kzn heath bulletin (isizulu) july 2013 · 2015. 5. 19. · umn-yango usulisebenzise kakhulu leli...

8
UMQULU Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba “Singawuguqula umhlaba siwenze ube ngcono. Konke kusezandleni zenu” – Nelson Mandela UNWELE OLUDE TATA! UNTULIKAZI 2013 KUSUKELA NGONYAKA WEZI- 2010 sebengama-239 000 abe- silisa asebesokiwe e-KZN kanti akekho namunye okubikwe uku- thi ushonile. Le mpumelelo yenziwe uqeqe- sho uMnyango Wezempilo olunikeze abasebenzi bezem- pilo abangaphezu kwama-500 okubandakanya nodokotela okuyibona abasokayo besebenzi- sa ne-Tara Klamp. Ebika ngokuso- ka esifundazweni uDkt Dhlomo uthe wagqugquzelwa yindlela lolu hlelo olwathathelwa phezulu ngayo. “Sinamathimba aham- bayo ayi-11 kanti abuye asizwe nangama-NGO ayisikhombisa asabalalisa uhlelo esifundazweni. Ngaphandle kokusoka kwabe- silisa sigxile ekuhloleleni isifo sikashukela, umfutho wegazi, i-HIV, izifo ezithathelana ngoko- cansi kanye nokunye ukuhlolwa. Abasokwayo bafundiswa nokuzi- phatha kahle,” kusho uDhlomo. Uthe ukuqikelela ukuphepha ngesikhathi kusokwa kuy- anakekelwa kanti nomphakathi uyaziswa ngokuqhubekayo ok- wenza kube yimpumelelo. IPHEPHE KANJANI ITARA KLAMP? Nakuba ucwaningo olwehluke- ne olwenziwe lukhomba ukuthi ukusoka kwehlisa ukusabalala kwe-HIV/AIDS ngama-60% kepha kunezikhalo eziningi ngokuset- shenziswa kwe-Tara Klamp uma kusokwa abesilisa. Yenziwe ngo- plastiki kanti ixhakathisa ijwabu izinsuku eziyisi-7 kuya kweziyi-10 kuze kuba liyawa ijwabu. Umn- yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu- luzi liyabiza uma liqhathaniswa ne-guided forceps. Lezi zikhalo zisukela e-Orange Farm lapho kwakuhlolwa khona ukuphepha kweTara Klamp. Kwatholaka- UMKHANKASO WOKUSOKA UPHUMELELE UKWETHULWA KWEMITHO- LAMPILO EMISHA ENGOMAHAM- BANENDLWANA Iqhubeka eKhasini 6 Iqhubeka ekhasini 2 E mva kweminyaka engama-29 kwavalwa ngenkani isibhedlela sezingane sase-Add- ington, sivulwe kabusha kuleli sonto. Sethulwe ngokusemthethweni ngu-MEC Wezempilo e-KZN uDkt. Sibongiseni Dhlomo njengesiBhedlela sezingane sase-KZN okuzoba ngesokuqala ukuhlinzeka unakekelo oluphelele lwezempilo yengane. Izinyanga zokusihlelela Lokhu kuphothulwa kwengxenye yokuqala oku- dle izigidi eziyi-R18.2, kulandele izinyanga zok- wakhiwa kwaso kanye nokuhlelwa kwakho konke kwenziwa yithimba elikhethekile liholwa yiNhloko yoMnyango Wezempilo e-KZN, uDkt. Sibong- ile Zungu. Ababambiqhaza abasemqoka bafaka phakathi amafemu kanye nama-NGO, Marter- nal, Adolescent and Child (MATCH). Sekuqo- qwe imali eyizigidi eziyi-10. “Umzuzu obaluleke kakhulu kubantu bakulesi sifundazwe ikakhulu- kazi izingane ezazingakutholi ukwelashwa ngenxa yebala lazo. Khona kuyinto ebuhlungu kepha ku- zanywa ukulungisa ukungalingani okwakudla lubi esikhathini esedlule. Asikaqedi ngoba sisadinga enye imali ukuze kuphothulwe lokhu kulungisa. Kuyisiqalo esihle lesi esenzekile ngoba ekugcineni sizoba nesibhedlela sezingame esizobe singakhethi bala lamuntu isifundazwe esiyoziqhenya ngaso,” kusho uZungu. Izidingo ezihlinzekwayo Lesi sakhiwo esivulwayo sibandakanya Isikhungo Sokukhula kanye Nokuhlolwa Kwengane kanye ne- Umlando Kuvulwa Isibhedlela Sezingane E-KZN UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo enezingane kuvulwa isibhedlela sezingane NGAPHAKATHI Umshwalense Wezempilo Kazwelonke Izindaba Zesabelomali Ukugoma Ukweluleka Ngokukhulelwa Ukuhlasela Kwengwe! EZEMPILO ZASEZINDAWENI zase- makhaya zithuthukiswe ngok- wedlulele kuleli sonto ngoba uMnyango Wezempilo e-KZN uhambise imitholampilo engoma- hambanendlwana engama-22. Ngesikhathi edlulisa lezi zi- moto u-MEC Wezempilo e-KZN, uDkt. Sibongiseni Dhlomo uthe le mitholampilo izokwengeza kweminye imitholampilo engoma- hambanendlwana evele ekhona esifundazweni eyi-170 ukuze ku- phuculwe izinga lokuthola ezem- pilo ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya. “Akuyona yonke imi- phakathi engenayo imitholampilo kepha lokho akusho ukuthi akume- le ithole izidingo zezempilo. Le mitholampilo izoqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Af- rika bayanakekeleka kwezempilo. Kuzosetshenziswana noMnyango Wezokuthutha ukwelekelela kwiz- ivimbamgwaqo ukuze ubufakazi busheshe butholakale kungathathi isikhathi eside njengoba kwenzeka. I-KZN isizokwethula ilebhu yokuqa- la yokuhlola ezosiza ekuvezeni ubufakazi obudingwa yinkantolo ngokushesha,” kusho uDhlomo. Le mitholampilo ibandakan- ya nowodwa ozoqwashisa um- phakathi ngokucutshungulwa ngokwezempilo, ukuhlolelwa umfutho wegazi, isifo sikashukela kanye nokuhlolwa kwamehlo. Oku- nye okusemqoka ngalezi zimoto yilokhu: Inamanzi kanye nokokux- huma ugezi, Ivumelana nemvelo kanye namakhasimende, Ikwazi ukubhekana nanoma yiziphi izindawo Yonga uphethroli Iyakwazi ukwengezwa ngezinye izinto zokuthuthukisa impilo.

Upload: others

Post on 25-Oct-2020

3 views

Category:

Documents


0 download

TRANSCRIPT

Page 1: KZN Heath Bulletin (isiZulu) July 2013 · 2015. 5. 19. · Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma

UMqUlUUkulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

“Singawuguqula umhlaba siwenze ube ngcono. Konke kusezandleni zenu” – Nelson Mandela

Unwele OlUde TaTa!

uNtulikazi 2013

KusuKela ngonyaKa wezi-2010 sebengama-239  000 abe-silisa asebesokiwe e-Kzn kanti akekho namunye okubikwe uku-thi ushonile.

Le mpumelelo yenziwe uqeqe-sho uMnyango Wezempilo olunikeze abasebenzi bezem-pilo abangaphezu kwama-500 okubandakanya nodokotela okuyibona abasokayo besebenzi-sa ne-Tara Klamp. Ebika ngokuso-ka esifundazweni uDkt Dhlomo uthe wagqugquzelwa yindlela lolu hlelo olwathathelwa phezulu ngayo. “Sinamathimba aham-bayo ayi-11 kanti abuye asizwe nangama-NGO ayisikhombisa asabalalisa uhlelo esifundazweni. Ngaphandle kokusoka kwabe-silisa sigxile ekuhloleleni isifo sikashukela, umfutho wegazi, i-HIV, izifo ezithathelana ngoko-cansi kanye nokunye ukuhlolwa. Abasokwayo bafundiswa nokuzi-phatha kahle,” kusho uDhlomo. Uthe ukuqikelela ukuphepha ngesikhathi kusokwa kuy-anakekelwa kanti nomphakathi uyaziswa ngokuqhubekayo ok-wenza kube yimpumelelo.

IPHEPHE KANJANI ITARA KLAMP?Nakuba ucwaningo olwehluke-ne olwenziwe lukhomba ukuthi ukusoka kwehlisa ukusabalala kwe-HIV/AIDS ngama-60% kepha kunezikhalo eziningi ngokuset-shenziswa kwe-Tara Klamp uma kusokwa abesilisa. Yenziwe ngo-plastiki kanti ixhakathisa ijwabu izinsuku eziyisi-7 kuya kweziyi-10 kuze kuba liyawa ijwabu. Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma liqhathaniswa ne-guided forceps. Lezi zikhalo zisukela e-Orange Farm lapho kwakuhlolwa khona ukuphepha kweTara Klamp. Kwatholaka-

UMKHANKASO WOKUSOKA

UPHUMELELE

UKWETHULWA KWEMITHO-

LAMPILO EMISHA ENGOMAHAM-BANENDLWANA

Iqhubeka eKhasini 6

Iqhubeka ekhasini 2

Emva kweminyaka engama-29 kwavalwa ngenkani isibhedlela sezingane sase-Add-ington, sivulwe kabusha kuleli sonto.

Sethulwe ngokusemthethweni ngu-MEC Wezempilo e-KZN uDkt. Sibongiseni Dhlomo njengesiBhedlela sezingane sase-KZN okuzoba ngesokuqala ukuhlinzeka unakekelo oluphelele lwezempilo yengane.

