ezempilo health matters : july 2014 : isizulu
TRANSCRIPT
KUNTULIKAZI • 2014
Fighting Disease, Fighting Poverty, Giving HopeUkulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Imifundaze yezokwelapha ekhona e-KZN …Ukuguliswa yindlebe ezinganeni …KONKE LOKHU NOKUNINGI NGAPHAKATHI
IZIBILIBOCO: ISIKHATHI SOKUTHI CHA
Uma sengikhulile ngiyoba
nesisindo esingaphezu kwe-100kgUsizo!
mahhala
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Utata wanikela ngempilo yakhe ukuze sikhululeke
Kungani simhlonipha ngosuKu olulodwa?
Yenza usuku nosuku lube ngolukaMandela ngokwenza
impilo ibe ngcono.
Umphakathi onempilo nojabUle Uqala kUwe.
• Ziphathele wena impilo yakho.• Hlolela i-HIV• Yenza ucansi oluphephile – sebenzisa ijazi lomkhwenyana• Hlakanipha, soka• Uma ukhulelwe iya kusenesikhathi emtholampilo: kungaphephisa impilo yakho neyengane
Ngqongqoshe Wezempilo e-KZN,
uDkt Sibongiseni Dhlomo
Izandla ziyagezana.
INkosi inibusise!
KKunesaga sesiZulu esithi “Izandla
ziyagezana”- Kuyasizwana. Esikhathini
esiningi umphakathi ubugxile
kakhulu ekutuseni abantu besifazane
ngeqhaza abalibambile emphakathini, ngoSuku
Lwabesifazane kanye nangeNyanga Yabesifazane,
okugujwa ngenyanga kaNcwaba. Ukuze kube
yikhaya elifudumele, babili abantu abenza
lokho, okungowesilisa kanye nowesifazane.
Uma kugxilwa kwabesifazane kuphela kuyekwe
abesilisa, imizamo yethu iyoba yize leze. Ngakho-
ke kuyangijabulisa ukusho ukuthi ukubeka
eceleni inyanga kaNtulikazi njengenyanga
yabesilisa sekuyaqala kuthela izithelo. Umsebenzi
obabazekayo osewenziwe yiForamu YesiFundazwe
sase-KZN Yabesilisa ekugqugquzeleni abesilisa
kanye nokukhulisa abesilisa abasebancane
ngokubeluleka nokubaqondisa kwenza umehluko
omkhulu emphakathini.
NjengoSihlalo weForamu YesiFundazwe
sase-KZN Yabesilisa, kuyangijabulisa ukuba
yingxenye yemigubho eyehlukene esiyiholile
ngale nyanga kaNtulikazi, ebandakanya
Izinkulumompendulwano Nabaholi Bendabuko,
Imikhuleko Yabesilisa, Ingqungquthela Yenkolo,
Izinkulumompendulwano Zabafana Nobaba,
Izinhlelo Zobubaba kanye Nokuqwashisa
ngokusetshenziswa kwezidakamizwa. Konke lokhu
kuzohamba ibanga elide ekulolongeni abaholi
bethu bakusasa.
Kusukela ngalo Ntulikazi kuya phambili sicela
bonke abesilisa boqobo ukuba baphumele obala
ngokulwa nanoma yikuphi ukuhlukunyezwa
kwabesifazane, abadala kanye nezingane.
Sifisa ukubonga bonke obaba abanothando
nonakekelo ngokuphumela obala ekubeni
yisibonelo ngaphansi kweForamu Yobaba.
Ngeke sigoqe izandla sibukele bonke ububi
obenziwa ezinganeni, kwabesifazane kanye
nakwabadala. Kuyaphazamisa ukubona abesifazane
besezinkantolo bemashela izenzo ezimbi zababulali
nabadlwenguli okungabantu besilisa okumele
ngabe bayabavikela. Kumele siphumele obala
ukuze kwaziwe ukuthi izinto ezinjalo ngeke zenzeka
egameni lethu. Simema bonke abesilisa ukuba
babe yingxenye yamaforamu lapho kudingidwa
khona ukuziphatha kwabesilisa.
Ngayo le nyanga yabesilisa sigqugquzela
abesilisa ukuba banakekele impilo yabo. Kumele
senze izindlela zokukwazi ukubona owesilisa
oqotho. Sesiphelile isikhathi sokuba abesilisa
bafune ukubonakala bengabanamandla noma
kungasafanele. Akumele ukhombise ubudoda
bakho ngokuhlukumeza abesifazane nezingane
noma ulale nabantu besifazane abaningi.
Akumele ukhombise ubudoda bakho ngokuphuza
kakhulu utshwala bese ushayela uphuzile
ubeke impilo yohamba nabo kanye neyakho
engozini. Masituse abesilisa abayisibonelo
esihle, abanakekela, bahlinzeke babuye
bavikele imindeni yabo. Njengoba sikwazile
ukuphakamisa amalungelo abesifazane
masigxile nasekwakheni abesilisa
abaqotho banamuhla nakusasa. Ngeke
sabehlukanisa laba bantu.
Umyalezo ovela ku
okuqukethwe
IZINdaba ZeZempIlo e-KZN
UKUGUla NGeNGQoNdoCabaNGISISa
KUNGaNI Ibele lIpHUma pHambIlIKU
NTUL
IKAZ
I 201
4
UBUNGOZI BEZIBILIBOCOKungani abazali Kumele benze oKuthile ngoKushesha.
IzIndaba zezempIlo zase-KznezaKamuva zomnyango Wezempilo esifundazWeni.
UKUSOKAoKumele uKWazi.
I-HepatItIsKungani uKuyigWema Kungcono KunoKuyelapha.
