe nakho, efake umnqwambo omkhulukazi, ukhololoobhekiswe emuva, nenye into ethize, nolunye uhlobo lwa—a—amagama ayengakhulunywa, ukuba eqe ngaphezu kwekhandalabantukazana.70 NeBhayibheli lathi, “Abantukazana baMuzwangokujabula.” Wayekhuluma ulimi lwabantukazana. Wayephilaimpilo yomuntukazana.71 Manje-ke siyathola ukuthi ekwenzeni lokhu, siyatholaukuthi kwenzekani. Manje abakwazanga ukukukholwa,futhi bathi, “Lomuntu unguBelzabule. Ungumoya omubi.”Ngamany’amazwi, “Uphakathi kokuthi unokufunda umqondonoma—noma kuphakathi kokuthi Une…Yena, Ungumbhuliwohlobo oluthize.” Futhi noma ubani uyazi ukuthi lokhongokukadeveli, futhi kungukuzifanisa nomunye umuntu. Futhingakho siyathola-ke ukuthi baMlahla.

Manje-ke wayemi lapha, wathi, “Nkosi, sikhombiseisibonakaliso.”72 Yini Ayiphendulela kubo na? Wathi, “Isizukulwaneesibi nesiphingayo sifuna izibonakaliso.” Manje bhekisisani,“Isizukulwane esibi nesiphingayo.”Wayeprofetha.Wathi, “Futhibayosemukela, isizukulwane esibi nesiphingayo.” Futhi umaleso kungesiso isizukulwane esiphila kuso, angazi kungani.Khumbulani, sonke isiprofetho sinencazelo embaxambili.73 Tholani kuMathewu lapho, isahluko 3, lapho Okwathi,“Indodana yaMi Ngiyibize iphume eGibhithe.” Hamba

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 17

ngenkomba ubuyele emuva uze uthole ukuthi WayekhulumangoJakobe, indodana yaKhe. Kodwa futhi iNdodana yaKheenkulu kunaye, uJesu,Wambiza aphume eGibhithe.

74 Manje sithola ukuthi phakathi lapho, “Isizukulwane esibinesiphingayo sifuna isibonakaliso, futhi bazosithola, ngokubaisizukulwane esibi nesiphingayo siyobona isibonakalisosokuvuka. Njengoba uJona wayese—sesiswini somkhomoizinsuku ezintathu nobusuku, kanjalo iNdodana yomuntuifanele ibe senhliziyweni yomhlaba, iyobe Isivuka-ke.”Sekube yiminyaka eyizinkulungwane ezimbili, futhi sinesinyeisizukulwane esibi nesiphingayo. Futhi bemukela isibonakalisosikaKristu ovukileyo, ephila phakathi kwethu, emvakweminyaka engamakhulu ayishumi nesishiyagalolunye!Nguyena izolo, namuhla, naphakade.

75 UJona, siyamazi, siyazi wayengumprofethi. Abaningi babobabhekisela kuye njengolunye uhlobo olu—olubalekela kwenyeindawo. Wayengesilo. “I right-…izinyathelo zabalungileyoziqiniswa yiNkosi.” Ngangifunda incwadi kungekudala. WayaeTarashishi, nomawaqala ukuya kuyo, esikhundleni saseNineve,kodwa konke lokho kwakusecebweni likaNkulunkulu.“Izinyathelo zabalungileyo.” Ngoba, ngesinye isikhathi ububibuyakwehlela, noma into ethize.

76 Kwakunjalo ngoJobe. Wayenge…UJobe wayeyindodaedlula onke ezweni, ngezinsuku zakhe, indoda edlula onkeuNkulunkulu ayengayithola, kepha nokho bukani ukuthikwenzekani kuye. Wayengamlayi. Wayemvivinya. WayefakazisakuSathane ukuthi Wayenomuntu owayengaMkholwa ebuswenibobunzima.

77 Ngakho uJona wayeyinto efanayo. Futhi simtholaesendleleni yakhe ebheke ezansi eNineve, wayesethathaumkhumbi oya eTarashishi, wayese-ke e…Nolwandle lwavuka,futhi wayelele. Wabatshela, “Bophani izandla zami nezinyawo,bese ningiphosela ngaphandle, ngokuba ngiyimbangela yakho.”Futhi ngenkathi bemphosela ngaphandle, umkhomo omkhuluwawubhukuda ngakhona emanzini, uzingela, futhi wagwinyalomprofethi.

78 Ngiyakhumbula, kungekudala, eLouisville, eKentucky,lapho engangivame ukuhlala khona ngaphesheya komfulaeIndiana. Babenomkhomo laphaya, e—enqoleni yakwaloliweengenamasayidi. Omunye uRicky omncane wayenobunyeubuhlakani obukhulu kunoma wayazi ukuthi kulawulwakanjani, wathi, “Manje niyizwile inganekwane endalayomkhomo ugwinya uJona.” Wathola ibheyisbholi, walibuyiselaemminzweni wo—womkhomo, wayesethi, “Bukani lapha.”Wathi, “Yi, ibheyisbholi ingeke yedlule ngisho kuwo.” Wathi,“Inganekwane endala ka—kaJona egwinywa ngumkhomo,”

18 IZWI ELIKHULUNYIWE

wathi, “inganekwane nje.” Lokho kwakul’khuni kakhulu kimiukuba ngikumele.79 Ngathi, “Umzuzu nje, mnumzane.” Wakuchaza, eshoukuthi akunakwenzeka kanjani ukuba umuntu angenekulowomphimbo. Ngathi, “Uyehluleka ukufunda umBhalo,mnumzane. Futhi leyo akusiyo inganekwane. Yiqiniso.”

Wangibuka wayesethi, “Ungubani wena?”

Ngathi, “NginguMfundisi ohloniphekile uBranham,wangaphesheya nje komfula.”

Wathi, “O, ngiyabona, umshumayeli okholwa lokho.”

Ngathi, “Ngayo yonke inhliziyo yami, ngayo yonke inhliziyoyami.”80 Wayesethi, “Awu, uyazi,” wathi, “buka lapha, mnumzane,kungesikho ukuphikisa. Futhi ngi—ngiyakwazisa ukumakwakho, kanjalonjalo, kodwa,” wathi, “ngokwesayense,” wathi,“ubungeke usifake isandla somuntu kal’khuni emphinjeniwawo.”81 Ngathi, “Mnumzane, awuwufundi kahle uMbhalo.IBhayibheli lathi lena kwakuyi ‘nhlanzi emiselwe’ isipesheli.Kunjalo. UNkulunkulu wathi Wa ‘misela inhlanzi.’ Iyinhlanzieyisipesheli.”82 Ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu akushoyo kuyiqiniso.Lena ngeyisipesheli. Wavula ikhala lakhe phansi-phezulu, efakeizibuko zakhe, kabili noma kathathu, wayeseqhubeka nesifundosakhe asifundisayo. Ispec-…Futhi wonke umuntu wahleka.Kwakuyinhlanzi eyisipesheli. UNkulunkulu wamisela inhlanziukuba igwinye uJona. He! Ngikukholwa ngayo yonke inhliziyoyami.Manje, siyathola, ukuthi kokwayo…Yamgwinya.83 Noma yini, inhlanzi, emva kokudla kwayo, yehlela phansiekugcineni. Phakela izinhlanzi zakho ezincane ezisagolide beseubhekisisa ukuthi kwenzekeni. Zehlela ngqo phansi ekugcinenikwesiqukathi esincane ozifake kuso, bese iphumuza izihlambizazo ezincane phansi ekugcineni. Isisu sazo esincane sisuthi,futhi ngakho ziphansi lapho ziphumule.84 Ngakho ngenkathi lenhlanzi enkulu igwinya uJona,ifanele ukuthi yehlela phansi ekugcineni, ukuba iphumule,iphume emagagasini futhi iphume esiphephweni. Yayiqalazaemvuselelweni, ukubona ukuthi yini eyayingayithola;nemvuselelo olwandle, niyazi, itshikiza phansi-phezulu,imimoya evunguzayo. Ngakho yathola lomshumayeli yaseimgwinya, yase yehlela phansi ekugcineni.85 Manje lapha, uJona phansi lapho esiswini salomkhomo,nezandla zakhe nezinyawo kuboshiwe, elele ebuhlanzwenibomkhomo.

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 19

86 Manje kukaningi ngizwa abantu bethi, “Ngikhulekelweizolo ebusuku, futhi—futhi isandla sami asingcono. Sisalokhusikhubazekile. Ngisalokhu ngiphethwe yisisu. Amehlo ami,angikaboni kahle.”O, he! Bese-ke umpongolozela uJona na?He!

87 Uma noma ubani ubenesifo esibonakalisa izimpawu,wayefanele abe nalo. Uma abuka ngapha, kwakuyisisusomkhomo; ngapho, kwakuyisisu somkhomo. Nomaphi laphoayebuka khona kwakuyisisu somkhomo, nezandla zakhesasiboshelwe emva kwakhe. Wayese—sesiwini somkhomo,phansi ekugcineni kolwandle, mhlawumbe kujule ngamafatomeangamashumi amane, phansi ekugcineni kolwandle. Manjenikhuluma ngezimpawu! Bese-ke nimbiza ngohlubukile.

88 Kodwa niyazi ukuthi wathini? “Kuyize kwamanga. Angekengikubuke ngisho. Kodwa kanye ngiyophinde ngibhekeethempelini laKho elingcwele, Nkosi.”

89 Manje, uJona wazi ukuthi ngenkathi uSolomoni enikelaithempeli, wakhuleka wayesethi, “Nkosi, uma abantu baKhobeba senkathazweni nomaphi, bese bebheka lendawo engcwele,khona-ke yizwa useZulwini.” Futhi wayenalelothembaelikhulu kangako emkhulekweni womuntu ohlubukile, owenzaumkhuleko. Kangakanani-ke…

90 Akukho namunye wethu okulesosimo, kulobubusuku.Akukho namunye wethu onalolohlobo lwezimpawu. Bese kuthi-ke sibheke izimpawu zethu na? Ngani? Ngani? Uma wakwaziukuba nalelothemba elikhulu kangako emkhulekweni womuntuowayehlubukile…Futhi sicelwa ukuba sibheke eZulwini, laphouJesu ehlezi khona ngakwesokunene soMkhulu kweliPhezulu,eThempelini elingenziwanga ngezandla. Ulindeleke phakathiLapho ukuba anxusele phezu kokuvuma kwenu. Sifanelesingazinaki kangakanani-ke izimpawu zethu, futhi, “Kanyefuthi ngizobheka esithembisweni saKho esingcwele, Nkosi!” O,he, uma sibona uNkulunkulu enkundleni!