Izinyanga zokusihlelelaLokhu kuphothulwa kwengxenye yokuqala oku-dle izigidi eziyi-R18.2, kulandele izinyanga zok-wakhiwa kwaso kanye nokuhlelwa kwakho konke kwenziwa yithimba elikhethekile liholwa yiNhloko yoMnyango Wezempilo e-KZN, uDkt. Sibong-ile Zungu. Ababambiqhaza abasemqoka bafaka phakathi amafemu kanye nama-NGO, Marter-

nal, Adolescent and Child (MATCH). Sekuqo-qwe imali eyizigidi eziyi-10. “Umzuzu obaluleke kakhulu kubantu bakulesi sifundazwe ikakhulu-kazi izingane ezazingakutholi ukwelashwa ngenxa yebala lazo. Khona kuyinto ebuhlungu kepha ku-zanywa ukulungisa ukungalingani okwakudla lubi esikhathini esedlule. Asikaqedi ngoba sisadinga enye imali ukuze kuphothulwe lokhu kulungisa. Kuyisiqalo esihle lesi esenzekile ngoba ekugcineni sizoba nesibhedlela sezingame esizobe singakhethi bala lamuntu isifundazwe esiyoziqhenya ngaso,” kusho uZungu.

Izidingo ezihlinzekwayoLesi sakhiwo esivulwayo sibandakanya Isikhungo Sokukhula kanye Nokuhlolwa Kwengane kanye ne-

Umlando Kuvulwa Isibhedlela Sezingane E-KZN

UNgqongqoshe Wezempilo e-KZN uDkt Sibongiseni Dhlomo enezingane kuvulwa isibhedlela sezingane

NGAPHAKATHI • umshwalense Wezempilo kazwelonke • izindaba zesabelomali • ukugoma • ukweluleka Ngokukhulelwa • ukuhlasela kwengwe!

ezempilo zasezindaweni zase-makhaya zithuthukiswe ngok-wedlulele kuleli sonto ngoba umnyango wezempilo e-Kzn uhambise imitholampilo engoma-hambanendlwana engama-22.

Ngesikhathi edlulisa lezi zi-moto u-MEC Wezempilo e-KZN, uDkt. Sibongiseni Dhlomo uthe le mitholampilo izokwengeza kweminye imitholampilo engoma-hambanendlwana evele ekhona esifundazweni eyi-170 ukuze ku-phuculwe izinga lokuthola ezem-pilo ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya. “Akuyona yonke imi-phakathi engenayo imitholampilo kepha lokho akusho ukuthi akume-le ithole izidingo zezempilo. Le mitholampilo izoqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Af-rika bayanakekeleka kwezempilo. Kuzosetshenziswana noMnyango Wezokuthutha ukwelekelela kwiz-ivimbamgwaqo ukuze ubufakazi busheshe butholakale kungathathi isikhathi eside njengoba kwenzeka. I-KZN isizokwethula ilebhu yokuqa-la yokuhlola ezosiza ekuvezeni ubufakazi obudingwa yinkantolo ngokushesha,” kusho uDhlomo.

Le mitholampilo ibandakan-ya nowodwa ozoqwashisa um-phakathi ngokucutshungulwa ngokwezempilo, ukuhlolelwa umfutho wegazi, isifo sikashukela kanye nokuhlolwa kwamehlo. Oku-nye okusemqoka ngalezi zimoto yilokhu:

• Inamanzi kanye nokokux-huma ugezi,

• Ivumelana nemvelo kanye namakhasimende,

• Ikwazi ukubhekana nanoma yiziphi izindawo

• Yonga uphethroli

• Iyakwazi ukwengezwa ngezinye izinto zokuthuthukisa impilo.

Page 2: KZN Heath Bulletin (isiZulu) July 2013 · 2015. 5. 19. · Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma

siKhungo Sesifunda Sokuqeqesha Sezingane kanye Nasebethe thuthu zombili ezakhiwe ebhilidini elidala lesibhedlela. Abokuqala abazohlomu-la kuzoba yilezo zingane ezinegciwane le-HIV, ezinezidingo ezikhethekile kanye nasebethe thuthu abadinga izidingo eziphathelene nocansi kanye nokuhlela umndeni. Uma sesipho-thuliwe eminyakeni emihlanu, siyobe sesihlinzeka ngalokhu okulandelayo:

• Ezokuphepha emphakathiniAma-NGO azobe esesibhedlela egxile ekunakekelweni kwezingane kubhek-wa amalungelo nenhlalakahle yazo kanye nokunakekelwa kwazo ezim-weni eziphuthumayo nasezifweni ez-

ingelapheki. Kuyobhekwana ngqo nem-

pilo yokudla kwezingane okuyi-yona eseqhulwini kulesi sifundazwe ngokuqeqesha, ucwaningo kube kubhekwa ukuncelisa ibele kanye nokudla okunomsoco.

• Ukuya emphakathiniLolu hlelo olwezinhlelo zokuhlinze-ka ngezempilo emphakathini, oma-hambanendlwana, uqeqesho kanye nokufundisa.

• UsizoLokhu kubandakanya ukulandele-lwa, ukukhuluma kanye nokuzwa, iphysiotheraphy, i-occupational

therapy kanye nokukwazi ukubona osonhlalakahle.

• Isikhungo sokweluleka ngokomqondoUkwelulekwa ngokomqondo okukhethekile kwezingane, ukwe-lashwa ngokudlala, ukusiza abane-autism, ukweluleka ngofuzo kanye nokuthola amaqembu okusizana.

• Isikhungo socwaningoIsikhungo socwaningo ngempilo yengane sizohlinzeka ngoqeqesho locwaningo kanye nezinhlelo zoku-fundisa abahlengikazi asebeneziqu.

• Iziguli ezigcinwe ngaphakathiIzingane ziyothola ukwelashwa uma zihleli isikhashana. Kuyoba khona nemikhakha eyehlukene yokusiza izingane kube nenda-wo yokuhlala yalabo abayobe benakekela izingane.

• Isikhungo Sokuqeqesha kanye NokuthuthukisaKuyohlinzekwa nangokuqeqesha abasebenzi bezempilo okubanda-kanya onompilo kanye nentsha. Isikhungo siyoba nomtapo wolwazi onobuchwepheshe, ukufundiswa kweziguli ngaphakathi, ukufundisa abazali kanye nentsha kanye nel-ebhu yokwakha amakhono ezin-ganeni.

Ingane ka-MECUkulungiswa kwesibhedlela kubo-nakala njengengane kaDhlomo ngoba ukubeke eqhulwini emva kokuthatha izintambo ngonyaka wezi-2009. Wamemezela ukucela usizo kulabo abanganikela ukuba basebenzisane nomnyango eku-lungiseni lesi sibhedlela esizodla izigidi zamarandi angama-250. Lokhu wayekwenzela ukuba kube nesikhungo esisezingeni eliphe-zulu esibhekelela impilo yengane. “Ukukhula kwengane enempilo kusemqoka kulesi sifundazwe kanye nasezweni. Impilo enhle iyi-lungelo lengane lokuphila kanye nokukhula. Igunya likahulumeni wethu libekwe kumthethosiseke-lo. Ukulingana kanye nokuthola amazinga aphezulu ezempilo ngaphandle kokucwaswa ngok-webala, inkolo, ipolitiki, umnotho noma isimo senhlalo, kuyilungelo elisemqoka lawo wonke umuntu,” kusho uDhlomo.

Kucelwa abanye abaxhasiNakuba uMnyango ususebenzise izigidi ezingama-30 ekulungiseni isibhedlela ngonyaka wezimali we-2012/13 kanye nezingama-20 ezibekelwe unyaka wezimali wezi-2013/14, kepha lo msebenzi uncike kakhulu ezimalini ezinikelwayo. UD-hlomo usanxusa izinkampani kanye nabantu abangalekelela ekulung-isweni kwaso sonke lesi sibhedlela ukuze sibe sezingeni lomhlaba.

Isuka eKhasini 1ISIBHEDLELA SEzINGANE

“Isibhedlela sezingane siyoba yinkomba yokuzibophezela kwabaholi base-Afrika ekubekeni phambili amalungelo ezingane. Akukho okungaphansi kwalokho okuyokwenela” – Nelson Mandela

Indawo Yokwamukela abantu yeSigaba Sokuqala.

Umyalezo ovela ku-MEC

Wezempilo e-KZN, uDkt.

Dhlomo

Siyanemukela ekweth-ulweni kwalo mqulu wethu Wezempilo e-KZN esizowushicilela njalo emva kwezinyanga ez-intathu. Lesi isinyathelo soMnyango Wezempilo sokwazisa ngakho konke okwenziwa umnyango ekuhlinzekeni ngezem-pilo kanye nokuqwashisa ngezinto ezibalulekile ezithinta impilo.

Ezokuxhumana yizona ezibaluleke kakhulu ekuqinisekiseni uku-sebenzisana okuhle nabantu esisebenza ngabo, lokho kusho uku-xhumana okukhululekile futhi okungenamfi-hlo. Njengomnyango sisemkhankasweni wokuguqula ezempilo esifundazweni ngoku-hambisana nokuzibo-phezela kukahulumeni oHlelweni Lukazwelonke Lwezempilo. Yingakho kubalulekile uku-bika ngokuqhubekayo zikhathi zonke.

Lide ibanga esisazoli-hamba kepha ngine-qiniso lokuthi uma sisebenza ngokubamb-isana siyokwazi ukwenza umehluko kulezo zifo ezihaqe isifundazwe. Njengoba sizogubha usuku lukaMandela, ake sizibophezele ekwenzeni okungaphezu kwalokho okulindelekile.

