explore a story! asijule nendaba! -...

12
This supplement is available in the following Times Media newspapers: The Times in the Western Cape, Gauteng and KwaZulu-Natal; The Daily Dispatch and The Herald in the Eastern Cape during term times. Read to me. Explore a story. Ngifundele. Asijule nendaba. Drive your imaginaon Edition 28 isiZulu, English Asijule nendaba! Uma uhlala phansi nezingane zakho, incwadi yezindaba iyindlela enhle kakhulu yokuthi nazane nokuthi nibe nesikhathi esithokozelekayo nesimnandi ndawonye. Ukujula nendaba kungaphezu kokufunda amagama asekhasini nje kuphela – kuphathelene nokuthatha uhambo ndawonye ngesikhathi nicabanga futhi nixoxa ngezithombe, izehlakalo nemiqondo esencwadini. Ayikho indlela eyodwa okungathiwa ngefanele yokuzwa indaba, kanti lokhu yikho okwenza izindaba zibe namandla! Nazi ezinye izindlela ezahlukene zokujula nezindaba nezingane. 1. Funda ukhombise imizwa ngendlela ongakwazi ukwenza ngayo. Kungenzeka ungazizwa kahle ngokwenza lokhu ekuqaleni kodwa izethameli zakho zizokuthanda njengoba kusiza ukwenza indaba iphile! 2. Ngesikhathi ufunda, siza ukuthuthukisa amakhono okuqagela okuzokwenzeka ezinganeni zakho ngokubuza ukuthi, “Nicabanga ukuthi yini elandelayo ezokwenzeka?” 3. Uma izingane zifuna ukubhekisisa imidwebo bese zikhomba imininingwane ethile, kuhle ukuma kancane ukuze ukuvumele lokhu. 4. Julisa ukuqonda indaba kwezingane zakho ngokubuza imibuzo engaba nezimpendulo ezahlukene. Lezi zinhlobo zemibuzo azinazo izimpendulo okungathiwa ngezifanele noma ngezingafanele, futhi zisiza izingane ukuthi zicabange futhi zikhulume ngezindaba. Isibonelo: “Ubungazizwa kanjani wena ukuba ubunguye …?”, “Ngabe wenzenjani ukuba ubunguye?”, “Ucabanga ukuthi ukwenzeleni lokho?”, “Ngabe kukukhumbuzani lokho?”, “Kumele wena wenzenjani uma …?” 5. Vumela izingane ukuthi zibuze imibuzo nazo! Phendula imibuzo yazo noma nifune izimpendulo ndawonye ngokufunda izingxenye zendaba ezihambisana nalokho enikudingayo. 6. Yabelanani ngalokho enikucabangayo ngokuphathelene nabalingiswa nezehlakalo zasendabeni nezingane zakho – lokhu kuzonothisa indlela ezicabanga ngayo. 7. Thola ezinye izindlela zokuthi izingane ziqhubeke nokujula nendaba. Isibonelo: ukuxoxa kabusha indaba nokulingisa indaba noma indaba ezizakhele yona, ukudweba isithombe esimayelana nendaba noma esisuselwe endabeni, ukubhalela omunye wabalingiswa basendabeni. 8. Okokugcina, yifunde futhi! Izingane zivamise ukuthanda ukuphinde zifundelwe indaba eziyithandile. Njalo uma zilalele indaba zikwazi ukuthola into entsha futhi zizobe zithola nezifundo mayelana nolimi, amagama amasha nemiqondo. Ukuze wenze ezinye iziphakamiso zokuthi singajula kanjani nendaba nezingane nokuthi wabelane ngemicabango yakho nathi esigabeni esithi- “Your Tips”, iya ku-www.nalibali.org. Explore a story! Settling down with your children and a storybook is an excellent way to get to know one another and to have an enjoyable and satisfying time together. Exploring a story is much more than just reading the words on a page – it’s about taking a journey together as you think and talk about the pictures, events and ideas in the book. There is no one correct way to experience a story and that’s what makes stories so powerful! Here are different ways to explore stories with children. 1. Read with as much expression as you can. You may feel a little odd about doing this in the beginning, but your audience will appreciate it as it helps to bring the story to life! 2. As you read, help develop your children’s prediction skills by asking, “What do you think will happen next?” 3. If children want to look closely at illustrations and point to particular details, it’s good to pause for a while to allow this. 4. Deepen your children’s understanding of a story by asking open-ended questions. These kinds of questions have no right or wrong answers and they help children to think and talk about stories. For example: “How would you feel if …?”, “If you were him, what would you have done?”, “Why do you think she did that?”, “What does that remind you of?”, “What do you do when …?” 5. Let children ask questions too! Answer their questions or look for the answers together by re-reading the relevant parts of the story. 6. Share some of your own thoughts about the characters and events in the story with your children – this will enrich their thinking. 7. Find other ways for children to continue to explore the story. For example: retelling and acting out the story, or one of their own; drawing a picture about the story, or one inspired by it; or writing to one of the story characters. 8. And lastly, read it again! Children often like to have their favourite stories re-read to them. Each time they listen to a story, they are able to discover something new and they will also be absorbing lessons about language, vocabulary and concepts. Go to www.nalibali.org for more suggestions on how to explore stories with children. You can also share your ideas with us in our new “Your Tips” section. Reading club tip #3 Use some of the “Get story active!” ideas that appear in the Nal’ibali supplements as reading club activities. Icebo lethimba lokufunda lesi-#3 Sebenzisa eminye imiqondo evela ku-“Yenza indaba ihlabe umxhwele” ezithasiselweni zakwaNal’ibali njengemisebenzi eyenziwa amathimba okufunda. Neo Bella Noodle 1