91 Manje sithola ukuthi, uJona, bathi lomkhomo wamthwalaphakathi lapho izinsuku ezintathu nobusuku, wamthatha yonkeindlela umbuyisela emuva ezansi ezungeza, wathungatha indlelaubuyela emuva, wawela. Futhi manje abantu baseNinevebabe, base bephenduke bafana njengoba benjalo ezwenilonke manje. Izwe labo elikhulu lezohwebo, umsebenzi wabowezohwebo kwakungukudoba, futhi wonke owesilisa wayedoba.Futhi babekhonza izithixo, nomkhomo wawungunkulunkuluwolwandle. Futhi ngoluny’usuku, cishe ngeleshumi nanyenqo, ngenkathi bonke babephandle lapho bedoba, nakhukungena unkulunkulu wabo wolwandle, wayesekhipha ulimilwakhe, nomprofethi waphumela esikhwelweni. Akumangalisibaphenduka. Ehhe. Niyabo? Kwakunesibonakaliso. Lesokwakuyisibonakaliso.

20 IZWI ELIKHULUNYIWE

92 Laliyini iphimbo na? Laliyini iphimbo, “Niyabona bafanaukuthi yini engingayenza na?” Qhabo. “Phendukani, nomaphakathi kwezinsuku ezingamashumi amane uNkulunkuluuyoyibhubhisa indawo.” Isibonakaliso nephimbo. Iphimboelalandela isibonakaliso, “Phendukani!”93 Wathi, “Nalabobantu ababengasazi isandla sokunenekwesokunxele, baphenduka ekushumayeleni kukaJona, futhikukhona lapha omkhulu kunoJona.” Niyabo? Wayesethi-ke, “Inkosikazi yaseNingizimu iyakusukuma e…esayo isigener-…nalesisizukulwane, futhi isilahle; ngoba yavelaemikhawulweni yomhlaba ukuzakuzwa ukuhlakaniphakukaSolomoni, futhi kukhona lapha omkhulu kunoSolomoni.”Manje ngenkathi…94 Sengivala, ngisho lokhu. Uma uNkulunkulu ethumela isiphoemhlabeni, isipho esiyisibonakaliso, nabantu basikholwe, lokhongokunye kweminyaka enenkazimulo kunayoyonke abantuabake bayiphila. Kodwa uma Ethumela isibonakaliso futhisenqatshwe, lesosizukulwane singena enxushunxushwini.Besihlala njalo sinjalo. Ukuba-ke abantu baseMelika,kulobubusuku, bebengemukela isibonakaliso sikaNkulunkulungalolu izinsuku zokugcina na?95 Ngani, sikhuluma ngokuya eFort Knox nokuthuthelauhulumeni ezansi lapho, nokumba phansi emhlabathini.Ngani, lawomabhomu aseRashiya lihamba mhlawumbe ikhulu,amayadi angamakhulu amabili phansi emhlabathini, futhiawuqhumise amamayela ayikhulu namashumi amahlanu,ngani, ukuxukuzeka kobuchopho bekungaye kuyothi ngquo—obindizeni lwentabamlilo. Aniphephe ndawo kulomhlaba.Indawo eyodwa kuphela ephephile, leyo isezingalweni zikaJesuKristu. Uyinqaba yethu.96 Kodwa ukuba-ke thina, kulobubusuku, njengabaseMelika,futhi sonke sethembela esiphiweni uNkulunkulu asipha sona,uMoya oNgcwele, ngezinsuku zokugcina na?Ngani, zonke izizwebeziyosesaba, njengoba zenza ngezinsuku zikaSolomoni.97 UNkulunkulu wapha uSolomoni isipho, futhi lonkeibandla lonke jikelele, wonk’umuntu, wasikholwa. Lesokwakuyisikhathi seminyaka eyinkulungwane kumaJuda. Lesokwakuyisikhathi seminyaka eyinkulungwane seTestamenteeLidala, ngezinsuku zikaSolomoni, isibikezelo sesikhathiseminyaka eyiNkulungwane esizayo. Unyaka wegolidewamaJuda! Qaphelani, akukho-muntu owaqala impi nawo.Babewesaba, ngoba babazi ukuthi uNkulunkulu wawowayengowangempela. Ngoba, ayenaYe ebukhoneni bawo,nabantu bonke wayenhliziyonye nasekuvumelaneni kunye.Ngani, udumo lwaya ndawo zonke. Ndawo zonke, futhi uzwa,“O, into enkulu kangaka pho, uNkulunkulu omkhulu kaIsrayelianayo, uNkulunkulu ophilayo!”

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 21

98 Nodumo lwakhe lwaze lwayoshaya ezansi le eSheba.Ilinganise emephini bese ubona ukuthi ikude kangakanani.Kwakunendlovukazi encane ezansi lapho, eyaba nokulambelauNkulunkulu enhliziyweni yayo. Njalo yayizwa umuntu,omunye wabahamba ngohide lwamakameli wayefika, yayithi,“Usuke waba sePalastine na?”

“Yebo.”“Awungixoxele ngaleyomvuselelo enkulu abanayo iqhubeka

enhla lapho.”Futhi wonke umuntuwayethi, “O, iyamangalisa!”“Wayibona na?”“Yebo.”“Injani na?”

99 “O, lowoNkulunkulu omkhulu abamkhonzayo wehlilefuthi uphila kwenye yezinceku zaKhe, futhi bayenza inkosi.Ngani, iyakwazi ukubona okufihlakele. Yazi yona impelaimicabango osenhliziyweni yakho. Futhi, niyazi, bayashoukuthi, ‘UNkulunkulu uyiZwi, neZwi linguNkulunkulu,neZwi lahlulela imicabango osenhliziyweni yabo.’ Nalokhokuhlakanipha komuntu kwedlula noma yini owake wezwangayo. Iyakwazi ukubona okufihlakele futhi yazi ngishonemicabango ocabanga ngayo. O, yimvuselelo emangalisayoabanayo enhla lapho.”100 Futhi niyazi, “Ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa iZwilikaNkulunkulu,” isithembiso sikaNkulunkulu.101 Nalendlovukazi encane yathola ukulamba, futhiyayifuna ukuya kulemvuselelo. Manje yayinenqwaba yonkeeyayizonqwamana nayo.Manje, into yokuqala, yayingumhedeni.Yayiyoya kumpristi wayo, ukubuza ukuthi ngabe yayingahambayini. Yayiyindlovukazi. Yayisekubeni nesithunzi, kodumileyo.102 Manje, akungabazeki kodwa ukuthi yenyukela kumpristiomkhulu, yayisithi, “Fata omkhulu ocwebileyo, ngiyaqondaukuthi kunemvuselelo enhla kwaIsrayeli, futhi banesikhathiesikhulu enhla lapho. Futhi uNkulunkulu wabo uyaphila futhiWenza izibonakaliso nezimanga ezinkulu, ngangokuthi asikazesibone noma yini enjengayo, noma sezwa noma yini enjengayo.Wonke ohamba ngohide lwamakameli, ngiyabuza, futhi bathikuyamangalisa. Ngingake ngidedelwe yini ehlelweni lami,ukuba ngiyovakasha na?”103 Sengathi ngiyakubona, “Asibambisani kulowomhlangano,ngakho kungcono uziqhelanise nawo.” Niyabo? Niyazi, umuntuuyafa, kodwa hhayi imimoya. Niyabo? Manje-ke siyathola,ukuthi, “Qhabo, kungcono uziqhelanise nawo. Asibambisanikulowo.”

“Awu,manje, buka, fata ocwebileyo, ngiyaqonda…”

22 IZWI ELIKHULUNYIWE

104 “Manje buka lapha! Uma ikhona into eqhubekayo,ibizoqhubeka phakathi kwethu. Ibandla lethu belizoba nayo.”O he! “Futhi ya Nansi ilapha. Thina, besiyoba naYo khonalapha.”105 Sengiyayizwa leyondlovukazi encane isho, isukuma.Ngiyasithanda isibindi sayo. Yasukuma yase ithi, “Ngizibonilelezizithixo zimi lapha iminyaka, ngikuzwile umi emvakwepulpiti futhi ushumayela ngomunye unkulunkuluowayekhona, omunye unkulunkulu owayekhona. Ukhokhozelawami wezwa indaba efanayo, futhi kungabikho-mnyakazowasikhathi. Bangitshela ukuthi banoNkulunkulu ophilayoophila phakathi kwabo, into engeyangoqobo. Ngifunaukuyibona.”106 “Manje, buka! Uma uhamba, uyazi ukuthi uzokwenzani,uzihlanganisa nesigejane sabantu, uyazi. Uyazi, banakhokonke lokhu ‘ukuvula uLwandle oluBomvu’ nalo lonkelolohlobo lwezinto. Kungcono ungenyukeli lapho. Ngoba, umawenyuka…”

“Awu, ngiyahamba, noma kanjani.”

“Sizolesula ngqo igama lakho encwadini.”107 “Awu, lesuleni encwadini.” Uma umuntu eyolambela futhiomele uNkulunkulu, akukho-ncwadi ezweni engababamba,ngoba bafuna iNcwadi. “Lesuleni igama lami uma nifunaukulesula. Ngiyahamba, noma kanjani. Ngiyezwa ukuthikukhona uNkulunkulu ophilayo, onobuqiniso. Ngizotholangakho, ngakho ungavele nje ulesule igama lami kuyo.”108 Manje yayinenqwaba yokuba inqwamane nayo. Manje,khumbulani, yazimisela. Yathatha yonke imibhalo egoqwayo,ukuba ifunde ukuthi uJehova wayeyini. Manje, nangoowesifazane okhaliphile.109 Ungahambi ngokucabangela komuny’umuntu. Hamba njengalokho iBhayibheli elithi Uyikho. Thatha lokho Athi Uyikho.Uthole ukuthi Uyini, uma Ephila noma qha. Hhayi lokho esinyeisifundiswa esikhulu esisho ngakho; kodwa lokho Akusho, qobolwaKhe, ngaYe uqobo, Akwethembisa.110 Futhi iqala ukufunda. Manje, yayinomqondo o—omuhlengempela. Yathi, “Ngizopakisha inqwaba yezipho, futhingizokuthatha. Futhi uma kuyiqiniso, ngizokwesekela. Umakungesilo iqiniso, ngingayibuyisa imali yami.”111 Yayingafundisa abantu bePentecostal into ethize! Besekelaizinhlelo zomsakazo ezihleka yonke into enikholelwa kuyo,kepha nokho niyayesekela. Makuthi—makuthi okwenu…Awu,ngizothula du kulokho. Nazi okwenele ngalokho, empeleni.Lowo ngumsebenziwabashumayeli benu. Qaphelani. Kodwa leloyihlazo.