Ezempilo ziyilungelo kepha sonke simelwe ukuphila impilo en-hle. Lokhu singakwenza ngokuqwashisa ngezinto ezithinta impilo kanye nangokufundisa ngayo okungasenza senze umehluko – kuqala kuwe.

iNkosi inibusise!

Kungani sidinga Umshwalense Kazwelonke Wezempilo?Ezempilo ziyilungelo. Leli lungelo akumele lihambisane nokuthi ucebe kangakanani, unemali noma uhlala kuphi. Leli lungelo likumthethosisekelo. Basebaningi abantu abafayo ngenxa yezimo zempilo. Izifo ezelaphekayo aze-lashwa kusenesikhathi kanti nezifo ezivimbekayo azivinjwa. Baningi abantu abelashwa ezikhungweni zikahulumeni ngoba banga-ma-84% bese kuthi abayi-16% bat-hole ukwelashwa ezikhungweni ezizimele. Lo mshwalense uzo-qinisekisa ukuthi ezokwelashwa ziyefana kuwo wonke umuntu.

Ngabe ngizoyikhokhela i-NHI?I-NHI izothola izimali ngezindlela ezintathu: izimali zikahulumeni (ngentela), imali efakwa umqashi, kanye nokubanjwa emiholweni yalabo abahola ngaphezu kwezi-R60 000 ngonyaka.

iyinzukayikeyi indaba yalolu hlelo ngoba abanye balubona lungenakusebenza kanti abanye balubona ludida. noma ngabe lubukwa kanjani kepha lolu hlelo luzokwenza ukuba wonke umuntu athole ezempilo ezisezingeni ngokulinganayo. luzosiza ekuvimbeni izifo hhayi ukuzelapha. njengesifundazwe esihaqwe yizifo eziningi, lolu hlelo luzokwenza ushintsho lilethe nethemba ekuncipheni kwezifo. njengoba lolu hlelo seluzoqaliswa eminyakeni eyi-14 ezayo, umnyango uzokwazisa ngokuqhubekayo. siyazi ukuthi zizoba khona izinselelo kepha kuzofundwa ngazo lezo nselelo ukuze kulungiswe lapho kumele kulungiswe khona ukuze uhlelo oluphelele kuzoba yilolo oluhambisana nezidingo zezwe lethu.

KzN

CHIL

DREN’S HOSPITAL •••••••••••••

EZOKUVIKELEKA KOMPHAKATHIAmahhovisi ama-NGO isb. Oson-hlalakahle, I-Hospice, Ukudambisa izinhlungu, Unakekelo lwezingane, Amalungelo ezingane, Inhlalakahle

yezingane nezimo ezibucayi.

UKUYA EMPHAKATHINI• Ukwelekelela izinhlelo

ezikhona• Izinhlelo zabasizi basemphakathini• Izidingo

ezingomahambanendlwana• Ukuqeqesha kanye

nokubheka

UKWELULEKWA KWEZ-ENGQONDO

Ukunakekelwa okukhethekile• Amaqembu alekelelanayo• Ukwelapha ngokudlala

• I-autism• Asebethe thuthu• Ukweluleka ngofuzo

EZOKWELEKELELA• Ezokusiza okwengeziwe • Ukukhuluma Nokuzwa• Ukubhucungwa kwezicubu

• Ukwelulamisa• Osonhlalakahle

UCWANINGO• Impilo yazo zonke

izingane• Isikhungo sobunyoninco

• Uqeqesho kwezocwaningo (Onesi

asebeneziqu)

ABASESIBHEDLELA• Ngaphakathi 2-3 wezinsuku

• Okwengqondo• Ukuhlala konompilo

• Ukuphela kokunakekelwa • Ukudambisa izinhlungu

UKWELEKELELA EKUDLENI• Uqeqesho kwezocwaningo kanye

nokuqalisa• Ukuqaphela ukukhula kanye

nokuthuthuka • Ukuncelisa ibele• Umsoco

• Ukudla okunomsoco• Ukuvikeleka kokudlaIZIGULI EZIBONWA ZIHAMBE

Imitholampilo ekhethekile kanye neyokuvimbela izifo

• Izingane ezisengozini ye-HIV• Izidingo ezikhethekile

• Ukulawulwa kwezifo zobungane• Ukuhlunyeleliswa

• Isikhungo sasebethe thuthu (ezocansi nokukhulelwa)

• Ukuhlanganiswa kwemingenelelo

ISIKHUNGO SOQEQESHO NENTUTHUKO

• Abasebenzi bezempilo• Abanakekelayo emphakathini

• Abaholi bentsha• Umtapo wolwazi wobuchwepheshe• Ukufundisa ngokuba sesibhedlela• Ukuqeqeshwa konompilo• Ukufundisa abazali nasebethe

thuthu • Ilebhu yokwakha amakhono ezingane • Imisebenzi

OKUTHINTA UMUNTUIngwe idlavaza ingalo yomuntu Olundi

Page 3: KZN Heath Bulletin (isiZulu) July 2013 · 2015. 5. 19. · Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma

Kungani sidinga Umshwalense Kazwelonke Wezempilo?Ezempilo ziyilungelo. Leli lungelo akumele lihambisane nokuthi ucebe kangakanani, unemali noma uhlala kuphi. Leli lungelo likumthethosisekelo. Basebaningi abantu abafayo ngenxa yezimo zempilo. Izifo ezelaphekayo aze-lashwa kusenesikhathi kanti nezifo ezivimbekayo azivinjwa. Baningi abantu abelashwa ezikhungweni zikahulumeni ngoba banga-ma-84% bese kuthi abayi-16% bat-hole ukwelashwa ezikhungweni ezizimele. Lo mshwalense uzo-qinisekisa ukuthi ezokwelashwa ziyefana kuwo wonke umuntu.

Ngabe ngizoyikhokhela i-NHI?I-NHI izothola izimali ngezindlela ezintathu: izimali zikahulumeni (ngentela), imali efakwa umqashi, kanye nokubanjwa emiholweni yalabo abahola ngaphezu kwezi-R60 000 ngonyaka.

Ngabe abangasebenzi bayokwazi ukunakekelwa mahhala ngaphansi kuka-NHI?Yebo. Inhloso ka-NHI ukuh-linzeka ngezempilo kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika kanye nalabo ababhalisiwe. Uma ungasebenzi, ungumfundi noma uhola ngaphansi kwezi-R60  000 uyokuthola ukunakekelwa mah-hala. Labo abangabhalisile nabay-izihambi lapha eNingizimu Afrika ngeke bakuthole mahhala lokhu kepha ezimweni eziphuthumayo bayokuthola ukunakekelwa.

Ngabe kuyiqiniso ukuthi u-NHI uzosenyusela intela?Iqiniso elimsulwa elokuthi imali engama-95% ka-NHI isivele ikho-na. Uhulumeni umelwe ukuthola izindlela zokuthola ama-5% email. Lokhu ngeke kwenziwe ngo-kuthatha intela enkulu kubantu.

Ngabe bazohlomula kanjani abesifazane

abakhulelwe kanye nezingane?Kulolu hlelo olusha, abesi-fazane, izingane kanye nabantu abadala yibona abayothola uku-nakekelwa kuqala. Kuyokwehla izikhathi zokulinda, kwandiswe izinsiza bese kuba nabasebenzi abaqeqeshwe ngokuphelele. Uhulumeni uyoqapha ukuse-benza kwezisebenzi ukuze ku-qinisekiswe ukuthi wonke umun-tu usizakala ngendlela efanele. Odokotela basezibhedlela ezi-zimele nabo bayaluthakasela lolu hlelo ngoba luzobavumela ukuba babhaliswe kwa-NHI ukuze bezokhokhelwa ngomsebenzi

wabo. Abasebenzi kumele base-benze ngokuzikhandla ukuze ukusebenza kwabo kuthele izith-elo ezindaweni abakuzo.

Ngabe uhlelo luzobhekana kanjani nesimo sokushoda kodokotela?Izwe lethu ligxile kakhulu ekwela-pheni. Lokho kuchaza ukuthi imali eningi ichithwa kwelashwa izifo ku-nokuba zivinjwe. Ku-NHI kuzogxil-

wa kakhulu ekuvimbeni izifo. Lokhu kuzokwenziwa abasebenzi bezem-pilo, odokotela kanye nabahlengi-kazi. U-MEC Wezempilo e-KZN uDkt Dhlomo useqalile ukubhekisi-sa zonke izikhungo zezempilo uku-qinisekisa ukuthi zonke izikhungo kumele zikulungele ukuqalisa lolu hlelo. Uma konke kuhamba kahle abantu bayokwazi ukunakekela impilo yabo bese beba bancane abagulayo.

iyinzukayikeyi indaba yalolu hlelo ngoba abanye balubona lungenakusebenza kanti abanye balubona ludida. noma ngabe lubukwa kanjani kepha lolu hlelo luzokwenza ukuba wonke umuntu athole ezempilo ezisezingeni ngokulinganayo. luzosiza ekuvimbeni izifo hhayi ukuzelapha. njengesifundazwe esihaqwe yizifo eziningi, lolu hlelo luzokwenza ushintsho lilethe nethemba ekuncipheni kwezifo. njengoba lolu hlelo seluzoqaliswa eminyakeni eyi-14 ezayo, umnyango uzokwazisa ngokuqhubekayo. siyazi ukuthi zizoba khona izinselelo kepha kuzofundwa ngazo lezo nselelo ukuze kulungiswe lapho kumele kulungiswe khona ukuze uhlelo oluphelele kuzoba yilolo oluhambisana nezidingo zezwe lethu.