Upload: lenhu

Post on 24-Apr-2018

216 views

Category:

Documents


3 download

TRANSCRIPT

This supplement is available in the following Times Media newspapers: The Times in the Western Cape, Gauteng and KwaZulu-Natal; The Daily Dispatch and The Herald in the Eastern Cape during term times.

Read to me. Explore a story.

Ngifundele. Asijule nendaba.

Drive your imagination

Edition 28 isiZulu, English

Asijule nendaba!Uma uhlala phansi nezingane zakho, incwadi yezindaba iyindlela enhle kakhulu yokuthi nazane nokuthi nibe nesikhathi esithokozelekayo nesimnandi ndawonye. Ukujula nendaba kungaphezu kokufunda amagama asekhasini nje kuphela – kuphathelene nokuthatha uhambo ndawonye ngesikhathi nicabanga futhi nixoxa ngezithombe, izehlakalo nemiqondo esencwadini.

Ayikho indlela eyodwa okungathiwa ngefanele yokuzwa indaba, kanti lokhu yikho okwenza izindaba zibe namandla! Nazi ezinye izindlela ezahlukene zokujula nezindaba nezingane.

1. Funda ukhombise imizwa ngendlela ongakwazi ukwenza ngayo. Kungenzeka ungazizwa kahle ngokwenza lokhu ekuqaleni kodwa izethameli zakho zizokuthanda njengoba kusiza ukwenza indaba iphile!

2. Ngesikhathi ufunda, siza ukuthuthukisa amakhono okuqagela okuzokwenzeka ezinganeni zakho ngokubuza ukuthi, “Nicabanga ukuthi yini elandelayo ezokwenzeka?”

3. Uma izingane zifuna ukubhekisisa imidwebo bese zikhomba imininingwane ethile, kuhle ukuma kancane ukuze ukuvumele lokhu.

4. Julisa ukuqonda indaba kwezingane zakho ngokubuza imibuzo engaba nezimpendulo ezahlukene. Lezi zinhlobo zemibuzo azinazo izimpendulo okungathiwa ngezifanele noma ngezingafanele, futhi zisiza izingane ukuthi zicabange futhi zikhulume ngezindaba. Isibonelo: “Ubungazizwa kanjani wena ukuba ubunguye …?”, “Ngabe wenzenjani ukuba ubunguye?”, “Ucabanga ukuthi ukwenzeleni lokho?”, “Ngabe kukukhumbuzani lokho?”, “Kumele wena wenzenjani uma …?”

5. Vumela izingane ukuthi zibuze imibuzo nazo! Phendula imibuzo yazo noma nifune izimpendulo ndawonye ngokufunda izingxenye zendaba ezihambisana nalokho enikudingayo.

6. Yabelanani ngalokho enikucabangayo ngokuphathelene nabalingiswa nezehlakalo zasendabeni nezingane zakho – lokhu kuzonothisa indlela ezicabanga ngayo.

7. Thola ezinye izindlela zokuthi izingane ziqhubeke nokujula nendaba. Isibonelo: ukuxoxa kabusha indaba nokulingisa indaba noma indaba ezizakhele yona, ukudweba isithombe esimayelana nendaba noma esisuselwe endabeni, ukubhalela omunye wabalingiswa basendabeni.