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 23

112 Yathi, “Uma kungesikho okwangempela, ngiyobuya neziphozami.” Ngakho yazipakisha phezu kwekameli. Khumbulani,bukani ukuthi yini eyanqwamana nayo. Yayinebanga elide.Niyazi ukuthi kuthatha kanjani na? Yayidingeka ihambengekameli. Niyazi ukuthi kuthatha isikhathi esingakananina? Kuthatha izinsuku ezingamashumi ayisishiyagalolunye.Izinyanga ezintathu, isemhlane wekameli, hhayi kwiCadillacefakwe isishayisamoya. Qhabo, qhabo. Izinsuku ezintathu,nomhlane wekameli.113 Akumangalisi uJesu athi, “Iyosukuma ekwaHlulelweninalesisizukulwane, isilahle.” Kunabantu, eBirmingham,abebengeke bahambe bawele umgwaqo ukuba babone intoefanayo. Amabhasi, izimoto ezihamba emgwaqeni, izindiza,nayo yonke enye into ngosuku lwethu! Akumangalisi, ngenkathibesukuma, bayosilahla lesisizukulwane. Yebo, mnumzane.Ngokuba, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni, uMoyaoNgcwele qobo lwaWo. Qaphelani.114 Siyathola, ke, kunomunye umcabango. Bukani. Futhimanje abantwana bakaIshmayeli wayesogwadule, futhibabengabagibeli beviyo lezitimela zasolwandle, he, nabaphangi.Ngani, yayinayo yonke leyomali lapho! Ini? Ibutho layo elincanelabathenwa, abaqaphi eyayinabo, nezincekukazi ezimbalwa;babengavele nje babanqume, babagence babalahle phansi ngqo,bese bethatha lelogugu bese beqhubeka njengalutho.115 Kodwa, niyazi, kunokuthile ngakho, uma inhliziyo yakhoiqala ukulamba ukuba ithole ubuqiniso bukaNkulunkulu,akukho-ngozi endleleni. Awuboni-ngozi. Awuboni-kwehluleka.Wena uthi, “Awu, ngingasinda na?” Akukho-mbuzoengqondweni yakho. Ukukholwa kwangoqobo kuzigxilelakhona okwehange, akukho okuzokugudluza. Kuhlala khonalapho.116 Ayizange icabange ngengozi ehleli ngaphambili. Yinyeinto eyayinayo, impokophelo eyodwa—eyodwa eyayinayo,into eyodwa eyayifuna ukuyizuza ngempumelelo. Nezinjongozayo yayilungile, ngakho yaya ukuyofinyelela kuyo, ngokubainhliziyo yayo yayilamba futhi yoma. “Babusisiwe abalambabomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa.” Kunjalo.117 Ibhekisiseni manje lapho iqala ukuphuma inqamuleugwadule, mhlampe ihamba ebusuku, iphumule emini phansikwesiqinti sasogwadule esinomthombo, ifunda leyomiBhalo.Ekugcineni, yafika emphemeni kaSolomoni. Ngenkathiikwenza, phandle e—e…Egcekeni, yethula amakameli ayo yaseimisa ithende layo.118 Manje, ayifikanga njengabanye abantu, abanye abantunamhlanje. Ayisuye u…Nakhu ukulandisa kwakho kuka1964. “Ngiyezwa ukuthi benza i…Bathi iNkosi yenza lokhu.Ngizokwehla, nezwi lokuqala elishiwo ngokuphikisana nalokho

24 IZWI ELIKHULUNYIWE

engikukholwayo, ngizohamba ngiphume ngqo ngomnyango.”Niyabo? Niyabo?119 Kodwa hhayi yona. Yaletha iZwi yase ihlala phansi.Yayizohlala lapho ize ikholiseke ngempela. Yayingezukuhlolaimibono okungeyayo. Yayizohlola iZwi.120 Ngakho yangena. Sengathi ngiyabona, usuku lokuqala,ihlala phansi, emuva le ngemuva. Namacilongo ayakhala,izinsimbi zakhala zathi nqe, na—nabobonke abaculi bayakocula. UMphongolo wesiVumelwano wawulapho endaweni.NoMelusi uSolomoni waphuma, wahlala phansi. Yathi, “Manjengizobona ukuthi ngabe uNkulunkulu ukuyo indoda noma qha,”ngakho yabhekisisa. Futhi lonke udaba luqala ukunyakaza. O,into emangalisa kanje pho! Ayikho into eyafihlwa.121 Ngakho yathola ikhadi layo lomkhuleko, niyazi, futhiyalinda, ngakho njengoba kwakunjalo, futhi yona, laphoyenyukela emgqeni. Ekugcineni, usuku nosuku, yalinda.Yakhula kakhulu ngokuba nesasasa ngaso sonke isikhathi,lapho imvuselelo iqhubeka. He, inhliziyo yayo yayilamba! Emvakwesikhashana, yafika phambi kukaSolomoni, neBhayibhelilathi, “Kwakungekho lutho kodwa lokho uSolomoni akwembulakuyo,” ukubona okufihlakele!122 Futhi nangu uJesu wayemile, uNkulunkulu kaSolomoni,“Lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.” Niyabo?

Base bethi, “Sikhombise isibonakaliso, Nkosi.”123 “Lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni. NeNkosikaziyaseNingizimu yavela emikhawulweni yomhlaba, ukuzakuzwaukuhlakanipha kukaSolomoni, futhi bhekani lapha kukhonaomkhulu kunoSolomoni.124 Futhi sibe nezinkulungwane ezimbili, ya, iminyakaengamakhulu angamashumi amabili-nesishiyagalombili,kusukela ngalesosikhathi, yomlando weBhayibheli. Futhi,kulobubusuku, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni,neZwi elithenjisiwe lalolusuku, futhi sisalokhu sihambasidangala ngqo. Akumangalisi iyoma ngoSuku lokwaHlulelwafuthi iyilahle iBirmingham, iUnited States, onke amanye,ngobufakazi bayo, ngokuba inhliziyo yayo yayilambela ukubonauNkulunkulu futhi yahlala kwaze kwaphela.125 Yathini-ke emva kokuba isibone into yangempela yenzekana? Niyazi ukuthi yathini? Yona, emva kokuba uSolomoniesembulile kuyo okwakusenhliziyweni yayo, ngani, yathi,“Konke lokho engake ngakuzwa, futhi ngisho nokungaphezukwalokho.” Ngani? Kwakwenziwe kuyo ngaleyonkathi.Yayikubonile omuny’umuntu ayekushilo ngakho, kodwakwase kuyithuba layo ngaleyonkathi. Layo, imfihlo yayo yaseyembuliwe kuyo. Futhi yathi, “Kukhulu kakhulu.” Futhi yathi,“Babusisiwe ngisho nomuntu onawe, obona lokhu ngaso sonkeisikhathi. Umuntu oma lapha futhi abone lezizinto ngaso sonke

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 25

isikhathi, babusisiwe.” Futhi yayibona indlela enyukela ngayoendlini yeNkosi. Iba yikholwa.

126 Futhi yethenjiswa ukusukuma ngezinsuku zokugcina futhiizilahle lezizizukulwane, njengoba kwakunjalo ezinsukwinizikaSolomoni, nanjengasezinsukwini zikaJona, kanjalonjalo.Izosukuma ngalolusuku futhi ilahle, ekuvukeni, abantu ophilekulolusuku. Ngokuba, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.UMoya oNgcwele uqobo lwaWo ulapha. UMdali wamazulunomhlaba ulapha, ezikhomba Yena uqobo nabantu baKhe,ngohlobo olufanayo lwesipho. Impela njengoba kwakunjalokuKristu; Yena ekwenza. Njengoba kwakunjalo kuSolomoni;Yena ekwenza. Njengoba kwakunjalo kubaprofethi; naYeekwenza. Njengoba kuprofethelwe izinsuku zokugcina,kade singenakho a—amakhulu ngamakhulu eminyaka. Futhinjengoba kwakunjalo ngaphambi nje kokufika kwaKhekokuqala, babengena—bengenakubona okufihlakele amakhulueminyaka, futhi nakho kufika enkundleni, futhi omunyewethula uMesiya. Futhi wethembisa, into elandelayo ezaihambisana ngqo, ngezinsuku zokugcina, njengoba kwakunjalongaleyonkathi.

127 Nakhu sikhona ngezinsuku zokugcina: izibonakalisoAthembisa ukuthi ziyokwenzeka; isimo sezwe indlela njeesifanele sibe yiyo; ukungabi nasimilo kwezwe; nayo yonke intoesinayo, nje isendaweni yayo. NoMoya oNgcwele usendaweniyawo ngqo, wenza impela. O, kuyinto emangalisayo, ukwaziukuthi sikhonza uNkulunkulu wangempela.

128 Ngizwa kuthi angisho into ethize manje. Ngikengayisho ngaphambili, kodwa ngicabanga ukuthi…Ngizizwangiholeleka ukuba ngiyisho futhi. Njengoba wonke umuntuazi, ngiyazingela. Hhayi kakhulu kangako okwezinyamazane;ngithanda ukuba semahlathini. Umama wami wayezalwangokuxubile uhhafu. Niyakwazi lokho. Umama wamiwayeyiNdiya eliyiCheroki uhhafu. Unina wayehola impesheni,niyabo, e—eTennessee. Ngakhomanje siyathola ukuthi, kulokho,ngiyathanda ukuzingela. Nokuphenduka kwami akuzangekukuthathe, ngoba ngi…

129 IBhayibheli lami lokuqala kwakungamahlathi. Ngangibonaimbali, ukuthi yayifa kanjani. Imbewu encane ilaleemhlabathini futhi yabola, yonke into yayingasekho. Kodwa,ngonyaka olandelayo, kwakungekho lutho owawungaluthola.Wawungathatha lolothuli olungagcwala isandla uluyiseendlini yokusebenzela isayensi, akukho-sokhemisi ezweniowayengathola leyombewana yokuphila phakathi lapho. Kodwayayiphinde iphile uma kuphuma ilanga. Yayiphinda iphile,nalokho kwangazisa ukuthi kwakukhona ukuphila, ukufa,ukumbelwa, ukuvuka.