UBUHLUNGU BENdLEBE EZINGANENIKumele Wenzeni, ungabugWema Kanjani.
UMfANEKISOuKuphumela obala ngoKuhluKunyezWa.
IZINGANEKwANE ZOGOGO NGOKUKHULELwAyiKuphi oKuyiqiniso noKungelona.
UNTULIKAZI YINYANGA YOKUqwASHISA NGEMPILO YENGqONdOKungani Kungabantu abaningi abasha abathinteKayo.
UMKHUHLANEuKWelashWa KWaseKhaya oKusebenzayo.
Siyababonga laba abalandelayo ababe neqhaza:UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN: UPHIKO LWEZOKUXHUMANA
U-ZOHRA MOHAMED TEKE (UMHLELI)
COLIWE ZULU
THANDI ZULU
DERICK MATSENGARWODZI
THEMBA MNGOMEZULU
TANYA CAMPHER
DR GUGU MAZIBUKO
sinike uvo lwakho, noma usitshele ukuthi ucabangani ngalo magazini! p o box 25439, gateway, 4321, ucingo-031 825 6790. i-email: [email protected] ilungelo lobuniKazi
Konke okushicilelwe kulo magazini kuyilungelo le-ezempilo… health matters futhi kungase kuphinde kukhiqizwe futhi kusakazwe mahhala ngezinjongo zokufundisa kuphela.
zonke izikhangiso ezikulo magazini akukona ukuthi zisekelwa ngokusemthethweni umnyango Wezempilo Wase-Kzn, umasipala Wasethekwini noma ezempilo health matters
Imifanekiso esetshenziswe kwEzEmpilo eyokucacisa kuphela, ayiqondile ukuveza abantu bangempela futhi ayimele lokho okuqukethwe ushicilelo.
*NGeSHWa, abapHUmelele KUpHela abaYoKWaZISWa.
ZITHOLELE IMIFUNDAZE YEZEMPILO E-KZN YEZIGIDI
EZINGAMA-200!
FAKA ISICELO SOMFUNDAZE OPHELELE WEZEMPILO E-KZN MANJE!
NGABE UNGUMFUNDI OSEMUSHA OFISA UKWENZA IZIFUNDO ZEZOKWELAPHA?
ABAFAKISIcELO KUMELE: Kube ngabase-KZN futhi bahlangabezane nezidingo zoqeqesho esiFundeni abahlala kuso.
Balethe isiqinisekiso sesicelo sesikhala sokufunda esikhungweni kanye no-CAO kanye nokuqhuba kwakhe ezifundweni zasenyuvesi noma iBanga 11 kanye neFomu Lokufaka Isicelo. Kube ngabaswele imali yokufunda. Izicelo ziyobhekelelwa ngokwengenisomali emndenini.
Kuyodingeka amakhophi amapasi aqinisekisiwe abazali bobabili; iziliphu zokuhola; izitifiketi zokufa/zedivosi kanye nencwadi efungelwe emaphoyiseni yababheki
abasemthethweni noma isimo somshado sabazali. SIFAKWA KUPHI ISIcELO:
Amafomu omfundaze angalandwa eHhovisi Lezindaba Zabasebenzi kuzo zonke izibhedlela zikahulumeni, emitholampilo nakuma-CHC.
Abafakizicelo kumele basayine uma bethola noma bebuyisa amafomu ezicelo esikhungweni esisodwa lapho bathola khona ifomu.
Ngeke zibhekelelwe izicelo eziposiwe. Izicelo kumele zihanjiswe ngesandla.
fAKA ISICELO KUZE
KUBE U-31 KUNCwABA
2014
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
UTHoleNI UmbIKo Izingane eziningi ezweni lethu zichitha isikhathi esiningi zibuka i-TV,
sibe sincane esokudlala phandle. Liyenyuka izinga lokukhuluphala ngokweqile kwezingane. Izingane ezizalwe emva kwezi-2000 zisengcupheni yokufa ngaphambi
kwabazali bazo ngenxa yezifo eziyisimbelambela ezidalwa yinhlalo. Kunconywa ukuthi izingane zizivocavoce ihora lonke ngosuku – kepha
iningi lezingane zizivocavoca ngaphansi kwemizuzu engama-20 ngosuku. Abantu baseNingizimu badla usawoti ophindwe kabili esikalini
esibekelwe usuku okwenza iningi libe nomfutho ophezulu wegazi. (Ziyi-11% izingane kanye nama-23% abantu abadala baseNingizimu Afrika abanenkinga yomfutho wegazi).
KUmele abaZalI NabaNaKeKelI beNZe oKUTHIle NGoKUSHeSHa
QEDA IMPILO YEZIBILIBOCO!ZIBULALA IZINGANE ZETHU
Izingane zaseNingizimu afrika ziya ngokuya zingabi nampilo futhi ziba sengcupheni yokuba nesifo sikashukela kanye nezifo zenhliziyo, ngokombiko wakamuva wongcweti ngesimo sempilo yezwe lethu. Naphezu kwemizamo emingaka kahulumeni yokwehlisa ububha ezinganeni ngenxa yemingenelelo yezempilo kepha abazali nababheki bezingane basehluleka ukuqinisekisa ukuthi izingane ziphila impilo efanele – lokho kuholela esizukulwaneni esizayo esingenampilo.