8. Okokugcina, yifunde futhi! Izingane zivamise ukuthanda ukuphinde zifundelwe indaba eziyithandile. Njalo uma zilalele indaba zikwazi ukuthola into entsha futhi zizobe zithola nezifundo mayelana nolimi, amagama amasha nemiqondo.

Ukuze wenze ezinye iziphakamiso zokuthi singajula kanjani nendaba nezingane nokuthi wabelane ngemicabango yakho nathi esigabeni esithi- “Your Tips”, iya ku-www.nalibali.org.

Explore a story!Settling down with your children and a storybook is an excellent way to get to know one another and to have an enjoyable and satisfying time together. Exploring a story is much more than just reading the words on a page – it’s about taking a journey together as you think and talk about the pictures, events and ideas in the book.

There is no one correct way to experience a story and that’s what makes stories so powerful! Here are different ways to explore stories with children.

1. Read with as much expression as you can. You may feel a little odd about doing this in the beginning, but your audience will appreciate it as it helps to bring the story to life!

2. As you read, help develop your children’s prediction skills by asking, “What do you think will happen next?”

3. If children want to look closely at illustrations and point to particular details, it’s good to pause for a while to allow this.

4. Deepen your children’s understanding of a story by asking open-ended questions. These kinds of questions have no right or wrong answers and they help children to think and talk about stories. For example: “How would you feel if …?”, “If you were him, what would you have done?”, “Why do you think she did that?”, “What does that remind you of?”, “What do you do when …?”

5. Let children ask questions too! Answer their questions or look for the answers together by re-reading the relevant parts of the story.

6. Share some of your own thoughts about the characters and events in the story with your children – this will enrich their thinking.

7. Find other ways for children to continue to explore the story. For example: retelling and acting out the story, or one of their own; drawing a picture about the story, or one inspired by it; or writing to one of the story characters.

8. And lastly, read it again! Children often like to have their favourite stories re-read to them. Each time they listen to a story, they are able to discover something new and they will also be absorbing lessons about language, vocabulary and concepts.

Go to www.nalibali.org for more suggestions on how to explore stories with children. You can also share your ideas with us in our new “Your Tips” section.

Reading club tip #3

Use some of the “Get story active!” ideas that appear in the Nal’ibali supplements as

reading club activities.

Icebo lethimba lokufunda lesi-#3

Sebenzisa eminye imiqondo evela ku-“Yenza indaba ihlabe

umxhwele” ezithasiselweni zakwaNal’ibali

njengemisebenzi eyenziwa amathimba okufunda.

Neo

Bella

Noodle

This supplement is available in the following Times Media newspapers:

1

2

Drive your imagination

Create your own mini-book1. Take out pages 3 to 6 of

this supplement.

2. Fold it in half along the black dotted line.

3. Fold it in half again.

4. Cut along the red dotted lines.

Get story active!After you and your children have read Chameleon’s clever trick on pages 3 to 6, try out some of these ideas.

If you have 10 minutes…

• Spend some time looking closely at the pictures with your children. Ask them to find all the different animals in each picture. Which ones are their favourites?

• With your children, say this rhyme and make up actions to go with it.

Five little chameleons Sitting in a tree Two climbed down, Then there were three!

If you have 30 minutes…

• Read the story again and let your children have fun doing actions for the words that describe how the chameleon moves.

• Suggest that your children draw or paint a picture using all the colours mentioned in the story.

If you have one hour…

• Create a puppet show. Suggest that your children draw pictures of each of the story characters, stick them onto long sticks and then use these puppets to retell the story. (They may want to draw different coloured chameleons so that they have one to use for each part of the story.) Older children might also like to be scriptwriters and write down what each character says. Help younger children do this by writing down what they tell you.

Yenza indaba ihlabe umxhwele!Ngemuva kokuba wena nezingane zakho senifunde Isu elihlakaniphile Lonwabu ekhasini lesi-3 nelesi-6, zamani eminye yale miqondo.

Uma ninemizuzu eyi-10…

• Chithani isikhathi nibheke izithombe kabanzi nezingane zakho. Zicele ukuthi zithole isilwane esehlukile esithombeni ngasinye. Iziphi ezizithandayo?

• Yisho lo mlolozelo nezingane zakho ninyakazise imizimba ngendlela ehambisana nawo:

Izinwabu ezincane ezinhlanu Zazihleli esihlahleni Ezimbili zase zehla Kwase kusala ezintathu!