26 IZWI ELIKHULUNYIWE

130 Ngibona ilanga liphuma, ekuseni, lizelwe liyingane encane.Ngelesishiyagalombili nqo, liqala ukuya esikoleni. Lithi alibelapha kweleshumi nqo, seliphumile-ke ekholiji. Bese kuthi-ke ngesikhathi sasemini, lisekuqineni kwalo. Ngelesibili nqo,selineminyaka engamashumi amahlanu-nanhlanu ubudala.Bese kuthi-ke lapha cishe ngelesine nqo, seliba namashumiayisishiyagalombili, amashumi ayisishiyagalombili-nanhlanu,selihambile. Liyifezile inhloso kaNkulunkulu. Kodwa ini? Umalifeze inhloso kaNkulunkulu, lokho ngukuphela kwalo na?Qhabo. Liphinde liphume ngokusa okulandelayo, ukuba lifakazeukuthi kukhona ukuzalwa, ukuphila, ukufa, ukuvuka.131 Kodwa, into yokuqala, i—imbewu etshalwe emhlabathini,uma ingaqhumanga, ayizukumila. Izofanele ifeze inhlosokaNkulunkulu, ukuze imile. Futhi sinjalo nathi. Siyimbewueqhumayo, emhlabathini, futhi sifanele sifeze inhlosokaNkulunkulu kungenjalo asiso—asisoze samila kulokhokuvuka kokuqala; similele ukwahlulelwa ngolokugcina.Njengohlamvu olubhasteliwe nje, lumila lube lude ngokweneleukuba luthathe ukwahlulelwa kwalo kwelanga, bese lufa beselubuyela emuva, futhi yilokho kuphela okwalo. Kunjalo impela.Kodwa imbewu yangempela ishiya i…iphinda iphile, izivezeyona.132 Bukani amanzi esihlahla esihlahleni. Ngaphambi kokubakwehle noma yisiphi isithwathwa, kumbe noma yini enye,lesosihlahla i…Imvelo ethize, ndawondawo, ibambelelakuso, ithi, “Gijima wehlele phansi ekugcineni kwesihlahla,ngokukhulu ukushesha. Yehlela emhlabathini, ngobakunesithwathwa esizayo.” Futhi uma engakwenzi, ayosibulalaisihlahla. Bese ecasha phansi lapho kuze kwedlule lonke iqeqebalamakhaza, bese ebuya enyuka ngqo futhi. UkuHlakaniphaokuthize kuyakwenza. Niyazi ukuthi ngukuba nokuHlakaniphakuni lokho na? Ngichazeleni lokho, ukuthi buhlakani buniobenza lesosihlahla sishone phansi, sizicashele bese sibuyesikhuphuka, futhi ngizonitshela ubuHlakani obungitshelaukuthi ningobani futhi nivelaphi, ukuthi nenzeni nokuthiniyaphi. Naleyo yinto efanayo, ngoba nguNkulunkulu ofanayo.Impela. Ngempela. NguNkulunkulu owenza lezozinto. Manje,khumbulani, bangani.133 Ngoluny’usuku ngangizingela lapho engangivameukuyozingela khona, phezulu emahlathini asenyakatho. Futhingangizingela nomngani, futhi ngangithanda ukuzingela naye.Wayethi akabe yingxenye yeNdiya, naye. Futhi u…khona,uBert Call, futhi uyindoda ekahle. Indoda ingahle ukubaihlezi khona lapha manje, ngakho konke engikwaziyo. Wehlelaeningizimu lapha ngaso sonke isikhathi. Futhi wayengumzingeliomkhulu. Awudingeki neze ukuba ukhathazeke ngaye.Akazukulahleka. Sizingela ndawonye futhi sasazana, kodwawayeyindoda enenhliziyo enonya ukwedlula onke engake

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 27

ngahlangana nawo empilweni yami. Wayedubula amazinyaneezinyamazane, ukuba nje a—ukuba nje angenze ngiphathekekabi, ngoba ngangingathandi ukukubona ubulala abafoabancane.134 Kulungile ukubulala izinyane lenyamazane, manje, umauhulumeni esho njalo. Ngangingumqaphi wezinyamazane,iminyaka, futhi namanje ngisengumongi. Ngi—ngiyakholelwaezilwaneni, futhi ngiyakholelwa ekongiweni. Futhi nje maba—nje…Uma uzidedela zilokhu siqhubeka, ziyozibeka laphaukuba zidliwe. Uma ungazidli ezinye zazo ziphele, khona-keziyothatha isifo bese zibuthuka, noma zibulawe yindlala. Kodwanje lokho okushiwo ngumthetho, bayazi ukuthi kuphathwakanjani lokho. Mabakunakekele.135 Kodwa uBert wayewabulala nje ukuba kungabi nasithunzi,ukungibona nje ngiphatheke kabi ngakho. Wayevame ukuthi,wathi, “Billy, ungumshumayeli okahle, noma u—umzingeliokahle, kodwa, inkathazo yakho ingukuthi, ungumshumayelikakhulu. Unenhliziyo yenkukhu kakhulu.”136 Ngase ngithi, “Bert, unonya nje, yilokho kuphela.” Futhisasiqhubeka.137 Ngoluny’usuku, ngenyuka, kwakungukuthi ngadingekangisebenze leyithi, futhi kwakuya ngokuba leyithi ngenkathiyonyaka. Nenyamazane idiye enomsila omhlophe, angazinoma ninazo yini lapha noma qha. O, he, nikhulumangoHoudini eyingcweti ephunyukayo, zingcono kunaye.Ngakho kwakuleyithi ngenkathi yonyaka; zazidutshulweizikhathi ezimbalwa. Sase siqala ngokunye ukusa, cishe amaintshi ayisithupha eqhwa, saqala ukwenyuka ngaphesheyakwePresidential Range.138 Sase sithathe okunye, njalo sithatha ushokoledioshisayo nesemishi. Futhi cishe ngesikhathi sasemini, umasingayitholanga inyamazane idiye, khona-ke sasehlukanaezintabeni, bese sibuya; singene, ngesinye isikhathi,ngelesishiyagalolunye noma eleshumi nqo ngalobo busuku. Umasithole inyamazane idiye, siyiphanyeke. Sasazi ukuthi sasikuphi,futhi sasibuya bese siyayithatha.139 Ngakho ngalokho kusa senyuka, futhi ngakho, ngaphambikokuba ngihambe, wathi, “Hheyi, Billy, nginento ethize yakhokulonyaka.”

Futhi ngathi, “Iyini?”140 Wafaka isandla phansi ephaketheni lakhe wasedonsaekhipha impempe encane, into ethi ayibe ngusayizi walokhu.Wayeseyikhalisa, futhi yayikhala njengezinyane lenyamazanelibiza unina; niyazi, inyamazane encane eyidiye eliyinganeimemeza unina.141 Ngathi, “Bert, ubungekewaba yilolonya, ubungaba yilo na?”

28 IZWI ELIKHULUNYIWE

142 Wathi, “O, nina bashumayeli abanezinhliziyo zezinkukhu,nonke niyafana.”143 Ngakho sase siqala ukwenyuka igquma, futhi lapha cishekweleshumi nanye nqo, u…Kwakukhona isikhala esicishesibe ngusayizi walelikamelo, mhlawumbe sithe ukuba banzanakancane. Futhi sasingabonanga ngisho nomzila. Kwakunonyezi,futhi zazidla ebusuku. Futhi nje zazi…Futhi kul’khuniukuzithola. Zazivele zihlale zicashile nje, zilale phansi, futhingakho phansi kwebrashi nasemuva emthini wamaplangweojulile. Futhi zaziqhwanda phansi futhi zidle izithonjanaeziyivukusi, futhi zikukhohlwe. Ngakhomanje-ke sasi…144 Ngifika kulesisikhala esincane lapho, futhi uhlala phansi.Ngacabanga ukuthi waye…unqenqema lweqhwa lapho,umlalela. Futhi ngacabanga ukuthi wayeya ephaketheni lakhe,kanje, ukukhipha leflaski encane bese ephuza ushokolediwakhe—wakhe, futhi sasidla idina lethu—lethu bese-kesehlukana, bese sibuyela emuva sinqamule undi; yena uyangapha, nami ngiye le. Kodwa ngenkathi enza, ngaqala ukwelulaisandla ngase ngithatha isemishi lami, ngoba ngangithiukulamba kancane. Ngase ngibeka isibhamu sami phansisencika esihlahleni, ngase ngibuyela esakeni lami, ngasengimbuka. Wangibuka phezulu. Futhi wayenamehlo angathiawebanda, empeleni, niyazi; njengabesifazane bependa amehloabo, namhlanje, niyazi, lokho kubukeka okuxakile okubukekanjengokubuka kwenja kubo, futhi manje-ke bepende konkekanjalo. Awu, yileyondlela amehlo akhe ayebukeka ngayo,uhlobo lokufana nebanda, ethe ukutsheka. Wangibuka phezulu.Ngase ngicabanga, “Unani emqondweni wakhe na?” Wafakaisandla sakhe phansi wayesekhipha lempempe encane. Ngasengicabanga…

Ngathi, “Bert, awunamahloni ngawe na?”145 Wayeseyikhalisa, futhi, ngenkathi ekwenza, cishe amayadiangamashumi amathathu nje, noma kal’khuni kuze kubemanje, inyamazane enkulu yesikazi yasukuma. Manje,inyamazane yesikazi iyidiye elingumama. Leyo kwakuyinganeyayo imemeza. I…Wayikhalisa impempe. Yagxuma. Manjeyayingeke ikwenze lokho, nhlobo. Yayazi ukuthi sasilapho.Kodwa ingane yayo yayisenkathazweni. Futhi wangibuka,lawomehlo ebanda futhi. Ngambona ehlisa isivikelo, esibhanyiniiteti-o-siksi. Wayengumnembi. O, wayeyilo okahle.146 Wayeseyikhalisa impempe futhi. Naleyonyamazaneengumama omdala wediye yahamba yaqonda ngqo yaphumelalulesosikhala. Manje, mfowethu, lokho akwejwayelekile.Zazingekwenze lokho. Into yokuqala, yayingeke isukume.Ukuba yayikwenzile, yayiyohamba ngenye indlela. Futhi nansiyayilapha, yahamba yaphumela ngqo esikhaleni. Futhi yayaziukuthi sasilapho. Futhi kwathi nje isivikelo singanxapha