AMAQINISO NGEZIBILIBOCO
Sesenyuke sisuka ema-65% ngowezi-2008 saya ema-78% (26.5 wezigidi) ngowezi-2012 isibalo sabantu baseNingizimu Afrika abaneminyaka engaphezu kwe-16 abadla izibiliboco okungenani kanye ngenyanga. Iningi lentsha yaseNingizimu Afrika lidla izibiliboco okungenani kathathu ngeviki. UMc Donald unezitolo eziyi-170 kanti eNingizimu Afrika yilapho enempumelelo enkulu emhlabeni jikelele ngokusho kwenkampani qobo lwayo. Lokhu kwabonakala ngesikhathi uMc Donald evula izindawo zokudla ezingama-30 ngezinyanga ezingama-23 eNingizimu Afrika, wake wavula nezindawo zokudla eziyi-10 ngezinsuku ezingama-78! Uhhafu wabantu abadala uvakashela u-KFC nyanga zonke – labo abantu abayizigidi eziyi-17 abaneminyaka engaphezu kweyi-15 UChicken Licken uvakashelwa abantu abayizigidi ezi-3.5 nyanga zonke.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
loKHU KUYIlImaZa KaNJaNI ImpIlo YeNGaNe YaKHo 1. IZIBILIBOcO ZIKHUtHAZA INGANE yAKHO UKUBA IDLE KAKHULUAmafutha, ushukela kanye nosawoti ezibilibocweni kuthumela umyalezo emzimbeni wokuthi kumele udle kakhulu. Kunjengopopcorn onele ungaqala ukuwudla bese ufuna ukudla omningi (nakuba upopcorn ungesona isnekhi esingenampilo futhi awunawo amakhalori amaningi). Uma sibona, sihogela noma sidla izibiliboco, kuphuma amakhemikhali emzimbeni atshela imiqondo yethu ukuthi kumele sidle kakhulu. Uma ingane ike yadla ibhega isuke ingasawutholanga umsoco ngalolo suku.
2. IZIBILIBOcO ZILIMAZA INHLIZIyO – NGOKUSHESHA!Ongoti bebazi ukuthi emva kwesikhathi udla izibiliboco ziminyanisa inhliziyo, kepha ucwaningo olusha luthi umonakalo uqala ngalo lelo langa. Ucwaningo olushicilelwe eCanada luveze ukuthi umonakalo emithanjeni yenhliziyo wenzeka emva kokudla kanye nje izibiliboco!
3. IZIBILIBOcO ZIKHINyABEZA UMSEBENZI WESIKOLEIzibiliboco kanye nokudla okunoshukela omningi kukhinyabeza izinga lokulalelisisa kwengane. “Uma ingane idla uswidi, ushokoledi noma isiphuzo esihlohlozayo ngesikhathi sesikole esikhundleni sezithelo noma isemishi, leyo ngane iyosheshe ilambe ngehora nje bese ingakwazi ukubamba kahle ezifundweni, igcine ingasenzi kahle nasesikoleni,” kuchaza omunye ungoti wezempilo. Nabu ubufakazi: Ucwaningo lwakamuva lwaseYurophu luveze ukuthi izingane ezidle izibiliboco kane kuya kasithupha ngesonto azenzi kahle ezibalweni uma ziqhathaniswa nalezo ezingazange zidle izibiliboco.
4. IZIBILIBOcO ZIHOLELA ESIFWENI SENGcINDEZIUkudla ukudla okunomsoco njengezithelo nemifino, amafutha anempilo anjengenhlanzi namakinati kuholela ekutholeni amandla akahle kanye nesimo esikahle – okwenza umqondo usebenze kangcono. Ngakolunye uhlangothi, izibiliboco azinamsoco okwenyusa ubungozi besifo sengcindezi.
SIFIKe KaNJaNI KUlelI ZINGa?Inkululeko emva kokuphela kobandlululo ilethe amathuba amasha okwenze nempilo yaba ngcono. Kwenze kwaba nengcindezi enkulu yokusebenza ukuze izingane zethu zithole amathuba angcono. Iningi liya emadolobheni liyosebenza bese kuhlakazeka imindeni okwenza abesifazane abaningi basebenze kade ukuze bondle imindeni yabo nakuba bekhona oyise. Izingane zanamuhla zibona ukudla izibiliboco kuyindlela yokukhombisa ukuthi ziphila kangcono, abazali bakubona kungcono ukuthenga izibiliboco kunokuziphekela ukudla ekhaya – ikakhulu uma bebuya emisebenzini.
USENGENZA OKUtHILE
UNgqongqoshe wethu Wezempilo, udkt aaron motsoaledi uselwa nokudliwa kwezibiliboco ngokuthi enze izinqubomgomo zokuvala ukukhangiswa kwezibiliboco. Usephoqe izinkampani ukuba zehlise isikali sikasawoti emikhiqizweni yazo. Naphezu kwakho konke lokhu, uwena okumele uzikhethele, njengomuntu obhekelele inhlalo yomndeni wakho. Ukuphila impilo enhle akusho ukuguqula yonke impilo yakho. Ungaqala ngoku:
Khuluma nezingane zakho ngezindlela zokudla okunempilo – ube yisibonelo!
Yenza ithuba lokudla ndawonye njengomndeni, ekhaya kanye nokudla ukudla okuphekwe ekhaya. Kungasho ukulinda isikhashana kepha kunomvuzo.
Zivocavoceni ndawonye njengomndeni noma umphakathi – ukuhamba nje okujwayelekile ngesonto akubizi mali kepha kuyosiza impilo yawo wonke umuntu.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
IYINI IHEPATITIS?
Yilapho kuba khona ukuvuvukala kwesibindi (yilapho siba bomvu, sivuvuke bese siba buhlungu). Ziningi izimbangela zayo, kepha kwejwayeleke iviral infection. Igciwane leHepatitis B liphindeka ka-50 kuya e-100 ngokuthathelwana kunelengculazi ngoba likwazi ukuphila ezindaweni ezithile izinsuku ezifika kweziyisikhombisa, kanti igciwane lengculazi lona liphila imizuzwana nje ngaphandle komzimba womuntu.