Uma ninemizuzu engama-30…

• Funda indaba futhi bese uvumela izingane zakho ukuthi zizithokozise ngokwenza iminyakazo yamagama achaza indlela oluhamba ngayo unwabu.

• Yenza isiphakamiso sokuthi izingane zakho zidwebe noma zipende izithombe zisebenzisa yonke imibala ephawulwe endabeni.

What is it? Ngabe yini le? Ngabe ungakwazi ukuqagela izimpendulo zalezi ziphicaphicwano? Sebenzisa izithombe ukuze zikusize.

1. Yini enobuso nezandla ezimbili kodwa ayinazo izingalo noma imilenze?

2. Yini enomqala kodwa engenakhanda?

3. Yini eya ngokuba manzi ngesikhathi yoma?

4. Yini okumele iphulwe ngaphambi kokuba ukwazi ukuyisebenzisa?

5. Yini okungeyakho kodwa abangani bakho abayisebenzisa kakhulu kunawe?

Can you guess the answers to these riddles? Use the pictures to help you.

1. What has a face and two hands, but no arms or legs?

2. What has a neck, but no head?

3. What gets wetter as it dries?

4. What has to be broken before you can use it?

5. What belongs to you, but your friends use it more than you do?

1. a clock 2. a bottle 3. a towel 4. an egg 5. your name 1. iwashi 2. ibhodlela 3. ithawula 4. iqanda 5. igama lakho 1. a clock 2. a bottle 3. a towel 4. an egg 5. your name

Ngabe yini le?

each of the story characters, stick them onto long sticks and then use

Mpho

Cambridge University PressP O Box 50017, V&A Waterfront, 8002Tel 021-4127800 | Fax 021 4198418 Email [email protected] www.cup.co.za

Nal’ibali is a national reading-for-enjoyment campaign to get people in South Africa – children and adults – passionate about telling and reading stories.For more information, visit www.nalibali.org

INal’ibali liphulo lesizwe lokufundelaulonwabo lokwenza abantu eMzantsi Afrika – abantwana nabantu abadala – bakuthakazelele ukubalisa nokufunda amabali. Ukuze ufumane inkcazelo ebanzi, ndwendwela ku-www.nalibali.org

Chameleon’s clever trick is one of 36 stories

available in the Little Library Kits for Numeracy,

Literacy and Life Skills. Each kit contains 60

readers (5 copies of 12 stories), 12 big books,

12 posters and a comprehensive teacher’s guide.

The readers and the big books are available

in all 11 official languages. For more information please

visit our website www.cup.co.za.

Drive your imagination

Uma ninehora elilodwa…

• Yenzani umbukiso wamaphaphethi. Yenza isiphakamiso sokuthi izingane zakho zidwebe izithombe zomlingiswa ngamunye osendabeni, bachomeni ezintini ezinde bese nibasebenzisela ukuxoxa kabusha indaba. (Kungenzeka bafune ukudweba izinwabu eziyimibala eyahlukene ukuze bakwazi ukuba nabazokusebenzisa engxenyeni ngayinye yendaba.) Izingane ezindadlana kungenzeka zithande futhi nokuba ngababhali bendaba ezolingiswa, zibhale nokuthi uthini umlingiswa ngamunye. Siza izingane ezincane ukuthi zenze lokhu ngokubhala lokho ezikutshela khona.

Zakhele ibhukwana lakho1. Khipha ikhasi 3 ukuya ku 6 kulesi sithasiselo.

2. Lisonge libe nguhhafu lapho kunomugqa (ulayini) wamachashaza amnyama khona.

3. Lisonge libe nguhhafu futhi.

4. Sika lapho kunomugqa wamachashaza abomvu khona.

3

Drive your imagination

A children's champion!Have you ever heard people talk about “The Cat in the Hat” or “The Grinch”? Well, these are two of the characters created by the great children’s writer and illustrator, Dr Seuss.Dr Seuss’ real name was Theodor Seuss Geisel – known as “Ted” to his family and friends. He was born in the USA on 2 March 1904. After finishing school and studying for a while afterwards, he started working in advertising when he was 23. He wrote his first children’s book when he was 27, but he couldn’t find a publisher for it. The first book he got published was And To Think That I Saw It On Mulberry Street. He went on to publish 66 books, which are still enjoyed by children all over the world today! He said that he created books for children because he wanted to entertain them and teach them to read and think.