UMSHWALENSE KAzWELONKE WEzEMPILO BUQAMAMA

“Nikeza ingane uthando, injabulo kanye nokuthula, hhayi i-AIDS.” – Nelson Mandela

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

Ezempilo ziyilungelo. leli lungelo akumele lihambisane nokuthi ucebe kangakanani, un-

emali noma uhlala kuphi.

OKUTHINTA UMUNTUIngwe idlavaza ingalo yomuntu OlundiIZINGWE E-KZN? Kumele uyik-holwe le ndaba! Le ndaba ekaba-ba osesempeshenini onguBhini Khanyile owasinda ngokulam-bisa ukuze axoxe ngokusinda kwakhe.

Umnikazi wezinkomo ezi-dayisayo oneminyaka enga-ma-66 uchitha isikhathi esiningi enakekela imfuyo yakhe endaweni yasOkhukho, Olundi esiFundeni saseZululand. Lokhu kuqedwe yingwe ebicanasa endaweni ey-adlavaza ingalo yakhe yamshiya icabanga ukuthi usefile.

Le ndawo izungezwe yiziqiwu kanti nokwebiwa kwemfuyo kuy-into eyejwayelekile. “Ngaqaphela ukuthi kukhona inkomo yami engangingayiboni ngabe sengi-landela umzila ngihamba nezinja zami eziyisithupha. Lezi zinja ezazi-hamba phambili zabe sezikhonko-tha okuthile esikhotheni. Kwaqha-muka ingwe yavele yangigxumela

yaluma umlenze wami wangak-wesokudla, ngabe sengiyizwa isikl-webha ingalo yami. Angazi ukuthi kwenzekani emva kwalokho ngo-ba ngavele ngaquleka,” kuchaza uKhanyile.

Umnyango ufaka ingalo entshaAbabesemizini eseduzane bamu-zwa uKhanyile ekhala base be-phuthuma ukuyomsiza lapho ayesequleke khona. Wayopha kakhulu nengalo yakhe yangak-wesokunxele yalimala kakhulu wabe esephuthunyiswa esib-hedlela. UMnyango Wezempilo ophikweni lokufakelwa kwezitho uzwa ngalolu daba wangenelela ngokunikela ngengalo kuKhany-ile okuyimanje isilungiselelwa ukufakwa. “Nginenhlanhla ngoba ngiyaphila futhi ngibonga uMn-yango ngokungisiza ukuze impilo yami ibuyele kweyejwayelekile,” kusho uKhanyile. UMoroka Macala

oyiMenenja yezitho zokufakelwa esiFundazweni uthi kuzothatha isikhathi ukwejwayela ingalo yakhe entsha.

Kepha kumuntu osesempesh-enini kubalulekile ukulinda.

Abantu basendaweni basethu-ka izanya ngoba le ngwe ibuye yalimaza abantu ababili yabe isibulala omunye kanti isagcwele amathafa.

IsiBhedlela saseWentworth sesizovula ikolishi elizoqeqesha abantu abazosebenza ngezitho

zokufakelwa esifundazweni. UMnyango Wezempilo

uzohlinzeka ngemifundaze abafundi abangama-30 kulo

nyaka abazoqala ukuqeqeshwa. UMnyango uzoqalisa amalebhu kuso sonke isifundazwe lapho kuzokwakhiwa khona izitho

zokufakelwa nokunye.

Page 4: KZN Heath Bulletin (isiZulu) July 2013 · 2015. 5. 19. · Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma

“Asiphumele obala nge H.I.V./AIDS singafihli ngoba okuyiyona ndlela esingakhuluma ngayo ukuze ibonakale ifana nezinye izifo ezinjenge-TB, umdlavuza, ukuba sisho ukuthi usibanibani ubulelwe yi H.I.V/AIDS, abantu bayoyeka ukuyibona njengento engajwayelekile.” – Nelson Mandela

Imisebenzi kahulumeni iyabonakala

Ezempilo ezifanayo kuwonkewonke zisenhliziyweni yohlelo lwe-NHI

Ezempilo kulesi sifundazwe sezenze olukhulu ushintsho phezu kwezinselelo ezinkulu

ezisekhona. Yiwona myalezo ow-edluliswe u-MEC woMnyango Wezempilo e-KZN, uDkt. Sibong-iseni Dhlomo ngesikhathi ethula isabelomali. Nakhu okunye osek-wenziwe kuze kube manje:

Imiphumela ethembisayo ye-HIV/Aids Umsebenzi we-KZN’s wok-ulwa ne-HIV/AIDS ushayelwa ihlombe emhlabeni wonke jik-elele uma kubonakala sebem-balwa abantu ababulawa yizifo ezihambisana nengculaza. Izinga lehle lisuka ema-39.5% ngonyaka wezi-2009 laze lafika ema-37.4% ngezi-2012/13. Lokhu kwenziwe wukusebenza ngokubambisana kwabo bonke ababambe iqhaza ikakhulukazi uMkhandlu Wesifun-dazwe oqondene neNgculaza.

Ukwedlulela kusuka kumama kuya enganeni (MTCT)Ukwedlula kokugula kusuka ku-mama kuya enganeni kwehle ku-suka ema-19% ngonyaka wezi-2007 kwaya kwama-2.1% ngowezi-2012. U-MEC uDhlomo uthe lokhu kun-genxa yemishanguzo etholakalayo; ukusetshenziswa kwe-ARV proph-ylaxis kulabo abadlwenguliwe; uku-buyekezwa kwemishanguzo enike-zwa izingane kanye nomkhankaso woMnyango wokugqugquzela uku-ncelisa ubisi lwebele.

OkuphOkOphelWeOkuphokophelelwe uMnyango ngonyaka wezi-2013/14 ekwehliseni izinga le-MtCt kungaphansi kwe-1.4%.

Ukuhlola kanye NokwelashwaNgokulandela isimemezelo esakhishwa uMengameli uZuma sokugqugquzela zonke izakhamizi ukuba zihlolwe, uMnyango usuqha-muke nendlela entsha egxile ekuh-loleni yonke into esigulini. Lokhu kubandakanya ukwelulekwa kanye nokuhlolelwa igciwane le-HIV; umfutho wegazi; i-HB kanye ne-TB. Njengamanje sezingama-607 izikhungo ezihlinzeka ngemis-hanguzo bese ziba ngama-672 413 iziguli ezithola imishanguzo uma kuqhathaniswa nonyaka wezi-2008 lapho izikhungo zazingama-89 neziguli zingama-255 389.

Ukusoka kwabantu besilisaSelokhu kwethulwa umkhankaso wokusokwa kwabantu besilisa ngonyaka wezi-2010, sekusokwe

abesilisa abangama-257 539 ezik-hungweni ezingama-67 kulesi sifundazwe. Akukho namunye oshonile kulabo abasokiwe. Zolo lokhu uMnyango wethule isiK-hungo Sokusokwa Kwabesilisa es-iBhedlela iNorthdale eMgungun-dlovu. Lesi sikhungo sizoqeqesha odokotela ngazo zombili izindlela zokusoka okuyi-forceps Guided kanye ne-Tara Klamp.

Ukwenyuka kweminyaka yokuphila Ucwaningo olwenziwe yi-Af-rica Centre kubantu abanga-ma-101  000 baseMkhanyakude luveze ukuthi iminyaka yokuphila kwabantu isinyuke ngeminyaka eyi-11 kusukela kwaqaliswa uku-nikezwa kwemishanguzo yesifo sengculaza emitholampilo kanye nasezibhedlela. Ucwaningo lubuye lwaveza nokuthi ngesikhathi aban-tu bengakanikwa imishanguzo yengculaza bebefa beneminyaka ephakathi kwama-30 kanye nama-40 kepha manje sebeze bafike eminyakeni yempesheni, bedlule. UDhlomo ubalule ukuthi amaphe-senti angama-40 abantu abafayo lapha eNingizimu Afrika bab-

ulawa yizifo ezibangelwa yimpilo esiyiphilayo. Ukubhekana nale nk-inga, uMnyango wethule uchunge-chunge lwemikhankaso yezempilo yokuqwashisa ngendlela yokuph-ila emisebenzini, ezikoleni kanye nasemiphakathini.

Ukwehlisa izinga lokufa komama kanye nezinsana Izinga lokufa komama ababele-thayo selisuke ema-363 ngonyaka wezi-2010/11 laya ema-317 nge-zi-2012/13. Izinga lokufa kwez-insana lona lehle lisuka ema-40 ngowezi-2009 laya ema-30 ngowe-zi-2011 kwathi elezingane ezishona zineminyaka engaphansi kwemi-5 lehla lisuka ema-56 ngowezi-2009 laya ema-42 ngowezi-2011. UDkt Dhlomo uthi lokhu kubangelwe yilokhu okulandelayo okwenziwe kwezempilo:

• Umkhankaso Wokuphuthumisa Ukwehlisa Izinga Lokufa Komama Ababelethayo eNingizimu Afrika

•Ukuqaliswa kwama-ambulensi akhethekile angama-38 omama ababelethayo, okusiza ukubap-huthumisa ezindaweni lapho be-zothola khona usizo

• Odokotela abangochwepheshe kuzo zonke iziFunda esiFunda-zweni.

• I-Baby Friendly Hospital Ini-tiative (BFHI) egqugquzela uku-ncelisa ubisi lwebele njengendlela ephuma phambili

• Umkhankaso iPhila Ma ohlola umdlavuza wesibeletho kubantu besifazane.

OkuphOkOphelWeukwehlisa ukufa komama nezinsana kusuke ku-14/1000 kuye kokukazwelonke okungu-12/1000 ngo-2014.