USUKU LOMHLABA LE HEPATITIS: 28 KUNTULIKAZI
abantu abangama-50% sebeke baba sebungozini begciwane le Hepatitis b (HbV) empilweni yabo, kepha bambalwa kithina abanolwazi ngaleli gciwane. lolu suku olokufunda nokufundisa abanye ukuze sikwazi ukuqonda bese sifundisa nemiphakathi yethu – selekelele ekuvimbeni ukubhebhetheka kwaso.
CABANGISISA
ISABALALA KANJANI IHEPAtItIS B?Igciwane ledluliseleka uma igazi noma okuwuketshezi okuphuma kumuntu osenalo igciwane kungena kumuntu ongavikelekile. Okuyiyona ndlela eyejwayelekile, ucansi olungaphephile, ukusuka kumama liye enganeni ngesikhathi izalwa, izidakamizwa, ukuthintana ngqo nesilonda esophayo, ukusebenzisa isixubho esisodwa, izinsingo noma izinaliti ezizodwa kanye nokusondelana nendawo ehaqekile.
KUNGcONO UKUGWEMA
KUNOKWELAPHAAma-95% abantu abagonyelwe i-HBV
abanakuhaqwa kakhulu yisifo; qinisekisa ukuthi ingane yakho ithola yonke imigomo edingekayo.
Hlala njalo uhlanza izandla zakho – ikakhulu uma kade uthinta izinkinobho zekheshi, ompompi bomphakathi kanye nezitebhisi.
Uma wenza ucansi, sebenzisa ijazi lomkhwenyana – igciwane liba khona embewini yowesilisa, oketshezini lwesitho sangasese sowesifazane kanye nasegazini.
Gwema ukudla izidakamizwa bese ungasebenzisi izinaliti nemijovo nabanye abantu
Zivikele uma ubhekene nezilonda noma ukusikeka kwabanye abantu.
Ungasebenzisi nomunye umuntu izinsingo, izixubho noma okunye okucijile.
UNGABONA KANJANI UKUtHI SESIKUNGENE?Izinkomba ze-HBV zingahlala amasonto ambalwa kanti zibandakanya lokhu okulandelayo:
Ubuphuzi besikhumba namehlo (ijondisi)
Umchamo omdaka
Ukukhathala ngokweqile
Isicanucanu, ukuphalaza nezinhlungu esiswini
Wonke umphakathi umelwe ukusigwema lesi sifo,
ngakho-ke zifundise bese ufundisa nabanye…
Kusho ukuthini ukusoka? Ukusoka kungukususwa kwejwabu elemboze ingaphambili lesitho sangasese sowesilisa.
Kungani kumele owesilisa asoke? Kwehlisa ukusabalala kwegciwane lengculazi.
Kwehlisa ubungozi bokuthola izifo zocansi ezinjenge chancroid kanye nogcunsula
Kwehlisa ubungozi bokuba nomdlavuza we-penile
Kuvikela kwezinye izifo ezinjengezifo zomgudu womchamo.
Ngabe kuyokwenza uluthokozele kancane ucansi?Cha, kunemibiko eminingi eveza ukuthi abesilisa abasokile baluthokozela kakhulu ucansi emva kokusokwa ngempumelelo.
Kuthatha isikhathi esingakanani ukusoka?Imizuzu ephakathi kweyi-15 kanye nengama-30. Kuya ngeminyaka, isimo sejwabu, indlela yokudambisa izinhlungu esetshenzisiwe kanye nesipiliyoni somsebenzi wezempilo ohlinzayo.
Ungaya kosokwa yinoma ubani?Cha, uMnyango Wezempilo e-KZN weluleka ngokuthi kumele kusoke labo abaqeqeshiwe. Ukuze uqinisekise ukuthi ngabe lowo muntu ugunyaziwe yini ukusoka, xhumana nabezempilo endaweni noma uxhumane noMyango Wezempilo e-KZN. Kusokwa ezikhungweni zezempilo kulo lonke izwe. Kusoka odokotela noma abahlengikazi abaqeqeshelwe ukusoka.
Kwenziwa kanjani?Kujovwa ngesindikindikisi okwenza kungabi bikho ubuhlungu. Isilonda sibe sesithungwa bese sibhandishwa bese unikezwa amaphilisi ezinhlungu uma usuzwa izinhlungu nxa sekuphele umjovo emzimbeni. Unikwa nemiyalelo yokuthi kumele usigcine kanjani isilonda sihlanzekile ngenkathi siphola kanye nencwadi yobufakazi uma udinga ukuba ungayi emsebenzini noma esikoleni ngesikhathi uselulama.
UKUSOK A
Emva kokuhlinzwaUma usuthungiwe nesitho sangasese sesibhandishiwe, usuke usungaya ekhaya. Ungakhohlwa ukuhlela isikhathi sokubuye uzobona umhlinzeki wezempilo ukuze kuzosuswa ibhandishi (ngokwejwayelekile emva kwesonto). Uma selisusiwe, usungahlanza isitho sakho sangasese ngensipho namanzi usebenzisa indwangu ethambile. Izitishi zizoziwela zona emva kwezinsuku eziyi-10 kuya kweziyi-14.
Ungabonana nini nodokotela noma umsebenzi wezempiloNjengakho konke ukuhlinzwa, kungahle kube khona izinkinga emva kokusoka kepha zivame ukuba ncane njengenkinga edalwa ubuhlungu bomjovo, ukopha okuncane noma ubuhlungu okanye ukuvuvuka. Ngonakekelo lwangempela, lokhu kungelapheka. Uma kukhona ongakuzwa kahle, vakashela udokotela noma umtholampilo.