Did you know…?

1. Most of Dr Seuss’ books are written in rhyme − only five are not!

2. Four of his books have been made into movies: The Cat in the Hat, The Lorax, How the Grinch Stole Christmas and Horton Hears a Who.

3. Green Eggs and Ham was written when Dr Seuss’ publisher bet him that he could not write a book using 50 or fewer words. This is Dr Seuss’ best-selling book!

4. The word “nerd” was made up by Dr Seuss. It first appeared in If I Ran the Zoo.

5. Dr Seuss created over 50 imaginary animals in his books.

6. There is a statue of Dr Seuss in a public garden in his hometown of Springfield. It is surrounded by statues of the characters from his books.

Visit the Nal’ibali Book Box at www.nalibali.org for a list of some Dr Seuss books you might like to read.

Story stars Abavelele ezindabeni

“You have brains in your head.You have feet in your shoes.You can steer yourselfany direction you choose.”From: Oh, The Places You’ll Go!

“The more that you read,the more you will know.The more that you learn,the more places you’ll go.”From: I Can Read with My Eyes Shut!

Pict

ure

cour

tesy

Sun

day

Times

To celebrate Dr Seuss’ birthday on 2 March,

we are giving away a hamper of books in the Cat in the Hat

Knows A Lot About That series to one lucky reader. Answer an easy

question and you could be the proud owner of these great books!

Question: How many of Dr Seuss’ books are not written in rhyme?

Send your answers together with your full name, physical address

and contact number to [email protected] or Nal’ibali, PO Box 1654,

Saxonwold, 2132 by 8 April 2013.

Win!

Ingqwele ezinganeni! Ngabe uke wezwa abantu bekhuluma nge-“The Cat in the Hat” noma i-“The Grinch”? Empeleni, laba abalingiswa ababili abakhiwa umbhali nomdwebi wezindaba zezingane odumile uDr Seuss.Igama langempela likaDr Seuss kwakunguTheodor Seuss Geisel – owayaziwa ngo-“Ted” emndenini nasebanganini bakhe. Wazalelwa eMelika mhla zi-2 Mashi 1904. Ngemuva kokuqeda esikoleni wafunda esikhungweni semfundo ephakeme, waqala ukusebenza embonini yokukhangisa ngemikhiqizo eneminyaka engama-23. Wabhala incwadi yezingane yokuqala ngesikhathi eneminyaka engama-27 kodwa akakwazanga ukuthola ozoyishicilela. Incwadi yokuqala ayishicilela yayithi: And To Think That I Saw It On Mulberry Street. Waqhubeka washicilela izincwadi ezingama-66, ezisathokozelwa izingane umhlaba wonke namanje! Wathi wayebhale izincwadi zezingane ngoba wayefuna ukuzithokozisa, ukuzifundisa ukuthi zifunde nokuthi zicabange.

Ngabe bewazi…?

1. Izincwadi eziningi zikaDr Seuss ziyimilolozelo - zi-5 kuphela ezingeyona imilolozelo!

2. Ezine ezincwadini zakhe zenziwe amamuvi: i-The Cat in the Hat, i-The Lorax, i-How the Grinch Stole Christmas ne-Horton Hears a Who.

3. I-Green Eggs and Ham yabhalwa ngenxa yenselele uDr Seuss ayiphonselwa umshicileli wakhe ethi angeke akwazi ukubhala incwadi esebenzisa amagama angama-50 noma angaphansi kwalawo. Lena incwadi eyathengisa ukudlula zonke izincwadi zikaDr Seuss!

4. Igama elithi “nerd” laqanjwa uDr Seuss. Laqala ukuvela ku-If I Ran the Zoo.

5. UDr Seuss wakha izilwane ayezicabangela zona nje ezevile kwezingama-50 ezincwadini zakhe.

6. Kukhona isithombe sikaDr Seuss esakhiwe engadini yomphakathi edolobhaneni langakubo iSpringfield. Sizungezwe yizithombe ezakhiwe zabalingiswa abavela ezincwadini zakhe.

Vakashela kuNal’ibali Book Box ku-www.nalibali.org ukuze uthole uhlu lwezinye zezincwadi zikaDr Seuss okungenzeka uthande ukuzifunda.

Ukuze sigubhe usuku lokuzalwa lukaDr. Seuss

mhlaka-2 Mashi, sizopha umfundi oyedwa onenhlanhla

ihempa yezincwadi ezikuchungechunge lwe-Cat in the Hat

Knows A Lot About That. Phendula umbuzo olula bese ubasethubeni

lokuba umnikazi oneqholo ngezincwadi ezimnandi kakhulu.