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 29

kulesosibhamu, yaphenduka yabuka ngqo kumzingeli.Esikhundleni sokubaleka, yavele yama lapho. Amadlebe ayoamakhulu, amehlo ayo iwavule onke, imise izindlebe zayo, futhiyayiqalaza.147 Kwakuyini na? Yayingumama. Leyo kwakuyingane yayo.Ingane yayo yayisenkathazweni. Iwundlu elincane…umfoomncane wayekhala, njengezinyane elincane lenyamazane.Yayingesuye umzenzisi. Yayingazifanisi nento ethize. Yayiyiyongokoqobo. Yazalwa ingumama. Yilokho eyayiyikho, umama.148 Futhi wasehlisa ngeleveli lesosibhamu. Ngacabanga,“Ungakwenza kanjani, Bert na? Ungakwenza kanjani na?”149 Mina, angikwazanga ukukubuka. Ngafulathela.Ngacabanga, “Nkosi Nkulunkulu, indoda ingaba kanjaniyileyonhliziyo enonya, ukuba iqhumise leyonhliziyo ethembekileyalowomama, ecinga ingane yakhe na?” Futhi ayinxenxelephandle lapho, ayikhohlise futhi ayikhiphele lapho. Kwasekuthi-ke, ngangazi ukuthi wayengumnembi—mnembi ngempela,wayeyoqhumisa leyonhliziyo engcwele yayo kuyothi ngqukolunye uhlangothi lwayo. Futhi yona, umama, yayizozangempela ngoba leyo kwakuyingane yayo. Futhi ukhulumangesibonakaliso, leso kwakungesinye saso, sokwethembeka,ngoba into ethize yayingaphakathi. Yayingumama. Ngasengifulathela. Ngathi, “Nkosi Nkulunkulu, i—isidalwaesingumuntu singaba kanjani yilolonya, ukwenza intoenjengaleyo na?”150 Ngase ngilinda ngalinda, nesibhamu asizange sidubule.Ngacabanga noma yimuphi umzuzu ngizozwa isibhamusidubula. Futhi kwakuyi, wayene…Inhlamvu ewuhlwayioluyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, esakhowe, futhiaqhumise inhliziyo yayo iyothi ngqu ngale kuyo. Ngasengicabanga, “Asidubulanga ngani na?” Futhi ngangimi ngapha,amehlo ami ngiwavalile, ngikhuleka.151 Futhi ngenkathi ngiphendula ikhanda lami, ukuba ngibuke,umbhobho wesibhamu wawuhamba kanje. Futhi ngasibuka,imizuzu embalwa, yena eyaluzisa umbhobhowesibhamu.152 Waphenduka wayesebuka, nalawomehlo ebanda ayethatheokunye ukubuka. Izinyembezi zazehla ezihlathini zakhe.Waphosa isibhamu phansi. Wathi, “Billy, sengenele yikho.Ngiholele kulowoJesu okhuluma ngaye.”153 Kwakuyini na? Khona lapho kulolonqenqema lweqhwa,ngahola leyondoda enenhliziyo enonya…Iyidikoni ebandlenimanje. Kwakuyini na? Yabona into eyiyo ngempela, intoyangokoqobo, into eyayingesiyo isayense ethize yezenkolo nomaenye into ethize yomlando. Yabona uNkulunkulu ebuqinisweni.Yilokho okwayilethayo.154 O, bangaki phakathi lapha abangathanda ukubawuhlobo, kakhulu lomKristu, njengoba leyonyamazane idiye

30 IZWI ELIKHULUNYIWE

yayingumama na? Impela, nesehlakalo sangempela ebuswenibokufa, ngiqonde ukusho njalo. [Ibandla lithi, “Amen.”—Umhl.]

Asikhothamise amakhanda ethu.155 Baba waseZulwini, ihora selileyithi. Nabantu banakile.Bakahle, futhi balalele. Nalendatshana manje, Nkosi,ye…Ngisalukhumbula lolosuku lukaNovemba obandayo,ngimi phezulu lapho, nemimoya ithi ukuvunguza inqamulaentabeni. Ngiyazibona lezozinyembezi ezicwebezelayo zehlakulezozihlathi ezinentshebe, ngenkathi engibamba ngomlenze.Wayesekhala, wayesethi, “Billy, ukhulumile kimi ngoThizeoluthando, futhi ngi—ngibona ubuqiniso obuthize lapha.”Kunento ethize kuleyonyamazane idiye eyayiqhubela phandlelapho, Nkosi, futhi ngubumama bangempela phakathi lapho.Kwakuyisibonakaliso sangempela ukuthi kwakukhona uthandolwangoqobo nobumama.156 O Nkulunkulu, vumela iZwi laKho likhulumekulobubusuku, owangoqobo, owangoqobo uMoya oNgcwele.Hhayi into engamadlingozi, enomdlandla, okungukuthi iyiwo,futhi; kodwa into eyiyo ngempela, ngeZwi, ibonakalisiwe. “IZwi,elibukhali kunenkemba esika-nhlangothi zombili, nelehlulelaimicabango osenhliziyweni,” Wena owakhomba bonkeabaprofethi baKho. Ngenkathi Wawusemhlabeni, Wababizango “nkulunkulu.” Wathi, “Nabiza labo iZwi likaNkulunkulueleza kubo ngo, ‘nkulunkulu,’ pho ningaNgilahla kanjani umangithi NgiyiNdodana kaNkulunkulu na?”157 O Nkosi, izwe liyabazi abalo, beliphuphuthekile yonkeiminyaka. Futhi ngiyakhuleka, kulobubusuku, Baba, ukuthiUzovula amehlo abantu, futhi masithi kulobubusuku sibengamaKristu angempela namakholwa angempela, ngokubalapha kukhona omkhulu kunoSolomoni. Lapha kukhonaomkhulu kunabo bonke abaprofethi. INdodana kaNkulunkuluuqobo lwaYo ilapha, esimweni sikaMoya oNgcwele. Ithembisa,“Okuncane, kuseyisikhashana, izwe lingabe lisangibona. Igamaelithi kosmos, ‘ukuma kwezwe,’ lingabe lisaNgibona. Nokho,niyakuNgibona nina, ngokuba Ngiyakuba kini, kuze kubesekupheleni kwezwe.” Futhi, Baba, Uthi U “nguwe izolo,namuhla, naphakade,” futhi siyazi yiQiniso. O, ngiyakhuleka,Nkulunkulu, ukuthi Uzoba nesihawu, kulobubusuku.158 Futhi sisakhothamise amakhanda ethu. Angazi nomangabe, kulobubusuku, namakhanda ethu ekhotheme, ukhonaonga…Ube qotho kuNkulunkulu manje, eBukhonenibaKhe. Ngaphambi kokuba ubone noma yini yenzeka,kodwa nokho uyazi enhliziyweni yakho ukuthi awusuyeumKristu kakhulu ngokoqobo njengoba leyonyamazaneeyidiye yayingumama. Nesizathu yayiyingumama yingobayazalwa ingumama. Akukho eyayingakwenza ukuba ingabiyilokho. Yazalwa ingumama. Futhi manje uma ungazelwe, uma

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 31

ungenalo lolothando olufanayo ngoKristu; kungakhathalekiukuthi ubani uthini, uyaMkholwa. Nguyena izolo, namuhla,naphakade. Futhi uthanda ukuba nalolohlobo lothandolomKristu kuwe, njengalolothando lukamama lwamvezela,ungathanda, namakhanda enu ekhotheme, wonke umuntumanje, nawo onke amehlo evaliwe, uphakamise isandlasakho na? Uthi, “Ngikhulekele, Mfowethu Branham,” futhingempela ngizokwenza. UNkulunkulu akubusise, mfowethu.UNkulunkulu akubusise. O, he, qalazani kwiphansi lendlu,phezulu kovulande abasezitezi eziphezulu, kunqamule yonkeindawo.159 Ungabi namahloni. Uma unamahloni ngaYe lapha, Wathi,“Ngiyakuba namahloni ngawe phambi kukaBaba neziNgelosiezingcwele ngaleyonkathi.” UseBukhoneni baKhe manje.Ulapha. Ulapha ngokoqobo, uMoya oNgcwele omkhulu.LeyoNsika yoMlilo eyayinoMose, ikhona lapha.160 Khumbulani, ngenkathi Elapha emhlabeni, Wathi, “NgivelakuNkulunkulu, futhi Ngiya kuNkulunkulu.” Base besho,ukuthi, “UMose washiya ingcebo yaseGibhithe, enakaingcebo kaKristu ukuthi inkulu kunakho konke ukuthukwakukaKristu, kukhulu kunayo yonke ingcebo yaseGibhithe.”Wangena ehlane noKristu. Futhi noma yimuphi umfundiweBhayibheli uyazi ukuthi leyoNsika yoMlilo yayiyiNgelosiyesiVumelwano, iZwi-mcabango elaphuma kuNkulunkulu,elalinguJesu. Kwase kuthi-ke ngenkathi Efa,Wenyukela phezulueZulwini. Futhi ngenkathi Ehlangana noSawulu, esendleleniebheke eDamaseku, Wayesevele ephenduke wabuyela eNsikeniyoMlilo futhi, futhi Waze wakhipha ngisho namehlo kaPawulungokukhazimula.161 Manje Ulapha, kulobubusuku, onguyena izolo, namuhla,naphakade. Ungathanda ukuzibandakanya qobo lwakhophambi kwaKhe, uthi, “Nkosi Nkulunkulu, anginalo lolohlobolwesehlakalo. Ngifuna ukuba nalo”? Angikuceli ukubawenyukele lapha. Ngikucela nje ukuba uphakamisele isandlasakho kuYe, uma uzizwela kanjalo. Ngabe bebekhona abanyeongakasiphakamisi izandla zabo na? Phakamisani izandla zenumanje. UNkulunkulu anibusise.162 Baba wethu waseZulwini, bangabaKho. Isayense ithi,ngokwesayense, singeke saziphakamisa izandla zethu.Amandla adonsela emhlabeni ayasehlisa. Kodwa kunoMoyakwabesilisa nabesifazane, futhi ba…Omunye uMoya ufikakubo, obunguMoya oNgcwele, wase uthi, “Phakamisa isandlasakho.” Futhi bawushaye indiva umthetho wamandla adonselaemhlabeni, base bephakamisela izandla zabo ngakuNkulunkulu,Owabenzayo, “Ngifuna ukuba ngumKristuwangempela.”163 Baba waseZulwini, ngikhulekela ukuthi Uzokwenzangamunye wabo babe ngamaKristu angempela, ngeGama

32 IZWI ELIKHULUNYIWE

likaJesu Kristu. BangabaKho, Nkosi. Ngangazi kancanekanjani, lolosuku lolo ngenkathi leyonyamazane encane idiyeihamba iphumela lapho kulolokhalo, yayizoba yimbangelayo…Kodwa kwakuyisibonakaliso. Kodwa, Wena wazi izintozonke, ngakho ngiyakhuleka, Baba, ukuthi Uzobemukela manje.Bayimiklomelo yeVangeli. BangabaKho.

164 Wathi, “Akekho ongabahlwitha enhliziyweni yaMi,nasesandleni saMi.” Futhi, Wena, Wathi, “Konke lokhookungokwaMi kungokukaBaba. Akekho ongabahlwithaesandleni saKhe.” UJesu wathi, kuJohane oNgcwele 5:24,“Ozwa iZwi laMi, akholwe NgoNgithumileyo, unokuPhilaokungunaphakade; futhi akayikuya ekwaHlulelweni, kodwawedlulile ekufeni wangena ekuPhileni.” Nkosi, lelo yiZwi laKho.Manje, hhayi labo ozenzisayo; kodwa labo abakholwa ngempela,banokuPhila okuPhakade. BangabaKho, Baba. NgibanikelakuWemanje, eGameni likaJesu Kristu. Amen.