Abesilisa abahlakaniphile
basebenzisa ijazi lomkhwenyana
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
KULUNGISwA IGUMBI LEZINGANE E-RK KHAN
Lesi siKhungo Sezempilo Somphakathi (CHC) saseZakheni esiFundeni sasoThukela siphoqeleke ukuba sivale ukusebenza ebusuku ngenxa yokuhlaselwa kwabasebenzi basemtholampilo ngokudutshulwa, ukugwazwa,
ukulinyazwa kanye nokulinyazwa kwempahla. Ekhuluma nomphakathi wasendaweni uNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo uthe kube yisinqumo obekumele sithathwe nakuba bekungelula. “Yisinqumo esibuhlungu kepha siphephisa abasebenzi bethu. Asikwazi ukunikela ngempilo yabo ezigebengwini. Abantu bakule ndawo kumele bathathe isinqumo sokuthi ababufuni ubugebengu bese bevikela abasebenzi kanye nesikhungo,” kusho uDhlomo.Lo mtholampilo uthathwa njengesibhedlela esincane, uhlinzeka ngezidingo ezisemqoka kubasebenzi kanti ungomatasatasa kakhulu esifundeni kepha useduze nejoyinti. Ngenxa yalokho abasebenzi, abaphathi ngisho neziguli ziyizisulu zezigebengu. Ukuhlaselwa kwakamuva kwangenyanga eyedlule kuholele ekuthini abasebenzi baze bathole ukwelulekwa emva kokuba
Umnyango Wezempilo e-KZN uzolungisa igumbi lezingane esiBhedlela saseThekwini iRK Khan njengengxenye yohlelo lwengqalasizinda. Izingane ezingeniswa njengamanje ziyokwedluliselwa esiBhedlela
iMcCord ukuze zithole ukwelashwa okufanele. UMnyango weluleka ngokuthi bonke omama asebezoteta noma abeza esibhedlela bayothuthelwa ezibhedlela eziseduzane ukuze bayoteta khona, kuze kuphele ukulungiswa. UMnyango uqedela ukwakhiwa kwala maphrojekthi alandelayo azokwenyusa izinga lokuhlinzekwa kwezidingo zezempilo zomama nezingane esifundazweni:
I-Intensive Care Unit Entsha yasesiBhedlela saseGreys IWadi entsha Yezingane kanye Nendawo Yokuhlala omama
enemibhede engama-20 esiBhedlela iBethesda IBlock Entsha YeLabour and Neonatal esiBhedlela iStanger IWadi Entsha Yezingane esiBhedlela iChurch of Scotland Amathiyetha esiBhedlela i-Addington INdawo Yezingane esiBhedlela iPrince Mshiyeni Ukuthuthukiswa kwezokubeletha esiBhedlela KwaMagwaza St Mary’s INursery neMaternity esiBhedlela i-Emmaus
izigebengu zingene emtholampilo zashaya abaqaphi, zathatha amaselula abo, zabamba abahlengikazi zidubula. Abasebenzi benqaba ukuza emsebenzini ngosuku olulandelayo okwaphoqa ukuba kungabe kusasetshenzwa emva kwehora le-4.UNgqongqoshe uDhlomo ucele umhlangano ophuthumayo nobuholi basendaweni njengendlela eya phambili yokubhekana nobugebengu endaweni obukhinyabeza ukuhlinzekwa kwezidingo.
UBUGEBENGU BUPHOQE UKUVALWA KOKUSEBENZA KOMTHOLAMPILO WASEZAKHENI EBUSUKU
Indawo yokuhlola ukusebenza kwe-NHI yasesiFundeni Amajuba iyisibonelo ezweni lonke ngohlelo lwezempilo oluyimpumelelo lwe-NHI oluzoqala ukusebenza eminyakeni eyi-12 ezayo. Lolu hlelo luzoguqula uhlelo lwethu lwezempilo olugxile
ekwelapheni bese lugxila ekugwemeni izifo. Ngaleyo ndlela izibhedlela ziyobhekana kakhulu nemingenelelo kunokubhekana nezinkinga zezempilo okuyobhekwana nazo emitholampilo yasemiphakathini. Kade evakashele isikhungo saseMajuba uNgqongqoshe uDhlomo uthe iyamjabulisa impumelelo yalesi sigaba sokuhlola ukusebenza kohlelo kanye naseziFundeni UMgungundlovu noMzinyathi. Ngesikhathi efikile uNgqongqoshe uDhlomo ubuyekeze imali yamaphrojekthi engqalasizinda eyizigidi ezingama-210 ebisetshenziswa yisiFunda kusukela ngonyaka wezi-2009. Lokhu kubandakanya Isikhungo Sezempilo Somphakathi saseDannhauser esihlinzeka ngezidingo zokubeletha zikhathi zonke kanye nemitholampilo emisha ezindaweni zasemakhaya zase-Ingogo, eCharlestown; eViedrit kanye naseMdakane. Ukwengeza, uNgqongqoshe uDhlomo wethule lokhu okulandelayo okwengezwayo esikhungweni sokuhlola ukusebenza kohlelo saseMajuba:
Amathimba Ezempilo Ezikoleni ayi-12 azohlola abafundi beBanga loku-1 ezikoleni ezingama-98.
Ukuqokwa kwamaDistrict Specialist Teams okubandakanya uMbelethisi osezingeni eliphezulu nabahlengikazi.