Umbuzo: Zingaki izincwadi zikaDr. Seuss ezingabhalwanga

zayimilolozelo?

Thumela impendulo yakho namagama akho agcwele, ikheli lendawo

ohlala kuyona nenombolo yokuxhumana ku-: [email protected]

noma kuNal’ibali, PO Box 1654, Saxonwold, 2132 kungekadluli

umhlaka-8 Ephreli 2013

Pict

ure

cour

tesy

Sun

day

Times

noma kuNal’ibali, PO Box 1654, Saxonwold, 2132 kungekadluli

umhlaka-8 Ephreli 2013

Wina!

“Unless someone like you cares an awful lotnothing is going to get better.It’s not.”

From: The Lorax

Wise words

from Dr Seuss

Amagama obuhlakani

avela kuDr Seuss

There was once a wise emperor named Kotei. He ruled over a part of China that was far from the sea. He ruled wisely and well, but his land was troubled by the rebel Shiyu. Shiyu and his followers stole and robbed and set villages on fire.

Kotei gathered together his army to punish Shiyu. When Shiyu found out, he led his rebels to a secret camp across a wide river and high up in the mountains. Heavy rains fell and the river grew in size – it was impossible to cross. Kotei’s army was unable to follow Shiyu.

And that was when the emperor sat down beside a pond to think. It was autumn and the wind blew leaves onto the water. As Kotei sat quietly thinking, he saw a spider making its way to the edge of the water. The little animal tried again and again to climb onto one of the floating leaves. At last it succeeded. Soon, it was floating over the water to the other side of the pond. Emperor Kotei watched and thought that if the spider could float across water, then so could he and his army.

The royal troops collected logs and the hides of oxen and made ropes from rushes. Soon the first soldiers were floating across the river on their new boats. The boats were pulled back on a rope and another group of soldiers went across.

The rebel Shiyu was caught by surprise! Kotei’s army defeated him and he was forced to leave the country. The wise Emperor Kotei ruled on in peace and lived for many more years. But his invention of floating boats has lived on even longer!

Here is a Chinese legend for you to read aloud or tell.

Ikhona lezindabaNansi inganekwane yamaShayina ongayifunda

kakhulu noma uyixoxe

Umbusi onesineke: inganekwane yamaShayina nguJay Heale

4

Supplement produced by The Project for the Study of Alternative Education in South Africa (PRAESA) and Times Media Education. Translated by Busisiwe Pakade. Nal’ibali character illustrations by Rico.

Kwakukhona umbusi okhaliphile ogama lakhe lalinguKotei. Wayebusa engxenyeni yelaseShayina eyayikude nolwandle.

Wayephethe ngobuhlakani nakahle, kodwa izwe lakhe lalihlushwa imbuka elinguShiyu.

UShiyu nabalandeli bakhe babentshontsha, bephanga bese beshisa imizi.

UKotei wahlanganisa amabutho akhe ukuze bajezise uShiyu. Kwathi uma uShiyu ezwa lokhu, wahola amambuka

akhe bayohlala enkambini engaziwa muntu phesheya komfula obanzi, phezulu ezintabeni. Kwana izimvula ezinkulu wagcwala umfula – akekho owayengakwazi ukuwela. Amabutho kaKotei ayengakwazi ukulandela uShiyu.

Lesi-ke kwaba yisikhathi umbusi ahlala ngaso phansi eduze nesiziba

ukuze adle amathambo engqondo. Kwakusekwindla, umoya wawuphephula

amahlamvu awele emanzini. Ngesikhathi uKotei ehleli ngokuthula ecabanga, wabona

ulwembu luya ngasosebeni lwamanzi. Isilwanyana esincane sazama izikhathi ezimbalwa ukugibela elinye lamahlamvu antantayo. Saze saphumelela ekugcineni. Ngemuva kwalokho, sabe sesintanta emanzini siya phesheya kwesiziba. Umbusi uKotei wabukela wase ecabanga ukuthi: uma ulwembu lukwazile ukuntanta emanzini luze luwelele ngaphesheya, uzokwazi naye namabutho akhe.