Ukubhekana ne-TBI-TB iyavikeleka futhi iyelapheka kepha basebaningi abantu ebabu-lalayo e-KZN. Izinyathelo zokub-hekana nayo ukufakwa kwem-ishini iGeneXpert engama-38 esiza ekuhlolelweni i-TB kanye nokwe-lashelwa yona ngosuku olulodwa. Sekuqashwe, kwaqeqeshwa abase-benzi abayi-1  526 ukuze babhek-ane nokulawula i-HIV/AIDS kanye ne-TB. Angama-97 amathimba ahambela kahlanu ngesonto lezo ziguli ezisemakhaya ezingakwazi ukuya ezikhungweni zezempilo. UMPHUMELA: Ukwehla kwabane-TB kusuka ezi-127 939 ngowe-2009 kuya ezi-101 037 ngowezi-2010.

OkuphOkOphelelWeukwehlisa izinga lokutheleleka ngama-40-60% ngowezi-2013/14.

Strengthening health Ukuqinisa ukusebenza kohlelo lwezempiloUMnyango wehlise isibalo sezikha-la zemisebenzi okumele zigcwal-iswe zisuka ema-23.6% ngoMbasa wezi-2009 zaya kwama-4.57% ngowezi-2012 futhi usaqhubeka nokubhekana nalokhu. Ezinye

zezikhala ezigcwalisiwe yilezi:

• Abahlengikazi abaqeqeshiwe abayizi-7 465

• Sekuzoqashwa amathimba ongoti bezifunda

• Ama-interns angama-349 ajwayelekile kanye nangama-330 emedical

• Ama registrars angama-911 asebhalisiwe kusukela ngo-2008 kanti sekukhona nangama-79 asandakuqashwa.

• Izikhala eziyisikhombisa zo-CEO bezibhedlela.

Uhlelo Lodokotela lwaseCuba Ngonyaka owedlule bangama-423 abafundi base-KZN abathunyelwa eCuba ukuyofundela ubudokotela. Labo asebephothulile babamba iqhaza elikhulu ekusizeni ikakhu-lukazi ezindaweni ezisemakhaya lapho kunesidingo esikhulu. ICuba ibakhokhela imali yokufunda kanye neyokuhlala bese kuthi uMnyango Wezempilo ubanikeze imali nyanga zonke uma besafunda.

Abezimo zezempilo Eziphuthumayo (ERMS) UMnyango wedlulise ama-am-bulensi amasha angama-310 ezi-fundeni, lokhu kususe izibalo e-185 zaya ema-212. Kubuye kwengezwa ngama-ambulensi anakho konke ngaphakathi angama-38. I-KZN

Silwenzile Ushintsho!isinamabhasi ayi-153 kanye ne-zomoya okubandakanya indiza enophephela emhlane kanye nezindiza ezincane ezimbili.

Ukuthuthukiswa kwengqalasizindaUkulungisa komnyango izib-hedlela, imitholampilo kanye nezikhungo zezempilo ngonyaka wezi-2012/2013 kubandakanya la maphrojekthi alandelayo:

• IsIbhEDlEla I-EDENDalE Umtholampilo Wezifo Ezithathela-nayo omusha, Uphiko Lwezimo Eziphuthumayo kanye noMnyango we-Out-Patient, ukulungiswa kwe-Wadi Yabanokugula Ngengqondo, imigwaqo nezindawo zokupaka, ukuguqulwa kwesteam sibe ugesi. Izindleko: yizigidi eziyi-136.5

• IsIbhEDlEla I-RIEtvlEIUkwakhiwa kweKhemisi Elisha, amaWorkshops, izindawo zokuh-lala abasebenzi, iLondolo, iHhovisi Lezokuthutha kanye Nezindawo zokuPaka. Kubize izigidi eziyi143

• IsIbhEDlEla IKINg DINU-ZUlU hospItal (esasaziwa ngo-kuthi yiKing George V) Sesengezwe ngesakhiwo esifakwe imibhede engama-400 esinezik-hungo zeMental Health kanye nesifo sofuba. Izindleko: izigidi eziyi-161.2.

• IsIbhEDlEla IloWER UM-foloZI WaR MEMoRIal Senzelwe omama kanye nezin-gane kanti siyalungiswa, kwakhiwa nezakhiwo ezintsha. Izindleko: izi-gidi ezingama-R347.8.

• IsIbhEDlEla INg-WElEZaNEUkulungisa kufaka phakathi uMn-yango weTherapy entsha kwase kuguqulwa ama-Psychiatric Wards aba yi-Outpatient Psychiatric Clinic. Amanye amaphrojekthi okumele aphothulwe ngalo nyaka wezimali abandakanya iwadi en-tsha enemibhede engama-72, am-akhaza, ama-workshops, ukulung-iswa kweKolishi labaHlengikazi, imihubhe yasesibhedlela, ukushint-shwa kwesteam sibe ugesi, ukweny-uswa kwezinga lokuxhunyaniswa kwamapayipi amanzi kanye nak-agesi. Izindleko: izigidi eziyi-162.8.

• Kwakhiwe imitholampilo emi-sha eyisi-8 kanti engama-25 isakhi-wa.

• *Kwakhiwe izikhungo zezem-pilo ezine ezibize izigidi ezinga-ma-524.

• Ukulungiswa kwamakolishi obuhlengikazi ase-Addington kanye nase-Edendale okudle izigizi ezingama-85

• Ukulungiswa kwesibhedlela sez-

Page 5: KZN Heath Bulletin (isiZulu) July 2013 · 2015. 5. 19. · Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma

“Asiphumele obala nge H.I.V./AIDS singafihli ngoba okuyiyona ndlela esingakhuluma ngayo ukuze ibonakale ifana nezinye izifo ezinjenge-TB, umdlavuza, ukuba sisho ukuthi usibanibani ubulelwe yi H.I.V/AIDS, abantu bayoyeka ukuyibona njengento engajwayelekile.” – Nelson Mandela

Silwenzile Ushintsho!

U-MEC uDlomo ethula ama-ambulensi amasha esifundazweni

isinamabhasi ayi-153 kanye ne-zomoya okubandakanya indiza enophephela emhlane kanye nezindiza ezincane ezimbili.

Ukuthuthukiswa kwengqalasizindaUkulungisa komnyango izib-hedlela, imitholampilo kanye nezikhungo zezempilo ngonyaka wezi-2012/2013 kubandakanya la maphrojekthi alandelayo:

• IsIbhEDlEla I-EDENDalE Umtholampilo Wezifo Ezithathela-nayo omusha, Uphiko Lwezimo Eziphuthumayo kanye noMnyango we-Out-Patient, ukulungiswa kwe-Wadi Yabanokugula Ngengqondo, imigwaqo nezindawo zokupaka, ukuguqulwa kwesteam sibe ugesi. Izindleko: yizigidi eziyi-136.5

• IsIbhEDlEla I-RIEtvlEIUkwakhiwa kweKhemisi Elisha, amaWorkshops, izindawo zokuh-lala abasebenzi, iLondolo, iHhovisi Lezokuthutha kanye Nezindawo zokuPaka. Kubize izigidi eziyi143

• IsIbhEDlEla IKINg DINU-ZUlU hospItal (esasaziwa ngo-kuthi yiKing George V) Sesengezwe ngesakhiwo esifakwe imibhede engama-400 esinezik-hungo zeMental Health kanye nesifo sofuba. Izindleko: izigidi eziyi-161.2.

• IsIbhEDlEla IloWER UM-foloZI WaR MEMoRIal Senzelwe omama kanye nezin-gane kanti siyalungiswa, kwakhiwa nezakhiwo ezintsha. Izindleko: izi-gidi ezingama-R347.8.

• IsIbhEDlEla INg-WElEZaNEUkulungisa kufaka phakathi uMn-yango weTherapy entsha kwase kuguqulwa ama-Psychiatric Wards aba yi-Outpatient Psychiatric Clinic. Amanye amaphrojekthi okumele aphothulwe ngalo nyaka wezimali abandakanya iwadi en-tsha enemibhede engama-72, am-akhaza, ama-workshops, ukulung-iswa kweKolishi labaHlengikazi, imihubhe yasesibhedlela, ukushint-shwa kwesteam sibe ugesi, ukweny-uswa kwezinga lokuxhunyaniswa kwamapayipi amanzi kanye nak-agesi. Izindleko: izigidi eziyi-162.8.

• Kwakhiwe imitholampilo emi-sha eyisi-8 kanti engama-25 isakhi-wa.

• *Kwakhiwe izikhungo zezem-pilo ezine ezibize izigidi ezinga-ma-524.

• Ukulungiswa kwamakolishi obuhlengikazi ase-Addington kanye nase-Edendale okudle izigizi ezingama-85

• Ukulungiswa kwesibhedlela sez-

ingane okuzothatha iminyaka emi-hlanu okuzokwenziwa ngezigidi ezingama-250.

Ukulungiselela i-NHISekukuningi okwenziwe ukulung-iselela i-NHI ezindaweni ezintathu okuhlolwa ngazo. YiseMajuba, eMzinyathi kanye naseMgungun-dlovu kanye nasezibhedlela okuyi-INkosi Albert Luthuli Central kanye neKing Edward VIII.

Ukulwa NenkohlakaloUMnyango ubeke ithimba elizolwa nobugebengu kanye nenkohlakalo ngaphakathi emnyangweni. Kuze kube manje angama-241 amacala obugebengu nenkohlakalo os-ekubhekwane nawo. Kulawo ma-cala bangama-59 abasebenzi ase-bexoshiwe kwathi abangama-32 besula emsebenzini. Kutholakale abasebenzi “abayizipoki” abanga-ma-68.