165 Manje hloniphani ngokuzithoba ngempela umzuzwana nje.Manje sekuyiso impela nje isikhathi sokuvala, kodwa lindani njeumzuzwana.

166 Ngaphambi kokuba senze lokho, bangaki okholwayo ukuthiuJesu Kristu wethembisa ukuba nathi, lapho bekuhlangeneababili noma abathathu eGameni laKhe na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] Bangaki okholwayo ukuthi Nguyena izolo,namuhla, naphakade na? [“Amen.”] Bakhe, Uyoba yi…UkubaUbelapha, kulobubusuku, Ubeyoba njengoba Wayenjalo njengaleyonkathi. Ubeyokwenza into efanayo. IBhayibheli lasho,ukuthi, “UngumPristi oMkhulu onokuzwelana nobuthakathakabethu.” Wena…Kunjalo na? [“Amen.”] ITestamente eLisha,amaHeberu, isahluko 3. “UmPristi oMkhulu onokuzwelananobethu ubuthak-…nobuthakathaka bethu.” Manje yibaninokukholwa kuNkulunkulu. Manje kholwani nje, ngempela,ngayo yonke inhliziyo yenu.

167 Nani laphaya manje, enilaphaya kulezizethameli, onga…ogulayo. Nibangaki ogulayo, phakamisa isandla sakho, thananje, “Ngiyagula.” Manje phansi impela nje, ngokuthulangempela manje, wonk’umuntu.

168 Manje khuleka, uthi, “Nkosi Jesu, uMfowethu Branhamakangazi, kodwa akushilo kulobubusuku, ‘Lapha kukhonaomkhulu kunoSolomoni,’ futhi ngiyazi ukuthi lokhokuprofethwe ukuthi kuzobuya. Kade kungekho ezweniamakhulu ngamakhulu eminyaka, nezinkulungwane zeminyaka.KodwaWenawethembisa ukuthi kwakuzobuya futhi ngezinsukuzokugcina, ngokukaMalaki 4, futhi kwethenjiswa kuLukaoNgcwele 17 nazo zonke lezi ezinye izithembiso. Wathikwakuzoba lapha ‘lapho iNdodana yomuntu izembula Yonauqobo,’ ngoba kuzofanele kube yiZwi. Isizathu i…”

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 33

169 “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu,uLizwi wayenguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama wakhaphakathi kwethu.” “NeZwi lehlulela imicabango.” KwakuyiZwikubaprofethi. KwakuyiZwi eNdodaneni. YiZwi kini, namhlanje.Niyabo, iZwi! Kuprofethiwe, kwethenjiswa. Nakuba nitholaokuningi ukuzifanisa nabanye abantu, omningi umncintiswanowokwenyama, lokho akukususi kuLo, kwelangempela.KunoMoya oNgcwelewangempela, uNkulunkuluwangempela.170 Manje kholwani ngayo yonke inhliziyo yenu, futhi nibhekengapha, kimi. Futhi nikholwe ngayo yonke inhliziyo yenu, besenithi, “Nkosi Nkulunkulu, ngizokhuleka, futhi ngikhulekelaukuthi—ukuthi Uzokwembula kuMfowethu Branham. Futhimangithinte ingubo yaKho. BeseWena uphenduke, ngaye, ngobaAkangazi mina, bese engitshela ukuthi iyini inkathazo yami.Futhimanje-ke ngizokwazi ukuthi uBukhona baKho bulapha.”171 Bangani, niyazi ukuthi yini indaba ngabantu bePentecostalna? Babone okuningi kakhulu.172 Itilosi elidala, ngoluny’usuku, lalivela olwandle, lase litholaumbhali eya olwandle. Netilosi elidala lathi ku—kumbhali, lathi,“Uyaphi, mlisa wami olungileyo na?”173 Wathi, “Ezansi olwandle. O, ngifuna ukunuka amanzi aloolwandle anosawoti. Ngifuna ukubona izibhakabhaka zaloezil’hlaza, amafu amhlophe, izinyoni zolwandle.”174 Wathi, “Ngazalelwa kulo, eminyakeni engamashumiamahlanu eyedlula. Angiboni lutho olukhanga kangakongalo.” Yilokho-ke. Lalibone okuningi kakhulu kwalo, lwazelwejwayeleka.175 Yileyo indaba ngathi thina bantu. Sibone okukhulu kakhulukukaNkulunkulu! Lelibandla eli—elikade libizwe laphumaemaqenjini amahlelo ngezinsuku zokugcina, libone okuningikakhulu kwaLo, selize Lijwayeleke kakhulu. Nivele ningaLinakinje.176 Ungakuvumeli neze ukuba uKristu abe ngojwayelekilekuwe, mngani. Ungakwenzi neze lokho. Kholwa nje ngayoyonke inhliziyo yakho nangakho konke okukuwe. Manje yibanokukholwa kuNkulunkulu.177 Manje khulekani nje, futhi nivumele iNkosi uJesu iniphekhona. Manje thintani ingubo yaKhe nje. Angazi. Thintani Yena.Angathintwa.178 Manje khulekani nje manje. Angisho ukuthi Uzokwenza.Umzuzwana nje uzokuxazulula konke. Velani nje—nje—nje nithiukuba nezinhliziyo zenu zigxile kuYe.179 Manje, KungukuKhanya. Makungabikho-muntu othathaisithombe, isithombe esiphazimayo. Hloniphani ngokuzithobanje.

34 IZWI ELIKHULUNYIWE

180 Manje Nakhu. Kuphezu kowesifazane ohlezi laphaengibuka, khona lapha ekugcineni, khona lapho. Uyangikholwaukuthi ngiyinceku yaKhe, nenekazi na? Ngiyisihambi kuwe.Awungazi. Angikwazi. Kodwa uma uNkulunkulu ezochazakimi, njengoba Enza nje kowesifazane, umtshela ngomophowakhe, noma—noma owesifazane owayenamadoda amahlanu;uma iNkosi uJesu izo—izohlinzeka lololwazi kuwe, ngami,ungakukholwa ngayo yonke inhliziyo yakho na? Uzokwaziukuthi ngabe kuyiqiniso noma qha. Kulungile. Yinkathazoyesinye. Uma lokho kunjalo phakamisa isandla sakho. Ehhe!Niyabo? Manje, lokho kunjalo impela.181 Lapha, wena ohlezi eceleni kwakhe. Ubuzomsiza. Umthintengesandla sakho. Manje ube nomusa, manje, uyakholwa ukuthiuNkulunkulu angangitshela ukuthi yini inkathazo yakho na?Uyakholwa ukuthi Angakwenza na? Ibhiphi ephakeme. Umalokho kunjalo, phakamisa isandla sakho.182 Indoda ehlezi eceleni kwakhe, uyakholwa, mnumzane,uyakholwa ukuthi uNkulunkulu angangitshela ukuthi yiniinkathazo yakho na? Uzokwazi ukuthi ngabe kuyiqiniso nomaqha. Imithambo eyimiqhansa. Uyakholwa na?183 Inenekazi elincane lihlezi lapho, elithi ukukhala, sengathi,inkathazo yakho ngukuguliswa yimizwa. Kunjalo impela.Uthi ukusibekelwa, uphela amandla ngesikhathi sasemini,ucabanga ukuthi ulahlekelwa yingqondo yakho. Udeveliuzama ukukutshela lokho. Kodwa, awunjalo. Sekuphelilekonke, kusukela kulobubusuku, manje. Uyabo? Unokunqoba.Sekusukile kuwe. Ithunzi elimnyama, ebeliphezu kwakho,selisukile kuwe.184 Ubukhala izinyembezi lapho, uhlezi eceleni kwakhe,nenekazi. Ku, kukuxhuxhumisile. Manje uyangikholwa ukuthingingumprofethi waKhe, noma inceku yaKhe na? Lokhokukhuba abanye abantu, niyabo. Ngakho, wena, angikwazi.Siyizihambi. Uyakholwa ukuthi uNkulunkulu angangitshelaukuthi yini inkathazo yakho na? Kulungile. Unenkathazoyenhliziyo, inkathazo yenso, futhi unokuphaphatheka kwegazi.Uma lokho kunjalo, phakamisa isandla sakho.185 Lelinenekazi elincane lihlezi lapha, lithe ukuzimuka,ligqoke ingubo enemishwe ebomvu nemnyama. Liyakhuleka.Lifuna ukubizelwa kulomugqa. Uma lokho kunjalo, phakamisaisandla sakho, nenekazi. Uyakholwa ukuthi uNkulunkuluangangitshela ukuthi yini inkathazo yakho na? Umngani wakhouzolunga. Inkinga yokomoya izolunga. Nenkathazo yakhoyabesifazane izosuka kuwe, uma uzomkholwa uNkulunkulungayo yonke inhliziyo yakho. Manje, uma lokho kunjalo,phakamisa isandla sakho. Uma kuyilokho obukhuleka ngakho,phakamisa isandla sakho ukuze abantu bakwazi ukubonaukuthi wenzani. Uyabo? Kulungile.

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 35

186 Yiba nokukholwa nje kuNkulunkulu. Omunye emuva…Awudingi ukuba uhlale lapha ngaphambili. Emuva le; kholwangayo yonke inhliziyo yakho.187 Emuva le lapho, kunowesifazane. Unesimila eceleni kuye.Uyakhuleka. Kuzohamba kuye.