Amabutho asebukhosini eza nezingodo nezikhumba zezinkabi ase akha izindophi. Ngokushesha amasosha okuqala ayesentanta phezu kwamanzi ngezikebhe zawo ezintsha. Zadonswa zabuyiswa ngezindophi izikebhe, kwase kuwela elinye iqembu lamasosha.

Balithelekela lingalindele imbuka uShiyu! Amabutho kaKotei amehlula waphoqeleka ukuthi ahambe kuleliya lizwe. Umbusi okhaliphile uKotei waqhubeka nokubusa ngokuthula waphila iminyaka eminingi. Kanti into ayisungula, izikebhe ezintantayo, sezihlale ukudlula yena!

Story corner

The patient emperor: a Chinese legend by Jay Heale

Drive your imagination

In your next Nal’ibali supplement:• Find out about South African Library Week

• Ten reasons to make good use of your library

• Story stars: Breathing new life into a library

• Mini-book, The Little Red Hen

• The first part of a read-aloud story, The lion and the monkey

Can’t wait until next week for more reading and story tips, tools and inspirational ideas? Visit www.nalibali.org or find us on Facebook: www.facebook.com/nalibaliSA

Esithasiselweni sakho esilandelayo sakwaNal'ibali: • Thola kabanzi ngeSonto Lomtapo Wezincwadi ENingizimu Afrika• Izizathu eziyishumi zokuthi usebenzise kahle umtapo wakho

wezincwadi• Abavelele ezindabeni: Ukuza nezinto ezintsha emtapweni

wezincwadi• Ibhukwana, USikhukhukazana Obomvu• Ingxenye yokuqala yendaba efundwa kakhulu ethi,

Ibhubesi nenkawu

Ngabe awukwazi ukulinda kuze kube ngesonto elizayo ukuze ufunde nokunye kanye namathiphu endaba, amathuluzi kanye nemiqondo evusa usinga? Vakashela ku-www.nalibali.org noma usithole ku-Facebook: www.facebook.com/nalibaliSA

Sithole ku-Twitter:

@nalibaliSA

Find us on Twitter: @nalibaliSA

Illustrations by Meg JordiImidwebo yenziwe nguMeg Jordi

Adapted from Three clever thinkers by Jay Heale © 2009

Chameleon’s clever trick

Isu elihlakaniphile Lonwabu

Monika Hollemann Helen Pooler

Cambridge University PressP O Box 50017, V&A Waterfront, 8002Tel 021-4127800 | Fax 021 4198418 Email [email protected] www.cup.co.za

Fold

Nal’ibali is a national reading-for-enjoyment campaign to get people in South Africa – children and adults – passionate about telling and reading stories. For more information, visit www.nalibali.org

Chameleon’s clever trick is one of 36 stories

available in the Little Library Kits for Numeracy,

Literacy and Life Skills. Each kit contains 60

readers (5 copies of 12 stories), 12 big books,

12 posters and a comprehensive teacher’s guide.

The readers and the big books are available

in all 11 official languages. For more information please

visit our website www.cup.co.za.

Drive your imagination

Nal’ibali umkhankaso kazwelonke wokujabulela ukufunda ukwenza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika – izingane nabantu abadala – babenogqozi lokuxoxa kanye nokufunda izindaba. Ukuthola ulwazi olunabile, vakashela e: www.nalibali.org 116

5

“Ooh! Look at that big, fat, juicy fly! I hope I can catch it,” she said.

“Hhawu! Bheka leya mpukane enkulu, ekhuluphele, enoju! Ngifisa sengathi ngingayibamba,” kusho unwabu.

Chameleon crawled carefully along a bush. Her eyes rolled up, down and all around.

Unwabu lwagaqazela ngokucophelela ehlathini. Amehlo alo agunquza aya phansi naphezulu aphinde azungeleza indawo yonke.

32

6

Mouse watched Chameleon.“You can’t catch that fly! You’re much too slow!” said Mouse.

Chameleon gripped the branch with her tail. Then she shot out her long, sticky tongue and flicked the fly into her mouth.

Unwabu lwabamba igatsha ngomsila walo.Lwase lukhipha ulwimi lwalo olude, olunamathelayo lwase luphonsa impukane emlonyeni walo.

Igundane labheka Unwabu.“Awusoze wayibamba leya mpukane! Unwabuzela kakhulu kabi!” kusho Igundane.

54

7

“Asikho isidingo sokuthi ngibaleke. Nginesu elikhethekile. Ngibheke!” kusho Unwabu. Unwabu lwagibela igatsha elifiphele elinsomi. Umbala wesikhumba salo waguquka waba nsomi. Lwaba nombala ofana ncamashi negatsha.