Ukwehlisa izinga lezifo ezingathathelwanaIzifo ezingathathelwana zingenye yezinselelo enkulu elandela i-HIV/AIDS kanye ne-TB, kusho uDhlo-mo. Okubalulekile ukuba kuhlon-zwe labo bantu abasengozini bese belekelelwa ukuba baziphathe kah-le njengesu loMnyango lokwehlisa kanye nokuvimbela ama-NCD. Ukusheshe kutholakale kubalule-kile ngokuthi kufakwe ezinhlelweni zokuhlolelwa i-HIV.

Izidingo zokukhubazeka kanye nokuhlunyeleliswaIzibhedlela kanye nezikhungo zezempilo ezingaphezu kwa-ma-90% zihlinzeka ngezinsiza zabaphila nokukhubazeka kanye nezokuhlumelelisa. U-MEC ubike ukuthi zithi azibe ngama-349  892 iziguli esezithole lezi zidingo kusu-kela ngowezi-2010, kanti uMnyan-go ngokubambisana nosebenzisana nabo usuhlinzeke izinto zokwele-kelela ezibandakanya izihlalo zokuhamba, izinduku zokuhamba; okokusiza abangaboni nabangezwa okuyizi-165 955.

Umdlavuza, Ushukela, Izinso, Ukungaboni kanye Nabadala

UMnyango usaqhubeka no-kuthuthukisa ukuhlinzeka kwa-wo labo abanoshukela, izinso, umdlavuza, ukungaboni kanye nabadala. Zingama-237  556 izin-gane esezihlolwe amehlo kwathi eziyi-190  797 zanikezwa izibuko zamehlo. Bayizi-23  356 asebe-hlizwe ungwengwezi lwamehlo phakathi kweminyaka yezi-2009 kanye neyezi-2011. Abayizi-2  595 bahlinzelwa iglaucoma kwathi abayizi-242  136 kwalungiswa ireflection defect. Nabadala aba-salanga ngaphandle ngoba banga-ma-200 abafakelwe amazinyo

amasha kwase kuvuselelwa uh-lelo lokufundisa ngokunakekela amazinyo ezikoleni.

Intsha, Ubulili kanye Noshintsho Ngonyaka wezi-2011, uMnyango uqalise uPhiko olubizwa nge-Youth, Gender and Transforma-tion ukuqinisekisa ukuthi izidin-

go zabantu abasha ziyatholakala kuzo zonke izikhungo zezempilo ezisesiFundazweni saKwaZulu-Natali. Ngokusebenzisana noMn-yango wezeMfundo, lolu phiko luqalise amaThimba Ezempilo Ezikoleni abhekana nokukhule-lwa kwentsha, ukudla izidakami-zwa, ukufundisa ngezempilo kanye nokuhlola. UMnyango uqalise uhlelo lokuqasha ngokul-inganisa okubhekwayo. Miningi imikhankaso yokwehlisa izinga lokukhulelwa kwamantombazane lapho kugxilwe ekuvikeleni uku-khulelwa esifundazweni.

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

IzINOMBOLO EzIBALULEKILE

EMRS 10177

EzEMPILO E-KzN INOMBOLO yAMAHHALA,AMAHORA ANGAMA-24

NGOSUKU0800 00 51 33

AMAPHOyISA 10111

ABASEBENzI BEzEMPILO EzIfUNDENI

aMajube 034 328 7000

ethekWiNi 031 240 5300

ileMbe 032 437 3500

sisONke 039 834 8310

ugu 039 688 3000

uMuguNguNdlOvu 033 897 1000

uMkhaNyakude 035 572 1327

uMziNyathi 034 2999100

uthukela 036 631 2202

uthuNgulu 035 787 0631

zululaNd 035 874 2302

Page 6: KZN Heath Bulletin (isiZulu) July 2013 · 2015. 5. 19. · Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma

“Akekho umuntu ozalwa ezonda omunye ngenxa yebala lakhe, imvelaphi noma inkolo yakhe. Abantu mabakufunde ukuzonda ngoba uma bengafunda ukuzonda bangafunda nokuthanda ngoba uthando luzifikela lona enhliziyweni yomuntu kunenzondo.” – Nelson Mandela

Isuka eKhasini 1UMKHANKASO WASE-KzN WOKUSOKA

la amaphesenti angama-32 okugula uma kuqhathaniswa nendlela yeforceps engabanga nakugula. Kwatholakala nama-37% okuqhubeka kokugula uma kuqhathaniswa noku-3%. Okwahla-luka ukuthi abantu ababesoka abesilisa baben-gakuqeqeshelwanga ukusebenzisa iTara Klamp. Abasebenzi bezempilo base-KZN bakuqeqeshelwe ukusebenzisa ithuluzi. ITara Klamp ishibhile ngoba iyashesha futhi ayidingi ukuba umuntu abelokhu eya emtholampilo. Lisazoqhubeka isasasa lokuy-isebenzisa njengoba sekuvulwe isikhungo soku-sokwa kwabesilisa eMgungundlovu esizofundisa ngokusoka kubasebenzi bezempilo baseNingiz-imu Afrika nabakwamanye amazwe. Nakhu okuhle ngokusebenzisa iTara Klamp:

• Iyashesha – kuthatha imizuzu emibili.

• Isiguli siya kabili emtholampilo noma esib-hedlela uma kuqhathaniswa nokuya kane uma kusetshenziswa ezinye izindlela zokusoka.

• Sincane isikhathi esilovwayo emsebenzini.

• Kopha kancane kanti akubhandishwa.

• Uhlelo luhlanzekile.

• Akukho ukukhinyabezeka kwezocansi.

KUNGANI KUSOKWA?Njengoba siyisifundazwe esinezifo eziningi, ukuso-ka kubalulekile ekwehliseni ukubhebhetheka kwe-HIV/AIDS. Lo mkhankaso wagqugquzelwa yiSilo ukuze kuvuselelwe isiko lokusoka. Ucwaningo lu-veza ukuthi sekunomehluko obonakalayo. Kuthiwa sebengama-47% abesilisa nabesifazane abaziyo ukuthi ukusoka kwehlisa izinga lokutheleleka nge-HIV kunangonyaka wezi-2009 okwakuyi-8%. Lenyukile izinga labantu besilisa asebefuna ukusoka ngoba belingama-48 ngo-2012 uma kuqhathaniswa no-32.7% ngowezi-2009. Okuzuz-wayo ngokusoka kubandakanya:

• Izitho zowesilisa zangasese ziyahlanzeka

• Kwehlisa izinga lomdlavuza wesitho sangasese sowesilisa

• Kwehlisa izinga lokwedlula kwegciwane ihu-man papilloma elidala umdlavuza wesibeletho ku-maqondana.

Amaqiniso ngokusoka• Abafana abaneminyaka engaphansi kwe-18 badinga imvume yomzali.

• Ukusokwa ngodokotela kuyashesha kanti kuhlanzekile.

• Kubalulekile ukuhlolelwa i-HIV kepha aku-sona isidingongqangi.

• Kusoka odokotela abaqeqeshiwe, abahl-engikazi noma abezempilo kusetshenziswa izindlela ezivunyiwe.

• Uma kuzojovwa akuthathi imizuzu en-gaphezu kwama-30 kanti uma kusetshenziswa iTara Klamp imizuzu iba mibili.

• Kutholakala mahhala okokudambisa izin-hlungu

• Emva kokusokwa kumele ungalwenzi ucansi amasonto ayisithupha, kuze kuphole kahle. Uma kungakapholi kulula ukuthola igciwane le-HIV.

Iqiniso ngocansi kanye nokusoka• Ukusoka akuvimbi owesilisa one-HIV ukuba athelele umlingani wakhe kepha kuyalekelela ekwehliseni ukubhebhetheka kwalo igciwane ngama-60%.

• Ukusoka akwehlisi ubungozi bokuthola i-HIV uma nenza ucansi lwangezansi.

• Ukusoka akuvimbi ukukhulelwa.

• Ukusoka akusebenzi njengekhondomu okumele ifakwe njalo uma kwenziwa ucansi.

Abe Clicks Helping Hand Trust bahlose ukusiza

wonke umuntu ukuba abe nempilo

Ukwenyusa izinga loku-gonywa kwezingane kanye nokuhlela umndeni

kusemqoka ekugwemeni ukuthele-lana ngezifo kanye nokwehlisa izin-ga lokufa kwezinsana okuyingxenye yeziNhloso Zentuthuko Yenkulung-wane Yeminyaka okumele zifezeki-swe ngowezi-2015.

Ukuze kuqinisekiswe ukuthi unakekelo lwezempilo lutholakala kuwo wonke umuntu, i-Clicks Help-ing Hand Trust ihlinzeka izingane ezizalelwe ezibhedlela zikahulumeni futhi lezo ezingekho kuma medical aid ngemigomo yamahhala kanye nohlelo lomndeni komama bazo emitholampilo ekhethiwe yakwa-Clicks ngoLwesine phakathi kuka-13:30 kanye no-17:00. Yethulwe ngowezi-2011, manje isisabalele ko-Clicks abangama-70 ezweni lonke. Zingaphezu kwezi-10  000 izingane esezigonyiwe kanti imithi esikhishiwe eyenani elingaphezu kwezigidi ezi-5.

Njengamanje i-Helping Hand Trust isebenza emitholampilo yakwaClicks eyisihlanu, KwaZulu-Natal, okuyise Pinetown, Ladysmith, Midlands Mall, eMgungundlovu, Amajuba Mall, eNewcastle, kanye neSouthway Mall, eThekwini.

UClicks uyaziqhenya ngokuse-benzisana noMnyango Wezempilo eNtshona Koloni ekusizeni isifun-dazwe ngokugonywa kwezingane kanye nokuhlela umndeni. Lokhu bakwenza emitholampilo yabo engama-32.