Uhlelo olusha olubandakanya imiyalezo yamahhala yeselula kwabesifazane abakhulelwe kanye nabathola imishanguzo. Lokhu kuzosiza ukubakhumbuza izinsuku zabo zokuza emtholampilo. Ukuvakashela kukaDhlomo esiFundeni kuhlangane noMcimbi Wokwethweswa Kweziqu Kwabelaphi Bendabuko abangama-253 abebeqeqeshwa eDurban University of Technology ngesiKhwama se-USAID. Lolu qeqesho belubandakanya ukuphathwa kweziguli ezine-HIV kanye ne-TB ukuthi zingedluliselwa kanjani emitholampilo nasezibhedlela; inhlanzeko nezindlela zokulawula izifo kanye nokukhuthaza ukusoka. Kwethulwa nomtholampilo ongumahambanendlwana ozohambela imiphakathi yasemakhaya isonto nesonto. Lesi sibhedlela esihambayo esinobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu sinomshini we-Xray oxhumaniseka nezibhedlela ngeTelemedicine kanti unomshini wokuhlola amehlo, ezamazinyo kanye nonakekelo lwezempilo oluyisisekelo. Ukuqinisekisa ukuthi uyasebenziseka, ufakelwe ikheshi lokwenyusa iziguli ezisezihlalweni zabagulayo kanye netende lokulindela kanye nokunikeza umpheme.
IZINDAWO ZOKUHLOLA UKUSEBENZA ZILUNGISELELA IMPUMELELO YE-NHI
“IZIdaKamIZWa ZaYIlImaZa KaNJaNI INGQoNdo YamI” – Udaba lUKaTHaboUkuhlakazeka kwemindeni, ukwentuleka kwemisebenzi kanye nengcindezi yontanga kwenza ukuba intsha izame ezinye izindlela zokubhekana nengcindezi, okuvame ukuthi kube yizidakamizwa kanye nobugebengu okugcina sekulimaza impilo yabo, bagcine sebegula ngengqondo. Yilokho okwenzeka kuThabo owayengumfundi ohlakaniphile kepha owaba mdibi munye nabangalungile. Waqala ngokudla izidakamizwa ezagcina zenza ehle ezifundweni okwagcina ngokuthi asiyeke isikole. “Ngaba yisiwula. Ngangenza kahle esikoleni ngifisa ukuba uthisha. Ngenxa yokudla izidakamizwa ngagcina sengizimbandakanya nezenzo zobugebengu okwagcina ngokuthi ngiphuce abantu amaselula abo nokunye nje ukuze ngithole izidakamizwa. Ngagcina sengibona ukuthi akuyona impilo engifisa ukuyiphila ngabe sengithola usizo kumfundisi wami. Ngabuyela esikoleni, ngaphothula umatikuletsheni kanti manje sengisendleleni yephupho lami lokuba uthisha. Ngacishe ngangaphumelela,” kusho uThabo.
lIpHeZUlU KaKHUlU IZINGa
loKUZama UKUZIbUlala
KaNYe NoKUGUla NGeNGQoNdo
KUbaNTU abaSHa balapHa
eNINGIZImU aFrIKa.
Nsuku zonke bangaphezu kwama-23 lapha
eNingizimu Afrika abantu abazama ukuzibulala
kanti ukufa kwabantu abasha abayi-9.5%
kudalwa ukuzibulala, kunomncane kunabo
bonke oneminyaka eyisi-7. Intsha yethu
ikhula inezinkinga ngakho-ke kumele
singenelele ngokushesha
ukuze siyisize.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
INTSHa
YeTHU IdINGa
USIZo lWeTHU
UNTULIKAZI YINYANGA YOKUQWASHISA NGOKUGULA NGENGQONDO
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
badINGa USIZo lWeTHU abaGUla NGeNGQoNdoAbantu abagula ngengqondo ‘abahlanyi’. Bayafana nathi kepha badinga ukuba sibaqonde bese sibasiza. Iningi lalaba bantu liye lizame ukukufihla lokhu ngoba linamahloni futhi lesaba nokuthi uma lingavuma ukuthi ligula ngengqondo lingahlaselwa. Ngaphandle kosizo senza inkinga ibe nkulu okungagcina sekulimaza nomphakathi wonke. Singenzani ukuze selekelele?
KHUlUmaNI NGaKHo eKHaYa, eSIKoleNI NaSemSebeNZINIKhuluma ngodaba lokugula ngengqondo nosebenza nabo, abangani kanye nasesontweni. Kwesinye isikhathi isifo sengcindezi singaba uphawu lokugula ngengqondo ngakho gqugquzela ukuphumela obala bese uchazela abanye ukuthi akumele umuntu abe namahloni ngokugula ngengqondo. Likhona ithemba kanti futhi uma kusheshe kubonakala kwelashwe, maningi amathuba okwelulama bese umuntu abuye aphile impilo eyejwayelekile. Izifo zengqondo zingalawulwa ngemithi, ngakho sidinga ukugqugquzela bese sisiza labo abadinga usizo ukuba belashwe.
UNGAXHUMANA NOBANI NGOSIZO IDURBAN AND cOAStAL MENtAL
HEALtH KU-031 207 2707INDAWO YEZEMPILO ESEDUZANE
YOMPHAKATHI
Ama-73% okugula ngengqondo agcina engatholakalanga futhi engalashwanga…kukuthina ukuqeda lokhu bese senza umehluko.