“I don’t have to run. I have a special trick. Watch me!” said Chameleon. Chameleon climbed onto a dark, purple leaf. Her skin started to turn purple. Suddenly it was the same colour as the leaf.

“Yum,” said Chameleon. Her skin turned pink because

she was happy. “Do you still think I’m slow?” she asked Mouse.

“Yamnandi,” kwasho Unwabu. Isikhumba salo saguquka saba yisiphofu ngenxa yenjabulo. “Usacabanga ukuthi ngiyanwabuzela?” lwabuza Igundane.“Yebo-ke mhlawumbe ulwimi lwakho luyashesha. Kodwa awukwazi ukubaleka njengami uma ngibalekela Ikati,” kuphendula Igundane.

“Well, maybe your tongue is fast. But you can’t run away from Cat like I can,” replied Mouse.

76

8

“Hey! Where are you?” squeaked Mouse.He looked up, down and all around. Then he saw her on the leaf.“How did you do that?” he asked.

“Aha!” said Chameleon. “That’s my special trick.”

“Well,” said Mouse, “you can’t turn yellow.”

“Hheyi! Ukuphi?” kunswininiza Igundane.Labheka phezulu, phansi kanye nakuyo yonke indawo. Lwalubona phezu kwegatsha. “Ukwenze kanjani loko?” lisho libuza.

“Aha!” kwasho Unwabu. “Leli yisu lami elikhethekile.”

“Yebo-ke,” kwasho Igundane, “awukwazi ukuphenduka ubephuzi.”

98

9

Chameleon moved across to a yellow sunflower. Mouse looked and looked. Little by little, Chameleon turned as yellow as the sunflower.

Unwabu lwadlulela embalini yelanga eluphuzi. Igundane labheka laphinde labheka. Kancane kancane, Unwabu lwaphenduka lwaba luphuzi njengembali yelanga.

Unwabu lwase ludlulela phezu kodonga lwezitini olufudumele lwase luphenduka luba bomvu njengodonga. “Gundane! Uyangibona manje?” Unwabu lwaluzithokozisa ngempela.Igundane lalingathandi ukuphicwa.Babengasiboni isithunzi esasingemuva kwabo.

Then clever Chameleon stepped on to the warm brick wall and turned as red as the wall. “Mouse! Can you see me now?” Chameleon was enjoying herself. Mouse didn’t like being tricked.They didn’t see the shadow behind them.

1110

10

“Maybe you can change your colour but you’ve got a silly, curly tail and funny, rolling eyes!” Mouse squeaked.

“Yes! But hanging by my curly tail and using my rolling eyes, I can see Cat behind you. Look out!” shouted Chameleon.

“Yebo! Ukulengisa umsila wami ogoqekile nokusebenzisa amehlo ami aguqukayo, ngikwazi ukubona Ikati ngemuva kwakho. Qaphela!” kumemeza Unwabu.

“Mhlawumbe ungakwazi ukuguqula umbala wakho kodwa unomsila osile ogoqekile namehlo amabi aguquguqukayo!” kunswininiza Igundane.

1312

11

“Thank you, Chameleon,” squeaked Mouse. “You saved me with your clever trick. But Chameleon … where are you?” She was up to her tricks again! Mouse couldn’t see her at all! Can you?

“Ngiyabonga, Nwabu,” kunswininiza Igundane.“Ungisizile ngesu lakho elihlakaniphile. Kodwa Nwabu … kungabe ukuphi?”Laliphezu kokwenza amanye amasu alo futhi!Igundane lalingakwazi ukulubona nhlobo!Wena ungakwazi ukulubona?

“Meeeoouw!” Cat pounced on Mouse.

“Eeek!” squeaked Mouse.

“What can I do?” thought Chameleon. She used another clever trick. She turned a dark colour and she hissed loudly. “Kkkkkkkhhhhhhhhh!” Cat got such a fright, he dropped Mouse and ran away.

“Miyawuuuu!” Ikati labamba Igundane.

“Ishuuu!” kunswininiza Igundane.

“Ngingenzani?” kucabanga Unwabu. Lwasebenzisa elinye icebo elihlakaniphile. Laziguqulela komunye umbala oluphuzi lahwahwaza kakhulu. “Kkkkkkkhhhhhhhhh!” Ikati lethuka kakhulu, ladedela Igundane lase libaleka.

1514

12