“Kubalulekile ukwenyusa izinga

lokugonywa kwezingane kanye nokuhlelwa komndeni ukuze ku-vinjwe izifo bese kwehliswa nezinga lokufa kwezinsana,” kusho uDa-vid Kneale oyi-CEO yakwaClicks. “Inhloso yalokhu kusebenzisana ukunciphisa imigqa emitholampilo ngokuthi kuyiwe emitholampilo yakwaCicks.”

Ngalobu budlelwane, iziguli zaseNtshona Koloni zikhokha im-ali encane engama-R75 yemigomo kanye nama-R50 okuhlela umndeni okokuqala, emva kwalokho kube sekukhokhwa imali engama-R35. NgoLwesine ntambama kusukela ngo-13:00 kuya ku-17:00 zonke lezi zidingo zitholakala mahhala kul-ezo zingane ezizalelwe ezibhedlela zikahulumeni futhi ezingekho ku-medical aid. Kuyanconywa ukuba iziguli zikubhalisele ukuya kule mitholampilo ngoLwesine ukuze zingatholi ukuphoxeka uma sezifika zingalindelwe.

Okuyiyona nhloso yabakwaClicks ukwenza ubudlelwano obufanayo kuzo zonke izifundazwe neMinyan-go yezeMpilo ukuze zonke izakham-izi zaseNingizimu Afrika ezikudin-gayo lokhu zikuthole.

VAKASHELA UMTHOLAMPILO NGAzO zONKE IzIKHATHI OMISELWE zONA UNGAPHUTHI. KUBALULEKELE WENA KANyE NENGANE yAKHO.

fINyELELA KUBAfUNDI ABAyIzI-226,OOO BESE WENzA UMEHLUKO!

ukuthola olunye ulwazi, sishayele kule nombolo ethi 031 562 9803 noma i-imeyili ethi [email protected]

Sibonga kulaba baxhasi abalandelayo abasebenzisane noMnyango ekushicileleni lo mquluzindaba:

lo mquluzindaba ushicilelwa emva kwezinyanga ezintathu kanti uxhasiwe. Ngo-R12 000 inkampani yakho ingaziwa ibe iqwashisa ngezinto zempilo ezibalulekile kula maphephandaba alandelayo:

I-DaIly NewsIsolezwe (ngesizulu)I-suNDay TrIbuNe

isamba sokushicilelwayo: amakhophi angama-226, 000

Page 7: KZN Heath Bulletin (isiZulu) July 2013 · 2015. 5. 19. · Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma

“Akekho umuntu ozalwa ezonda omunye ngenxa yebala lakhe, imvelaphi noma inkolo yakhe. Abantu mabakufunde ukuzonda ngoba uma bengafunda ukuzonda bangafunda nokuthanda ngoba uthando luzifikela lona enhliziyweni yomuntu kunenzondo.” – Nelson Mandela

BABYCORNERIBELE LIHAMBA PHAMBILI!

Amasu Aphuma Phambili Okuncelisa Ibele avela kwa Huggies®

1. Ncelisa ingane ngokushesha okumangalisayo – kuhle kakhulu uma iqeda kuzalwa, uma wena kanye nengane yakho niphilile.

2. buza umsebenzi wezempilo noma umuntu onolwazi ngendlela efanele yokubamba ingane uma uyincelisa – ubuhlungu bukhomba ukuthi kunenkinga. kujwayelekile ukuthi kuqale ngokuqina kepha uma kuze kube buhlungu kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle.

3. ingane yakho mayisondele kuwe. ukuthintana ngesikhumba kuyayithokoziza ingane yakho.

4. yincelise kakhulu ingane ngezinsuku zokuqala – inikeze ubisi lwebele njalo emva kwamahora amabili, nakaningana uma ingane ilufuna.

5. yincelise womabili amabele noma ngabe ithanda elilodwa.

6. ungayincelisi ingane ibhodlela lanoma yini uma usaqala ukuyincelisa ibele ngoba lokho kuzokhinyabeza ikhono layo lokuncela.

7. uma uzwa ubuhlungu emva kwesikhathi kade uncelisa lokho kuyosho ukuthi kunezilonjana engonweni yakho eziyodinga ukuba uthole ukwelashwa kanye nengane yakho.

8. yekela ingane incele ize isuthe, ungayikaleli isikhathi!9. yisuse ngokucophelela ingane ebeleni, faka umunwe

ekhoneni lomlomo wengane yakho bese uyisusa kahle ingane engonweni.

10. putshuza ubisi ebeleni bese uligcoba engonweni. uma kungenzeka yomisa izingono zakho emoyeni. lokhu kuvikela ezifweni.

® Registered trademark/*trademark of Kimberly-Clark Worldwide Inc. © 2011 KCWW

UKUKHULELWA KWAKHO

Konke okumele ukwazi!

Uwuqala nini umtholampilo wa-bakhulelwe?Uma weqiwa yisikhathi izinyanga ezimbili kumele uye emtholampi-lo. Bayoqinisekisa ukuthi ngabe ukhulelwe yini, uma kunjalo bayobe sebekubhukhela. Kuphephile uku-qala kungakabi yizinyanga ezin-tathu.

Kubaluleke ngani uku-thi uqale umtholampi-lo kusenesikhathi?Ukuqinisekisa ukuthi wena kanye nengane yakho niphilile futhi niphephile ngokubheka umlando wempilo yakho. Uma kukhona um-lando wezinkinga ekukhulelweni – kwenziwa imingenelelo ngokukhulu ukushesha ukuze ngesikhathi usub-eletha uphephe kanye nengane yak-ho. Uma unegciwane lesandulela ngculaza likhona ithemba lokuthi ungabeletha ingane engathelelekile, okwenza kubaluleke ukuba ubike kusenesikhathi emtholampilo.

Yini ongayilindela emtholampilo?Bayohlola umfutho wegazi; umcha-mo, isisindo, - konke kuhekwa uku-thi azikho yini izifo ezingakhubaza wena noma ingane yakho. Amagazi athathelwa ukubhekaizifo ezinjen-gogcunsula noma igciwane lesan-dulela ngculaza.

Ukudla okunempilo kwakho nengane yakho

• Noma ngabe yini oyidlayo iba nomthelela enganeni yakho, ngakho-ke kubalulekile ukudla ukudla okunempilo ukuze ube nengane ephilile.

• Imifino nezithelo kubalule-kile ukuze kukuvikele ezifweni. Inyama/ubhontshisi/inhlanzi, nokunye kubalulekile ekwakheni imisipha kanti nengane izokuthola kuwe lokhu.

• Ukuphuza amanzi amaningi.

Imithi ngesikhathi ukhulelwe Qaphela ungasebenzisi imithi on-gayalelwanga odokotela ngayo ngoba ingabeka ingane yakho engozini, okubandakanya izihlam-bezo.

Ukukhulelwa OkunempiloIngane yakho kumele iqale uku-khahlela ezinyangeni eziyisihlanu, kaningana ngosuku. Zama uku-qaphela ukukhahlela kwayo ukuze ukwazi ukuzwa uma kuba noshint-sho. Njengoba ingane ikhula iba nkulu, futhi yehla esiswini ikhanda lengane liphusha amathambo bese uqala uzizwa ungakhulule-kile, lokhu kwejwayelekile.

Izimpawu zokusikwa • Ikhanda elikuphathayo libuye likuyeke

• Izinhlungu okungathi yisilumo.

• Ukuzwa isisindo sokuphusha kwekhanda lengane emanyongeni.

• Izindlela [kungabonakala uke-

tshezi olumhloshana oluphuma enkomeni, kwesinye isikhathi luba negazi).

• Amanzi angaqhuma – lokho kusho ukuthi ingane isikulungele ukuphuma.

• Uma ususikwa ngempela izinhlungu ziza ngamandla futhi zisondelane.

Qaphela! kubalulekile ukuthi uvakashele umtholampilo oseduzane ngaleso sikhathi ukuze baqinisekise ukuthi usuyasikwa ngempela yini noma cha.

Ubungozi ekukhulelweni Thola usizo lwezempilo uma kuvela okunye kwalokhu:

• Ukopha ngesikhathi ukhulelwe

• Akumele ingane yakho iyeke ukukhahlela

• Ukuqhuma kwamanzi ungaka-bi nezinyanga eziyisi-9 ukhulelwe

• Ikhanda elingapheli elihamb-isana nokungaboni kahle

• Isiyezi

VAKASHELA UMTHOLAMPILO NGAzO zONKE IzIKHATHI OMISELWE zONA UNGAPHUTHI. KUBALULEKELE WENA KANyE NENGANE yAKHO.

Ukhulelwe. Noma ngabe wawuhlelile noma wawungahlelanga kepha kumele ubambe iqhaza empilweni yakho kanye neyen-gane yakho. Qiniseka ukuthi uyakwazi okumele ukwenze.

ubisi lwebele lungukudla okunomsoco nokuphelele kwengane, qalisa ingane yakho ngendlela efanele.

Ngabe ingane yakho

iyakuthola ukudla

okunomsoco?Izingane ezithi azibe nga-ma-15% lapha eNingizimu Afrika zizalwa zinesisindo esincane. Ukunganceli kahle ibele kungabuye kuzenze zingondleki kahle bese kuba lula ukuba zigule. Kubalule-kile ukuba ingane yakho ibe ngeyondleke kahle.