IZIMPAwU ZOKUGULA NGENGqONdO Uma kunomuntu omaziyo owenza okungajwayelekile noma umama abonakale engajabulile ngengane yakhe, bheka izimpawu zesifo sengcindezi ezilandelayo noma okunye ukugula ngengqondo. Khuluma nabo, ubalekelele bese ubagqugquzela ukuba bafune usizo:
Ukungenami, ukuba nexhala
Ukuphelelwa yithemba nokucabanga okubi kodwa
Ukucasuka kalula nokungabi mnandi
Ukuzizwa unecala noma ungenasizo lwalutho
Ukungabi namdlandla walutho okubandakanya
nocansi
Ukuhlala njalo ukhathele
Ukungakwazi ukulalelisisa, ukukhumbula
imininingwane nokuthatha izinqumo
Ukuqwasha noma ukulala ngokweqile
Ukudla ngokweqile noma ukungakuthandi ukudla
Ukufuna ukuzibulala/ukuzama ukuzibulala
Izingane eziningi ziphathwa yizindlebe uma nje ziqeda unyaka futhi kwenzeka emva komkhuhlane. Njengoba sekungubusika nje, kubalulekile ukwazi izimpawu zobuhlungu bendlebe ukuze usheshe usukume kusenesikhathi noma ukugweme. Gcina le miyalelo elandelayo bese lolu lwazi wabelana ngalo nabanye omama (nogogo) endaweni ohlala kuyo:
UNGABONA KANJANI UKUTHI INGANE YAKHO
IPHETHWE YINDLEBE
UKUNCELISA IBELE EZINYANGENI ZOKUqALA EZIYISITHUPHA KwEHLISA UBUNGOZI BOKUPHATHwA YIZINdLEBE NGAMA-63%
BUBANGELWA yINI UBUHLUNGU BENDLEBE? Ubuhlungu bendlebe bujwayele ukubangwa yigciwane. Amagciwane ayathanda ukuhlala endaweni emnyama, efudumele, emanzi, ngakho-ke uma kunoketshezi endlebeni olubangwa ukucinana emakhaleni kungaholela endlebeni ebuhlungu. Uma kuqhubeka, nobuhlungu buyaqhubeka, yingakho kubalulekile ukuba usheshe usukume.
KUPHUMA PHAMBILI UKUGWEMA – UNGAKWENZA KANJANI
IBELE LIPHUMA PHAMBILI!
Omama abancelisa ibele (kuphela) behlisa ubungozi ezinganeni zabo bokuphathwa yindlebe ezinyangeni zokuqala ezi-3, kanti ukuncelisa ibele ezinyangeni zokuqala eziyisi-6 kwehlisa ubungozi bomkhuhlane, ubuhlungu bendlebe kanye nobomphimbo ngama-63%, ngakho khetha ukuncelisa ibele!
Fundisa izingane ukwesula hhayi ukufinya uma zinomkhuhlane.
Uma uphoqelekile ukuncelisa ibhodlela, ungancelisi ingane ibelethiwe ngoba ubisi lungenyukela ekhaleni bese kuholela ebuhlungwini bendlebe.
Qinisekisa ukuthi ingane yakho iyagonywa.
Khuthaza umndeni wakho ukuba uhlanze izandla zikhathi zonke – lokhu kwehlisa izifo ngama-75%.
ISEXWAYISO: Izingane ezisebenzisa
amademu zisengcupheni kakhulu yokuphathwa yindlebe, ngakho-ke zama ukuthi ingane yakho ingalejwayeli
idemu.
IZINKOMBA ZOBUHLUNGU BENDLEBE ENGANENI ENcANE:Indlela elula yokubona uma ingane yakho iphethwe yindlebe noma yikuphi okunye ukugula, ukubona ukushintsha kokwenza kwayo. Uma ingane yakho ikhala ngokungaphezu kokwejwayelekile noma iba nemfiva kumele uyise emtholampilo iyohlolwa. Nazi ezinye izimpawu:
Uyobona ingane yakho idonsa izindlebe: Lokhu kungakhombisa
ukuthi izwa ubuhlungu. (izingane ziye zidonse izindlebe ngezizathu ezahlukene kwesinye isikhathi kungabi nasizathu. Uma ingane yakho ibonakala ingenalutho lokho kuyosho ukuthi abukho ubuhlungu bendlebe.)
Ukukhishwa yisisu noma ukuphalaza: Igciwane elibanga ubuhlungu endlebeni lingadala nobuhlungu besisu.
Ukungakuthandi ukudla: Ubuhlungu endlebeni bungenza kube buhlungu enganeni ukuhlafuna nokugwinya. Ingane ingachiliza ibele noma ibhodlela emva kokuncela kancane.
Ukuphuma koketshezi olumhlophe noma oluphuzi endlebeni: Lokhu akwenzeki kuzo zonke izingane kepha kuyinkomba yobuhlungu endlebeni.
Iphunga elingajwayelekile: Ungezwa iphunga elingajwayelekile liphuma endlebeni yengane yakho.
Ubunzima bokulala: Ukulala phansi kungenza ubuhlungu bendlebe bedlulele.
Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba
Singaba yisifundazwe esifudumele kepha lokho akusho ukuthi asiwezwa amakhaza ebusika! Uma oyedwa emndenini ephathwa umkhuhlane, lokho kusho ukuthi nabanye bangawuthola. Nazi izeluleko zokuthi ungahlala kanjani uphilile futhi ufudumele ngaphandle kokuchitha imali eningi ngalobu busika – bese ugqugquzela nabanye emndenini ukuba bathathe nabo izeluleko ukuze kuxoshwe amagciwane:
HLANZA IZANDLA ZAKHO Ukuhlala njalo uhlanza izandla zakho ngensipho nangamanzi, bese ungathinti ubuso bakho, kuyindlela ephuma phambili yokugwema umkhuhlane. Ukuhlanza izandla kungehlisa amathuba okuthola umkhuhlane ngama-80% kanti izingane ezihlanza izandla zazo njalo aziphuthi kakhulu esikoleni kunalezo ezingazihlanzi, ngakho gqugquzela ingane yakho ukuba ihlanze izandla ngensipho nangamanzi – kungaphephisa impilo yazo.