Nkosi Nkulunkulu, ngisize, ngiyakhuleka.188 Nkk. Goodman, uyakholwa ngayo yonke inhliziyo yakhoukuthi uNkulunkulu uzosisusa lesosimila eceleni kuwe na?Kulungile. Thatha isinyathelo, phakamisa isandla sakho siyephezulu, ukuze abantu bakwazi ukukubona. Ngiyisihambiuqobo, angikaze ngimbone. Nango. Ngabe lezozinto ziqinisilena? Phakamisa isandla sakho. Kulungile.189 Inenekazi lihlezi laphaya, laphaya ngasekugcineni lapho,liphethwe yinkathazo yenyongo. Kanti lona, futhi, linesifosikashukela, inkathazo yenhliziyo. Nkk. Holderfield, kholwangayo yonke inhliziyo yakho, nenekazi, futhi ungaphiliswalapho manje.190 Sizani ningalokhu niyaluza, bantu. Ngi—ngiyanicela,eGameni likaKristu, ningakwenzi lokho. Niyabo, izifo zisukakomunye ziye komunye. Niyabo? Ukungakholwa kuyintoenyanyeka kakhulu ukwedlula yonke into ekhona ezweni. Yibanokukholwa nje.191 Nanti inenekazi elincane lihlezi lapha, likhuleka mayelananomyeni walo. Uyaphuza. Kunjalo. Wena ukhulekela ukuthiuzoyeka ukuphuza. Lokho akunjalo na? Kulungile. Angikwazi.Unalo ikhadi lomkhuleko na? Awunalo. Awulidingi; ukukholwanje onakho. Uthinte Into ethize. Uqhele ngamashumi amabilinoma amafidi angamashumi amathathu kimi. Uthinte umPristioMkhulu.192 Inenekazi elincane emva kwalapho likhuleka mayelananomyeni walo, futhi, lihleli emva kwakhe. Kunjalo. Umyeniwakho uyindoda enokuguliswa yimizwa, uhlobo olusengathiukuguliswa yimizwa kwengqondo. Uyageja khona manje. Umalokho kunjalo, phakamisa isandla sakho. Futhi unokuthileokungalungile esandleni sakho. Unesimo esigulisanayo, enyeinto ethize. Futhi uthinta izinto, kwenza izandla zakho zibe kabi.Lokho akunjalo na? Nkk. Patty yigama lakho. Uyakholwa ngayoyonke inhliziyo yakho manje na? Uma lokho kunjalo, phakamisaisandla sakho. Amen.Niyabo?Ngikucele ukuba ungikholwe.193 Kuthiwani-ke ngalelinenekazi elihlezi lapha na?Unomaka ebusweni bakho, njengomdlavuza wesikhumbaomncane. Uyangikholwa ukuthi ngiyinceku kaNkulunkuluna? Uyakholwa? Angikwazi. Uyisihambi kimi. Lokhoakusikho ncamashi okhuleka mayelana nakho. Ukhulekamayelana nenkathazo yenhliziyo onayo. Kunjalo. Kunjalona? Lelinenekazi lihlezi lapha. Uma uzokholwa ngayo yonkeinhliziyo yakho, ungaba nakho ukuphiliswa kwakho. Umyeni

36 IZWI ELIKHULUNYIWE

wakho ukutholile okwakhe izolo ebusuku, kungani kungabinguwe na? Owesifazane owayengumshumayeli. Manje kholwangayo yonke inhliziyo yakho, futhi u…Manje, uyabo, ukuzenje wazi. Ubuthe ukubuza engqondweni yakho, uyabo. Manjeuyeneliseka, awuneliseki, ukuthi Kuyakwenza na? Kulungile.Phakamisa isandla sakho uma lokho kunjalo. Yiba nokukholwakuNkulunkulu.

194 Ucabangani ngalesosifo sikashukela, mnumzane, uhlezilapha nesandla sakho siphakeme na? Uyakholwa ukuthiuNkulunkulu angasiphilisa isifo sikashukela futhi akusindisena? Uyakholwa na? Kulungile, mnumzane, uNkulunkuluangakuphilisa.

195 Uyisihambi kimi, nawe. Uma uzokholwa ngayo yonkeinhliziyo yakho! Kunendoda ehlezi lapho, enenkathazoyenhliziyo, kukhona okungalungile ngeqolo layo. Mnu. Easter.Walimala engozini yesitimela, lokho kwabangela lokho. Umalokho kunjalo, sukuma, uJesu Kristu uzokuphilisa futhiakusindise.

196 Bangaki kini abakholwayo na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] Lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.Niyakukholwa na? [“Amen.”] UJesu Kristu, nguyena izolo,namuhla, naphakade, ushwibeke wayothi ngqu endliniyonke. Seniyakholwa manje ukuthi Ulapha na? [“Amen.”]Ukhona lapha manje. Lobo ngubuqiniso. Yilokho impela Athikuyokwenzeka, “Lezizinto eNgizenzayo, nani niyakuzenza;eziningi kunalokhu niyakukwenza, ngokubaMina ngiya kuBabawaMi.” Ngesinye isikhathi owesifazane waMthinta, Waphelaamandla kakhulu, Wathi, “Kuphele amandla kiMi,” futhiWayeyiNdodana kaNkulunkulu. Mina ngiyisoni, esisindiswengomusa waKhe. “Eminingi kunalona niyakuyenza.” NgiyaziiKing James ithi, “emikhulu kunale.” Kodwa kwelokuqala,kuthi, “Eminingi kunalona niyakuyenza, ngokuba Mina ngiyakuBaba waMi.”

197 Manje niyakukholwa lokho na? [Ibandla lithi,“Amen.”—Umhl.] Niyakholwa ukuthi uBukhona baKhe bulaphana? [“Amen.”] Pho yini ningabeki izandla zenu phezu komunyenomunye, nina makholwa, bese ukhulekela umuntu ongumfowakho ohlezi eceleni kwakho. Ngamunye wenu bekani izandlazenu phezu komunye nomunye, bese ukholwa ngayo yonkeinhliziyo yakho manje lapho ukhuleka. Khuleka ngendlelaowenza ngayo ebandleni. Ukholwe ngendlela obukholwangayo njalo. Manje vumela lowoMoya kaNkulunkulu, okwenzeumKristu, ubemkhulu impela nje futhi ube ngowobukhosikuwe njengoba ukhulekela lowomuntu, ukuthi njengobaleyonyamazane eyidiye elingumama kuyo ingumama, lowoMoyakaKristu othembekile olapha manje.

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 37

198 Lokho, izwe elingakukholwa. Izwe liyaLizonda. IzwealiLiqondi. IBhayibheli lathi babengezukukwenza. Izwe liyabaziabalo.199 NoNkulunkulu uyabazi abaKhe uQobo. UNkulunkuluwakwethembisa. YiQiniso. Ngakho ngisize, yiQiniso! “UJesuKristu nguyena izolo, namuhla, naphakade.”

Khulekani manje.200 Nkosi Jesu, lapha kubekwe amany’amaduku abekwelapha, lokho ngokwabagulayo nabahluphekile, futhi ngibekaizandla zami phezu kwawo. Ngoba, siyafundiswa eBhayibheliniukuthi bathathe emzimbeni kaPawulu amaduku nezindwangu,nemimoya emibi yaphuma kubantu, futhi baphiliswa ezifweni.Manje asisuye uPawulu oNgcwele, kodwa Wena usalokhuunguJesu. Futhi ngikhulekela ukuthi uzohlonipha lawa,ngalababantu abangakwazanga ukuba semhlanganweni.201 Kwangathi, uma ebekwa phezu kwabantu, kwangathikungafezeka, njengoba omunye wababhali washo ngenkathiu—ngenkathi uLwandle oluBomvu lungena endleleniyabantwana bakwaIsrayeli, “UNkulunkulu wabuka phansingaleyoNsika yoMlilo, ngamehlo athukuthele, nolwandlelwesaba ngoba lwalumi endleleni yendlela yezinyawoyomsebenzi, kumakholwa, nolwandle lwahlehla nama—namakholwa awelela ngaphesheya ezweni elithenjisiwe.”202 Nkosi Nkulunkulu, buka phansi ngeGazi leNdodana yaKho,uJesu Kristu, kulobubusuku, phezu kwalamaduku, phezukwalezizethameli lapha, nezandla zabo zibekwe phezu komunyenomunye, bekhulekelana. Wena wathi, “Vumani izono zenuomunye komunye, nikhulekelane, ukuba niphiliswe. Ngokuba,umkhuleko oqinileyowolungileyo unamandla kakhulu.”203 Ngiyakhuleka, Nkulunkulu, njengoba um—umKristuovumile kulobubusuku ekhulekela umuntu abeke izandlazakhe phezu kwakhe, kwangathi Amandla kaMoya oNgcweleangehlela phezu kwalowomuntu. Kwangathi uMoya ungaphilisakubo, Nkosi, ubuqiniso. Kwangathi bangekugeje, Nkosi.Mabangafani nento ethize ezogeja lokhu, Baba. KwangathiiBirmingham ingabamba umbono wayo manje, woBukhonabukaJesu Kristu ovukileyo, omkhulu kunabo bonke abaprofethi,omkhulu kunabo bonke abashumayeli, omkhulu kunabobonke ophapha noma amakhosi anamandla, kumbe nomakungahle kube yini. NguJesu Kristu, “onguyena izolo, namuhla,naphakade,” eziqinisekisa Yena uqobo ngezinsuku zokugcina,ngeZwi laKhe elithenjisiwe. Siphe khona, Nkosi. Ngikhulekalokhu ukukholwa, umkhuleko wokukholwa, wabo, njengobabekhulekelana. EGameni likaJesuKristu, siwethula kuWe.204 Manje ngamunye wenu, njengoba nibeke izandla zenu phezukomunye, manje valani amehlo enu nje, futhi nikhumbule:uKristu othembise lokhu, uze lapha futhiwaziqinisekisa Yena.

38 IZWI ELIKHULUNYIWE

205 Yebo, ngibone indoda iphiliswa khona lapho, ineTB, ihlezikhona emuva lapha phambi kwami. Manje uma nje u…Kuyaqhubeka nje ndawo zonke, ndawo zonke endlini. Impelauma uNkulunkulu…206 Umuntu angasho noma yini; lokho akukwenzi kubenjalo. Kodwa uma uNkulunkulu ehla futhi akusho,futhi akuqinisekise futhi akufakazise ukuthi kuyiQiniso;ukukukholwa ngokungesikho, kuyisono esingenakuthethelelwa.UJesu wathi, “Akusoze kwathethelelwa, kulelizwe noma ezwenielizayo.”207 UmBhalo uthembisa lokhu, futhi nakhu kuqinisekiswaphambi kwenu ngqo. Bantu, eGameni likaJesu Kristu,Memukeleni Ese—Eselapha ebukhoneni bethu kulobubusuku,sisenaYe. Nizokukholwa na?208 Futhi wonke lowo okukholwa ngeqiniso futhi oMemukelanjengoMsindisi wakho, noma njengomphilisi wakho, ungamangezinyawo zakho ukuba unikeze ubufakazi, “Ngizomanjengobufakazi. Ngikholwa ngeqiniso, futhi manje ngemukelaukuphiliswa kwami, insindiso yami. Nazo zonke izidingo zami,eBukhoneni bukaKristu, manje ngiyakwemukela.”209 He, bukani indlu yonke, cishe impela lonke ibandla limi le.Kuyamangalisa! Lokho kuhle.Manje kukuyo yonke indawo, umanizokukholwa. “Uma ukholwa!”210 Manje asivale amehlo ethu futhi siphakamise izandlazethu, futhi sicule, “Ng’yaMthanda, ng’yaMthanda ngobaWangithanda kuqala.” AsiMnike udumo njengoba sicula manje,sicule kuYe lezizindumiso.

Ng’yaMthanda, ng’yaMthandaNgoba Wangithanda kuqalaWang’thengel’insindisoEmthini waseKalvari.