Ngabe ingane yami ayondlekile?Izingane ezingondlekile ziba ntekenteke. Izimbambo zazo ziyabonakala bese ziba nezisu ezinkulu. Ingqondo yazo ikhula kancane. Nazi ezinye zezimpawu okumele zibhekwe:

• Ukuba mathanjana• Imisipha entekenteke

• Ukukhathala sonke isikhathi

• Ukugula njalo• ukubhasha

• ukutetema

Ngabe ingane yami iyolaliswa esibhedlela uma inokungondleki?Kuya ngokuthi ingane igula kangakanani okwenza ukuba ingane ingelashwa esibhedle-la noma ekhaya. Okuyilona khambi ukuba kushintshwe ukudla okudliwa yingane noma ukuyincelisa uma inezinyanga ezingaphansi kweziyisithupha. Ungasizwa nangezeluleko mayelana nokudla okufanele ngaphan-dle kokudla imithi.

OKUBALULEKILE:• Hamba njalo nekhadi

lomgomo uma uyisa in-gane emtholampilo noma kudokotela.

• Kumele sihlolwe njalo isisindo sengane emtholampilo uma isen-cane.

• Khuluma nabahlengikazi nodokotela uma kukhona ongakuboni kahle ngokukhula kwengane yakho!

Lolu daba luxhaswe abakwa Diva Natural Products

Page 8: KZN Heath Bulletin (isiZulu) July 2013 · 2015. 5. 19. · Umn-yango usulisebenzise kakhulu leli thuluzi ngaphandle kwezihibe. Ezinye izikhalo ezokuthi leli thu-luzi liyabiza uma

Ukulwa Nezifo, Ukulwa Nendlala, Ukunika Ithemba

UKUSEBENzA NGOKUBAMBISANA KUHOLELA KWEzEMPILO EzINGCONO

AMANDLA OKUSEBENZA NGOKUBAMBISANA abonakala ephucula ukuhlinzekwa kwezidingo. Ifemu yezempilo ebizwa ngokuthi u-SANOFI isebenzisane ne-Tobeka Madiba Zuma Founda-tion ekwakheni umtholampilo osendaweni yak-waManxili e-KZN.

Abakwa-SANOFI bathe ukwakhiwa kwalo mtholampilo kuyingxenye yokuzibophezela ekuh-linzekeni iziguli ezincane ngezempilo.  ‘Inhloso yethu njengamanje ukuhlinzeka yonke ingane ngethuba lokuphila impilo enhle nemnandi. Uku-sondela eduzane nezimo zansuku zonke emi-phakathini kungasenza sikwazi ukunqoba izink-inga zezempilo zeziguli ezisencane’ bekhipha isitatimende. Bathe okuyizona zidingo ngqangi ezizohlinzekwa emtholampilo imigomo, ukuhlole-

la i-TB/HIV kanye nomdlavuza wesibeletho kube kubhekwana nezinye izidingo zalowo mphakathi.

Le phrojekthi ilandele ukuvulwa kwesiKhungo Sokunakekelwa Kwezingane esiseRorkes Drift e-KZN esibizwa ngokuthi Ikhaya Lethu esigcina iz-intandane eziyi-150. Leli khaya linakekela izingane kuzo zonke izifo ezinazo njenge-TB kanye ne-HIV/AIDS. Ezinye zezingane kuleli khaya sezize zaphasa umatikuletsheni zathola nemifundaze yakwa-SA-NOFI yokuba ziyofundela ubuhlengikazi ekolishi elisendaweni.

UMnyango Wezempilo e-KZN usishayele ihlombe lesi senzo wabe usuwamukela noma ngabe yi-kuphi ukusebenzisana nabazimele ekuphuculeni ezempilo esifundazweni.

AMAKHEMISI AzIMELE AKHANKASA NDAWONyE

amakhemisi azimele – onke amalungu e-iCpa eningizimu af-rika okungamakhemisi amaningi asandakwethula umkhankaso wokuyeka ukubhema kuFace-book obizwa ngokuthi sithanda uyeke.

Lo mkhankaso ugqugquzela izihlobo, abathandiweyo, aban-gani, okusetshenzwa nabo ukuba babhale imiyalezo yokweseka labo ababhemayo. Umphumela walo mkhankaso ukuba labo ababhe-mayo bacele izeluleko zokuyeka ukubhema. Emva kwesonto elil-odwa babe baningi abakhombise ukukuthanda lokhu ngoba babe ngaphezu kwezi-12 500.USihlalo ka-ICPA uSham Moodley uthi: “Ngicabanga ukuthi abantu ababhemayo baye bafise ukuyeka kepha bangakutholi ukugqugqu-zeleka okwenele. Esikhathini es-iningi imikhankaso isuke iqonde kulabo ababhemayo. Ku lo mkhankaso sicele labo abang-abhemi kepha okunabantu aba-bathandayo ababhemayo ukuba babazise ukuba bayeke ukubhema uma sebekulungele.

Leli khasi lika Facebook lika-Sithanda Uyeke liqukethe ulwazi olunzulu mayelana nalokho okun-gakulekelela ukuze uyeke ukub-hema. U-ICPA ukholelwa ukuthi kubalulekile ukuba abantu ba-kuqonde ukuthi kubaluleke ngani ukuba bayeke ukubhema:

• Ugwayi ubulala umuntu oyed-wa kwabayishumi emhlabeni

• Amathuba okuthi umuntu os-ebheme isikhathi eside angafa kungakafiki isikhathi angama- 50%

• Ukubhema ugwayi kungok-wesithathu ezintweni ezibeka im-pilo engcupheni lapha eNingizimu Afrika

• Ukubhema kungayaman-iswa nezifo eziningi eziyingozi ezinjengomdlavuza wephaphu, owesibeletho, owobende kanye nowezinso, izifo ezithinta umgudu womoya kanye nenhliziyo.

• Ngakwezomnotho, iphakethe elilodwa likagwayi lingadla imali eyizi-R11 000 ngonyaka!

I-CEO ye-ICPA okunguJackie Maimin – owayebambe elikhulu iqhaza emkhankasweni, ephen-dula imibuzo enika nezeluleko – uthi udinga uhlelo lokuyeka ukub-hema olusebenzela wena. Uthi ziningi izinhlelo zokuyeka ugwayi ezingasiza labo abafuna ukuyeka ukubhema.

“Konke kweyame kulokho okusebenzela umuntu ngamu-nye. Uhlelo lokwelashwa lufaka phakathi amakhambi, izinto ez-ingamela inicotine, ukuzithiba. Noma ngabe ukhetha luphi uhlelo kepha kuyokusiza ukushintsha in-dlela yokuziphatha bese uthola nokwelekelelwa kwezempilo. Kuy-inselelo enkulu ukuyeka ukubhe-ma kepha kuningi okuzuzayo uma uyeka. Kuhle ukuzinikela ukuze usizakale. Khuluma nodokotela noma usokhemisi ngoba bayoku-siza ekukwenziseni uhlelo,” kusho uJackie.

I-ICPA (Independent Commu-nity Pharmacy Association) inam-akhemisi angamalungu ayo an-gaphezu kwe-1  200 eNingizimu Afrika ahlangene ngaphansi kweb-hanela elithi “green door”.

Vakashela u www.icpa.co.za noma www.greendoorpharmacies.co.za ukuze uthole amanye amalun-gu angakusiza ukuba uyeke ukub-hema noma uvakashele ku www.facebook.com/loveyoutostop ukuze uthole ukwelulekwa, ukwelekele-lwa kanye nokugqugquzelwa.

“Imfundo yisona sikhali esinamandla ongasisebenzisa ukuguqula umhlaba.” – Nelson Mandela

UKUGOMA KUPHEPHISA IMPILOPHUTHUMA UGOME INGANE yAKHO NAMUHLA. KUMAHHALA fUTHI KUPHEPHILE!Izingane eziningi zifa zingakaf-iki eminyakeni emihlanu ngoba azitholi ukuvikeleka ezifweni zezingane. Ngaleso sizathu uMnyango Wezempilo uqale umkhankaso wokuqinisekisa ukuthi zonke izingane zithola yonke imigomo. Kuqinisa amasosha omzimba wengane yakho ukuze alwe namagciwane abanga izifo ezinjengovendle, isimungumungwane, ukuvuvu-ka kwesibindi, idiphtheria, i-TB kanye nemeningitis.

UBANI OKUMELE AGONyWE?Izinsana kanye nezingane ezine-minyaka efika kwemihlanu. Kubal-ulekile kuwe njengomzali ukuba uyise ingane yakho emtholampilo ukuba iyogonywa ngezikhathi ezifanele. Uma ingane ingena esikoleni buyadingeka ubufakazi bemigomo noma uma kufakwa isicelo semali yesibonelelo. Leli khadi ulinikwa uma uqeda uku-beletha ingane. Leli khadi lineshadi lemigomo elikhombisayo ukuthi unini umgomo olandelayo, ngakho kubalulekile ukugcina leli khadi

endaweni ephephile ngoba liding-eka njalo uma ingane iyogoma.

Okumele ukwenze• Vakashela umtholampilo oseduzane.

• Uma uya okokuqala, gcwalisa ifomu noma ikhadi. Uma usuphin-da, fika nekhadi lakho.

• Yazisa umhlengikazi imin-yaka yengane kanye nomlando wemigomo.

• Umhlengikazi uzokala isisindo,

ubude kanye nobungako bekhan-da lengane yakho ukubheka ukukhula kwayo.

• Ingane iyogonywa ngokwem-inyaka yayo.

• Uyokwaziswa ukuthi kumele wenzenjani uma umgomo ubanga izinkinga (kwesinye isikhathi kuba nemfiva ngakho kubalulekile uk-wazisa umhlengikazi uma ingane yakho ingezwani namaqanda).

• Uyobe usunikezwa usuku olulandelayo lomgomo.

khuMbula ukuthi kuMahhala kuzO zONke izibhedlela zikahuluMeNi NgakhO vikela iNgaNe yakhO eziFWeNi zeziNgaNe.

Qikelela ukuthi ithOla yONke iMigOMO Ngezikhathi eziFaNele.