PHUZA KAKHULU AMANZI Ukuphuza amanzi kusiza umzimba wakho ukuba usebenze ngamandla, ngakho phuza amanzi amaningi ngisho nasebusika! Khumbula ukuthi uma umchamo wakho ungenambala kusho ukuthi uthola amanzi enele.
tHIMULELA EPHEPHENI Amagciwane omkhuhlane asabalala emoyeni, qhela eduze komuntu
othimulayo noma okhwehlelayo! Thimulela ephepheni noma
endololwaneni, hhayi esandleni – ngoba lokhu kungasabalalisa amagciwane
ngoba izandla zibuye zithinte ubuso nezinto eziseduzane.
YAZI UKUGwEMA UMKHUHLANE NGALOBU BUSIKAUKUQEDA UMKHUHLANE
yEKA UKUBHEMA Bayashesha ukuphathwa umkhuhlane abantu ababhemayo ngenxa yobuthaka bemizimba yabo ekulweni nezifo, uthi bewazi ukuthi izimpawu zabo zihlala isikhathi eside futhi zijwayele ukuba zibe yizifo ezibucayi ezinjengepneumonia? Qhelelana nomuntu obhemayo ukuze ungabi sengozini – khumbula ukuthi ukuma eduze komuntu obhemayo kufana nokuthi uyabhema kwawena!
UQINISILE UGOGO – ISOBHO LENKUKHU LIPHUMA PHAMBILI! Selisetshenziswe iminyaka ngeminyaka, futhi abadala bayakuqinisekisa lokho. Yiqiniso; ucwaningo luveza ukuthi isobho lenkukhu likwenza ube ngcono ikakhulu uma wengeza ngogalikhi. Isobho lenkukhu
lehlisa izimpawu zomkhuhlane bese lisiza umzimba wakho ekulweni nezifo.
Kumele uliphuze kakhulu ngalezi zinyanga ezibandayo.
PHUZA OKUFUDUMELE Itiye elimnyama noma elinoju lingasiza ekuqedeni ukucinana lisize nasemphinjeni obuhlungu.
UJU LUSIZA KAKHULU Uju lusebenza njengomuthi wokukhwehlela ekwehliseni ukukhwehlela kanye nomphimbo obuhlungu – kepha akumele lunikwe izingane ezingakabi nonyaka.
yENyUSA UKUDLA IZItHELO NEMIFINO Kuyashiwo ukuthi imifino nezithelo kusiza imizimba yethu ukuba ihlale iphilile, ikakhulu leyo eluhlaza, ebomvu nephuzi! Ukudla igaqangana likagalikhi ngosuku kungehlisa ubungozi bokuphathwa yisifo somdlavuza, kulwe nezifo bese kuvuselela amasosha akho omzimba. Yidla iyogathi eningi ngoba iqukethe amabhakithiriya asiza umzimba ekulweni nezifo.
KUNGCONO UKUGWEMA KUNOKWELAPHA!
UKwELASHwA KwASEKHAYA NEZINGANEKwANE ZOGOGO
Yikuphi okuyiqiniso nokungelona?INKOLELOZE:Uma abantu becabanga ukuthi umuntu uthakathiwe ngabe kuyiqiniso ukuthi lowo muntu kumele abulawe ukuze kuhambe imimoya emibi?
IQINISO: AMANGA! Akekho umuntu owelashwa ngokulimaza noma ukubulala omunye.
INKOLELOZE:Akumele kugezwe usana ingakawi inongwana.
IQINISO: YIQINISO! Kumele inongwana ihlale ihlanzekile futhi yomile kuze kube iyawa. Kepha ingane ingasulwa ngendwangu emanzi, ethambile futhi ehlanzekile.
INKOLELOZE:Ngabe yiqiniso ukuthi uma ukhakhayi lwengane lushona phakathi lokho kusho ukuthi ingashona noma nini ngaphandle uma ithola usizo ngokushesha.
IQINISO:Ukhakhayi lushona phakathi ngoba ingane isuke ishoda ngamanzi emzimbeni okungenza ishone uma ingawatholi ngokushesha. Thola usizo lwezempilo.
INKOLELOZE:Zingaki izinsuku okumele zihlalwe umdlezane ungagezi emva kokuteta?
IQINISO:Umdlezane kumele ugeze ngamanzi afudumele ngosuku olulandela otete ngalo. Kumele uyekwe lo mkhuba wokugeza emva kwamasonto umuntu etetile ngoba ungadala izifo.
INKOLELOZE:Ukuncelisa ibele kungcono kunokuncelisa ibhodlela.
IQINISO:YIQINISO! Ubisi lwebele lungcono kakhulu futhi luvikela ingane ezifweni. Isithubi sisiza kakhulu enganeni.
INKOLELOZE:Umuntu onemfiva kumele ambozwe kakhulu ukuze angawutholi umoya ozomgulisa.
IQINISO: AMANGA! Uma umuntu enemfiva kumele angambathiswa ngokweqile ukuze akwazi ukuthola umoya ozokwehlisa imfiva yakhe.
INKOLELOZE:Uma owesifazane okhulelwe ekhanyiswa yinyanga esithwe yilanga angazala ingane ekhubazekile.
IQINISO:AMANGA! Ingane ingazalwa ikhubazekile uma umama wayo engatholi usawoti owanele noma kube ezinye izizathu zempilo yakhe, hhayi ngenxa yenyanga esithwe yilanga.
INKOLELOZE:Ngabe yiqiniso ukuthi abesifazane abakhulelwe kumele babelethele endlini engakhanyi kakhulu?
IQINISO: Kulungile ngoba ukukhanya okuncane kulungele umama kanye nosana, kepha kumele kube nokukhanya okwanele ukuze umbelethisi akwazi ukubona akwenzayo.
1678
23
4
5
Ngakho…. KHUMBULA UKUqINISEKISA LOKHO OKUSHIwO ABANTU IKAKHULU UMA KUTHINTA IMPILO YAKHO!