211 Asiphakamise izandla zethu, bese sithi, “AyidunyisweiNkosi!” [Ibandla lithi, “Ayidunyiswe iNkosi!”—Umhl.]Ayidunyiswe iNkosi! [“Ayidunyiswe iNkosi!”] AyidunyisweiNkosi! [“Ayidunyiswe iNkosi!”]

Ng’yaMthanda, (wonk’umuntu)ng’yaMthanda,

Ngoba…212 Ngicabanga ukuthi uzobakhipha, Mfowethu Urshan.[Omunye uthi, “Kuthiwani ngalabo abebefuna ukusindiswana?”] Ngizobacela beze ngaphambili.

Wang’thengel’insindisoWaseKalvari…

213 Manje khothamisa ikhanda lakho umzuzwana nje. Upiyano,umshayi we ogani nomshayi wopiyano qhubekani ngqo.

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 39

214 Angazi noma, kulobubusuku, ukuhlabeka kwakho ngabekusakholwa yini. Angazi noma ngabe niyakholwa yini ukuthiuNkulunkulu Ongangitshela imfihlo enhliziyweni, ukufakazisalokho…Akadingi ukuba enze lokho, manje, kodwa WathiUyokwenza. Ngenkathi uJesu efika okokuqala, Akadingekangaukuba aphilise, kodwa Wathi Uyokwenza. “Futhi Wakwenzaukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi.” FuthiUyakwenza kulobubusuku ngoba abaprofethi bathi Uyokwenza,noJesu wathi Uyokwenza, naye.215 Manje angazi nomawena, ofuna lolothando lukaNkulunkuluenhliziyweni yakho njenge—njengenyamazane engumamaoyidiye ayenalo ngengane yakhe, ufuna lolothando enhliziyweniyakho lukaKristu, futhi uyakholwa ukuthi Uzowuzwaumkhuleko wethu, ungeza ume lapha sisakukhulekela. Sisaculalelo kanye futhi, wenyukele lapha nje ngqo. Wenza ukuvumaemphakathini-ke, phuma nje ngqo bese uma ngapha. Umaukukholwa, umkhuleko, umkhuleko wami uzokusiza, yenyukangqo sisacula leli futhi.216 “Ngi…” Manje fakazisa ukuthi uyaMthanda, ngokuza.“…Yena, ngi…”UNkulunkulu anibusise.

Ngoba Wangithanda kuqala217 Futhi yehlani niphume kuvulandi osesitezi, futhisizonilindela. Kunjalo. “…kwami…” Uma niqotho ngempela,wozani manje.

…-vationEmthini waseKalvari.

218 “Ngi…” Abantu bayasuka kuvulandi osesitezi, uyehla.Wonk’umuntu akacule manje. “Ngi…” Qondani nje ngqoezikhaleni zezihlalo, nomaphi, wozani ngqo.

Ngoba Wangithanda kuqala…219 Khumbulani, uNkulunkulu oyohlangana naniekwaHlulelweni, uhlangane nani lapha ebandlenikulobubusuku.

…nsidiso yamiWaseKalvari…

220 Angazi noma bonke abefundisi lapha, okhathaleleimiphefumulo elahlekile, osalokhu enombono ngabantuabadingayo, uma nizokwenyuka manje phakathi kwabantu;nonke nina befundisi phakathi lapha, wonke umfundisiokholwayo ukuthi uNkulunkulu usazolokhu esindisa isoni.Ningahle nibone enye yezinto ezinkulu kunazo zonke yenzekanjengamanje, esenake nayibona. Yilokhu uMoya oNgcweleokuthandayo.

Ng’yaMthanda…

40 IZWI ELIKHULUNYIWE

221 Manje kufakaziseni. Fakazisani ukuthi nikhathalele,niyaMthanda. Uma nithanda okwaKhe, Yena, nithandaabantwana baKhe.

…MthandaNgoba…

222 Manje ziphicele wena phakathi kwalababantu lapha!“…thanda…” Wozani nje nenyuke ngqo bese niba phakathikwabantu, ngqo kanje, bese uzifaka wena ngqo bese ubekaizandla zakho phezu kwabo. Futhi yenyukela ngqo lapha manje,sizokhuleka. Ngikholwa ukuthi uMoya oNgcwele uzothululelwaphezu kwabantu, kulobubusuku, khona lapha ezethamelini.

…waseKalvari.O, ngimthanda kangaka uJesu,

Thandana naYe; ungalifunda iZwi laKhe.Futhi ngimthanda kangaka uJesu,O, kangaka…

223 Manje valela izwe lidede kuwe manje. Valela lonke izwelidede kuwe. Uyabo?

Ngoba Wangithanda kuqala.O, ngikangaka…(kuyamangalisa)O, kangaka…

224 Manje, befundisi, thola omunye kokwakho…Ngicinemanje. Befundisi ngenani ngqo, ngenani ngqo nizungeze abantu.

O, ngimthanda kangaka uJesu,Ngoba Wangithanda kuqala…

225 Manje Umi lapha. Wazi yonke into esenhliziyweni yakho.Awucabangi ukuthi Uyakwazi lokho na? Khona lapha,bekungesiyo imfihlo. Uyazi nje ukuthi iyini ingxoxo yakho,ukuthi uchaza ukuthini.226 Manje asikhothamise amakhanda ethu, ngamunye, kuzozonke izethameli, nina eningakwazanga ngisho nokuthinifinyelele lapha. Manje asikhuleke.227 Ngamunye wenu vumani nje lonke iphutha lenu, vumanikonke ukungakholwa kwenu. Nithi, “Nkosi Jesu, mhlawumbengake ngaba ngowesonto, kanye. Ngaya esontweni, kodwaangizange ngeneliseke. Kwakunento enye…O, ngingahlengibe nakho, ngingahle ukuba ngimemezile. Ngingahle ukubangikhulume ngezilimi. Mina, ngingahle ukuba ngijoyine isonto.”Zonke lezozinto, zikahle. Angiphambene ngalutho nalokho,kodwa lokho akusikho engikhuluma ngakho.228 Ngikhuluma ngothando lukaNkulunkulu ngempelaoluphansi lapho. Lowo nguMoya oNgcwele. Yilokho-ke. Futhinifuna lokho, into evuthiwe, ezokwenza iZwi likaNkulunkululiphile ngawe nje futhi lisebenze ngawe. Uyabo, kungekho

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI 41

zimpande zokubaba emgudwini, uMoya oNgcwele ugeleza njengawe ngqo. Yilokho okufunayo.229 Manje khothamisa ikhanda lakho futhi ngenhloniphoyokuzithoba ukhuleke. Nani befundisi bekani izandla zenuphezu kwabo manje.230 Baba wethu waseZulwini, siletha kuWe, kulobubusuku,lezizethameli zabantu omi lapha enza ukuvuma, bazi ukuthibebenephutha. Kukhona, mhlampe, izinjongo nezimpokophelo,futhi, bekusephutheni. Kodwa, kulobubusuku, bezile, bekholwa,bekholwa ukuthi Uzothethelela zonke izono. Abaningibabo uye esontweni, iminyaka. Abaningi babo we—wenzeizenzo ezinkulu zokuba nozwelo kwabanye. Kodwa, Nkosi,kulobubusuku bafuna ubuqiniso, bafuna lobobumnandi, leyo—leyonto abashoda ngayo ezimpilweni zabo, lowoMoya oNgcwelekaNkulunkulu ongena lapho, isimo seZwi.231 Nezinceku zaKho, abefundisi, izinceku zaKho, banezandlazabo zibekwe phezu kwabo. Futhi siyabakhulekela, lomkhuleko,futhi siyacela, Nkosi, ukuthi lokhu kuzoba yisikhathi ukuthiayikho enye indlela kodwa phansi ngqo enhliziyweni yabo,kuyokwenzeka ngesinye isikhathi, kuze kube phakade,eBukhoneni baKho, kuxazululwe khona manje. KwangathiuMoya oNgcwele ungangena ezimpilweni zabo njengamanjefuthi ubenze babemnandi, Nkosi, no—noJu olukhululwaseZulwini. Futhi ubaphe isehlakalo esiyoba yisehlakaloesingunaphakade, ukuthi uBukhona obukhulu bukaNkulunkuluophilayo bungangena ngesibindi ezimpilweni zabo futhiuzobanika lokho abakudingayo njengamanje. Siphe khona,Nkulunkulu waPhakade. BangabaKho. Ngibethula kuWe,njengezipho zothando, futhi njengemihlatshelo njengoba benzalapha. Futhi kwangathi nje uMoya oNgcwele ungakwenza kubeyikho ngempela kubomanje. Nkulunkulu, siphe khona, eGamenilikaJesu.232 Umelusiwenu uzokhuleka. [Umfowethu uyakhuleka—Umhl.]Yebo, Nkosi. Yebo, Nkosi. Siphe khona.

IZIBONAKALISO ZANGOKOMBHALO ZESIKHATHI ZUL64-0410(Scriptural Signs Of The Time)

LoMlayezo ngo Mfowethu William Marrion Branham, okokuqala wethulwangesiNgisi ngoLwesihlanu kusihlwa ngo Apreli 10, 1964, eNational GuardArmory, eBirmingham, eAlabama, U.S.A., uthathelwe ekuqopheni kweteyipuenozibuthe futhi washicilelwa ungafinqiwe ngesiNgisi. Lokhu ukuhunyushwangesiZulu kwashicilelwa futhi kwakhishwa yiVoice Of God Recordings.

ZULU

©2017 VGR, ALL RIGHTS RESERVED

VOICE OF GOD RECORDINGS, SOUTH AFRICA OFFICE

58 DISA ROAD, ADMIRAL’S PARK, GORDON’S BAY 7140 WESTERN CAPE

REPUBLIC OF SOUTH AFRICA

VOICE OF GOD RECORDINGS

P.O. BOX 950, JEFFERSONVILLE, INDIANA 47131 U.S.A.www.branham.org

Inothisi yelungelo langokomthetho

Onke amalungelo agodliwe. Lencwadi ingaprintwa kwiprinta yasekhaya yenzelwe okuqondene nomuntu noma inikezelwe, ngesihle, njengethuluzi ukusabalalisa iVangeli likaJesu Kristu. Lencwadi ingethengiswe, iphinde ikhiqizwe zibe ningi, iposwe kwiwebsayiti, igcinwe ngohlelo lokuthi iphinde itholakale, ihunyushelwe kwezinye izilwimi, noma isetshenziselwe ukuzicelela izimali ngaphandle kwemvume ebhaliwe eshiwoyo ye Voice Of God Recordings®.

Ngolwazi olwengeziwe noma olwenye impahla ekhona, siza uxhumane ne:

Voice of God RecoRdinGsP.o. Box 950, JeffeRsonVille, indiana 47131 U.s.a.

www.branham.org